Yazi inhloso yezigaba ezintathu zomsebenzi wokungamela kukaNkulunkulu isintu

April 06, 2018

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Lonke uhlelo Lwami lokuphatha, uhlelo oluhlanganisa iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, lunezigaba ezintathu, noma izinkathi ezintathu: Inkathi yoMthetho ekuqaleni; Inkathi yoMusa (ephinde yaziwe ngokuthi Inkathi yokuHlengwa); neNkathi yoMbuso ezinsukwini zokugcina. Umsebenzi Wami kulezi zinkathi ezintathu wehluka kokuqukethe ngokohlobo lwenkathi ngayinye, kodwa esigabeni ngasinye uhambisana nezidingo zomuntu—noma ukuqonda ngqo, wenziwa ngokwamaqhinga asetshenziswa uSathane empini engiyilwa naye. Inhloso yomsebenzi Wami ukunqoba uSathane, ukubonakalisa ukuhlakanipha Kwami nokuba namandla onke, ukuveza obala wonke amaqhinga kaSathane, ngalokho bese ngisindisa sonke isintu, esiphila ngaphansi kokubusa kwakhe. Kuwukukhombisa ukuhlakanipha nokuba namandla onke Kwami ngibe ngembula ububi bukaSathane obungabekezeleki. Ngaphezu kwalokho, kuwukufundisa izidalwa Zami ukuthi zikwazi ukwahlukanisa phakathi kokuhle nokubi, ukubona ukuthi nginguMbusi wazo zonke izinto, ukubona kahle ukuthi uSathane uyisitha sesintu, ophansi kunakho konke, omubi, nokwehlukanisa ngokunesiqiniseko phakathi kokuhle nokubi, iqiniso namanga, ubungcwele nokungcola, ubukhulu nobuphansi. Ngale ndlela, isintu esingenalwazi sizokwazi ukungifakazela ukuthi akuyimina owonakalisa isintu, futhi Yimi kuphela—iNkosi yendalo—ongasindisa isintu, engingabeka phezu komuntu izinto zokubathokozisa; futhi bazi ukuthi nginguMbusi wazo zonke izinto nokuthi uSathane ungomunye nje wezidalwa engazidala, wabuye wangiphendukela. Uhlelo Lwami lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luhlukene izigaba ezintathu ukuze kutholakale umphumela olandelayo: ukuvumela izidalwa Zami zibe ofakazi Bami, zazi intando Yami, zibone ukuthi ngiyiqiniso.

Kucashunwe embhalweni othi “Indaba Eyiqiniso Ngomsebenzi Wenkathi Yokuhlengwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Yazi inhloso yezigaba ezintathu zomsebenzi wokungamela kukaNkulunkulu isintu

Inhloso yezigaba ezintathu zomsebenzi ukusindisa sonke isintu—okuchaza ukusindiswa okuphelele komuntu ekubuseni kukaSathane. Nakuba ngasinye sezigaba ezintathu sinenjongo kanye nokubaluleka kwaso, ngasinye siyingxenye yokusindisa umuntu, futhi siwumsebenzi ohlukile wensindiso owenziwe ngokuvumelana nezidingo zesintu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Namuhla sizobeka ngokufingqiwe imicabango, imibono, kanye nakho konke ukusebenza kukaNkulunkulu kusukela ekudaleni abantu, nokuthi sibheke ukuthi imuphi umsebenzi awenza kusukela ekudalweni kwezwe kuze kufike ekuqaleni kweNkathi Yomusa ngokusemthethweni. Ngakho sizokwazi ukuthola ukuthi imiphi imicabango kanye nemibono kaNkulunkulu engaziwa muntu, kusukela lapho-ke sesingachaza ukuhleleka kwecebo likaNkulunkulu lokuphatha, futhi siqonde ngokuphelele isimo uNkulunkulu adalela kuso umsebenzi Wakhe wokuphatha, umsuka wawo kanye nendlela yokuwuthuthukisa, futhi siqonde ngokuphelele ukuthi imiphi imiphumela ayifunayo emsebenzi Wakhe wokuphatha—okusho, umnyombo kanye nenhloso yomsebenzi Wakhe wokuphatha. Ukuze siqonde lezi zinto kumele sibuyele emuva, esikhathini esikude futhi esithule lapho kwakungekho bantu …

Ngesikhathi uNkulunkulu evuka embhedeni Wakhe, umcabango aba nawo kuqala kwakuyilo: ukudala umuntu ophilayo, umuntu ophilayo wangempela—umuntu ozophila Naye futhi abe umhlobo Wakhe njalo. Lo muntu owayezokwazi ukumlalela, futhi uNkulunkulu wayezokwazi ukukhipha isifuba Sakhe kuyena futhi akhulume naye. Kwase kuthi, ngokokuqala ngqa, uNkulunkulu wathatha umhlabathi ogcwele isandla, futhi wawusebenzisa ukudala umuntu wokuqala ngqa ophilayo ayekade emcabanga, wabe esenika lesi sidalwa esiphilayo igama—Adamu. Lapho uNkulunkulu esezuze lo muntu ophilayo futhi ophefumulayo, ingabe Wazizwa kanjani? Ngokokuqala ngqa, wazizwela injabulo yokuba nothandekayo, umhlobo. Ngokokuqala ngqa, waphinde wazizwela umthwalo wokuba ubaba, kanye nokukhathazeka okufika nakho. Lo muntu ophilayo futhi ophefumulayo walethela uNkulunkulu intokozo kanye nenjabulo; wazizwela eduduzekile ngokokuqala ngqa. Lokhu kwakuyinto yokuqala uNkulunkulu ayeyenzile ayengayenzanga ngemicabango noma nangamazwi Akhe, kodwa kwenziwa ngezandla Zakhe zombili. Ngesikhathi lolu hlobo lwesidalwa—umuntu ophilayo futhi ophefumulayo—sima phambi kukaNkulunkulu, senziwe ngenyama negazi, sinomzimba futhi nesimo, futhi sikwazi ukukhuluma noNkulunkulu, Wazizwela uhlobo lwenjabulo ayengakaze aluzwe ngaphambili. Wazizwela ngempela umthwalo futhi lomphefumulo ophilayo akusikho nje ukuthi wawumenza azizwe enozwelo enhliziyweni Yakhe, kodwa konke ngisho nokuncinyane okwakukwenza nakho kwamthinta futhi kwafudumeza inhliziyo Yakhe. Ngakho ngesikhathi lo mphefumulo ophilayo uma phambi kukaNkulunkulu, kwakungokokuqaka efikelwa umcabango wokuba nabantu abaningi abazofana nalo. Lokhu kwakuwuchungechunge lwezehlakalo ezaqala ngomcabango wokuqala uNkulunkulu abe nawo, zonke lezi zehlakalo zazenzeke ngokokuqala, kodwa ngalezi zehlakalo, noma ngabe yini lena abe eyizwa ngaleso sikhathi—injabulo, umthwalo, ukukhathalela—kwakungekho muntu ayengakhuluma naye ngalokhu. Kusukela ngalowo mzuzu, uNkulunkulu waba nomzwangedwa ngempela kanye nosizi ayengakaze aluzwe ngaphambili. Yena wezwa ukuthi abantu babengakwazi ukwamukela noma ukuqonda uthando kanye nokukhathalela Kwakhe, noma izinjongo Zakhe ngesintu, ngalokho Yena waba nokudabuka kanye nobuhlungu enhliziyweni Yakhe. Noma ngabe umuntu wayemenzele le nto, umuntu wayengazi ngayo futhi engaqondi. Ngaphandle nje kwentokozo, ukujabula kanye nenduduzo eyalethwa umuntu Kuye, masinyane yaletha futhi imizwa Yakhe yokuqala yosizi kanye nomzwangedwa. Lena kwakuyimicabango kanye nemizwa kaNkulunkulu ngezikhathi zonke. Ngesikhathi uNkulunkulu ekwenza konke lokhu, enhliziyweni Yakhe wasuka enjabulweni waya osizini, waphinda wasuka osizini waya ezinhlungwini, konke kuxubene nokukhathazeka. Konke ayefuna ukukwenza kwakungukushesha ukuba enze lo muntu, lolu hlanga lwesintu ukuba lwazi ukuthi kwakukhonani enhliziyweni Yakhe futhi luqonde izinjongo Zakhe ngokushesha. Ngalokho, babengakwazi ukuphenduka abalandeli Bakhe futhi babe nhliziyonye Naye. Babengeke besalalele uNkulunkulu ekhuluma kodwa bahlale bengenamazwi; babengeke besahlale bengazi ukuthi bangahlanganyela kanjani noNkulunkulu emsebenzini Wakhe; ngaphezu kwakho konke, babengeke besaba ngabantu abangenandaba nokuthi ziyini izidingo zikaNkulunkulu. Lezi zinto zokuqala uNkulunkulu aziqeda zinenjongo enkulu futhi zibaluleke kakhulu ecebeni Lakhe lokuphatha nakubantu namuhla.

Emva kokudala izinto zonke kanye nabantu, uNkulunkulu akaphumulanga. Wayengasakwazi ukulinda ukuba afeze ukuphatha Kwakhe, noma ukulinda ukuzuza abantu abathandayo phakathi kwesintu.

…………

… UNkulunkulu uthatha lesi sibonelo sokuphatha Kwakhe isintu, sokusindisa kwakhe isintu, njengesibaluleke kakhulu kunoma yini enye. Akakwenzi konke lokhu ngomqondo Wakhe kuphela, noma ngamazwi Akhe kuphela, futhi Yena ikakhulukazi akakwenzi ngokunganaki—ukwenza konke lokhu ngokohlelo, ngenjongo, ngezinga, kanye nentando Yakhe. Kuyacaca ukuthi lo msebenzi wokusindisa isintu ubaluleke kakhulu kuNkulunkulu nakumuntu. Noma ngabe unzima kanjani umsebenzi, noma ngabe zizinkulu kangakanani iziphazamiso, noma ngabe babuthakathaka kanjani abantu, noma ngabe kujule kangakanani ukuhlubuka kwesintu, akukho kulokhu okunzima kuNkulunkulu. UNkulunkulu uzenza matasatasa, efaka amandla Akhe acophelelayo futhi ephatha umsebenzi afuna ukuwenza Yena uqobo Lwakhe. Futhi Yena uhlela konke, futhi ebusa abantu bonke kanye nomsebenzi afuna ukuwuqeda—akukho okwalokhu okwake kwenziwa ngaphambili. Kungokokuqala uNkulunkulu asebenzisa lezi zindlela futhi akhokha nenani elikhulu ngalo msebenzi omkhulu wokuphatha nokusindisa isintu. Ngesikhathi uNkulunkulu esenza lo msebenzi, kancane kancane uveza futhi akhiphe esintwini, ngaphandle kokugodla umsebenzi Wakhe onzima, lokhu anakho nayikho, ukuhlakanipha kanye namandla Akhe, nayo yonke ingxenye yesimo Sakhe. Ukhipha futhi aveze lezi zinto ngendlela angakaze enze ngayo ngaphambili. Ngakho-ke, emhlabeni wonke, ngaphandle kwabantu uNkulunkulu aqonde ukubaphatha nokubasindisa, ayikaze ibe khona noma iyiphi indalo esondelene noNkulunkulu, enobudlelwano obusondelene Naye ngalo luhlobo. Enhliziyweni Yakhe, isintu afuna ukusiphatha nokusisindisa sibalulekile kakhulu, futhi siyigugu Kuye ngaphezu kwakho konke; noma ngabe ekhokhe inani elikhulu ngabo, futhi noma ngabe bemzwisa ubuhlungu futhi bengalaleli, Yena akabadeli futhi uqhubeka ngokungakhathali emsebenzini Wakhe, engenakukhononda futhi engazisoli. Lokhu kungenxa yokuthi uyazi ukuthi masinyane noma kungekudala, isintu ngelinye ilanga siyovumela ubizo Lwakhe, futhi sinyakaziswe amazwi Akhe, sibone ukuthi Yena uyiNkosi yendalo, bese sibuyela ngasohlangothini Lwakhe …

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kungakhathaleki ukuthi uNkulunkulu wenzani futhi kanjani, kungakhathaleki ukuthi izindleko ziyini, noma imigomo Yakhe, inhloso yezenzo Zakhe ayiguquki. Inhloso Yakhe ukusebenzisa kumuntu izwi likaNkulunkulu, izimfuneko zikaNkulunkulu, nentando kaNkulunkulu ngomuntu; ngamanye amazwi, iwukwenza kumuntu konke lokho uNkulunkulu akholwa ukuthi kuhle ngokuvumelana nezigaba Zakhe, avumele umuntu ukuba aqonde inhliziyo kaNkulunkulu futhi aqonde ingqikithi kaNkulunkulu, nokumvumela ukuba alalele ubukhosi bukaNkulunkulu namalungiselelo Akhe, kanjalo enze umuntu esabe uNkulunkulu futhi agweme okubi—konke kuwuphawu olulodwa lwenhloso kaNkulunkulu kukho konke akwenzayo. Olunye uphawu ukuthi, ngenxa yokuthi uSathane uyisembozo futhi uyinhloso yomsebenzi kaNkulunkulu, umuntu uvame ukunikelwa kuSathane; lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu wayevame ukuvumela abantu ukuthi babone ububi bukaSathane ngaphambi kokuba uSathane abalinge noma abahlasele, kanjalo evumele abantu ukuba bazonde uSathane futhi bakwazi ukubona uhlangothi lwakhe olubi. Le nqubo ibavumela ukuba bakhululeke kancane kancane ekulawulweni uSathane, nasekumangalelweni uSathane, ekugxambukeleni, nasekuhlaselweni—baze babonge izwi likaNkulunkulu, ulwazi lwabo nokulalela uNkulunkulu, kanye nokholo lwabo kuNkulunkulu nokumesaba; bayathuthumela lapho bemangalelwa uSathane; bayokhululwa lapho kuphela emandleni kaSathane. Ukukhululwa kwabantu kuyosho ukuthi uSathane unqotshiwe, kuyosho ukuthi abasekhona ukudla emlonyeni kaSathane—ukuthi esikhundleni sokubagwinya, uSathane ubalaxazile. Lokhu kungenxa yokuthi abantu abanjalo baqotho, banokholo, bayalalela futhi besaba uNkulunkulu, nokuthi bamelene kakhulu noSathane. Bamthela ngehlazo uSathane, bamenza abe igwala, futhi bamnqoba ngokuphelele. Ukholo lwabo ekulandeleni uNkulunkulu, ukulalela kwabo nokwesaba uNkulunkulu kunqoba uSathane, futhi kumenza aphonse ithawula. Abantu abanjalo kuphela abazuzwe uNkulunkulu ngeqiniso, futhi yibo uNkulunkulu ahlose ukubasindisa.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kunjalo ukuphatha kukaNkulunkulu: ukunikezela isintu phezu kukaSathane—isintu esingazi ukuthi uyini uNkulunkulu, ukuthi uyini uMdali, ukhonzwa kanjani uNkulunkulu, nokuthi kungani kunesidingo sokuthobela uNkulunkulu—futhi ukunika inkululeko enkohlakalweni kaSathane. Isinyathelo ngesinyathelo, uNkulunkulu uyamkhipha umuntu ezandleni zikaSathane, aze umuntu akhonze uNkulunkulu ngokuphelele futhi ashiye uSathane. Lokhu ukuphatha kukaNkulunkulu. Konke lokhu kuzwakala njengendaba eyinganekwane; futhi kubonakala kuyindida. Abantu bacabanga ukuthi kunjengendaba eyinganekwane, futhi lokho yingoba abazi nhlobo ukuthi zingakanani izinto ezehlele umuntu kule minyaka eyizinkulungwane eziningi eyedlule, ingasaphathwa eyokwazi ukuthi zingaki izindaba ezenzekile emhlabeni nasemkhathini. Futhi, ngaphezu kwalokho, yingoba abakwazi ukuqondisisa izwe elishaqisayo, elifaka ukwesaba kakhulu elikhona ngaleya kwalo mhlaba esiwubonayo, kodwa amehlo abo enyama ayabavimba ukuthi bawubone Kuzwakala kungaqondakali kumuntu, futhi lokho yingoba umuntu akakuqondi ukubaluleka kokusindisa kukaNkulunkulu isintu kanye nokubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha, futhi akaqondi ukuthi uNkulunkulu ufisa isintu sibe njani ekugcineni. Isintu esifana no-Adamu no-Eva, abangakonakaliswa nguSathane? Cha! Ukuphatha kukaNkulunkulu kwenziwa ukuzuza iqembu labantu abakhonza uNkulunkulu nabamthobelayo Yena. Lesi sintu sonakalisiwe nguSathane, kodwa asisamboni uSathane njengobaba waso; siyabubona ubuso obubi bukaSathane, futhi siyabukhahlela, futhi sifike phambi kwaNkulunkulu ukwemukela isahlulelo nokusola Kwakhe. Uyazi uthi yini embi, nokuthi injani uma uyiqhathanisa nalokho okuyingcwele, futhi uyabona ubukhulu bukaNkulunkulu nobubi bukaSathane. Isintu esinjalo ngeke sisamsebenzela uSathane, noma simkhonze uSathane, noma simenze isithixo uSathane. Yingoba bayiqembu labantu abazuzwe ngempela wuNkulunkulu. Lokhu ukubaluleka kokuphatha isintu kukaNkulunkulu. …

…………

Uthando nozwelo lukaNkulunkulu lugcwele kuyo yonke imininingwane yomsebenzi Wakhe wokuphatha, futhi akunandaba noma abantu bayaqonda izinhloso ezinhle zikaNkulunkulu, ngokungakhathali, usawenza umsebenzi ahlose ukuwufeza. Ngaphandle kokubheka ukuthi abantu baqonda kangakanani ukuphatha kukaNkulunkulu, izinzuzo nosizo lomsebenzi owenziwe nguNkulunkulu lungathakaselwa inoma ngubani. Mhlawumbe, namhlanje awukaze uzwe inoma iluphi uthando noma impilo ehlinzekwa nguNkulunkulu, kodwa inqobo uma ungamlahli uNkulunkulu, futhi ungadeli ukuzimisela kwakho ukufuna iqiniso, kuyohlale kukhona usuku lapho ukumamatheka kukaNkulunkulu kuyovezwa kuwena. Ngoba inhloso yomsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu ukubuyisa isintu esingaphansi kwamandla kaSathane, ukungasilahli isintu esonakaliswe nguSathane futhi saphikisana noNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu wadala abantu futhi wababeka emhlabeni, laba aye wabahola kwaze kwaba manje. Wabe esesindisa abantu waba njengomnikelo wesono kubantu. Ekugcineni, kusafanele anqobe isintu, asindise sonke isintu futhi asibuyisele esimweni saso sasekuqaleni. Lona umsebenzi uNkulunkulu abelokhu ewenza kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni—wokumbuyisela esimweni sakhe ayeyiso ekuqaleni. Uyomisa umbuso Wakhe futhi abuyise izinto ezifana nesimo sasekuqaleni somuntu, okusho ukuthi uyovuselela igunya emhlabeni nakuyo yonke indalo. Umuntu walahlekelwa inhliziyo eyesaba uNkulunkulu ngemva kokonakaliswa uSathane, futhi walahlekelwa umsebenzi izidalwa zikaNkulunkulu okufanele zibe nawo, waba isitha esingamlaleli uNkulunkulu. Umuntu waphila ngaphansi kokubusa kukaSathane futhi walandela imiyalo kaSathane; ngakho uNkulunkulu wayengenayo indlela yokusebenza phakathi kwezidalwa Zakhe, futhi akakwazanga ukwenza ukuba izidalwa Zakhe zimesabe. Umuntu wadalwa uNkulunkulu, wakhonza uNkulunkulu, kodwa umuntu waqala ukumjikela uNkulunkulu wakhonza uSathane. USathane waba isithixo senhliziyo yomuntu. Ngakho uNkulunkulu walahlekelwa indawo Yakhe enhliziyweni yomuntu, okuwukuthi walahlekelwa incazelo yendalo kaNkulunkulu yabantu, manje ukuze abuyise ayekuhlosile ngendalo Yakhe kumele umuntu ambuyisele esimweni ayeyiso ekuqaleni bese exosha umuntu onesimo esikhohlakele. Ukuze abuyise umuntu kuSathane, kumele asindise umuntu esonweni. Kungale ndlela kuphela angabuyisa ngayo kancane kancane isimo sasekuqaleni somuntu futhi abuyise umsebenzi wasekuqaleni womuntu, futhi ekugcineni uNkulunkulu abuyise umbuso Wakhe. Ukubhujiswa kwabantwana bokungalaleli nakho kuzokwenziwa ukuze umuntu amkhonze kangcono uNkulunkulu futhi aphile kangcono emhlabeni. Njengoba uNkulunkulu adala umuntu, kufanele enze umuntu amkhonze; njengoba uNkulunkulu efisa ukubuyisa umsebenzi wasekuqaleni womuntu, lokho uzokwenza ngokuphelele, ngaphandle kwenkohlakalo. Ukubuyisa igunya Lakhe kusho ukwenza ukuthi umuntu amkhonze futhi amlalele; kusho ukuthi kufanele enze umuntu aphile ngenxa Yakhe futhi ashabalalise izitha Zakhe ngenxa yegunya Lakhe; kusho ukuthi uzokwenza ukuthi yonke ingxenye yakhe yokugcina iqhubeke phakathi kwabantu futhi ngaphandle kokuphikiswa umuntu. Umbuso afisa ukuwumisa embusweni Wakhe. Isintu asifisayo yilesi esimkhonzayo, esimlalela ngokuphelele futhi esinenkazimulo Yakhe. Uma engasisindisi isintu esonakalisiwe, okushiwo indalo Yakhe kuyophenduka ize; ngeke esaba nalo igunya kubantu, futhi umbuso Wakhe ngeke ukwazi ukuba khona emhlabeni. Uma engazibhubhisi lezo zitha ezingamlaleli, ngeke akwazi ukuthola inkazimulo Yakhe egcwele, futhi ngeke akwazi ukumisa umbuso phezu komhlaba. Lezi izimpawu zokuqedwa komsebenzi Wakhe nezimpawu zokufezwa kwezinto Zakhe ezinkulu: ukubhubhisa ngokuphelele labo phakathi kwesintu abangamlaleli, nokuletha ekuphumuleni labo abenziwe baphelela. Lapho isintu sesibuyiselwe esimweni saso sakuqala, lapho abantu bengaqeda imisebenzi yabo, bagcine indawo yabo futhi balalele wonke amalungiselelo kaNkulunkulu, uNkulunkulu uyobe eseqoqe iqembu labantu abamkhonzayo emhlabeni, futhi uyomisa nombuso emhlabeni, umbuso ozokhonza Yena. Uyoba nokunqoba kwaphakade emhlabeni, futhi labo abamelene naye bayoshabalala kuze kube phakade. Lokhu kuyobuyisa injongo Yakhe yasekuqaleni ngokudala zonke izinto; futhi kuyobuyisa negunya Lakhe phezu komhlaba, igunya Lakhe phakathi kwazo zonke izinto negunya lakhe phakathi kwezitha Zakhe. Lolu uphawu lokunqoba Kwakhe okuphelele. Kusuka lapho isintu siyongena ekuphumuleni nasekuphileni okulandela umgudu ofanele. UNkulunkulu uyophinde angene ekuphumuleni kwaphakade kanye nabantu, angene ekuphileni okuphakade okungokukaNkulunkulu nomuntu. Ukungcola nokungalaleli kwabantu emhlabeni kuzonyamalala, njengoba kuzoba njalo nangokukhala emhlabeni. Bonke abasemhlabeni abamelana noNkulunkulu ngeke babe khona. UNkulunkulu nabantu abasindisile kuphela okufanele basale; indalo Yakhe kuphela okufanele isale.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma izigaba ezintathu zomsebenzi zifika ekupheleni, kuyokwenziwa iqembu lalabo abafakazela uNkulunkulu, iqembu lalabo abamaziyo uNkulunkulu. Bonke laba bantu bayomazi uNkulunkulu futhi bayokwazi ukwenza iqiniso. Bayoba nobuntu nomqondo, futhi bonke bayozazi izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu wensindiso. Lona umsebenzi oyogcwaliseka ekugcineni, futhi la bantu bangukucaciswa komsebenzi wokuphatha weminyaka eyizi-6,000, futhi bangubufakazi obunamandla bokuhlulwa kukaSathane ekugcineni.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Emva kokwenza umsebenzi Wakhe weminyaka eyizi-6,000 kuze kube yimanje, uNkulunkulu ubesenze izenzo eziningi, okukhulu kuwukunqoba uSathane nokusindisa sonke isintu. Usebenzisa leli thuba ukuvumela konke okusezulwini, konke okusemhlabeni, konke okusolwandle nakho konke okudalwe uNkulunkulu emhlabeni ukuthi kubone ukuba ngusomandla Kwakhe babone nezenzo zikaNkulunkulu. Uthatha ithuba lokunqoba uSathane ukuze aveze izenzo Zakhe esintwini ukuze abantu bezomdumisa baphakamise ukuhlakanipha Kwakhe kokunqoba uSathane. Konke okusemhlabeni, ezulwini nangaphansi kolwandle kudumisa Yena, kubabaza ubukhulu Bakhe, kubonga izenzo Zakhe zonke kumemeza igama Lakhe elingcwele. Lobu ubufakazi bokunqoba Kwakhe uSathane; okubaluleke kakhulu, kungubufakazi bokusindisa Kwakhe isintu. Yonke indalo kaNkulunkulu iyamkhazimulisa, idumise ukunqoba Kwakhe isitha nokuphumelela Kwakhe imbonge njengeNkosi enkulu enqobile. Inhloso Yakhe akusikho ukunqoba uSathane kuphela, ngakho-ke, umsebenzi Wakhe uqhubeke iminyaka eyizi-6,000. Usebenzisa ukunqoba Kwakhe uSathane ukusindisa isintu; usebenzisa ukunqoba uSathane ukuveza izenzo Zakhe nokwembula udumo Lwakhe. Uzoluthola udumo, nezingelosi zonke zizobona udumo Lwakhe. Izithunywa ezulwini, abantu emhlabeni nayo yonke indalo emhlabeni izobona udumo loMdali. Lona ngumsebenzi awenzayo. Zonke izidalwa Zakhe ezulwini nasemhlabeni zizobona udumo Lwakhe, uzobuya enqobile emva kokuhlula uSathane bese isintu siyamdumisa. Uzobe esephumelele ekufezeni kokubili. Ekugcineni sonke isintu sizonqotshwa Nguye, uzobe esebhubhisa bonke abamenqabayo noma abahlubukayo, okungukuthi, uzobhubhisa bonke abangabaSathane.

Kucashunwe embhalweni othi “Kumele Wazi Ukuthi Sonke Isintu Sithuthuke Kanjani Kuze Kufike Esikhathini Samanje” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Sengisebenze emhlabeni izinkulungwane zeminyaka, futhi kuze kube namuhla ngisenza umsebenzi wami ngale ndlela. Yize kukhona izinto ezininginingi ezitholakala emsebenzini Wami, inhloso yawo ilokhu ingaguqukile. Njengoba nje, ukwenza isibonelo, noma ngigcwele ukwehlulela nokusola okubhekiswe kumuntu, engikwenzayo kusengenxa yesizathu sokumsindisa, nangenhloso yokusabalalisa kangcono ivangeli Lami, nokwandisa umsebenzi Wami phakathi kwabo bonke abeZizwe ngemuva kokuthi umuntu enziwe waphelela. … Kungenxa yokuthi kulesi sikhathi sokugcina, igama Lami liphakanyiswe phakathi kwabantu beZizwe, ukuba izenzo Zami zibonwe abeZizwe futhi bangibize ngoSomandla ngenxa yezenzo zami, bese amazwi Ami enzeke ngokushesha. Ngizokwenza bonke abantu bazi ukuthi angisiyena uNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, kodwa futhi uNkulunkulu wabo bonke abantu beZizwe, ngisho nezizwe engiziqalekisile. Ngizokwenza bonke abantu babone ukuthi nginguNkulunkulu wayo yonke indalo. Lona ngumsebenzi Wami omkhulu kakhulu, inhloso yohlelo lomsebenzi Wami ezinsukwini zokugcina, futhi yiwona kuphela umsebenzi okumele ufezwe ngezinsuku zokugcina.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Wokusabalalisa IVangeli Umsebenzi Futhi Wokuhlenga Umuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp