UJesu Udla Isinkwa Futhi Uchaza Imibhalo Emva Kokuvuka Kwakhe

May 29, 2018

13. UJesu Udla Isinkwa Futhi Uchaza Imibhalo Emva Kokuvuka Kwakhe

ULuka 24:30-32 Futhi kwathi ehleli nabo esidlweni, wathatha isinkwa, wathandaza wasibonga, wase esihlephula, wabanika. Futhi amehlo abo avuleka, base bemazi; wayesenyamalala kubona. Base bethi omunye komunye, Izinhliziyo zethu bezingavuthi yini phakathi kwethu, ngenkathi ekhuluma kithi endleleni, nalapho esicacisela imibhalo na?

14. Abafundi Banika UJesu Inhlanzi Eyosiwe Ukuba Adle

ULuka 24:36-43 Futhi besakhuluma lokho, uJesu uqobo Lwakhe wema phakathi kwabo, wathi kubo, Ukuthula makube kini. Kepha bashaywa uvalo futhi besaba, bethi babona isipoki. Wayesethi kubo, Kungani nikhathazeka na? futhi kungani kuvela imicabango ezinhliziyweni zenu na? Bhekani izandla nezinyawo Zami, ukuthi Yimina uqobo: ngithinteni, nibone, ngokuba isipoki asinayo inyama namathambo, njengoba ningibona Mina nginakho. Futhi lapho esekushilo lokho, wababonisa izandla kanye nezinyawo Zakhe. Futhi bengakakholwa ngenxa yentokozo, kanye nokumangala, wathi kubo, Ninakho okudliwayo lapha na? Bamnika iqatha lenhlanzi ethosiwe nekhekheba lezinyosi. Wakuthatha, futhi wakudla phambi kwabo.

Okulandelayo, sizobheka eziqeshini zombhalo ezingenhla. Isiqephu sokuqala sikhuluma ngeNkosi uJesu idla isinkwa futhi ichaza imibhalo emva ngokuvuka Kwayo, bese isiqephu sesibili sikhuluma ngeNkosi uJesu idla inhlanzi eyosiwe. Ziletha luphi usizo ngokwazi ngesimo sikaNkulunkulu lezi ziqephu ezimbili? Ningacabanga ngohlobo lwesithombe enisitholayo kulezi zincazelo zeNkosi uJesu idla isinkwa kanye nenhlanzi eyosiwe? Ningacabanga, uma iNkosi uJesu emi phambi kwenu idla isinkwa, ningazizwa kanjani? Noma uma ingadla nani etafuleni elilodwa, idla inhlanzi nesinkwa nabantu, wawuzoba nomuzwa onjani ngaleso sikhathi? Uma uzwa ukuthi ubuzoba seduze kakhulu neNkosi, ukuthi isondelene kakhulu nawe, ngakho lo muzwa uyiqiniso. Lokhu kuwumphumela kanye iNkosi uJesu eyayifuna ukuwuletha ngokudla isinkwa nenhlanzi phambi kwabantu ababuthene emva kokuvuka Kwakhe. Ukuba iNkosi uJesu yayikhulume nabantu kuphela emva kokuvuka Kwayo, uma bebengeke bayithinte inyama naMathambo Ayo, kodwa bezwe ukuthi inguMoya ongafinyeleleki, babezozizwa kanjani? Bebezojabha? Ngesikhathi abantu bejabhile, bebezozizwa belahliwe? Bebengeke yini bezwe igebe neNkosi uJesu Kristu? Yiluphi uhlobo lomthelela omubi obuzodalwa igebe phakathi kobudlelwano babantu noNkulunkulu? Abantu bebezozizwa benokwesaba, bebengeke basondele Kuye, bebezoba nomqondo wokumgcina ebangeni elihloniphekile. Kusukela lapho, bebezozonda ubudlelwano babo obusondelene neNkosi uJesu Kristu, bese bebuyela ebudlelwanweni phakathi kwesintu noNkulunkulu osezulwini, njengoba kwakunjalo ngaphambi kweNkathi Yomusa. Umzimba womoya abantu ababengeke bawuthinte noma bawuzwe uholela ekuqedeni ukusondelana noNkulunkulu—owasimamiswa ngesikhathi senkathi yeNkosi uJesu esenyameni, igebe lingekho phakathi Kwakhe nabantu—lime ukuba khona. Imizwa yabantu mayelana nomzimba womoya kuwukwesaba kuphela, ukugwema, kanye nokugqolozela okungenamazwi. Abacabangi ukusondela eduze, ukuzoxoxisa Naye, ukumethemba, noma ukuba nethemba Kuye. UNkulunkulu wayengabaza ukubona lolu hlobo lo muzwa ababenawo abantu Ngaye. Wayengathandi ukubona abantu bemziba noma bezisusa Kuye, Yena wayefuna abantu bamqonde, basondele Kuye futhi babe umndeni Wakhe. Uma umndeni wakho, abantwana bakho bekubona kodwa bengakukhumbuli, futhi bengezi eduze kwakho kodwa behlala bekuziba, uma ungazuzanga ukuqonda kwabo ngazo zonke izinto obenzele zona, lokhu kungakwenza uzizwe kanjani? Ngeke yini kube buhlungu? Angeke yini wephuke inhliziyo? Ilokhu impela uNkulunkulu akuzwayo uma abantu bemziba. Ngakho, emva kokuvuka Kwayo, iNkosi uJesu yabonakala kubantu eyisimo senyama negazi, wadla futhi waphuza nabo. UNkulunkulu ubona abantu njengomndeni futhi ufuna isintu simbone ngale ndlela, kukule ndlela kuphela lapho uNkulunkulu engathola khona abantu, futhi lapho abantu bengakwazi ukuthanda nokukhonza uNkulunkulu ngeqiniso. Manje usuyaqonda yini injongo yami ngokunyomula lezi ziqephu ezimbili zombhalo lapho iNkosi uJesu idla isinkwa futhi ichaza imibhalo emva kokuvuka Kwakhe, futhi abafundi bayinika inhlanzi eyosiwe necwecwe lezinyosi ukuba idle?

UJesu Udla Isinkwa Futhi Uchaza Imibhalo Emva Kokuvuka Kwakhe

Kungashiwo ukuthi lezi zinto eziluchungechunge ezashiwo futhi zenziwa yiNkosi uJesu emva kokuvuka Kwayo zazinomqondo, futhi zazenziwe ngezinjongo ezinomusa. Babegcwele umusa nothando uNkulunkulu ayenalo ngabantu, futhi babegcwele ukuthanda nokunakekela okunokucophelela eyayinakho ngobudlelwano obusondele eyayibumisile nesintu ngesikhathi Sayo isenyameni. Ikakhulukazi, babegcwele inkumbulo ngokwasekudlule kanye nokulangazelela eyayikuzwa ngempilo Yayo yokudla nokuphila ndawonye nabalandeli Bayo ngesikhathi Sayo isenyameni. Ngakho, uNkulunkulu wayengafuni abantu bezwe igebe phakathi kukaNkulunkulu nabantu, futhi wayengafuni isintu siziqhelelanise noNkulunkulu. Ikakhulukazi, wayengafuni isintu sizwe ukuthi iNkosi uJesu emva kokuvuka yayingaseyona iNkosi esondelene kakhulu nabantu, ukuthi yayingasekho kanye nesintu ngoba yabuyela emhlabeni wakwamoya, Yabuyela kuBaba owayengabonwa futhi engafinyelelwa ngabantu. Yayingafuni abantu bezwe ukuthi kwakunomehluko ngokwezikhundla phakathi Kwayo nesintu. Uma uNkulunkulu ebona abantu abafuna ukuyilandela kodwa bayigcine kude ngenxa yenhlonipho, inhliziyo Yakhe iba nobuhlungu ngoba kusho ukuthi izinhliziyo zabo zikude kakhulu Nayo, kusho ukuthi kuyoba nzima kakhulu Kuyo ukuzuza izinhliziyo zabo. Ngakho uma ibibonakale kubantu ngomzimba womoya abangawuboni futhi abangawuthinti, nalokhu futhi kwakuzomqhelelanisa umuntu noNkulunkulu, futhi kwakuzoholela isintu ukubona uKristu ngephutha emva kokuvuka Kwakhe ngokuthi wayesephenduke waba nempakamo, yohlobo oluhlukile kunabantu, futhi umuntu owayengeke esakwazi ukuhlala etafuleni adle nomuntu ngoba abantu bagcwele izono, bangcolile, futhi abasoze bakwazi ukusondelana noNkulunkulu. Ukuze kususwe lokhu kungaqondisisi kwesintu, INkosi uJesu yenza izinto eziningi eyayivamise ukuzenza enyameni, njengoba kulotshiwe eBhayibhelini, “wathatha isinkwa, wathandaza wasibonga, wase esihlephula, wabanika.” Yachaza futhi imibhalo kubo, njengoba yayikade ijwayele ukwenza. Konke lokhu iNkosi uJesu eyakwenza, kwenza ukuba wonke umuntu owayibona ezwe ukuthi iNkosi uJesu ayikaguquki, ukuthi iseyiNkosi uJesu efanayo. Nakuba yayikade ibethelwe esiphambanweni futhi yayidlulile ekufeni, Yona yayivusiwe, futhi yayingakasishiyi isintu. Yayibuyile ukuba phakathi kwabantu, futhi konke okwayo kwakungakaguquki. INdodana yomuntu emi phambi kwabantu yayiseyiNkosi uJesu efanayo. Ukuziphatha Kwayo nokukhuluma Kwayo nabantu kwezwakala kufana. Yayisagcwele uthando, umusa, kanye nokubekezela—Yena wayeseyileyo Nkosi uJesu ethanda abanye njengalokhu izithanda Yona, ingathethelela isintu kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa. Njengemihla, yadla nabantu, Yaxoxisana nabo ngemibhalo, okubalukekile, ngendlela efana neyasekuqaleni, Yayenziwe ngenyama negazi, ithinteka futhi ibonakala. INdodana yomuntu ngale ndlela yavumela abantu ukuba bazizwele besondelene Nayo, bakhululeke, bezwe intokozo yokuzuza okuthile obekulahlekile, bezwa futhi kulula ukuba bangancika ngesibindi nangokuze themba futhi babheke eNdodaneni yomuntu eyayingathethelela izono zesintu. Baqala futhi ukukhuleka egameni leNkosi uJesu ngaphandle kokungabaza, bakhulekela ukuthola umusa, izibusiso Zayo, ukuthola ukuthula nenjabulo evela Kuyo, ukuzuza ukunakekelwa nokuvikelwa Yiyo, futhi baqala ukuphilisa nokuxosha amademoni egameni leNkosi uJesu.

Ngesikhathi iNkosi uJesu isebenza isenyameni, abalandeli Bayo abaningi babengakwazi ukufakazela ubunjalo Bayo kanye nezinto izishilo. Ngesikhathi inyukela esiphambanweni, umqondo wabalandeli Bayo wawulindele okunye; ngesikhathi ibethelwa esiphambanweni indlela yonke kuze kufike lapho ingena ethuneni, umqondo wabantu Ngayo wawuphoxekile. Ngesikhathi iNdodana yomuntu isebenza isenyameni, ngalesi sikhathi abantu base beqalile ezinhliziyweni zabo ukusuka ekungabazeni baya ekuphikeni izinto ezishiwo iNkosi uJesu ngesikhathi Sayo isenyameni. Ngesikhathi iphuma ethuneni, futhi ibonakala kubantu ngabanye ngabanye, iningi labantu Ababeyibonile ngamehlo abo noma bezwa izindaba zokuvuka Kwayo, baqala futhi kancane ukusuka ekuyiphikeni baya ekungabazeni. Ngalesi sikhathi iNkosi uJesu ithi kuTomase makafake isandla sakhe ohlangothini, ngesikhathi iNkosi uJesu ihlephula isinkwa idla phambi kwesixuku emva kokuvuka Kwayo, futhi emva kwalokho yadla inhlanzi eyosiwe necwecwe lezinyosi phambi kwabo, kungalesi sikhathi kuphela lapho baqala ukwamukela ukuthi iNkosi uJesu inguKristu enyameni. Ningasho nithi kwakungathi lo mzimba womoya onenyama negazi omi phambi kwalabo bantu, wawuvusa ngamunye wabo ephusheni: INdodana yomuntu emi phambi kwabo kwakuyileyo eyayikade ikhona kusukela ngesikhathi sakudala. Yona yayinesimo, inenyama negazi, futhi yayisiphilile futhi idlile kanye nesintu isikhathi eside…. Ngalesi sikhathi, abantu bazizwela ukuthi ubukhona Bayo babungobempela, bumangalisa kakhulu; futhi babe nentokozo kanye nenjabulo, ngesikhathi esifanayo, futhi begcwele uzwelo. Ukubonakala Kwayo futhi kwenza ukuba abantu babone ngokweqiniso ukuthobeka Kwayo, bezwe ukuba seduze Kwayo, nokulangazelela Kwayo, ukunamathela Kwayo esintwini. Lokhu kuhlangana futhi okufushane kwenza abantu ababona iNkosi uJesu bezwe sengathi isikhathi sonke sokuphila sasidlulile. Ukulahleka, ukudideka, ukwesaba, ukukhathazeka, ukulangazelela kanye nezinhliziyo ezingasenamuzwa zathola induduzo. Babengasangabazi noma babengasa dumele ngoba bezwa ukuthi manje kwase kunethemba kanye nento ababengathembela kuyo. INdodana yomuntu emi phambi kwabo, izohlala ima nabo ingunaphakade, uzoba umbhoshongo wabo onamandla, umpheme wabo wempilo yabo yonke.

Nakuba iNkosi uJesu yavuswa, inhliziyo nomsebenzi Wayo awusukanga esintwini. Yona yatshela abantu ngokubonakala Kwayo ukuthi noma ngabe isiphi isimo ekuso, izohlala nabantu, ihambe nabo, futhi ibe nabo ngaso sonke isikhathi futhi kuzo zonke izindawo. Futhi ngezikhathi zonke nasezindaweni zonke, Yona izohlinzeka isintu futhi ibeluse, ibavumele ukuba bayibone futhi bayithinte, futhi Yona yenze isiqiniseko sokuthi ngeke baphinde bazizwe bengenakuzisiza. INkosi uJesu yafuna ukuba abantu bakwazi lokhu: Izimpilo zabo kulo mhlaba azizodwa. Isintu sinokunakekela kukaNkulunkulu, uNkulunkulu unabo; abantu bangancika kuNkulunkulu njalo; Yona ingumndeni wawo wonke umuntu kubalandeli Bayo. Uma unoNkulunkulu ongancika Kuye, isizwe ngeke siphinde sibe nomzwangedwa noma siswele usizo, futhi labo abamemukelayo njengomnikelo wezono zabo ngeke besabopheka ezonweni. Emehlweni abantu, lezi zingxenye zomsebenzi Wayo, iNkosi uJesu eyawenza emva kokuvuka Kwayo kwakuyizinto ezincane kakhulu, kodwa indlela engibona ngayo, yonke into ngayinye yayinenjongo, inenani elikhulu, futhi yonke yayibalulekile kakhulu futhi inesisindo.

Nakuba isikhathi seNkosi uJesu sokusebenza enyameni sasigcwele ubunzima nokuhlupheka, ngokubonakala Kwayo emzimbeni Wayo womoya wenyama negazi, ngokugcwele nangokuphelele, Yona yafeza umsebenzi Wayo wangaleso sikhathi enyameni ukuze ihlenge isintu. Yaqala inkonzo Yayo ngokuba senyameni, kodwa yabe isiphetha inkonzo Yayo ngokubonakala esintwini ngesimo Sayo senyama. Yamemezela iNkathi Yomusa, yaqala iNkathi Yomusa ngobunjalo Bayo njengoKristu. Ngobunjalo Bayo njengoKristu, yenza umsebenzi ngeNkathi Yomusa futhi yakhuthaza yaphinde yahola bonke abalandeli Bayo ngeNkathi Yomusa. Kungashiwo ngomsebenzi kaNkulunkulu ukuthi Yena uyakuqeda akuqalile. Kukhona izinyathelo nohlelo, futhi kugcwele inhlakanipho kaNkulunkulu, ukuba namandla onke Kwayo, kanye nezenzo Zayo ezimangalisayo. Igcwele uthando nomusa kaNkulunkulu. Impela, intambo enkulu egijima ngomsebenzi Wayo wonke kungukunakekela Kwayo isintu; umsebenzi Wayo ugcwalise ukukhathazeka Kwayo ngeke ikwazi ukukubeka eceleni. Kulezi ziqephu zeBhayibheli, kukho konke ngakunye okwenziwa iNkosi uJesu emva kokuvuka, lokho okwembulwa kwakungamathemba nokukhathazeka kukaNkulunkulu ngesintu, okungaguquki. Nokunakekela ngokucophelela nokwazisa kukaNkulunkulu abantu. Kuze kube manje, akukho kwalokhu osekuguqukile—ingabe niyakubona? Uma nikubona lokhu, ingabe izinhliziyo yenu aziveli yini zizixhumanele noNkulunkulu? Uma beniphila ngaleya nkathi bese iNkosi uJesu iyabonakala kini emva kokuvuka Kwayo, ngesimo esiphathekayo kini, futhi uma ibingahlala phambi kwenu, idle isinkwa nenhlanzi bese ichaza imibhalo kini, ikhulume nawe, benizozizwa kanjani? Benizozizwa nijabulile yini? Nithini ngokuba necala? Ukungaqondi okudlule kanye nokuziba uNkulunkulu, ukuxabana nokungabaza uNkulunkulu—bekungeke yini kunyamalale konke? Bebungeke yini ubudlelwano bukaNkulunkulu nomuntu bulunge?

Ngokuhumusha lezi zahluko ezimbalwa zeBhayibheli, kungabe akhona yini amaphutha eniwatholile esimweni sikaNkulunkulu? Kungabe kukhona yini ukudideka enikutholile othandweni lukaNkulunkulu. Ikhona yini inkohliso eniyibonile noma ububi enibubonile ekubeni namandla onke kukaNkulunkulu noma ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu. Akunjalo! Ningasho yini manje ngesiqiniseko ukuthi uNkulunkulu ungcwele? Ningasho yini ngesiqiniseko ukuthi imizwa kaNkulunkulu yonke ingukwembulwa kwengqikithi Yakhe kanye nesimo Sakhe? Ngiyethemba ukuthi emva kokuba senifunde la mazwi, lokhu enikuqondile kuwo kuzonisiza futhi kunilethele inzuzo ekufuneni kwenu uguquko esimweni kanye nokwesaba uNkulunkulu. Ngiyethemba futhi ukuthi la mazwi azothela izithelo kini ezikhula ngosuku, ngalokho ekuqhubekeni kwalokhu kufuna ukuzisondeza eduze noNkulunkulu, kunisondeze ezingeni elidingwa nguNkulunkulu, ukuze ningabi nokukhathala ukufuna iqiniso futhi ningezwa ukuthi ukufuna iqiniso lokuguquka esimweni kuyinto eyinkathazo noma engadingeki. Okunalokho, ukubonakala kwesimo sikaNkulunkulu kanye nobunjalo bukaNkulunkulu obungcwele obukukhuthazayo ukuze nilangazelele ukukhanya, ukulangazelela ubulungiswa, kanye nokukhuthaza ukuthi nifune iqiniso, ukufuna intando kaNkulunkulu, ukuze nibe ngabantu bangempela.

Namuhla sikhulume ngezinye izinto uNkulunkulu azenza ngeNkathi Yomusa ngesikhathi lapho eguqulwa okokuqala. Kulezi zinto, sibonile isimo esibonakalisayo futhi sembule enyameni, kanye nengxenye yalokhu anakho nayikho Yena. Zonke lezi zingxenye zalokhu anakho nayikho Yena zibonakala ngendlela yabantu, kodwa iqiniso ukuthi lapho ingqikithi yakho konke lokhu akuveza futhi akubonakalisa esimweni Sakhe akwhlukaniseki nesimo Sakhe. Yonke indlela kanye nayo yonke ingxenye yobuntu bukaNkulunkulu bubonakalisa isimo Sakhe kubantu sixhumene nobunjalo Bakhe ngokungenasici. Ngakho, kubalulekile kakhulu ukuthi uNkulunkulu wafika esintwini ngendlela yokuthatha isimo sesintu kanye nomsebenzi awenza Yena enyameni nawo ubaluleke kakhulu. Futhi, isimo asambula kanye nentando Ayibonakalisa kubalulekile kuwo wonke umuntu ophila enyameni, kuso sonke isintu esiphila enkohlakalweni. Ingabe lokhu kuyinto eniyiqondayo? Emva kokuqonda isimo sikaNkulunkulu kanye nalokhu anakho nayikho, ingabe sikhona yini isiphetho esenisenzile mayelana nokuthi uzomphatha kanjani uNkulunkulu? Ukuphendula lombuzo, sengiphetha ngithanda ukukunika izeluleko ezintathu: Okokuqala, ungamlingi uNkulunkulu. Noma ngabe uqonda kangakanani ngoNkulunkulu, noma ngabe wazi kangakanani ngesimo Sakhe, uze ungamlingi. Okwesibili, ungaqhudelani noNkulunkulu ngenxa yesikhundla. Noma ngabe Yena ukubeka kuliphi izinga noma ngabe yimuphi umsebenzi akwethembe ngawo, noma ngabe uhlobo luni lomsebenzi akuphakamisa ukuba uwenze, noma ngabe uchithe noma unikele kuNkulunkulu kangakanani, ungalokothi uqhudelane ngezinga lesi sikhundla Naye. Okwesithathu, ungaqhudelani noNkulunkulu. Noma ngabe uyaqonda noma ungalalela lokho uNkulunkulu akwenzayo ngawe, lokhu akuhlelela khona Yena, nezinto aziletha kuwe, ungalinge uqhudelane noNkulunkulu. Uma ungagcina lezi zeluleko ezintathu, uyophepha nokho, futhi ngeke umcasule kalula uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi kaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Umfanekiso Wemvu Elahlekile

UMathewu 18:12-14 Nicabangani? uma umuntu enezimvu eziyikhulu, bese eyodwa ilahleka, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye...

UJesu Wenza Izimangaliso

1) UJesu Usuthisa Izinkulungwane Eziyisihlanu UJohane 6:8-13 Omunye wabafundi Bakhe, u-Andreya, umfowabo kaSimoni Petru, wathi Kuye,...

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp