INdodana yomuntu iyiNkosi ngisho yosuku lwesabatha (Ingxenye 2)

May 02, 2021

Okulandelayo, ake sibheke umusho wokugcina kulesi siqephu sombhalo: “Ngokuba iNdodana yomuntu iyiNkosi ngisho yosuku lwesabatha.” Ingabe lukhona yini uhlangothi olungokoqobo kulo musho? Ingabe niyalubona uhlangothi olungokoqobo kulokhu? Yonke into uNkulunkulu ayishoyo ivela enhliziyweni Yakhe, ngakho kungani washo lokhu? Niyiqonda kanjani le nto? Seningayiqonda incazelo yalo musho manje, kodwa ngaleso sikhathi abantu abaningi abaqondanga ngenxa yokuthi isintu sasisanda kuphuma eNkathini Yomthetho. Kubona, ukuphuma eSabatheni kwakuyinto enzima kakhulu ukuyenza, angisakhulumi ngokuqonda ukuthi liyini iSabatha leqiniso.

INdodana yomuntu iyiNkosi ngisho yosuku lwesabatha (Ingxenye 2)

Umusho othi “iNdodana yomuntu iyiNkosi ngisho yosuku lwesabatha.” utshela abantu ukuthi zonke izinto zikaNkulunkulu aziphatheki, futhi-ke noma uNkulunkulu angafeza izidingo zakho eziphathekayo, emva kokuba zonke izidingo zakho eziphathekayo sezifeziwe, ukwaneliseka kwakho ngalezi zinto kungayithatha yini indawo yokufuna iqiniso? Lokhu ngokucacileyo akunakwenzeka! Isimo sikaNkulunkulu kanye nalokhu ayikho nayikho esesixoxe ngakho, kokubili kuyiqiniso. Ngeke kwalinganiswa nenani elisindayo lezinto eziphathekayo noma isigqi sakho sikalwe ngemali, ngoba akusiyona into ephathekayo, futhi kufeza izidingo zenhliziyo yomuntu ngamunye. Kuwona wonke umuntu, inani leqiniso elingaphatheki kumele libe likhulu kunenani lanoma yiziphi izinto ocabanga ukuthi zinhle, zilungile. La mazwi ayinto okumele nihlale kuyo. Iphuzu elisemqoka kulokhu engikushilo ukuthi ilokhu uNkulunkulu anakho nayikho kanye nakho konke OkukaNkulunkulu kuyizinto ezibaluleke kakhulu kuwona wonke umuntu futhi azikwazi ukumelwa yinoma iyiphi into ephathekayo. Ngizokunika isibonelo: Uma ulambile, udinga ukudla. Lokhu kudla kungaba nempilo noma kube kweswele impilo, kodwa inqobo nje uma usuthile, lowo muzwa ongemnandi wokulamba angeke usaba khona—usuhambile. Ungahlala lapho ngokuthula, nomzimba wakho uyophumula. Ukulamba kwabantu kungaxazululeka ngokudla, kodwa uma ulandela uNkulunkulu futhi uzwa ukuthi awunakho ukumqonda, ungakuxazulula kanjani ukulamba enhliziyweni yakho? Kungaxazululeka ngokudla na? Noma uma ulandela uNkulunkulu futhi ungayiqondi intando Yakhe, ungasebenzisani ukuze uvale lokhu kulamba enhliziyweni yakho? Ekuqhubekeni kohambo lwakho lwensindiso noNkulunkulu, ngesikhathi ufuna uguquko esimweni sakho, uma ungayiqondi intando Yakhe noma ungazi ukuthi liyini iqiniso, uma ungasiqondi isimo sikaNkulunkulu, akukwenzi yini uzizwe ungakhululekile? Awuzizwa yini usulambile futhi womile kakhulu enhliziyweni yakho? Akwenzeki yini ukuthi le mizwa ikuvimbele ekutheni uzwe uphumule enhliziyweni yakho? Ngalokho, yini ongayenza ukuvala lokhu kulamba okusenhliziyweni yakho—ingabe ikhona indlela yokukuxazulula? Abanye abantu baya ezitolo, abanye bathola abangani babo ukuba bavule isifuba sabo kubo, balala besuthi, abanye bafunda kakhulu amazwi kaNkulunkulu, noma basebenze kanzima futhi bazikhandla ukugcwalisa izimfanelo zabo. Ingabe lezi zinto zingaxazulula izingqinamba zakho zangempela? Nonke niziqonda ngokugcwele izinhlobo zale mikhuba. Uma uzizwa ungenamandla, uma uzwa ukulangazelela okunamandla kokuba uzuze ukukhanyiselwa nguNkulunkulu ukuba akuvumele ukuba wazi iqiniso uqobo kanye nentando Yakhe, ingabe yini oyidinga kakhulu? Okudingayo akusikhona ukudla okugcwele, futhi akusiwo amazwi ambalwa. Ngaphezu kwalokho, akusikho ukunethezeka okwadlulayo kanye nokwaneliseka kwenyama—okudingayo ukuthi uNkulunkulu akutshele wena ngqo, ngokucacile ukuthi kumele wenzeni futhi ukwenze kanjani, futhi akutshele ngokucacile ukuthi liyini iqiniso. Emva kokuqonda lokhu, noma ngabe into encane kakhulu, awuzizweli yini wanelisekile enhliziyweni yakho kunokuba ubuzidlele ukudla? Uma inhliziyo yakho yanelisekile, akwenzeki yini ukuba inhliziyo yakho, ubuwena bonke, buzuze ukuphumula kwangempela? Ngalesi sifaniso kanye nokuhlaziya, ingabe niyaqonda manje ukuthi kungani bengifuna ukwabelana nani lo musho, “iNdodana yomuntu iyiNkosi ngisho yosuku lwesabatha”? Incazelo yawo ukuthi lokho okuvela kuNkulunkulu, lokhu anakho nayikho, nakho konke Okwakhe kukhulu kunezinto zonke, kubandakanya nento, noma umuntu owake wakholwa ukuthi uyigugu kakhulu kuwe. Lokho kusho ukuthi, uma umuntu engenakho ukuba namazwi avela emlonyeni kaNkulunkulu noma engaqondi intando Yakhe, ngeke azuze ukuphumula. Kulokhu enisazodlula kukho, niyoqonda ukuthi kungani bengifuna ukuba nibone lesi siqephu namuhla—lokhu kubaluleke kakhulu. Yonke into uNkulunkulu ayenzayo iyiqiniso nokuphila. Iqiniso le sintu kuyinto abangeke bayiswele ezimpilweni zabo, ngeke baphile ngaphandle kwayo; ungasho futhi ukuthi iyonanto enkulu kakhulu. Noma ungeke wakwazi ukuyibona, noma ukuyithinta, ukubaluleka kwayo kuwe ngeke ukuzibe; iyonanto kuphela engaletha ukuphumula enhliziyweni yakho.

Ingabe ukuqonda kwenu iqiniso kuyahambisana nezimo zenu? Empilweni yangempela, kumele kuqala ucabange ukuthi iliphi iqiniso elihambisana nabantu, izinto nje, kanye nezinto ezibonakalayo ohlangabezane nazo; kuphakathi kwala maqiniso lapho ongakwazi khona ukuthola intando kaNkulunkulu bese uyaxhumana nentando Yakhe. Uma ungazi ukuthi iziphi izingxenye zeqiniso ezihambisana nezinto ohlangabezane nazo, kodwa uqonde ekufuneni intando kaNkulunkulu, le ndlela inobumpumputhe futhi angeke ilethe imiphumela. Uma ufuna ukuthola intando kaNkulunkulu, kumele kuqala ubheke uhlobo lwe zinto ezizile kuwe, iziphi izingxenye zeqiniso ezihambisana nazo, futhi bese ubheka iqiniso ezwini likaNkulunkulu elihambisana nezinto ohlangabezane nazo. Bese ubheka indlela yokwenza okuhle okukulelo qiniso; ngale ndlela ungazuza intando kaNkulunkulu ngokuqonda okungekho sobala. Ukufuna kanye nokwenza iqiniso akusikho ukwenza isifundiso ngomshini noma ukulandela ifomula. Iqiniso alina ndlela, noma umthetho wokulenza. Alifile—liwukuphila, liyinto ephilayo, futhi kuwumgomo ukuthi isidalwa kumele sililandele futhi umgomo abantu okumele babe nawo empilweni yabo. Lokhu yinto okumele uyiqonde kakhulu ngokwenzekile. Noma ngabe ufike kuliphi izinga ngokwesipiliyoni sakho, awuhlukaniseki nezwi likaNkulunkulu noma iqiniso, futhi nalokhu ukuqonda ngesimo sikaNkulunkulu kanye nalokhu okwaziyo ngalokho uNkulunkulu anakho nayikho, konke kubonakala emazwini kaNkulunkulu; kuxhumene ngendlela engenakuhlukaniswa neqiniso. Isimo sikaNkulunkulu kanye nalokho anakho nayikho, ngokwakho kuyiqiniso; iqiniso liwukubonakaliswa kwesimo sikaNkulunkulu kanye nalokhu anakho nayikho. Lenza lokhu uNkulunkulu anakho nayikho kuqine futhi ukusho ngokugcizelela; likutshela ngqo ukuthi uNkulunkulu uthandani, yini angayithandi, yini Afuna ukuba uyenze futhi yini angayivumeli ukuba uyenze, ibaphi abantu abenyanyayo futhi ibaphi abantu athokoza ngabo. Emva kweqiniso uNkulunkulu alishoyo, abantu bangabona ukwenama, intukuthelo, usizi, nentokozo, kanye nengqikithi Yakhe—lokhu ukwambulwa kwesimo Sakhe. Ngaphandle nje kokwazi lokho uNkulunkulu anakho nayikho, nokuqonda isimo Sakhe ezwini Lakhe, okubaluleke kakhulu isidingo sokufinyelela kulokhu ukuqonda ngokuzwa okuphathekayo. Uma abantu beziqhelelanisa nokuphila kweqiniso ukuze bamazi uNkulunkulu, angeke bakwazi ukuphumelela kulokho. Noma ngabe abantu bengakwazi ukuzuza ukuqonda ezwini likaNkulunkulu, kuzoba nesilinganiso salokhu okubhalwe phansi kanye namazwi, futhi kukhona ukungafani nalokhu uNkulunkulu afana nakho ngempela.

Lokhu esikhuluma ngakho manje konke kungaphakathi kwezindaba ezibhalwe eBhayibhelini. Ngalezi zindaba, kanye nokuhlaziya lezi zinto esezenzakele, abantu bangaqonda isimo Sakhe kanye nalokhu anakho nayikho, Akukhulumile, ebavumela ukuba bazi zonke izingxenye zikaNkulunkulu kabanzi kakhulu, ngokujulile kakhulu, ngokuqondakalayo kakhulu, nangokuphelele kakhulu. Ngakho, ingabe iyona yodwa yini le ndlela yalezi zindaba yokwazi ingqikithi kaNkulunkulu? Qha, akunjalo! Ngokuba lokhu uNkulunkulu akushoyo kanye nomsebenzi awenzile Yena ngeNkathi yoMbuso kungasiza abantu bazi isimo Sakhe kangcono, futhi basazi ngokugcwele. Nokho-ke, ngicabanga ukuthi kulula ukwazi isimo sikaNkulunkulu kanye nokuqonda lokho anakho nayikho futhi ngezibonelo noma izindaba ezibhalwe eBhayibhelini futhi abantu abazijwayele. Kubiza amazwi okwahlulelwa kanye nawokuqondisa kanye neqiniso leli uNkulunkulu akhuluma ngalo namuhla ukuze umazi izwi ngezwi, uzozwa sengathi kuwubulima futhi kuyisicefe, futhi abanye abantu bangezwa nokuthi amazwi kaNkulunkulu ayifomula. Kodwa uma ngithatha lezi zindaba zeBhayibheli njengezibonelo zokusiza abantu ukuba bazi isimo sikaNkulunkulu, ngeke bakuthole kuyisidina. Ungasho ukuthi ngesikhathi kusachazwa lezi zibonelo, imininingwane yalokhu okwakusenhliziyweni kaNkulunkulu ngaleso sikhathi—umuzwa nesihawu Sakhe, noma imicabango nemibono Yakhe—kwashiwo kubantu, ngolimi lwabantu, futhi injongo yakho konke lokhu kwabe kuwukubavumela ukuba batuse, futhi bezwe ukuthi lokhu uNkulunkulu anakho nayikho akusiyona umthetho wokwenza. Akusiyo inganekwane, noma into abantu abangeke bayibone noma bayithinte. Into ekhona ngempela abantu abangakwazi ukuyithinta, futhi bayituse. Lena iyona njongo enkulu. Ungasho ukuthi abantu abaphila kule nkathi babusisekile. Bangathatha ezindabeni zeBhayibheli ukuze bathole ukuqonda okubanzi komsebenzi odlule kaNkulunkulu; bangabona isimo Sakhe emsebenzini asewenzile Yena. Futhi bangaqonda intando kaNkulunkulu ngesintu ngalezi zimo azibonakalisile, baqonde nokwambulwa okuqinileyo kobungcwele Bakhe kanye nokunakekela Kwakhe abantu ukuze bafinyelele ekwazini isimo sikaNkulunkulu ngendlela eyenabile futhi ejulile. Ngiyakholwa ukuthi nonke niyakuzwa lokhu!

Ngaphakathi komkhawulo womsebenzi owaphethwa iNkosi uJesu ngeNkathi Yomusa, ungabona enye ingxenye yalokhu uNkulunkulu anakho nayikho. Kwabonakaliswa ngenyama Yakhe, futhi kwenziwa ukuba kwenzeke ukuze abantu babone futhi batuse ngobuntu bakhe. ENdodaneni yomuntu, abantu babone indlela uNkulunkulu osenyameni aphile ngayo ubuntu Bakhe, base bebona ubunkulunkulu bukaNkulunkulu bubonakalisiwe enyameni. Lezi zibonakaliso ezimbili zavumela abantu ukuba babone uNkulunkulu wangempela weqiniso, futhi zabavumela ukuba bazibumbele umfanekiso ohlukile kaNkulunkulu. Nokho, ngenkathi yesikhathi esiphakathi kokudalwa komhlaba kanye nokuphela kweNkathi Yomthetho, okusho ukuthi, ngaphambi kweNkathi Yomusa, lokho okwabonwa, abakuzwa, futhi nabadlule kukho abantu kwakuyingxenye yobunkulunkulu bukaNkulunkulu kuphela. Kwakuyilokho uNkulunkulu akwenzile nakushilo embusweni ongaphatheki ngezandla, nezinto azivezayo ebuntwini Bakhe wangempela ezingeke zabonakala noma zathintwa. Ngokuvamile, lezi zinto zenza ukuba abantu bezwe ukuthi uNkulunkulu wayemkhulu, futhi babengeke bakwazi ukusondela Kuye. Isithombe uNkulunkulu avamise ukusinika kubantu ukuthi wayekhazimula njalo njalo, abantu baze bacabanga ukuthi yonke imicabango kanye nemibono Yakhe ngayinye yayiyimfihlakalo futhi iyindida ngale ndlela yokuthi yayingekho indlela yokufinyelela kuyo, ayisaphathwa eyokuzama ukuyiqonda kanye nokuyitusa. Kubantu, yonke into ngoNkulunkulu yayiqhelile—iqhele ngale ndlela yokuthi abantu abakwazanga ukuyibona, abakwazanga ukuyithinta. Kwakusengathi uphezulu esibhakabhakeni, futhi kwakungathi akekho nhlobo. Ngakho kubantu, ukuqonda inhliziyo nomqondo kaNkulunkulu noma yini ayicabangayo yayingenakwenzeka, futhi ingafinyeleleki. Noma ngabe uNkulunkulu wenza eminye imisebenzi eqinile ngeNkathi Yomthetho, wakhipha namazwi athile futhi wabonakalisa izimo ezithile ukuze avumele abantu ukuba batuse futhi babone ulwazi lweqiniso Ngaye, kodwa ekugcineni, lokho kwabe kuwukuziveza kukaNkulunkulu kulokhu anakho nayikho. Isintu asiwutholanga umqondo onzulu kulokhu kuziveza ngokuthi lokho anakho nayikho, futhi ukucabanga kwabo ngoNkulunkulu kwakusabambeke phakathi kwendawo yokuthi “uMoya okunzima ukuba seduze nawo, lona ofiyoza njalo” Ngokuba uNkulunkulu akasebenzisanga into ethile noma isithombe sendawo ephathekayo ukuze abonakale kubantu, baqhubeka nokwehluleka ukumchaza ngolimi lwabantu. Ezinhliziyweni nasezingqondweni zabantu, babehlala befuna ukusebenzisa ulimi lwabo ukumisa izinga likaNkulunkulu, ukumenza aphatheke futhi abe umuntu, njengokuthi mude kangakanani, mkhulu kangakanani, ubukeka kanjani, uthandani futhi ungumuntu onjani. Eqinisweni, enhliziyweni Yakhe uNkulunkulu wabe azi ukuthi abantu babecabanga ngale ndlela. Wayeziqonda kahle izidingo zabantu, kanjalo, Yena wabe azi ukuthi kumele enzeni, ngakho Yena Wawenza umsebenzi Wakhe ngendlela ehlukile ngeNkathi Yomusa. Le ndlela yayinobunkulunkulu kanye nobuntu. Ngesikhathi iNkosi uJesu isebenza, abantu babona ukuthi uNkulunkulu uziveza ngezimo zabantu abahlukene. Isibonelo, Yena wayekwazi ukudansa, eya emishadweni, ehlanganyela nabantu, ekhuluma nabo, exoxisana ngezinto nabo. Nangaphezu kwalokho, iNkosi uJesu yafeza umsebenzi omningi owawumele ubunkulunkulu Bakhe, futhi kunjalo, wonke lo msebenzi wawuyisiboniso futhi wambula isimo sikaNkulunkulu. Ngalesi sikhathi, lapho ubunkulunkulu bukaNkulunkulu babonakala enyameni eyejwayelekile, abantu abebengayibona futhi bayithinte, ababuyanga besezwa ukuthi uyakhazimula ngaphakathi nangaphandle, babengakwazi ukusondela Kuye. Kunalokho, babezama ukuqonda intando kaNkulunkulu noma umsebenzi weNdodana yomuntu. Indodana yomuntu esesimweni somuntu yaveza ubunkulunkulu bukaNkulunkulu ngokobuntu Bakhe futhi yadlulisa intando kaNkulunkulu esintwini. Futhi ngokubonakaliswa kwentando kanye nesimo sikaNkulunkulu, Yena waphinda waveza kubantu uNkulunkulu ongabonakali noma ongathinteki emhlabeni wakwamoya. Lokhu okwabonwa ngabantu kwakunguNkulunkulu uqolo Lwakhe, ethinteka futhi enenyama namathambo. Ngakho iNdodana yomuntu esesimweni somuntu yenza izinto ezifana nobuyena Bakhe, ukuma Kwakhe, isithombe Sakhe, isimo Sakhe kanye nalokho Yena anakho nayikho, yaqina futhi yenziwa isimo somuntu. Noma ngabe ukubonakala kwengaphandle kweNdodana yomuntu kwaba nemikhawulo mayelana nomfanekiso kaNkulunkulu, ingqikithi Yakhe kanye nalokhu anakho nayikho kwakwazi ngokupheleleyo ukumela ubunjalo nokuma—kwakunokwahlukana ngokwesimo sokubonakaliswa. Noma ngabe ubuntu beNdodana yomuntu noma ubunkulunkulu Bayo, ngeke siphike ukuthi Yona yamela ubunjalo nokuma kukaNkulunkulu. Ngalesi sikhathi, nokho, uNkulunkulu wasebenza ngenyama, wakhuluma njengokwenyama, futhi wama phambi kwesintu ngobunjalo nangokuma kweNdodana yomuntu, futhi lokhu kwanika abantu ithuba lokuhlangana nokuzizwela amazwi eqiniso kaNkulunkulu phakathi kwesintu. Yaphinda yavumela abantu ukuba babe nokuqonda ubunkulunkulu Bakhe kanye nobukhulu Bakhe phakathi kokuzithoba, kanye nokuzuza ukuqonda kwangaphambili kanye nencazelo yangaphambili yeqiniso kanye noqobo lukaNkulunkulu. Nakuba umsebenzi owafezwa iNkosi uJesu, izindlela Zakhe zokusebenza, nange ndlela ayekhuluma ngayo eyabe yahlukile kuleyo yomuntu woqobo kaNkulunkulu emhlabeni wakwamoya, yonke into Ngaye yamela uNkulunkulu uqobo ngokweqiniso abantu ababengakaze bayibone ngaphambili—lokhu ngeke kuphikwe! Okusho ukuthi, noma ngabe uNkulunkulu uvela ngasiphi isimo, noma ukhuluma ngayiphi indlela Yena akhuluma ngayo, noma ngamuphi umfanekiso abhekana ngawo nesintu, uNkulunkulu akameli lutho kodwa Yena uqobo Lwakhe. Yena angeke amele umuntu—angeke amele noma imuphi umuntu okhohlakele. UNkulunkulu unguNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi lokhu akusoze kwaphikwa.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi kaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

UJesu Wenza Izimangaliso

1) UJesu Usuthisa Izinkulungwane Eziyisihlanu UJohane 6:8-13 Omunye wabafundi Bakhe, u-Andreya, umfowabo kaSimoni Petru, wathi Kuye,...

Umfanekiso Wemvu Elahlekile

UMathewu 18:12-14 Nicabangani? uma umuntu enezimvu eziyikhulu, bese eyodwa ilahleka, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye...

UJesu Ukhuza AbaFarisi

10. Ukwahlulela KwabaFarisi UJesu UMarku 3:21-22 Futhi lapho abangani Bakhe bezwa ngakho, baphumela ngaphandle ukuba bambambe: ngokuba...

Sithinte nge-Whatsapp