Imingcele Yakheke Ngenxa Yezindlela Ezahlukahlukene Zokuphila Kwesintu

August 06, 2018

UNkulunkulu wadala zonke izinto wabeka imingcele kukho; phakathi kwakho wayesenakekela zonke izinhlobo zezinto eziphilayo. Ngaso leso sikhathi, wabuye walungisa izindlela ezahlukile zokuphila kwabantu, ngakho kuyabonakala ukuthi abantu abanayo nje indlela eyodwa yokuqhubeka nokuphila. Futhi abanayo inhlalo eyodwa abaqhubeka nokuphila kuyo. Sikhulumile ngaphambilini ngoNkulunkulu elungisa izinhlobo ezahlukahlukene zokudla kanye nemithombo yamanzi yabantu, okuyinto ebaluleke kakhulu ukuvumela ukuthi ukuphila kwesintu enyameni kuqhubeke. Nokho, kulaba bantu, akubona bonke abantu abaphila ngokusanhlamvu. Abantu banezindlela ezahlukahlukene zokuphila ngenxa yokwehlukahlukana kwezimo ezindaweni kanye nasezweni. Lezi zindlela zokuphila zonke zalungiselelwa nguNkulunkulu. Ngakho akubona bonke abantu abazinikele ekulimeni. Okungukuthi, akubona bonke abantu abathola ukudla ezitshalweni ezikhulayo. Leli yiphuzu lesithathu esizokhuluma ngalo: Imingcele yakhelwe izindlela ezahlukahlukene zokuphila kwabantu. Ngakho-ke yiziphi ezinye izindlela zokuphila abanazo abantu? Ngokwemithombo yokudla ehlukahlukene, yiziphi ezinye izinhlobo zabantu ezikhona? Ziningi izinhlobo okungaqalwa ngazo.

Eyokuqala yindlela yempilo yokuzingela. Wonke umuntu uyazi ukuthi lokho kuyini. Badlani abantu abaphila ngokuzingela? (Umdlalo.) Badla izinyoni kanye nezilwane zehlathi. “Umdlalo” yigama lesimanje. Abazingeli abazithathi njengomdlalo; bazithatha njengokudla, njengento ebagcina bephila nsuku zonke. Isibonelo, bathola inyamazane enezimpondo ezimagatshagatsha. Uma bethola le nyamazane bafana nomlimi ethola izitshalo enhlabathini. Umlimi uthola izitshalo enhlabathini, bese kuthi uma ebona izitshalo zakhe ajabule akhululeke. Umndeni angeke ulambe uma kunezitshalo ezizodliwa. Inhliziyo yakhe iyakhululeka aphinde azizwe anelisekile. Nomzingeli aphinde azizwe ekhululekile anelisekile uma ebuka akubambile ngoba akudingeki ukuthi akhathazeke ngokudla futhi. Kukhona okuzodliwa esidlweni esilandelayo, asikho isidingo sokulamba. Lona ngumuntu ozingelayo ukuze aphile. Iningi labantu abaphila ngokuzingela baphila emahlathini ezintaba. Abalimi. Akulula ukuthola indawo engalinywa lapho, ngakho baphila ngezinto ezahlukahlukene eziphilayo, ngezinhlobonhlobo zezilwane ezizingelwayo. Wuhlobo lokuqala lolu lwempilo ehlukile kweyabantu abajwayelekile.

Imingcele Yakheke Ngenxa Yezindlela Ezahlukahlukene Zokuphila Kwesintu

Uhlobo lwesibili wuhlobo lwempilo yabafuyi. Ingabe labo abafuyayo ukuze baphile bayalima? (Cha.) Ngakho benzani? Baphila kanjani? (Isikhathi esiningi, bafuya izinkomo nezimvu ukuze baphile, ebusika bahlaba imfuyo yabo badle. Ukudla kwabo yinyama yenkomo kanye neyemvu, futhi baphuza itiye elinobisi. Nakuba abelusi bematasatasa ngazo zozine izinkathi zonyaka, badla kahle. Banobisi oluningi, imikhiqizo yobisi, nenyama.) Abantu abafuya izilwane badla inyama yenkomo neyemvu ikakhulukazi, baphuza ubisi lwemvu nolwenkomo, bese begibela izinkunzi namahhashi ukuyokwelusa izilwane zawo emadlelweni, izinwele zipheshethwa wumoya, behlatshwa yilanga ebusweni. Abanayo ingcindezi yempilo yesimanje. Usuku lonke babona ububanzi besibhakabhaka esiluhlaza nezinkalo ezinotshani obuningi. Iningi labantu abelusa imihlambi yokuziphilisa bonke bahlala ezindaweni ezinotshani bayakwazi futhi ukuqhubeka nempilo yabo yokuzulazula izizukulwane ngezizukulwane. Nakuba impilo yezindawo zotshani ithi mayibe nesithukuthezi, iyimpilo enenjabulo. Akuyona impilo embi!

Uhlobo lwesithathu yimpilo yabadobi. Kunengxenyana encane yabantu ephila ngasolwandle noma eziqhingini ezincane. Laba bazungezwa ngamanzi, babhekene nolwandle. Laba bantu bayadoba ukuze baziphilise. Uyini umthombo wokudla walaba bantu abaziphilisa ngokudoba? Imithombo yabo yokudla ifaka zonke izinhlobo zenhlanzi, ukudla okuvela olwandle, neminye imikhiqizo yasolwandle. Abantu abaziphilisa ngokudoba abalimi umhlabathi, kodwa kunalokho badoba zonke izinsuku. Ukudla kwabo okuphambili kunezinhlobonhlobo zezinhlanzi nemikhiqizo yolwandle. Ngezinye izikhathi bahweba ngalezi zinto ukuze bathole irayisi, ufulawa, kanye nezidingo zansuku zonke Lolu wuhlobo olwehlukile lwempilo lolu lwabantu abaphila eduze namanzi. Labo abahlala ngasemanzini bethembele kuwo ukuze bathole ukudla kwabo, futhi ukudoba kuyimpilo yabo. Kungumthombo wokuphila nokudla kwabo.

Ngaphandle kwalabo abalimayo ukuze baziphilise, kukhona okukakhulukazi izinhlobo ezintathu zempilo ezibalwe ngenhla. Ngaphandle kwalabo abaphila ngokufuya, ukudoba, kanye nokuzingela, iningi labantu bayalima ukuze baziphilise. Badingani-ke abantu abaphila ngokulima? Badinga inhlabathi. Baphila ngokutshala izitshalo zezizukulwane. Bangatshala imifino, izithelo noma izinhlamvu, bathola ukudla kwabo nezezidingo zansuku zonke enhlabathini.

Yiziphi izimo ezijwayelekile kulezi zinhlobo ezahlukahlukene zokuphila kwabantu? Azidingi ukunakekelwa okujwayeleke ezindaweni ukuze iqhubeke impilo? Okungukuthi, uma abazingeli bebengalahlekelwa ngamahlathi ezintabeni noma yizinyoni kanye nezilwane, bebeyolahlekelwa yimpilo yabo. Ngakho uma abantu abaphila ngokuzingela belahlekelwa ngamahlathi asezintabeni bengasenazo nezinyoni kanye nezilwane, uma bengasenawo umthombo wempilo yabo, khona-ke inkombandlela leso sizwe esingayilandela nalapho lolo hlobo lwabantu olungaya ngakhona kuyinto engaziwa futhi bangase bavele banyamalale. Futhi bethembelephi labo abafuyile ukuze baphile? Ababambelele kukho akuyona nje imfuyo yabo, kodwa yisimo senhlalo okuphila kuso imfuyo yabo—izindawo zotshani. Ukuba bezingekho izindawo zotshani, bebeyoyelukisa kuphi imfuyo yabo? Bezizodlani izinkomo nezimvu zabo? Ngaphandle kwemfuyo abantu abazulazulayo ngeke babe nokuphila. Ngaphandle komthombo wemfuyo yabo, laba bantu bebeyoya kuphi? Ukuqhubeka nokuphila bekuyoba lukhuni; bebengeke babe nalo ikusasa. Ngaphandle kwemithombo yamanzi, imifula namachibi amakhulukazi bekuzokoma. Ngabe beziyoqhubeka nokuphila lezo zinhlanzi ngaphandle kwamanzi eziphila ngawo? Lezo zinhlanzi bezingeke zibe khona. Ngabe laba bantu abancike emanzini nasezinhlanzini ngokuphila kwabo bebeyoqhubeka nokuphila? Uma bebengenakho ukudla, uma bebengenawo umthombo wokuphila kwabo, bebengeke labo bantu bakwazi ukuqhubeka nokuphila. Okusho ukuthi, lapho kuba nenkinga ngokuphila kwabo noma ngokuqhubeka kwabo nokuphila, lezo zizwe bezingeke zisakwazi ukuqhubeka nokuphila, futhi beziyonyamalala, beziyosuswa emhlabeni. Kanti uma labo abangabalimi nabaziphilisa ngakho bebelahlekelwa yinhlabathi, bebengeke bakwazi ukutshala izinto, bese bethola ukudla ezitshalweni ezinhlobonhlobo, bewuyoba yini umphumela walokho? Ngaphandle kokudla, bebengeke balambe baze bafe? Uma abantu belamba baze bafe, belungeke lolo hlobo lwabantu luphele? Ngakho lena yinhloso kaNkulunkulu yokugcina izimo zenhlalo ezinhlobonhlobo. UNkulunkulu unenhloso eyodwa vo ekulondolozeni izindawo ezinhlobonhlobo okuphilwa kuzo, ukugcina izinhlobo ezahlukahlukene zabantu ezindaweni ezifanele—okungukunakekela zonke izinhlobo zabantu, ukunakekela abantu abaphila ezindaweni ezahlukahlukene zomhlaba.

Uma zonke izinto zendalo bezingalahlekelwa yimithetho yazo, beziyoshabalala; uma imithetho yazo zonke izinto beyingalahleka, izinto eziphilayo phakathi kwazo zonke izinto bezingeke zikwazi ukuqhubekela phambili. Abantu nabo bebeyolahlekelwa yizimo zabo zenhlalo abancike kuzo ukuze baphile. Uma abantu bebelahlekelwa yikho konke lokho, bebengeke bakwazi ukuqhubeka nokuphila bandise izizukulwane ngezizukulwane. Isizathu esenze ukuthi abantu baphile kuze kube manje yingoba uNkulunkulu ubaphe zonke izinto zendalo ukuthi zibondle, zondle abantu ngezindlela ezahlukahlukene. Kungenxa kaNkulunkulu kuphela ngoba enakekela abantu ngezindlela ezahlukene njengoba besaphila kuze kube yimanje, njengoba besaphila kuze kube yilolu suku lwanamuhla. Kulolo hlobo lwendawo emisiwe ukuba kuqhubeke impilo ngokuhle nokuhlelekile, zonke izinhlobo zabantu emhlabeni, zonke izinhlobo zezizwe zikwazi ukuphila ezindaweni ezinemikhawulo ebekiwe. Akekho okwazi ukweqela ngale kwale mikhawulo noma le mingcele ngoba uNkulunkulu oyahlukanisile.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp