Ungaphuthelwa Ithuba Lokwazi Ubukhosi BoMdali

May 02, 2021

Amashumi eminyaka umuntu awaphilayo, awamade futhi awamafushane. Iminyaka eyevile kwengama-20 ephakathi kokuzalwa nokuguga komuntu idlula ngokuphazima kweso, nakuba kuleli qophelo ekuphileni umuntu ebhekwa njengomdala, abantu abakule minyaka abazi lutho ngokuphila nangokudalelwa komuntu. Njengoba bedlula ezintweni eziningi, bangena kancane kancane eminyakeni ephakathi nendawo. Abantu abaneminyaka engama-30 nengama-40 basuke sebeqala ukuba nolwazi ngokuphila nangokudalelwa, kodwa imibono yabo ngalezi zinto isuke isagcwele inkungu kakhulu. Abanye abantu baqala ukusiqonda eminyakeni engama-40 isintu nendawo yonke, okwadalwa uNkulunkulu, baqonde ukuthi ukuphila komuntu kumayelana nani, ukuthi ukudalelwa komuntu kumayelana nani. Abanye abantu, nakuba sekuyisikhathi eside bengabalandeli bakaNkulunkulu futhi manje sebeseminyakeni ephakathi nendawo, abakabi nalo ulwazi olunembile nencazelo ngobukhosi bukaNkulunkulu, ingasaphathwa eyokuzithoba ngeqiniso. Abanye abantu abanandaba nalutho ngaphandle kokufuna izibusiso, futhi nakuba bephile iminyaka eminingi, ababazi futhi ababuqondi ubukhosi boMdali ngokudalelwa komuntu, futhi abakasitholi nakancane isifundo esingokoqobo sokuzithoba ekuqondiseni nasemalungiselelweni kaNkulunkulu. Abantu abanjalo bayiziphukuphuku ngokuphindwe kabili; ukuphila kwabo bakuphilela ize.

Ungaphuthelwa Ithuba Lokwazi Ubukhosi BoMdali

Uma ukuphila komuntu kwehlukaniswe ngokwezinga lezinto asedlule kuzo ekuphileni nolwazi lwakhe ngokudalelwa komuntu, cishe kuyoba izigaba ezintathu. Isagaba sokuqala ubusha, iminyaka ephakathi kokuzalwa kuya eminyakeni ephakathi nendawo, noma kusukela ekuzalweni kuya eminyakeni engama-30. Isigaba sesibili ukuvuthwa, kusukela eminyakeni ephakathi nendawo kuya ekugugeni, noma kusukela eminyakeni engama-30 kuya kwengama-60. Isigaba sesithathu inkathi yokuvuthwa komuntu, sisukela ekugugeni, ekuqaleni kweminyaka engama-60, kuya ekuhambeni komuntu emhlabeni. Ngamanye amazwi, kusukela ekuzalweni kuya eminyakeni ephakathi nendawo, ulwazi lwabantu ngokudalelwa lulinganiselwe ezintweni ozizwa ngabanye; cishe alukho ngokoqobo. Phakathi nale nkathi, umbono womuntu ngokuphila nendlela ahamba ngayo emhlabeni konke kuwubuwula. Lena inkathi yobungane. Kungemva kokuba umuntu esezwe lonke uhlobo lwenjabulo nosizi lokuphila lapho ekwazi khona ukuqonda ukudalelwa, umuntu—ekujuleni kwenhliziyo yakhe—kancane kancane uqala ukubona ukungaguquki kokudalelwa, futhi abone kancane kancane ukuthi ubukhosi boMdali kubantu bukhona ngempela. Lena inkathi yokuvuthwa. Lapho umuntu eseyekile ukulwa nokudalelwa, futhi engasafuni ukulwa nakho, kodwa azi okuningi, ezithoba entandweni yeZulu, eqonda akufezile neziphambeko zokuphila kwakhe, futhi elindele isahlulelo soMdali ngokuphila kwakhe—lena inkathi yomuntu yokuvuthwa. Cabanga ngezinto ezehlukehlukene abantu abazitholile nabadlule kuzo phakathi nezinkathi ezintathu, ngaphansi kwezimo ezivamile zethuba lomuntu lokwazi ubukhosi boMdali azizinkulu kakhulu. Uma umuntu ephilela ukuba neminyaka engama-60, umuntu uneminyaka engama-30 noma elapho uyokwazi ubukhosi bukaNkulunkulu; uma umuntu efuna inkathi ende, lokho kungenzeka kuphela uma ukuphila komuntu kukude ngokwanele, uma ekwazi ukuphila amakhulu eminyaka. Ngakho ngithi, ngokuvumelana nemithetho evamile yokuba khona komuntu, nakuba lokho kuyinqubo ende kusukela ngesikhathi umuntu aqala ngaso ukwazi ngobukhosi boMdali kuya esikhathini abona iqiniso ngaso ngobukhosi boMdali, futhi kusukela lapho kuze kube yilapho ekwazi ukuzithoba khona kubo, uma umuntu engabala leyo minyaka, ayikho ngaphezu kwengama-30 noma engama-40 lapho umuntu ethola khona ithuba lokuthola imivuzo. Futhi ngokuvamile abantu baqhutshwa izifiso zabo zokuthola izibusiso; abaqondi ukuthi ingqikithi yokuphila komuntu ikuphi, abakwazi ukubaluleka kokwazi ubukhosi boMdali, futhi abalazisi ithuba eliyingqayizivele lokuphila emhlabeni lokuzwa ukuthi kunjani ukuphila njengomuntu nokwazi ubukhosi boMdali, nababona ukuthi kuyigugu kanjani ngomuntu odaliwe ukuqondiswa uMdali mathupha. Ngakho ngithi, labo abafuna umsebenzi kaNkulunkulu uphele ngokushesha, abafisa sengathi bangahlela isiphetho somuntu ngokushesha okukhulu, abafisa sengathi uNkulunkulu angahlelela umuntu isiphetho ngokushesha, ukuze bakwazi ukuthola isiqu sangempela Sakhe bese bebusiswa, banecala lokungalaleli ngokwedlulele nokuba iziphukuphuku ngokwedlulele. Futhi labo abafisayo, phakathi nesikhathi sabo esilinganiselwe, ukubamba ithuba eliyingqayizivele lokwazi ubukhosi boMdali, bangabantu abahlakaniphile, bakhaliphile. Lezi zifiso ezimbili zembula imibono emibili: Labo abafuna izibusiso ngobugovu; abacabangi ngentando kaNkulunkulu, abafuni ukwazi ubukhosi bukaNkulunkulu, abafuni ukuzithoba kubo, bafuna ukuphila ngendlela ebajabulisayo. Bayajabula; nakuba bezobhujiswa. Labo abafuna ukwazi uNkulunkulu bayakwazi ukubekela izifiso zabo eceleni, bazimisele ukuzithoba ebukhosini bukaNkulunkulu nasemalungiselweni kaNkulunkulu; bayazama ukuphatha ngomusa abantu abazithoba egunyeni likaNkulunkulu nabanelisa isifiso sikaNkulunkulu. Abantu abanjalo baphila ekukhanyeni, baphila phakathi kwezibusiso zikaNkulunkulu; nakanjani uNkulunkulu uyobancoma. Akukhathalekile ukuthi kuthiwani, izinqumo zabantu azinamsebenzi, akukho abantu abangakusho ekutheni umsebenzi kaNkulunkulu uyothatha isikhathi esingakanani. Kungcono ukuba abantu bazibeke emseni kaNkulunkulu, bazithobe ebukhosini Bakhe. Uma ungazibeki emseni Wakhe, yini ongayenza? Ingabe uNkulunkulu uyolahlekelwa? Uma ungazibeki emseni Wakhe, uma uzama ukuphatha, wenza isinqumo esiwubulima, futhi uwena oyolahlekelwa ekugcineni. Kulapho abantu bebambisana khona noNkulunkulu ngezinga abangakwazi ngalo, kulapho bekwamukela ukuqondisa Kwakhe, belazi igunya Lakhe, futhi baqonde abenzele khona, lapho beyoba khona nethemba, yilapho bengeke baphilele khona ize, beyothola khona insindiso.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Ukukhula: Isehlakalo Sesibili

Kuya ngokuthi bazalelwe ohlotsheni olunjani lomndeni, abantu bakhulela ezindaweni ezingafani bafunde nezifundo ezingafani kubazali babo....

Ukuzimela: Isehlakalo Sesithathu

Ngemva kokudlula komuntu esigabeni sobuntwana nesokuthomba futhi kancane kancane ufinyelela ezingeni lokuvuthwa, isinyathelo esilandelayo...

Umshado: Isehlakalo Sesine

Njengoba umuntu ekhula futhi evuthwa, kuvuleka igebe elikhudlwana phakathi kwakhe nabazali bakhe nendawo azalwa futhi wakhulela kuyo, bese...

Sithinte nge-Whatsapp