Ubudlelwane Phakathi Kwesigaba Ngasinye Somsebenzi KaNkulunkulu.

April 06, 2018

Ubudlelwane Phakathi Kwesigaba Ngasinye Somsebenzi KaNkulunkulu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Kusukela emsebenzini kaJehova kuya kokaJesu, futhi kusukela emsebenzini kaJesu kuya kulowo wesigaba samanje, lezi zigaba ezintathu zihlanganisa ngentambo enganqamuki bonke ububanzi bokuphatha kukaNkulunkulu futhi yonke iyimisebenzi eyenziwa nguMoya owodwa. Kusukela ekudalweni komhlaba, uNkulunkulu yilokhu esebenza ephatha isintu. UyiSiqalo neSiphetho, futhi uyiLowo oqala inkathi naLowo ophetha inkathi. Izigaba ezintathu zomsebenzi, ezinkathini ezehlukene nasezindaweni ezehlukene, ngaphandle kwephutha zingumsebenzi woMoya owodwa. Bonke labo abahlukanisa lezi zigaba baphikisa uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luhlukaniswe lwaba yizigaba ezintathu zomsebenzi. Asikho isigaba esisodwa esingamelela zontathu izinkathi kodwa kunalokho singamelela ingxenye eyodwa yakho konke. Igama likaJehova ngeke lisimelele sonke isimo sikaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi wenze umsebenzi eNkathini Yomthetho akusho ukuthi angaba nguNkunkulu kuphela ngaphansi komthetho. UJehova wahlela imithetho yomuntu futhi waloba phansi imiyalo, ecela abantu ukuba bakhe ithempeli nama-altare; umsebenzi awenza umelele iNkathi Yomthetho kuphela. Umsebenzi awenza awusho ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu oyala abantu ukuba bagcine umthetho, uNkulunkulu osethempelini noma uNkulunkulu ophambi kwe-altare. Lokhu akunakushiwo. Umsebenzi ngaphansi komthetho umelela kuphela inkathi eyodwa. Ngakho, uma uNkulunkulu enze umsebenzi eNkathini Yomthetho kuphela, umuntu ubengachaza uNkulunkulu athi, “UNkulunkulu unguNkulunkulu osethempelini. Ukuze sikhonze uNkulunkulu, kumele sigqoke izingubo zabapristi bese singena ethempelini.” Ukube umsebenzi oseNkathini Yomusa awuzange wenziwe futhi ukube iNkathi Yomthetho iqhubekile kwaze kwaba namuhla, umuntu ubengeke akwazi ukuthi uNkulunkulu unesihe nothando. Ukube umsebenzi weNkathi Yomthetho awuzange wenziwe, kodwa kwenziwe kuphela umsebenzi weNkathi Yomusa, umuntu ubeyokwazi kuphela ukuthi uNkulunkulu angamkhulula umuntu futhi amthethelele izono. Abantu bebeyokwazi kuphela ukuthi ungcwele futhi akanacala, angazidela futhi abulawe ngenxa yomuntu. Umuntu ubeyokwazi lokhu kuphela futhi angakuqondi okunye. Ngakho inkathi ngayinye imelele isimo sikaNkulunkulu. INkathi Yomthetho imelele izingxenye ezithile, iNkathi Yomusa imelele izingxenye ezithile futhi lena imelele okunye. Isimo sikaNkulunkulu singambulwa ngokuphelele ngokuhlanganisa lezi zinkathi ezintathu. Umuntu angakuqonda kahle kuphela lapho eziqaphela zonke lezi zigaba. Kungeqiwe nesisodwa isigaba. Isimo sikaNkulunkulu semvelo niyokwazi ukusiqonda ngokuphelele lapho senazi lezi zigaba ezintathu zomsebenzi. Ukuqeda kukaNkulunkulu umsebenzi Wakhe ngeNkathi Yomthetho akusho ukuthi unguNkulunkulu ongaphansi komthetho nokuthi ukupheleliswa komsebenzi Wakhe wokukhulula isintu akubonisi ukuthi uNkulunkulu uyohlezi ekhulula abantu. Le yimiphumela yokucabanga kwabantu. INkathi Yomusa isifike ekugcineni, kodwa angeke uthi uNkulunkulu ungowesiphambano kuphela nokuthi isiphambano sisho ukusindisa kukaNkulunkulu. Uma nenza kanjalo, nichaza uNkulunkulu. Kulesi sigaba, uNkulunkulu umane enza umsebenzi wezwi kodwa ngeke nithi uNkulunkulu akasoze aba nesihe kubantu nokuthi konke akulethile ukusola nokwahlulela. Umsebenzi wezinsuku zokugcina ubeka obala umsebenzi kaJehova nokaJesu nazo zonke izimfihlakalo umuntu angaziqondi. Lokhu kwenziwe ukuze kwambulwe isiphetho sohambo nokuphela komuntu bese kuphetha wonke umsebenzi wensindiso esintwini. Lesi sigaba somsebenzi wezinsuku zokugcina siphetha zonke izinto. Zonke izimfihlakalo ezingaqondwa ngumuntu kumele zicaciswe ukuze umuntu athole ukwazi ngazo futhi azazi enhliziyweni. Kungaleyo nkathi lapho abantu beyohlukaniswa khona ngokwezinhlobo zabo. Kusekupheleni kohlelo lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha kuphela lapho abantu beyoqonda isimo siNkulunkulu ngokuphelele, ngoba ukuphatha Kwakhe kuyobe sekufike ekugcineni.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi osuwenziwa manje usuqhubele phambili umsebenzi weNkathi Yomusa; okusho ukuthi, umsebenzi wohlelo lokuphatha weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha uqhubekele phambili. Yize iNkathi Yomusa isiphelile, umsebenzi kaNkulunkulu uqhubekele phambili. Kungani ngisho isikhathi nesikhathi ukuthi lesi sigaba somsebenzi sakhela phezu kweNkathi Yomusa neNkathi Yomthetho? Lokhu kusho ukuthi umsebenzi wanamuhla ungukuqhubeka komsebenzi owenziwe ngeNkathi Yomusa nokuphakanyiswa kwalowo owenziwe ngeNkathi Yomthetho. Izigaba ezintathu zihlangene kakhulu futhi ikhongco ngalinye eketangweni lixhumene ngokuqinile kwelinye. Kungani ngibuye ngithi lesi sigaba somsebenzi sakhele kulowo owenziwa uJesu? Uma lesi sigaba singakhelanga emsebenzini owenziwe uJesu, bekuyofuneka kube khona okunye ukubethelwa kulesi sigaba, futhi umsebenzi wokuhlenga owenziwe ngaphambilini bekuzodingeka ukuba uphindwe. Lokhu bekungeke kube namqondo. Ngakho-ke, akusho ukuthi umsebenzi usuphele nya, kodwa ukuthi inkathi iqhubekele phambili futhi nezinga lomsebenzi seliphakanyiselwe phezudlwana kunakuqala. Kungathiwa lesi sigaba somsebenzi sakhelwe esisekelweni seNkathi Yomthetho nedwala lomsebenzi kaJesu. Umsebenzi wakhiwa ngesigaba nesigaba, kanti lesi sigaba asikhona ukuqala kabusha. Ngukuhlangana kuphela kwezigaba ezintathu zomsebenzi okungathiwa uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuba Sesimweni Somuntu Okubili Kuphelelisa Ukubaluleka Kokuba Sesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Isigaba sokugcina somsebenzi asimile sodwa, kodwa siyingxenye yendikimba eyakhiwe izigaba ezimbili zangaphambilini ndawonye, okusho ukuthi ngeke kwenzeke neze ukuthi uqede umsebenzi wonke wokusindisa ngokwenza esinye sezigaba ezintathu zomsebenzi sodwa kuphela. Nakuba isigaba sokugcina somsebenzi siyakwazi ukusindisa umuntu ngokuphelele, lokhu akusho ukuthi kudingeka kwenziwe lesi sigaba sisodwa kuphela, nokuthi lezi zigaba zomsebenzi ezimbili zangaphambilini azidingeki ukusindisa umuntu ethonyeni likaSathane. Asikho isigaba ezigabeni ezintathu esingaphakanyiswa njengombono okuyiwona kuphela ofanele waziwe isintu sonke, ngoba umsebenzi wensindiso sewu wonke uyizigaba ezintathu zomsebenzi, hhayi isigaba esisodwa phakathi kwazo. Inqobo uma umsebenzi wensindiso ungakafezeki, ukuphatha kukaNkulunkulu ngeke kukwazi ukufika ekupheleni okuphelele. Ubuyena, isimo, kanye nokuhlakanipha kukaNkulunkulu buvezwa emsebenzini wensindiso sewu wonke, abuvezwanga kumuntu ekuqaleni kakhulu, kodwa kuvezwe kancane kancane emsebenzi wensindiso. Isigaba ngasinye somsebenzi wensindiso siveza ingxenye yesimo sikaNkulunkulu, kanye nengxenye yobuyena; Akuzona zonke izigaba zomsebenzi ezingaveza ngqo futhi ezingaveza ngokuphelele Ubuyena sebubonke bukaNkulunkulu. Ngakho, umsebenzi wensindiso ungaphethwa uma izigaba ezintathu zomsebenzi seziphothuliwe, ngakho ulwazi lo muntu ngakho konke ngoNkulunkulu, lungehlukaniswe nezigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu. Lokho umuntu akuzuzayo esigabeni somsebenzi esisodwa kumane kuyisimo sikaNkulunkulu esivelayo engxenyeni eyodwa yomsebenzi Wakhe. Akukwazi ukumela isimo nobuyena okuvela ezigabeni ezingaphambili noma ezingemuva. Lokhu yingoba umsebenzi wokusindisa umuntu ngeke uqedwe khona manjalo esikhathini esisodwa, noma endaweni eyodwa, kodwa kancane kancane uya ujula ngangezinga lokuthuthuka komuntu ezikhathini nasezindaweni ezihlukene. Kuwumsebenzi owenziwa ngezigaba, futhi awupheli ngesigaba esisodwa. Ngakho, ukuhlakanipha kukaNkulunkulu sekukonke kucaciswa ezigabeni ezintathu kunasesigabeni esisodwa. Ubuyena bubonke nobuhlakani Bakhe bubonke bendlalwe kulezi zigaba ezintathu, futhi isigaba ngasinye siphethe ubuyena Bakhe, futhi siwumbhalo wokuhlakanipha komsebenzi Wakhe. … Isigaba ngasinye sezigaba ezintathu zomsebenzi senziwa phezu kwesisekelo sesigaba esingaphambilini; asenziwa ngokuzimela, sehlukanisiwe emsebenzini wensindiso. Nakuba kunomehluko omkhulu enkathini nenhlobo yomsebenzi owenziwayo, emnyombeni wawo, kuseyinsindiso yesintu, futhi isigaba ngasinye somsebenzi wensindiso sijulile kakhulu kunesigcinile.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ukuphatha kukaNkulunkulu kukonke kwahlukaniseke izigaba ezintathu, futhi esigabeni ngasinye, kudingeka okufanele leso sigaba kumuntu. Phezu kwalokho, njengoba kuhamba iminyaka futhi iqhubekela phambili, okudingwa uNkulunkulu kumuntu kuyaphakama kakhulu. Ngakho, esigabeni nesigaba, umsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu ufinyelela esicongweni, umuntu aze abone iqiniso “ngokubonakala Kwezwi enyameni,” futhi ngale ndlela okudingeka kumuntu kuphakama kakhulu, futhi okudingeka kumuntu ekufakazeni kuphakama ngaphezu kwalokho. Uma umuntu ekhula emandleni okusebenzisana noNkulunkulu ngokweqiniso, iyakhula indlela adumisa ngayo uNkulunkulu. Ukusebenzisana Naye komuntu kuwubufakazi okudingeka ukuthi abe nabo, futhi ubufakazi anabo buwukwenza komuntu. Ngakho, ukuthi ngabe umsebenzi kaNkulunkulu unomthelela ofunekayo, nokuthi ngabe bukhona ubufakazi bangempela, kuxhunyaniswe kakhulu nokusebenzisana kanye nobufakazi bomuntu. Uma sewuqediwe umsebenzi, okusho ukuthi, uma konke ukuphatha kukaNkulunkulu kufinyelela esiphethweni, umuntu kuzodingeka ukuthi abe nobufakazi obuphakeme kakhulu, futhi uma umsebenzi kaNkulunkulu ufinyelela esiphethweni, ukungena komuntu kufinyelela esicongweni. Phambilini, kwakudingeka ukuthi umuntu ahambisane nomthetho kanye nemiyalelo, futhi kwakudingeka ukuthi abakezele futhi athobeke. Namuhla, kudingeka ukuthi umuntu alalele zonke izinhlelo zikaNkulunkulu futhi abe nothando oluphakeme lukaNkulunkulu, futhi ekugcineni kudingeka ukuthi aqhubeke nokuthanda uNkulunkulu phakathi kokuhlushwa. Lezi zigaba ezintathu zidingwa uNkulunkulu kumuntu, isinyathelo nenesinyathelo, ekuphatheni Kwakhe kukonke. Isigaba ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu sijula ngaphezu kwesokugcina, futhi esigabeni ngasinye okudingeka kumuntu kukhulu kakhulu kunokokugcina, futhi ngale ndlela, ukuphatha kukaNkulunkulu kukonke kuya ngokuya kuhlangana. Isizathu salokhu ukuthi okudingeka kumuntu kuphakeme kakhulu kunesimo somuntu futhi kusondelene nezilinganiso zikaNkulunkulu, futhi yilapho lapho isintu sonke siya ngokuya sisuka ethonyeni likaSathane kuze kube wukuthi, umsebenzi kaNkulunkulu ufinyelela ekupheleni nya, isintu sisonke sizobe sisindile ethonyeni likaSathane.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izigaba ezintathu zomsebenzi zenziwa uNkulunkulu oyedwa; lokhu umbono omkhulu kunayo yonke, futhi iyona kuphela indlela yokwazi uNkulunkulu. Izigaba ezintathu zomsebenzi bezingenziwa uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, futhi akekho umuntu ongamenzela lo msebenzi—okusho ukuthi uNkulunkulu Uqobo Lwakhe kuphela obengenza umsebenzi Wakhe siqu kusukela ekuqaleni kuze kube manje. Nakuba izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu zenziwe ezinkathini nasezindaweni ezehlukene, futhi nakuba umsebenzi wazo ngasinye uhlukile, wonke umsebenzi wenziwe nguNkulunkulu oyedwa. Emibonweni iyonke, lona umbono omkhulu kunayo yonke umuntu okufanele ayazi, futhi uma uqondwa ngokuphelele umuntu, ngakho uyokwazi ukuma aqine.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp