Ukuzala: Isehlakalo Sesihlanu

July 23, 2018

Ngemva kokushada, umuntu uqala ukunakekela isizukulwane esilandelayo. Akukho ongakwenza ngobuningi nohlobo lwezingane aba nazo; nalokhu kunqunywa ukudalelwa komuntu, kunqunyelwe ngaphambili uMdali. Lesi isehlakalo sesihlanu umuntu okumele adlule kuso.

Uma umuntu ezalwe ngenjongo yokufeza indima yengane yomunye umuntu, khona-ke ubuka isizukulwane esilandelayo ukuze afeze indima yomunye umzali. Lokhu kushintshana ngezindima kwenza umuntu adlule ezigabeni ezehlukene ekuphileni ngombono owehlukile. Kwenza nomuntu abheke ukuphila ngendlela ehlukile, lapho azokwazi khona ubukhosi obubodwa boMdali, kanye neqiniso lokuthi akekho ongagxambukela noma aguqule izinto uMdali azinqume kusengaphambili.

Ukuzala: Isehlakalo Sesihlanu

1. Umuntu Akazikhetheli Ukuthi Uzozala Ingane Enjani

Ukuzalwa, ukukhula, kanye nomshado konke kuletha izinhlobonhlobo namazinga angefani okudumazeka. Abanye abantu abanelisekile ngemindeni yabo noma ngendlela ababukeka ngayo; abanye ababathandi abazali babo; abanye bayayizonda indawo abakhulele kuyo. Futhi kwabaningi, ngaphandle kwakho konke ukudumazeka emshadweni kunokungagculiseki okukhulu. Akunandaba ukuthi umuntu akagculisekile kangakanani ngokuzalwa kwakhe, ukukhula kwakhe, noma umshado wakhe, wonke umuntu odlule kukho uyazi ukuthi umuntu ngeke azikhethele indawo nesikhathi azalwa ngaso, indlela abukeka ngayo, ukuthi bangobani abazali bakhe, nokuthi ushada nobani, kodwa kumele amane amukele intando yeZulu. Kodwa lapho kufika isikhathi sokuthi abantu bakhulise isizukulwane esilandelayo, bazohlela zonke izifiso abangaziqapheli engxenyeni yokuqala yokuphila kwabo enzalweni yabo, ngethemba lokuthi izingane zabo zizolungisa ukuphoxeka abahlangabezane nakho engxenyeni yokuqala yokuphila kwabo. Ngakho baba nazo zonke izinhlobo zamaphupho ezinganeni zabo: ukuthi amadodakazi abo azokhula abe mahle ngokumangalisayo, amadodana abo abukeke kahle; amadodakazi abo ayoba aphucukile naneziphiwo namadodana abo abe abafundi abahlakaniphile nabadlali abangompetha; ukuthi amadodakazi abo ayoba nomusa, abe nesimilo, futhi ahluzeke emqondweni, namadodana abo ahlakaniphe, abe nolwazi, futhi akhaliphe. Banethemba lokuthi amadodakazi noma amadodana abo, ayobahlonipha abantu abadala, acabangele abazali bawo, athandwe futhi adunyiswe yiwo wonke umuntu…. Kuleli qophelo amathemba okuphila aqala phansi, namaphupho amasha ayavuseleleka ezinhliziyweni zabantu. Abantu bayazi ukuthi abanamandla futhi abanathemba empilweni, lokuthi ngeke bathole elinye ithuba, elinye ithemba, lokuvelela kwabanye, nokuthi akukho abangakwenza ngaphandle kokwamukela ukudalelwa kwabo. Ngakho baklama wonke amathemba abo, izifiso nemibono yabo engazange igcwaliseke, esizukulwaneni esilandelayo, ngethemba lokuthi inzalo yabo ingabasiza bafeze amaphupho abo kanye nezifiso zabo; ukuthi amadodakazi namadodana ayoletha inkazimulo egameni lomndeni, abaluleke, acebe, noma adume; ngamafuphi, bafuna ukubona ingcebo yezingane zabo. Izinhlelo namaphupho abantu kuphelele; abazi yini ukuthi inani lezingane abanazo, ukubukeka kwezingane zabo, amakhono, njalo njalo, akunqunywa yibo, ukuthi ukudalelwa kwezingane zabo akukho nhlobo entendeni yesandla sabo? Abantu abakuqondisi ukudalelwa kwabo, kodwa bafuna ukuguqula ukudalelwa kwesizukulwane esincane; abanawo amandla okuphunyuka ekudalelweni kwabo, kodwa bazama ukulawula lokho kwamadodana namadodakazi abo. Abenzi yini ihaba? Ingabe lobu akubona ubuphukuphuku bomuntu nokunganaki? Abantu benza noma yini ngenxa yezingane zabo, kodwa ekugcineni, ukuthi umuntu unezingane ezingaki, nokuthi izingane ziyoba njani, akuyona impendulo yezinhlelo nezifiso zabo. Abanye abantu abanalutho, kodwa baba nezingane eziningi; abanye abantu bacebile kodwa abanangane. Abanye bafuna indodakazi, kodwa asifezeki isifiso sabo; abanye bafuna indodana kodwa abayitholi ingane yomfana. Kwabanye izingane ziyisibusiso; kwabanye ziyisiqalekiso. Abanye abazali bahlakaniphile, kodwa bazale izingane eziyiziwula; abanye abazali bakhuthele futhi bathembekile, kodwa izingane abazikhulisayo zingamavila. Abanye abazali banomusa futhi balungile kodwa banezingane ezinenzondo futhi eziyingozi. Abanye abazali bahluzekile engqondweni futhi baphile kahle kodwa bazala izingane ezingaphilile kahle. Abanye abazali bangabantu abavamile futhi abaphumeleli kodwa banezingane ezenza izinto ezinkulu. Abanye abazali abaziwa kodwa izingane zabo zingosaziwayo. …

2. Ngemva Kokukhulisa Isizukulwane Esilandelayo, Abantu Bathola Ukuqonda Okusha Ngokudalelwa

Abantu abaningi abashadayo bashada beneminyaka engaba ngama-30, futhi kuleli qophelo ekuphileni umuntu akazi lutho ngendawo umuntu aphokophele kuyo. Kodwa lapho abantu beqala ukukhulisa izingane, njengoba izingane zabo zikhula, babheka isizukulwane esisha siphinda ukuphila nazo zonke izinto abadlule kuzo esizukulwaneni esidala, babona izinto abadlule kuzo ziphindeka kuzo, babone ukuthi indlela isizukulwane esincane esihamba kuyo, njengoba nje kwakunjalo nakubo, ngeke ihlelwe noma ikhethwe. Bebhekene naleli qiniso, ayikho into abangayenza ngaphandle kokuvuma ukuthi ukudalelwa komuntu kunqunyelwe kusengaphambili; futhi uma bengakuboni lokho, kancane kancane baphambukela ezifisweni zabo, kuqubuke izinto ezisekujuleni kwenhliziyo yabo zibabulale…. Phakathi nale nkathi, ingxenye enkulu anayo idlula kuyingqopha-mlando ebalulekile empilweni futhi yenza kube nokuqonda okusha ekuphileni, umbono omusha. Kungakanani umuntu onale minyaka angakulindela esikhathini esizayo futhi yimaphi amathemba okufanele bawalangazelele? Imuphi umuntu oneminyaka engama-50 osaphupha ngeNkosana Ekhangayo? Yini indoda eneminyaka engama-50 esaphupha ngeNkosazane Emhlophe Njengeqhwa? Ingabe owesifazane osekhulakhulile ufisa ukuyeka ukuba yidada elincane elibi abe yidada elihle? Ingabe amadoda amaningi asekhulile anekusasa elifanana nelezinsizwa? Ngamafuphi, kungakhathaleki ukuthi uyindoda noma owesifazane, wonke umuntu okule minyaka maningi amathuba okuba ahluzeke emqondweni, abe nombono omuhle ngomshado, ngomndeni nangezingane. Umuntu onjalo akukho empeleni angakhetha kukho, akanasifiso sokubekela ukudalelwa inselele. Ngokwezinto umuntu adlule kuzo, uma umuntu esekule minyaka, kuyazenzakalela ukuthi athi “Umuntu kumele amukele ukudalelwa; izingane zakhe zibe nomcebo wazo; ukudalelwa komuntu kuhlelwe eZulwini.” Abantu abaningi abangaliqondi iqiniso, ngemva kokudlula kuzo zonke lezi zinguquko, ukukhathazeka, nobunzima kuleli zwe, indlela ababheka ngayo ukuphila komuntu bayokufingqa ngamazwi amabili: “Lokho ukudalelwa!” Nakuba lokhu kufingqa isiphetho sabantu bezwe nombono wabo ngokudalelwa komuntu, nakuba kuveza abantu njengabantula usizo futhi kungathiwa kuneqiniso, kukude kakhulu nokuqonda ubukhosi boMdali, futhi akukho okungangena olwazini lwegunya loMdali.

3. Ukukholelwa Ekudalelweni Akungeni Esikhundleni Solwazi Ngobukhosi BoMdali

Ngemva kokuba umlandeli kaNkulunkulu iminyaka eminingi kangaka, ingabe ukhona umehluko wangempela owubonile phakathi kolwazi ngokudalelwa kwakho nokwabantu bezwe? Ingabe ukuqonda ngempela ukunqunyelwa kusengaphambili uMdali, futhi ubazi ngempela ubukhosi boMdali? Abanye abantu bayiqonda ngokucacile inkulumo ethi “lokho ukudalelwa,” kodwa abakholelwa nakancane ebukhosini bukaNkulunkulu, abakholelwa ukuthi ukudalelwa komuntu kuhlelwe futhi kwaqondiswa uNkulunkulu, futhi abazimisele ukuthobela ubukhosi bukaNkulunkulu. Abantu abanjalo bafana nabantanta olwandle, abashaywa amagagasi, okungekho lutho abangalwenza ngaphandle kokulinda ngesineke nokwamukela ukudalelwa kwabo. Kodwa abaqapheli ukuthi ukudalelwa komuntu kuthobela ubukhosi bukaNkulunkulu; ngezisusa zabo ngeke babazi ubukhosi bukaNkulunkulu, futhi ngalokho bathole ulwazi ngegunya likaNkulunkulu, bazithobe ekuqondiseni nasemalungiselelweni kaNkulunkulu, bayeke ukumelana nokudalelwa, futhi baphile ngaphansi kokunakekelwa uNkulunkulu, kwesivikelo nesiqondiso Sakhe. Ngamanye amazwi ukwamukela ukudalelwa akufani nokuzithoba ebukhosini boMdali; ukukholelwa ekudalelweni akusho ukuthi umuntu uyakwamukela, uyakuqaphela, nokuthi uyabazi ubukhosi boMdali; ukukholelwa ekudalelweni kumane kuwukuqaphela leli qiniso nalesi senzakalo, okuyinto engafani nokwazi indlela uMdali aphatha ngayo ukudalelwa kwesintu, kusukela ekuboneni ukuthi uMdali ungumthombo obusa ukudalelwa kwazo zonke izinto, ngisho nokuzithoba ekuqondiseni koMdali nasemalungiselelweni Akhe ngokudalelwa komuntu. Uma umuntu ekholelwa kuphela ekudalelweni—ngisho enomuzwa ojulile ngakho—kodwa engabazi, engabuqapheli, engazithobi kubo futhi engabemukeli ubukhosi boMdali ngokudalelwa komuntu, khona-ke ukuphila kwakhe kuyoba inhlekelele, uyophilela ize; uyobe engakakwazi ukuzithoba ekubuseni koMdali, ukuba umuntu odaliwe ngomqondo weqiniso, ajabulele ukwamukelwa nguKristu. Umuntu obazi ngempela futhi ezwe ubukhosi boMdali kufanele abe umqemane, angabi sesimweni esidabukisayo noma sokunganaki. Ngesikhathi esifanayo akwamukele ukuthi konke kudalelwe, kufanele abe nencazelo enembile ngokuphila nokudalelwa: ukuthi konke ukuphila kuzithoba ebukhosini boMdali. Lapho umuntu ebheka uhambo aseluhambile, lapho eqoqa zonke izigaba zohambo lwakhe, ubona ukuthi kuzo zonke izinyathelo, kungakhathaleki ukuthi indlela umuntu ahamba kuyo yinhle noma inameva, uNkulunkulu ubeqondisa indlela yakhe, eyihlela. Kwakungamalungiselelo kaNkulunkulu, ukuhlela Kwakhe ngokucophelela, okwaholela umuntu la akhona namuhla. Ukuze akwazi ukwamukela ubukhosi boMdali, ukuze emukele insindiso Yakhe—yeka ukuthi lokho kuyinhlanhla enkulu kangakanani! Uma umbono womuntu ngokudalelwa ungakunaki, lokho kufakazela ukuthi umelene nayo yonke into uNkulunkulu amhlelele yona, ukuthi akazithobi. Uma umbono womuntu ngobukhosi bukaNkulunkulu ekudalelweni kwabantu uphile kahle, khona-ke lapho umuntu ebheka uhambo aseluhambile, lapho esehambisana nobukhosi bukaNkulunkulu, uba nesifiso sangempela sokuzithoba kuyo yonke into uNkulunkulu ayihlelile, uyozimisela ngempela ukuvumela uNkulunkulu aqondise ukudalelwa kwakhe, ayeke ukuhlubuka kuNkulunkulu. Ngoba uyobona ukuthi lapho umuntu engaqondi ukudalelwa, ubukhosi bukaNkulunkulu, futhi lapho engabambisani nakho ngokuphelele, kuyoba nenkungu uhambo lube nzima futhi lwephule inhliziyo. Ngakho lapho abantu beqaphela ubukhosi bukaNkulunkulu ngokudalelwa komuntu, abahlakaniphile bakhetha ukubazi nokubemukela, bashiya izinsuku ezibuhlungu ababezama ngazo ukwenza ukuphila kube ngcono ngezandla zabo zombili, kunokuqhubeka bemelana nokudalelwa, benza lokho okungabizwa ngemigomo yokuphila ngendlela yabo. Lapho umuntu engenaye uNkulunkulu, lapho engakwazi ukumbona, lapho engabuboni ngokucacile ubukhosi bukaNkulunkulu, zonke izinsuku azisho lutho, azizuzisi futhi zibanga usizi. Kungakhathaleki ukuthi umuntu unjani, usebenzaphi, uphila kanjani, noma imigomo yakhe imenza aphukelwe inhliziyo futhi ahlupheke, lowo muntu ngeke akwazi ukubheka emuva. Kulapho kuphela emukela khona ubukhosi boMdali, lapho emukela ukuqondisa namalungiselelo Akhe, futhi efuna ukuphila kwangempela komuntu, lapho eyokhululeka khona kancane kancane ekuhluphekeni nasezinkathazweni zokuphila.

4. Yilabo Abazithoba Ebukhosini BoMdali Kuphela Abangathola Inkululeko Yangempela

Ngoba abantu abakuqapheli ukuqondisa kukaNkulunkulu nobukhosi bukaNkulunkulu, bahlale bebhekana ngendlela engafanele nokudalelwa, ngombono wokuhlubuka, futhi bahlale befuna ukususa igunya likaNkulunkulu nobukhosi Bakhe nezinto ukudalelwa okubabekele zona, benethemba lokuguqula izimo zabo nokudalelwa kwabo. Kodwa ngeke baphumelele; konke la bajikela khona kuvaliwe. Lo mshikashika, owenzeka ekujuleni komphefumulo womuntu, ubuhlungu; ubuhlungu obungeke bukhohlakale; naso sonke isikhathi umuntu adlala ngokuphila kwakhe ngaso. Yini ebangela lobu buhlungu? Ingabe kungenxa yobukhosi bukaNkulunkulu, noma kungenxa yokuthi umuntu wazalwa enamashwa? Ngokusobala akukho okuyiqiniso. Ekugcineni, kungenxa yezindlela abantu abazithathayo, izindlela abantu abakhetha ukuphila ngazo izimpilo zabo. Kungenzeka abanye abakaze baziqaphele lezi zinto. Kodwa lapho wazi ngempela, lapho uqaphela ngempela ukuthi uNkulunkulu unobukhosi ngaphezu kokudalelwa kwabantu, lapho uqaphela ngempela ukuthi yonke into uNkulunkulu akuhlelele nakunqumele yona izokuzuzisa, futhi iyisivikelo esikhulu, khona-ke uba nomuzwa wokuthi kancane kancane ubuhlungu bakho buba ngcono, uyakhululeka. Ukubuka ngeso labantu abaningi, nakuba bengafuni ukuphila njengasekuqaleni, nakuba befuna ukukhululeka ebuhlungwini babo, ngeke bakubona ukuba yigugu nenjongo yobukhosi boMdali ngokudalelwa kwabantu; ngeke babubone ngempela futhi bazithobe ebukhosini boMdali, ingasaphathwa-ke eyokufuna nokwamukela ukuqondisa koMdali namalungiselelo Akhe. Ngakho uma abantu bengeke baliqaphele ngempela iqiniso lokuthi uMdali unobukhosi ekudalelweni komuntu nakuzo zonke izinto zomuntu, uma bengakwazi ukuzithoba ngeqiniso ekubuseni koMdali, khona-ke kuyoba nzima ukuthi baqondiswe, umbono wokuthi “ukudalelwa komuntu kusezandleni zakhe,” kuyoba nzima ngabo ukuba basuse ubuhlungu bokuzabalaza ngokumelene nokudalelwa negunya loMdali, futhi ngokungangabazeki kuyoba nzima ngabo ukuthi bakhululeke ngokuphelele, ukuthi babe abantu abakhonza uNkulunkulu. Kunendlela elula kakhulu yokuzikhulula kulesi simo: ukuvalelisa indlela yangaphambili yokuphila, nemigomo yokuphila okudala, ukufingqa nokuhlaziya ukuphila okudala, indlela yokubuka impilo, nezifiso, nemibono, bese ukuqhathanisa nentando kaNkulunkulu nakufunayo ngomuntu, ubone ukuthi kukhona yini okuvumelana nentando kanye nezimfuneko zikaNkulunkulu, ukuthi kukhona yini okunemithetho efanele empilweni, okuholela umuntu ekuqondeni okunzulu ngeqiniso, okumvumela ukuba aphile nobuntu nokufana nomuntu. Lapho uphenyisisa futhi uhlaziya ngokucophelela imigomo ehlukahlukene ekuphileni abantu abayifunayo nezindlela ezehlukahlukene abaphila ngazo, uyothola ukuthi akekho kubo ovumelana nenjongo yasekuqaleni yoMdali lapho edala isintu. Bonke baqhelisa abantu ebukhosini nasekunakekelweni uMdali; bonke bayimigoga eyenza abantu bonakale, futhi ebaholela esihogweni. Ngemva kokubona lokhu, umsebenzi wakho ukubeka eceleni umbono wakho omdala ngokuphila, ubalekele izingibe eziningi, uvumele uNkulunkulu aqondise ukuphila kwakho akwenzele amalungiselelo, uzame kuphela ukuzithoba esiqondisweni sikaNkulunkulu, ukungakhethi ube umuntu okhonza uNkulunkulu. Lokhu kuzwakala kulula, kodwa kunzima ukukwenza. Abanye abantu bangabubekezelela ubuhlungu bakho, abanye ngeke bakwazi. Abanye bazimisele ukubambisana nakho, abanye abazimisele. Labo abangazimisele abanaso isifiso nesinqumo sokwenza kanjalo; babubona ngokucacile ubukhosi bukaNkulunkulu, bazi kahle kamhlophe ukuthi nguNkulunkulu owenza izinhlelo namalungiselelo okudalelwa komuntu, kodwa noma kunjalo basazabalaza, abakafuni ukubeka amathemba abo entendeni yesandla sikaNkulunkulu nokuzithoba ebukhosini bukaNkulunkulu, futhi abakuthandi ukuqondisa namalungiselelo kaNkulunkulu. Ngakho kuyohlale kunabantu abafuna ukuzibona ukuthi bakwazi ukwenzani; futhi ukuguqula ukudalelwa kwabo ngazo zombili izandla zabo, nokuthola injabulo ngamandla abo, ukubona ukuthi bangakwazi yini ukugqashula izibopho zegunya likaNkulunkulu baphakame ngaphezu kobukhosi bukaNkulunkulu. Ukudabuka komuntu akukhona ukuthi ufuna ukujabula empilweni, akukhona ukuthi umuntu ufuna udumo nengcebo noma ukuthi ulwa nokudalelwa kwakhe, kodwa ukuthi ngemva kokubona ukuthi uMdali ukhona, ngemva kokubona ukuthi uMdali unobukhosi ngaphezu kokudalelwa komuntu, akakazilungisi izindlela zakhe, akakwazi ukukhipha izinyawo zakhe odakeni, kodwa uqinisa inhliziyo yakhe futhi aphikelele eziphambekweni zakhe. Uzolokhu ebhukuda odakeni, ephikisana ngenkani nobukhosi boMdali, emelana nabo kuze kufike isiphetho esibuhlungu, ngaphandle kwesenzo esincane sobuqotho, futhi kulapho elala ephukile futhi opha lapho enquma khona ukubuyela emuva. Lolu usizi lwangempela lomuntu. Ngakho ngithi labo abazithobayo bahlakaniphile, futhi labo abakhetha ukuphunyuka banamakhanda aqinile.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Ukufa: Isehlakalo Sesithupha

Ngemva komshikashika nenjabulo, ukukhungatheka nokuphoxeka, ngemva kwentokozo nosizi, ukwehla wenyuka, ngemva kweminyaka eminingi ongeke...

Ukukhula: Isehlakalo Sesibili

Kuya ngokuthi bazalelwe ohlotsheni olunjani lomndeni, abantu bakhulela ezindaweni ezingafani bafunde nezifundo ezingafani kubazali babo....

Ukuzimela: Isehlakalo Sesithathu

Ngemva kokudlula komuntu esigabeni sobuntwana nesokuthomba futhi kancane kancane ufinyelela ezingeni lokuvuthwa, isinyathelo esilandelayo...

Sithinte nge-Whatsapp