Ukukhula: Isehlakalo Sesibili

July 23, 2018

Kuya ngokuthi bazalelwe ohlotsheni olunjani lomndeni, abantu bakhulela ezindaweni ezingafani bafunde nezifundo ezingafani kubazali babo. Lokhu kunquma izimo umuntu ayokhula abe yizo, futhi ukukhula kwakhe kumelela isehlakalo sesibili esibalulekile sokuphila komuntu. Akungabazeki ukuthi abantu abanalutho abangakukhetha ngalesi sehlakalo. Sinqunywe futhi sahlelwa ngaphambi kwesikhathi.

Ukukhula: Isehlakalo Sesibili

1. Izimo Umuntu Akhula Ngaphansi Kwazo Zinqunywa UMdali

Umuntu ngeke akwazi ukukhetha abantu, izigameko noma izinto ezimakhayo nezimthonyayo ngenkathi ekhula. Akakwazi ukukhetha ukuthi yiluphi ulwazi noma iziphiwo aba nazo, yimiphi imikhuba aba nayo. Akazikhetheli abazali nezihlobo zakhe, indawo azokhulela kuyo; futhi ubudlelwane bakhe nabantu, izehlakalo nezinto ezimzungezile, kanye nendlela ezithonya ngayo ukukhula kwakhe, zonke lezi kuyizinto ezingaphezu kwamandla akhe. Kanti ubani owenza izinqumo ngalezi zinto? Ubani ozihlelayo? Njengoba abantu kungebona abanqumayo, njengoba bengeke bazikhethele kulezi zinto, futhi njengoba bengakwazi ukuphoqa imizimba yabo ukuba izenze ngokwemvelo, kusobala ukuthi ukwakheka kwabo bonke laba bantu, izigameko, nezinto kusezandleni zoMdali. Njengoba nje uMdali ehlela izimo ezithile zokuzalwa kwawo wonke umuntu, uhlela futhi nezimo ezithile umuntu azokhula ngaphansi kwazo. Uma ukuzalwa komuntu kuletha uguquko kumuntu, ezehlakalweni, nasezintweni ezimzungezile, ukukhula kwalowo muntu kuyothinta nabanye ngendlela efanayo. Ngokwesibonelo, abanye abantu bazalelwe emindenini ehluphekayo, kodwa bakhula bezungezwe umcebo; abanye bakhulela emindenini echumayo kodwa kwenzeke ukuba lowo mcebo womndeni wabo uwe, ngezinga lokuthi baze bakhulela enhluphekweni. Akukho ukuzalwa komuntu okuqondiswa umthetho ongenakuguquka, akekho okhulela ezimweni ezingenakugwemeka, izimo ezihlelwe ngaphambi kwesikhathi. Lezi akuzona izinto umuntu angaba nazo noma angazilawula; zibangelwa ukudalelwa komuntu, futhi zinqunywe ukudalelwa komuntu. Yebo, okubalulekile ukuthi zinqunywe ngaphambi kwesikhathi uMdali ukuba zibe ukudalelwa komuntu, zinqunyelwe kusengaphambili ubukhosi boMdali, nezinhlelo Zakhe, ukuba zibe ukudalelwa komuntu.

2. Izimo Ezehlukahlukene Abantu Abakhula Ngaphansi Kwazo Zibangela Izindima Ezehlukene

Izimo zokuzalwa komuntu zakhiwa ngokuyisisekelo yizinga lendawo kanye nezimo akhula ngaphansi kwazo, futhi izimo umuntu akhula ngaphansi kwazo zibangelwa izimo azalwa ngaphansi kwazo. Ngesikhathi umuntu eqala ukufunda ulimi, ingqondo yomuntu iqala ukusebenza futhi ibambe izinto ezintsha, ngesikhathi umuntu elokhu ekhula. Izinto umuntu azizwa ngezindlebe zakhe, azibona ngamehlo akhe, nazifaka engqondweni yakhe, kancane kancane zikhulisa futhi zithuthukise umuntu ngaphakathi. Abantu, izehlakalo, nezinto umuntu ahlangabezana nazo, umqondo, ulwazi, namakhono awafundayo, nezindlela zokucabanga ezithonya lowo muntu, okugxiliswa kuye, noma akufundiswayo, konke kuzoqondisa futhi kuthonye ukudalelwa komuntu ekuphileni. Ulimi umuntu alufundayo njengoba ekhula nendlela acabanga ngayo kuhlobene kakhulu nendawo akhulela kuyo lapho esemusha, futhi leyo ndawo inabazali, alamana nabo, nabanye abantu, izehlakalo nezinto ezimzungezile. Ngakho inkambo yokukhula komuntu inqunywa indawo akhulela kuyo, futhi ixhomeke nakubantu, izenzakalo, nezinto asondelana nazo phakathi nale nkathi. Njengoba izimo umuntu akhula ngaphansi kwazo zinqunywa kusasele isikhathi eside, indawo umuntu akhulela kuyo ngesikhathi sale nqubo nayo futhi, ngokuvamile, inqunywa ngaphambi kwesikhathi. Akunqunywa izinto umuntu azikhethayo nazithandayo, kodwa kunqunywa izinhlelo zoMdali, kunqunywa amalungiselelo oMdali enziwe ngokucophelela, ubukhosi boMdali ngokudalelwa komuntu ekuphileni. Ngakho abantu noma yimuphi umuntu ahlangana nabo ekukhuleni kwakhe, nezinto umuntu ahlangabezana nazo, konke nakanjani kuhlangene nokuqondisa kanye nokuhlela koMdali. Abantu abakwazi ukubona ngaphambi kwesikhathi lezi zinhlobo zobudlelwane obuyinkimbinkimbi, futhi abakwazi ukubulawula noma babuqonde. Izinto eziningi ezingafani nabantu abaningi abangafani banomthelela endaweni umuntu akhula kuyo, futhi akekho umuntu okwazi ukuhlela nokuqondisa ukuxhumana okubanzi ngaleyo ndlela. Akekho umuntu noma into ngaphandle koMdali, okungalawula ukubukeka, ukuba khona nokungabi bikho kwabantu abaningi abehlukahlukene, izehlakalo, nezinto futhi yilokho kuwukuxhumana okuningi okulolonga ukukhula komuntu njengoba kunqunywe uMdali ngaphambi kwesikhathi, kwakha izizinda ezingafani umuntu akhulela kuzo, kwakhe nezindima ezingafani zomsebenzi kaNkulunkulu wokuqondisa, kubekele abantu isisekelo esiqinile ukuze bayifeze ngempumelelo imisebenzi yabo.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Umshado: Isehlakalo Sesine

Njengoba umuntu ekhula futhi evuthwa, kuvuleka igebe elikhudlwana phakathi kwakhe nabazali bakhe nendawo azalwa futhi wakhulela kuyo, bese...

Ukuzala: Isehlakalo Sesihlanu

Ngemva kokushada, umuntu uqala ukunakekela isizukulwane esilandelayo. Akukho ongakwenza ngobuningi nohlobo lwezingane aba nazo; nalokhu...

Sithinte nge-Whatsapp