UNkulunkulu Uyalela U-Abrahama Ukuba Anikele Ngo-Isaka

May 29, 2018

Kazi ya Usimamizi wa Mungu na Wokovu wa Wanadamu Yaanza na Ibrahimu Kumtoa Isaka

Ngokunika u-Abrahama indodana, amazwi uNkulunkulu ayewakhulume ku-Abrahama agcwaliseka. Lokho akusho ukuthi icebo likaNkulunkulu laphelela lapha; ngokuphambene, icebo elimangalisayo likaNkulunkulu lokuqondisa nensindiso yesintu kwakusanda kuqala, futhi isibusiso Sakhe sendodana asinika u-Abrahama sasiyisiqalo sawo wonke umsebenzi Wakhe wecebo lokuqondisa. Ngaleso sikhathi, ubani owayazi ukuthi impi kaNkulunkulu noSathane yayisanda kuqala ngesikhathi u-Abrahama enikela ngo-Isaka?

UNkulunkulu Akanandaba Noma Umuntu Uyisiphukuphuku—Akufunayo Nje Ukuthi Umuntu Abe Neqiniso

UNkulunkulu Uyalela U-Abrahama Ukuba Anikele Ngo-Isaka

Manje, ake sibheke lokho uNkulunkulu akwenza ku-Abrahama. KuGenesise 22:2, uNkulunkulu wanika u-Abrahama lo myalo: “Thatha manje indodana yakho, indodana yakho okuwukuphela kwayo u-Isaka, oyithandayo, bese uya ezweni laseMoriya; bese uyonikela ngaye lapho abe umnikelo wokushiswa entabeni ethile engizokutshela yona.” Injongo kaNkulunkulu yayisobala: Wayetshela u-Abrahama ukuthi anikele ngokuwukuphela kwendodana yakhe u-Isaka, ayeyithanda, ibe umnikelo wokushiswa. Ngokwanamuhla, ingabe umyalo kaNkulunkulu uyangqubuzana nemibono yomuntu? Yebo! Konke uNkulunkulu akwenza ngaleso sikhathi kwakungqubuzana nemibono yomuntu futhi umuntu engakuqondi. Emibonweni yabo, abantu bakholwa yilokhu okulandelayo: Lapho umuntu engakholwa, futhi ecabanga ukuthi akunakwenzeka, uNkulunkulu wamnika indodana, futhi ngemva kokuthola indodana, uNkulunkulu wamcela ukuba anikele ngayo leyo ndodana—yeka isimanga! Yini ngempela uNkulunkulu ayehlose ukuyenza? Yayiyini injongo yangempela kaNkulunkulu? Wamnika ngokungenamibandela u-Abrahama indodana, kodwa futhi wacela u-Abrahama ukuthi naye enze umnikelo ongenambandela. Ingabe lokhu kwakuwukuphaphalaza? Ngokombono womuntu ongahlangene nendaba, lokhu akugcine nje ngokuba ukuphaphalaza kodwa kuphinde kube “ukuzenzela izinkinga ngento engekho.” Kodwa u-Abrahama uqobo wayengakholwa ukuthi uNkulunkulu wayefuna into enkulu kangaka. Nakuba ayenokungabaza, futhi ayenezinsolo ezincane ngoNkulunkulu, wayesakulungele ukwenza umnikelo. Kuleli qophelo, yini oyibonayo eqinisekisa ukuthi u-Abrahama wayezimisele ukunikela ngendodana yakhe? Yini eshiwo kule misho? Umbhalo wokuqala ulandisa ngale ndlela: “Futhi u-Abrahama wabe esevuka entathakusa, wase ebophela imbongolo yakhe, futhi wathatha izinsizwa ezimbili, kanye nendodana yakhe u-Isaka, futhi wacanda izinkuni zomnikelo wokushiswa, wabe esephakama, futhi waya kuleyo ndawo uNkulunkulu ayemtshele yona” (UGenesise 22:3). “Base befika endaweni lapho uNkulunkulu ayemtshele ngayo; futhi u-Abrahama wakha i-altare khona, wase elungisa izinkuni ngendlela efanele, futhi wabopha u-Isaka indodana yakhe, wase emlalisa phezu kwe-altare lezinkuni. Futhi u-Abrahama welula isandla sakhe, wase ethatha ummese ukuba ahlabe ngawo indodana yakhe” (UGenesise 22:9-10). Lapho u-Abrahama elula isandla sakhe, ethatha ummese ukuze ahlabe indodana yakhe, ingabe uNkulunkulu wayekubona lokho ayekwenza? Wakubona. Yonke inqubo—kusukela ekuqaleni, lapho uNkulunkulu ethi u-Abrahama akanikele ngo-Isaka, kuye lapho u-Abrahama ephakamisa khona ummese ukuze ahlabe indodana yakhe—uNkulunkulu wabona inhliziyo ka-Abrahama, kungakhathaleki ukuthi ubuwula bakhe babuyini, ukungazi, nokungamqondi uNkulunkulu, ngaleso sikhathi inhliziyo ka-Abrahama ngoNkulunkulu yayineqiniso, ithembekile, futhi wayezimisele ngempela ngokubuyisa u-Isaka, indodana ayeyinikwe uNkulunkulu, ayibuyisele kuNkulunkulu. Kuye, uNkulunkulu wabona ukulalela—khona kanye ukulalela uNkulunkulu ayekufuna.

Kumuntu, uNkulunkulu wenza okuningi okungaqondakali nokumangalisayo. Lapho uNkulunkulu efisa ukuqondisa othile, lokhu kuqondisa kuvame ukungavumelani nemibono yomuntu, futhi akuqondakali kuye, kodwa futhi yikho kanye lokhu kushayisana nokungaqondi okuyisilingo sikaNkulunkulu novivinyo lomuntu. Nokho, u-Abrahama wayesakwazi ukulalela uNkulunkulu, okwakuyinto eyayibaluleke kakhulu kuye ukuze ahlangabezane nemfuneko kaNkulunkulu. Kulapho kuphela, lapho u-Abrahama akwazi khona ukulalela okufunwa uNkulunkulu, ngesikhathi enikela ngo-Isaka, yilapho uNkulunkulu aqiniseka khona ngempela futhi wasamukela isintu—ngo-Abrahama, ayemkhethile. Kulapho kuphela, lapho uNkulunkulu aqiniseka khona ngokuthi lo muntu ayemkhethile wayeyiqhawe elikhulu elalingafeza isithembiso Sakhe necebo Lakhe lokuqondisa elaliseza. Nakuba kwakuyisilingo novivinyo, uNkulunkulu wajabula, wezwa uthando umuntu analo Ngaye, futhi wazizwa eduduzeka ngesintu ngendlela ayengakaze azizwe ngayo. Ngomzuzu u-Abrahama aphakamisa ngawo ummese wakhe ukuze ahlabe u-Isaka, ingabe uNkulunkulu wamnqanda? UNkulunkulu akamvumelanga u-Abrahama ukuba anikele ngo-Isaka, ngoba uNkulunkulu wayengenazo izinhloso zokuthatha ukuphila kuka-Isaka. Ngakho, uNkulunkulu wamnqanda ngaleso sikhathi u-Abrahama. Ngoba kuNkulunkulu, ukulalela kuka-Abrahama kwamenza waphumelela ovivinyweni, akwenza kwakwanele, futhi uNkulunkulu wayesewubonile umphumela walokho ayehlose ukukwenza. Ingabe lo mphumela wamenelisa uNkulunkulu? Kungashiwo ukuthi lo mphumela wamenelisa uNkulunkulu, ukuthi yilokho okwakufunwa uNkulunkulu, futhi yilokho uNkulunkulu ayelangazelela ukukubona. Ingabe lokhu kuyiqiniso? Nakuba kokunye, uNkulunkulu esebenzisa izindlela ezihlukile ukuze avivinye umuntu ngamunye, ku-Abrahama uNkulunkulu wabona lokho ayekufuna, wabona ukuthi inhliziyo ka-Abrahama yayineqiniso, nokuthi ukulalela kwakhe kwakungenamibandela, futhi yilokhu “kungabi namibandela” uNkulunkulu ayekufuna. Abantu bavame ukuthi, senginikelile ngalokhu, sengidlulile kulokhuya—kungani uNkulunkulu engakaneliseki ngami? Kungani esangihlelela izilingo? Kungani eqhubeka nokungivivinya? Lokhu kufakazela iqiniso elilodwa: UNkulunkulu akakaze abone inhliziyo yakho, futhi akakaze azuze inhliziyo yakho. Okuwukuthi, akakabuboni ubuqotho obunjalo obunjengalapho u-Abrahama ephakamisa khona ummese ukuze ahlabe indodana yakhe ngesandla sakhe futhi ayinikele kuNkulunkulu. UNkulunkulu akakakuboni ukulalela kwakho okungenamibandela, futhi akakaduduzwa nguwe. Kungokwemvelo, ukuthi uNkulunkulu aqhubeke ekulinga. Ingabe akulona iqiniso leli?

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp