Mayelana NoJobe (Ingxenye 1)

May 14, 2018

Ngemva kokufunda ngendlela uJobe abhekana ngayo nezilingo, abaningi benu bangathanda ukwazi ezinye izinto mayelana noJobe, ikakhulukazi mayelana nemfihlo eyamenza wadunyiswa uNkulunkulu. Ngakho namhlanje, ake sikhulume ngoJobe!

Ekuphileni Kwansuku Zonke KukaJobe Sibona Ukulunga, Ubuqotho, Ukwesaba UNkulunkulu, Kanye Nokugwema Okubi

Uma sizokhuluma ngoJobe, khona-ke kumele sihlaziye izinto uNkulunkulu azisho ngaye: “Akekho ofana naye emhlabeni, indoda engasoleki nelungile, owesaba uNkulunkulu, nogwema okubi.”

Ake siqale sifunde ngokulunga nobuqotho bukaJobe.

Mayelana NoJobe (Ingxenye 1)

Kuyini ukuqonda kwenu ngamagama athi “ukulunga” nelithi “ubuqotho”? Ingabe niyakholwa ukuthi uJobe wayengathukutheli futhi ehloniphekile? Yiqiniso, lokhu kuyoba ukuchaza igama negama lencazelo yelithi “ukulunga” nelithi “ubuqotho.” Into ebalulekile ekuqondeni ukuphila kwangempela kukaJobe—amazwi, izincwadi, nemibono ngeke kusinikeze izimpendulo. Sizoqala ngokubheka ukuphila kukaJobe kwasekhaya, ukuthi wayevame ukuziphatha kanjani. Lokhu kuyositshela ngemiyalo nemigomo yakhe ekuphileni, kanye nobuntu bakhe. Manje, ake sifunde amazwi okugcina kuJobe 1:3: “lo muntu wayengumuntu omkhulu kunabo bonke abantu basempumalanga.” Lokhu la mazwi akushoyo ukuthi igama langempela likaJobe kanye nokuma kwakhe kwakuphakeme kakhulu, nakuba singatshelwa ukuthi wayemkhulu kunabo bonke abantu basempumalanga ngenxa yokuthi wayenempahla eningi, noma ngenxa yokuthi wayelungile futhi eqotho, esaba uNkulunkulu futhi egwema okubi, siyazi ukuthi igama nokuma kukaJobe kwakuyigugu kakhulu. Njengoba kulotshiwe eBhayibhelini, into yokuqala abantu abayazi ngoJobe ukuthi wayelungile, ukuthi wayesaba uNkulunkulu egwema okubi, ukuthi wayenomcebo omkhulu futhi ezakhele igama elihle. Ukuze umuntu ojwayelekile aphile endaweni enjalo nangaphansi kwezimo ezinjalo, izinga lokuphila kukaJobe, nezinto ezihlukahlukene ekuphileni kwakhe ziyoba into abantu abaningi abagxile kuyo; ngakho kumele siqhubeke sifunda imibhalo: “Futhi amadodana akhe ahamba enza amadili ezindlini zawo, ileyo naleyo ngosuku lwayo; ayesethumela futhi abiza odadewabo abathathu ukuba bazodla futhi baphuze nabo. Kwathi lapho, izinsuku zamadili sezidlulile, uJobe wathumela futhi wawangcwelisa, futhi wavuka entathakusa, futhi wanikela umnikelo wokushiswa okwakulingana nesibalo sawo onke: ngokuba uJobe wathi, “Kungenzeka ukuthi amadodana ami onile, futhi athuka uNkulunkulu ezinhliziyweni zawo. Wenza njalo uJobe mihla yonke” (UJobe 1:4-5). La mavesi asitshela izinto ezimbili: Okokuqala ukuthi amadodana namadodakazi kaJobe ayeba nedili njalo, edla futhi ephuza; okwesibili ukuthi uJobe wayehlale enikela ngeminikelo yokushiswa ngoba wayekhathazekile ngawo, esaba ukuthi ayona, nokuthi izinhliziyo zabo zithuke uNkulunkulu. Kulokhu kuchazwa izinhlobo ezimbili zokuphila kwabantu. Abokuqala, amadodana namadodakazi kaJobe, ayevame ukuba nedili ngenxa yengcebo yawo, ayephuza iwayini adle izidlo aze asuthe, ejabulela ukuphila okusezingeni eliphezulu okwakulethwa umcebo. Ukuphila kanjalo, kwenza kwangagwemeka ukuthi ayezokona bese ecasula uNkulunkulu—kodwa awazange azingcwelise noma anikele iminikelo yokushiswa ngenxa yalokho. Ngakho uyabona ukuthi uNkulunkulu wayengenayo indawo ezinhliziyweni zawo, ukuthi ayengacabangi ngomusa kaNkulunkulu, futhi engakwesabi ukucasula uNkulunkulu, ingasaphathwa eyokwesaba ukuphika uNkulunkulu ezinhliziyweni zawo. Eqinisweni, asigxilile ezinganeni zikaJobe, kodwa ekutheni uJobe wenzani lapho ebhekene nezinto ezinjalo; lena enye indaba echazwe kuleli vesi, ebandakanya ukuphila kwakhe kwansuku zonke nesiqu sobuntu bakhe. Lapho iBhayibheli lichaza idili lamadodana namadodakazi kaJobe, alikhulumi ngoJobe; limane lithi amadodana namadodakazi kaJobe ayedla futhi aphuze ndawonye. Ngamanye amazwi, wayengabi namadili, noma adle namadodana namadodakazi akhe. Nakuba wayecebile, wayenempahla kanye nezinceku eziningi, ukuphila kukaJobe kwakungenazo izinto eziningi. Wayengakhangwa ubukhazikhazi bendawo ayephila kuyo, futhi wayengenawo umhobholo ngezinto zenyama noma akhohlwe ukunikela iminikelo yokushiswa ngenxa yomcebo wakhe, ingasaphathwa eyokuthi imenze esabe uNkulunkulu kancane kancane enhliziyweni yakhe. Ngokusobala, uJobe wayengenawo umhobholo nomhawu ekuphileni kwakhe, futhi ngenxa yalokho uNkulunkulu wambusisa. Kunalokho, wayethobekile futhi enesizotha, wayengaziqhenyi, futhi eqaphela aphinde acophelele phambi kukaNkulunkulu. Wayevame ukucabanga ngomusa nezibusiso zikaNkulunkulu, futhi ehlale emesaba uNkulunkulu. Ekuphileni kwakhe kwansuku zonke, uJobe wayesheshe avuke ukuze anikele umnikelo wokushiswa wamadodana namadodakazi akhe. Ngamanye amazwi, uJobe akagcinanga ngokwesaba uNkulunkulu, kodwa wayenethemba lokuthi izingane zakhe nazo zazizokwesaba uNkulunkulu zingoni. Ingcebo kaJobe yayingenandawo enhliziyweni yakhe, futhi ayingenanga endaweni kaNkulunkulu; kungakhathaleki ukuthi ngenxa yakhe noma yabantwana, ayekwenza uJobe kwakuhlale kubandakanya ukwesaba uNkulunkulu nokugwema ukwenza okubi. Ukwesaba uJehova uNkulunkulu akuphelelanga emlonyeni wakhe, kodwa wakubonisa ngezenzo, usuku ngalunye nakukho konke ukuphila kwakhe. Lokhu kuziphatha kwangempela kukaJobe kusibonisa ukuthi wayethembekile, futhi ethanda ubulungiswa nezinto ezinhle. Ukuthi uJobe wayevame ukungcwelisa amadodana namadodakazi akhe kusho ukuthi wayengakwemukeli ukuziphatha kwezingane zakhe; kunalokho, enhliziyweni yakhe wayeyichitha indlela ayeziphatha ngayo. Wayephethe ngokuthi ukuziphatha kwamadodana namadodakazi akhe kwakungamjabulisi uJehova uNkulunkulu, ngakho wayevame ukuwabiza phambi kukaJehova, avume izono zawo. Izenzo zikaJobe zisibonisa olunye uhlangothi lobuntu bakhe: ukuthi akakaze ahambe nabantu abonayo nabacasula uNkulunkulu, kodwa wayebagwema. Ngisho noma laba bantu babengamadodana namadodakazi akhe, akazange alaxaze imiyalo yakhe ngenxa yokuthi babeyigazi lakhe, futhi akawavunanga amadodana yakhe ngenxa yalokho ayekucabanga. Kunalokho, wawanxusa ukuba avume ukuze uJehova uNkulunkulu awabekezelele, futhi wawaxwayisa ngokuthi angashiyi uNkulunkulu ngenxa yobugovu bawo. Imiyalo yendlela uJobe aphatha ngayo abanye ayinakuhlukaniswa nemiyalo yokwesaba uNkulunkulu ugweme okubi. Wayekuthanda okwakwemukelwa uNkulunkulu futhi ekwenyanya okwakwenyanywa uNkulunkulu, ebathanda labo abathanda uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, futhi ezonda abenzi bobubi nalabo abonayo kuNkulunkulu. Uthando nenzondo enjalo kwavela ekuphileni kwakhe kwansuku zonke, futhi yibona buqotho bukaJobe obabonakala emehlweni kaNkulunkulu. Ngokwemvelo, lobu ubuntu bukaJobe ekuphileni kwamihla yonke nabanye abantu okumele sifunde ngabo.

Ukuvezwa Kobuntu BukaJobe Phakathi Nezilingo Zakhe (Ukuqonda Ukuphelela KukaJobe, Ubuqotho, Ukwesaba UNkulunkulu, Kanye Nokugwema Okubi Ezilingweni Zakhe)

Ngenhla sikhulume ngezinto ezihlukahlukene zobuntu bukaJobe ezavela ekuphileni kwakhe ngaphambi kovivinyo. Ngaphandle kokuthandabuza, lezi zinto ezihlukahlukene zisenza siqale sijwayelane futhi siqonde ubuqotho bukaJobe, sesabe uNkulunkulu, sigweme okubi, futhi zisenza siqiniseke. Into eyenza ngithi “siqale” ukuthi abantu abaningi abakabuqondi ubuntu bukaJobe nezinga amlalela ngalo uNkulunkulu futhi emesaba. Okusho ukuthi, ukuqonda kwabantu abaningi ngoJobe akujuli kwedlule esithombeni sakhe esihle esinikezwa yiziqephu ezimbili eziseBhayibhelini eziqukethe amazwi akhe athi, “UJehova uphile, futhi uJehova uthathile; malibongwe igama likaJehova” nathi “Simukela okuhle okuvela esandleni sikaNkulunkulu, singekwamukele nokubi na?” Ngakho kunesidingo esikhulu kithi, sokuthi siqonde ubuntu bukaJobe lapho evivinywa uNkulunkulu; ngale ndlela, ubuntu bangempela bukaJobe buyobonakala kubo bonke abantu.

Lapho uJobe ezwa ukuthi impahla yakhe intshontshiwe, nokuthi amadodana namadodakazi akhe ashonile, nokuthi izinceku zakhe zibulewe, wenza ngale ndlela: “Khona-ke uJobe wasukuma, wabe eseklebhula isiphuku sakhe, futhi waphuca ikhanda lakhe, wabe esewela emhlabathini, futhi wakhuleka” (UJobe 1:20). La mazwi asitshela iqiniso elilodwa: Ngemva kokuzwa lezi zindaba, uJobe akethukanga, akazange akhale noma asole izinceku ezazilethe umbiko, ingasaphathwa-ke eyokuhlola isimo ngokuthi aphenye ukuze athole ukuthi kwenzekeni ngempela. Akazange aveze noma ibuphi ubuhlungu noma ukuzisola ngempahla eyayimlahlekele, noma akhale izinyembezi ngenxa yokushonelwa izingane, ngabantu abathandayo. Ngokuphambene nalokho, waklebhula ingubo yakhe, waphuca ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka. Izenzo zikaJobe azifani nezomuntu ojwayelekile. Ziyabadida abantu abaningi, zibenza basole uJobe ngokuba nenhliziyo embi. Ngokulahlekelwa yizinto abanazo kungazelelwe, abantu abajwayelekile bayozwa ubuhlungu obukhulu, noma babe lusizi—futhi abanye bangacindezeleka kakhulu. Lokhu kungenxa yokuthi ezinhliziyweni zabo, impahla yabo imele ukuphila kwabo, ukuphila kwabo kuncike kuyo, iyisizathu sokuthi baqhubeke bephila; ukulahlekelwa impahla yabo kusho ukuthi imizamo yabo ibe yize, ukuthi abasenathemba futhi abasenalo ngisho nekusasa. Lona umbono noma yimuphi umuntu anawo ngempahla yakhe nendlela asondelene ngayo eduze nayo, futhi iyinto ebaluleke kunazo zonke emehlweni abo. Kanjalo, iningi labantu liyadideka yindlela uJobe angakhathazeki ngayo ngokulahlekelwa yimpahla yakhe. Namhlanje, sizoqeda konke ukudideka abantu abanakho ngokuchaza okwakwenzeka enhliziyweni kaJobe.

Ingqondo yembula ukuthi ngemva kokuba uNkulunkulu emnike lezo zinto, uJobe kwakufanele ashaywe amahloni ngenxa yokulahlekelwa yilezo zinto, ngoba wahluleka ukuzinakekela izinto ayezinikwe uNkulunkulu. Ngakho, lapho ezwa ukuthi impahla yakhe yebiwe, into yokuqala okwakufanele ayenze kwakufanele aye lapho kwenzeke khona isigameko abale konke okwakulahlekile bese ebikela uNkulunkulu ukuze athole ezinye izibusiso. Nokho uJobe akakwenzanga lokhu—futhi wayenezizathu zakhe zokwenza kanjalo. Enhliziyweni yakhe, uJobe wayekholwa ngokuqinile ukuthi konke ayenakho wayekunikwe uNkulunkulu, futhi akakaze akusebenzele. Ngakho akazange azazise lezi zibusiso, waqhubeka ephila ngemiyalo yakhe. Wazazisa izibusiso zikaNkulunkulu, futhi wabonga, kodwa akazange azibheke njengeziyigugu futhi akazange afune ezinye izibusiso. Leyo kwakuyindlela ayebheka ngayo impahla yakhe. Akukho lutho alwenza ukuze athole izibusiso, futhi akazange akhathazeke ngokulahlekelwa izibusiso zikaNkulunkulu; akazange ajabule kakhulu ngezibusiso uNkulunkulu amnika zona, futhi akazange angawunaki umusa uNkulunkulu ambonisa wona ngenxa yezibusiso ayezijabulela mihla yonke. Umbono kaJobe ngempahla yakhe wembula kubantu ubuntu bakhe bangempela: Okokuqala, uJobe wayengesiye umuntu ohahayo, futhi wayengafuni izinto ekuphileni kwakhe. Okwesibili, uJobe akakaze akhathazeke noma esabe ukuthi uNkulunkulu wayezothatha konke ayenakho, okwakuwumbono wakhe ngokulalela uNkulunkulu enhliziyweni yakhe; okusho ukuthi wayengafuni lutho, futhi engakhonondi ngalokho uNkulunkulu ayezokuthatha kuye, futhi wayengabuzi ukuthi kungani, kodwa wayefuna ukulalela amalungiselelo kaNkulunkulu. Okwesithathu, akakaze acabange ukuthi uyisebenzele impahla yakhe, kodwa wacabanga ukuthi uyiphiwe uNkulunkulu. Lolu kwakuwukholo lukaJobe kuNkulunkulu, futhi kubonisa inkolelo ayenayo. Ingabe ubuntu bukaJobe nezinto ayezifuna njalo kwawenza acaca la maphuzu amathathu ngaye? Ubuntu bukaJobe nezinto ayezifuna kwakubalulekile endleleni ayeziphatha ngayo lapho ebhekene nokulahlekelwa impahla. Yizinto uJobe ayezifuna njalo ezamenza waba nesibindi sokuthi, “UJehova uphile, futhi uJehova uthathile; malibongwe igama likaJehova” phakathi nokuvivinywa kwakhe uNkulunkulu. La mazwi awacatshangangwa ngobusuku obubodwa, futhi awamananga nje afika engqondweni kaJobe. Ayeyilokho ayekubonile futhi wadlula kukho ekuphileni kwakhe. Uma eqhathaniswa nabo bonke labo abafuna izibusiso zikaNkulunkulu, abesaba ukuthi uNkulunkulu uzobathathela ini, futhi bakhononde ngakho, ingabe ukulalela kukaJobe akunalo iqiniso? Uma eqhathaniswa nabo bonke abakholwa ukuthi ukhona uNkulunkulu, kodwa abangakholwa ukuthi uphethe zonke izinto, ingabe uJobe akanakho yini ukwethembeka nobuqotho obukhulu?

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp