Imithetho KaNkulunkulu Yezinto Zonke Ixhumene Ngokungehlukaniswe Nokuphila Kwesintu

May 02, 2021

Emva kokukhuluma ngezinye zalezi zinto, kungabe manje selukhona ulwazana eninalo ngesihloko esisanda kuxoxa ngaso? Kukhona ukuqonda eseninakho ngaso? Kunesizathu esenze ukuthi ngikhulume ngalezi zinto ezihambisana nesihloko esithe ukuba banzi—manje kumele ukuthi seninalo ulwazana ngaso, angithi? Seningangitshela ukuthi ninokungakanani ukuqonda. (Wonke umuntu ubenakekelwa yimithetho ebekwe nguNkulunkulu eyibekela zonke izinto. Ngenkathi uNkulunkulu ebeka le mithetho, wanikeza izinhlanga ezahlukahlukene izimo zenhlalo ezahlukahlukene, izindlela ezahlukahlukene zokuphila, ukudla okwahlukahlukene, izimo zezulu namazinga okushisa ahlukahlukene. Kube njalo ukuze bonke abantu abaphilayo bakwazi ukupheleliswa baphile emhlabeni. Ngalokhu ngiyakwazi ukubona ukuthi izinhlelo zikaNkulunkulu zokuba baphile ziyanemba futhi ngiyabona ukuhlakanipha nokunemba Kwakhe kanye nothando Lwakhe kithi thina bantu.) (Imithetho nemikhawulo ebekwe nguNkulunkulu ayinakuguqulwa yinoma yimuphi umuntu, isehlakalo, noma into. Konke kungaphansi kokubusa Kwakhe.) Uma sibheka ngeso lemithetho ebekwe nguNkulunkulu enzela ukuthi kukhule yonke into, ngabe bonke abantu, noma ngabe bayiluphi uhlobo, abaphila ngaphansi kokuhlinzeka kukaNkulunkulu—akukhona ukuthi bonke baphila ngaphansi kokunakekelwa Nguye? Uma bekungathiwa le mithetho isusiwe noma uma ngabe uNkulunkulu ubengazange abeke lolu hlobo lwemithetho kumuntu, ukubikezela kwabo bekuzoba njani? Emva kokuthi abantu belahlekelwe yizimo zenhlalo ezejwayelekile abaphila kuzo, bebezoba nayo imithombo yokudla? Kubukeka kungenzeka kube yinkinga ukudla. Uma abantu belahlekelwa yimithombo yokudla, okusho ukuthi, uma bengakwazi ukuthola okokudla bangabambelela izinsuku ezingaki? Kungenzeka behluleke ukubambelela ngisho inyanga eyodwa, futhi ukuphila kwabo kungaba yinkinga. Ngakho izinto ngayinye ngayinye azenzile uNkulunkulu ukuba abantu baqhubeke baphile, bande, futhi basimame kubalulekile. Yonke into ngayinye ngayinye uNkulunkulu ayenzayo kuzo zonke izinto isondelene futhi kayehlukaniseki nokuphila kwabantu. Uma ukuphila komuntu kuba yinkinga, ngabe ukuphatha kukaNkulunkulu kungaqhubeka? Ngabe ukuphatha kukaNkulunkulu kusekhona? Ukuphatha kukaNkulunkulu kuhambisana nokuphila kwawo wonke umuntu amnakekelayo, ngakhoi noma ngabe yini uNkulunkulu ayilungisela zonke izinto kanye nalokho akwenzela abantu, konke kuyisidingo Kuye, futhi kubaluleke kakhulu ekuphileni komuntu. Uma le mithetho ebekwe nguNkulunkulu ezintweni zonke bekungagudlukwa kuyo, uma le mithetho beyingephulwa noma ithikanyezwe, izinto zonke bezingeke zikwazi ukuqhubeka nokuba khona, izimo zenhlalo nokuphila kwabantu bezingeke ziqhubeke nokuba khona, ukunakekeleka kwansuku zonke, nabo bebengeyuba khona. Ngaleso sizathu, ukuphatha kukaNkulunkulu kokusindiswa kwabantu bekungeke kube khona nakho.

Yonke into esixoxe ngayo, noma incane kanjani, yonke inamathele yaxhumana nokuphila kwawo wonke umuntu ngamunye ngamunye. Nizothi-ke, “Lokhu okhuluma ngakho kukhulu kakhulu, asikwazi ukukubona,” kanti futhi kungaba nabantu abathi “Lokhu okhuluma ngakho akungithinti nakancane mina.” Nokho, ungakhohlwa ukuthi uphila njengengxenye yazo zonke izinto; uyilungu lazo zonke izinto ekubuseni kukaNkulunkulu. Azikwazi izinto zonke ukwehlukaniswa nokuphatha kukaNkulunkulu, kanti futhi akukho noyedwa umuntu ongazehlukanisa nokuphatha Kwakhe. Ukulahlekelwa ukubusa Kwakhe kanye nokulahlekelwa ukuhlinzeka Kwakhe kungasho ukuthi izimpilo zabantu, nokuphila kwabo enyameni kungashabalala. Lokhu ukubaluleka kukaNkulunkulu ekwakheni izimo zenhlalo nokuphila komuntu. Akunandaba ukuthi uyisiphi isizwe noma uhlala kuliphi izwe, kungaba seNtshonalanga noma eMpumalanga—awukwazi ukuzehlukanisa nezimo zenhlalo nokuphila ezenzelwe abantu nguNkulunkulu, nokuthi ngeke ukwazi ukuzehlukanisa wena nokunakekela kanye nokuhlinzekwa kwezimo zenhlalo nokuphila ezibekwe Nguye ezibekela abantu. Noma ngabe impilo yakho iyiphi, wethembele kukuphi ukuphila, futhi wethembele kukuphi ukugcina impilo yakho yenyama, awukwazi ukuzehlukanisa nokubusa kukaNkulunkulu nokuphatha Kwakhe. Abanye abantu bathi: “Angiyena umlimi, angiphili ngokutshala izitshalo. Angethembele emazulwini ukuthi ngithole ukudla, ngakho angiphili endaweni ebekwe nguNkulunkulu ukuthi ngiphile ngayo. Lolo hlobo lwendawo alukaze lunginike lutho.” Kulungile lokhu na? Uthi awutshali izitshalo ukuthi uphile, ngabe awukudli okusanhlamvu? Awuyidli inyama namaqanda? Awuyidli imifino nezithelo? Konke okudlayo, zonke lezi zinto ozidingayo, kazehlukaniseki nenhlalo ophila kuyo ebekelwe abantu nguNkulunkulu. Futhi umthombo wakho konke okudingwa ngabantu awukwazi ukwehlukaniswa nezinto zonke ezadalwa nguNkulunkulu, okuyizinhlobo zezindawo eziphilisayo. Amanzi owaphuzayo, izingubo ozigqokayo, kanye nazo zonke izinto ozisebenzisayo—yikuphi kulokho okungatholakali ezintweni zonke? Abanye abantu bathi: “Kukhona izinto ezingatholakali kwezinye izinto.” Uyabona, ipulastiki ayiveli kuzo zonke izinto. Iyikhemikhali, yakhiwe ngumuntu.” Kulungile lokhu? Ipulastiki yakhiwe ngumuntu, iyikhemikhali, empeleni zivelaphi izinto eziyakhile? Indabuko yezinto isezintweni ezadalwa nguNkulunkulu. Izinto ozijabulelayo, ozibonayo, into ngayinye kuzo zonke ozibonayo ivela kuzo zonke izinto ezidalwe nguNkulunkulu. Lokho kusho ukuthi, noma ngabe yisiphi isizwe, noma ngabe iyiphi impilo, noma ngabe luhlobo luni lwenhlalo nokuphila abantu abakuyo, abakwazi ukuzehlukanisa nokuhlinzeka kukaNkulunkulu. Ngabe lezi zinto esixoxe ngazo namuhla zihlobene ngalokho nesihloko esithi “UNkulunkulu Umthombo Wokuphila Wazo Zonke Izinto”? Ngabe izinto esixoxe ngazo namuhla ziyangena kulesi sihloko esikhulukazi? (Yebo.) Mhlawumbe okunye kwalokho engikhulume ngakho namhlanje kuthanda ukungacaci futhi kulukhunyana ukuthi kuxoxwe ngakho. Nokho, ngicabanga ukuthi nikuqonda kangconywana manje.

Imithetho KaNkulunkulu Yezinto Zonke Ixhumene Ngokungehlukaniswe Nokuphila Kwesintu

Kulezi zikhathi ezimbalwa sihlangene, izinhlobo zezihloko esihlangane ngazo zibanzi, imikhawulo yazo ibanzi, ngakho kudinga ukuthi nithi ukusebenza kanzinyana ukuziqonda. Lokho kungenxa yokuthi lezi zihloko ziyizinto abantu abangakaze bahlangabezane nazo ekukholweni kwabo nguNkulunkulu. Abanye abantu bezwa kungummangaliso abanye abantu bakuthatha njengendaba nje—yikuphi okuliqiniso? Nikuzwa ngayiphi indlela konke lokhu? (Sibona ngendlela ehlelekile uNkulunkulu ahlela ngayo izinto nokuthi zonke izinto zinale mithetho, kanti ngala mazwi siyakwazi ukuziqonda kakhulu izenzo zikaNkulunkulu kanye nezinhlelo Zakhe zokusindisa umuntu ezisezingeni eliphakeme.) Kulezi zikhathi zokuhlangana kwethu, kungabe niyibonile imikhawulo yokuphatha kukaNkulunkulu kwezinto zonke? (Bonke abantu, yonke into.) Ngabe uNkulunkulu nguNkulunkulu wesizwe esisodwa? Ngabe uNkulunkulu nguNkulunkulu wohlobo olulodwa lwabantu? Ngabe unguNkulunkulu wabantu abambalwa nje? (Cha, akanjalo.) Njengoba kungenjalo, ekwazini kwabantu uNkulunkulu, uma ubenguNkulunkulu wedlanzana labantu, noma ukube benikholwa ukuthi uNkulunkulu nguNkulunkulu wakho kuphela, bekuyoba ngokwamukelekileyo lokho? Njengoba uNkulunkulu uphethe futhi ubusa phezu kwazo zonke izinto, abantu kumele bazibone izenzo Zakhe, ukuhlakanipha Kwakhe, kanye nokuba nguSomandla okuvela ekubuseni Kwakhe phezu kwazo zonke izinto. Lokhu yinto abantu bonke okumele bayazi. Uma uthi uNkulunkulu uphethe zonke izinto, ubusa phezu kwazo zonke izinto, futhi ubusa phezu kwabo bonke abantu, kodwa ungenakho ukuqonda noma ukwazi ukubusa Kwakhe phezu kwabantu, ngabe uyokwazi ukwamukela ukuthi ubusa phezu kwazo zonke izinto? Ungaba nawo umcabango enhliziyweni yakho othi, “Ngiyokwazi, ngoba ngiyabona ukuthi impilo lena yami ibuswa nguNkulunkulu.” Kodwa kungabe uNkulunkulu mncane kangako? Akanjalo! Ubona kuphela ukusindisa kukaNkulunkulu kuwe kanye nomsebenzi awenza kuwe, bese kuthi kulezo zinto ubone ukubusa Kwakhe. Kunomkhawulo omncane kakhulu lokho kanti kunalo ithonya eliyilo ekwazini kwakho uNkulunkulu. Kuyalufinyeza futhi ulwazi lwakho oluphelele ngokubusa kukaNkulunkulu phezu kwezinto zonke. Uma uzinqumela ulwazi lwakho ngoNkulunkulu ukuba luphelele emkhawulweni walokho okuhlinzekwa nguNkulunkulu kanye nokusindisa Kwakhe wena kuphela, awuyuphinde ubone ukuthi ubusa phezu kwazo zonke izinto, ukuthi ubusa phezu kwezinto zonke, futhi ubusa phezu kwabo bonke abantu. Uma wehluleka ukubona konke lokhu, uyokwazi pho ukubona ukuthi uNkulunkulu ubusa phezu kwesigcino sakho? Ngeke. Enhliziyweni yakho ngeke nakanye ukwazi ukubona lokho—ngeke nakanye ukwazi ukubona lelo zinga. Uyakuqonda lokho, angithi? Empeleni, ngiyazi ukuthi niziqonda kangakanani lezi zihloko, le ngqikithi engikhuluma ngayo, ngakho kungani ngilokhu ngikhuluma ngayo? Kungoba lezi zihloko ziyizinto okumele ziqondwe yiwo wonke umuntu olandela uNkulunkulu, wonke umuntu ofuna ukusindiswa nguNkulunkulu—kumele bazazi lezi zihloko. Noma ngabe esikhathini samanje, awuziqondi, ngelinye ilanga, uma impilo yakho kanye nolwazi lwakho lweqiniso kufika ezingeni elithile, uma ubunjalo bempilo yakho bufinyelela ezingeni elithile nomzimba wakho ukhula ufinyelela ezingeni elithile, kuyoba yileso sikhathi kuphela lapho lezi zihloko engikhuluma nani ngazo ekuhlanganyeleni ziyokuhlinzekela khona futhi zanelise isifiso sakho sokufuna ulwazi ngoNkulunkulu. Ngakho la mazwi ngawokwakha isesekelo, ukulungiselela ukuqonda kwenu ngesikhathi esizayo ukuthi uNkulunkulu ubusa phezu kwezinto zonke kanye nokuqonda Yena uNkulunkulu uqobo.

Nokho ulwazi ngoNkulunkulu uma luluningi ezinhliziyweni zabantu yilo olukalayo ukuthi unasiphi isikhala ezinhliziyweni zabo. Nokho ulwazi oluningi ngoNkulunkulu ezinhliziyweni zabo lubheke ukuthi mkhulu kangakanani uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. Uma uNkulunkulu omaziyo engenalutho futhi engacacile, kungukuthi uNkulunkulu okholwa kuye akanalutho futhi akacacile. UNkulunkulu omaziyo uphelela kuphela emkhawulweni wokuphila kwakho, futhi akahlangene ngalutho noNkulunkulu oliqiniso uqobo Lwakhe. Ngalokho, ukwazi izenzo eziwuqobo zikaNkulunkulu, ukwazi ubuqiniso bukaNkulunkulu kanye namandla Akhe, ukwazi ubuqiniso bobuyena uNkulunkulu uqobo, ukwazi lokho anakho kanye nayikho, ukwazi lokho akukhombisile ngaphezu kwazo zonke izinto—lokho kubaluleke kakhulu kuwo wonke umuntu olandela ulwazi lukaNkulunkulu. Lokhu kunemithelela eqondene ngqo nokuthi ingabe abantu bangangena yini oqotsheni lweqiniso. Uma ubeka imingcele ephelela emazwini kuphela ekuqondeni kwakho uNkulunkulu, uma ubeka imingcele ephelela olwazini lwakho oluncane, umusa kaNkulunkulu owubalayo, noma ubufakazi bakho obuncane kuNkulunkulu, ngalokho ngithi uNkulunkulu okholwa kuye akuyena ngempela uNkulunkulu weqiniso Uqobo Lwakhe futhi kungashiwo ukuthi uNkulunkulu omkholwayo unguNkulunkulu wokuzakhela engqondweni, akuyena uNkulunkulu weqiniso. Lokhu kungoba uNkulunkulu weqiniso nguye kuphela obusa phezu kwezinto zonke, lokho kuya kuzo zonke izinto, olawula izinto zonke. Nguye ophethe isigcino sabo bonke abantu—Nguye ophethe isigcino sayo yonke into. Imisebenzi kanye nezenzo zikaNkulunkulu engikhuluma ngaye kazigcini kuphela engxenyeni encane yabantu. Okungukuthi, akugcini nje kubantu abamlandelayo njengamanje. Izenzo Zakhe zivela kuzo zonke izinto, ekuqhubekeni nokuba khona kwazo zonke izinto, kanye nasemithethweni yokuguquka kwazo zonke izinto.

Uma ungakwazi ukubona noma ukuzwa noma yisiphi isenzo sikaNkulunkulu kuzo zonke izinto, ngeke ukwazi ukuba ngufakazi wezenzo Zakhe. Uma ungakwazi ukuba ngufakazi kaNkulunkulu, uma uqhubeka nokukhuluma ngoNkulunkulu omncane lo omaziyo, lo Nkulunkulu ophelela emibonweni yakho kuphela, osemqondweni wakho omfushane, uma uqhubeka nokukhuluma ngalolo hlobo lukaNkulunkulu, ngalokho uNkulunkulu akasoze akuncoma ukukholwa kwakho. Uma unobufakazi ngoNkulunkulu, uma usebenzisa ukuthi uwujabulela kanjani umusa kaNkulunkulu, wamukela ukuyala kukaNkulunkulu kanye nokuthobisa Kwakhe, ujabulela izibusiso Zakhe ebufakazini bakho Ngaye, lokho akwanele kakhulu, kukude nokumanelisa. Uma ufuna ukuba nobufakazi kuNkulunkulu ngendlela ehambisana nentando Yakhe, unobufakazi ngoNkulunkulu uqobo oliqiniso, ngaleyo ndlela kumele ukubone lokho uNkulunkulu anakho nayikho ukubona ezenzweni Zakhe. Kumele ubone igunya likaNkulunkulu ekulawuleni Kwakhe zonke izinto, bese ubona iqiniso lokuthi ubahlinzeka kanjani abantu bonke. Uma wamukela kuphela ukuthi ukudla kwakho nokuphuza kwansuku zonke nokuthi izidingo zakho empilweni zivela kuNkulunkulu, kodwa ungaliboni iqiniso lokuthi uNkulunkulu uhlinzekela bonke abantu ngezinto zonke, ukuthi uhola bonke abantu ngokubusa Kwakhe phezu kwazo zonke izinto, ngalokho awusoze wakwazi ukuba nobufakazi ngoNkulunkulu. Yini inhloso yami ngokusho konke lokhu? Ukuze ningakuthathi kalula lokhu, ukuze ningakholwa nje ukuthi lezi zihloko engikhulume ngazo azinasidingo ezimpilweni zenu, futhi ukuze ningazithathi lezi zihloko njengohlobo nje lolwazi noma lomthetho. Uma nilalela ngaleyo ndlela yokuziphatha, ngeke nizuze lutho. Nizolilahla leli thuba lokwazi uNkulunkulu.

Yini inhloso yami ekukhulumeni ngazo zonke lezi zinto? Inhloso yami ukwenza abantu bamazi uNkulunkulu, ukwenza abantu baqonde izenzo zikaNkulunkulu ezibonakalayo. Uma sewumqonda uNkulunkulu uzazi nezenzo Zakhe, kungaleso sikhathi kuphela lapho uzoba nethuba khona noma namandla okumazi. Uma, ngokwesibonelo nje, ufuna ukuqonda umuntu, wenza njani ukuthi umazi? Ngabe kuba ukumbona ingaphandle lakhe? Ngabe kuba ukumbuka ukuthi ugqokeni, ugqoke kanjani? Ngabe kuba ukubheka ukuthi uhamba kanjani? Kungaba ukubheka ukuthi ulwazi lwakhe lugcinaphi? (Cha.) Ngakho umqonda kanjani umuntu? Wahlulela ngokukhuluma kwakhe kanye nokuziphatha, ngemicabango yalowo muntu, ngakushoyo nakuvezayo. Yiyona ndlela lena ongamazi ngayo umuntu, ongamqonda ngayo. Ngokunjalo, uma nifuna ukwazi uNkulunkulu, uma nifuna ukuqonda izibonakaliso Zakhe, uhlangothi Lwakhe oluyiqiniso, kumele nimazi ngezenzo Zakhe kanye nangento ngayinye ayenza ibe yisibonakaliso. Lena iyona ndlela enhle kunazo zonke, futhi ngukuphela kwendlela leyo.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp