UNkulunkulu Kumele Abhubhise ISodoma
UGenesise 18:26 Futhi uJehova wathi, Uma eSodoma ngithola abangamashumi amahlanu abalungileyo ngaphakathi kwedolobha, khona-ke...
Samukela bonke abafunayo abalangazelela ukubonakala kukaNkulunkulu!
Uma abantu baseSodoma bebona lezi zinceku ezimbili, abazange babuze isizathu sokufika kwazo, futhi akekho nowabuza ukuthi ingabe babefike ukuzosabalalisa intando kaNkulunkulu na? Kunalokho, benza iviyo, futhi, ngaphandle kokulinda incazelo, bafika ukuzobamba lezi zinceku njengezinja zasendle noma izimpisi ezinonya. Ingabe wazibuka uNkulunkulu lezi zinto ngesikhathi zenzeka? Wayecabangani uNkulunkulu enhliziyweni Yakhe ngalolu hlobo lokuziphatha kwabantu, ngale ndlela? UNkulunkulu wanquma ukuwubhubhisa lo muzi; akabange esanqikaza noma alinde, futhi wayengeke aqhubeke nokubekezela. Usuku Lwakhe lwase lufikile, futhi waqhubeka nomsebenzi ayefisa ukuwenza. Ngakho, UGenesise 19:24-25 uthi, “Khona uJehova wanisa phezu kweSodoma neGomora isibabuli nomlilo futhi kuvela kuJehova ezulwini; Futhi wachitha lawo madolobha, nalo lonke ithafa, nabo bonke abakhe emadolobheni, nalokho okuhluma emhlabathini.” La mavesi amabili atshela abantu indlela uNkulunkulu abhubhisa ngayo lo muzi: itshela abantu futhi ukuthi uNkulunkulu wabhubhisani. Okokuqala, iBhayibheli liyasilandisa ukuthi uNkulunkulu washisa umuzi ngomlilo, futhi nokuthi izinga lo mlilo lalilikhulu ngokuthi labhubhisa bonke abantu nalokho okumile emhlabathini. Okungukuthi, umlilo owehla ezulwini awuzange nje ubhubhise umuzi; wabhubhisa kanye nabo bonke abantu nezinto eziphilayo kuwo, wabhubhisa konke ngaphandle kokushiya ngisho umucu. Emuva kokuthi umuzi sewubhujisiwe, izwe lalingenalutho oluphilayo kulo. Kwakungasekho mpilo, noma ngisho izimpawu zako. Umuzi wawusuphenduke ihlane, indawo engenalutho, okuthule kuyo kuthe du. Kwakungeke kusaba khona izenzo ezimbi ezimelene noNkulunkulu kule ndawo; kwakungeke kusaba khona ukubulala noma ukuchithwa kwegazi.

Kungani uNkulunkulu afuna ukuwushisa nya lo muzi? Nibonani lapha? Ingabe uNkulunkulu wayengakwazi ukubuka isintu kanye nemvelo, indalo Yakhe Uqobo, kubhujiswe ngalolu hlobo? Uma ukwazi ukubona intukuthelo kaNkulunkulu emlilweni owehliswa ezulwini, ngakho akukho nzima ukubona izinga lolaka Lwakhe kulokho Ayehlose ukukubhubhisa kanye nangezinga umuzi owabhujiswa ngalo. Uma uNkulunkulu enengwa umuzi, uletha isijeziso phezu kwawo. Kepha, lapho uNkulunkulu esenengekile ngomuzi, uletha izixwayiso eziningi azise abantu ngentukuthelo Yakhe. Kodwa lapho uNkulunkulu enquma ukuqeda nokubhubhisa umuzi—okungukuthi, lapho ulaka nobukhosi Bakhe sebucasuliwe—akabe esakhipha zijeziso noma izexwayiso. Esikhundleni salokho, uzowubhubhisa manjalo. Uzowuqotha ushabalale nya. Lokhu isimo sikaNkulunkulu esilungileyo.
Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.
UGenesise 18:26 Futhi uJehova wathi, Uma eSodoma ngithola abangamashumi amahlanu abalungileyo ngaphakathi kwedolobha, khona-ke...
Okokuqala, ake sibheke iziqephu eziningi zemiBhalo ezichaza “Ukubhujiswa kweSodoma nguNkulunkulu.” UGenesise 19:1-11 Kwase kufika...
Impatho kaNkulunkulu yesintu esinobuwula nokungabi nalwazi sisonke, isekelwe isihe nokubekezelela. Ulaka Lwakhe, ngakolunye uhlangothi,...
Ngokuqonda lezi zibonelo zenkulumo kaNkulunkulu, imicabango nezenzo, uyakwazi yini ukuqonda isimo sikaNkulunkulu esilungile, isimo esingeke...