Indawo Yokuphila Eyisisekelo UNkulunkulu Ayenzela Isintu: Ukukhanya

August 06, 2018

Indawo Yokuphila Eyisisekelo UNkulunkulu Ayenzela Isintu: Ukukhanya

Into yesine ehlobene namehlo abantu—ukukhanya. Lokhu nakho kubaluleke kakhulu. Uma ubona ukukhanya okuxhophayo, bese ukuxhopha kwalokhu kukhanya kufika ezingeni elithile, amehlo akho ngeke abone. Vele, amehlo abantu amehlo enyama. Awanakukumela ukuxhopheka. Ingabe ukhona ongagqolozela ilanga? Abanye abantu bake bazama. Ungakwazi ukulibuka ngezibuko zelanga, akunjalo? Lokho kudinga usizo lwezinsiza. Ngaphandle kwezinsiza, amehlo abantu enyama awanamandla okubheka ngqo ilanga. Nokho, uNkulunkulu wadala ilanga ukuba lilethe ukukhanya esintwini futhi wabuye wakulawula lokhu kukhanya. UNkulunkulu akazange ayeke ilanga nje futhi alizibe ngemva kokulidala. “Ubani onendaba nokuthi amehlo abantu angamelana nalo!” UNkulunkulu akenzi izinto kanjalo. Wenza izinto ngokucophelela futhi abheke zonke izinto. UNkulunkulu uphe isintu amehlo ukuze sibone, kodwa uNkulunkulu ubuye walungisa uhlelo lokukhanya abangabona phansi kwakho. Angeke kwenzeke uma kungekho kukhanya okwanele. Uma kumnyama kangangokuba abantu bangaboni izandla zabo phambi kwabo, amehlo abo azolahlekelwa ukusebenza kwawo angabi namsebenzi. Indawo ekhanya kakhulu ngeke ibekezeleke emehlweni futhi abantu ngeke bakwazi ukubona. Ngakho endaweni yokuhlala isintu, uNkulunkulu ubanikeze isilinganiso sokukhanya esanele amehlo abantu. Loku kukhanya angeke kulimaze noma kone amehlo abantu. Ngaphezu kwalokho angeke kwenze amehlo abantu alahlekelwe ukusebenza kwawo. Yingakho uNkulunkulu anezela amafu ukuzungeza ilanga nomhlaba nesisindo, somoya esikwazi ukusefa ukukhanya okungalimaza amehlo noma isikhumba sabantu. Lokhu kuyahlobana. Ngaphezu kwalokho, umbala womhlaba odalwe uNkulunkulu nawo ukhombisa ukukhanya kwelanga nazo zonke izinhlobo zokukhanya futhi kususe leyo ngxenye yokukhazimula kokukhaya okwenza amehlo abantu angakhululeki. Ngaleyo ndlela, abantu abadingi ukuhlala befake izibuko zamehlo ezimnyama ukuze bakwazi ukuhamba ngaphandle baqhubeke nezimpilo zabo. Ngaphansi kwezimo ezivamile, amehlo abantu angabona izinto endaweni yabo yokubona bangaphazanyiswa ukukhanya. Lokho kusho ukuthi ngeke kulunge uma ukukhanya kuhlaba ngokwedlulele, noma kuluvindi ngokwedlulele. Uma kuluvindi ngokwedlulele, amehlo abantu azolimala, futhi, emva kokuwasebenzisa isikhathi esifushane, azokonakala; uma kukhanya ngokweqile, amehlo abantu ngeke akwazi ukukumela. Lokhu kukhanya okufanele impela ukuthi abantu babe nakho kufanele kube okulungile ukuze amehlo abantu abone, futhi ukulimala okulethwe emehlweni omuntu ukukhanya kwehliswa nguNkulunkulu ngezindlela ezahlukene kungakhathaliseki noma ukukhanya kuletha usizo noma izingozi emehlweni abantu, kwanele ukuvumela amehlo abantu ukuba asebenze kuze kube sekugcineni kwempilo yabo. Ingabe uNkulunkulu akakucabangisisanga kahle? Kodwa uma uSathane, udeveli, enza izinto, akazicabangi lezi zinto Ukukhanya kukhanya kakhulu noma kube luvindi kakhulu. Yile ndlela uSathane enza ngayo izinto.

UNkulunkulu wenze lezi zinto kuzo zonke izingxenye zomzimba womuntu—ukubona, ukuzwa, ukunambitha, ukuphefumula, imizwa … ukukhulisa ukuvumelana nokuphila kwesintu ukuze siphile ngokuvamile nokuqhubeka nokwenzenjalo. Okusho ukuthi, indawo enjalo yokuphila edalwe uNkulunkulu iyindawo yokuphila efaneleke kakhulu futhi esiza ukuphila kwesintu. Abanye bangacabanga ukuthi lokhu akukuningi nokuthi kuvame nje kakhulu. Imisindo, ukukhanya, nomoya izinto abantu abazizwa bezalwe nazo, izinto abangazijabulela kusukela bezalwa. Kodwa lokho uNkulunkulu akwenzile ngemuva kokujabulela kwabo lezi zinto yinto okufanele bayazi futhi bayiqonde. Kungakhathaleki ukuthi uzwa sengathi kunesidingo sokuqonda noma sokwazi lezi zinto, ngamafuphi nje, ngenkathi uNkulunkulu edala lezi zinto, wasebenzisa umcabango, wayenecebo, wayenemibono ethize. Akabekanga isintu endaweni enjalo yokuphila nje, ngokunganaki noma ngaphandle kokucabanga. Ningacabanga ukuthi ngikhulume ngokuphakeme ngokwedlulele ngenye nenye yalezi zinto ezincane, kodwa ngokubona kwaMi, into ngayinye uNkulunkulu ayenzele isintu iyadingeka ukuze abantu baphile. Kunezenzo zikaNkulunkulu kulokhu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VIII” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp