UNkulunkulu Usebenzisa Amandla Onke Akhe Nendlela Enokuhlakanipha Ukunika Zonke Izinto Nokusekela Ukuphila Kwesintu

August 06, 2018

UNkulunkulu Usebenzisa Amandla Onke Akhe Nendlela Enokuhlakanipha Ukunika Zonke Izinto Nokusekela Ukuphila Kwesintu

Sikhulume ngani kulesi sikhashana esedlule? Ekuqaleni, sikhulume ngendawo yokuhlala isintu nokuthi yini uNkulunkuu ayenza, akulungisa, nabhekana nakho kule ndawo, kanjalo nobudlelwano phakathi kwazo zonke izinto uNkulunkulu azilungiselele isintu nokuthi uNkulunkulu ubusingathe kanjani lobu budlelwano ukuze avimbele zonke izinto ukuthi zingalimazi isintu. UNkulunkulu uphinde wasombulula imithelela engemihle esimweni sesintu elethwe yizo zonke izinto, wavumela zonke izinto ukuthi zikhulise ukusebenza kwazo, futhi watholela isintu indawo efanele ukuhlala, nazo zonke izinto eziwusizo, okwenza isintu sikwazi ukumelana nendawo enjalo siphinde siqhubeke sizalane siqhubeke nempilo njengenjwayelo. Okulandelayo kwaba ukudla okudingwa imizimba yabantu—ukudla kwansuku zonke nokokuphuza. Lokhu nakho yisimo esidingekayo ukuze isintu siphile. Okungukuthi, umzimba womuntu angeke uphile ngokuphefumula nje kuphela, ngokukhanya kwelanga noma umoya kuphela, noma ngamazinga okushisa nokubanda afanele kuphela. Badinga ukuthi badle basuthe. Lezi zinto zokugcwalisa izisu zabo nazo zilungiselelwe uNkulunkulu ezilungiselela isintu—lona ngumthombo wokudla kwesintu. Ngemva kokubona le mikhiqizo enothile neyinala—imithombo yokudla nokokuphuza kwesintu—ingabe ungasho ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wokudla kwesintu kanye nazo zonke izinto? Ukube uNkulunkulu wayedale izihlahla notshani noma kwamane kwaba yizinto eziphilayo ezahlukene ngenkathi edala zonke izinto, uma lezo zinto nezitshalo ezahlukahlukene eziphilayo zonke zazenzelwe izinkomo nezimvu, noma amadube, izinyamazane kanye nezinye izinhlobo zezilwane, ngokwesibonelo, amabhubesi adle izinto ezifana namadube nezinyamazane, izingwe zidle izinto ezifana nezimvu nezingulube—kodwa kungekho nokukodwa okulungele ukuthi kudliwe abantu, kwakuyosebenza lokho? Kwakungeke. Isintu besingeke sikwazi ukuqhubeka siphile. Bekuyokwenzekani uma abantu bebedla amacembe ezihlahla kuphela? Bekungasebenza lokho? Ngabe abantu bebengakwazi ukudla utshani obulungiselwe izimvu? Kungalunga uma bengakuzama kancane, kodwa uma beqhubeka ukukudla isikhathi eside, izisu zabantu bezingeke zikumele futhi ngeke bakwazi ukumelana nakho isikhathi eside. Futhi kukhona nezinye izinto ezingadliwa yizilwane, kodwa uma abantu bezidla bangangenwa ubuthi. Kukhona izinto ezinobuthi ezingadliwa yizilwane kodwa zona zingalimali, kodwa abantu bona ngeke bakwenze lokho okufanayo. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu wadala abantu, ngakho-ke uNkulunkulu uyazi kangcono imigomo nesakhiwo somzimba womuntu nokuthi abantu badingani. UNkulunkulu uzazi kahle izakhi zomzimba nokuqukethwe yiwo, okudingayo, nokuthi izitho zangaphakathi zomzimba womuntu zisebenza, zibamba, zibulala, futhi zigaya kanjani. Abantu abacacelwa yilokhu yingakho kwesinye isikhathi bedla baphinde bafake izithasiselo zokudla ngokunganaki. Bafaka izithasiselo zokudla kakhulu bagcine sebebangela ukungalingani emzimbeni. Uma udla futhi uthokozela lezi zinto uNkulunkulu akulungiselele zona ngokujwayelekile, angeke kube khona okungahambi kahle ngani. Yize noma kwesinye isikhathi uzizwa ungekho esimweni esikahle futhi unegazi elimile, akunandaba. Kumele nje udle uhlobo oluthile lwesitshalo bese ukuma kwegazi kuphela. UNkulunkulu uzilungisile zonke lezi zinto. Ngakho, emehlweni kaNkulunkulu, isintu singaphezulu kwazo zonke izinto eziphilayo. UNkulunkulu walungisa izindawo zokuphila zazo zonke izitshalo eziphilayo walungisa nokudla nezindawo zokuphila zazo zonke izilwane, kodwa izidingo zesintu kuphela ezinzima futhi ezingamelani nokunganakekelwa. Ngale kwalokho, isintu angeke sikwazi ukuqhubeka sizalane futhi siphile ngokujwayelekile. UNkulunkulu ukwazi kahle lokhu enhliziyweni yaKhe. Ngenkathi uNkulunkulu enza le nto, wabeka kuyo ukubaluleka okungaphezulu kwakho konke okunye. Hleze awukwazi ukuzwa ukubaluleka kwezinye izinto ezingabalulekile ozibonayo nozithokozelayo noma into oyizwa sengathi uzalwe nayo futhi ongayithokozela, kodwa ngasese, noma mhlawumbe kudala, uNkulunkulu wakulungiselela yona ngokuhlakanipha Kwakhe. UNkulunkulu futhi uphinde wasombulula ngeqophelo eliphezulu elingenzeka konke okungaba nomthelela omubi okungahambelani nesintu nokungalimaza umzimba womuntu. Kucacisani lokhu? Akucacisa yini isimo sikaNkulunkulu esintwini ngenkathi esidala ngalesi sikhathi? Kwakuyisiphi leso simo? Isimo sikaNkulunkulu sasinzima futhi silukhuni, futhi akazange abekezelele ukugxambukela kwanoma yini noma kwanoma yiziphi izimo noma amandla esitha ngaphandle kukaNkulunkulu. Kulokhu, uyasibona isimo sikaNkulunkulu ngenkathi edala isintu nasekuphatheni isintu ngalesi sikhathi. Siyini isimo sikaNkulunkulu? Ngendawo yokuphila isintu esiyithokozelayo kanjalo nokudla nokokuphuza kwansuku zonke nezidingo zansuku zonke, siyasibona isimo somqondo sikaNkulunkulu sokuba nesibopho esintwini alokhu aba naso selokhu asidala, nokuzimisela kukaNkulunkulu ukusindisa isintu kulesi sikhathi. Ingabe siyabubona ubuqiniso bukaNkulunkulu kulezi zinto? Ingabe siyakubona ukumangalisa kukaNkulunkulu? Ingabe siyakubona ukungaqondakali kukaNkulunkulu? Ingabe siyabubona ubukhulu bukaNkulunkulu? UNkulunkulu kalula usebenzisa amandla aKhe aphakeme nezindlela zaKhe ezikhaliphile ukwenzela isintu konke, kanye nokwenza zonke izinto. Sisakhuluma ngalokho, ngemva kokuthi sengisho okuningi kangaka, ingabe niyakwazi ukuthi nithi uNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto? (Yebo.) Lokhu kuyiqiniso. Ninakho ukungabaza? (Cha.) Ukwenza kukaNkulunkulu zonke izinto kwanele ukukhombisa ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto, ngoba ungumthombo owenza zonke izinto nowenza zonke izinto zibe khona, ziphile, zizalane, ziqhubeke, futhi awukho omunye umthombo ngaphandle kukaNkulunkulu uqobo Lwakhe. UNkulunkulu uhlinzeka zonke izidingo zazo zonke izinto kanye nazo zonke izidingo zesintu, kungakhathaleki noma yisimo sabantu sokuphila esincane kanjani, lokhu abantu abakudinga nsuku zonke, noma ukunikeza iqiniso emimoyeni yabantu. Kuzo zonke izinhlangothi, uma kuza ekubonakaleni kwaKhe kanye nesimo saKhe esintwini, uNkulunkulu uqobo lwaKhe kuphela ongumthombo wempilo yazo zonke izinto. Ngabe lokhu kulungile? (Yebo.) Lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu unguMholi, uMphathi omkhulu, noMdali wale lizwe elibonakalayo abantu abangalibona ngamehlo abo futhi balizwe. Esintwini, ingabe lokhu akwembuli ukuthi uNkulunkulu ungubani? Lokhu kuyiqiniso. Ngakho-ke, uma ubona izinyoni zindiza esibhakabhakeni, kumele wazi ukuthi uNkulunkulu wadala izinto ezikwazi ukundiza. Kodwa kukhona izinto eziphilayo ezibhukuda emanzini, nazo ziphila ngezindlela ezahlukene. Izihlahla nezitshalo ezihlala enhlabathini ziyaqhuma entwasahlobo zithele izithelo ziwise amacembe ekwindla, ebusika wonke amacembe asuke esewile bese zidlula enkathini yobusika. Iyona ndlela yazo yokuphila leyo. UNkulunkulu wadala zonke izinto, zonke ngayinye ziphila ngezindlela ezihlukene nangezindlela ezehlukene futhi zisebenzisa izindlela ezehlukene ukuveza amandla azo nokwakheka kwempilo. Noma ngabe iyiphi indlela, konke kungaphansi komthetho kaNkulunkulu. Iyini inhloso kaNkulunkulu yokubusa phezu kwazo zonke izinhlobo zezinto eziphilayo? Ingabe kungenxa yokuphila kwesintu? (Yebo.) Ulawula yonke imithetho yempilo ngenxa yokuphila kwesintu. Lokhu kukhombisa ukuthi kubaluleke kanjani ukuphila kwesintu kuNkulunkulu.

Ukuthi isintu sikwazi ukuphila sizalane sande ngendlela ejwayelekile kuyinto esemqoka kakhulu kuNkulunkulu. Ngakho-ke, uNkulunkulu uhlala elungiselela isintu nazo zonke izinto. Wenza zonke izinto ngezindlela ezehlukene, nangaphansi kwezimo zokugcina ukuphila kwazo zonke izinto, wenza isintu sikwazi ukuqhubekela phambili ngokugcina ukuba khona kwabantu okujwayelekile. Lezi yizinto ezimbili esikhuluma ngazo namuhla. Yiziphi lezi zinto ezimbili? (Uma sibheka ohlangothini olukhulu, uNkulunkulu wadala indawo yokuphila isintu. Into yokuqala leyo. Futhi, uNkulunkulu walungisa lezi zinto ezidingwa isintu esingakwazi ukuzibona nokuzithinta.) Sikhulume ngesihloko sethu esikhulu ngalezi zinto zombili. Yisiphi isihloko sethu esikhulu? (UNkulunkulu Ungumthombo Wempilo Yazo Zonke Izinto.) Manje kumele ukuthi usunakho ukuqonda okuthile kokuthi kungani ngikhulume ngalokhu okuqukethwe ngaphansi kwalesi sihloko. Ingabe zike zaba khona izingxoxo ezingahambisani nesihloko esikhulu? Azikho, angithi? Hleze ngemva kokuzwa lezi zinto, abanye benu bangathola ukuqonda okuthile bezwe nokuthi lawa mazwi abaluleke kakhulu, kodwa abanye bangaba nokuqonda okuqondile bezwe sengathi lawa mazwi awasho lutho. Noma ngabe nikuqonda kanjani lokhu manje, ekuhambeni nasekwazini kwenu kuzofika usuku lapho ukuqonda kwenu kuzofinyelela endaweni ethile, okungukuthi, uma ulwazi lwezenzo zikaNkulunkulu, noNkulunkulu uqobo lwaKhe efinyelela endaweni ethile, nizosebenzisa amazwi enu asebenzayo ukudlulisa ubufakazi obujulile nobuyiqiniso bezenzo zikaNkulunkulu.

Ngicabanga ukuthi ukuqonda kwenu manje kuselula kakhulu futhi kuqondile, kodwa okungenani niyakwazi ukuthi, ngemva kokungilalela ngikhuluma ngalezi zinto ezimbili, nibone ukuthi yiziphi izindlela uNkulunkulu azisebenzisayo ukwenzela isintu noma yiziphi izinto uNkulunkulu azenzela isintu? Ingabe niyawuthola umqondo oyisisekelo kanye nokuqonda okuyisisekelo? (Yebo.) Kodwa ingabe lezi zinto ezimbili engikhulume ngazo zihlobene neBhayibheli? (Cha.) Ingabe zihlobene nokujezisa nokwahlulela eNkathini yoMbuso? (Cha.) Pho kungani ngikhulume ngalezi zinto ezimbili? Ingabe yingoba abantu kumele baziqonde ukuze bazi uNkulunkulu? (Yebo.) Kunesidingo esikhulu sokuthi nizazi lezi zinto futhi kunesidingo esikhulu sokuthi niziqonde lezi zinto. Ningavinjwa yiBhayibheli kuphela, futhi ningavinjwa ukujezisa nokwahlulela kukaNkulunkulu umuntu ukuqonda zonke izinto ngoNkulunkulu. Iyini inhloso yokusho Kwami lokhu? Kungukwazisa abantu ukuthi uNkulunkulu akayena nje uNkulunkulu wabantu Bakhe abakhethiweyo. Njengamanje ulandela uNkulunkulu, futhi unguNkulunkulu wakho, kodwa labo abangaphandle kwabantu abalandela uNkulunkulu, ingabe uNkulunkulu unguNkulunkulu wabo? Ingabe uNkulunkulu unguNkulunkulu wabo bonke abantu ngaphandle kwalabo abamlandelayo? Ingabe uNkulunkulu unguNkulunkulu wazo zonke izinto? (Yebo.) Pho ingabe uNkulunkulu wenza umsebenzi waKhe kanye nezenzo zaKhe kulabo abamlandelayo kuphela? (Cha.) Uyini umklamo womsebenzi nezenzo Zakhe? Ezingeni elincane, umsebenzi nezenzo Zakhe owesintu sonke nazo zonke izinto zendalo. Ezingeni eliphezulu kakhulu, ufaka umhlaba wonke jikelele, abantu abangakwazi ukukubona. Ngakho-ke singathi uNkulunkulu wenza umsebenzi waKhe nezenzo zaKhe kuso sonke isintu. Lokhu kwanele ukwazisa abantu ngoNkulunkulu uqobo lwaKhe. Uma ufuna ukwazi uNkulunkulu ngempela futhi ufuna ukumazi nokumqonda, ngakho-ke ungapheleli ezigabeni ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu, futhi ungapheleli ezindabeni zomsebenzi kaNkulunkulu ake wawenza. Uma uzama ukumazi ngaleyo ndlela, ngalokho uNkulunkulu umbekela umkhawulo. Ubona uNkulunkulu njengento encane kakhulu. Ukwenza kanjalo kungabathinta kanjani abantu? Angeke ukwazi ukumangalisa nobukhulu bukaNkulunkulu, futhi ngeke uwazi amandla nobukhulu kanye nalapho kusebenza khona igunya laKhe. Ukuqonda okufana nalokhu, kuzoba nomthelela ekwazini kwakho ukwamukela iqiniso lokuthi uNkulunkulu unguMbusi wazo zonke izinto, kanjalo nolwazi lukaNkulunkulu uqobo nesimo saKhe. Ngamanye amazwi, uma ukuqonda kwakho uNkulunkulu kunomkhawulo, lokho ozokwamukela nakho kuzoba nomkhawulo. Yingakho kumele unwebe umkhawulo wakho. Noma ngabe umsebenzi kaNkulunkulu, ukuphatha kukaNkulunkulu, nomthetho kaNkulunkulu, noma zonke izinto zinomthetho futhi ziphathwa uNkulunkulu, kumele ukwazi konke futhi wazi nezenzo zikaNkulunkulu kukho. Ngale ndlela yokuqonda, uzozwa ngaphakathi ukuthi uNkulunkulu ulawula, uphethe futhi wenza zonke izinto. Khona lapho, uzozwa ngempela ukuthi uyingxenye yazo zonke izinto futhi uyilungu lazo zonke izinto. Njengoba uNkulunkulu enza zonke izinto, nawe wamukela umthetho kaNkulunkulu nokwenza kwaKhe. Leli yiqiniso elingephikiswe muntu. Zonke izinto zingaphansi kwemithetho yazo, engaphansi komthetho kaNkulunkulu, futhi zonke izinto zinomthetho wazo wokuphila, ongaphansi komthetho kaNkulunkulu, kanti ikusasa lesintu nalokhu esikudingayo kusondelene kakhulu nomthetho kaNkulunkulu nokwenza kwaKhe. Yingakho, ngaphansi komthetho nokubusa kukaNkulunkulu, isintu nazo zonke izinto kuhlangene, okunye kuncike kokunye, futhi kudidiyelwe ndawonye. Lena yinhloso nokubaluleka kukaNkulunkulu kokudala zonke izinto.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VIII” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp