Ngosuku Lokuqala, Usuku Nobusuku Besintu Buyazalwa Futhi Buma Buqine Ngenxa Yegunya LikaNkulunkulu

May 13, 2018

Ake sibheke lesi siqephu sokuqala: “Futhi uNkulunkulu wathi, Makube khona ukukhanya: kwase kuba khona ukukhanya. Futhi uNkulunkulu wakubona ukukhanya ukuthi kuhle: Wase uNkulunkulu ehlukanisa ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wabe esebiza ukukhanya ngokuthi iMini, kanti ubumnyama wakubiza ngokuthi uBusuku. Kwase kuba ukuhlwa nokusa usuku lokuqala” (UGenesise 1:3-5). Lesi siqephu sichaza isenzo sokuqala sikaNkulunkulu ekuqaleni kwendalo, nosuku lokuqala uNkulunkulu adlula kulo, okwakukhona kulo ukuhlwa nokusa. Kodwa kwakuwusuku olumangalisayo: uNkulunkulu waqala ukulungisela ukukhanya kwezinto zonke, futhi, phezu kwalokho, wahlukanisa ukukhanya ebumnyameni. Kulolu suku, uNkulunkulu waqala wakhuluma, futhi amazwi Akhe negunya kwakukhona kuncikene. Igunya Lakhe laqala lavela ezintweni zonke, kanti namandla Akhe asabalala phakathi kwezinto zonke ngenxa yamazwi Akhe. Kusukela ngalolo suku kuqhubeka, zonke izinto zadalwa futhi zama zaqina ngenxa yamazwi kaNkulunkulu, igunya likaNkulunkulu, kanye namandla kaNkulunkulu, futhi zaqala zasebenza ngenxa yamazwi kaNkulunkulu, igunya likaNkulunkulu, namandla kaNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu esho la mazwi “Makube khona ukukhanya,” kwaba khona ukukhanya. UNkulunkulu akenzanga lutho; ukukhanya kwakuvele ngenxa yamazwi Akhe. Yilokhu kukhanya uNkulunkulu akubiza ngosuku, futhi umuntu asathembele kukho nanamhlanje ukuze aphile. Ngenxa yomyalo kaNkulunkulu, ingqikithi nokubaluleka kwakho akukaze kuguquke, futhi akukaze kunyamalale. Ukuba khona kwakho kukhombisa igunya namandla kaNkulunkulu, futhi kwazisa ingqikithi yoMdali, futhi kuqinisekisa ngokuphindelela ubunjalo nesikhundla soMdali. Akuyona into engathinteki, noma ekhohlisayo, kodwa kungukukhanya okubonwa ngumuntu. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, kulo mhlaba ongenalutho lapho “umhlaba wawungenasimo, futhi ungenalutho; futhi kunobumnyama ebusweni botwa,” kwakhiqizwa into yokuqala ephathekayo. Le nto yavela emazwini omlomo kaNkulunkulu, futhi yavela esenzweni sokuqala sokudalwa kwezinto zonke ngenxa yegunya namazwi kaNkulunkulu. Ngokushesha emuva kwalokho uNkulunkulu wayala ukukhanya nobumnyama ukuthi kuhlukane… Yonke into yaguquka futhi yaphelela ngenxa yamazwi kaNkulunkulu… UNkulunkulu wakubiza lokhu kukhanya ngokuthi “Imini,” nobumnyama wabubiza ngokuthi “Ubusuku.” Kusukela ngaleso sikhathi, ubusuku bokuqala nemini yokuqala yakhiwa emhlabeni uNkulunkulu ayeqonde ukuwudala, futhi uNkulunkulu wathi lolu usuku lokuqala. Lolu suku kwabe kungusuku lokuqala lokudalwa kwezinto zonke nguMdali, futhi kwakungukuqala kokudalwa kwezinto zonke, futhi kwaba okungokokuqala lapho igunya namandla oMdali ayebonakalisiwe kulo mhlaba ayewudalile.

Ngosuku Lokuqala, Usuku Nobusuku Besintu Buyazalwa Futhi Buma Buqine Ngenxa Yegunya LikaNkulunkulu

Ngala mazwi, umuntu uyakwazi ukubona igunya likaNkulunkulu, kanye negunya lamazwi kaNkulunkulu kanye namandla kaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi nguNkulunkulu yedwa onamandla angaka, ngakho nguNkulunkulu yedwa onegunya elikhulu, futhi ngenxa yokuthi uNkulunkulu unegunya elingaka, ngakho nguNkulunkulu yedwa onamandla angaka. Kungaba khona umuntu noma into enegunya namandla angaka? Ikhona impendulo ezinhliziyweni zenu? Ngaphandle kukaNkulunkulu sikhona isidalwa esidaliwe noma esingadalwanga esinegunya elingaka? Nike nasibona isibonelo sento enje kunoma iziphi ezinye izincwadi noma okushicilelwe? Ukhona noma yimuphi umlando othi umuntu othile wadala amazulu nomhlaba kanye nezinto zonke? Akuveli kunoma iziphi ezinye izincwadi noma emlandweni; lawa, ngempela, iwona wodwa amazwi agunyaziwe futhi anamandla ngendalo emangalisayo kaNkulunkulu, abhalwe eBhayibhelini, futhi la mazwi akhuluma ngegunya eliyingqayizele likaNkulunkulu, nobunjalo obuyingqayizivele bukaNkulunkulu. Kungashiwo ukuthi igunya namandla angaka kuwuphawu lobunjalo obungqayizivele bukaNkulunkulu? Kungashiwo ukuthi ngakaNkulunkulu, futhi uNkulunkulu yedwa? Ngaphandle kokungabaza, uNkulunkulu kuphela onegunya namandla angaka! Leli gunya namandla angeke kube ngawanoma ikuphi okudaliwe noma okungadalwanga noma athathelwe indawo inoma ikuphi okudaliwe noma okungadalwanga! Ngabe ngesinye sezici zikaNkulunkulu oyingqayizivele uqobo Lwakhe? Ingabe senikubonile? La mazwi avumela abantu ukuthi ngokushesha nangokucacile baqonde iqiniso lokuthi uNkulunkulu unegunya eliyingqayizivele namandla ayingqayizivele futhi unobunjalo nesikhundla esiphakeme. Kule hlanganyelo engaphezulu, ningasho ukuthi uNkulunkulu enikholwa kuye unguNkulunkulu oyingqayizivele uqobo Lwakhe?

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp