Ukubona Ukondla KukaNkulunkulu Isintu Kusukela Esimweni Sokuphila Okuyisisekelo UNkulunkulu Asidalela Isintu

August 06, 2018

Ningabona yini, ngale ndlela enze ngayo kulezi zimo eziyisihlanu eziyisisekelo ekuphileni kwabantu, lokho uNkulunkulu akwenzele isintu? (Yebo) Okusho ukuthi uNkulunkulu udale izimo eziyisisekelo sokuphila kwabantu. Ngesikhathi esifanayo, uNkulunkulu ubuye aphathe futhi alawule lezi zinto, ngisho namanje, emva kokuba abantu bebe khona izinkulungwane zeminyaka, uNkulunkulu usaqhubeka nokuguqula indawo yabo yokuhlala enikeza ngendawo yokuhlala enhle kakhulu nefanele kakhulu yokuhlala isintu ukuze izimpilo zabo zigcinwe kahle. Kuzogcinwa kuze kube nini lokhu? Ngamanye amazwi, uNkulunkulu uzohlala elokhu enikeza indawo enjalo kuze kube nini? Aze uNkulunkulu aqede kahle umsebenzi waKhe wokuphatha. Yilapho uNkulunkulu ezoguqula khona indawo lapho isintu siphila khona. Kungaba ngezindlela ezifanayo, noma kungaba ngezindlela ezihlukene, kodwa lokho abantu abadinga ukukwazi manje ukuthi uNkulunkulu uyaqhubeka nokwenzela isintu izidingo zaso, ephethe nendawo isintu esiphila kuyo, elondoloza, evikela futhi egcina indawo isintu esiphila kuyo. Kungenxa yendawo yokuhlala enjalo lapho abantu abakhethiweyo bakaNkulunkulu bekwazi khona ukuphila kahle futhi bamukele insindiso kaNkulunkulu nokujeziswa nokwahlulelwa. Zonke izinto ziyaqhubeka ngokuba khona ngenxa yomthethokaNkulunkulu, ngenkathi sonke isintu siqhubekela phambili ngoba uNkulunkulu wenza ngale ndlela.

Ukubona Ukondla KukaNkulunkulu Isintu Kusukela Esimweni Sokuphila Okuyisisekelo UNkulunkulu Asidalela Isintu

Ingabe le ngxenye engikhulume ngayo inilethele miphi imicabango? Niyawuzwa manje umehluko omkhulu phakathi kukaNkulunkulu nesintu? Ubani inkosi yazo zonke izinto? Ingabe umuntu? (Cha). Khona-ke yimuphi umehluko phakathi kokuthi uNkulunkulu nabantu basebenza kanjani ngazo zonke izinto? (UNkulunkulu ubusa phezu kwezinto zonke abuye azihlele, kuyilapho umuntu ejabulela zonke izinto). Niyavumelana yini nalawa mazwi? Umehluko omkhulu kakhulu phakathi kukaNkulunkulu nesintu ukuthi uNkulunkulu ubusa phezu kwazo zonke izinto futhi wenza zonke izinto. UNkulunkulu ungumthombo wakho konke, bese isintu siyakujabulela konke, ngenkathi uNkulunkulu ezenza. Okusho ukuthi, abantu bajabulela izinto uma bemukela impilo uNkulunkulu ayinikeze kuzo zonke izinto. Isintu sijabulela umphumela wokudala kukaNkulunkulu zonke izinto njengoba uNkulunkulu eyiNkosi. Ngokubukeka kwezinto zonke yini umehluko phakathi kukaNkulunkulu nesintu? UNkulunkulu angabona ngokucacile ukukhula kwamaphethini kwazo zonke izinto, alawule, engamele amaphethini nokukhula kwazo zonke izinto. Okusho ukuthi, zonke izinto zisemehlweni kaNkulunkulu futhi angakwazi ukuzihlola. Ingabe isintu singabona zonke izinto? Lokho isintu esikubonayo kunomkhawulo.—kumane kube yilokho abakubona phambi kwamehlo abo. Uma ucaca le ntaba okubonayo yile ntaba. Angeke ubone okungale kolunye uhlangothi lwentaba. Uma uya ebhishi ubona lolu hlangothi lolwandle kodwa awazi ukuthi olunye uhlangothi lolwandle lunjani. Uma ufika kuleli hlathi uzobona izitshalo phambi kwamehlo akho nezikuzungezile kodwa angeke ubone okuphambili kakhulu. Abantu abakwazi ukubona izindawo eziphakeme, ezikude nezijulile. Abakubonayo kuphela yilokho okuphambi kwabo nalokho okufinyelela amehlo abo kukho. Noma ngabe abantu bayayazi iphethini yezinkathi ezine zonyaka namaphethini okukhula azo zonke izinto, abakwazi ukuphatha noma ukwengamela zonke izinto. Ngakolunye uhlangothi, indlela uNkulunkulu abona ngayo zonke izinto kufana nendlela uNkulunkulu azobheka ngayo umshini lowo awakhe ngokwaKhe, uzozazi kahle kakhulu zonke izingxenye. Ukuthi iyini imigomo yawo, ayini amaphethini awo futhi inhloso yawo yona iyini–uNkulunkulu uzazi kahle zonke lezi zinto ngokukhanyayo nangokucacile. Yingakho uNkulunkulu enguNkulunkulu, umuntu engumuntu! Yize umuntu engaze acwaninge ngesayensi nemithetho yazo zonke izinto, kusemkhawulweni othize nje lapho uNkulunkulu elawula zonke izinto. Kumuntu, lokho akunamkhawulo. Uma abantu becwaninga okuncane kakhulu okwenziwe nguNkulunkulu, bangachitha impilo yabo yonke becwaninga ngaphandle kokuthola noma yimiphi imiphumela yeqiniso. Yingakho usebenzisa ulwazi nalokho okufundile ukufunda ngoNkulunkulu, ngeke ukwazi ukumazi nokumqonda uNkulunkulu. Kodwa uma usebenzisa indlela yokufuna iqiniso nokufuna uNkulunkulu, bese ubheka uNkulunkulu ngendlela yokuthi ufuna ukumazi uNkulunkulu, ngolunye usuku uzovuma ukuthi izenzo nokuhlakanipha kukaNkulunkulu kusendaweni yonke, futhi uzokwazi ukuthi kungani uNkulunkulu ebizwa ngokuthi iNkosi yazo zonke izinto nomthombo wokuphila wazo zonke izinto. Uma kwanda ulwazi olunjalo, yilapho uzoqonda ukuthi kungani uNkulunkulu ebizwa ngokuthi iNkosi yazo zonke izinto. Zonke izinto kanye nayo yonke into, kuhlanganise nani, uqhubeka uthola ukunakwa uNkulunkulu. Uzokwazi futhi ukuzwa ngokucacile ukuthi kulo mhlaba futhi naphakathi kwalesi sintu, akekho omunye ngaphandle kukaNkulunkulu ongaba namandla nokufaneleka okungaka ukubusa, ukuphatha nokulondoza ubukhona bezinto zonke. Uma uzuza ukuqonda okunjalo, uzovuma ngempela ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu wakho. Uma ufika kuleli zinga, sewumamukele ngempela uNkulunkulu futhi wamvumela ukuthi abe nguNkulunkulu wakho neNkosi yakho. Uma sewunokuqonda okunjalo nempilo yakho yafika kulelo zinga, uNkulunkulu angeke esakuvivinya noma akwahlulele, noma akubekele noma yiziphi izimfuneko, ngoba uyamqonda uNkulunkulu, wazi inhliziyo yaKhe, futhi umamukele ngeqiniso enhliziyweni yakho. Lesi yisizathu esibalulekile sokukhuluma ngalezi zihloko zokubusa nokuphatha kukaNkulunkulu izinto zonke. Ukunikeza abantu ulwazi nokuqonda okuthe xaxa; hhayi nje ukukwenza nivume, kodwa ukukunikeza ulwazi nokuqonda okusebenzisekayo kwezenzo zikaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VIII” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp