Kuyoba yini umphumela uma umuntu ekholelwa kuNkulunkulu Oyedwa ngokwethembela olwazini lwesayensi yezindaba zenkolo eBhayibhelini?

April 09, 2018

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Laba bantu basondela kimi ngomlomo wabo, futhi bangidumisa ngezindebe zabo; kodwa inhliziyo yabo ikude nami. Kodwa bangikhonza ngeze, bafundisa izimfundiso eziyimiyalo yabantu” (UMathewu 15:8-9).

“Ngoba igama liyabulala, kodwa umoya unika ukuphila” (2 Korinte 3:6).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Abantu, abakhohlakele bonke bahlala ogibeni lukaSathane, baphila enyameni, baphila ezifisweni zokuzifunela, futhi akekho namunye phakathi kwabo ofanelana Nami. Kunalabo abathi bafanelana Nami, kodwa bonke badumisa izithixo ezingabonakali. Yize bevuma ukuthi igama Lami lingcwele, bahamba endleleni ephambana Nami, kanti amazwi abo agcwele ukuzidla nokuzethemba, ngoba, ekuqaleni baphambana Nami, futhi abafanelani Nami. Nsuku zonke bafuna imikhondo Yami eBhayibhelini bathole izingxenye “ezifanele” benganakile abazifunda bangaqedi bese bezisho “njengemibhalo”. Abakwazi ukuthi bafanelane Nami, abazi ukuthi kusho ukuthini ukungazwani Nami, baphinde bafunde “imibhalo” ngokunganaki. Bazicindezela ngeBhayibheli kuNkulunkulu ongabonakali abangakaze bambone, futhi abangeke bakwazi ukumbona, bazinikeze isikhathi sokubheka esikhathini sabo esiseceleni. Bayakholwa ukuthi ngikhona ngokweBhayibheli kuphela. Kubona, ngiyafana neBhayibheli; ngaphandle kweBhayibheli angikho Mina, futhi ngaphandle Kwami alikho iBhayibheli. Abanendaba nobukhona noma izenzo Zami, kunalokhu banake kakhulu igama negama lombhalo ongcwele, futhi abaningi babo bakholelwa ukuthi kufanele ngingenzi lutho engifisa ukukwenza ngaphandle kokuthi kwabikezelwa umbhalo ongcwele. Benza umbhalo ongcwele ubaluleke kakhulu. Kungathiwa nje ukuthi babona amazwi nezinkulumo zibaluleke kakhulu, ukufika ekutheni basebenzisa amavesi aseBhayibhelini ukulinganisa igama negama engilishoyo, nokungehlulela. Lokho abakufunayo akuyona indlela yokufanelana Nami, noma indlela yokufanelana neqiniso, kodwa indlela yokufanelana namazwi eBhayibheli, futhi bakholelwa wukuthi noma yini engahambelani neBhayibheli, ngaphandle kokukhetha, akusiwo umsebenzi Wami. Ingabe abantu abanjalo abazona izizukulwane ezilalelayo zabaFarisi? AbaFarisi abangamaJuda babesebenzisa umthetho kaMose ukwehlulela uJesu. Abazange bafune ukufanelana noJesu wangaleso sikhathi, kodwa ngokukhuthala balandela umthetho kwaze kwaba yilapho kufinyelela ekutheni babethele uJesu ongenacala esiphambanweni, bembeke icala bengalandelanga umthetho weTestamente Elidala nokuthi akayena uMesiya. Kwakuyini umnyombo wabo? Kwakungekhona yini ukuthi abazange bafune izindlela zokufanelana neqiniso? Babenentshisekelo ngawo wonke amazwi ombhalo ongcwele, bebe bengenandaba nentando Yami nezinyathelo nezindlela zomsebenzi Wami. Babengebona abantu ababefuna iqiniso, kodwa abantu ababebambelela ngokuqinile emazwini; bebengebona abantu abakholelwa kuNkulunkulu, kodwa abantu abakholelwa eBhayibhelini. Empeleni, bebengonogada beBhayibheli. Ukuze bavikele okungokweBhayibheli, baqhakambise isithunzi seBhayibheli, bavikele isithunzi salo, baze bafika ekubetheleni uJesu onomusa esiphambanweni. Lokhu bakwenze nje ngoba befuna ukuvikela iBhayibheli, nokugcina ukuma kwegama ngalinye eliseBhayibhelini nawo wonke amazwi aseBhayibhelini esezinhliziyweni zabantu. Ngakho-ke bakhethe ukushiya ikusasa labo nomnikelo wesono ukwahlulela uJesu, ongazange ahambelane nezimfundiso zombhalo oyingcwele, ukuya ekufeni. Ingabe babengezona izinceku egameni ngalinye loMbhalo ongcwele?

Bese kwenzekani ngabantu namuhla? UKristu uzele ukuzokhulula iqiniso, kodwa babona kungcono ukumxosha ebantwini ukuze bathole umusa. Bangamane baphike ngokuphelele ukuza kweqiniso ukuze bavikele okweBhayibheli, futhi bangamane babethele uKristu obuyele enyameni esiphambanweni ukuze baqinisekise ukuba khona kweBhayibheli ingunaphakade. Umuntu angayithola kanjani insindiso Yami, uma inhliziyo yakhe iyimbi kangaka, nesimo sakhe semvelo siphikisana kangaka Nami? Ngihlala phakathi kwabantu, kodwa abantu ababazi ubukhona Bami. Uma ngikhanyisa ukukhanya Kwami kubantu balokhu behlala bebungabaza ubukhona Bami. Uma ngidedela ulaka Lwami phezu komuntu, ukuphika ngelikhulu iqholo ukuba khona Kwami. Umuntu ufuna ukufanelana ngamazwi, ngeBhayibheli kodwa akekho noyedwa umuntu oza phambi Kwami afune indlela yokufanelana neqiniso. Umuntu ubheka Kimi ezulwini, anikele ukukhathazeka okuthile ebukhoneni Bami ezulwini, kodwa akekho onginakayo enyameni, ngoba Mina engihlala phakathi kwabantu angibalulekanga nhlobo. Labo abafuna kuphela ukufanelana namazwi eBhayibheli, abafuna ukufanelana noNkulunkulu ongabonakali, bayisinengiso Kimi. Kungenxa yokuthi lokho abakukhonzayo kungamazwi afile, noNkulunkulu okwazi ukubanikeza ingcebo engelinganiswe. Abakukhonzayo uNkulunkulu ozibeka emseni womuntu futhi ongekho. Manje, abantu abanjalo bangazuzani Kimi? Umuntu uhlwempu kakhulu ngamazwi. Labo abaphikisana Nami, abenza izimfuno ezingapheli Kimi, abangalithandi iqiniso, abahlubukayo Kimi—bangafanelana kanjani Nami?

Kucashunwe embhalweni othi “Kufanele Ufune Indlela Yokufanelana NoKristu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Labo abanaka kuphela amazwi eBhayibheli abangenamsebenzi neqiniso noma ukufuna ezinyathelweni Zami—baphikisana Nami, ngoba bangibekela umngcele ngokweBhayibheli, bangicindezele eBhayibhelini, kanjalo bayahlambalaza kakhulu Kimi. Bangeza kanjani abantu abanjalo Kimi? Abaziqapheli izenzo Zami, noma intando Yami, noma iqiniso, kodwa kunalokho ba bathathekile ngamazwi, amazwi abulalayo. Bangafanelana kanjani Nami abantu abanjalo?

Kucashunwe embhalweni othi “Kufanele Ufune Indlela Yokufanelana NoKristu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UKristu wezinsuku zokugcina uletha ukuphila, futhi ukubekezela kanye nendlela yeqiniso engunaphakade. Leli qiniso liyindlela umuntu angathola ukuphila ngayo, futhi yiyo kuphela indlela umuntu ayokwazi uNkulunkulu ngayo futhi agunyazwe uNkulunkulu. Uma ungayifuni indlela yokuphila evela kuKristu wezinsuku zokugcina, kusho ukuthi awusoze wathola ukugunyazwa uJesu, futhi awusoze wafaneleka ukungena ngesango lombuso wezulu, ngoba ungunopopi kanye nesiboshwa somlando. Labo abalawulwa imithetho, ngamagama, futhi ababoshelwe umlando abasoze bathola ukuphila, futhi abasoze bakwazi ukuthola indlela yokuphila engunaphakade. Lokhu kwenziwa ukuthi konke abanakho kungamanzi ayizibhidi okulokhu kubanjelelwe kuwo izinkulungwane zeminyaka, esikhundleni samanzi ageleza esuka esihlalweni sobukhosi. Labo abangahlinzekwa ngamanzi okuphila bayohlala beyizidumbu ingunaphakade, beyizinto zokudlala uSathane, futhi bengamadodana asesihogweni. Pho-ke, bangakwazi ukubona uNkulunkulu? Uma uzama ukubambelela kokwakudala kuphela, uzama ukugcina izinto ngendlela eziyiyo ngokuma unganyakazi, futhi ungazami ukushintsha isimo, ulahle okwakudala, uma kunjalo awuyikuhlala ulwisana noNkulunkulu? Izigaba zomsebenzi kaNkulunkulu zibanzi futhi zinkulu, njengamagagasi agelezayo kanye nokuduma kwezulu okugingqikayo—kepha uyahlala futhi ulinde ukubhujiswa ungenzi lutho, unamathele emikhubeni yakho futhi ungenzi lutho. Ngale ndlela, ungathathwa kanjani njengomuntu olandela ezinyathelweni zeWundlu? Ungakuveza kanjani ubulungiswa ngoNkulunkulu onaye owuNkulunkulu ohlala emusha futhi ongagugi? Futhi amazwi ezincwadi zakho eziqanda angakudlulisela kanjani esikhathini esisha? Angakuholela kanjani ukuthi ufune izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu? Futhi angakuyisa kanjani ezulwini? Okuphethe ezandleni amagama angakunika ukuthula kwesikhashana, hhayi amaqiniso angakunika ukuphila. Imibhalo oyifundayo iyilokho okungacebisa ulimi lwakho, ayiwona amazwi obuhlakani angakusiza ukuze wazi ngokuphila komuntu, ingasaphathwa eyezindlela ezingakuholela ekulungisisweni. Ingabe lokhu kushayisana akwenzi ubone isidingo sokuzihlolisisa? Ingabe akwenzi ukuthi uqonde izimfihlakalo eziqukethwe kukho?

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abantu abaningi abaphikisani yini noNkulunkulu futhi bavimbe umsebenzi woMoya oNgcwele ngoba bengazi umsebenzi kaNkulunkulu onhlobonhlobo futhi ohlukahlukene, ngaphezu kwalokho, banengcosana yolwazi nemfundiso abakala ngayo umsebenzi woMoya oNgcwele? Nakuba abadlule kukho laba bantu kukha phezulu, bayaqhosha futhi bathanda ukuzitika ngokwemvelo, futhi babuka umsebenzi woMoya oNgcwele ngokudelela bashaya indiva ukuqondisa koMoya oNgcwele futhi, ngaphezu kwalokho, basebenzisa izinkulumo zabo ezindala neziyize ukuqinisekisa umsebenzi woMoya oNgcwele. Bayazenzisa, futhi banelisekile ngokuphelele ngolwazi lwabo uqobo kanye nokufunda kwabo, nokuthi bayakwazi ukuhamba banqamule umhlaba. Abantu abanjalo akubona labo abazondwayo futhi abalahlwe uMoya oNgcwele futhi ngeke yini bakhishwe yinkathi entsha? Labo abeza phambi kukaNkulunkulu bamphikise imbaba abayibo yini abantu abangazi lutho futhi abanolwazi oluncane abancinyane, abazama nje ukukhombisa ukuthi bahlakaniphe kangakanani? Ngolwazi oluwubala lweBhayibheli, bazama ukugxamalaza “imikhakha yezemfundo” yomhlaba, benemfundiso ekha phezulu nje abayifundisa abantu, bazama ukuphindisela emuva umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi bazame ukuwenza uzungeze lapho inqubo yabo yokucabanga ikhona, futhi, njengoba benokubukela eduze nje, bazama ukujeqeza kanye nje umsebenzi kaNkulunkulu weminyaka eyizi-6,000. Laba bantu abanaso isizathu abangakhuluma ngaso!

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kungani abantu abaningi bechitha amandla amakhulu befunda amazwi kaNkulunkulu kodwa benolwazi kuphela futhi bengakwazi kusho lutho ngendlela yangempela kamuva? Ingabe ucabanga ukuthi ukuba nolwazi kulingana nokuba neqiniso? Akuwona yini lowo umbono odidekile? Uyakwazi ukukhuluma izilimi eziningi njengesihlabathi esisebhishi, kodwa alukho kuzo olunendlela yangempela. Kulokhu, awubakhohlisi yini abantu? Awenzi yini umbukiso ongenalutho ongenangqikithi yokuwesekela? Konke ukuziphatha okunje kuyabalimaza abantu! Ukuphakama kwemfundiso, kusho ukuphenduka ize kokungokoqobo, futhi ayanda namathuba okungakwazi ukuletha abantu kokungokoqobo; ukuphakama kwemfundiso, kukwenza ungcolise futhi umelane noNkulunkulu. Ungaphathi izimfundiso eziphakeme kakhulu njengomcebo oyigugu; ziyalimaza futhi azinamsebenzi! Mhlawumbe abanye abantu bayakwazi ukukhuluma ngezimfundiso eziphakeme kakhulu—kodwa izimfundiso ezinjalo azinalutho olungokoqobo, ngoba laba bantu abakaze babhekana nazo ngqo, ngakho abanandlela abangayenza. Labo bantu abakwazi ukuhambisa umuntu emgudwini ofanele, futhi bayogcina ngokuphambukisa abantu. Akubona yini abantu abalimazayo laba? Okungenani, kumele ukwazi ukuxazulula izinkinga zamanje futhi uvumele abantu bafinyelele ukungena; yilokhu kuphela okusebenza njengokuzinikela, futhi kulapho kuphela lapho uyokwazi khona ukusebenzela uNkulunkulu. Ungahlale ukhuluma okuphakeme, amazwi akhazimulayo, futhi ungababophi abantu ubenze bakulalele ngezenzo zakho eziningi ezingafanele. Ukwenza kanjalo ngeke kube namphumela, kungandisa kuphela ukudideka kwabantu. Ukuhola abantu ngale ndlela kuyokwakha izingxenye eziningi zomthetho, okuyokwenza abantu bakuzonde. Leli iphutha lomuntu, futhi liphoxa kakhulu ngempela.

Kucashunwe embhalweni othi “Gxila Kakhulu Kokungokoqobo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ulwazi lwenu lungakwazi ukusiza abantu isikhashana nje. Ngokuhamba kwesikhathi, uma uqhubeka usho into efanayo, abanye abantu bazokwazi ukubona; bazothi awuzinzile kakhulu, untula kakhulu ekujuleni. Akukho ongakwenza ngaphandle kokuzama ukudukisa abantu ngokukhuluma izimfundiso. Uma uhlale uqhubeka ukhuluma kanje, labo abangaphansi kwakho bazolandela izindlela, izinyathelo nesibonelo sokukholwa kuNkulunkulu nokwazi, futhi bazokwenza lawo mazwi nezimfundiso, ekugcineni, njengoba ukhuluma ngale ndlela, bayosebenzisa wena njengesibonelo. Ukhuluma izimfundiso, lapho uhola abantu, futhi labo abangaphansi kwakho bazofunda izimfundiso kuwe, futhi njengoba izinto ziqhubeka uyobe uthathe indlela engafanele. Labo abangaphansi kwakho balandela indlela yakho, futhi bonke bafunda kuwe bese belandela wena, ngakho uyacabanga: “Nginamandla manje; ngakho abantu abaningi bayangilalela, izwe lizwa ngami.” Le mvelo yokukhaphela okukubantu unganakile kukwenza uphendule uNkulunkulu umenze inhloko engelutho, nawe uqobo ube usuzakhela ihlelo thizeni, iqembu thizeni. Avela ngale ndlela amahlelo ahlukahlukene. Buka abaholi bawo wonke amahlelo. Bonke banenkani, bazenza osiyazi, bachaza iBhayibheli ngaphandle komongo walo nangokwemicabango yabo. Bonke bancike eziphweni nasolwazini olunzulu ukuze benze umsebenzi wabo. Ukube akukho ababekwazi ukukushumayela, ingabe labo bantu bebeyobalandela? Ngemva kwakho konke, kukhona abakufundayo, futhi kuncane abangakusho ngemfundiso, noma ukwazi indlela yokunqoba abanye nendlela yokusebenzisa obunye ubuqili, abalethe ngakho abantu phambi kwabo futhi babakhohlisa. Ngokulindelekile, labo bantu bakholwa kuNkulunkulu—kodwa eqinisweni balandela abaholi babo. Uma behlangana nalabo abashumayela indlela yeqiniso, abanye kubo bayothi, “Kudingeka sixhumane naye ngokukholwa kwethu kuNkulunkulu.” Badinga imvume yomuntu othile ukuze bakholwe kuNkulunkulu; akuyona yini inkinga leyo? Baphenduke ini labo baholi? Ingabe abakabi yini abaFarisi, abelusi bamanga, abaphikikrestu, nezikhubekiso ekwamukeleni kwabantu indlela yeqiniso?

Kucashunwe embhalweni othi “Ukufuna Iqiniso Kuphela Okuwukukholwa Ngeqiniso KuNkulunkulu” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp