UNkulunkulu Udala, Abuse, Futhi Aphathe Konke Ngenxa Yokuphila Kwesintu Kuphela

May 02, 2021

Izindaba ezimbili engisanda kuzixoxa, yize zingaba nokuthile okungajwayelekile kulokho ezikuqukethe nangendlela yokuxoxa, njengoba zixoxwe ngendlela ekhethekile, beziwumzamo Wami wokusebenzisa ulimi oluqondile nendlela elula ukuze nizozuza futhi namukele into ejule ngokwengeziwe. Bekuyilena kuphela inhloso Yami. Kulezi zindaba ezincane nezithombe ezizipendayo, bengifuna ukuthi nibone futhi nikholwe ukuthi uNkulunkulu uyinkosi yayo yonke indalo. Inhloso yokuxoxa lezi zindaba ukuninika ithuba lokuthi nibone futhi nazi izenzo ezingapheli zikaNkulunkulu phakathi kwemikhawulo emifushane yendaba. Ukuthi nizofinyelela futhi niyifeze nini ngokugcwele le miphumela kinina—kuncike kwenihlangane nakho nina kanye nalokhu enikufunayo. Uma ufuna iqiniso futhi uma ufuna ukwazi uNkulunkulu, khona-ke lezi zinto zizoba yisikhumbuzo esinamandla ngokwengeziwe kuwe; zizokunika ukuqaphela okujulile, ukucaciseleka ekuqondeni kwakho, okuzosondela kancane kancane ezenzweni zangempela zikaNkulunkulu, ngokusondela okungeke kube nabanga nokungenaphutha. Nokho, uma ungeyena umuntu ofuna ukwazi uNkulunkulu, lezo zindaba ozizwile-ke ngeke zikulimaze ngalutho. Ungazithatha njengezindaba eziyiqiniso nje.

UNkulunkulu Udala, Abuse, Futhi Aphathe Konke Ngenxa Yokuphila Kwesintu Kuphela

Ingabe kukhona enikuqondile kulezi zindaba ezimbili? Okokuqala, ingabe lezi zindaba ezimbili ezigqanyiswe ezingxoxweni zethu ezedlule zimayelana nokukhathazeka kukaNkulunkulu ngesintu? Ingabe kukhona ukuxhumana okungokwendalo? Kungaba yiqiniso ukuthi kulezi zindaba ezimbili sibona izenzo zikaNkulunkulu nokucabanga okuphelele ngakho konke akuhlelela isintu? Ingabe kuyiqiniso ukuthi zonke izinto uNkulunkulu azenzayo nayo yonke into ayicabangayo kungenxa yokuphila kwesintu? (Yebo.) Ingabe ukucabanga ngokucophelela kukaNkulunkulu nokucabangela isintu akubonakali ngokusobala? Isintu asidingi kwenza lutho. UNkulunkulu ulungisele abantu umoya—konke abakudingayo ukuwuphefumula. Imifino nezithelo abakudlayo kuhlala kutholakala. Ukusuka enyakatho uye eningizimu, ukusuka empumalanga uye entshonalanga, isifunda ngasinye sineyaso ingcebo yemvelo. Izitshalo nezithelo nemifino zezifunda ezehlukene zonke zilungiswe nguNkulunkulu. Uma sikhuluma ngendawo enkulu, uNkulunkulu wenza zonke izinto ukuthi zisimamisane, enye incike kwenye, ziqinisane, zivimbane, futhi ziphile ndawonye. Usebenzisa le ndlela Yakhe nalo mthetho Wakhe ukugcina ukuphila nobukhona kwazo zonke izinto; ngale ndlela isintu sikwazile ukuphila ngoxolo nangokuthula kule ndawo yokuphila, ukwanda kusuka esizukulwaneni kuya kwesilandelayo, kuze kube namuhla. Lokhu kusho ukuthi, uNkulunkulu ubhalansisa isimo semvelo. Ukube uNkulunkulu ubengabusi futhi engalawuli, khona-ke akukho muntu obengakwazi ukubhalansisa isimo semvelo, phezu kokuthi sidalwe nguNkulunkulu. Kwezinye izindawo awukho umoya, futhi-ke abantu abakwazi ukuhlala ezindaweni ezinjalo. UNkulunkulu ngeke akuvumele ukuthi uye lapho. Ngakho-ke, ungaphumeli ngaphandle kwemingcele. Lokhu kwenzelwe ukuvikela isintu—kukhona izimfihlakalo kukho. Yonke ingxenye yemvelo, ubude nobubanzi bomhlaba, kanye naso sonke isidalwa emhlabeni—esiphilayo nesifileyo—kwacatshangwa futhi kwalungiswa nguNkulunkulu kungakabikho: Kungani le nto idingekile? Kungani lokho kungenasidingo? Yini inhloso yokuba lapha kwale nto futhi kungani lokhu kumele kuye laphaya? UNkulunkulu wayeseyicabange kahle yonke le mibuzo, futhi asikho isidingo sokuthi abantu bacabange ngayo. Kukhona abanye abantu abayiziphukuphuku abahlala becabanga ngokugudluza izintaba, kodwa esikhundleni sokwenza lokho, kungani bengayi emathafeni? Uma ungazithandi izintaba, pho uhlalelani eduze kwazo? Akubona ubulima lobu? Kungenzekani uma ususa leyo ntaba? Iziphepho ezinamandla namagagasi amakhulu kungafika kubhidlize amakhaya abantu. Ngeke kube wubulima lobo? Abantu bazi ukubulala kuphela. Abakwazi ngisho ukugcina indawo okuyiyona eyodwa abanayo yokuhlala, kodwa bafuna ukuhlinzeka zonke izinto. Lokhu akukwazi ukwenzeka.

UNkulunkulu uvumela isintu ukuba siphathe zonke izinto futhi sibe ngamakhosi phezu kwazo, kodwa umuntu wenza umsebenzi omuhle yini? Umuntu ubhidliza konke angakubhidliza; Akagcini ngokwehluleka ukugcina izinto uNkulunkulu amdalele zona zisesimweni sokuqala—wenze okuphambene wabhidliza indalo kaNkulunkulu. Isintu sinyakazise izintaba, sabuyisa umhlaba olwandle, saguqula amathafa aba ugwadule lapho kungeke kuhlale muntu khona. Kodwa kusogwadule lapho umuntu enze khona izimboni futhi wakha izizinda zenunzi, wahlwanyela imbubhiso yonke indawo. Manje imifula ayiseyona imifula, ulwandle aluselona ulwandle…. Lapho isintu sibulala ibhalansi kanye nemithetho yemvelo, usuku lwaso lwenhlekelele nokufa aluqhelile; alunakugwenywa. Lapho kufika inhlekelele, isintu siyobazi ubugugu bayo yonke into ayenzelwe nguNkulunkulu nokuthi ibaluleke kanjani esintwini. Kumuntu, ukuhlala endaweni lapho umoya nezimvula kufika ngesikhathi sakho, kufana nokuba sepharadesi. Abantu ababoni ukuthi lokhu kuyisibusiso, kodwa lapho nje kubalahlekela konke bazobona ukuthi akuvamile kanjani futhi kuyigugu kanjani. Futhi lapho konke kungasekho, bayokubuyisa kanjani? Abantu bangenzani uma uNkulunkulu engafisi ukukudala futhi? Kukhona eningakwenza? (Cha, akukho.) Empeleni, kukhona eningakwenza. Kulula kakhulu—uma nginitshela ukuthi kuyini nizobona ngokushesha ukuthi kungenzeka. Kungani umuntu ezithola ekulesi simo samanje sokuphila? Ingabe yingenxa yomhobholo nokubhidliza kwakhe? Uma umuntu eqeda lokhu kubhidliza, indawo yakhe yokuphila ngeke izilungise kancane kancane? Uma uNkulunkulu engenzi lutho, uma uNkulunkulu engasafisi ukusenzela lutho isintu—okusho ukuthi, uma engasafuni ukungenelela odabeni—isixazululo somuntu esingcono kakhulu ukuthi isintu siyeke konke ukubhidliza bese sivumela indawo yaso yokuphila ukuba ibuyele esimweni sayo semvelo. Ukuqeda le ncithakalo kusho ukuyeka ukuzitapela nokulimaza izinto uNkulunkulu azidalile. Ukwenza lokhu kuzovumela indawo umuntu aphila kuyo ukuba ivuseleleke kancane kancane, kanti ukuhluleka ukwenza lokhu kuzoletha indawo yokuphila enyanyeka ngokwengeziwe, ukonakala kwayo okuzoshesha ngokuhamba kwesikhathi. Ngabe indlela Yami ilula? Ilula futhi inokwenzeka, angithi? Ilula impela, futhi inokwenzeka kwabanye abantu—kodwa ingabe inokwenzeka kubantu abaningi emhlabeni? (Ngeke.) Kinina, okungenani, kunokwenzeka? (Yebo.) Kusuka kuphi ukuthi “yebo” kwenu? Kungashiwo ukuthi kusuka esisekelweni sokuqonda izenzo zikaNkulunkulu? Kungashiwo ukuthi umbandela wakho ukulalela ubukhosi nohlelo lukaNkulunkulu? (Yebo.) Ikhona indlela yokuguqula izinto, kodwa lokho akusona isihloko esixoxa ngaso manje. UNkulunkulu unomthwalo ngempilo yomuntu ngamunye futhi iwumthwalo Wakhe kuze kube sekugcineni. UNkulunkulu uyakuhlinzeka, yize noma kule ndawo eyoniwe nguSathane, ugulisiwe noma ungcolisiwe noma uhlukunyeziwe, akusho lutho—uNkulunkulu uyakuhlinzeka futhi uzokuvumela uqhubeke nokuphila. Ingabe uyakholwa kulokhu? (Yebo.) UNkulunkulu akamdedeli kalula umuntu ukuba afe.

Ingabe manje senikuzwile ukubaluleka kokubona uNkulunkulu njengomthombo wempilo wazo zonke izinto? (Yebo, sesikuzwile) Ninamizwa mini? Ngitsheleni. (Esikhathini esidlule, asikaze sikucabange ukuxhumanisa izintaba, ulwandle namachibi nemisebenzi kaNkulunkulu. Kuze kwaba lapho sizwa ukuhlanganyela kukaNkulunkulu namuhla, lapho manje sesiqonda khona ukuthi lezi zinto zinezenzo nokuhlakanipha kukaNkulunkulu; sibona ukuthi ngisho lapho uNkulunkulu eqala ukudala zonke izinto, wayesehlelele yonke into isiphetho sayo nomusa Wakhe. Zonke izinto ziyasimamisana futhi enye incike kwenye futhi isintu yiso esizuza kakhulu. Esikuzwe namuhla kuzwakala kukusha—sizwile ukuthi izenzo zangempela zikaNkulunkulu zinjani. Emhlabeni wangempela, ekuphileni kwethu kwansukuzonke nalapho sihlangana nezinto zonke, sibona ukuthi lokhu kunjalo.) Niyakubona ngempela, angithi? UNkulunkulu akahlinzeki isintu ngaphandle kwesisekelo esiqinile; ukuhlinzeka Kwakhe akuwona amazwi ambalwa futhi amafishane nje. UNkulunkulu wenze okuningi kakhulu, ngisho nezinto ongaziboni, zonke uzenzela ukuthi kusizakale wena. Umuntu uphila kule ndawo, phakathi kwazo zonke izinto uNkulunkulu amdalela zona, lapho zonke izinto zincike kwezinye. Ngokwesibonelo, izitshalo zikhipha amagesi ahlanza umoya, futhi abantu baphefumula umoya ohlanziweyo bese besizakala kuwo; kodwa, ezinye izitshalo ziwubuthi kubantu, kodwa kukhona ezinye izitshalo ezingamakhambi okulwa nezitshalo ezinobuthi. Lokhu kuyisimangaliso sendalo kaNkulunkulu! Kodwa asisishiye lesi sihloko okwamanje; namuhla, ingxoxo yethu ibimayelana nokuphila ndawonye komuntu nayo yonke enye indalo, umuntu ongeke aphile ngaphandle kwakho. Kubaluleke ngani ukudala kukaNkulunkulu zonke izinto? Umuntu akakwazi ukuphila ngaphandle kwezinye izinto, njengoba umuntu edinga umoya ukuze aphile—uma ubufakwe endaweni engenamoya, ubuzofa ngokushesha. Lesi yisimiso esilula esikhombisa ukuthi umuntu akakwazi ukuphila ngokwehlukana nenye indalo. Ngakho-ke, umuntu kufanele azithathe kanjani zonke zinto? Kufanele azenze igugu, azivikele, azisebenzise ngokufanele, angazilimazi, angazichithi, futhi angaziguquli ngoba enomuzwa othile odlulayo, ngoba zonke izinto zivela kuNkulunkulu, zihlinzekwe isintu futhi isintu kumele siziphathe ngokuzinakekela.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VII” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp