Ngosuku Lwesibili, Igunya likaNkulunkulu Lihlela Amanzi, Futhi Lenza Utwa, Bese Kuvela Indawo Yokuphila Kwabantu Okuyisisekelo Kakhulu

May 13, 2018

Ake sifunde isiqephu sesibili saseBhayibhelini: “Futhi uNkulunkulu wathi, Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, futhi awuhlukanise amanzi kwamanye amanzi. Futhi uNkulunkulu wabe esenza umkhathi, futhi wahlukanisa amanzi ayengaphansi komkhathi emanzini ayengaphezu komkhathi: futhi kwaba njalo” (UGenesise 1:6-7). Iziphi izinguquko ezenzeka emuva kokuthi uNkulunkulu ethe “Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, futhi awuhlukanise amanzi kwamanye amanzi.”? EmiBhalweni kuthi: “Futhi uNkulunkulu wabe esenza umkhathi, futhi wahlukanisa amanzi ayengaphansi komkhathi emanzini ayengaphezu komkhathi.” Kwaba yini umphumela emuva kokuthi uNkulunkulu esekhulumile futhi wenza lokhu? Impendulo ilele engxenyeni yokugcina yesiqephu: “futhi kwaba njalo.”

Le misho emibili emifushane iqopha isigameko esimangalisayo, futhi ichaza inkundla emangalisayo—umsebenzi omkhulu kakhulu lapho uNkulunkulu walawula amanzi, futhi wadala indawo umuntu ayengaphila kuyo …

Ngosuku Lwesibili, Igunya likaNkulunkulu Lihlela Amanzi, Futhi Lenza Utwa, Bese Kuvela Indawo Yokuphila Kwabantu Okuyisisekelo Kakhulu

Kulo mfanekiso, amanzi nomkhathi kuvela phambi kwamehlo kaNkulunkulu ngokuphazima kweso, aphinde ahlukaniswa yigunya lamazwi kaNkulunkulu, futhi ahlukaniswa kokungaphezulu nokungaphansi ngendlela ehlelwe nguNkulunkulu. Okungukuthi, umkhathi odalwe nguNkulunkulu awuzange wemboze amanzi angaphansi kuphela, kodwa futhi wasekela amanzi angaphezulu…. Kulokhu, umuntu akakwazi kwenza lutho ngaphandle kokuthi agqolozele, adideke, futhi ababaze ngokuncoma ngenxa yobuhle obukhulu benkundla lapho uMdali adlulisa khona amanzi, waphinde wawayala amanzi, futhi wadala umkhathi, futhi ngamandla egunya Lakhe. Ngamazwi kaNkulunkulu, ngamandla kaNkulunkulu, kanye negunya likaNkulunkulu, uNkulunkulu waphumelela ukwenza esinye isenzo esibalulekile. Akuwona lawa amandla egunya loMdali? Masisebenzise imibhalo ukuchaza izenzo zikaNkulunkulu: uNkulunkulu wakhuluma amazwi Akhe, futhi ngenxa yala mazwi kwaba khona umkhathi phakathi kwamanzi. Khona manjalo, uguquko olukhulu kakhulu lwenzeka kule ndawo ngenxa yala mazwi kaNkulunkulu, futhi kwakungelona uguquko olujwayelekile, kodwa kwabakhona ukuthathelana isikhundla lapho into engelutho yaphenduka utho. Lwazalwa yimicabango yoMdali, kwabakhona utho kukade kungekho lutho ngenxa yamazwi akhulunywa1 nguMdali, futhi, ngaphezu kwalokho kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeka, kwakuzoba khona futhi kume, ngenxa yoMdali, futhi kwakuzonyakaza, kuguquke, kwenziwe kabusha ngokuhambisana nemicabango yoMdali. Lesi siqephu sichaza isenzo sesibili soMdali ekudaleni Kwakhe umhlaba wonke. Kwabe kungokunye ukuvezwa kwegunya namandla oMdali, futhi kungesinye isenzo soMdali esicaba indlela. Lolu suku kwakungusuku lwesibili uMdali aba nalo kusukela ekudalweni komhlaba, futhi kwakube usuku olumangalisayo Kuye: Wahamba phakathi kokukhanya, waletha umkhathi, wahlela futhi walawula amanzi, kanti izenzo Zakhe, igunya Lakhe, kanye namandla Akhe kwasetshenziswa kulolu suku olusha ….

Wawukhona umkhathi phakathi kwamanzi ngaphambi kokuthi uNkulunkulu akhulume amazwi Akhe? Impela akunjalo! Kanti emuva kokuthi uNkulunkulu ethe “Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi?” Izinto ezazihloswe uNkulunkulu zavela; kwabakhona umkhathi phakathi kwamanzi, namanzi ahlukana ngenxa yokuthi uNkulunkulu ethe “Awuhlukanise amanzi kwamanye amanzi.” Ngale ndlela kulandela amazwi kaNkulunkulu izinto ezimbili ezintsha, izinto ezimbili ezisanda kuzalwa zavela phakathi kwezinto zonke ngenxa yegunya namandla kaNkulunkulu. Futhi nizizwa kanjani ngokuvela kwalezi zinto ezimbili ezintsha? Niyabuzwa ubukhulu bamandla oMdali? Niyawuzwa umfutho oyingqayizivele futhi ongavamile woMdali? Ubukhulu bomfutho namandla angaka kungenxa yegunya likaNkulunkulu kanti leli gunya limele uNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi liyisici esiyingqayizivele sikaNkulunkulu uqobo Lwakhe.

Lesi iqephu ingabe sininike okunye ukuqonda okujulile ngobungqayizivele bukaNkulunkulu? Kodwa lokhu akwanele neze; igunya namandla oMdali kukhulu kakhulu kunalokhu. Ubungqayizivele Bakhe akungenxa kuphela yokuthi unokuthile okungafani nokwesinye isidalwa, kodwa kungenxa yokuthi futhi igunya namandla Akhe angavamile, angenamkhawulo, ayababazeka kunawo wonke, futhi amile ngaphezu kwawo wonke, futhi okudlula lokho, ngenxa yokuthi igunya Lakhe nalokho Anakho nayikho kungadala ukuphila, futhi kwenze izimangaliso, kuphinde kudale umzuzu nomzuzwana ngamunye ngamunye omangalisayo futhi ongavamisile. Ngaleso sikhathi Uyakwazi ukulawula ukuphila akudalayo, futhi aphathe ubukhosi phezu kwezimangaliso kanye nomzuzu nomzuzwana ngamunye awudalayo.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp