INqubomgomo Yobumfihlo YeWebhusayithi YeBandla LikaNkulunkulu USomandla

Le Nqubomgomo Yobumfihlo idalula izenzo eziyimfihlo zewebhusayithi esemthethweni yeBandla likaNkulunkulu uSomandla (hidden-advent.org, godfootsteps.org) kanye namawebhusayithi evangeli leSonto likaSomandla uNkulunkulu (kingdomsalvation.org, holyspiritspeaks.org, easternlightning.org). Amawebhusayithi eBandla likaNkulunkulu uSomandla asungulwe ukuze ashumayele ivangeli lombuso kaKristu wezinsuku zokugcina, uNkulunkulu uSomandla, futhi awahlangene nanoma yiluphi uhlelo lokudayisa. Injongo yamawebhusayithi ukuhlinzekela bonke abafuna iqiniso balithole kalula, baphenye indlela yeqiniso futhi balangazelele ukubonakala kukaNkulunkulu. Zonke izinto ezikulamawebhusayithi zingafundwa futhi zidawunilowudwe mahhala . Ukuze kube lula kuwe, lama webhusayithi angahlanganisa amalinki akuyisa kwamanye amawebhusayithi. Asihlangene nezinqubo nokuqukethwe inqubomgomo yobumfihlo yamalinki anjalo.

Ulwazi Esiluqoqayo
1. Amawebhusayithi eBandla likaNkulunkulu uSomandla aqoqa ulwazi olulandelayo:
(1) Ikheli le-imeyili negama olifakayo lapho uxhumana nathi ngamawebhusayithi noma usebenzisa insiza yokuphawula.
(2) Ukungena kumalogi omhlinzeki wewebhusayithi (Apache Httpd) lapho uvakashela amawebhusayithi.
(3) I-Google Analytics izofaka amakhukhi kwisiphequluli sedivayisi yakho futhi iqoqe ulwazi oluhambisana nezibalo zethrafikhi.
2. I-Apache Httpd (http://httpd.apache.org) kanye ne-Google Analytics (http://www.google.com/analytics/) iqoqa lolu lwazi olulandelayo:
(1) Imininingwane yedivayisi. Imininingwane engaqondene namuntu yamakhompyutha, yamadivayisi aphatheka ngesandla kanye namanye amadivayisi owasebenzisela ukuvakashela amawebhusayithi ethu, njengekheli le-IP, i-GPS, izinto ezikhethekile zokubona amadivayisi, uhlobo lwesiphequluli, ulimi lwesiphequluli.
(2) Imininingwane yokuphequlula. Indlela ofika ngayo kule webhusayithi (ngokufuna nge-google, ngelinki oyithunyelelwe evela ku-Facebook noma uvele uthayiphe i-URL ngqo) kanye ne-logi yokuphequlula le webhusayithi, kuhlanganise amakhasi ewebhusayithi owabhekayo, isikhathi osichitha ekhasini ngalinye, nekhasi lewebhusayithi ogcine kulo ukuphequlula.
(3) Ulwazi oluhambisanayo oluqoqwa i-Google Analytics ngamakhukhi.
Sicela ubheke “kumaKhukhi nezobuchwepheshe ezifanayo” (http://www.google.com/intl/en-us/policies/privacy/).

Kungani Siqoqa Lolu Lwazi
1. Ukuxhumana nge-Imeyili. Sigcina iminingwane yakho ye-imeyli ukuze sikwazi ukukuthinta nge-imeyli.
2. Ukucutshungulwa Kwezibalo . Sifunda ukuthi abasebenzisi bayisebenzisa kanjani iwebhusayithi yethu ngokwenza izibalo zokungena kumalogi e-ku-Apache Httpd bese siwahlanganisa ne-Google Analytics.
Sizohlaziya imininingwane ehlanganisa izinombolo zansuku zonke zabangena kumawebhusayithi (izinombolo zekheli le-IP) noma amanani esikhathi esithile, inombolo yokubukwa kwekhasi, isikhathi esichithwe ekhasini ngalinye, izikhathi engabuyisanga lwazi ngazo iwebhusayithi, abasebenzisi ngokuhlukana kwezindawo, iphesenti lamadivayisi asetshenziswayo, iziphequluli ezithandwayo, abasebenzisi bafinyelela kanjani kumawebhusayithi ethu (ngokubhala ikheli ngqo, ngokufuna, noma ngokucindezela amalinki ezingxenye zesithathu njengo-Facebook no-Twitter) kanye nephesenti. Lokhu kusivumela ukuba sihlaziye ingosi yokuhwebelana, ukwenza ngcono isikhathi somsebenzisi esesayithini yethu ngendlela efanele, nokukhuphula izingosi zethu (i-SEO nokukhangisa kuzizinda zezingxenye zesithathu ezinjengo-Facebook no-Twitter).

Izithembiso Nokukhetha
Amawebhusayithi eBandla likaNkulunkulu uSomandla athembisa ukuqoqa imininingwane engenhla kuphela kuwe futhi iyisebenzisele izimo ezingenhla kuphela. Angeke siyikhiphe, siyithengise, siyidlulise, siyiqashise noma siyinike abanye imininingwane yakho.
Ungasetha isiphequluli sakho ukuze uvimbe amakhukhi e-Google Analytics.
Uma unemibuzo noma iziphakamiso, sicela uzizwe ukhululekile ukusithumelela [email protected]

Ukubuyekezwa Kwesitatimende Sethu Sobumfihlo
Ngezikhathi ezithile singase sisibuyekeze lesi sitatimende sobumfihlo. Uma kukhona ushintsho, sizofaka uphawu oluthi “*” kwilinki “Yesitatimende Sobumfihlo” ezansi umawebhusayithi ethu.

Lesi Sitatimende Sobumfihlo sibuyekezwe ngomhlaka 17 kuMasingana 2017