Yazi Inhloso Nokubaluleka Kwesigaba Ngasinye Somsebenzi KaNkulunkulu

April 06, 2018

Yazi Inhloso Nokubaluleka Kwesigaba Ngasinye Somsebenzi KaNkulunkulu

(1) Injongo nokubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu Enkathini Yomthetho

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi uJehova awenza kuma-Israyeli wamisa phakathi kwesintu indawo kaNkulunkulu yokudabuka emhlabeni, futhi okwakuyindawo engcwele ayekhona kuyo. Wawugcina umsebenzi wakhe ukubantu bakwa-Israyeli kuphela. Ekuqaleni, akazange asebenze ngaphandle kwakwa-Israyeli, kodwa kunalokho, wakhetha abantu abathola befanelekile ukuze anciphise ububanzi bomsebenzi Wakhe. Kwa-Israyeli yindawo lapho uNkulunkulu adala khona u-Adamu no-Eva, futhi ngothuli lwaleyo ndawo, uJehova wenza umuntu; le ndawo yaba yisizinda somsebenzi Wakhe emhlabeni. Abakwa-Israyeli, ababeyinzalo kaNowa babeyinzalo ka-Adamu futhi, babeyisisekelo esingabantu somsebenzi kaJehova emhlabeni.

Ngalesi sikhathi, ukubaluleka, inhloso, kanye nezigaba zomsebenzi kaJehova kwa-Israyeli kwakungukuqala umsebenzi Wakhe emhlabeni wonke, okwathi, uthatha u-Israyeli njengesizinda sawo, waya ngokuya wandela kwabeZizwe. Lesi yisimiso asebenza ngaso emhlabeni wonke jikelele—ukwakha isibonelo bese esandisa baze bonke abantu emhlabeni jikelele balemukele ivangeli Lakhe. Ama-Israyeli okuqala kwakuyinzalo kaNowa. Labo bantu babefakwe kuphela umphefumulo kaJehova futhi babeqonda ngokwenele ukunakekela izidingo eziyisisekelo zempilo, kodwa babengamazi ukuthi uyinhloboni kaNkulunkulu uJehova, noma isifiso Sakhe ngomuntu futhi bengayazi intando yakhe ngomuntu, ingasaphathwa eyokwazi ngisho ukuthi kufanele bayihloniphe kanjani iNkosi yendalo yonke. Okokuthi yayikhona imigomo nemithetho okwakufanele ilalelwe[a], noma ukuthi imuphi umsebenzi izidalwa okufanele ziwenzele uMdali, inzalo ka-Adamu yayingazi lutho ngalezi zinto. Konke ababekwazi nje ukuthi umyeni kufanele ajuluke futhi asebenze ukuze ondle umndeni wakhe, nokuthi inkosikazi kufanele ithobele umyeni wayo, futhi yandise uhlanga lwabantu uJehova abadalile. Ngamanye amazwi, abantu abanjalo, ababenomphefumulo kaJehova kanye nokuphila Kwakhe, babengazi lutho ngendlela yokulandela imithetho kaNkulunkulu noma ukwenelisa iNkosi yendalo yonke. Babenokuqonda okuncane kakhulu. Ngakho-ke nakuba kwakungekho lutho olugwegwile noma oluwubuqili ezinhliziyweni zabo, futhi umona nokuphikisana kwakungavamile ukuvuka phakathi kwabo, noma kunjalo babengenalo ulwazi noma ukuqonda uJehova, iNkosi yendalo yonke. Labo khokho bomuntu babazi nje ukuphela ukudla izinto zikaJehova, nokuthokozela izinto zikaJehova, kodwa babengakwazi ukuhlonipha uJehova; babengazi ukuthi uJehova Nguye yedwa okufanele bamkhonze beguqe ngamadolo. Ngakho babengabizwa kanjani ngezidalwa Zakhe? Uma kwakunjalo, kuthiwani ngamagama athi, “uJehova uyiNkosi yendalo yonke” nathi “Wadala umuntu ukuze amveze, amkhazimulise, futhi ammele,”—kwakungeke kube ayekhulunyelwa ize? Kwakungenzeka kanjani ukuthi abantu abangamhloniphi uJehova babe ofakazi benkazimulo Yakhe? Babengaba kanjani ukuvezwa kwenkazimulo Yakhe? Ingabe amazwi kaJehova athi “Ngadala umuntu ngomfanekiso Wami” abe esephenduka isikhali esandleni sikaSathane—lo omubi? La mazwi ayengeke yini abe uphawu lokululazeka kokudala umuntu kukaJehova? Ukuze aqede leso sigaba somsebenzi, uJehova, emuva kokudala isintu, akazange abayalele noma abaqondise ukusuka esikhathini sika-Adamu kuya kwesikaNowa. Kodwa, kwaze kwaba emuva kokuba uzamcolo usubhubhise umhlaba lapho aqala khona ngokusemthethweni ukuhola abakwa-Israyeli, ababeyinzalo kaNowa neka-Adamu futhi. Umsebenzi Wakhe namazwi Akhe kwa-Israyeli kwanika ukuqondiseka kubo bonke abantu ezweni lonke lakwa-Israyeli, ngalokho kwakhombisa isintu ukuthi uJehova akakwazi nje kuphela ukuphefumulela umphefumulo kumuntu, ukuze abenempilo evela Kuye, futhi aphakame othulini abe yisidalwa sikaNkulunkulu, kodwa nokuthi wayengangqongqisa isintu ngomlilo, futhi aqalekise isintu, aphinde asebenzise induku Yakhe ukuphatha isintu. Nabo-ke, babona ukuthi uJehova angayihola impilo yomuntu emhlabeni, futhi akhulume aphinde asebenze phakathi kwesintu ngokwamahora emini nawobusuku. Wenza umsebenzi ukuze izidalwa Zakhe zazi ukuthi umuntu wavela othulini olwalucoshwe Nguye, nokuthi ngaphezulu kwalokho, umuntu wayenziwe Nguye. Hhayi lokhu kuphela, kodwa umsebenzi awuqala ku-Israyeli wenziwa ukuze abanye abantu nezizwe (ababengahlukene empeleni no-Israyeli, kodwa ababexhante besuka kubantu bakwa-Israyeli, kodwa beseyinzalo ka-Adamu no-Eva) bathole ivangeli likaJehova ku-Israyeli, ukuze zonke izidalwa ezweni lonke zimhloniphe futhi zimbone emkhulu. Ukuba uJehova wayengawuqalanga umsebenzi Wakhe kwa-Israyeli, kodwa esikhundleni salokho wathi esesidalile isintu, wasidedela saphila impilo yokuzibonela emhlabeni, ngenxa yemvelo yomzimba womuntu (imvelo ichaza ukuthi umuntu akasoze azi izinto angaziboni, okungukuthi, wayengeke azi ukuthi uJehova wadala isintu, kungasaphathwa okokuthi wamdalelani), wayengasoze azi ukuthi uJehova wadala isintu nokuthi uyiNkosi yezinto zonke. Ukuba uJehova wayedale umuntu wayesembeka emhlabeni, wayesesula izandla Zakhe wamshiya kunokuthi ahlale phakathi kwabantu ukuze abahole isikhathi esithile, khona-ke sonke isintu sasiyophetha ngokushabalala. Ngisho izulu nomhlaba nazo zonke izinto eziningi azidala, kanye nesintu sonke, kwakuyophetha ngokushabalala kugxotshwe ngezinyawo nguSathane. Ngakho isifiso sikaJehova sokuba, “Emhlabeni, okusho ukuthi, phakathi kwendalo Yakhe, kufanele abe nendawo yokuma, indawo engcwele” sasiyodicileleka phansi. Ngakho-ke, emuva kokudala isintu, ukuthi wakwazi ukuhlala phakathi kwaso, ukuze asiqondise ezimpilweni zaso, futhi akhulume naso ephakathi kwaso, konke lokhu kwakungokokufeza isifiso sakhe, nokufeza uhlelo Lwakhe. Umsebenzi awenza kwa-Israyeli wawuqonde kuphela ukufeza uhlelo ayekade eluhlelile ngaphambi kokudala Kwakhe zonke izinto, ngakho-ke ukusebenza Kwakhe kokuqala phakathi kwabakwa-Israyeli nokudala Kwakhe zonke izinto kwakungaphikisani, kodwa kokubili kwakungenxa yokuphatha Kwakhe, umsebenzi Wakhe, kanye nenkazimulo Yakhe, kwajulisa injongo yokudala Kwakhe isintu. Wayiqondisa impilo yesintu emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane ezimbili emuva kukaNowa, okuyisikhathi owafundisa ngaso isintu ukuthi siqonde indlela yokuhlonipha uJehova, iNkosi yezinto zonke, wabafundisa ukuthi baziphathe kanjani futhi baqhubeke kanjani nokuphila, nakakhulu, ukuthi bamfakazele kanjani uJehova, bamlalele, baphinde bamhloniphe, futhi bamdumise ngomculo njengoDavide nabapristi bakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi ENkathini Yomthetho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ekuqaleni, ukuqondisa umuntu ngeNkathi Yomthetho yeTestamente elidala kwakufana nokuqondisa ingane. Isintu sokuqala sasingabantwana abazelwe bakaJehova; sasingama-Israyeli. Sasingenakho ukuqonda ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu noma indlela yokuphila emhlabeni. Okusho ukuthi, uJehova wadala isintu, okungukuthi, wadala u-Adamu no-Eva, kodwa akazange abanike imiqondo yokuqonda ukuthi bamhloniphe kanjani uNkulunkulu noma ukulandela imithetho kaJehova emhlabeni. Ngaphandle kokuqondisa mathupha kukaJehova, akekho ongakwazi ngokuqondile lokhu, ngoba ekuqaleni umuntu akazange abe nawo lo mqondo. Umuntu wazi kuphela ukuthi uJehova wayenguNkulunkulu, kodwa okokuthi ahlonishwe kanjani, iyiphi inhlobo yokuziphatha okwakubizwa ngokumhlonipha, umuntu wayengamhlonipha ngaluphi uhlobo lomqondo, noma, yikuphi okwakufanele akunikele ekumhlonipheni: umuntu wayengenamqondo nhlobo. Umuntu wayazi kuphela ukuthi akuthokozele kanjani lokho okwakungathokozelwa phakathi kwazo zonke izinto ezadalwa nguJehova, kodwa mayelana nokuthi iluphi uhlobo lokuphila emhlabeni olwalufanele isidalwa sikaNkulunkulu, wayengenalwazi nhlobo. Ngaphandle komuntu wokusiyalela, ngaphandle komuntu wokusiqondisa mathupha, lesi sintu sasingeke siphile impilo efanele isintu ngokwempela, kodwa sasiyothunjwa kuphela nguSathane ngesinyelela. UJehova wadala isintu, okusho ukuthi, wadala okhokho besintu, u-Eva no-Adamu, kodwa akabanikanga enye ingqondo noma ukuhlakanipha. Nakuba base bevele bephila emhlabeni, babecishe bangaqondi lutho. Ngakho, umsebenzi kaJehova ekudaleni isintu wawungakapheleli, futhi wawusekude nokuqedwa. Wayesakhe kuphela umfuziselo womuntu ngebumba wase ewunika umphefumulo Wakhe, kodwa ngaphandle kokunika umuntu ukuzimisela ukumhlonipha okwenele. Ekuqaleni, umuntu wayengenawo umqondo wokumhlonipha, noma ukumesaba. Umuntu wayazi kuphela ukulalela amazwi Akhe kodwa wayengazi lutho ngolwazi lokuphila emhlabeni kanye nolwemithetho evamile yokuphila komuntu. Ngakho futhi, nakuba uJehova wadala owesilisa nowesifazane wayeseqeda umsebenzi wezinsuku eziyisikhombisa, akazange neze aqede ukudala umuntu, ngoba umuntu wayeyigobongo nje, engenayo ingqikithi yokuba ngumuntu. Umuntu wayazi kuphela ukuthi nguJehova owayedale umuntu, kodwa wayengenalwazi noluncane lokuthi alandele kanjani amazwi noma imithetho kaJehova. Ngakho futhi, emva kokuba khona kwesintu, umsebenzi kaJehova wawusekude ukuphela. Kwakusafanele aqondise isintu ngokugcwele ukuba size phambi Kwakhe, ukuze sikwazi ukuphila ndawonye emhlabeni futhi simhloniphe, nokuthi sikwazi, ngokuqondiswa nguye, ukungena emzileni ofanele wempilo yomuntu emhlabeni. Kungale ndlela kuphela lapho umsebenzi owawenziwe kakhulu ngaphansi kwegama likaJehova owaqedwa khona ngokugcwele; okungukuthi, waphethwa ngale ndlela kuphela umsebenzi kaJehova wokudala umhlaba. Ngakho futhi, esedale isintu, kwafuneka ukuthi aqondise ukuphila kwesintu emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, ukuze isintu sikwazi ukuphila ngezinqumo nemithetho, kanye nokubamba iqhaza kukho konke ukwenza kwempilo ejwayelekile emhlabeni. Kulapho kuphela okwaphetheka khona ngokugcwele umsebenzi kaNkulunkulu. Wenza lo msebenzi emva kokudala isintu wase eqhubeka nawo kwaze kwaba yinkathi kaJakobe, okuyisikhathi enza ngaso amadodana ayishumi nambili kaJakobe aba yizizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli. Kusuka kuleso sikhathi kuqhubeka, bonke abantu bakwa-Israyeli baba wuhlanga lwabantu olwaluholwa ngokusemthethweni Nguye emhlabeni, futhi u-Israyeli waba yindawo ekhethekile emhlabeni lapho enza khona umsebenzi Wakhe. UJehova wenza laba bantu baba yiqembu lokuqala labantu enza kubo ngokusemthethweni umsebenzi Wakhe emhlabeni, futhi wenza lonke izwe lakwa-Israyeli indawo yokuqala komsebenzi Wakhe, ebasebenzisa njengesiqalo somsebenzi omkhulu ngokuthe xaxa, ukuze bonke abantu abazalwe Kuye emhlabeni bazi ukuthi bamhloniphe kanjani nokuthi baphile kanjani emhlabeni. Ngakho futhi, izenzo zama-Israyeli zaba yisibonelo sokulandelwa ngabantu beZizwe, nokuthi lokho okwashiwo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli kwaba amazwi okwakufanele alalelwe ngabantu beZizwe. Ngoba baba ngabokuqala ukwemukela imithetho nemiyalelo kaJehova, futhi baba ngabokuqala ukwazi ukuthi zihlonishwa kanjani izindlela zikaJehova, kanye nokuba ngabameli bohlanga lwabantu abakhethwe nguJehova.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngakho seniyifundile le mithetho yeNkathi Yomthetho, akunjalo? Ingabe imithetho inomqondo osabalele? Okokuqala, ihlanganisa iMiyalelo Eyishumi, ilandelwe imiyalelo yokwakhiwa kwama-altare, njalo njalo. Ilandelwe imithetho yokugcina iSabatha nemikhosi emithathu, bese ilandelwa yimithetho yeminikelo. Ingabe nibonile ukuthi zingaki izinhlobo zeminikelo ezikhona? Kuneminikelo yokushiswa, iminikelo yokuthula, iminikelo yesono, njalo njalo. Ilandelwa yimithetho yeminikelo yabapristi, ehlanganisa iminikelo yokushiswa neminikelo yokusanhlamvu yabapristi, nezinye izinhlobo zeminikelo. Imiyalelo eyisishiyagalombili eyezabelo zeminikelo yabapristi. Futhi kunemithetho yalokho abantu okufanele bakugcine ekuphileni kwabo. Kunemibono ngezici eziningi zokuphila kwabantu, njengemithetho yalokho okufanele nokungafanele bakudle, yokuhlanjululwa kwababelethayo, neyalabo abelashwe ochokweni. Kule mithetho, uNkulunkulu uze akhulume nangezifo, futhi kunemithetho yokuhlatshwa kwezimvu nezinkomo, njalo njalo. Izimvu nezinkomo kwadalwa uNkulunkulu, futhi kufanele nikuhlabe nganoma iyiphi indlela eyalwa uNkulunkulu; ngokungangabazeki kunesizathu ezwini likaNkulunkulu, nakanjani kulungile ukuyalwa uNkulunkulu, futhi kuyabazuzisa abantu! Kwakuphinde kube namadili nemithetho okufanele kugcinwe, njengosuku lweSabatha, iPhasika, kanye nokuningi—uNkulunkulu wakhuluma ngakho konke lokhu. Ake sibheke okokugcina: eminye imithetho—ukukhanyiswa kwezibani, uNyaka WeJubili, ukuhlengwa kwezwe, ukwenza izifungo, okweshumi, njalo njalo. Ingabe lokhu kunomqondo obanzi? Into yokuqala okufanele kukhulunywe ngayo iminikelo yabantu, bese kuba nemiyalelo emayelana nokweba nesinxephezelo, nokugcinwa kosuku lweSabatha…; okubandakanya nemininingwane yokuphila kwawo wonke umuntu. Okusho ukuthi, lapho uNkulunkulu enza umsebenzi osemthethweni wecebo Lakhe lokuqondisa, wabeka imithetho eminingi eyayilandelwa umuntu. Le mithetho yayenzelwa ukuthi umuntu aphile ngendlela ejwayelekile emhlabeni, ukuphila komuntu okungenakuhlukaniswa noNkulunkulu kanye nesiqondiso Sakhe. UNkulunkulu waqale watshela umuntu indlela yokwakha ama-altare, nokuwamisa. Ngemva kwalokho, watshela umuntu ngendlela yokunikela, washo indlela okwakufanele umuntu aphile ngayo—nokwakufanele akunake ekuphileni, okwakufanele anamathele kukho, okwakufanele nokwakungafanele agxile kukho. Konke uNkulunkulu akuhlelela umuntu kwakumangalisa, futhi ngala masiko, imithetho amisa ngayo izinga lokuziphatha kwabantu, waqonda ukuphila nezisusa zabo emithethweni kaNkulunkulu, wabaqondisa ukuthi beze phambi kwe-altare likaNkulunkulu, nokuthi baphile phakathi kwazo zonke izinto zikaNkulunkulu ayezidalele umuntu ngokuhleleka, ukuvama, nangokusesilinganisweni. UNkulunkulu waqala ukusebenzisa le miyalo elula ukuze abekele umuntu imingcele, ukuze umuntu emhlabeni abe nokuphila okujwayelekile akhonze uNkulunkulu, abe nokuphila okujwayelekile komuntu; leyo indlela ekhethekile yesiqalo seminyaka Yakhe eziyizinkulungwane eziyisithupha yecebo lokuqondisa. Imiyalo nemithetho kunencazelo ebanzi, iyiziqondiso eziqondile zikaNkulunkulu esintwini phakathi neNkathi Yomthetho, kufanele yamukelwe futhi ihlonishwe abantu abangaphambi kweNkathi Yomthetho, iyirekhodi lomsebenzi owenziwa uNkulunkulu phakathi neNkathi Yomthetho, futhi iwubufakazi obuqand’ ikhanda bobuholi nesiqondiso sikaNkulunkulu ngaso sonke isintu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abantu basendulo babengazi lutho, ngakho kwadingeka ukuthi uNkulunkulu aqale ngokubafundisa izinto eziyisisekelo ukuze baphile, nemithetho eyisidingo ukuze umuntu aphile, wagcwala lezi zinto enhliziyweni kancane kancane, futhi wanika umuntu ukuqonda ngoNkulunkulu kancane kancane nokwazisa kanye nokuqonda ubuholi bukaNkulunkulu, futhi umbono oyisisekelo wobudlelwane obuphakathi komuntu noNkulunkulu, kule miyalelo, nakule mithetho, kwakungamazwi. Ngemva kokufinyelela lokhu, uNkulunkulu wakwazi ukwenza umsebenzi ayezowenza kamuva, ngakho le mithetho nomsebenzi eyenziwa uNkulunkulu phakathi neNkathi Yomthetho kuyidwala lomsebenzi wokusindisa umuntu, kuyisigaba sokuqala secebo likaNkulunkulu lokuqondisa.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

NgeNkathi Yomthetho, uJehova wabeka imiyalelo eminingi uMose okwakufanele ayidlulisele kwabakwa-Israyeli, abamlandela bephuma eGibhithe. UJehova wayinika le miyalelo abakwa-Israyeli, futhi yayingahlobene nabaseGibhithe; yayenzelwe ukungqanda abakwa-Israyeli. Wasebenzisa imiyalelo ukuze afune izinto kubo. Noma abantu babeligcina iSabatha, noma babehlonipha abazali babo, noma babekhonza izithixo, nokunye nokunye: lezi kwakuyizimiso abantu ababehlulelwa ngazo ukuthi banesono noma balungile. Phakathi kwabo, bakhona ababeshaywa ngumlilo kaJehova, abanye ababekhandwa ngamatshe, nabanye ababethola isibusio sikaJehova, futhi lokhu kwakunqunywa ngokuthi umuntu uyayilalela yini imiyalelo noma cha. Labo ababengaligcini iSabatha babekhandwa ngamatshe. Labo bapristi ababengaligcini iSabatha babeshaywa umlilo kaJehova. Labo ababengabalaleli abazali babo nabo babekhandwa ngamatshe. Konke lokhu kwakuvunywe nguJehova. UJehova wamisa imiyalelo Yakhe kanye nemithetho Yakhe ukuze kuthi lapho ebahola ezimpilweni zabo, abantu balizwe futhi balilalele izwi Lakhe futhi bangamhlubuki. Wasebenzisa le mithetho ukulawula uhlanga lwesintu olwalusanda kuzalwa, ukwakha isisekelo somsebenzi Wakhe owawuseza. Ngakho-ke, ngenxa yomsebenzi owenziwa uJehova, inkathi yokuqala yabizwa ngokuthi iNkathi Yomthetho. Nakuba uJehova wakhuluma amazwi amaningi futhi wenza umsebenzi omningi, wahola abantu ngendlela eyakhayo kuphela, efundisa laba bantu abengenalwazi ukuba babe kanjani ngabantu, baphile kanjani, bayiqonde kanjani indlela kaJehova. Ikakhulukazi, umsebenzi awenza kwakungowokwenza abantu baphile ngendlela Yakhe futhi balandele umthetho Wakhe. Umsebenzi wenziwa kubantu ababengakhohlakele ngokujulile; awuzange wenabele ekuguqulweni kwesimo noma ekukhuleni empilweni. Wayekhathalele kuphela ukusebenzisa imithetho ukunqanda nokulawula abantu. Kuma-Israyeli ngaleso sikhathi, uJehova wayenguNkulunkulu ethempelini nje, uNkulunkulu osemazulwini. Wayeyinsika yefu, eyinsika yomlilo. Konke uNkulunkulu ayefuna bakwenze kwakuwukuthi balalele lokhu abantu banamhlanje abakwazi njengemithetho Yakhe nemiyalelo—umuntu angaze athi nje imigomo—ngoba umsebenzi kaJehova wawungahlosile ukubaguqula kodwa ukubanika ezinye izinto umuntu okufanele abe nazo, ukubatshela ngomlomo wakhe uqobo, ngoba emuva kokudalwa, umuntu wayengazi lutho ngokuthi kufanele abe nani. Ngakho-ke uJehova wanika abantu izinto okufanele babe nazo ezimpilweni zabo emhlabeni, wenza abantu abaholayo ukuthi babedlule okhokho babo, u-Adamu no-Eva, ngoba lokho uJehova abanika khona kwakudlula lokho ayekade ekunike u-Adamu no-Eva ekuqaleni. Nakuba kunjalo, umsebenzi uJehova awenza kwa-Israyeli kwakungowokuqondisa isintu kuphela nokwenza isintu simazise uMdali waso. Akazange abanqobe noma abaguqule, wamane wabaqondisa. Lokhu yisamba somsebenzi kaJehova ngeNkathi Yomthetho. Yisendlalelo, indaba eyiqiniso, ingqikithi yomsebenzi Wakhe ezweni lonke lakwa-Israyeli nesiqalo somsebenzi Wakhe weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha—ukulawula isintu ngesandla sikaJehova. Kulokhu kwazaleka umsebenzi omningi ohlelweni Lwakhe lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi ENkathini Yomthetho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

NgeNkathi Yomthetho, umsebenzi wokuqondisa isintu wawenziwa ngaphansi kwegama likaJehova futhi isigaba sokuqala somsebenzi saqalwa emhlabeni. Kulesi sigaba umsebenzi wawuqukethe ukwakha ithempeli ne-altare, kanye nokusebenzisa umthetho ukuqondisa isizwe sakwa-Israyeli nokusebenza phakathi kwaso. Ngokuqondisa isizwe sakwa-Israyeli, UNkulunkulu wasungula indawo yomsebenzi Wakhe lapha emhlabeni. Kusuka kule ndawo, wasabalalisa umsebenzi Wakhe, wawuyisa ngaphandle ngaleya kwakwa-Israyeli, okusho ukuthi, ukusuka kwa-Israyeli, wawandisela ngaphandle, ukuze izizukulwane zakamuva ziye ngokuya zazi ukuthi uJehova wayenguNkulunkulu, nokuthi nguJehova owadala amazulu nomhlaba nazo zonke izinto, nokuthi nguJehova owenza zonke izidalwa. Wasabalalisa umsebenzi Wakhe ngabantu bakwa-Israyeli wawusabalalisela kude nabo. Izwe lakwa-Israyeli laliyindawo engcwele yokuqala yomsebenzi kaJehova emhlabeni, futhi kwakusezweni lakwa-Israyeli lapho uNkulunkulu aqala khona ukusebenza emhlabeni. Lowo kwakuwumsebenzi weNkathi Yomthetho.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

(2) Injongo nokubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu Enkathini Yomusa

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Ngokuba uNkulunkulu akathumelanga iNdodana Yakhe emhlabeni ukuba yahlulele umhlaba; kodwa ukuba umhlaba usindiswe Ngayo” (UJohane 3:17).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

UJesu umele wonke umsebenzi weNkathi yoMusa; waba senyameni wabethelwa esiphambanweni, waphinda wangenisa iNkathi yoMusa. Wabethelwa ukuze agcwalise umsebenzi wokuhlenga, ukuqeda iNkathi yoMthetho nokuqala iNkathi yoMusa, ngakho-ke wabe esebizwa “ngeNkosi Ephakeme,” “uMnikelo wesono,” “uMhlengi.” Ngakho umsebenzi kaJesu wehluka ngokuqukethweyo emsebenzini kaJehova, yize ngokwesimiso babefana. UJehova waqala iNkathi Yomthetho, esungula isizinda— umsuka—somsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni, futhi ekhipha imithetho nemiyalelo. Lokhu ngokubili emsebenzini awenza, futhi kumele iNkathi Yomthetho. Umsebenzi uJesu awenza eNkathini yoMusa kwakungekhona ukukhipha imithetho, kodwa ukuyigcwalisa, ngalokho engenisa iNkathi yoMusa futhi eqeda iNkathi Yomthetho eyayisihlale iminyaka eyizinkulungwane ezimbili. Waba ngumqambi, owezela ukuqala iNkathi Yomusa, kodwa umongo womsebenzi Wakhe wawusekuhlengeni. Ngalokho-ke izinto azifeza zazikabili: ukuvula inkathi entsha, nokuqedela umsebenzi wokuhlenga ngokubethelwa Kwakhe, ahamba ngemva kwakho. Futhi kusuka lapho iNkathi Yomthetho yafika ekugcineni kwase kuqala iNkathi Yomusa.

Umsebenzi owenziwa nguJesu wawuhambisana nezidingo zomuntu ngaleso sikhathi. Umsebenzi Wakhe kwakuwukuhlenga abantu, ukubaxolela izono zabo, ngakho-ke sonke isimo Sakhe kwakungesokuthobeka, ukubekezela, uthando, ubumnene, ukuqinisela, umusa, kanye nomusa wothando. Wabusisa abantu kakhulu wabalethela umusa omningi, nazo zonke izinto ababengase bazithokozele, wabanika ukuze bazithokozele: ukuthula nenjabulo, ukubekezela nothando, umusa Wakhe kanye nomusa wothando. Kulezo zinsuku, konke lokhu umuntu ayehlangabezana nakho kwakuyinala yezinto okumele azithokozele: Izinhliziyo zabo zazinoxolo futhi ziqinisekile, umoya wabo wawududuzekile, futhi babeqiniswe uMsindisi uJesu. Ukuthi babengazuza lezi zinto kwakungumphumela wenkathi ababephila kuyo. ENkathini yoMusa abantu base bonakaliswe uSathane, ngakho-ke umsebenzi wokuhlenga bonke abantu wawudinga inala yomusa, ukuqinisela okungapheli nokubekezela, phezu kwalokho, umnikelo owanele wokuhlawula izono zabantu, ukuze kufike emphumeleni wawo. Lokhu okwabonwa abantu eNkathini yoMusa kwakungumnikelo Wami nje wokuhlawulela isono sabantu, okungukuthi, uJesu. Konke ababekwazi ukuthi uNkulunkulu wayengaba nomusa nokuqinisela, futhi konke abakubona kwaba umusa kaJesu kuphela kanye nomusa wothando. Lokhu konke kwakungenxa yokuthi babezalwe eNkathini yoMusa. Ngakho-ke ngaphambi kokuthi bahlengwe, kwakumele bathokozele izinhlobo eziningi zomusa omkhulu uJesu abanika wona; yilokhu kuphela okwakuyinzuzo kubo. Ngale ndlela, babezoxolelwa izono zabo ngokuthokozela kwabo umusa, futhi bebezothola ithuba lokuhlengwa ngokuthokozela ukuqinisela nokubekezela kukaJesu. Ukuqinisela nokubekezela kukaJesu kuphela okwenza ukuthi bakwazi ukuthola intethelelo nokuthokozela inala yomusa ebekwe phezu kwabo nguJesu—njengoba uJesu athi: Angizanga ukuzohlenga abalungile kodwa izoni, ukuze izono zabo zixolelwe. Ukuba uJesu waba senyameni ngesimo sokwahlulela, sesiqalekiso, nokungabekezeleli amacala abantu, abantu bebengeke balithole ithuba lokuhlengwa, futhi bebezohlala bona unomphelo. Ukuba kwakunjalo, uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha lwaluyoma eNkathini yoMthetho, futhi iNkathi yoMthetho ngabe yaba iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Izono zabantu ngabe zakhula zaba nkulu zaba zimbi kakhulu, nokudalwa kwesintu kwakuzoba yize. Abantu bebezokwazi ukukhonza uNkulunkulu ngaphansi komthetho kuphela, kodwa izono zabo ngabe zingaphezulu kwalezo zabantu abadalwa kuqala. Ngokuthanda kukaJesu abantu, ebaxolela izono zabo ebanika umusa owanele nomusa nothando, abantu bakwazi ukusindiswa, babizwa ngezimvu ezazilahlekile ezabuyiswa uJesu ngenani eliphakeme. USathane wayengekwazi ukugxambukela kulo msebenzi, ngoba uJesu waphatha abalandeli Bakhe njengomama onothando ephethe usana ezingalweni zakhe. Akazange abathukuthelele noma abenyanye, kodwa wayegcwele induduzo; akazange athukuthele phakathi kwabo, kodwa wabayeka nezono zabo wabushaya indiva ubulima nokungazi kwabo, waze wathi, “Xolela izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.” Ngakho-ke inhliziyo Yakhe yaguqula izinhliziyo zabanye. Kwaba ngale ndlela lapho abantu bathola khona intethelelo yezono ngokubekezela Kwakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “Indaba Eyiqiniso Ngomsebenzi Wenkathi Yokuhlengwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Yize uJesu, ekubeni senyameni kwakhe wayengenawo nhlobo umzwelo, wayehlala eduduza abafundi Bakhe, ebahlinzeka, ebasiza futhi ebaqinisa. Noma ngabe wenza umsebenzi ongakanani noma wahlupheka kangakanani, akazange afune okwedlulele kubantu, kodwa wayehlale ebekezela futhi eqiniselele izono zabo, kangangokuthi eNkathini yoMusa wayebizwa ngokuthandwa ngokuthi “uJesu onguMsindisi othandekayo.” Kubantu bangaleso sikhathi—kubo bonke abantu—lokhu uJesu ayenakho nayeyikho, kwakungumusa nothando. Akazange akhumbule ukona kwabantu, nokubaphatha Kwakhe kwakungasukeli ekoneni kwabo. Ngenxa yokuthi leyo kwakuyinkathi eyehlukile, wayevamise ukunika abantu ukudla nokokuphuza okwanele ukuze badle basuthe. Wayephatha bonke abalandeli Bakhe ngomusa, elapha abagulayo, ekhipha amadimoni, evusa abafile. Ukuze abantu bakholwe Kuye babone nokuthi konke lokhu ayekwenza wayekwenza ngeqiniso nangobuqotho, waze wavusa isidumbu esase sibola, ebakhombisa ukuthi ezandleni Zakhe ngisho nabafile bangabuye baphile. Ngale ndlela wabekezela buthule phakathi kwabo wenza umsebenzi Wakhe wokuhlenga. Ngisho ngaphambi kokuthi abethelwe esiphambanweni, uJesu wayesevele ethwele izono zesintu waba umhlatshelo wezono zesintu. Nangaphambi kokubethelwa, wayesevele eyivulile indlela eya esiphambanweni ukuze ahlenge isintu. Ekugcineni wabethelwa esiphambanweni, wazidela ngenxa yesiphambano, wabeka bonke ububele Bakhe, nomusa wothando, nobungcwele phezu kwesintu. Esintwini wayelokhu enokubekezela, engafuni ukuziphindiselela, kodwa wasixolela izono zaso, wasincenga ukuthi siphenduke, wasifundisa ukubekezela, ukuqinisela, nothando, ukuthi silandele ezinyathelweni Zakhe futhi sizidele ngenxa yesiphambano. Uthando Lwakhe lwabazalwane lwedlula uthando Lwakhe ngoMariya. Umsebenzi awenza wathatha njengomgomo Wakhe ukuphilisa abantu nokukhipha amadimoni, konke ngenxa yokuhlenga Kwakhe. Noma ngabe wayeya kuphi, bonke ababemlandela wayebaphatha ngomusa. Wenza abampofu baba yizicebi, wahambisa izishosha, izimpumputhe zabona, izithulu zezwa; waze wamema nabaphansi abahlwempu, izoni, ukuthi zizodla Naye, engabaxwayi kodwa ebekezele, aze athi, “Uma umelusi elahlekelwa yimvu eyodwa kweziyikhulu, uzozishiya ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ayofuna eyodwa elahlekile, uma eyithola uyothokoza kakhulu.” Abalandeli Bakhe wayebathanda njengemvu ithanda amazinyane ayo. Yize bebeyizilima bengenalwazi, futhi beyizoni emehlweni Akhe, phezu kwalokho bengamalunga omphakathi aphansi kakhulu, wazibona lezi zoni—abantu ababenyanywa ngabanye—njengezithelo ezithandwa yiso Lakhe. Njengoba wayezithanda, wanikela ngempilo Yakhe ngenxa yazo, njengewundlu linikelwa elathini. Wahamba phakathi kwabo njengesisebenzi sabo, wabadedela bamsebenzisa bamhlaba, wabathobela ngaphandle kwemibandela. Kubalandeli Bakhe wayenguMsindisi uJesu othandekayo, kodwa kubaFarisi, ababefundisa abantu ezindaweni eziphakeme, akazange abonise umusa nothando lomusa, kodwa inzondo nokubenyanya. Akazange enze umsebenzi omkhulu kubaFarisi, wayebafundisa nje ngezinye izikhathi ebakhuza; akazange ahambe phakathi kwabo enza umsebenzi wokuhlenga, noma enze izibonakaliso nezimangaliso. Wethula wonke umusa nothando lwakhe kubalandeli Bakhe, ebekezela ngenxa yalezi zoni kwaze kwaba sekugcineni lapho ebethelwa esiphambanweni, ezwa konke ukwehliswa waze wasihlenga sonke isintu. Lokhu kwakuyisamba somsebenzi Wakhe.

Ngaphandle kokuhlenga kukaJesu, abantu babengaphila esonweni phakade, babe ngabantwana besono, isizukulwane samadimoni. Uma lokhu kuqhubeka, wonke umhlaba wawuyoba yindawo yokuhlala kaSathane, indawo yakhe yokwakha. Kodwa umsebenzi wokuhlenga wawudinga umusa nothando esintwini; yile ndlela kuphela abantu ebabethola ngayo intethelelo bese bethola ilungelo lokwenziwa baphelele futhi bazuzwe ngokuphelele. Ngaphandle kwalesi sigaba somsebenzi, uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha ngabe aluzange luqhubeke. Ukube uJesu akazange abethelwe, ukuba welapha abantu nje kuphela wakhipha namadimoni, ngabe abantu abazange bathethelelwe izono zabo ngokuphelele. Kule minyaka emithathu nesigamu uJesu enza ngayo umsebenzi Wakhe emhlabeni, waqeda ingxenye kuphela yomsebenzi Wakhe wokuhlenga; kwase kuthi ngokubethelwa esiphambanweni nokuba umfanekiso wenyama enesono, ngokunikelwa esandleni somubi, wawufeza umsebenzi wokubethelwa waphumelelisa isiphetho sesintu. Abantu bahlengwa kuphela emva kokuthi esenikelwe ezandleni zikaSathane. Iminyaka engamashumi amathathu nesigamu wahlushwa emhlabeni, wenziwa inhlekisa, wathukwa, walahlwa, kwaze kwaseqophelweni lapho engasenandawo yokufihla ikhanda, engenandawo yokuphumula; wabe esebethelwa, ubuyena bonke—umzimba ongcwele nomsulwa—wabethelwa esiphambanweni. Wabekezelela lonke uhlobo lokuhlushwa olukhona. Labo ababesemandleni babembhinqa bemshaya, namasosha aze amkhafulela ebusweni; kodwa wathula wabekezela kwaze kwaba sekugcineni, ethoba ngokungenamibandela kwaze kwaba sekufeni, lapho ahlenga khona sonke isintu. Waze wavunyelwa lapho ukuba aphumule. Umsebenzi owenziwa nguJesu umele kuphela iNkathi yoMusa; awumele iNkathi yoMthetho, futhi awuthathi indawo yomsebenzi wezinsuku zokugcina. Lena yingqikithi yomsebenzi kaJesu eNkathini yoMusa, inkathi yesibili isintu esesedlule kuyo—iNkathi yokuHlengwa.

Kucashunwe embhalweni othi “Indaba Eyiqiniso Ngomsebenzi Wenkathi Yokuhlengwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kwathi, eNkathini Yomusa, uJesu weza ukuzohlenga sonke isintu esiwile (hhayi ama-Israyeli kuphela). Wakhombisa umusa nesisa kubantu. UJesu owabonwa abantu eNkathini Yomusa wayegcwele isisa futhi wayehlala enothando kubantu, ngoba wayeze ukuzosindisa isintu esonweni. Wayekwazi ukuxolela abantu izono zabo kwaze ukubethelwa Kwakhe kwasindisa isintu ngokuphelele ezonweni. Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu wavela kubantu ngomusa nangesisa; okusho ukuthi, waba ngumnikelo wesono wabantu futhi wabethelwa ngenxa yezono zabantu ukuze baxolelwe kuze kube phakade. Wayenomusa, uzwelo, ukubekezela nothando. Futhi bonke labo ababelandela uJesu ngeNkathi Yomusa ngokufanayo babefuna ukuba nokubekezela nothando kuzo zonke izinto. Babebekezela, futhi abazange baziphindiselele ngisho sebeshaywa, beqalekiswa, noma bekhandwa ngamatshe.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuba Sesimweni Somuntu Okubili Kuphelelisa Ukubaluleka Kokuba Sesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngesikhathi uJesu efika, wenza nengxenye yomsebenzi kaNkulunkulu, wakhuluma amanye amazwi—kodwa msebenzi muni omkhulu awufeza na? Akufeza kakhulu kwakungumsebenzi wokubethelwa. Waba umfanekiso wenyama enesono ukuze aqedele umsebenzi wokubethelwa ahlenge bonke abantu, futhi kwakungenxa yezono zaso sonke isintu ukuba abe ngumhlatshelo wesono. Lona yiwo umsebenzi omkhulu awufeza. Ekugcineni, wahlinzeka indlela yesiphambano ukuqondisa labo abalandela. Ngesikhathi uJesu efika, ikakhulu kwakuwukuqeda umsebenzi wokuhlenga. Wahlenga bonke abantu, waletha nevangeli lombuso wezulu kubantu, futhi, phezu kwalokho, waletha indlela eya embusweni wezulu. Ngenxa yalokho, labo abafika ngemva kwakho konke bathi, “Kumele sihambe indlela yesiphambano, sizidele ngenxa yesiphambano.” Yebo, ekuqaleni uJesu wenza omunye umsebenzi wakhuluma namanye amazwi ukuze abantu baphenduke bavume izono zabo. Kodwa inkonzo Yakhe kwakungukubethelwa, kanti le minyaka emithathu nesigamu ayichitha eshumayela indlela kwakuwukucwengelela ukubethelwa okwenzeka muva. Izikhathi eziningi uJesu athandaza ngazo nazo kwakungenxa yokubethelwa. Impilo yomuntu ojwayelekile ayeyiphila neminyaka engamashumi amathathu nantathu nesigamu ayiphila emhlabeni kakhulu kwakungenxa yokuqedela umsebenzi wokubethelwa, kwakungokokumnika amandla okwenza lo msebenzi, ngenxa yalokho uNkulunkulu wamethemba ngomsebenzi wokubethelwa.

Kucashunwe embhalweni othi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Emsebenzini weNkathi Yomusa, uJesu wayenguNkulunkulu owayesindisa umuntu. Lokho ayenakho nayeyikho kwakuwumusa, uthando, ububele, isineke, ukubekezela, ukuthobeka, ukunakekela kanye nokubekezelelana, futhi okuningi komsebenzi awenza kwakungokokukhululwa komuntu. Mayelana nesimo Sakhe, kwakungesobubele nothando, futhi ngenxa yokuthi wayenobubele nothando, kwadingeka ukuba abethelwe esiphambanweni ngenxa yomuntu, akhombise ukuthi uNkulunkulu wathanda umuntu njengoba ayezithanda Yena, kangangokuthi waze wazinikela Yena uqobo Lwakhe lonke. NgeNkathi Yomusa, igama likaNkulunkulu kwakunguJesu, okusho ukuthi uNkulunkulu wayenguNkulunkulu owasindisa umuntu, nokuthi ngalokho wayenguNkulunkulu onobubele futhi onothando. UNkulunkulu wayenomuntu. Uthando Lwakhe, ububele Bakhe, nensindiso Yakhe konke kwakuhambisana nawo wonke umuntu. Kwakungokwamukela igama leNkosi uJesu nobukhona Bakhe kuphela lapho umuntu wayengathola khona ukuthula nenjabulo, amukele isibusiso Sakhe kanye nomusa Wakhe omkhulu, kanye nensindiso Yakhe. Ngokubethelwa kukaJesu, bonke labo abamlandela bathola insindiso futhi baxolelwa izono zabo. NgeNkathi Yomusa, igama likaNkulunkulu kwakunguJesu. Ngamanye amazwi umsebenzi wangeNkathi Yomusa, umsebenzi wawenziwa egameni likaJesu kakhulu. NgeNkathi Yomusa, igama likaNkulunkulu kwakunguJesu. Wenza isigaba somsebenzi omusha ngemva kweTestamente Elidala futhi umsebenzi Wakhe waphetha ngokubethelwa. Lokhu kwakuwumsebenzi wakhe wonke.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngaleso sikhathi umsebenzi kaJesu wawungukuhlengwa kwaso sonke isintu. Izono zabo bonke ababekholwa Kuye zazithethelelwa; uma nje ukholwa Kuye, wayengakukhulula; uma ukholwa Kuye, wawungasesona isoni, wawukhululiwe ezonweni zakho. Yilokhu okwakushiwo ukusindiswa nokulungiswa ngokukholwa. Nokho, kulabo ababekholwa, kwasala labo ababehlubuka futhi bephikisa uNkulunkulu, okwakusadingeka baqedwe kancane kancane. Ukusindiswa akuzange kuchaze ukuthi umuntu wayesezuzwe uJesu ngokugcwele kodwa kwakusho ukuthi lowo muntu wayengaseyena owesono, okuwukuthi wayesethethelelwe izono zakhe: Uma nje ukholwa, wawungeke uphinde ube ngowesono.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

(3) Injongo nokubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu Enkathini Yombuso

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ngesikhathi uJesu eza emhlabeni wabantu, weza neNkathi Yomusa waqeda iNkathi Yomthetho. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu wabuye waba yinyama, wathi ukuba abe yinyama ngalesi sikhathi, waqeda iNkathi Yomusa waletha iNkathi Yombuso. Bonke labo abemukela ukuba senyameni kwesibili kukaNkulunkulu bazongena eNkathini Yombuso, bakwazi ukuvuma ngokwabo ukuholwa nguNkulunkulu. Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu; akasisusanga isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane. Ngakho, ngemva kokuba umuntu ethethelelwe izono zakhe, uNkulunkulu wayesebuyele enyameni ukuze aholele abantu enkathini entsha, waqala umsebenzi wokujezisa nokwahlulela, kanti umsebenzi Wakhe usubeke abantu endaweni ephezulu. Bonke labo abathobela ukubuswa nguNkulunkulu bazothokozela iqiniso eliphezulu bathole nezibusiso ezinkulu. Bazophila ekukhanyeni, bazuze iqiniso, indlela, nokuphila.

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi ngezinsuku zokugcina uwukukhuluma amazwi. Zinkulu izinguquko ezingenzeka kubantu ngamazwi. Izinguquko ezenzekile kulaba bantu ekwamukeleni la mazwi zinkulu kakhulu kunalezo zangeNkathi Yomusa ekwamukeleni lezo zibonakaliso nezimangaliso. Ngoba, eNkathini Yomusa, amadimoni asuka kumuntu ngenxa yokubekwa kwezandla nemithandazo kodwa izimo zokonakala ngaphakathi kumuntu zahlala zikhona. Umuntu wayephulukiswa ekuguleni kwakhe futhi exolelwa izono zakhe, kodwa umsebenzi wendlela yokuthi izimo zobusathane ezonakalise ngayo umuntu zingaxoshwa kanjani kumuntu awenziwanga kuye. Umuntu wayephulukiswa ekuguleni kwakhe futhi ethethelelwa izono zakhe ngokukholwa kwakhe, kodwa umsebenzi wesimo semvelo yesono kumuntu asisuswanga, saqhubeka sahlala kuye. Izono zomuntu zathethelelwa ngoNkulunkulu osenyameni kodwa akusho ukuthi umuntu akanaso isono phakathi kuye. Izono zomuntu zazingathethelelwa ngomnikelo wesono kodwa umuntu akakakwazi ukuxazulula indaba yokuthi angabe esasenza isono nokuthi le mvelo yakhe yokona ingakhishwa kanjani ngokuphelele futhi iguqulwe. Izono zomuntu zaxolelwa ngenxa yomsebenzi wokubethelwa kukaNkulunkulu kodwa umuntu waqhubeka ephila enkathini endala, yendlela yesimo esonakele sobusathane. Kanjalo-ke umuntu kumele asindiswe ngokuphelele esimweni esikhohlakele sobusathane ukuze imvelo yesono ikhishwe ngokuphelele futhi ingaphinde ibe khona, kanjalo kwenzelwa ukuba isimo somuntu siguqulwe. Lokhu kudinga ukuba umuntu aqonde indlela yokukhula ekuphileni, indlela yokuphila kanye nendlela yokuguqula isimo sakhe. Kudinga nokuba umuntu enze ngokuvumelana nale ndlela ukuze isimo somuntu semvelo sizoguquka kancane kancane futhi usengaphila phansi kokukhanya futhi usengenza zonke izinto ezivumelana nentando kaNkulunkulu, alahle isimo sobusathane esonakele futhi akhululeke ethonyeni likaSathane lobumnyama ngaleyo ndlela aphume ngokugcwele esonweni. Kungaleso sikhathi kuphela lapho umuntu eyothola khona insindiso ephelele.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi wezinsuku zokugcina ukwahlukanisa bonke ngokohlobo lwabo, ukuze kuphothulwe uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha, ngoba isikhathi sesisondele futhi usuku lukaNkulunkulu selufikile. UNkulunkulu uletha bonke asebengene embusweni Wakhe, okusho ukuthi, bonke labo abethembeke Kuye kwaze kwaba sekugcineni, enkathini kaNkulunkulu uqobo. Nokho, ngaphambi kokufika kwenkathi kaNkulunkulu uqobo, umsebenzi uNkulunkulu ayowenza akusikho ukubheka izenzo zomuntu noma ukuphenya ngempilo yomuntu, kodwa ukwehlulela ukuhlubuka kwakhe, ngoba uNkulunkulu uyohlanza labo abeza phambi kwesihlalo Sakhe sobukhosi. Bonke labo abalandele ezinyathelweni zikaNkulunkulu kuze kube yilolu suku yibo abeze phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu, futhi njengoba kunjalo, wonke umuntu owamukela umsebenzi kaNkulunkulu esigabeni sawo sokugcina bayilabo abazocwengisiswa uNkulunkulu. Ngamanye amazwi, wonke umuntu owamukela umsebenzi kaNkulunkulu esigabeni sawo sokugcina uyokwahlulelwa uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma uNkulunkulu eba yinyama manje, umsebenzi Wakhe ukubonakalisa isimo Sakhe, ikakhulu ngokusola nokwahlulela. Esebenzisa lokhu njengesisekelo, uletha iqiniso kubantu, akhombise ezinye izindlela zokwenza, ngalokhu bese efinyelela kulokhu akuphokophele kokunqoba abantu nokubasindisa esimweni sabo esonakele. Yilokhu okusemsebenzini kaNkulunkulu eNkathini Yombuso.

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

Ezinsukwni zokugcina, uKristu usebenzisa amaqiniso anhlobonhlobo ukuze afundise abantu, adalule ubunjalo bomuntu, futhi acubungule amazwi kanye nezenzo zakhe. Lawa mazwi aqukethe amaqiniso anhlobonhlobo, njengomsebenzi womuntu, indlela umuntu okumele alalele uNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele athembeke kuNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele aphile ngayo ubuntu obujwayelekile, kanye nobuhlakani kanye nesimo sikaNkulunkulu, njalo njalo. Wonke la mazwi aqondiswe engqikithini yomuntu kanye nasesimweni sakhe esikhohlakele. Ikakhulukazi, lawo mazwi adalula ukuthi umuntu umala kanjani uNkulunkulu akhulunywa mayelana nokuthi ngakho okuphathelene nokuthi umuntu kungani umuntu eyisiqu sikaSathane futhi eyisitha sikaNkulunkulu. Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyembula, abhekane, futhi athene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela; kungokwahlulela kohlobo olunje lapho umuntu engathotshiswa khona futhi enziwe akholwe ngokuphelele ukuba athobele uNkulunkulu, bese, ngaphezu kwalokho ezuza ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu. Okulethwa umsebenzi wokwahlulela ukuqonda komuntu ubuso bukaNkulunkulu beqiniso kanye neqiniso ngokuhlubuka kwakhe uqobo. Umsebenzi wokwahlulela wenza umuntu athole ukuqonda okuningi ngentando kaNkulunkulu, ngenjongo kaNkulunkulu, nezimfihlakalo ezingaqondakali kuye. Kuphinde kwenze umuntu abone futhi azi ubunjalo bakhe obukhohlakele kanye nomsuka wenkohlakalo yakhe, futhi aphinde akwazi ukubona ububi bomuntu. Le miphumela idalwa umsebenzi wokwahlulela, ngoba ingqikithi yalo msebenzi empeleni ingumsebenzi wokudalula iqiniso, indlela, kanye nempilo kaNkulunkulu kubo bonke abakholwa Kuye. Lo msebenzi ngumsebenzi wokwahlulela owenziwa nguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngaphambili kokuhlengwa komuntu, ubutha obuningi bukaSathane base bufakiwe kuye. Ngemva kweminyaka eyizinkulungwane yokonakala kukaSathane, umuntu usevele enemvelo kuye yokuphika uNkulunkulu. Ngakho, lapho umuntu esekhululiwe, akukho okungaphezu kokukhululwa kwakhe, lapho umuntu ethengwa khona ngenani eliphezulu, kodwa imvelo enobuthi kuye ingakasuswa. Umuntu osengcoliswe kangaka kumele aguquke kuqala ukuze afanele ukukhonza uNkulunkulu. Umuntu uyokwazi kahle ukungcola nokungalungi okukuye ngenxa yokwahlulela nokusola futhi uyokwazi ukuguquka bese ehlanzeka. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu eyokwazi khona ukubuyela ngaphambi kwesihlalo sikaNkulunkulu. Wonke umsebenzi owenziwe namuhla wenzelwe ukuba umuntu ahlanzwe futhi aguqulwe; ngokwahlulela nokusola ngezwi kanye nokucwengwa, umuntu angakuxosha ukonakala kuye bese ehlanzeka. Kunokuba kuthiwe lesi sigaba somsebenzi esensindiso kungafaneleka kangcono ukuthi kuthiwe umsebenzi wokuhlanzwa. Eqinisweni, lesi sigaba singesokunqoba nokuba yisigaba sesibili sensindiso. Umuntu uzuzwa uNkulunkulu ngokwahlulela nokusolwa izwi; ngokusebenzisa izwi lapho kucwengisiswa, kwahlulelwa nokudalulwa kwazo zonke izinto ezingcolile, imibono, izinhloso kanye nalokho umuntu akufisayo kuyadalulwa ngokuphelele.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu wenza umsebenzi wokwahlulela nokusola ukuze abantu bezomazi, nangenxa yobufakazi Bakhe. Ngaphandle kokwahlulela Kwakhe isimo senkohlakalo yomuntu, abantu ngeke basazi isimo Sakhe sokulunga esingavumeli amacala, futhi ngeke bashintshe ulwazi lwabo oludala ngoNkulunkulu bashintshele kolusha. Ngenxa yobufakazi Bakhe, nangenxa yokuphatha Kwakhe, ukwenza kube sobala, lokhu okwenza ukuthi abantu bamazi uNkulunkulu, bashintshe isimo sabo, babe nobufakazi obuzwakalayo ngoNkulunkulu ngokuvela kukaNkulunkulu emphakathini. Ushintsho lwenzeka esimweni somuntu ngemisebenzi eyehlukene kaNkulunkulu; ngaphandle kwalolu shintsho esimweni somuntu, abantu ngeke bakwazi ukuba ngofakazi baNkulunkulu, futhi ngeke bayifune inhliziyo kaNkulunkulu. Ushintsho esimweni somuntu lukhombisa ukuthi abantu bazikhululile emaketangeni kaSathane, bazikhululile ekuthonyweni ngubumnyama, sebebe umfanekiso womsebenzi kaNkulunkulu, sebebe ngofakazi bakaNkulunkulu futhi bangabantu abafuna inhliziyo kaNkulunkulu. Namuhla, uNkulunkulu osesimweni somuntu uze ukuzokwenza umsebenzi Wakhe emhlabeni, futhi udinga ukuba abantu bamazi, bamlalele, babe ofakazi Bakhe—bazi umsebenzi Wakhe awenzayo nojwayelekile, balalele wonke amazwi Akhe nomsebenzi ongahambisani nemibono yomuntu, futhi babe ofakazi kuwo wonke umsebenzi Wakhe wokusindisa abantu, nakho konke akwenzayo ukuze anqobe umutu. Labo abangofakazi baNkulunkulu kumele bamazi uNkulunkulu; yilolu hlobo kuphela lobufakazi obuqondile, nobuyiqiniso, futhi yilolu hlobo kuphela lobufakazi obungahlazisa uSathane. UNkulunkulu usebenzisa labo abamaze ngokwahlulelwa nokusolwa Nguye, wabasebenza futhi wabathena, ukuthi babe ngofakazi Bakhe. Usebenzisa labo abakhohlakaliswe nguSathane ukuba bafakaze Ngaye, futhi uphinde asebenzise labo abanesimo esiguqukile, nalabo abazuze izibusiso Zakhe, ukuba bafakaze Ngaye. Akadingi ukuba abantu bamdumise ngamazwi kuphela, futhi akadingi ukudunyiswa nobufakazi benzalo kaSathane, abangasindiswanga Nguye. Yilabo abazi uNkulunkulu kuphela abafanelekile ukufakaza ngoNkulunkulu, nalabo isimo sabo esiguqukile abafanelekile ukufakaza ngoNkulunkulu, futhi uNkulunkulu angeke avume ukuthi abantu bahlambalaze igama Lakhe ngamabomu.

Kucashunwe embhalweni othi “Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza NgoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

NgeNkathi Yombuso, uNkulunkulu osesimweni somuntu ukhuluma amazwi ukuze anqobe bonke abantu abakholwa kuYe. Leli “yiZwi elivela enyameni;” uNkulunkulu uze ngezinsuku zokugcina ukuze ezokwenza umsebenzi Wakhe, okungukuthi, uze ukuzoqedela ukubaluleka kweZwi elivela enyameni. Ukhuluma amazwi kuphela, futhi kumbalwa lapho kunamaqiniso khona. Le yiyona ingqikithi yeZwi elivela enyameni, futhi uma uNkulunkulu osesimweni somuntu ekhuluma amazwi Akhe, lokhu ukuvela kweZwi enyameni, futhi kuwuLizwi eliza enyameni. “Ekuqaleni kwakukhona uLizwi, futhi uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayenguNkulunkulu, futhi uLizwi waba yinyama.” Lo (umsebenzi wokuvela kukaLizwi enyameni) umsebenzi uNkulunkulu azowuqeda ezinsukwini zokugcina, futhi yisahluko sokugcina sohlelo Lwakhe lonke lokuphatha, ngakho-ke uNkulunkulu kumele eze emhlabeni azoveza amazwi Akhe enyameni. Lokhu okwenziwe namuhla, lokhu okuzokwenziwa esikhathini esizayo, lokhu okuzofezwa nguNkulunkulu, isiphetho sokugcina somuntu, labo abazosindiswa, labo abazobhujiswa, njalo njalo—lo msebenzi okumele ufezeke ekugcineni ubekwe wacaca, futhi wonke umi ngohlelo ukuze uqede ukubaluleka kwangempela kweZwi elivela enyameni. Izinqumo zokuphatha nomthetho-sisekelo okwakukhishiwe kuqala, labo abazobhujiswa, labo abazongena ekuphumuleni—la mazwi onke kumele agcwaliswe. Lona ngumsebenzi omkhulu oqedelwe uNkulunkulu osesimweni somuntu ngesikhathi sezinsuku zokugcina. Wenza abantu baqonde ukuthi labo abahlelelwe uNkulunkulu kusengaphambili baya ngakuphi nokuthi labo abangamiselwanga kusengaphambili uNkulunkulu bona baya ngakuphi, ukuthi abantu Bakhe namadodana Akhe bazohlukaniswa kanjani, kuzokwenzekani ku-Israyeli, kuzokwenzekani eGibhithe—esikhathini esizayo, wonke la mazwi azofezwa. Izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu zinyusa isivinini. UNkulunkulu usebenzisa izwi njengendlela yokuveza kumuntu ukuthi yini okumele yenziwe inkathi ngayinye, yikuphi okumele kwenziwe nguNkulunkulu osesimweni somuntu wezinsuku zokugcina, kanye nenkonzo Yakhe okumele yenziwe, kanti wonke la mazwi enzelwe ukufeza ukubaluleka kwangempela kweZwi elivela enyameni.

Kucashunwe embhalweni othi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

ENkathini Yombuso, uNkulunkulu usebenzisa izwi ukungenisa inkathi entsha, ukuguquka izindlela zomsebenzi Wakhe, nokwenza umsebenzi waso sonke isikhathi. Lesi yisimiso uNkulunkulu asebenza ngaso eNkathini Yezwi. be yinyama womuntu ukuze akhulume ngezindlela ezahlukene, ehlomisa umuntu ukuthi abone uNkulunkulu ngeqiniso, oyiZwi elivela enyameni, nangobuhlakani nezimangaliso Zakhe. Umsebenzi onjalo wenzelwe ukufinyelela kangcono emigomweni yokunqoba umuntu, yokumphelelisa, neyokumsusa. Lokhu kuwumqondo wangempela wokusebenzisa izwi ukuthi lisebenze ngeNkathi Yezwi. Ngezwi, umuntu ufinyelela ekwazini umsebenzi kaNkulunkulu, isimo siNkulunkulu, ingqikithi yomuntu nalokho umuntu afanele ukungena kukhona. Ngezwi, yonke imisebenzi uNkulunkulu afisa ukuyenza ngeNkathi Yezwi iyafezeka. Ngezwi, umuntu uyembulwa, uyasuswa abuye alingwe. Umuntu ulibonile izwi, walizwa, wabona nokuba khona kwezwi. Ngenxa yalokho, umuntu uyakholwa wubukhona bukaNkulunkulu; umuntu ukholwa ukuba namandla onke nobuhlakani bukaNkulunkulu, kanye nasenhliziyweni yothando lukaNkulunkulu kumuntu nesifiso Sakhe sokusindisa umuntu. Yize igama elithi “izwi” lisobala futhi livamile, izwi elivela emlonyeni kaNkulunkulu obe yinyama linyakazisa lonke izulu nomhlaba; izwi Lakhe liguqula inhliziyo yomuntu, imicabango nesimo sakhe esidala nokubukeka kwakudala komhlaba wonke. Kuyo yonke iminyaka, nguNkulunkulu wanamuhla kuphela osebenza ngale ndlela, futhi NguYe kuphela okhuluma futhi asindise umuntu ngale ndlela. Emva kwalokho, umuntu uhlala ngaphansi kokuqondiswa yizwi, eluswa futhi ehlinzekwa yizwi; bahlala emhlabeni wezwi, baphila phakathi kweziqalekiso nezibusiso zezwi likaNkulunkulu, ngaphezu kwalokho bahlala phansi kokwahlulela nokusola kwezwi. La mazwi nalo msebenzi kwenzelwe nje insindiso yomuntu, ukufezwa kwentando kaNkulunkulu, nokuguqula isimo semvelo somhlaba wendalo endala. UNkulunkulu wadala umhlaba ngezwi, uhola abantu emhlabeni wonke ngalo izwi, uyanqoba abuye abasindise ngezwi. Ekugcineni, uzosebenzisa izwi ukuqeda wonke umhlaba omdala. Kungaleso sikhathi-ke lapho uhlelo lokuphatha lizophelela khona.

Kucashunwe embhalweni othi “INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu ikakhulu usebenzisa izwi ukuphelelisa umuntu. Akasebenzisi izimpawu nezimangaliso ukucindezela abantu, noma ukubathonya; lokhu ngeke kucacise amandla kaNkulunkulu. Uma uNkulunkulu ekhombisa izizimpawu nezimangaliso kuphela, kusho ukuthi kuzoba nzima ukucacisa iqiniso likaNkulunkulu, ngakho-ke kube nzima ukuphelelisa umuntu. UNkulunkulu akamphelelisi ngezimpawu nangezimangaliso umuntu, kodwa usebenzisa izwi ukunisela nokwelusa umuntu, ngemva kwalokho abantu bakwazi ukulalela nokwazi uNkulunkulu. Lena yinhloso yomsebenzi awenzayo namazwi awakhulumayo. UNkulunkulu akasebenzisi indlela yokukhombisa izimpawu nezimangaliso ukuphelelisa umuntu—usebenzisa amazwi, futhi usebenzisa izindlela eziningi ezehlukene zokusebenza ukuphelelisa umuntu. Noma ngabe ukucwengwa, ukusebenzelana, ukuthenwa, noma ukunikezwa amazwi, uNkulunkulu ukhuluma ngezindlela eziningi ukuze aphelelise umuntu, futhi anike umuntu ulwazi olukhulu ngomsebenzi, ubuhlakani nokumangalisa kukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kulesi sigaba sokugcina somsebenzi, imiphumela itholakala ngezwi. Ngezwi, umuntu uyakwazi ukuqonda izimfihlakalo eziningi nomsebenzi kaNkulunkulu kuzo zonke izizukulwane ezedlule; ngezwi umuntu ukhanyiselwa nguMoya oNgcwele; ngezwi umuntu uqonda izimfihlakalo ezingakaze ngaphambili zisombululwe yizizukulwane zakudala kanye nomsebenzi wabaphrofethi nabaphostoli basendulo kanye nezimiso ababesebenza ngazo; ngezwi umuntu ubuye aqonde isimo sikaNkulunkulu uqobo, kanye nokuvukela nokuphikisa komuntu futhi akwazi ukuziqonda ingqikithi yakhe. Ngazo zonke lezi zigaba zomsebenzi nawo wonke amazwi akhulunyiwe, umuntu useyawazi umsebenzi woMoya, umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni futhi ngaphezu kwalokho, sonke isimo sikaNkulunkulu. Ulwazi lwenu lomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha kukaNkulunkulu weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha lwatholakala ngezwi. Ingabe akulona ulwazi lwakho lwemicabango yakho yangaphambili kanye nokuphumelela ukuyiyeka okwatholakala ngezwi?

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okubaluleke kakhulu ngalo msebenzi wamazwi ukuvumela abantu ukuthi benze iqiniso ngemva kokuliqondisisa, banze izinguquko esimweni sabo, futhi bazuze ulwazi ngabo uqobo nomsebenzi kaNkulunkulu. Ukusebenza ngokukhuluma kuphela okungenza ukuxhumana phakathi kukaNkulunkulu nomuntu, amazwi kuphela angakwazi ukuchaza iqiniso. Ukusebenza ngale ndlela kuyindlela elunge kakhulu ekunqobeni abantu; ngaphandle kwamazwi. Ayikho enye indlela yokunikeza abantu ukuqonda kweqiniso okucace kangconywana nonsebenzi kaNkulunkulu, ngakho-ke esigabeni Sakhe sokugcina somsebenzi, uNkulunkulu ukhuluma kubantu ukuze avulele umuntu wonke amaqiniso nezimfihlakalo abangaziqondi, ubavumela ukuthi bazuze indlela eyiqiniso nempilo evela kuNkulunkulu, nokwanelisa intando kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Kufanele Nibeke Eceleni Izibusisio Zesikhundla Futhi Niqonde Intando KaNkulunkulu Yokuletha Insindiso Kumuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umuntu uzopheleliswa ngeNkathi Yombuso. Emuva komsebenzi wokunqoba, umuntu uyobhekana nokucwengwa kanye nokuhlupheka. Labo abanganqoba nabangaba ofakazi ngesikhathi sokuhlupheka yibo abagcina sebepheleliswa; baba ngabanqobi. Ngesikhathi senhlupheko, abantu kudingeka ukuthi bamukele ukucwengwa, futhi lokhu kucwengwa kungumsebenzi wokugcina kaNkulunkulu. Kungokokugcina lapho umuntu eyocwengwa ngaphambi kokuphethwa komsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu, futhi bonke labo abalandela uNkulunkulu kumele bamukele ukuvivinywa kokugcina, kumele bamukele ukucwengwa kokugcina.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngemva komsebenzi wokunqoba kulandela umsebenzi wokuklomelisa abalungile nokujezisa ababi: Abantu abalalela ngokugcwele, okusho ukuthi abanqotshwe ngokugcwele, bayobekwa esigabeni esilandelayo sokusakaza umsebenzi endaweni yonke; abanganqotshiwe bayobekwa ebumnyameni futhi bayobhekana nenhlekelele. Ngakho abantu bayohlukaniswa ngokohlobo lwabo, abenzi bokubi bayokwenziwa iqembu lezikhohlakali, bangaphinde futhi babone ukukhanya kwelanga, nabenzi bokuhle bayokwenziwa iqembu labalungile, ukuze bathole ukukhanya futhi baphile phakade ekukhanyeni. Ukuphela kwazo zonke izinto sekuseduze, ukuphela komuntu kucaciswe kwakhanya bha emehlweni akhe, futhi zonke izinto ziyobekwa ngezinhlobo zazo. Ngakho abantu bangakwazi kanjani ukuphunyuka kulokhu?

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izinsuku zokugcina sezifikile. Zonke izinto ezidalweni ziyohlukaniswa ngokohlobo lwazo futhi zehlukaniswe ngezigaba ezehlukene ngokwemvelo yazo. Lona ngumzuzu lapho uNkulunkulu embula khona umphumela wabantu nesiphetho sabo. Uma abantu bengabhekani nokusola nokwahlulela, ngeke kube khona indlela yokudalula ukungalaleli kanye nokungalungi kwabo. Kungokusola nokwahlulela kuphela lapho kuyokwambula khona isiphetho sazo zonke izinto. Umuntu uveza konke ayikho kuphela lapho ethola ukusola nokwahlulela. Ububi buyobekwa nobubi, ubuhle bubekwe nobuhle futhi sonke isintu siyohlukaniswa ngokohlobo lwaso. Ngokusolwa nokwahlulelwa, umphumela wakho konke okudaliwe uyokwambulwa, ukuze ububi buthole ukujeziswa nobuhle buklonyeliswe, nabo bonke abantu babe ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu. Wonke lo msebenzi kufanele ufezeke ngokusola nokwahlulela okulungile. Ngenxa yokuthi inkohlakalo yomuntu isifike esicongweni kanye nokungalaleli kwakhe kube kubi kakhulu, yisimo esilungile sikaNkulunkulu kuphela, leso esilumbanise ikakhulu ukusola nokwahlulela futhi esembulwa ngezinsuku zokugcina, esingaguqula ngokuphelele futhi siphelelise umuntu. Yilesi simo kuphela esingadalula ububi futhi ngalokhu sijezise kabuhlungu bonke abangalungile.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izinsuku zokugcina yilapho zonke izinto ziyohlukaniswa khona ngokwezinhlobo ngokunqoba. Ukunqoba umsebenzi wezinsuku zokugcina; ngamanye amazwi, ukwahlulela isono somuntu ngamunye kuwumsebenzi wezinsuku zokugcina. Ngaphandle kwalokho, abantu bangahlukaniswa kanjani? Umsebenzi wokwahlukanisa owenziwa phakathi kwenu uyisiqalo salowo msebenzi kuyo yonke indawo. Ngemva kwalokhu, labo abawo wonke amazwe nazo zonke izizwe nabo bayowuzwa umsebenzi wokunqoba. Lokhu kusho ukuthi wonke umuntu endalweni uyohlukaniswa ngokohlobo lwakhe, eza phambi kwesihlalo sokwahlulelwa ukuze ahlulelwe. Akekho umuntu noma into engaphunyuka kulokhu kusolwa, futhi akekho ongagwema lokhu kuhlukaniswa ngezinhlobo; bonke bayobekwa ngokwezigaba zabo. Lokhu kungenxa yokuthi sekuseduze ukuba zonke izinto nawo wonke amazulu nomhlaba kufike ekupheleni kwakho. Umuntu angaphunyuka kanjani ekupheleni kokuba khona kwakhe?

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngabe manje sewuyaqonda ukuthi kuyini ukwahlulela nokuthi iqiniso liyini? Uma sewuqonda, ngiyakunxusa ukuthi uthobele ngokulalela ukwahlulelwa, kungenjalo awusoze waba nethuba lokunconywa nguNkulunkulu noma lokuyiswa nguye embusweni Wakhe. Labo abamukela ukwahlulela kuphela kodwa abangakwazi ukuhlanzwa, okusho ukuthi, labo ababalekayo phakathi komsebenzi wokwahlulela, bayohlala bezondwa futhi belahlwa nguNkulunkulu. Izono zabo ziningi kakhulu, futhi zinkulu, kunezabaFarisi, ngoba bayamphika uNkulunkulu futhi bangamahlubuka kuNkulunkulu. Abantu abanjalo abangafanelekile ngisho ukwenza umsebenzi bayothola isijeziso esinzima kakhulu, isijeziso futhi esingapheli. UNkulunkulu akasoze ayeka noma ngubani omhlubukayo owake wathi wethembekile kuye ngamazwi kepha wayesemhlubuka. Abantu abanjalo bayothola impindiselo ngokujeziswa ngokomoya, umphefumulo, nangokomzimba. Ngabe lokhu akusikho kanye ukwembulwa kwesimo sokulunga sikaNkulunkulu? Ngabe lokhu akusiyo injongo kaNkulunkulu yokwahlulela umuntu kanye nokumembula? UNkulunkulu ubeka bonke labo abenza zonke izinhlobo zemisebenzi emibi ngesikhathi sokwahlulela endaweni egcwele imimoya emibi ukuze le mimoya emibi ibhubhise imizimba yabo yenyama ngokuthanda. Imizimba yabo ikhipha iphunga lesidumbu, futhi nesijeziso esibafanele sinjalo. UNkulunkulu ubhala phansi ezincwadini zomlando wabo isono ngasinye salawo makholwa amanga angethembekile, abaphostoli bamanga kanye nabasebenzi bamanga; kuthi uma isikhathi sesifanele, ubaphosa phakathi kwemimoya engcolile ukuze imizimba yayo engcolile ingcolise yonke imizimba yabo ngokuthanda ukuze bangaphindi babe senyameni futhi bangaphindi babone ukukhanya. Labo bakhohlisi abenza umsebenzi ngesikhathi esisodwa kodwa abakwazi ukuhlala bethembekile kuze kube sekugcineni babalwa uNkulunkulu phakathi kwabantu abakhohlakele ukuze bahambe emiyalelweni yabantu abakhohlakele, babe yingxenye yoquqaba olungahlelekile; ekugcineni, uNkulunkulu uyobabhubhisa. UNkulunkulu uyabachitha futhi akabanaki labo abangakaze bethembeke kuKristu noma bazinikele ngemizamo ethile, futhi uyobabhubhisa bonke ngokuguquka kwezinkathi. Ngeke besaba khona emhlabeni, kube kuncane kakhulu ukuthola indlela engena embusweni kaNkulunkulu. Labo abangakaze bathembeke kuNkulunkulu kodwa abaphoqwa yisimo ukuthi babhekane Naye ngokushampuza nje bayobalwa phakathi kwalabo abasebenzela abantu Bakhe. Bambalwa kakhulu kubantu abanjalo abangasinda, kuyilapho iningi labo liyobhubha nalabo abangafanelekile ngisho ukwenza umsebenzi. Ekugcineni, uNkulunkulu uyofikisa embusweni Wakhe bonke labo abanomqondo ofana nokaNkulunkulu, abantu namadodana kaNkulunkulu kanjalo nalabo abahlelelwe uNkulunkulu ukuthi babe ngabefundisi. Sinjalo isithelo sikaNkulunkulu asiveza ngomsebenzi Wakhe. Kulabo abangakwazi ukungena kwesinye salezi zigaba ezimiswe nguNkulunkulu, bayobalwa phakathi kwabantu abangakholwa. Futhi nakanjani ningazicabangela nje ukuthi isiphetho sabo siyoba yini. Sengikushilo konke okumele ngikusho kini; indlela eniyikhethayo iyoba yisinqumo senu. Okumele nikuqonde yilokhu: Umsebenzi kaNkulunkulu awulindi noma ubani ongakwazi ukuhambisana nesivinini Sakhe, futhi isimo sikaNkulunkulu sokulunga asikhombisi musa kunoma yimuphi umuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho izizwe nabantu bomhlaba wonke bebuyela phambi kwesihlalo Sami sobukhosi, ngizothatha izinto zasezulwini eziningi ngizilethe emhlabeni wabantu, ukuze, ngenxa Yami, ugcwale izinto eziningi ezingenakuqhathaniswa. Uma nje izwe elidala lisekhona, ngizokwehlisela intukuthelo Yami ezizweni zalo, ngenze imbulunga yonke yazi imithetho Yami yokuphatha, futhi ngisole noma ubani oyiphulayo:

Njengoba ngiphendulela ubuso Bami embulungeni ukuba ngikhulume, wonke umuntu uyalizwa izwi Lami, futhi abone yonke imisebenzi engiyenzile embulungeni yonke. Labo abaphikisana nentando Yami, okusho ukuthi, abaphikisana Nami ngokwenza imisebenzi yabantu, bazowela ekusoleni Kwami. Ngizothatha izinkanyezi ezingenakubalwa zamazulu ngizenze kabusha, futhi ngenxa Yami ilanga nenyanga kuzovuselelwa isibhakabhaka ngeke sisaba yilokho ebesiyikho; okuningi okusemhlabeni kuzovuselelwa. Konke kuzophelela ngamazwi Ami. Izizwe eziningi ezisemhlabeni zizohlukaniswa kabusha futhi zithathelwe indawo yisizwe Sami, ukuze izizwe eziphezu komhlaba zishabalale phakade futhi zibe yisizwe esikhonza Mina; zonke izizwe zomhlaba zizobhujiswa, futhi ngeke zisaba khona. Ebantwini abasemhlabeni, bonke labo abangabakasathane bazoqothulwa; bonke abakhonza kuSathane bazofakwa ekujuleni komlilo Wami ovuthayo—okusho ukuthi, ngaphandle kwalabo manje abasendleleni ewumngcingo, bonke abanye bazophenduka umlotha. Lapho ngisola abantu abaningi, labo abasemhlabeni wezinkolo, ngokwamazinga ahlukahlukene, bazobuyela embusweni, benqotshwe yimisebenzi Yami, nabangaphansi kwezinkolo ezithile, ngoba bayobe bekubonile ukuza koNgcwele ephezu kwefu elimhlophe. Bonke abantu beyolandela izinhlobo zabo, futhi bayothola ukusolwa ngokwalokho abakwenzile. Bonke labo abaye bamelana Nami bazoshabalala bonke; futhi labo abazenzo zabo zasemhlabeni bezingahlangani ndawo Nami, ngenxa yendlela abaziphathe kahle ngayo, bazoqhubeka nokuhlala emhlabeni ngaphansi kokubusa kwamadodana Ami nabantu Bami. Ngizozembula ebantwini abaningi nasezizweni eziningi, ngomsindo wezwi Lami emhlabeni wonke ukuze ngimemezele ukuphela komsebenzi Wami omkhulu ukuze bonke abantu babone ngamehlo abo.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 26” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi Wakhe wasekugcineni wokujezisa ababi nokunika abalungile umvuzo wenziwa ukuze kuhlanzwe ngokuphelele sonke isintu, ukuze alethe ukuphumula kwaphakade kuso sonke isintu esingcwele. Lesi sigaba somsebenzi Wakhe siwumsebenzi obucayi kakhulu. Siyisigaba sokugcina sawo wonke umsebenzi Wakhe wokuqondisa. Uma uNkulunkulu engababhubhisanga ababi kodwa ebayeka basale, sonke isintu besingeke sikwazi ukungena ekuphumuleni, futhi uNkulunkulu ubengeke akwazi ukuletha sonke isintu endaweni engcono. Lolu hlobo lomsebenzi belungeke luphele ngokuphelele. Lapho eqeda umsebenzi Wakhe, sonke isintu siyoba ngcwele ngokuphelele. Kungale ndlela kuphela lapho uNkulunkulu engaphila khona ekuphumuleni ngokuthula.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Njengoba uNkulunkulu adala umuntu, kufanele enze umuntu amkhonze; njengoba uNkulunkulu efisa ukubuyisa umsebenzi wasekuqaleni womuntu, lokho uzokwenza ngokuphelele, ngaphandle kwenkohlakalo. Ukubuyisa igunya Lakhe kusho ukwenza ukuthi umuntu amkhonze futhi amlalele; kusho ukuthi kufanele enze umuntu aphile ngenxa Yakhe futhi ashabalalise izitha Zakhe ngenxa yegunya Lakhe; kusho ukuthi uzokwenza ukuthi yonke ingxenye yakhe yokugcina iqhubeke phakathi kwabantu futhi ngaphandle kokuphikiswa umuntu. Umbuso afisa ukuwumisa embusweni Wakhe. Isintu asifisayo yilesi esimkhonzayo, esimlalela ngokuphelele futhi esinenkazimulo Yakhe. Uma engasisindisi isintu esonakalisiwe, okushiwo indalo Yakhe kuyophenduka ize; ngeke esaba nalo igunya kubantu, futhi umbuso Wakhe ngeke ukwazi ukuba khona emhlabeni. Uma engazibhubhisi lezo zitha ezingamlaleli, ngeke akwazi ukuthola inkazimulo Yakhe egcwele, futhi ngeke akwazi ukumisa umbuso phezu komhlaba. Lezi izimpawu zokuqedwa komsebenzi Wakhe nezimpawu zokufezwa kwezinto Zakhe ezinkulu: ukubhubhisa ngokuphelele labo phakathi kwesintu abangamlaleli, nokuletha ekuphumuleni labo abenziwe baphelela.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Njengoba amazwi Ami egcwaliswa, umbuso uyasunguleka kancane kancane emhlabeni nomuntu kancane kancane ubuyela esimweni esijwayelekile, ngalokho kusunguleka emhlabeni umbuso enhliziyweni Yami. Embusweni, bonke abantu bakaNkulunkulu babuyelwa yimpilo yomuntu ejwayelekile. Ubusika sebudlulile, kwangena intwasahlobo yomhlaba, lapho okuba yintwasahlobo unyaka wonke. Abantu abasabhekene nezwe lomuntu elidangele, elidabukisayo, abasabekezeleli umoya obandayo womhlaba womuntu. Abantu abalwi bodwa, amazwe awahlomiselani izimpi, azisekho nezingozi negazi eligobhoza ngenxa yezingozi; umhlaba wonke ugcwele injabulo, yonke indawo kugcwele imfudumalo phakathi kwabantu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 20” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wasekuqaleni awunalo igama elithi “ilalelwe.”

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp