Ingabe izigaba zontathu zomsebenzi kaNkulunkulu zijula kanjani kancane kancane ukuze abantu basindiswe futhi bapheleliswe?

April 06, 2018

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ukuphatha kukaNkulunkulu kukonke kwahlukaniseke izigaba ezintathu, futhi esigabeni ngasinye, kudingeka okufanele leso sigaba kumuntu. Phezu kwalokho, njengoba kuhamba iminyaka futhi iqhubekela phambili, okudingwa uNkulunkulu kumuntu kuyaphakama kakhulu. Ngakho, esigabeni nesigaba, umsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu ufinyelela esicongweni, umuntu aze abone iqiniso “ngokubonakala Kwezwi enyameni,” futhi ngale ndlela okudingeka kumuntu kuphakama kakhulu, futhi okudingeka kumuntu ekufakazeni kuphakama ngaphezu kwalokho. Uma umuntu ekhula emandleni okusebenzisana noNkulunkulu ngokweqiniso, iyakhula indlela adumisa ngayo uNkulunkulu. Ukusebenzisana Naye komuntu kuwubufakazi okudingeka ukuthi abe nabo, futhi ubufakazi anabo buwukwenza komuntu. Ngakho, ukuthi ngabe umsebenzi kaNkulunkulu unomthelela ofunekayo, nokuthi ngabe bukhona ubufakazi bangempela, kuxhunyaniswe kakhulu nokusebenzisana kanye nobufakazi bomuntu. Uma sewuqediwe umsebenzi, okusho ukuthi, uma konke ukuphatha kukaNkulunkulu kufinyelela esiphethweni, umuntu kuzodingeka ukuthi abe nobufakazi obuphakeme kakhulu, futhi uma umsebenzi kaNkulunkulu ufinyelela esiphethweni, ukungena komuntu kufinyelela esicongweni. Phambilini, kwakudingeka ukuthi umuntu ahambisane nomthetho kanye nemiyalelo, futhi kwakudingeka ukuthi abakezele futhi athobeke. Namuhla, kudingeka ukuthi umuntu alalele zonke izinhlelo zikaNkulunkulu futhi abe nothando oluphakeme lukaNkulunkulu, futhi ekugcineni kudingeka ukuthi aqhubeke nokuthanda uNkulunkulu phakathi kokuhlushwa. Lezi zigaba ezintathu zidingwa uNkulunkulu kumuntu, isinyathelo nenesinyathelo, ekuphatheni Kwakhe kukonke. Isigaba ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu sijula ngaphezu kwesokugcina, futhi esigabeni ngasinye okudingeka kumuntu kukhulu kakhulu kunokokugcina, futhi ngale ndlela, ukuphatha kukaNkulunkulu kukonke kuya ngokuya kuhlangana. Isizathu salokhu ukuthi okudingeka kumuntu kuphakeme kakhulu kunesimo somuntu futhi kusondelene nezilinganiso zikaNkulunkulu, futhi yilapho lapho isintu sonke siya ngokuya sisuka ethonyeni likaSathane kuze kube wukuthi, umsebenzi kaNkulunkulu ufinyelela ekupheleni nya, isintu sisonke sizobe sisindile ethonyeni likaSathane.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi wokuphatha kaNkulunkulu waqala ekudalweni komhlaba, futhi umuntu uyingqikithi yalo msebenzi. Ukudala kukaNkulunkulu zonke izinto, kungashiwo ukuthi kungenxa yomuntu. Ngoba umsebenzi wokuphatha Kwakhe uqhubeke izinkulungwane zeminyaka, futhi awenziwa ngesikhathi esingangemizuzu noma imizuzwana, noma ngokuphazima kweso, noma ngonyaka owodwa noma emibili, kwadingeka ukuthi adale ezinye izinto ezidingekayo ukuze aphile umuntu, njengelanga, inyanga, ngezinhlobo ngezinhlobo zezidalwa eziphilayo, nokudla, kanye nendawo yokuphila yesintu. Lokhu kwabe kuwukuqala kokuphatha kukaNkulunkulu.

Emuva kwalokho, uNkulunkulu wanikezela ngesintu kuSathane, umuntu waphila ngaphansi kokubusa kukaSathane, futhi lokhu kancane kancane kwaholela emsebenzini kaNkulunkulu wenkathi yokuqala: indaba yeNkathi Yomthetho…. Eminyakeni eyizinkulungwane eziningi yeNkathi Yomthetho, isintu sajwayela ukuqondiswa kweNkathi Yomthetho, futhi baqala bakuthatha kalula, futhi kancane kancane, bakushiya ukunakekelwa nguNkulunkulu. Ngakho, ngesikhathi benamathele emthethweni, bakhonza izithixo futhi benza izinto ezimbi. Babengavikelwe nguJehova, futhi babemane bephila izimpilo zabo phambi kwethempeli. Empeleni, umsebenzi kaNkulunkulu wabe usubashiyile kudala, nakuba abakwa-Israyeli babebambelele emthethweni, futhi bekhuluma ngegama likaJehova, futhi ngokuziqhenya besakholelwa ukuthi kwabe kuyibo bodwa abantu baJehova futhi babengabakhethiweyo baJehova, inkazimulo kaNkulunkulu yabalahla buthule …

…………

Njengoba kwakuhlale kwenzeka, emuva komsebenzi kaJehova ngeNkathi Yomthetho, uNkulunkulu waqala umsebenzi Wakhe wesigaba sesibili: wathatha inyama—wathatha isimo somuntu iminyaka eyishumi, amashumi amabili—futhi ekhuluma futhi enza umsebenzi Wakhe phakathi kwamakholwa. Kepha, ngaphandle kokukhetha, akekho owayazi, futhi bambalwa abantu abemukela ukuthi wayenguNkulunkulu othathe isimo senyama emuva kokuthi iNkosi uJesu ibethelwe esiphambanweni futhi yavuswa. … Kwathi lapho isigaba sesibili somsebenzi kaNkulunkulu sesiphelile—emuva kokubethelwa esiphambanweni—umsebenzi kaNkulunkulu wokukhipha umuntu esonweni (okungukuthi, ukukhipha umuntu ezandleni zikaSathane) wafezeka. Ngakho, kusukela kulowo mzuzu kuqhubeka, isintu sase sidinga ukwemukeka iNkosi uJesu njengoMsindisi ukuze izono zaso zithethelelwe. Ngokubuka, izono zomuntu zabe zingasesona isithiyo ekutholeni kwakhe insindiso futhi ukuza phambi kukaNkulunkulu futhi zabe zingaseyona into uSathane ayengasizakala ngayo ukumangalela umuntu. Yingoba uNkulunkulu uqobo Lwakhe wayenze umsebenzi ngempela, wayefike efana nenyama yesono, futhi uNkulunkulu uqobo Lwakhe wabe engumhlabelo wesono. Ngale ndlela, umuntu wahlika esiphambanweni, ehlengiwe futhi esindisiwe ngenxa yenyama kaNkulunkulu, umfanekiso wale nyama yesono. Ngakho, emuva kokuthunjwa nguSathane, umuntu wasondela kakhulu ekutheni emukele insindiso phambi kwaNkulunkulu. Impela, lesi sigaba somsebenzi kwabe kungukuphatha kukaNkulunkulu okwabe kuyisinyathelo esinyukelayo ukusuka eNkathini Yomthetho, futhi kwabe kusezingeni elijulile kuneNkathi Yomthetho.

…………

Kwase kufika iNkathi Yombuso, okuyisigaba somsebenzi esibonakalyo kepha futhi yiso esinzima kakhulu ukuthi umuntu asemukele. Yingoba njengoba umuntu esondela kuNkulunkulu, kungenkathi uswazi lukaNkulunkulu lusondela kumuntu, nangenkathi ubuso bukaNkulunkulu buya ngokuya bubonakala bucacile phambi komuntu. Kulandela ukuhlengwa komuntu, umuntu ubuyela ngokusemthethweni emndenini kaNkulunkulu. Umuntu wacabanga ukuthi manje yisikhathi sokujabula, kepha uzithola ebhekene nokuhlaselwa okuqhamuka ngaphambili ngomfutho okuvela kuNkulunkulu, uhlobo okungekho muntu oke wakubona ukuthi kuyokwenzeka. Kuyavela, ukuthi lokhu ukubhajadiswa abantu baNkulunkulu ekufanele bakujabulele. Ngaphansi kwempatho enjalo, abantu abanako abangakwenza kodwa ukuthi bame bacabange ukuthi, ngiyiwundlu ebelilahlekile iminyaka eminingi, uNkulunkulu akhiphe okukhulu ukulithenga futhi, ngakho kungani uNkulunkulu engiphatha kanje? Yindlela le yokuthi uNkulunkulu angihleke, angidalule? … Emuva kokuhamba kweminyaka, umuntu useshayekile, usedlule ebunzimeni bokucwengwa nokujeziswa. Nakuba umuntu eselahlekelwe “inkazimulo” kanye “nobumnandi” bezikhathi ezedlule, ngaphandle kokwazi, usefike ekuqondeni izimiso zokuziphatha komuntu, futhi usekwazi ukwazisa iminyaka yokuzinikela kukaNkulunkulu ukuthi asindise isintu. Umuntu uyaqala ukuzonda ukungaphucuki kwakhe. Uqala ukuzonda indlela anobudlova ngayo, nokungezwani kwakhe noNkulunkulu, nezicelo eziphoqayo ezingenangqondo azenzile Kuye. Isikhathi asinakuhlehliswa; izehlo ezedlule ziba izinkumbulo ezinokuzisola zomuntu, kanti amazwi nothando lukaNkulunkulu luba ngamandla amqhubela phambili umuntu empilweni yakhe entsha. Amanxeba omuntu ayaphola usuku nosuku, amandla akhe ayabuya, futhi asukume abheke ebusweni bukaSomandla … akutholayo nje ukuthi ubelokhu eseduze naye, nokuthi ukumamatheka Kwakhe kanye nobuso Bakhe obuhle buyamthinta kakhulu. Inhliziyo Yakhe isenokukhathazeka ngesintu asidala, futhi izandla Zakhe zisafudumele futhi zinamandla njengoba zazinjalo ekuqaleni. Kungathi-kumuntu ubuyele eNsimini Yase-Edeni, kepha manje umuntu akasalaleli ukuyenga kwenyoka, akasabususi ubuso bakhe kuJehova. Umuntu uyaguqa phambi kukaNkulunkulu, abheke phezulu ebusweni obumamathekayo bukaNkulunkulu, futhi anikele ngomhlatshelo wakhe oyigugu kunayo yonke—O! Nkosi Yami, Nkulunkulu Wami!

Kucashunwe embhalweni othi “Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi owenziwa nguJesu wawumane uyisigaba esingaphezulu kweTestamente Elidala; wasetshenziselwa ukuqala inkathi, nokuhola leyo nkathi. Kungani athi, “Angizile ukuzochitha umthetho, kodwa ukuzowugcwalisa”? Nokho emsebenzini wakhe kuningi okwakwehlukile emithethweni eyayilandelwa ngama-Israyeli eTestamente Elidala, ngoba akezanga ukuzolalela umthetho, kodwa ukuwugcwalisa. Indlela yokuwugcwalisa yayihlanganisa izinto eziningi zangempela: Umsebenzi wakhe wawungokoqobo futhi ungowangempela, futhi, ngaphezu kwalokho, wawuphila ngokwengeziwe, futhi wawungekhona ukubambelela emithethweni ngobumpumputhe. Ngabe ama-Israyeli ayengaligcini iSabatha? Lapho uJesu efika akazange aligcine iSabatha, ngoba wathi iNdodana yomuntu yayiyiNkosi yeSabatha, futhi lapho iNkosi yeSabatha ifika, yayizokwenza njengokufisa Kwayo. Wayezele ukugcwalisa imithetho yeTestamente Elidala nokuguqula imithetho. Konke lokhu okwenziwa namuhla kusukela kulokho okungokwamanje, nokho kusesesisekelweni somsebenzi kaJehova ngeNkathi Yomthetho, futhi akweqi ngale kwalo mklamo. Ukuqapha ulimi lwakho nokungaphingi, ngokwesibonelo—ingabe lena akuyona imithetho yeTestamente Elidala? Namuhla, okulindeleke kuwe namuhla akupheleli nje eMiyalweni Eyishumi, kodwa kuqukethe imiyalo nemithetho ephakeme kakhulu kunaleyo eyafika ngaphambili, nokho lokho akusho ukuthi okwafika phambilini sekwachithwa, ngoba isigaba ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu senziwa esisekelweni sesigaba esisandulelayo. Ngalokho uJehova akuletha kwa-Israyeli, efuna abantu banikele imihlatshelo, bahloniphe abazali babo, bangakhonzi izithixo, bangashayi noma bathuke abanye, bangaphingi, bangabhemi noma baphuze, bangadli izinto ezizifele noma baphuze igazi: ngabe lokhu akwakhi isisekelo sokwenza kwenu nanamuhla? Yisisekelo senkathi eyedlule esenze ukuba umsebenzi wenziwe kuze kwaba namuhla. Nakuba imithetho yenkathi endala ingasashiwo, nezimfuno ezintsha sezifuniwe kuwe, le mithetho ayiqediwe, futhi kunalokho, iphakanyiselwe esikhundleni esiphezulu ngokwengeziwe. Ukuthi isiqediwe kusho ukuthi inkathi edlule isiphelelwe yisikhathi, kanti kunemiyalelo okufanele uhlale uyihlonipha kuze kube phakade. Imiyalelo yenkathi edlule isivele yenziwe, ivele isiwukuphila komuntu, futhi akukho sidingo sokuphinda imiyalelo yokungabhemi, ukungaphuzi, njalo njalo. Phezu kwalesi sisekelo, imiyalelo emisha iyabekwa ngokuhambelana nezidingo namuhla, ngokuhambisana nesiqu sakho, nangokuhambisana nomsebenzi wanamuhla. Ukumemezela imiyalelo yenkathi entsha akusho ukuqeda imiyalelo yenkathi endala, kodwa ukuyiphakamisa phezu kwalesi sisekelo, ukwenza izenzo zomuntu ziphelele ngokwengeziwe, futhi zihambisane kakhudlwana nokungokoqobo. Uma, namuhla benivunyelwe ukuba nilandele kuphela imiyalelo futhi niphile ngemithetho yeTestamente Elidala, ngendlela efana neyama-Israyeli, futhi ukuba, ngaphezulu, bekumele nize nibambe ngekhanda imithetho eyabekwa nguJehova, bekungeke kwenzeke ukuba niguquke. Uma bekufanele niphile ngaleyo mithetho embalwa enemingcele noma nibambe ngekhanda imithetho engabaleki, imvelo yenu endala ibizohlala igxile ngokujulile, futhi ibingeke ibe khona indlela yokuyisiphula. Ngakho benizogcina senonakele ngokwengeziwe, futhi akekho noyedwa phakathi kwenu obeyolalela. Okusho ukuthi imiyalo elula embalwa noma imithetho engabaleki ngeke ikwazi ukunisiza ukuba nazi izenzo zikaJehova. Nina anifani nama-Israyeli: Ngokulandela imithetho nokubamba ngekhanda imiyalo akwazi ukubona izenzo zikaJehova, nokuzinikela Kuye yedwa, kodwa niyehluleka ukufinyelela kulokhu, futhi imiyalelo embalwa yenkathi yeTestamente Elidala ayigcini nje ngokunenza ningakwazi ukunikela ngenhliziyo yenu, noma ngokunivikela kodwa kunalokho izonenza ninganaki futhi inehlisele eHayidesi. Ngenxa yokuthi umsebenzi Wami ungumsebenzi wokunqoba, futhi ubhekiswe ekungalalelini nasemvelweni yenu endala. Amazwi anomusa kaJehova noJesu akude namazwi anzima okwahlulela namuhla. Ngaphandle kwamazwi aqine kanjalo, bekungeke kwenzeke ukuba kunqotshwe nina “bochwepheshe”, ababe ngabangalaleli iminyaka eyizinkulungwane. Imithetho yeTestamente Elidala kudala yaphelelwa ngamandla kinina futhi ukwahlulelwa kwanamuhla kuyidlula kude imithetho yakudala. Into enifanele kakhulu ukwahlulelwa hhayi imingcele engatheni yemithetho, ngoba nina anisona isintu sasekuqaleni, kodwa niyisintu esesonakele iminyaka eyizinkulungwane. Okumele umuntu afinyelele kukho manje kungokuhambisana nesimo sangempela somuntu namuhla, ngokuhambisana nezinga nesiqu sangempela somuntu wanamuhla futhi akudingi ukuba ulandele imfundiso. Lokhu kwenzelwa ukuthi kutholakale izinguquko emvelweni yakho endala, futhi ukuze ukwazi ukuyibeka eceleni imibono yakho.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Nakuba indlela umuntu ayihambayo namuhla futhi iyindlela yesiphambano neyokuhlupheka, lokho umuntu wanamuhla akwenzayo, akudlayo, akuphuzayo nakujabulelayo kwehluke kakhulu kokomuntu wangaphansi komthetho noweNkathi Yomusa. Lokho okufuneka kumuntu kulolu suku akufani nokwangezikhathi zangaphambili futhi akufani kakhulu nalokho okwakulindelwe kubantu ngeNkathi Yomthetho. Futhi yikuphi okwakudingeka kumuntu ngaphansi komthetho ngenkathi kwenziwa umsebenzi kwa-Israyeli? Akukho okwakulindeleke kubo ngaphandle kokugcina iSabatha kanye nemithetho kaJehova. Akekho okwakumele asebenze ngeSabatha noma aphule umthetho kaJehova. Kodwa akunjalo namuhla. NgeSabatha, abantu bayasebenza, baqoqane ndawonye bathandaze njengenjwayelo, futhi akukho mingcele ebekiwe. Labo ababeseNkathini Yomusa kwakumele babhapathizwe; kwakungagcini lapho, kwakuthiwa bazile ukudla, bahlephule isinkwa, baphuze iwayini, bamboze amakhanda abo futhi bageze izinyawo zabo. Manje, le miyalo isiqediwe futhi sekufuneka okuningi kumuntu, ngoba umsebenzi kaNkulunkulu uyaqhubeka ujula futhi ukungena komuntu kuya kukhula ngisho nakakhulu. Endulo, uJesu wayebeka izandla Zakhe kumuntu athandaze, kodwa ngoba manje zonke izinto sezishiwo sikuphi isidingo sokubeka izandla? Amazwi nje ewodwa angafeza okuningi. Kuqala lapho ebeka izandla kumuntu othile, kwakuwukubusisa nokuphulukisa umuntu. Yileyo ndlela uMoya oNgcwele owawusebenza ngayo ngaleso sikhathi kodwa manje akusenjalo. Manje uMoya oNgcwele usebenzisa amazwi emsebenzini Wakhe ukuze athole imiphumela. Usenze amazwi Akhe acaca kini futhi kumele nje niwasebenzise. Amazwi Akhe ayintando Yakhe futhi abonisa umsebenzi azowenza. Ngamazwi Akhe, ungayiqonda intando Yakhe nalokho akucela ukuba ukwenze. Uvele nje usebenzise amazwi Akhe ngaphandle kokubeka izandla. Abanye bangase bathi, “Beka izandla Zakho phezu kwami! Beka izandla Zakho phezu kwami ukuze ngithole isibusiso Sakho futhi ngihlanganyele Nawe.” Zonke lezi zindlela zokwenza seziphelelwe isikhathi futhi azisamukelekile ngoba inkathi isiguqukile. UMoya oNgcwele usebenza ngokuhambisana nenkathi, hhayi nje ngokuthanda noma ngemithetho ebekiwe. Inkathi isiguqukile futhi inkathi entsha kumele ifike nomsebenzi omusha. Lokhu kuyiqiniso ngazo zonke izigaba zomsebenzi futhi umsebenzi Wakhe awuphindwa nhlobo. ENkathini Yomusa, uJesu wenza umsebenzi omningi, njengomsebenzi wokuphulukisa, ukuxosha amadimoni, ukubeka izandla kubantu ngokubathandazela nokubabusisa. Nokho, ukuqhubeka nokwenza lowo msebenzi namuhla ngeke kusize ngalutho. UMoya oNgcwele wasebenza ngaleyo ndlela ngaleso sikhathi ngoba kwakuyiNkathi Yomusa futhi umuntu wayeboniswe umusa owanele ukuze ajabule. Akudingekanga ukuba umuntu akhokhe okuthile ukuze athole umusa, kuphela nje uma enokholo. Bonke babephathwe ngomusa. Manje inkathi isiguqukile futhi umsebenzi kaNkulunkulu usuqhubekele phambili; ngokusola nokwahlulela Kwakhe, ukuvukela komuntu nezinto ezingcolile kumuntu zizokhishelwa ngaphandle. Njengoba kwakunjalo ngesigaba sokukhululwa, uNkulunkulu kwadingeka ukuba enze umsebenzi onjalo, ebonisa abantu umusa owanele ukuba bajabule ngawo, ukuze akhulule umuntu esonweni, nangomusa wamxolela umuntu izono zakhe. Lesi sigaba senzelwe ukwambula ububi kumuntu ngokusola, ukwahlulela, ukushaya kwamagama ukuze ngemva kwalokho basindiswe. Lo msebenzi ujule kakhulu kunokukhulula isintu. NgeNkathi Yomusa, umuntu wathola umusa owanele futhi wayesewutholile kakade lo musa futhi awusakulungele ukuba utholwe ngabantu. Umsebenzi onjalo manje usuphelelwe yisikhathi futhi angeke usenziwa. Manje, umuntu usindiswa ngokwahlulelwa yizwi. Ngemva kokwahlulelwa, kokusolwa nangemva kokucwengwa komuntu, ubuntu bakhe buyaguquka. Ingabe lokhu akungenxa yamazwi engiwakhulumile? Isigaba ngasinye somsebenzi senziwe ngokuvumelana nokuthuthuka kwaso sonke isintu nenkathi. Wonke umsebenzi unokuthile kuwo okubalulekile; wenzelwa ukusindisa kokugcina, ukuze isintu sibe nekusasa elihle nokuthi ekugcineni umuntu ahlukaniseke ngokohlobo ayilo.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

NgeNkathi Yomthetho, uJehova wahola uMose wamkhipha eGibhithe ngamazwi Akhe, futhi wakhuluma amazwi athile kuma-Israyeli; ngaleso sikhathi, ingxenye yezenzo zikaNkulunkulu yenziwa yacaca, kodwa ngenxa yokuthi izinga lomuntu lalilinganiselwe nje futhi yayingekho into eyayingenza ukuthi ulwazi lwakhe luphelele, uNkulunkulu waqhubeka wakhuluma futhi wasebenza. NgeNkathi Yomusa, umuntu waphinde wabona ingxenye yemisebenzi kaNkulunkulu. UJesu wakwazi ukwenza izimpawu nezimangaliso, ukusindisa abagulayo nokukhipha amadimoni, futhi wabethelwa, kwathi emuva kwezinsuku ezintathu wavuka wavela kubantu esenyameni. Abantu babengazi lutho olunye ngaphandle kwalokhu. Umuntu wazi kuphela lokho akukhonjiswa nguNkulunkulu, futhi ukuba uNkulunkulu wayengakhombisi lutho oluthe xaxa kumuntu, umuntu wayengagcina kulelo zinga lokuqonda uNkulunkulu. Ngakho, uNkulunkulu uyaqhubeka ukusebenza, khona ulwazi lomuntu ngaye lungaya lujula, futhi ukuze aye ngokuya efinyelela ekwazini ubunjalo bukaNkulunkulu. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu usebenzisa amazwi akhe ukuphelelisa umuntu. Isimo sakho esonakele sivezwa amazwi kaNkulunkulu, kanti nemicabango yakho yenkolo ithathelwa indawo yiqiniso likaNkulunkulu. UNkulunkulu osesimweni somuntu ezinsukwini zokugcina ufike ikakhulukazi ukugcwalisa amazwi athi “uLizwi waba yinyama, uLizwi ufika enyameni, futhi uLizwi uvela esenyameni,” futhi uma ungenalo ulwazi oluphelele ngalokhu, uzolokhu ungakwazi ukuma uqine. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu ufuna ikakhulukazi ukufeza isigaba somsebenzi lapho uLizwi evela esenyameni, futhi lokhu ingxenye yohlelo lukaNkulunkulu lokuphatha. Ngakho, ulwazi lwenu kufanele lucace; akukhathaleki ukuthi uNkulunkulu usebenza kanjani, uNkulunkulu akavumeli umuntu ukuthi amchaze. Ukuba uNkulunkulu ubengawenzi lo msebenzi ngezinsuku zokugcina, ulwazi lomuntu belungeke luqhubeke. Benizokwazi ukuthi nje uNkulunkulu angabethelwa futhi angabhubhisa iSodoma, kanye nokuthi uJesu angavuswa ekufeni futhi avele kuPetru…. Kodwa ubungeke uthi amazwi kaNkulunkulu angafeza konke, futhi anganqoba umuntu. Kusekuzizweleni amazwi kaNkulunkulu kuphela lapho ungakhuluma ngolwazi olunjalo, futhi ngokwanda komsebenzi kaNkulunkulu ongawuzwa, ulwazi lwakho ngaye lungaluhle kakhulu. Yilapho kuphela uyoyeka ukunciphisa uNkulunkulu ngemicabango yakho.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Umsebenzi kaNkulunkulu Namhlanje” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Emsebenzini wezinsuku zokugcina, izwi linamandla amakhulu kunokuvezwa kwezibonakaliso nezimangaliso futhi igunya lezwi lingcono kunelezibonakaliso nezimangaliso. Izwi lembula zonke izimo zenkohlakalo ezisenhliziyweni yomuntu. Awukwazi ukuzibonela zona. Lapho zibonakaliswa kini ngezwi, niyobe senizibona ngokwemvelo; ngeke nikwazi ukuziphika, kunalokho niyokholwa ngokuphelele. Ingabe akusilo igunya lezwi leli? Lona ngumphumela womsebenzi wanamuhla wezwi. Ngakho, umuntu akakwazi ukusindiswa ezonweni zakhe ngokugcwele ngokuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni futhi angeke enziwe aphelele ngokwambulwa kwezibonakaliso nezimangaliso. Igunya lokuphulukisa nelokuxosha amadimoni limnikeza umusa kuphela umuntu kodwa inyama yomuntu isengekaSathane futhi isimo esonakele sobusathane sisekumuntu. Ngamanye amazwi, lokho okungakahlanzwa kusengokwesono nokungcola. Kungemuva kokuba umuntu esehlanziwe ngamazwi kuphela lapho engazuzwa nguNkulunkulu futhi angcweliswe. Uma kungekho okwenziwe ngaphezu kokuxosha amadimoni kumuntu nokumkhulula, lokho kungukumsusa kuphela ezandleni zikaSathane nokumbuyisela kuNkulunkulu. Nokho, akakahlanzwa noma akakashintshwa nguNkulunkulu, futhi futhi usalokhu onakele. Phakathi kumuntu kusekhona ukungcola, ukuphikisa futhi nokuvukela; umuntu ubuyele kuphela kuNkulunkulu ngokukhululwa, kodwa akanalo noluncane ulwazi ngoNkulunkulu futhi usakwazi ukumelana noNkulunkulu futhi amkhaphele. Ngaphambili kokuhlengwa komuntu, ubutha obuningi bukaSathane base bufakiwe kuye. Ngemva kweminyaka eyizinkulungwane yokonakala kukaSathane, umuntu usevele enemvelo kuye yokuphika uNkulunkulu. Ngakho, lapho umuntu esekhululiwe, akukho okungaphezu kokukhululwa kwakhe, lapho umuntu ethengwa khona ngenani eliphezulu, kodwa imvelo enobuthi kuye ingakasuswa. Umuntu osengcoliswe kangaka kumele aguquke kuqala ukuze afanele ukukhonza uNkulunkulu. Umuntu uyokwazi kahle ukungcola nokungalungi okukuye ngenxa yokwahlulela nokusola futhi uyokwazi ukuguquka bese ehlanzeka. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu eyokwazi khona ukubuyela ngaphambi kwesihlalo sikaNkulunkulu. Wonke umsebenzi owenziwe namuhla wenzelwe ukuba umuntu ahlanzwe futhi aguqulwe; ngokwahlulela nokusola ngezwi kanye nokucwengwa, umuntu angakuxosha ukonakala kuye bese ehlanzeka. Kunokuba kuthiwe lesi sigaba somsebenzi esensindiso kungafaneleka kangcono ukuthi kuthiwe umsebenzi wokuhlanzwa. Eqinisweni, lesi sigaba singesokunqoba nokuba yisigaba sesibili sensindiso. Umuntu uzuzwa uNkulunkulu ngokwahlulela nokusolwa izwi; ngokusebenzisa izwi lapho kucwengisiswa, kwahlulelwa nokudalulwa kwazo zonke izinto ezingcolile, imibono, izinhloso kanye nalokho umuntu akufisayo kuyadalulwa ngokuphelele. Nakuba umuntu esekhululiwe futhi wathethelelwa izono zakhe, kubhekwa kuphela uNkulunkulu engakhumbuli izono zomuntu futhi engamphathi umuntu ngokwezono zakhe. Nokho, lapho umuntu ephila esenyameni futhi engakhululiwe esonweni, angase aqhubeke nesono, alokhu eqhubeka embula ukonakala kwesimo sobusathane. Yile mpilo umuntu ayiphilayo, umjikelezo ongapheli wokona nokuthethelelwa. Iningi labantu liyona emini livume izono ntambama. Ngaleyo ndlela, ngisho umnikelo wesono uhlezi usebenza kumuntu, awukwazi ukumsindisa umuntu esonweni. Kusaqedwe ingxenye kuphela yomsebenzi ngoba umuntu usenesimo esonakele. Isibonelo, lapho abantu sebazi ukuthi bayinzalo kaMowabi, bakhipha amazwi okukhononda, ababe besafuna ukuphila, futhi baba abantu abanombono ongemuhle nhlobo. Akukhombisi lokhu ukuthi abakakwazi ukuzinikela ngokugcwele ngaphansi kokubusa kaNkulunkulu? Ingabe lokhu akusiso ngempela isimo esonakele sobusathane? Lapho ningafakiwe ekusolweni, izandla zenu zaziphakeme kakhulu kunezabanye, ngisho nakwezikaJesu. Nanimemeza ngezwi elikhulu: Yiba yindodana ethandekayo kaNkulunkulu! Yiba ngosondele kuNkulunkulu! Singamane sife kunanokuzinikela kuSathane! Vukelani udrako omkhulu obomvu! Akasuke emandleni udrako omkhulu obomvu! UNkulunkulu akasiphelelise! Ukumemeza kwenu kwakukukhulu kunokwabo bonke. Kodwa-ke kwase kufika izikhathi zokusolwa, kwase kuphinda kwembulwa isimo sabantu sokonakala. Ukumemeza kwabo kwase kuma, ababe besazimisela. Yilokhu ukonakala komuntu; kujulile kunesono, kutshalwe nguSathane kwagxiliswa ngokujulile futhi phakathi kumuntu. Akulula kumuntu ukuba abone izono zakhe; umuntu akakwazi ukubona imvelo yakhe egxilile. Ukwahlulelwa yizwi kuphela okungaba nomthelela onjalo. Yileyo ndlela umuntu angaguqulwa ngayo kancane kancane kusuka kulelo qophelo kuye phambili. Umuntu wayememeza kanje kudala ngoba umuntu wayengenakho ukuqonda isimo sakhe sokudabuka esonakele. Kunjalo ukungcola okukumuntu. Kuso sonke lesi sikhathi eside sokwahlulelwa nokusolwa, umuntu ubephila emoyeni wodweshu. Akufezwanga konke lokhu ngezwi? Animemezanga ngezwi elikhulu phambi kokuhlushwa kwabenzi bomsebenzi? Wafika umbuso! Bonke labo abemukela leli gama bayongena embusweni! Bonke bayohlanganyela noNkulunkulu! Ngenkathi kuhlushwa abenzi bomsebenzi, anibange nisamemeza. Ekuqaleni bonke bamemeza, “Nkulunkulu! Noma ungibeka kuphi, ngiyovuma ukuholwa nguwe.” Ekufundeni amazwi kaNkulunkulu, “Ngubani oyoba uPawulu wami?” umuntu wathi, “Ngiyathanda!” Wayesebona amazwi, “Nithini ngokholo lukaJobe?” Ngakho wayesethi, “Ngizimisele ukuthatha ukholo lukaJobe. Nkulunkulu, ngicela ungivivinye!” Ngenkathi ukuhlushwa kwabenzi bomsebenzi kufika, wawa phansi zisuka nje wacishe wangakwazi ukusukuma. Emva kwalokho, ukungcola okusenhliziyweni yomuntu kwaya ngokuya kuncipha. Akufezwanga ngezwi lokhu? Ngakho lokhu esenikubonile kulesi sikhathi kuyimiphumela efezeke ngezwi, ingaphezulu ngisho kunaleyo eyafezeka ngokwenza kukaJesu izibonakaliso nezimangaliso. Inkazimulo negunya likaNkulunkulu uqobo okubonayo akubonakali ngokubethelwa, ukuphulukiswa kwezifo nokukhishwa kwamadimoni, kodwa ikakhulu ngokwahlulela kwakhe ngezwi. Lokhu kunikhombisa ukuthi akukhona kuphela ukwenza izimpawu zezibonakaliso, ukwelapha izifo nokukhipha amadimoni okuyigunya namandla kaNkulunkulu, kodwa ukwahlulela ngezwi kukwazi kangcono ukumela igunya likaNkulunkulu nokwembula ukuba namandla amakhulu Kwakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Emsebenzini wensindiso yomuntu, izigaba ezintathu zenziwe, okungukuthi impi noSathane ihlukaniswe izigaba ezintathu ngaphambi kokuhlulwa okuphelele kukaSathane. Kepha iqiniso elingaphakathi lomsebenzi wonkana wempi noSathane lithi imiphumela yawo itholakala ngezinyathelo zomsebenzi eziningi: ukuthela umusa phezu komuntu, kanye nokuba umhlabelo wesono womuntu, ukuthethelela izono zomuntu, ukunqoba umuntu, nokuphelelisa umuntu. Empeleni, impi noSathane akukhona ukuhloma izikhali ubhekane noSathane, kodwa insindiso yomuntu, ukusebenza impilo yomuntu, kanye nokushintsha isimo somuntu ukuze afakazele uNkulunkulu. USathane unqotshwa kanje. USathane unqotshwa ngokushintsha isimo esikhohlakele somuntu. Uma uSathane esehluliwe, okungukuthi, uma umuntu esesindisiwe ngokuphelele, uSathane ojabhile uyoboshwa ngokuphelele, futhi ngaleyo ndlela, umuntu uyobe esesindisiwe ngokuphelele. Ngakho, ingqikithi yensindiso yomuntu impi noSathane, kanti impi noSathane ibonakaliswa esikakhulukazi ensindisweni yomuntu. Isigaba sezinsuku zokugcina, lapho umuntu ezonqotshwa khona, isigaba sokugcina sempi noSathane, kanti futhi umsebenzi wokusindiswa okuphelele komuntu emandleni kaSathane. Incazelo yangaphakathi yokunqotshwa komuntu ukubuya kokusamuntu kukaSathane, umuntu owonakaliswe nguSathane, kuMdali, emuva kokunqotshwa kwakhe, ngalokho uyoshiya uSathane futhi abuyele ngokuphelele kuNkulunkulu. Ngale ndlela umuntu uyobe esesindisiwe ngokuphelele. Ngakho, umsebenzi wokunqoba umsebenzi wokugcina empini ebhekene noSathane, kanye nesigaba sokugcina ekuphatheni kukaNkulunkulu ukuze kuhlulwe uSathane. Ngaphandle kwalo msebenzi, ukusindiswa komuntu okuphelele bekungeke kwenzeke neze ekugcineni, ukuhlulwa ngokuphelele kukaSathane nakho bekungeke kwenzeke neze, futhi isintu besingeke neze sikwazi ukungena esiphethweni esimangalisayo, noma ukukhululeka ethonyeni likaSathane. Ngenxa yalokho, umsebenzi wokusindiswa komuntu ngeke uphethwe ngaphambi kukuthi impi noSathane iphethwe, ngoba umnyombo womsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu ungenxa yokusindiswa kwesintu. Isintu sasekuqaleni sasisezandleni zikaNkulunkulu, kodwa ngenxa yokulingwa nguSathane nokonakaliswa, umuntu waboshwa nguSathane futhi wawela ezandleni zomubi. Ngakho, uSathane waba yinto okufanele yehlulwe emsebenzini wokuphatha kukaNkulunkulu. Ngoba uSathane wamngena umuntu, nangenxa yokuthi umuntu uwumsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu, uma umuntu ezosindiswa, kufanele ahlwithwe ezandleni zikaSathane, okusho ukuthi umuntu kufanele abuyiswe emva kokuthunjwa nguSathane. Ngalokhu, uSathane kufanele anqotshwe ngezinguquko esimweni somuntu esidala, izinguquko ezibuyisela umqondo wakhe wokuqala, bese ngale ndlela, umuntu, obethunjiwe, ehlwithwa ezandleni zikaSathane. Uma umuntu ekhululiwe ethonyeni nokuboshwa nguSathane, uSathane uyojabhiswa, umuntu ekugcineni uyobuyiselwa emuva, futhi uSathane uyohlulwa. Futhi ngenxa yokuthi umuntu usekhululiwe ethonyeni elimnyama likaSathane, umuntu uyoba impango yayo yonke lempi, futhi uSathane uyoba umenziwa oyojeziswa uma lempi seyiphelile, emuva kwalokho umsebenzi usuwonkana wokusindiswa komuntu uyobe usuqediwe.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp