Ukuzalwa: Isehlakalo Sokuqala

July 23, 2018

Lapho umuntu ezalwa, ukuthi uzalwa kumuphi umndeni, ubulili bakhe, ukubukeka, nesikhathi sokuzalwa: le imininingwane yesehlakalo sokuqala sokuphila komuntu.

Akekho ongakhetha kulezi zingxenye zesehlakalo; zonke zinqunywe kusengaphambili uMdali. Azithonyiwe nangayiphi indlela yizimo zangaphandle, futhi ayikho into umuntu angayenza ukuze aguqule la maqiniso ahlelwe uMdali ngaphambi kwesikhathi. Ukuzalwa komuntu kusho ukuthi uMdali usesifezile kakade isigaba sokuqala sokudalelwa akuhlelele lowo muntu. Ngenxa yokuthi kusuke sekuyisikhathi eside vele enqume le miningwane, akekho onamandla okushiya noma yimuphi kuyo. Kungakhathaleki ukuthi ukudalelwa komuntu kuyoba yini, izimo umuntu azalwa kuzo zinqunywe kusengaphambili, futhi zihlala ziyilokho; azithonywa nangayiphi indlela ukudalelwa kokuphila komuntu, futhi azibuthinti nangayiphi indlela ubukhosi boMdali ngaphezu kwaso.

Ukuzalwa: Isehlakalo Sokuqala

1. Kuzalwa Ukuphila Okusha Ngecebo LoMdali

Yimiphi imininingwane yesehlakalo sokuqala—indawo umuntu azalelwa kuyo, umndeni wakhe, ubulili bakhe, ukubukeka komzimba wakhe, nesikhathi umuntu azalwa ngaso—umuntu angakwazi ukuyikhetha? Ngokusobala, ukuzalwa komuntu isehlakalo esizenzakalelayo: Umuntu uzalwa engazikhethelanga, endaweni ethile, ngesikhathi esithile, emndenini othile, enokubukeka okuthile komzimba; uba ilungu lomndeni othile engazikhethelanga, uba sohlwini lozalo lomndeni wothile. Akukho umuntu angakhetha kukho kulesi sehlakalo sokuqala, kodwa uzalwa endaweni engeke ingavumelani namacebo oMdali, emndenini othile, enobulili obuthile nokubukeka, nangesikhathi esithile esihlobene eduze nenkambo yomuntu yokuphila. Yini umuntu angayenza kulesi sehlakalo esibalulekile? Ngamafuthi nje, umuntu angeke azikhethele ngisho nokukodwa kule mininingwane emayelana nokuzalwa kwakhe. Ukube kwakungekho ngenxa yezinto uMdali ayezihlele ngaphambi kwesikhathi nangesiqondiso Sakhe, ukuphila okusha kuleli zwe kwakungeke kwazi ukuthi kuzoyaphi noma kuzohlala kuphi, kwakungeke kube nabuhlobo, kube nendawo noma ikhaya langempela. Kodwa ngenxa yamalungiselelo anokucophelela oMdali, kuqala inkambo yokuphila enendawo yokuhlala, abazali, indawo yakho, nezihlobo. Kuyo yonke le nqubo, ukufika kwalokhu kuphila okusha kunqunywa izinhlelo zoMdali, futhi konke okuzoba nakho kuzobe kukunikwa uMdali. Kuqala kuwumzimba ongenagama bese kancane kancane kuba nenyama negazi, kubonakale, umuntu obonakalayo, esinye sezidalwa zikaNkulunkulu, esicabangayo, esiphefumulayo, esizwa ukushisa namakhaza, esingenza yonke imisebenzi evamile yesidalwa esidaliwe esisezweni elibonakalayo, futhi esiyodlula kuzo zonke izinto umuntu odaliwe adlule kuzo empilweni. Ukunqunywelwa kusengaphambi kwesikhathi sokuzalwa komuntu, kunqunywa uMdali okusho ukuthi uyonika lowo muntu konke okudingekayo ukuze aphile; futhi ukuthi umuntu uyazalwa nakho kusho ukuthi uyothola kuMdali konke akudingayo ukuze aphile, kusukela lapho ephila kuya kokunye, uyokunikwa uMdali futhi azithobe ebukhosini boMdali.

2. Kungani Kuzalwa Abantu Abehlukene Ngaphansi Kwezimo Ezehlukene

Abantu bavame ukucabanga ukuthi uma bengase bazalwe kabusha, bayoba semndeni ohlonishwayo; uma babengabesifazane, bayoba mhlophe bathandwe yiwo wonke umuntu, futhi uma bengabesilisa bayoba abakhangayo, abangantuli lutho, lonke izwe libheke bona. Kuvame ukuba nalabo abalutheke kakhulu ngokuzalwa kwabo futhi abangagculisekile kakhulu ngakho, bazonda umndeni wabo, indlela ababukeka ngayo, ubulili babo, ngisho nesikhathi abazalwa ngaso. Kodwa abantu abaqondi ukuthi kungani bazalelwa emndenini othile noma bebukeka ngaleyo ndlela. Abazi ukuthi kungakhathaleki ukuthi bazalelwaphi noma ukuthi babukeka kanjani, bazodlala izindima ezehlukene bafeze imisebenzi ehlukahlukene emsebenzini woMdali wokuqondisa—le njongo ngeke iguquke. Emehlweni oMdali, indawo umuntu azalelwa kuyo, ubulili bakhe, nendlela umuntu abukeka ngayo, konke kuyizinto zesikhashana. Kuwuchungechunge lwezinto ezincane ezizodlula ngokushesha, izimpawana ezincane zesigaba ngasinye sokuqondisa Kwakhe isintu sonke. Kanti indawo yangempela umuntu aphokophele kuyo nesiphelo sakhe akunqunywa indlela ethile yasekuzalweni kwakhe, kodwa kunqunywa umsebenzi awufezayo kukho konke ukuphila kwakhe, ngokwahlulela koMdali kuye lapho ukuqondisa Kwakhe sekuphelile.

Kuye kwashiwo ukuthi kunembangela yawo wonke umphumela, awukho umphumela ongenayo imbangela yawo. Ngakho ukuzalwa komuntu kuhlanganisa ukuphila kwamanje komuntu nokwesikhathi esedlule. Uma ukufa kuqeda inkambo yokuphila komuntu, khona-ke ukuzalwa komuntu kungukuqala komjikelezo omusha; uma umjikelezo omdala umelela ukuphila okwedlule komuntu, ngakho-ke umjikelezo omusha ngokwemvelo uwukuphila kwabo kwamanje. Njengoba ukuzalwa komuntu kuxhumene nokuphila kwakhe okudlule, indawo, umndeni, ubulili, ukubukeka, nokunye okunjalo, okuhlotshaniswa nokuzalwa komuntu, konke kuhlobene naye. Lokhu kusho ukuthi izinto ezimayelana nokuzalwa komuntu azithonywanga kuphela ukuphila kwakhe okwedlule, kodwa zinqunywa umgomo wakhe ekuphileni kwamanje. Yilesi isizathu kunezimo ezehlukahlukene abantu abazalwa ngaphansi kwazo: Abanye bazalelwa emindenini ehluphekayo, abanye bazalelwa emindenini ecebile. Abanye bavela emindenini evamile, abanye bavela emindenini ehlonishwayo. Abanye bazalelwa eningizimu, abanye bazalelwa enyakatho. Abanye bazalelwa ogwadule, abanye bazalelwa emazweni acaphuna kusale. Lapho kuzalwa abanye kuba nenjabulo, intokozo kanye nemigubho, kanti kwabanye kuba nezinyembezi, inhlekelele kanye nomunyu. Abanye bazalwa beyigugu, abanye balahlwa njengembewu. Abanye bazalwa benofuzo oluhle, abanye benolubi. Abanye bahle ukubabheka, abanye babi. Abanye bazalwa phakathi kwamabili, abanye bazalwa ilanga libalele likhipha umkhovu etsheni. … Ukuzalwa kwabantu bazo zonke izinhlobo kunqunywa ukudalelwa uMdali ababekele khona; ukuzalwa kwabo kunquma ukudalelwa kwabo ekuphileni kwamanje kanye nezindima abazozidlala nemisebenzi abazoyifeza. Konke lokhu kuthobela ubukhosi boMdali, okunqunywe kusengaphambili Nguye; akekho ongaphunyuka esimweni sakhe anqunyelwe sona kusengaphambili, akekho ongaguqula izimo azalelwe kuzo, futhi akekho ongazikhethela ukudalelwa kwakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Ukukhula: Isehlakalo Sesibili

Kuya ngokuthi bazalelwe ohlotsheni olunjani lomndeni, abantu bakhulela ezindaweni ezingafani bafunde nezifundo ezingafani kubazali babo....

Ukuzimela: Isehlakalo Sesithathu

Ngemva kokudlula komuntu esigabeni sobuntwana nesokuthomba futhi kancane kancane ufinyelela ezingeni lokuvuthwa, isinyathelo esilandelayo...

Sithinte nge-Whatsapp