Indaba 1. Imbewu, Umhlaba, Isihlahla, Ukukhanya Kwelanga, Izinyoni, Nabantu

August 06, 2018

Namuhla ngizohlanganyela ngesihloko esisha nani. Sithini lesi sihloko? Isihloko saso sithi: “UNkulunkulu ungumthombo wokuphila wazo zonke izinto.” Asizwakali sibanzi kakhulu lesi sihloko? Ingabe kuzwakala sengathi yinto ongefinyelele kuyo? “UNkulunkulu ungumthombo wokuphila wazo zonke izinto”—lesi sihloko singezwakala sithe ukuqhela, kodwa kufanele siqondwe yibo bonke abantu abalandela uNkulunkulu, ngenxa yokuthi sixhumene ngokungenakwehlukaniswa nokwazi komuntu ngamunye ngoNkulunkulu nokwazi kwakhe ukumenelisa nokumhlonipha. Kungakho ngizohlanganyela ngalesi sihloko. Kungenzeka impela ukuthi abanye abantu banokuqonda okuyisisekelo ngalesi sihloko, noma mhlawumbe abanye abantu bayasazi ezingeni elithile. Lolu lwazi noma ukuqonda kungenzeka, emiqondweni yabanye abantu, kuphelezelwe yizinga lokuqonda elilula noma elikha phezulu. Abanye kungase kube bahlangane nakho ngokukhethekile, okuholele ekuthini bahlangane mathupha nangokujulile nalesi sihloko ezinhliziyweni zabo. Kodwa ulwazi lwangaphambili olunjalo, noma ngabe lujulile noma ngolwangaphandle nje, lusohlangothini olulodwa futhi alucacile ngokwanele. Ngakho, lesi yisizathu esenze ukuthi ngikhethe ukuhlanganyela ngalesi sihloko: ukukusiza ukuthi ube nokuqonda okujule nokucace ngokwengeziwe. Ngizosebenzisa indlela ekhethekile ukuhlanganyela ngalesi sihloko nani, indlela esingakaze siyisebenzise ngaphambili, leyo eningayithola ingajwayelekile, noma ecishe inganikhululi kahle. Nizobuye nikwazi lokhu engikushoyo. Niyazithanda izindaba? (Siyazithanda.) Kubonakala sengathi nginembile ngokukhetha le ndlela yokuxoxa izindaba ngoba nizithanda kangaka. Hhayi-ke, masiqaleni. Akudingeki ukuba nibhale amanothi. Ngicela ukuba nithule, ningashuduzi. Ningavala amehlo enu uma nizwa ukuthi izimo kanye nabantu abaseduze kwenu kuzonithikameza. Nginendaba emnandi engizonixoxela yona. Yindaba yembewu, umhlaba, isihlahla, ukukhanya kwelanga, izinyoni nabantu. Indaba engizoyixoxa inabaphi abalingiswa abaqavile? (Imbewu, umhlaba, isihlahla, ukukhanya kwelanga, izinyoni nabantu.) Ingabe uNkulunkulu ungomunye wabalingiswa? (Cha.) Noma kunjalo, ngiqinisekile ukuthi, ngemva kokuxoxwa kwendaba, nizozizwa ningcono futhi nenelisekile. Kulungile-ke, ngicela nilalele ngokuthula.

Indaba 1. Imbewu, Umhlaba, Isihlahla, Ukukhanya Kwelanga, Izinyoni, Nabantu

Imbewu encane yawela emhlabeni. Kwana imvula enkulu, imbewu yaqhumisa ihlumela elithambile, nezimpande zalo zangena kancane enhlabathini ngaphansi. Ihlumela lakhula laba lide, libekezelele imimoya enonya nemvula enamandla, libona ukuguquka kwezikhathi zonyaka ngenkathi inyanga ikhula futhi incipha. Ehlobo, umhlaba waletha izipho zamanzi ukuze ihlumela likwazi ukumela ukushisa okuhangulayo. Futhi, ngenxa yomhlaba, ihlumela alehlulwanga ukushisa, ngalokho lasinda ekushiseni kwehlobo. Lapho kufika ubusika, umhlaba wamboza ihlumela ngokuligona ngemfudumalo, umhlaba nehlumela kwankonkoshelana. Umhlaba wafudumeza ihlumela, ngalokho lasinda ekubandeni okubi, alaze lalinyazwa yiziphepho zasebusika nokukhithika kweqhwa. Livikelwe umhlaba, ihlumela lakhula ngesibindi futhi lijabule. Ngokondliwa umhlaba, lakhula laba lide futhi laqina. Lakhula ngokujabula, licula emvuleni, lidansa futhi lintengantenga emoyeni. Ihlumela nomhlaba kwancika okunye kokunye …

Indaba 1. Imbewu, Umhlaba, Isihlahla, Ukukhanya Kwelanga, Izinyoni, Nabantu

(Umthombo: Fotolia)

Yadlula iminyaka, ihlumela lakhula laba yisihlahla eside. Sama saqina emhlabeni, saba namagatsha amakhulu anamaqabunga angebalwe. Izimpande zesihlahla zaqhubeka zamba emhlabeni njengoba zazenzile ngaphambili, kodwa manje zangena zajula ngaphansi emhlabathini. Umhlaba, owawukade uvikele ihlumela elincane, manje wase uyisisekelo sesihlahla esinamandla.

Umsebe welanga wakhanyisa phansi esihlahleni. Isiqu sanyakaza selula izingalo zaso sadonsa ngokujulile umoya okhanyiswe yilanga. Umhlaba phansi waphefumula kanyekanye nesihlahla, nomhlaba wazizwa uvuselelekile. Khona manjalo, umoya ohelezayo wavunguza emagatsheni, isihlahla sanyakaza ngenjabulo, sigcwele amandla. Isihlahla nokukhanya kwelanga kuncike okunye kokunye …

Abantu bahlala emthunzini opholile wesihlahla futhi bathamela emoyeni onamakha amnandi. Umoya wahlanza izinhliziyo namaphaphu abo, futhi wahlanza igazi ngaphakathi kubo, nemizimba yabo yayingasakhathele futhi ingabambekile. Abantu nesihlahla kuncike okunye kokunye …

Iqulu lezinyoni ezitshiyozayo lahlala emagatsheni esihlahla. Mhlawumbe zazihlala lapho ngoba zigwema isitha esithile, noma zazihlalela ukuzalela nokukhulisa amaphuphu azo, noma mhlawumbe zazithatha nje ikhefana. Izinyoni nesihlahla kuncike okunye kokunye …

Izimpande zesihlahla, zisontekile ziphambene, zangena zajula emhlabeni. Ngesiqu saso savikela umhlaba emoyeni nasemvuleni, futhi selula amagatsha aso ukuvikela umhlaba ngaphansi kwezinyawo zaso. Isihlahla senza lokhu ngoba umhlaba wawungunina. Kuyaqinisana futhi kuncikile okunye kokunye, futhi angeke kuhlukane …

Manje-ke, le ndaba iyaphela. Indaba engiyixoxile imayelana nembewu, umhlaba, isihlahla, ukukhanya kwelanga, izinyoni nabantu. Ibe nezigcawu ezimbalwa kuphela. Inishiye namiphi imizwa? Uma ngikhuluma ngale ndlela, niyakuqonda engikushoyo? (Siyaqonda.) Ngicela nikhulume ngemizwa yenu. Nizweni ngemva kokuzwa le ndaba? Ngizoqala nginitshele ukuthi bonke abalingiswa abasendabeni bangabonakala futhi bathinteke; yizinto zoqobo, hhayi izingathekiso. Ngifuna niqhubeke nicabange ngalokho engikuxoxile. Akukho lutho engikhulume ngakho okufihlekile endabeni Yami, futhi amaphuzu asemqoka abekwe emigqeni embalwa endabeni. (Indaba esiyizwile isinikeza isithombe esihle: Imbewu iyaphila kanti uma ilokhu ikhula ihlangabezana nezikhathi ezine zonyaka: intwasahlobo, ihlobo, ikwindla nobusika. Umhlaba wondla imbewu ehlumayo njengoba kwenza umama. Unikeza imfudumalo ebusika ukuze ihlumela lisinde emakhazeni. Ngemva kokukhula kwehlumela liba yisihlahla, umsebe welanga uthinta amagatsha aso, okunikeza isihlahla injabulo enkulu. Ngibona ukuthi phakathi kwenqwaba yezidalwa zikaNkulunkulu, umhlaba nawo uyaphila, nokuthi wona nesihlahla kuncikile okunye kokunye. Ngibona futhi ukufudumala okukhulu okulethwa ukukhanya kwelanga esihlahleni, futhi ngibona izinyoni, nakuba ziyinto evamile, zihlangana nesihlahla nabantu ngokuzwana okuphelele. Yilena imizwa engibe nayo enhliziyweni yami lapho ngizwa le ndaba; ngibona ukuthi zonke lezi zinto ziyaphila ngempela.) Usho kahle! Ingabe ukhona onokuthize afuna ukukwengeza? (Kule ndaba yembewu iqhuma, ikhula, iba yisihlahla eside, ngibona isimangaliso sendalo kaNkulunkulu. Ngibona ukuthi uNkulunkulu wenze zonke izinto ukuba ziqinisane futhi zincikane enye kwenye, nokuthi zonke izinto zixhumene futhi ziyasebenzelana. Ngibona ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, izimangaliso Zakhe, futhi ngibona ukuthi ungumthombo wempilo yazo zonke izinto.)

Indaba 1. Imbewu, Umhlaba, Isihlahla, Ukukhanya Kwelanga, Izinyoni, Nabantu

Zonke izinto engisanda kukhuluma ngazo ziyinto esenike nayibona. Imbewu, ngokwesibonelo, ikhula ibe yisihlahla, nakuba ungeke ubone yonke imininingwane yenqubo, kodwa uyazi ukuthi iyenzeka, akunjalo? Uyazi futhi ngomhlaba nangokukhanya kwelanga. Umfanekiso wezinyoni zihleli esihlahleni yinto bonke abantu asebeke bayibona, akunjalo? Nesithombe sabantu bephola emthunzini wesihlahla—yinto esenike nayibona nonke, akunjalo? (Kunjalo.) Manje, muzwa muni eniwutholayo uma nibona zonke lezi zinto esithombeni esisodwa? (Umuzwa wokuzwana.) Ingabe zonke lezi zinto ezikulesi sithombe zivela kuNkulunkulu? (Yebo.) Njengoba zivela kuNkulunkulu, uNkulunkulu uyazi ngobugugu nokubaluleka kokuba khona kwalezi zinto ezehlukene emhlabeni. Ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto, lapho ehlela futhi edala into ngayinye, wayenenhloso; futhi lapho edala lezo zinto, wafaka ukuphila kuleyo naleyo nto. Indawo ayidalela ukuphila kwesintu, njengoba isanda kuchazwa endabeni yethu, yindawo lapho imbewu nomhlaba kuncike kokunye, lapho umhlaba wondla imbewu, nembewu ibophezeleke emhlabeni. Lobu budlelwane bahlelwa nguNkulunkulu kwasekuqaleni kokudala Kwakhe. Isigcawu sesihlahla, ukukhanya kwelanga, izinyoni, nabantu kuyisethulo sendawo enokuphila uNkulunkulu ayidalela isintu. Okokuqala, isihlahla asinakuwushiya umhlaba, futhi asikwazi ukuphila ngaphandle kokukhanya kwelanga. Pho, yabe iyini inhloso kaNkulunkulu ngokudala isihlahla? Singasho ukuthi kwakungukwenzela umhlaba kuphela? Singasho ukuthi kwakwenzelwa izinyoni kuphela? Singasho ukuthi kwakwenzelwa abantu kuphela? (Cha.) Buyini ubudlelwane phakathi kwakho? Ubudlelwane phakathi kwakho ukusimamisana, okunye kuncike kokunye nokungehlukaniseki. Okusho ukuthi umhlaba, isihlahla, ukukhanya kwelanga, izinyoni nabantu kuthembela kokunye ukuze kuphile futhi kondlane. Isihlahla sivikela umhlaba, bese umhlaba wondla isihlahla; ukukhanya kwelanga kuhlinzeka isihlahla, ngenkathi isihlahla sithola umoya omusha ekukhanyeni kwelanga bese sipholisa umhlaba ekushiseni kwelanga. Ubani osizakalayo kulokhu ekugcineni? Yisintu, akunjalo? Lokhu kungesinye sezimiso eziyisisekelo sendawo isintu esiphila kuyo, esadalwa uNkulunkulu; yilokho uNkulunkulu ayekuhlosile ekuqaleni. Yize lesi kuyisithombe esilula, siyakubona kuso ukuhlakanipha kukaNkulunkulu nenhloso Yakhe. Isintu singephile ngaphandle komhlaba, noma ngaphandle kwezihlahla, ingasaphathwa eyokuphila ngaphandle kwezinyoni nokukhanya kwelanga. Akunjalo? Yize kuyindaba nje, ekwethulayo kuyisilinganiso esincane sokudala kukaNkulunkulu amazulu nomhlaba nazo zonke izinto nesipho Sakhe sendawo okungaphila kuyo isintu.

UNkulunkulu udalele isintu amazulu nomhlaba nazo zonke izinto, kanye nendawo esiphila kuyo. Okokuqala, iphuzu elisemqoka indaba ekhuluma ngalo, ukusimamisana, ukuncika kwento kwenye nokuphila ndawonye kwazo zonke izinto. Ngaphansi kwalesi simiso, indawo yokuphila abantu ivikelekile; ingaba khona futhi isimame. Ngenxa yalokhu, isintu singachuma futhi sizalane. Isithombe esisibonile besingesesihlahla, umhlaba, ukukhanya kwelanga, izinyoni nabantu kundawonye. Ingabe uNkulunkulu ubekhona kulesi sithombe? Akabonakalanga lapho, akunjalo? Kodwa umuntu uwubonile umthetho wokusimamisana nowokuthi enye into incike kwenye phakathi kwezinto ezisesigcawini; kulo mthetho umuntu ubona ubukhona nobukhosi bukaNkulunkulu. UNkulunkulu usebenzisa isimiso nomthetho onjalo ukugcina ukuphila nokuba khona kwazo zonke izinto. Ngale ndlela, uhlinzeka zonke izinto nesintu. Ingabe le ndaba ixhumene nendikimba yethu ephambili? Uma siyibuka singajulile, kubonakala kungenjalo, kodwa empeleni umthetho uNkulunkulu adala ngawo zonke izinto nokwengamela Kwakhe zonke izinto kuhlobene kakhulu nokuba Kwakhe ngumthombo wokuphila kwazo zonke izinto. La maqiniso awehlukaniseki. Manje seniqala ukufunda okuthile!

UNkulunkulu ulawula imithetho ebusa ukusebenza kwazo zonke izinto; ulawula imithetho ebusa ukuphila kwazo zonke izinto; ulawula zonke izinto, futhi uhlela ukuthi zisimamisane futhi enye incike kwenye, ukuze zingabhubhi noma zinyamalale. Umuntu angaphila ngale ndlela kuphela; angaphila ngale ndlela ngokuholwa nguNkulunkulu endaweni enjalo. UNkulunkulu uyinkosi yale mithetho yokusebenza, futhi akekho ongagxambukela kuyo, noma ongayiguqula; uNkulunkulu uqobo Lwakhe kuphela owazi le mithetho futhi Nguye kuphela oyiphethe. Ukuthi izihlahla zizohluma nini, lizona nini, umhlaba uzonikeza izitshalo amanzi angakanani nokudla okungakanani; amaqabunga azowa ngasiphi isikhathi sonyaka; izihlahla zizothela ngasiphi isikhathi sonyaka; umsoco ongakanani ukukhanya kwelanga okuzowunikeza izihlahla; izihlahla zizophefumulani emva kokondliwa ukukhanya kwelanga—zonke lezi zinto zahlelwa uNkulunkulu ngenkathi edala zonke izinto, njengemithetho engeke yephulwe muntu. Izinto ezadalwa nguNkulunkulu, noma ngabe ziyaphila noma, emehlweni abantu, aziphili, zisezandleni zikaNkulunkulu, lapho ezilawula futhi ezibusa khona. Akekho umuntu ongashintsha noma ephule le mithetho. Kusho ukuthi, ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto wanquma kungakenzeki ukuthi isihlahla ngeke sifake izimpande phansi, sihlume, futhi sikhule uma umhlaba ungekho; ukuthi uma umhlaba ubungenazo izihlahla, ubuzokoma; ukuthi isihlahla kufanele sibe yikhaya lezinyoni nendawo lapho zikhosela khona emoyeni. Singaphila yini isihlahla ngaphandle kokukhanya kwelanga? (Cha.) Futhi ngeke siphile ngomhlaba wodwa. Zonke lezi zinto zenzelwe isintu, ukuze isintu siphile. Esihlahleni, umuntu uthola umoya omusha, futhi umuntu uphila emhlabeni, ovikelwa yisihlahla. Umuntu angephile ngaphandle kokukhanya kwelanga noma izinto ezehlukene eziphilayo. Noma ngabe ubudlelwane phakathi kwalezi zinto buphithene, kufanele ukhumbule ukuthi uNkulunkulu wadala imithetho ebusa zonke izinto ukuze ziqinisane, enye incike kwenye, futhi ziphile ndawonye. Ngamanye amazwi, yonke into ayidala inosizo nokubaluleka. Ukuba uNkulunkulu wadala into engenamsebenzi nokubaluleka, uNkulunkulu wayeyoyishabalalisa. Le ngenye yezindlela uNkulunkulu azisebenzisayo ekuhlinzekeni zonke izinto. Kusho ukuthini “ukuhlinzeka” kule ndaba? Ingabe uNkulunkulu uchelela isihlahla nsuku zonke? Ingabe isihlahla sidinga ukusizwa nguNkulunkulu ukuba siphefumule? (Cha.) “Ukuhlinzeka” lapha kubhekiswe ekuphatheni kukaNkulunkulu izinto zonke ngemva kokuzidala; kwanele ukuba uNkulunkulu aziphathe emva kokumisa imithetho. Uma imbewu isitshalwe emhlabeni, isihlahla siyazikhulela ngokwaso. Izimo zokukhula kwaso zonke zidalwe nguNkulunkulu. UNkulunkulu wenze ukukhanya kwelanga, amanzi, inhlabathi, umoya nendawo ezungezile; uNkulunkulu wenza umoya, isithwathwa, iqhwa, nemvula nezikhathi ezine zonyaka. Lezi yizimo isihlahla esizidingayo ukuze sikhule, futhi lezi yizinto ezilungiswe nguNkulunkulu. Manje, ingabe uNkulunkulu ungumthombo wale ndawo yokuphila? (Yebo.) Ingabe uNkulunkulu kufanele nsuku zonke abale iqabunga ngalinye ezihlahleni? Cha! UNkulunkulu futhi akudingeki ukuba asize isihlahla ukuba siphefumule noma avuse ukukhanya kwelanga nsuku zonke ethi, “Sekuyisikhathi sokukhanya ezihlahleni manje.” Akadingi ukuthi enze njalo. Ukukhanya kwelanga kuyazikhanyela lapho sekuyisikhathi sokukhanya, njengoba kumisiwe ngumthetho; kuyavela bese kukhanya phezu kwesihlahla bese isihlahla simunca ukukhanya kwelanga lapho sidinga ukukumunca, futhi lapho kungadingeki, isihlahla sisaphila ngaphakathi kwemithetho. Ningase ningakwazi ukuchaza lesi senzeko ngokucacile, kodwa noma kunjalo siyiqiniso, elibonwa futhi livunywe yibo bonke abantu. Odinga ukukwenza, ukubona ukuthi imithetho ebusa ukuba khona kwazo zonke izinto ivela kuNkulunkulu, futhi wazi ukuthi uNkulunkulu uyinkosi phezu kokukhula nokuphila kwazo zonke izinto.

Manje, ingabe le ndaba iqukethe lokhu abantu abathi “yisingathekiso”? Ingabe ukwenza samuntu? (Cha.) Ngixoxe indaba eyiqiniso. Lonke uhlobo lokuphilayo, konke okunokuphila, kubuswa uNkulunkulu; yonke into ephilayo yafakwa ukuphila nguNkulunkulu ngenkathi eyidala; ukuphila kwayo yonke into ephilayo kuvela kuNkulunkulu futhi kulandela indlela nemithetho ekuqondisayo. Lokhu akudingi ukuthi kuguqulwe umuntu, futhi akudingi lusizo oluvela kumuntu; kungenye yezindlela uNkulunkulu ahlinzeka ngayo zonke izinto. Niyaqonda, angithi? Nicabanga ukuthi sikhona isidingo sokuthi abantu bakubone lokhu? (Yebo.) Ngakho-ke, ingabe lolu daba lumayelana nesayensi yempilo? Ingabe kuhlobene nomkhakha othile wolwazi noma umkhakha wokufunda? Asixoxi ngesayensi yempilo, futhi ngempela asenzi ucwaningo lwesayensi yempilo. Yimuphi umqondo osemqoka wenkulumo yethu? (UNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto.) Niboneni phakathi kwendalo? Nike nazibona izihlahla? Nike nawubona umhlaba? (Yebo.) Nikubonile ukukhanya kwelanga, angithi? Nike nazibona izinyoni zihleli ezihlahleni? (Sizibonile.) Ingabe isintu siyakujabulela ukuhlala endaweni efana nalena? (Yebo.) Lokho kusho ukuthi, uNkulunkulu usebenzisa zonke izinto—izinto azidala—ukugcina nokuvikela ikhaya lesintu, indawo yaso yokuphila. Ngale ndlela uNkulunkulu uhlinzeka isintu nazo zonke izinto.

Niyithanda kanjani indlela yokwethula le ngxoxo, indlela engihlanganyela ngayo? (Kulula ukukuqonda, futhi kukhona izibonelo zangempela eziningi.) La mazwi engiwakhulumayo akuwona amazwi angenalutho, akunjalo? (Yebo). Ingabe abantu bayayidinga le ndaba ukuze baqonde ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto? (Yebo.) Uma kunjalo, asiqhubeke-ke nendaba yethu elandelayo. Indaba elandelayo ithe ukwehluka ngalokho ekuqukethe, futhi nendikimba ithe ukwehluka nayo. Konke okubonakala kule ndaba yinto abantu abayibona ngamehlo abo endalweni kaNkulunkulu. Manje, sengikuqala ukuxoxa Kwami. Ngicela nilalele nithule bese nibona ukuthi ningakuqonda yini engikhuluma ngakho. Uma sengiyiqedile indaba, ngizonibuza imibuzo ethile ukuze ngibone ukuthi nifunde okungakanani. Abalingisi abasemqoka kule ndaba yintaba enkulu, umfudlana omncane, umoya onamandla, negagasi elikhulukazi.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VII” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp