Indaba 2. Intaba Enkulu, Umfudlana Omncane, Umoya Onamandla, NeGagasi Elikhulukazi

August 06, 2018

Kwakukhona umfudlana omncane ozombeleza uye le uphinde ubuye, ekugcineni ufinyelele ekuqaleni kwentaba enkulu. Intaba yayivimbe indlela yomfudlana omncane, ngakho-ke umfudlana wakhuluma nentaba ngezwi lawo elintekenteke, elincane, “Ngicela ungidlulise, umi endleleni yami futhi uvimbe indlela yami yokuya phambili.” Intaba yabe isibuza, “Uyaphi?” Umfudlana waphendula ngokuthi, “Ngifuna ikhaya lami.” Intaba yathi, “Kulungile, qhubeka ungeqe!” Kodwa ngenxa yokuthi umfudlana omncane wawuntekenteke futhi umncane kakhulu, wawungeke ukwazi ukweqa phezu kwentaba enkulu kangako. Kwafuneka ukuba uqhubeke ugelezele wedlule ekuqaleni kwentaba …

Umoya onamandla wavunguza udlula, uthwele isihlabathi nezibi uya lapho kumi khona intaba. Umoya wabhonga entabeni, “Ngidlulise!” “Uyaphi?” kwabuza intaba. Umoya wamemeza uphendula, “Ngifuna ukuya ngaleya kwentaba.” Intaba yathi, “Kulungile, uma ungedlula okhalweni lwami, ungahamba-ke!” Umoya onamandla wavunguza waya ngapha nangapha, kodwa noma usuvunguza ngamandla kangakanani, awukwazanga ukufohla phakathi nentaba. Umoya wakhathala, wama waphumula—futhi ngaleya kwentaba kwaqala ukuvunguza ihelehele lomoya, lithokozisa abantu abalapho. Lokhu kwakuyisibingelelo sentaba kubantu ...

Ogwini lolwandle, amagwebu olwandle ayegingqika kamnandi ezishayisa osebenzi olunamadwala. Ngokuphazima kweso, kwaphakama igagasi elikhulukazi labhonga liza ngasentabeni. “Suka!” kumemeza igagasi elikhulukazi. Intaba yabuza, “Uyaphi?” Igagasi elikhulukazi, lingakwazi ukuma, lamemeza, “Nginweba indawo yami! Ngifuna ukwelula izingalo zami!” Intaba yathi, “Kulungile, uma ukwazi ukudlula esiqongweni sami, ngizokudedela.” Igagasi elikhulukazi lahlehla ibangana, lase liphinda ligubha liya ngasentabeni. Kodwa noma lizama kakhulu kangakanani, alikwazanga ukudlula phezu kwentaba. Lahlehla kancane labuyela olwandle …

Izinkulungwane zeminyaka, umfudlana omncane wagobhoza kancane wazungeza lapho kuqala khona intaba. Ngokulandela indlela ekhonjwe yintaba, umfudlana omncane wakwazi ukubuyela ekhaya lawo, wahlangana nomfula, wagelezela olwandle. Ngaphansi kokunakekelwa yintaba, umfudlana omncane awuzange ulahleke. Umfudlana omncane nentabakazi kwaqinisana futhi okunye kwancika kokunye, kwasimamisana, kwavimbana, futhi kwaphila ndawonye.

Indaba 2. Intaba Enkulu, Umfudlana Omncane, Umoya Onamandla, NeGagasi Elikhulukazi

Izinkulungwane zeminyaka, umoya onamandla wavunguza, njengenjwayelo. Wawusade ufika “uvakashela” intaba, ngezishwili sesihlabathi zihlangene neziphepho zawo. Wawuyisongela intaba, kodwa awuzange ukwazi ukufohla okhalweni lwayo. Umoya nentabakazi baqinisana futhi omunye wancika komunye, basimamisana, bavimbana, futhi baphila ndawonye.

Izinkulungwane zeminyaka, igagasi elikhulukazi alizange liphumule, futhi lanyathela laphikelela phambili, lilokhu landisa indawo yalo. Lalibhonga ligubhe liphindelela liqonde entabeni, kodwa intaba ayizange inyakaze nakancane. Intaba yalugada ulwandle, futhi ngale ndlela, izidalwa ezisemanzini zanda zakhula. Igagasi elikhulukazi nentabakazi kwaqinisana futhi okunye kwancika kokunye;, kwasimamisana, kwavimbana futhi kwaphila ndawonye.

Le ndaba yethu isiphelile. Okokuqala, ngitshele, ibikhuluma ngani le ndaba? Okokuqala, kwakukhona intaba enkulu, umfudlana omncane, umoya onamandla, negagasi elikhulukazi. Kwenzekani esiqeshini sokuqala, ngomfudlana omncane nentaba enkulu? Kungani ngikhethe ukukhuluma ngentaba enkulu kanye nomfudlana omncane? (Ekuvikelweni yintaba, umfudlana awuzange ulahleke. Okunye kwethembela kokunye.) Ungasho ukuthi intaba yawuvikela noma yawuvimba umfudlana omncane? (Yawuvikela.) Kodwa ayiwuvimbanga yini? Intaba nomfudlana kwabhekana; intaba yawuvikela umfudlana kodwa yawuvimba futhi. Intaba yawuvikela umfudlana omncane ngenkathi ungena emfuleni, kodwa futhi yawuvimba ukuze ungahambi lapho owawuzogelezela khona udale izikhukhula futhi ulethe inhlekelele kubantu. Ingabe lokhu akukhona lokho isiqephu ebesikhuluma ngakho? Ngokuvikela umfudlana nokuwuvimbela, intaba yaphephisa amakhaya abantu. Umfudlana omncane wabe usungena emfuleni lapho kuqala khona intaba wawusuqhubeka ugelezela olwandle. Ingabe lokhu akuwona umthetho obusa ukuba khona komfudlana? Yini eyenza ukuba umfudlana ukwazi ukungenela umfula nolwandle? Kwakungeyona intaba? Umfudlana wawuthembele ekuvikelweni yintaba nokuvinjwa yiyona. Ngakho, lokhu akulona yini iphuzu elisemqoka? Niyakubona kulokhu ukubaluleka kwezintaba emanzini? Ingabe uNkulunkulu unenhloso ngokudala zonke izintaba, ezincane nezinkulu? (Yebo.) Lesi siqephu esifushane esimayelana nomfudlana omncane nentaba enkulu, senza ukuthi sibone ukubaluleka nobumqoka bokudala kukaNkulunkulu lezo zinto ezimbili; kusikhombisa futhi ukuhlakanipha nenhloso endleleni yokubusa Kwakhe phezu kwazo. Akunjalo?

Isiqephu sesibili sendaba besikhuluma ngani? (Umoya onamandla nentaba enkulu.) Ingabe umoya uyinto enhle? (Yebo.) Hhayi njalo—ngesinye isikhathi umoya uba mkhulu kakhulu bese udala inhlekelele. Ungazizwa unjani uma umiswa emoyeni onamandla? Kuya ngokuthi unamandla kangakanani, angithi? Uma kuwumoya osezingeni lesithathu noma lesine, ungabekezeleka. Okukhulu okungenzeka nje ukuthi umuntu abe nenkinga yokuhlala evule amehlo. Kodwa-ke uma umoya uqina ube yisiphepho, ungakwazi ukumelana nawo? Ngeke ukwazi. Ngakho-ke, akulungile ukuthi abantu bathi umoya uhlala umuhle, noma ukuthi uhlala umubi ngoba kuncike emandleni awo. Manje, inamsebenzi muni intaba lapha? Ingabe umsebenzi wayo akukhona ukusefa umoya? Ngabe intaba iwunciphisa iwenze ube yini umoya onamandla? (Ihelehele.) Manje, endaweni okuhlala kuyo abantu, abantu abaningi bezwa iziphepho noma amahelehele? (Amahelehele.) Ngabe lokhu kwakungeyona enye yezinhloso zokudala kukaNkulunkulu izintaba? Kungaba njani ukuthi abantu baphile endaweni lapho kuphephuka ihlabathi ngesihluku emoyeni, lingavinjwa futhi lingasefwa? Kungenzeka ukuthi kungahlaleki endaweni ehlushwa yisihlabathi namatshe andizayo? Amatshe angashaya abantu, nesihlabathi singabaxhopha. Umoya ungabawisa noma ubaphephule. Izindlu zingadilika, futhi kwenzeke lonke uhlobo lwezinhlekelele. Nokho ngabe kukhona ukubaluleka kokuba khona komoya onamandla? Ngithe wawumubi, ngakho umuntu angase ezwe sengathi awubalulekile, kodwa ingabe kunjalo? Ngabe awunamsebenzi uma usuphenduke ihelehele? Yini abantu abayidinga kakhulu uma kuswakeme noma kushisa? Badinga ihelehele elincane elizobaphephetha kamnandi, ukubenza bavuseleleke ubapholise amakhanda, ukukhaliphisa ukucabanga kwabo, ukulungisa nokwenza ngcono isimo sengqondo. Manje, ngokwesibonelo, nonke nihlezi egumbini elinabantu abaningi nomoya ocimene—yini eniyidinga kakhulu? (Yihelehele elilula.) Ukuya endaweni enomoya ogcwele udoti nongcolile kunganciphisa ukucabanga komuntu, kwehlise ukuhamba kwegazi, futhi kuthuntubeze umqondo. Kodwa-ke, ukunyakaza nokuzungeza okuncane komoya kwenza umoya ube musha, bese abantu bezizwa bengcono kakhulu emoyeni omusha. Yize umfudlana omncane ungadala inhlekelele, nakuba umoya onamandla ungadala inhlekelele, uma nje intaba ikhona izoguqula leyo ngozi iyenze into engasiza abantu. Akunjalo?

Besikhuluma ngani isiqephu sesithathu sendaba? (Intaba enkulu negagasi elikhulukazi.) Intaba enkulu negagasi elikhulukazi. Lesi siqephu sisogwini lolwandle ekuqaleni kwentaba. Sibona intaba, amagwebu olwandle, kanye negagasi elikhulu. Iyini intaba egagasini kule ndaba? (Umvikeli nesithiyo.) Iyikho kokubili, ukuba umvikeli nesithiyo. Njengomvikeli, yenza ulwandle lunganyamalali, ukuze izidalwa ezihlala kulo zizokwanda futhi zichume. Njengesithiyo, intaba ivimba amanzi olwandle angachithekeli ngaphandle bese edala inhlekelele, enze umonakalo futhi abhidlize amakhaya abantu. Ngakho-ke singathi intaba iyikho kokubili, isivikeli nesithiyo.

Lokhu ukubaluleka kokuxhumana phakathi kwentaba enkulu nomfudlana omncane, intaba enkulu nomoya onamandla, kanye nentaba enkulu negagasi elikhulu; lokhu ukubaluleka kokuqinisana nokuvimbana, kanye nokuphila ndawonye. Lezi zinto, uNkulunkulu azidalile, zibuswa ngumthetho ekuphileni kwazo. Ngakho, yiziphi izenzo zikaNkulunkulu ozibonile kule ndaba? Ingabe uNkulunkulu uzizibe zonke izinto emva kokuzidala? Ingabe wakha imithetho futhi wakha izindlela zokusebenza kwazo zonke izinto, wase ekuziba emva kwalokho? Ingabe yikho lokho okwenzeka? (Cha.) Yini-ke eyenzeka? UNkulunkulu usalawula. Ulawula amanzi, umoya, namagagasi. Akakuvumeli ukuthi kuzenzele umathanda nje, futhi akavumi kulimaze noma kubhidlize amakhaya abantu abaphila kuwo. Ngenxa yalokhu, abantu bangaqhubeka baphile futhi bande baphinde bachume emhlabeni. Lokhu kusho ukuthi ngenkathi edala zonke izinto, uNkulunkulu wayeseyihlelile imithetho yokuphila kwazo. Ngenkathi uNkulunkulu edala into ngayinye, waqinisekisa ukuthi izoba wusizo esintwini, futhi waphinde wazilawula ukuze zingabi uhlupho noma zilethe inhlekelele esintwini. Uma bezingaphethwe nguNkulunkulu, ingabe amanzi awagelezi ngokuthanda? Ingabe umoya awuvunguzi ngokuthanda? Ingabe amanzi nomoya kuyayilandela imithetho? Ukuba uNkulunkulu ubengazilawuli bezingeke zilawulwe nayimiphi imithetho, umoya ubungavunguza kanti namanzi abezophakama ageleze yonke indawo adale izikhukhula. Ukuba igagasi beliphakeme kunentaba, ngabe ulwandle luyakwazi ukuba khona? Belungeke lube khona. Ukuba intaba ibingaphakeme njengegagasi, ulwandle belungeke lube khona, nentaba ibizolahlekelwa ukubaluleka nobumqoka bayo.

Uyakubona ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kulezi zindaba ezimbili? UNkulunkulu wadala konke okukhona, futhi uyinkosi yakho okukhona; uphethe konke futhi ukuhlinzeka konke, futhi kuzo zonke izinto, ubona futhi acubungule lonke izwi nesenzo sakho konke okukhona. UNkulunkulu uphinde abone futhi acubungule wonke amagumbi empilo yomuntu. Ngalokho, uNkulunkulu wazi ngokuphelele imininingwane yakho konke okukhona endalweni Yakhe, kusuka emsebenzini wakho, imvelo yakho, nemithetho yakho yokuphila kuze kufike ekubalulekeni kokuphila kwakho nomsebenzi wakho, konke lokhu kuyaziwa kuNkulunkulu. UNkulunkulu wadala zonke izinto—nicabanga ukuthi udinga ukucwaninga imithetho ezibusayo? Ingabe uNkulunkulu udinga ukufunda ulwazi noma isayensi emayelana nomuntu ukuze afunde ngaye futhi amqonde? (Cha.) Ingabe ukhona phakathi kwesintu onemfundo nobuchwepheshe bokuqonda zonke izinto njengoba uNkulunkulu azi? Akekho. Angithi? Ingabe bakhona abafunda ngezinkanyezi noma ngempilo abayiqonda ngempela imithetho izinto eziphila futhi ezikhula ngayo? Ingabe bayakuqonda ukubaluleka kokuba khona kwento ngayinye? (Cha, abakwazi.) Lokhu kungenxa yokuthi zonke izinto zadalwa nguNkulunkulu, futhi noma abantu bangalufunda kakhulu kangakanani nanzulu kangakanani lolu lwazi, noma bangathatha isikhathi esingakanani bezama ukulufunda, ngeke bakwazi ukuqonda imfihlakalo noma inhloso yokudala kukaNkulunkulu zonke izinto. Akunjalo? Manje, njengoba sesixoxile kuze kube manje, ingabe niyezwa yini ninokuyiqonda kancane incazelo yangempela yebinzana elithi “UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto”? (Yebo.) Ngazile ukuthi uma ngixoxa ngalesi sihloko—UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto—abantu abaningi bangashesha bacabange ngebinzana elithi “uNkulunkulu uyiqiniso, futhi uNkulunkulu usebenzisa izwi Lakhe ukusihlinzeka,” futhi bangacabangi lutho olunye olungaphezulu kwalelo zinga lomqondo. Abanye bangezwa sengathi ukusihlinzeka kukaNkulunkulu ngempilo yomuntu, ehlinzeka ngokudla nokokuphuza kwansukuzonke, nazo konke izidingo zemihla ngemihla, akuthathwa njengokuhlinzeka Kwakhe umuntu. Abekho abanye abezwa kanje? Nokho, ayicacile yini inhloso kaNkulunkulu endalweni Yakhe—ukuvumela isintu sibe khona futhi siphile ngokujwayelekile? UNkulunkulu ugcina indawo abantu abahlala kuyo futhi uhlinzeka ngazo zonke izinto ezidingwa yisintu ukuze siphile. Phezu kwalokho, uphatha aphinde abuse phezu kwazo zonke izinto. Konke lokhu kuvumela isintu ukuthi siphile, sichume futhi sande ngokujwayelekile; yile ndlela uNkulunkulu ahlinzeka ngayo yonke indalo kanye nesintu. Akulona yini iqiniso ukuthi abantu badinga ukuzibona nokuziqonda lezi zinto? Mhlawumbe abanye bangathi, “Lesi sihloko siqhele kakhulu olwazini lwethu ngoNkulunkulu wangempela uqobo Lwakhe, futhi asifuni ukukwazi lokhu ngoba asiphili ngesinkwa sodwa, kodwa kunalokho siphila ngezwi likaNkulunkulu.” Ingabe ukuqonda kanje kulungile? (Cha.) Kungani kungalungile? Ningamqonda ngokuphelele uNkulunkulu uma nazi izinto uNkulunkulu azishilo? Uma namukela kuphela umsebenzi kaNkulunkulu futhi namukela ukwahlulela nokusola Kwakhe, ningaba nokumqonda ngokuphelele uNkulunkulu? Uma wazi ingxenye encane kuphela yesimo sikaNkulunkulu, ingxenye encane yegunya likaNkulunkulu, ungathi lokhu kwanele ukuthi kukwenze uqonde uNkulunkulu? (Cha.) Izenzo zikaNkulunkulu zaqala ngokudala Kwakhe zonke izinto, futhi ziyaqhubeka namuhla—izenzo zikaNkulunkulu ziyabonakala ngazo zonke izikhathi, ngayo yonke imizuzu. Uma umuntu ekholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona ngenxa nje yokuthi ukhethe iqembu labantu ukuze enze umsebenzi Wakhe kulo futhi alisindise, nokuthi akukho okunye okuhlangene noNkulunkulu, igunya Lakhe, isimo Sakhe, kanye nezenzo Zakhe ngeke yini umuntu athathwe njengowazi uNkulunkulu ngeqiniso? Abantu abanalokhu okubizwa “ngolwazi lukaNkulunkulu” banokuqonda okusohlangothini olulodwa kuphela, okubenza babuke izenzo Zakhe eqenjini labantu elilodwa kuphela. Ingabe lolu ulwazi lwangempela ngoNkulunkulu? Ingabe abantu abanalolu hlobo lolwazi abaphiki yini ukudala kukaNkulunkulu zonke izinto nokubusa Kwakhe phezu kwazo? Abanye abantu abafuni ukubhekana naleli phuzu, esikhundleni salokho bazicabangela bodwa bethi: “Angikabuboni ubukhosi kukaNkulunkulu phezu kwazo zonke izinto. Lo mqondo uqhele kakhulu, futhi anginandaba nokuwuqonda. UNkulunkulu wenza akufunayo kanti akuhlangene nami. Ngamukela kuphela ukuholwa nguNkulunkulu nezwi Lakhe ukuze ngisindiswe futhi ngipheleliswe uNkulunkulu. Anginandana nokunye. Imithetho uNkulunkulu ayibeka ngenkathi edala zonke izinto noma nakuphi uNkulunkulu akwenzayo ukuze ahlinzeke zonke izinto nesintu akuhlangene nami.” Ukukhuluma okunjani lokhu? Ingabe akusona isenzo sokuhlubuka? Ingabe bakhona phakathi kwenu abanolwazi olunje? Ngiyazi, ngisho ningashongo, ukuthi baningi kakhulu kinina abacabanga ngale ndlela. Abantu abalandela umthetho ngokungaphazami kanje babuka yonke into ngombono wabo “wokomoya”. Bafuna ukubeka umkhawulo kaNkulunkulu eBhayibhelini kuphela, babeke umkhawulo kaNkulunkulu ngamazwi awakhulumile, emqondweni wamagama ezwi elibhaliwe. Abafisi ukwazi okuningi ngoNkulunkulu futhi abafuni uNkulunkulu anake okunye ngokuthi enze ezinye izinto. Lolu hlobo lokucabanga lunobungane futhi lunenkolo ngokwedlulele. Abantu ababona kanje bangamazi yini uNkulunkulu? Kungaba nzima kakhulu ukuthi bazi uNkulunkulu. Namuhla ngixoxe izindaba ezimbili, leyo naleyo ikhuluma ngephuzu elihlukile. Lapho senizizwile lezi zindaba, ningase nizizwe zijulile noma zithanda ukungabambeki futhi kunzima ukuziqonda nokuzizwisisa. Kungase kube nzima ukuzixhumanisa nezenzo zikaNkulunkulu noNkulunkulu uqobo Lwakhe. Kodwa-ke, zonke izenzo zikaNkulunkulu nakho konke akwenzile endalweni naphakathi kwesintu kumele kwaziwe, ngokucacile nangokunembayo, yiwo wonke umuntu, nawo wonke umuntu ofuna ukwazi uNkulunkulu. Lolu lwazi luzokunika isiqiniseko sokukholwa ekubeni khona ngempela kukaNkulunkulu. Kuzophinda kukunike ulwazi oluqondile ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu, amandla Akhe, nendlela ahlinzeka ngayo zonke izinto. Kuzokunika ithuba lokuthi ukuqonde ngokucacile ukuba khona ngempela kukaNkulunkulu nokuthi ubone ukuthi akuyona indaba eqanjwe, akuyona inganekwane, akuyona into engacacile, akuwona umbono wokucwaninga, futhi nakanjani akulona uhlobo lokududuza umoya, kodwa ubukhona bangempela. Ngaphezu kwalokho, kuzovumela abantu ukuba bazi ukuthi uNkulunkulu uhlala ehlinzeka yonke indalo nesintu; uNkulunkulu ukwenza lokhu ngendlela Yakhe nangokwesigqi Sakhe. Ngakho-ke, kungenxa yokuthi uNkulunkulu wadala zonke izinto wase ezinika imithetho Yakhe okwenza zikwazi, ngokuzinqumela Kwakhe, ukwenza imisebenzi ezibekelwe yona, zigcwalise okuyizibophezelo zazo, ziphinde zibambe iqhaza lazo; ngaphansi kokunqunyelwa Nguye, into ngayinye inomsebenzi wayo ekusizeni isintu, nomkhathi nendawo umuntu ahlala kuyo. Ukube uNkulunkulu akazange enze kanje, futhi isintu sasingenayo indawo enjalo yokuhlala, khona-ke ukukholwa kuNkulunkulu noma ukumlandela bekungeke kwenzeke esintwini; bekungaba ukukhuluma nje okungasho lutho. Akunjalo?

Ake siyibheke futhi indaba yentaba enkulu nomfudlana omncane. Uyini umsebenzi wentaba? Izinto eziphilayo zikhula entabeni, ukuba khona kwayo kunokubaluleka kwemvelo, futhi intaba ivimba umfudlana omncane, ivimbe ukuthi ugeleze ngokuthanda kwawo bese uletha inhlekelele kubantu. Akunjalo? Intaba ikhona ngendlela yayo, inika ithuba izinto eziphilayo ukuba zikhule—izihlahla notshani nazo zonke ezinye izitshalo nezilwane ezisentabeni. Ibuye ikhombe indlela yokuthi umfudlana ugelezele ngakuphi—intaba iqoqa amanzi omfudlana bese iwaqondisa ngokwendalo agwegwese egwema isizinda sayo ukuze agelezele emfuleni aze angene olwandle ekugcineni. Le mithetho ayizange izivelele, kodwa yabekwa ngokukhethekile nguNkulunkulu ngesikhathi edala. Mayelana nentaba enkulu kanye nomoya onamandla, intaba nayo idinga umoya. Intaba idinga ukuthi umoya uphephethe izinto eziphilayo eziphila kuyo, kanti ngaleso sikhathi intaba ivimbela amandla omoya onamandla ukuze ungavunguzi ngokuthanda kwawo. Lo mthetho, ndlela thize, ulawula umsebenzi wentaba enkulu; ngakho-ke ingabe lo mthetho omayelana nomsebenzi wentaba uzenzekela ngokwawo? (Cha.) Wenziwa nguNkulunkulu. Intaba enkulu inomsebenzi wayo futhi nomoya onamandla nawo unomsebenzi wawo. Manje, ake siphendukele entabeni enkulu negagasi elikhulu. Ngale kokuba khona kwentaba, amanzi abengayithola yini indlela yokuzigelezela ngokwawo? (Cha.) Amanzi abengadala izikhukhula. Intaba inokubaluleka kwayo ngokuba khona kwayo njengentaba, nolwandle lunokubaluleka kwalo ngokuba khona kwalo njengolwandle; nokho, ezimweni lapho zikwazi khona ukuhlala ndawonye ngokujwayelekile futhi zingabangisani, ziyavimbana futhi—intaba enkulu ivimba ulwandlle ukuze lungabi nezikhukhula, ngalokho ivikela amakhaya abantu, futhi ukuvimbela ulwandle kwenza ukuthi lukhulise izinto eziphilayo ezihlala kulo. Ingabe lesi simo sendawo sibe khona ngokwaso? (Cha.) Naso sadalwa uNkulunkulu. Siyabona kulesi sithombe ukuthi lapho uNkulunkulu edala zonke izinto, wahlela ngaphambili ukuthi intaba izoma kuphi, lapho umfudlana ozoya ngakhona, ukuthi umoya onamandla uzovunguza usuka ngakuluphi uhlangothi nokuthi uzoya ngakuphi, nokuthi kufanele liphakame kangakanani igagasi elikhulu. Zonke lezi zinto ziqukethe izinhloso zikaNkulunkulu—ziyizenzo zikaNkulunkulu. Manje, uyabona yini ukuthi izenzo zikaNkulunkulu zikhona kuzo zonke izinto? (Yebo.)

Yini inhloso yokuxoxa kwethu ngalezi zinto? Kwenzelwe ukuthi abantu bacwaninge imithetho yokudala kukaNkulunkulu zonke izinto? Kwenzelwe ukukhuthaza uthando lwesayensi yezinkanyezi neyokwakheka komhlaba? (Cha.) Manje kwenzelweni? Kwenzelwe ukuthi abantu baqonde izenzo zikaNkulunkulu. Ezenzweni zikaNkulunkulu, abantu bangaqinisekisa bafakaze ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wempilo wazo zonke izinto. Uma ukwazi ukukuqonda lokhu, khona-ke uzokwazi ngempela ukuqinisekisa indawo kaNkulunkulu enhliziyweni yakho, futhi uzokwazi ukuqinisekisa ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu uqobo Lwakhe, oyingqayizivele, uMdali wezulu nomhlaba nazo zonke izinto. Ngakho-ke, ingabe kuwusizo ekuqondeni kwakho ngoNkulunkulu nokwazi imithetho yazo zonke izinto nokwazi izenzo zikaNkulunkulu? (Yebo.) Kuwusizo kangakanani? Okokuqala, uma uziqonda izenzo zikaNkulunkulu, ungaqhubeka ube nentshisekelo ngesayensi yezinkanyezi neyokwakheka komhlaba? Ingabe ungalokhu unenhliziyo yomuntu ongakholwa futhi ungabaze ukuthi uNkulunkulu nguMdali wezinto zonke? Ungaqhubeka ube nenhliziyo yomcwaningi futhi ungabaze ukuthi uNkulunkulu unguMdali wezinto zonke? (Cha.) Uma usuqinisekisile ukuthi uNkulunkulu unguMdali wezinto zonke futhi usuyiqondile eminye imithetho yokudala kukaNkulunkulu, uyokholwa ngempela enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu uhlinzeka zonke izinto? (Yebo.) Ingabe “ukuhlinzeka” lapha kunokubaluleka okuthile, noma kubhekise esimweni esithile? Ukuthi “uNkulunkulu uhlinzeka zonke izinto” kunokubaluleka nomklamo obanzi. UNkulunkulu akavele ahlinzeke abantu ngokudla nokokuphuza kwansukuzonke; uhlinzeka isintu ngakho konke esikudingayo, kufaka phakathi konke lokho abantu abakubonayo kanye nezinto ezingabonwa. UNkulunkulu uphatha, alawule, abuye abuse le ndawo yokuhlala edingwa yisintu. Lokhu kusho ukuthi, noma iyiphi indawo isintu esiyidingela noma siphi isikhathi sonyaka, uNkulunkulu useyilungisile. UNkulunkulu uphinde alawule uhlobo lomoya nezinga lokushisa elifanele ukuze kulungele ukuphila komuntu. Imithetho ebusa lezi zinto ayizenzekeli futhi ayenzeki noma kanjani; iyimiphumela yobukhosi bukaNkulunkulu nezenzo Zakhe. UNkulunkulu uqobo Lwakhe ungumthombo wayo yonke le mithetho futhi ungumthombo wokuphila wazo zonke izinto. Leli yiqiniso elihlala limile futhi lingephikiswe, kungakhathaleki ukuthi uyalikholwa noma cha, ukuthi uyalibona noma cha, noma uyaliqonda noma cha.

Ngiyazi ukuthi abantu abaningi bakholwa kuphela emazwini nasemsebenzini kaNkulunkulu okuseBhayibhelini. Kubantu abambalwa, uNkulunkulu wambule izenzo Zakhe futhi wavumela abantu ukuba babone ukubaluleka kokuba khona Kwakhe. Futhi wenze ukuthi baqonde isimo Sakhe futhi baqinisekisa ukuba khona Kwakhe. Kodwa-ke, kubantu abaningi, iqiniso lokuthi uNkulunkulu wadala zonke izinto nokuthi uphatha futhi ahlinzeke zonke izinto libonakala lingacacile noma lingaqondile; abantu abanjalo bangaze babe nesimo somqondo esinokungabaza. Lesi simo somqondo sibenza bahlale bekholwa ukuthi imithetho yomhlaba wemvelo yazenzekela, ukuthi ukuphenduka kwemvelo, izinguquko, izimangaliso zomhlaba nemithetho ephethe imvelo yazivelela kuyo imvelo. Abantu abakwazi ukucabanga ezinhliziyweni zabo indlela uNkulunkulu adala ngayo zonke izinto nendlela abusa ngayo phezu kwazo; abakwazi ukuqonda indlela uNkulunkulu uphatha ahlinzeke ngayo zonke izinto. Ngenxa yemikhawulo yalesi simo somqondo, abantu abakholwa ukuthi uNkulunkulu wadala, uyabusa futhi uhlinzeka zonke izinto; nalabo abakholwayo, ukukholwa kwabo kukhawulelwa eNkathini yoMthetho, eNkathini yoMusa naseNkathini yoMbuso: Bakholwa ukuthi izenzo zikaNkunkulu nokuhlinzeka Kwakhe isintu kubekelwe labo bantu Bakhe abakhethiweyo kuphela. Lokhu yinto engikuzonda kakhulu ukuyibona, futhi yinto eletha ubuhlungu obukhulu, ngenxa yokuthi noma isintu sithokozela konke uNkulunkulu akulethayo, bayakuphika konke lokho akwenzayo nakho konke abanika khona. Abantu bakholwa kuphela ukuthi izulu nomhlaba nazo zonke izinto zibuswa yimithetho yazo yemvelo yokuphila, nokuthi azinaye umbusi wokuzilawula noma inkosi wokubahlinzeka nokubagcina. Yize noma ukholwa kuNkulunkulu, ungase ungakholwa ukuthi zonke lezi yizenzo Zakhe; ngempela lena ngenye yezinto ezivame ukunganakwa yibo bonke abakholwa kuNkulunkulu, bonke abemukela izwi likaNkulunkulu, nabo bonke abalandela uNkulunkulu. Ngakho-ke, uma nje ngiqala ngikhuluma ngento engahlobene neBhayibheli noma amagama okuthiwa awomoya, abanye abantu baphelelwa umdlandla, noma bakhathale, noma bangakhululeki imbala. Bezwa sengathi amazwi Ami ezwakala eqhelile kubantu abanomoya nasezintweni zikamoya. Yinto embi leyo. Uma kuza ekwazini izenzo zikaNkulunkulu, ngisho singayibali isayensi yezinkanyezi, futhi singacwaningi isayensi yokwakheka komhlaba noma isayensi yempilo, nokho sikuqonde ukubusa kukaNkulunkulu phezu kwazo zonke izinto, kufanele sikwazi ukuhlinzeka Kwakhe zonke izinto, nokuthi Yena ungumthombo wazo zonke izinto. Lesi yisifundo esidingekile futhi okumele sifundwe. Ngikholwa ukuthi niwaqondile amazwi Ami!

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VII” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp