Ukufa: Isehlakalo Sesithupha

July 23, 2018

Ngemva komshikashika nenjabulo, ukukhungatheka nokuphoxeka, ngemva kwentokozo nosizi, ukwehla wenyuka, ngemva kweminyaka eminingi ongeke wayikhohlwa, ngemva kokubona izinkathi zonyaka zishintshana, umuntu udlula kuyingqopha-mlando ebalulekile ekuphileni enganakile, futhi ngokuzumayo umuntu uzithola esezokufa. Lezo zinkathi zigxivizwe kuwo wonke umzimba womuntu: Umuntu akabe esakwazi ukuma aqonde, izinwele ebezimnyama ziba mpunga ekhanda, amehlo abemhlophe ayafiphala agcwale inkungu, nesikhumba ebesibushelelezi siyashwabana sibe namabala. Engabe esezwa kahle, aphume amazinyo, engabe esakwazi ukwenza izinto ngokushesha…. Kuleli qophelo, umuntu usuke esevalelisa eminyakeni ebe mihle yobusha bakhe, esengena kumvuthwandaba wokuphila kwakhe: ukuguga. Okulandelayo, kuzoba ukufa, isehlakalo sokugcina sokuphila komuntu.

Ukufa: Isehlakalo Sesithupha

1. UMdali Kuphela Onamandla Ekuphileni Nasekufeni Komuntu

Uma ukuzalwa komuntu kwakunqunyelwe ukuphila komuntu okwedlule, khona-ke ukufa kwakhe kuqeda lokho kunqunyelwa. Uma ukuzalwa komuntu kuyisiqalo somsebenzi womuntu ekuphileni, khona-ke ukushona komuntu kuwukuphela komsebenzi wakhe. Njengoba uMdali ezinquma ngaphambi kwesikhathi izimo zokuzalwa komuntu, kunjalo nangokufa kwakhe. Ngamanye amazwi, akekho ozalwa ngephutha, akukho ukufa okungalindelekile, futhi kokubili ukuphila nokufa kuhlobene nokuphila komuntu kwangaphambili nokwamanje. Izimo zokuzalwa nokufa komuntu zinqunywa uMdali ngaphambi kwesikhathi; leli ikusasa lomuntu, ukudalelwa komuntu. Njengoba kukuningi okungase kushiwo ngokuzalwa komuntu, ukuzalwa kwawo wonke umuntu kuyokwenzeka ngaphansi kwezimo ezehlukahlukene, ngakho buyehluka ubude bokuphila kwabantu, nezindlela nezikhathi abashona ngazo. Abanye abantu baqinile kodwa futhi basheshe bashone; abanye babuthaka kodwa bashona sebegugile, ngokuthula. Abanye bashona ngenxa yezinto ezingezona ezemvelo, abanye ngenxa yezinto zemvelo. Abanye bashonela kude nasemakhaya, abanye amehlo abo bawavala okokugcina benabathandekayo eduze kwabo. Abanye bashonela emkhathini, abanye bashonela phansi emhlabeni. Abanye bacwila emanzini, abanye babulawa yizinhlekelele. Abanye bashona ekuseni, abanye ebusuku. … Wonke umuntu ufuna ukuzalwa kamnandi, aphile kamnandi, futhi ashone kamnandi, kodwa akekho ongelula isikhathi sakhe sokuphila, akekho ongaphamba ubukhosi boMdali. Lokhu ukudalelwa komuntu. Umuntu angahlelela ikusasa lakhe zonke izinto, kodwa akekho ongahlela indlela nesikhathi sokuzalwa kwakhe nokuhamba kwakhe emhlabeni. Nakuba abantu benza okusemandleni abo ukuze bagweme futhi bamelane nokufika kokufa, kodwa ukufa kufika ngesinyelela kungaziwa. Akekho owazi ukuthi uyofa nini futhi kanjani, ingasaphathwa eyokuthi uyoshonela kuphi. Ngokusobala, akusona isintu esiphethe amandla okuphila nokufa, akukho ezweni kodwa kukuMdali, onegunya eliyingqayizivele. Ukuphila nokufa kwesintu akuwona umkhiqizo womthetho othile wezwe, kodwa kuwumphumela wobukhosi begunya loMdali.

2. Ongabazi Ubukhosi BoMdali Uyohlushwa Ukwesaba Ukufa

Lapho umuntu eguga, izinselele abhekana nazo akukhona ukondla umndeni wakhe noma ukuphila kamnandi ekugugeni kwakhe, kodwa indlela yokuvalelisa ukuphila kwakhe, indlela yokufika esiphethweni sokuphila kwakhe, indlela ukuba khona kwakhe okuzophela ngayo. Nakuba kubonakala sengathi abantu abanandaba nokufa, akekho ongagwema ukucabanga ngalesi sihloko, ngoba akekho owazi noma kunomunye umhlaba ngemva kokufa, izwe abantu abangazi lutho ngalo. Lokhu kwenza abantu besabe ukubhekana nokufa, besabe ukucabanga ngakho, kunalokho benza okusemandleni abo ukuze bagweme ukukhuluma ngalesi sihloko. Ngakho kubonakala sengathi wonke umuntu uyakwesaba ukufa, lokho okwenezela ekwenzeni bangakwazi ukubhekana neqiniso lokuphila elingenakugwemeka, elenza ithunzi elingesuki enhliziyweni yawo wonke umuntu.

Lapho umuntu ezwa umzimba wakhe uwohloka, lapho ezwa ukuthi usezoshona, uyethuka, abe nokwesaba okungachazeki. Ukwesaba ukufa kwenza umuntu abe nomzwangedwa azizwe entula usizo, futhi uyazibuza: Umuntu wavelaphi? Umuntu uyaphi? Ingabe yilena indlela umuntu azoshona ngayo, ukuphila kwakhe kushabalale phambi kwakhe? Ingabe lena inkathi ephawula ukuphela kokuphila komuntu? Ekugcineni kwakho konke, yini efunekayo ekuphileni? Kufanele kwenziweni ekuphileni? Ingabe kufanele sithole udumo nomcebo? Ingabe ukuphila kumayelana nokukhulisa izingane? … Kungakhathaleki ukuthi umuntu uke wacabanga ngemibuzo enjalo noma cha, kungakhathaleki ukuthi ukwesaba kangakanani ukufa, ekujuleni kwenhliziyo yawo wonke umuntu kuhlale kunesifiso sokuhlaziya izimfihlakalo, isifiso sokuqonda ukuphila, okuhlanganisiwe kulokhu, isimo sezwe, nokungafuni ukuhamba. Mhlawumbe akekho ongabona ngokucacile ukuthi umuntu wesabani ngempela, yini umuntu afuna ngempela ukuyazi, yini lento emkhathazayo nangafuni ukuyishiya ngemuva …

Ngenxa yokuthi besaba ukufa, abantu bakhathazeka ngokwedlulele; ngenxa yokuthi besaba ukufa, kuningi abangeke bakwazi ukukudedela. Lapho sebezoshona, abanye bakhathazeka ngalokhu noma ngalokhuya; bakhathazeka ngezingane zabo, ngabathandekayo babo, ngomcebo wabo, njengokungathi ngokukhathazeka bangasusa ubuhlungu nokwesaba ukufa okuza nakho kubo, njengokungathi ngokusondelana nabaphilayo banganqoba ukuzizwa bengelutho nomzwangedwa ohambisana nokufa. Ekujuleni kwenhliziyo yakhe, umuntu unokwesaba, wesaba ukuthi uzohlukana nabathandekayo bakhe, ukuthi ngeke aphinde abone isibhakabhaka esiluhlaza, ukuthi ngeke aphinde abuke izwe elibonakalayo. Umphefumulo onomzwangedwa, ojwayelene nobungani babathandekayo babo, ongafuni ukuhamba wodwa, uye ezweni ongalazi.

3. Ukuphila Okuchithwe Kufunwa Udumo Nengcebo Kuyoshiya Umuntu Engenalutho Lokubhekana Nokufa

Ngenxa yobukhosi boMdali nokunqunyelwa kusengaphambili, umphefumulo onomzwangedwa oqale ungelutho waba negama nabazali nomndeni, amathuba okuba yilungu lesintu, amathuba okuzwa ukuphila komuntu nokubona izwe; futhi uthola amathuba okubona ubukhosi boMdali, ukwazi ngendalo emangalisayo edalwe uMdali, futhi okubaluleke kakhulu ithuba lokuthobela igunya loMdali. Kodwa abantu abaningi abalibambi ngezandla zombili leli thuba eliyivelakancane. Bachitha wonke amandla okuphila kwabo belwa nokudalelwa, nesikhathi sabo bezama ukondla umndeni futhi beshikashikela udumo nesithunzi. Izinto abantu abazazisayo umndeni, imali nodumo; babheka lokhu njengezinto ezibaluleke kakhulu ekuphileni. Bonke bakhononda ngokudalelwa kwabo, kodwa abafuni ukucabanga ngemibuzo okubaluleke kakhulu futhi bayiqonde: kungani umuntu ephila, kufanele aphile kanjani umuntu, yini ebalulekile neyinjongo yokuphila. Konke ukuphila kwabo, kuyo yonke leyo minyaka eminingi, bajaha udumo nomcebo kuze kuphele ubusha babo, baze babe mpunga ekhanda; baze babone ukuthi imali ayisizi kangako ekugugeni kwabo, ukuthi imali ngeke ivale izikhala ezinhliziyweni zabo; baze babona ukuthi akekho okhululekile emthethweni wokuzalwa, wokuguga, wokugula, nowokufa, ukuthi akekho ongaphunyuka ekudalelweni kwakhe. Kuphela yilapho bephoqelelekile khona ukubhekana nezehlakalo zokuphila lapho bebona ukuthi ngisho noma umuntu angaba nezigidi zempahla, ngisho noma engaphakama kubantu, akekho ongasinda ekufeni, wonke umuntu uyobuyela esimweni sakhe ayevele eyiso: umphefumulo ongenalutho egameni lawo. Lapho umuntu enabazali, ukholelwa ukuthi abazali bakhe bayikho konke; lapho enempahla ucabanga ukuthi imali iyikho konke, ukuthi iyona nto umuntu aphila ngayo; lapho umuntu enegama, usondelana kakhulu nalo futhi angenza noma yini ngenxa yalo. Kuphela yilapho abantu sekumele bashiye izwe lapho bebona khona ukuthi izinto abachithe ukuphila kwabo kuzo azilutho zimane ziyintuthu yamafu nje, azikho abangabambelela kuzo, azikho abangahamba nazo, azikho ezingabasindisa ekufeni, azikho ezingaduduza imiphefumulo yabo kumzwangedwa; futhi okubi nakakhulu azikho ezingabasindisa, zibenze baphunyuke ekufeni. Udumo nokuthola ingcebo ezweni elibonakalayo kuyokwenza umuntu aneliseke okwesikhashana, kumnike injabulo edlulayo, umqondo ongamanga, kwenze umuntu aphambuke endleleni. Ngakho abantu, njengoba bezulazula olwandlekazini lwesintu, befuna ukuthula, induduzo, ukuthula kwenhliziyo, futhi bashaywa amagagasi ngokuphindelela. Lapho abantu kusadingeka bathole ngale mibuzo ukuthi kubalulekile ukuqonda—ukuthi bavelaphi, kungani bephila, bayaphi, njalo njalo—baluthwa udumo nengcebo, bayakhohliswa, balawulwe yikho, balahleke kakhulu. Isikhathi siyashesha; iminyaka idlula ngokuphazima kweso; uma engaboni usuke esevalelisile eminyakeni engcono yokuphila kwakhe. Lapho umuntu esezohamba emhlabeni, uyaqaphela ukuthi yonke into esemhlabeni iyahlehla, ukuthi ngeke esakwazi ukubambelela ezintweni abenazo; ngezinga lokuthi uzwa sengathi akasenalutho nhlobo, njengosana olusanda kuzalwa emhlabeni. Kuleli qophelo, uzizwa ephoqelelekile ukuzindla ngalokho akwenzile ekuphileni, ukuthi ukuphila kumayelana nani ngempela, kusho ukuthini, kungani umuntu ekhona emhlabeni; kuleli qophelo umuntu uyofuna ukwazi ukuthi ikhona ngempela yini impilo ngemva kokufa, ukuthi iZulu likhona ngempela yini, nokuthi sikhona ngempela yini isijeziso…. Njengoba esondela ekufeni, yilapho umuntu efuna khona nakakhulu ukuqonda ukuthi ukuphila kumayelana nani; yilapho ezizwa khona engazi lutho nakakhulu; futhi lapho ezizwa khona edinga usizo nakakhulu; ngakho ukwesaba ukufa kuyadlondlobala usuku nosuku. Zimbili izinto ezenza abantu baziphathe ngale ndlela lapho sebesondela egodini: Okokuqala, basuke sebezolahlekelwa udumo nomcebo abebelokhu bencike kuwo ukuphila kwabo konke, basuke sebezoshiya izinto ezibonakalayo zezwe; futhi okwesibili, basuke sebezobhekana bodwa nezwe abangalijwayele, eliyimfihlakalo, elingaziwa, indawo engaziwa abesaba nokubeka unyawo lwabo kuyo, lapho bengenabo abathandekayo khona kanye nendlela yokubasekela. Ngenxa yalezi zizathu ezimbili, wonke umuntu obhekana nokufa akakhululeki, uyesaba, azizwe engelutho ngendlela angakaze azizwe ngayo ngaphambili. Kulapho abantu befinyelela kuleli zinga kuphela lapho bebona khona ukuthi into yokuqala umuntu okufanele ayiqonde, lapho ebeka unyawo lwakhe kulo mhlaba, ukuthi abantu bavelaphi, kungani abantu bephila, ubani onquma ukudalelwa komuntu, ubani onakekelayo futhi onobukhosi ngaphezu kokuba khona komuntu. Lolu lwazi luyindlela yeqiniso umuntu aphila ngayo, isisekelo esibaluleke sokuphila komuntu, hhayi ukufunda indlela yokondla umndeni wakho noma indlela yokuthola udumo nengcebo, hhayi ukufunda indlela yokuvelela esixukwini noma yokuphila unenala yezinto, ingasaphathwa indlela yokuncintisana nabanye. Nakuba izindlela ezehlukahlukene zokuphila abantu abachitha konke ukuphila kwabo beziphishekela zingenza ukuphila komuntu kuthokomale ngokwenyama, azisoze zanikeza inhliziyo ukuthula nenduduzo, kunalokho ziyohlale zenza abantu bachezuke endleleni, bangakwazi ukuzilawula, balahlekelwe yiwo wonke amathuba okufunda ngenjongo yokuphila; la makhono okuphila adala umsinga wokukhathazeka mayelana nendlela yokubhekana nokufa ngokufanele. Ukuphila kwabantu konakala ngale ndlela. UMdali uphatha wonke umuntu ngobulungisa, unika wonke umuntu ithuba lokubona nelokwazi ubukhosi Bakhe, kodwa umuntu ucabanga ngokufa kuphela lapho esebona ukuthi uselengela egodini, lapho umuntu ebona khona inhlansi yokukhanya—kodwa kusuke sekwephuze kakhulu.

Abantu bachitha ukuphila kwabo bejaha imali nodumo; babambelela kulezi zinto, becabanga ukuthi ziwukuphela kwendlela yokuziphilisa, njengokungathi uma benazo bazoqhubeka bephila, ziyobasindisa ekufeni. Kodwa kulapho sebezoshona khona kuphela lapho babona khona ukuthi lezi zinto ziqhelelene kangakanani nabo, babuthaka kangakanani ekufeni, batatazela kalula kangakanani, banomzwangedwa futhi badinga usizo kangakanani, bengenandawo abangaphendukela kuyo. Baqaphela ukuthi ukuphila ngeke kuthengwe ngemali noma ngodumo, ukuthi akunandaba ukuthi umuntu ucebe kangakanani, akunandaba ukuthi waziwa kangakanani noma ukuthi unasiphi isikhundla, bonke abantu bayahlupheka futhi abalutho ekufeni. Bayabona ukuthi imali ngeke ikuthenge ukuphila, ukuthi udumo ngeke lucime ukufa, ukuthi akukho lutho phakathi kwemali nodumo okungelula isikhathi sokuphila, ngisho ngomzuzwana nje. Njengoba abantu bezizwa ngale ndlela, yilapho befuna khona nakakhulu ukungafi; yilapho futhi bekwesaba khona nakakhulu ukufa. Yilapho bebona khona ngobuqotho ukuthi akukhona okwabo, akukhona futhi okwabo ukuthi bakulawule, nokuthi umuntu akunalutho angalusho ngokuphila noma ngokufa, konke lokho kungaphezu kwamandla omuntu.

4. Woza Ngaphansi Kombuso WoMdali Ubhekane Ngokuzotha Nokufa

Kusukela ngesikhathi umuntu ezalwa, isidalwa esisodwa siqala ukuzwa ukuphila emhlabeni, sizwa igunya loMdali esilihlelelwe uMdali. Ngomuntu, umphefumulo, leli kusuke kuyithuba elihle kakhulu lokuthola ulwazi ngobukhosi boMdali, lokwazi igunya Lakhe, lokuzizwela lona mathupha. Abantu ukuphila kwabo bakuphila ngaphansi kwemithetho yokudalelwa abayibekelwe uMdali, futhi umuntu ocabangayo nononembeza, uvumelana nobukhosi boMdali azi igunya Lakhe enkambweni yamashumi amaningi eminyaka emhlabeni akuyona into okunzima ukuyenza. Ngakho kulula kakhulu kuwo wonke umuntu ukuba alibone, ngezinto adlula kuzo ekuphileni kula mashumi amaningi eminyaka, ukuthi konke ukudalelwa komuntu kunqunyelwe kusengaphambili, futhi akwazi ukubona ukuthi kusho ukuthini ukuphila. Ngesikhathi esifanayo njengoba umuntu ebona lezi zifundo zokuphila, uyoqonda kancane kancane ukuthi ukuphila kuvelaphi, nokuthi inhliziyo idingani ngempela, ukuthi yini eyoholela umuntu endleleni yeqiniso lokuphila, yimuphi umsebenzi nomgomo womuntu ekuphileni; futhi kancane kancane uyobona ukuthi uma umuntu engamkhonzi uMdali, ukuthi uma umuntu engabi ngaphansi kokubusa Kwakhe, khona-ke lapho esebhekana nokufa—lapho umphefumulo usuzophinde ubhekane noMdali—inhliziyo yomuntu iyogcwala itwetwe elinenakulinganiswa lokwesaba nokungakhululeki. Uma umuntu ephile emhlabeni amashumi eminyaka bese azi ukuthi ukuphila komuntu kuvelaphi, kodwa engaqapheli ukuthi ukudalelwa kusesandleni sikabani, khona-ke akubuzwa ukuthi lowo ngeke abhekane ngokuthula nokufa. Umuntu onolwazi ngobukhosi boMdali ngemva kwamashumi amaningi okuphila, umuntu okwazisa ngezinga elifanele ukuphila; umuntu onolwazi olujulile ngenjongo yokuphila; umuntu onolwazi olujulile ngenjongo yokuphila komuntu, obuqonda ngempela ubukhosi boMdali; futhi ozithobayo egunyeni loMdali. Umuntu onjalo uyayiqonda injongo yendalo kaNkulunkulu ngesintu, uyazi ukuthi umuntu kufanele akhonze uMdali, ukuthi konke umuntu anakho kuvela kuMdali futhi kuyobuyela Kuye ngelinye ilanga elingekude; umuntu onjalo uyaqonda ukuthi uMdali uhlela ukuzalwa komuntu futhi unobukhosi obungaphezu kokushona komuntu, futhi kokubili ukufa nokuphila kungaphansi kwegunya loMdali. Ngakho lapho umuntu eziqonda ngempela lezi zinto, uyokwazi ukubhekana ngokuthula nokufa, abekele eceleni zonke izinto zezwe, amukele futhi azithobe ngenjabulo kwakulandelayo, amukele isehlakalo sokugcina sokuphila esihlelwe uMdali kunokuthi asesabe noma azame ukumelana naso. Uma umuntu ebheka ukuphila njengethuba lokwazi ubukhosi boMdali futhi azi igunya Lakhe, uma ebona ukuphila komuntu njengethuba elingavamile lokwenza umsebenzi njengomuntu odaliwe futhi afeze umsebenzi wakhe, khona-ke lowo uyoba nombono ofanele ngokuphila, uyophila ukuphila okubusisiwe futhi okuqondiswa uMdali, uyohamba ekukhanyeni kweqiniso loMdali, azi ubukhosi boMdali, abe ngaphansi kokubusa Kwakhe, abe ufakazi wezenzo Zakhe ezimangalisayo negunya Lakhe. Ngaphandle kokungabaza, umuntu onjalo, uyokwamukelwa uMdali, futhi umuntu onjalo kuphela ongabhekana ngokuthula nokufa, futhi ongasemukela ngenjabulo isehlakalo sokugcina ekuphileni. UJobe ngokusobala wayenombono ofanayo ngokufa; wayezimisele ukusamukela ngenjabulo isehlakalo sokugcina ekuphileni, waletha uhambo lwakhe lokuphila ekupheleni okuhle, wafeza umsebenzi wakhe ekuphileni, waba sohlangothini lukaNkulunkulu.

5. Izinto Ezazifunwa Nezatholwa UJobe Ekuphileni Zamenza Wabhekana Nokufa Ngendlela Ezothile

EmBhalweni, kulotshwe lokhu ngoJobe: “Ngakho wafa uJobe, esemdala futhi esenelisiwe izinsuku” (UJobe 42:17). Lokhu kusho ukuthi ngesikhathi uJobe eshona, wayengazisoli ngalutho futhi bungekho ubuhlungu abuzwayo, kodwa wahamba ngendlela evamile kulo mhlaba. Njengoba wonke umuntu azi, uJobe wayeyindoda eyesaba uNkulunkulu egwema okubi ngesikhathi esaphila; uNkulunkulu wazincoma izenzo zakhe zokulunga, abantu bayazikhumbula, futhi ukuphila kwakhe, ngaphezu kokwabanye, kwakufanele udumo futhi kubalulekile. UJobe wajabulela izibusiso zikaNkulunkulu futhi wambiza ngokuthi ulungile emhlabeni, futhi wavivinywa uNkulunkulu walingwa nawuSathane; waba ufakazi kaNkulunkulu futhi wayefaneleka ukubizwa ngokuthi umuntu olungile. Phakathi namashumi amaningi eminyaka ngemva kokuba evivinywe uNkulunkulu, waphila ukuphila okuyigugu kakhulu, okunenjongo futhi okunesisekelo, okunokuthula kunanini ngaphambili. Ngenxa yezenzo zakhe zokulunga, uNkulunkulu wamvivinya; uNkulunkulu wavela kuye wakhuluma naye ngokuqondile. Ngakho, phakathi neminyaka alingwa ngayo, uJobe wakuqonda futhi wakwazisa ukuphila, wabuqonda ngokujulile ubukhosi boMdali, futhi wathola ulwazi olunembile kakhulu noluthile lwendlela uMdali apha futhi athathe ngayo izibusiso Zakhe. Incwadi kaJobe iloba ukuthi uJehova uNkulunkulu wabeka izibusiso ezinkulu kuJobe ukwedlula ayeke wamnika zona, okwabeka uJobe esekhundleni esingcono sokwazi ubukhosi boMdali nokubhekana ngokuthula nokufa. Ngakho uJobe, lapho eguga futhi ebhekana nokufa, nakanjani wayengakhathazekile ngempahla yakhe. Wayengakhathazekile, wayengazisoli ngalutho, futhi nakanjani wayengakwesabi ukufa; ngoba wachitha konke ukuphila kwakhe esaba uNkulunkulu, egwema indlela yobubi, futhi engenasizathu sokukhathazeka ngesiphelo sakhe. Bangaki abantu namuhla abangenza ngendlela uJobe enza ngayo lapho ebhekene nokufa? Kungani ongekho okwazi ukugcina umbono olula njengalowo? Sisodwa kuphela isizathu: UJobe waphila ukuphila kwakhe efuna ukukholelwa, ukuqaphela nokuthobela ubukhosi bukaNkulunkulu, futhi yilokho okwenza waphumelela esehlakalweni esibalulekile sokuphila, waphila iminyaka yakhe, wabhekana nesahlakalo sokugcina ekuphileni kwakhe. Kungakhathaleki ukuthi uJobe wabhekana nani, izinto ayezifuna nemigomo yakhe ekuphileni kwakujabulisa, kungeyona into ebuhlungu. Wayengajabuliswa nje ukunconywa nezibusiso ayekunikwe uMdali, kodwa okubaluleke nakakhulu, izinto ayezibeka kuqala nemigomo ayenayo ekuphileni, ngenxa yolwazi lwakhe nokubuqonda ngeqiniso ubukhosi boMdali wakwazi ukwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi, futhi ngenxa yezenzo zikaNkulunkulu ezimangalisayo, uJobe wakwazi ngesikhathi sakhe ukuzithoba ebukhosini boMdali, waba nezikhathi nezinkumbulo angasoze azikhohlwa zokuphila, ukwazana, nokuqondana komuntu noNkulunkulu; ngenxa yenduduzo nenjabulo ebangelwa ukwazi intando yoMdali; ngenxa yenhlonipho ejulile aba nayo ngemva kokubona ubukhulu bakhe, ukumangalisa, uthando kanye nokholo. Into eyenza uJobe wabhekana nokufa ukuthi wayazi ukuthi ekufeni, wayezobuyela ohlangothini loMdali. Futhi izinto azithola ekuphileni ezamenza wabhekana ngokuthula nokufa, waba nethemba lokuthi uMdali wayezombuyisela ekuphileni kwakhe, wayezovuka, angakhathazeki ngalutho, enakekelwa nguMdali. Ingabe abantu namuhla, bangakwazi ukuba nohlobo lwenjabulo uJobe ayenalo? Ingabe nina ngokwenu ningakwazi ukwenza kanjalo? Njengoba abantu kulezi nsuku benjena, kungani bengakwazi ukujabula ekuphileni, njengoJobe? Kungani bengakwazi ukuphunyuka ekuhluphekeni nasekwesabeni ukufa? Lapho bebhekene nokufa, abanye bayajuluka; abanye bayaqhaqhazela, baquleke futhi bathuthumele ngeZulu nangomuntu, futhi baze bakhale. Lezi izindlela ezingalindelekile abantu abasabela ngazo lapho ukufa kusondela. Abantu baziphatha ngalezi zindlela ezihlazisayo ngenxa nje yokuthi, ekujuleni kwezinhliziyo zabo, besaba ukufa, abanalo ulwazi olucacile ngobukhosi bukaNkulunkulu namalungiselelo Akhe, ingasaphathwa eyokuzithoba kukho; ngoba abantu abafuni lutho ngaphandle kokuhlela nokuzilawulela bona zonke izinto, ukulawula ukudalelwa kwabo, ukuphila kwabo nokufa. Ngakho akumangazi ukuthi abantu abasoze bakwazi ukuphunyuka ekwesabeni ukufa.

6. Kungokwemukela Ubukhosi BoMdali Kuphela Lapho Umuntu Engabuyela Khona Ohlangothini Lwakhe

Lapho umuntu engenalo ulwazi olucacile ngobukhosi bukaNkulunkulu namalungiselelo Akhe, ulwazi ngokudalelwa nangokufa ngeke kube nawo umqondo. Abantu abakwazi ukubona ngokucacile ukuthi konke lokhu kusentendeni yesandla sikaNkulunkulu, ababoni ukuthi uNkulunkulu olawulayo futhi onegunya elikhulu phezu kwakho, abakwazi ukubona ukuthi umuntu ngeke alisuse igunya likaNkulunkulu; ngakho lapho bebhekene nokufa amazwi, ukukhathazeka kanye nokuzisola kwabo akupheli. Bacindezelwa umthwalo omkhulu, nokudideka nazo zonke izimbangela zokwesaba ukufa. Kunoma ubani umuntu ozelwe kulomhlaba, ukuzalwa kwakhe kudingekile futhi ukufa kwakhe akunakugwemeka, futhi akekho ongaguqula lokhu. Uma umuntu efisa ukuhamba ngaphandle kwezinhlungu kuleli zwe, uma umuntu ezimisele ukubhekana nezehlakalo zokugcina ekuphileni ngaphandle kovalo nokukhathazeka, okuwukuphela kwendlela ukungabi nalutho ozisola ngakho. Futhi okuwukuphela kwendlela ongagwema ngayo ukuzisola ukwazi ubukhosi boMdali, ukwazi igunya Lakhe, nokuzithoba kulo. Kungale ndlela kuphela umuntu angaqhelelana ngayo nezinkathazo zokuphila, nokukhohlakala kukaSathane; kungale ndlela kuphela esingaphila ngayo njengoJobe, siqondiswa futhi sibusiswa uMdali, ukuphila ngokukhululeka futhi okungenankathazo, ukuphila okuyigugu futhi okunenjongo, okuphila okuthembekile futhi okungenabala; lena ukuphela kwendlela esingazithoba ngayo njengoJobe, sivivinywe futhi sithathelwe injabulo uMdali, sizithobe ekuqondiseni nasemalungiselelweni oMdali; kungale ndlela kuphela umuntu angakhonza ngayo uMdali ngakho konke ukuphila wakhe futhi anconywe Nguye, njengoba kwenza uJobe, ezwe izwi Lakhe, ambone evela; kungale ndlela kuphela esingaphila futhi sife sijabulile, njengoJobe, singezwa ubuhlungu, singakhathazekile, singazisoli; singaphila ngale ndlela kuphela ekukhanyeni, njengoJobe siphumelele kuzo zonke izehlakalo zokuphila ekukhanyeni, uhambo lwethu siluqede kahle ekukhanyeni, siwufeze ngempumelelo umsebenzi wethu—sazi, sifunde futhi siqonde ubukhosi boMdali njengabantu abadaliwe—futhi sihambe ngokukhanya, futhi sihlale sime ohlangothini loMdali njengabantu abadaliwe sinconywe Nguye.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Ukuzalwa: Isehlakalo Sokuqala

Lapho umuntu ezalwa, ukuthi uzalwa kumuphi umndeni, ubulili bakhe, ukubukeka, nesikhathi sokuzalwa: le imininingwane yesehlakalo sokuqala...

Ukuzala: Isehlakalo Sesihlanu

Ngemva kokushada, umuntu uqala ukunakekela isizukulwane esilandelayo. Akukho ongakwenza ngobuningi nohlobo lwezingane aba nazo; nalokhu...

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp