Yini umehluko phakathi kwamagama akhulunywe yiNkosi uJesu Ngenkathi Yomusa kanye namagama akhulunywe uNkulunkulu uSomandla Ngenkathi Yombuso?

April 07, 2018

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Phendukani: ngoba umbuso wezulu ususondele” (UMathewu: 4:17).

“Wayesevula ukuqonda kwabo, ukuze baqonde imibhalo, wayesethi kubo, Kulotshwe kanje, futhi kanjalo kumele uKristu ahlupheke, futhi avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu: Nokuthi ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono kufanele kushunyayelwe egameni Lakhe ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema” (ULuka 24:45-47).

“Ngisenezinto eziningi engingazisho kini, kodwa ningekwazi ukuzithwala manje. Noma kunjalo, uma esefikile yena, uMoya weqiniso, uzoniholela kulo lonke iqiniso: ngoba akazukuzikhulumela, kodwa lokho azokuzwa, uzokusho: futhi uzonikhombisa okuzayo” (Johane 16:12-13).

“Futhi uma umuntu ezwa amazwi Ami, angakholwa, angimahluleli: ngoba angizile ukuzokwahlulela umhlaba, kodwa ukusondisa umhlaba. Lowo ongalayo, futhi angamukeli amazwi Ami, unalowo omehlulelayo: izwi engilikhulumile, yilo eliyomahlulela osukwini lokugcina” (UJohane 12:47-48).

Yini umehluko phakathi kwamagama akhulunywe yiNkosi uJesu Ngenkathi Yomusa kanye namagama akhulunywe uNkulunkulu uSomandla Ngenkathi Yombuso?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi kaJesu wawumayelana nokuhlengwa komuntu kanye nokubethelwa Kwakhe kuphela. Ngakho, sasingekho isidingo sokuba asho amazwi amaningi ukuze anqobe umuntu. Okuningi kwalokho akufundisa umuntu kwakuthathwe emiBhalweni futhi ngisho nomsebenzi Wakhe awuzange udlulele ngale kwemiBhalo, kunalokho Wakwazi ukufeza umsebenzi wokubethelwa. Umsebenzi Wakhe wawungekho mayelana nezwe, noma ukunqoba isintu, kodwa wawumayelana nokuhlenga isintu. Waba njengomnikelo wesono wesintu, futhi akazange abe njengomthombo wezwi esintwini. Akazange enze umsebenzi wabeZizwe, okwakuwumsebenzi wokunqoba isintu, kunalokho wenza umsebenzi wokubethelwa, umsebenzi owawenziwa yilabo ababekholwa ukuthi kunoNkulunkulu. Nakuba umsebenzi Wakhe wenziwa ngaphezu kwesisekelo semiBhalo, wasebenzisa lokho okwakubikezelwe ngabaprofethi abadala ukuze alahle abaFarisi, lokhu kwakwanele ekuqedeni umsebenzi wokubethelwa. Ukuba umsebenzi wanamuhla ubusenziwa ususelwa kulokho okwabikezelwa ngabaprofethi bakudala emiBhalweni, bekuyoba yinto engenakwenzeka ukuninqoba, ngoba iTestamente Elidala alisho lutho ngokungalaleli kwenu nezono zenu maShayina, awukho umlando wezono zenu. Ngakho-ke, ukuba lo msebenzi usekhona eBhayibhelini, beningeke nehlele ngezansi. Kuncane iBhayibheli elisitshela khona ngama-Israyeli, lowo ongakwazi ukuhlukanisa phakathi kowenza okubi noma okuhle noma ukunahlulela. Ake nicabange ukube bekufanele nginahlulele ngokomlando wama-Israyeli—beniyoqhubeka ningilandele njengoba nenza namuhla? Ingabe niyazi ukuthi nilukhuni kangakanani? Uma engekho amazwi akhulunywa phakathi nalesi sigaba, kusho ukuthi umsebenzi wokunqoba ubungeke uphele. Ngenxa yokuthi angizelanga ukuzobethelwa esiphambanweni, kumele ngikhulume amazwi angahlangene neBhayibheli ukuze ninqotshwe.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ake sibheke ingxenye ngayinye “yeNtshumayelo yaseNtabeni” Ingabe konke lokhu kumayelana nani? Kungashiwo ngesiqiniseko ukuthi konke lokhu kuphakeme, kuliqiniso, futhi kusondelene nezimpilo zabantu uma uqhathanisa nemibandela yeNkathi Yomthetho. Uma sikhuluma ngolimi lwamanje, kuyahambisana nendlela abantu abaphila ngayo.

Ake sifunde okuqukethwe yilokhu okulandelayo: Kumele ukuqonde kanjani ukubusiseka? Yini okumele uyazi ngomthetho? Kumele ichazwe kanjani intukuthelo? Kumele senzenjani mayelana nokuphinga? Kuthiwani, futhi imithetho enjani ehambisana nesahlukaniso, ubani ongahlukanisa? Kuthiwani ngezifungo, iso ngeso, thanda izitha zakho, isifundiso ngokunikela? Kanye nokunye. Zonke lezi zinto zihambisana nayo yonke ingxenye yemikhuba yenkolelo yesintu kuNkulunkulu, kanye nokulandela kwabo uNkulunkulu. Eminye yale mikhuba isenziwa nanamuhla, ayimihle futhi ayisona isidingo kubantu. Kungamaqiniso abantu abahlangabezana nawo ngenkolelo yabo kuNkulunkulu. Kusukela ngesikhathi iNkosi uJesu iqala ukusebenza, Yayisiqalile ukusebenza ngesimo sempilo yabantu, kodwa yayisuselwa esisekelweni semithetho. Ingabe izimiso kanye nokushiwo kulezi zihloko zazihambisana yini neqiniso? Impela kunjalo! Yonke le migomo, izimiso ezidlule, kanye nentshumayelo yeNkathi Yomusa, ingabe kwakuhambisana yini nesimo sikaNkulunkulu kanye nalokhu anakho nayikho, kanjalo neqiniso futhi. Noma ngabe iyiphi into uNkulunkulu ayishoyo, noma ngabe uyisho kanjani, noma ngabe usebenzisa yiphi inhlobo yolimi, isesekelo sayo, umsuka wayo, kanye nalapho iqala khona, konke kususelwa emigomeni yesimo sikaNkulunkulu kanye nalokho anakho nayikho. Lokhu akunalo iphutha. Noma ngabe lezi zinto zibonakala zingenayo injula, kodwa ngeke uthi azinalo iqiniso, ngokuba kwakuyizinto ezazisemqoka kubantu ngeNkathi Yomusa ukuze kufezwe intando kaNkulunkulu kanye nokuzuza uguquko esimweni sempilo yabo. Ungasho yini uthi ezinye izinto entshumayelweni azihambisani neqiniso? Ngeke! Konke ngakunye kuyiqiniso ngoba konke kwakuyilokhu uNkulunkulu ayekudinga esintwini; konke kwakuyimigomo kanye nesilinganiso esasinikezwe nguNkulunkulu sokuthi kumele umuntu aziphathe kanjani, futhi zimele isimo sikaNkulunkulu. Nokho, kwakuncike ezingeni lokukhula kwabo ngaleso sikhathi, babekwazi ukuzamukela nokuqonda kuphela lezi zinto. Ngokuba isono sesintu sasingakaxazululeki, iNkosi uJesu yayikwazi ukusho la mazwi kuphela, futhi wayengasebenzisa kuphela lezi zifundiso ezilula ngaphakathi kwesilinganiso sokutshela abantu bangaleso sikhathi ukuba kumele baziphathe kanjani, kumele benzeni, nokuthi kumele bakholwe kanjani kuNkulunkulu futhi bahlangabezane nezidingo Zakhe. Konke lokhu kwakunqunyiwe kususelwa esiqwini sesintu ngaleso sikhathi. Kwakungelula kubantu ababephila ngaphansi komthetho ukuba bamukele lezimfundiso, ngakho iNkosi uJesu kwakumele ifundise ngaphakathi kwaleso silinganiso.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amagama akhulunywa uNkulunkulu kule nkathi ahlukile kunalawo akhulunywa ngeNkathi Yomthetho, ngakho-ke, nawo, ahlukile emazwini akhulunywa ngeNkathi Yomusa. NgeNkathi Yomusa, uNkulunkulu akawenzanga umsebenzi wezwi, kodwa wachaza ukubethelwa ukuze ahlenge bonke abantu. IBhayibheli lichaza kuphela ukuthi kungani uJesu kwakumele abethelwe, kanye nokuhlupheka okwakumele adlule kukho esiphambanweni, nokuthi umuntu kumele abethelwe kanjani ngenxa kaNkulunkulu. Ngale nkathi, wonke umsebenzi owenziwa uNkulunkulu wawugxile ekubethelweni. NgeNkathi Yombuso, uNkulunkulu osesimweni somuntu ukhuluma amazwi ukuze anqobe bonke abantu abakholwa kuYe. Leli “yiZwi elivela enyameni;” uNkulunkulu uze ngezinsuku zokugcina ukuze ezokwenza umsebenzi Wakhe, okungukuthi, uze ukuzoqedela ukubaluleka kweZwi elivela enyameni. Ukhuluma amazwi kuphela, futhi kumbalwa lapho kunamaqiniso khona. Le yiyona ingqikithi yeZwi elivela enyameni, futhi uma uNkulunkulu osesimweni somuntu ekhuluma amazwi Akhe, lokhu ukuvela kweZwi enyameni, futhi kuwuLizwi eliza enyameni. “Ekuqaleni kwakukhona uLizwi, futhi uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayenguNkulunkulu, futhi uLizwi waba yinyama.” Lo (umsebenzi wokuvela kukaLizwi enyameni) umsebenzi uNkulunkulu azowuqeda ezinsukwini zokugcina, futhi yisahluko sokugcina sohlelo Lwakhe lonke lokuphatha, ngakho-ke uNkulunkulu kumele eze emhlabeni azoveza amazwi Akhe enyameni. Lokhu okwenziwe namuhla, lokhu okuzokwenziwa esikhathini esizayo, lokhu okuzofezwa nguNkulunkulu, isiphetho sokugcina somuntu, labo abazosindiswa, labo abazobhujiswa, njalo njalo—lo msebenzi okumele ufezeke ekugcineni ubekwe wacaca, futhi wonke umi ngohlelo ukuze uqede ukubaluleka kwangempela kweZwi elivela enyameni. Izinqumo zokuphatha nomthetho-sisekelo okwakukhishiwe kuqala, labo abazobhujiswa, labo abazongena ekuphumuleni—la mazwi onke kumele agcwaliswe. Lona ngumsebenzi omkhulu oqedelwe uNkulunkulu osesimweni somuntu ngesikhathi sezinsuku zokugcina. Wenza abantu baqonde ukuthi labo abahlelelwe uNkulunkulu kusengaphambili baya ngakuphi nokuthi labo abangamiselwanga kusengaphambili uNkulunkulu bona baya ngakuphi, ukuthi abantu Bakhe namadodana Akhe bazohlukaniswa kanjani, kuzokwenzekani ku-Israyeli, kuzokwenzekani eGibhithe—esikhathini esizayo, wonke la mazwi azofezwa. Izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu zinyusa isivinini. UNkulunkulu usebenzisa izwi njengendlela yokuveza kumuntu ukuthi yini okumele yenziwe inkathi ngayinye, yikuphi okumele kwenziwe nguNkulunkulu osesimweni somuntu wezinsuku zokugcina, kanye nenkonzo Yakhe okumele yenziwe, kanti wonke la mazwi enzelwe ukufeza ukubaluleka kwangempela kweZwi elivela enyameni.

Kucashunwe embhalweni othi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi engiwakhuluma namuhla awokwahlulela izono zomuntu, ukwahlulela ukungalungi komuntu, ukuqalekisa ukungalaleli komuntu. Ukugwegwa kanye nokukhohlisa komuntu, amazwi nezenzo zomuntu zokukhohlisa—konke okuphambene nentando kaNkulunkulu kufanele ukwahlulelwa, nokungalaleli komuntu kusolwe njengesono. Amazwi Akhe agxila ezimisweni zokwahlulela; usebenzisa ukwahlulela ukungalungi komuntu, isiqalekiso sokuhlubuka komuntu, kanye nokudalula izici ezimbi zomuntu ukuze abonakalise isimo Sakhe sokulunga.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Imiphumela Yesinyathelo Sesibili Somsebenzi Wokunqoba Etholakala Ngayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi owenziwa nguNkulunkulu kule nkathi owokuhlinzeka ikakhulukazi amazwi empilo yomuntu; ukuvezwa kwesimo nengqikithi eyonakele yemvelo yomuntu; nokususwa kwemicabango yezenkolo, ukucabanga kwasemandulo, ukucabanga osekuphelelwe isikhathi, kanye nolwazi namasiko omuntu. Konke lokhu kufanele kunekwe obala futhi kuhlanzwe ngamazwi kaNkulunkulu. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu usebenzisa amazwi, hhayi izimpawu nezimangaliso, ukuphelelisa umuntu. Usebenzisa amazwi akhe ukudalula umuntu, ukwehlulela umuntu, ukusola umuntu futhi nokuphelelisa umuntu, ukuze emazwini kaNkulunkulu, umuntu aze abone ukuhlakanipha nobuhle bukaNkulunkulu, futhi aze abone isimo sikaNkulunkulu, ukuze ngamazwi kaNkulunkulu, umuntu abone izenzo zikaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Umsebenzi kaNkulunkulu Namhlanje” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma kufika egameni elithi “ukwahlulela,” uzocabanga amazwi akhulunywa nguJehova kuzo zonke izindawo futhi amazwi okusola ashiwo nguJesu kubaFarisi. Yize la mazwi ebuhlungu, akasikho ukwahlulela abantu okwenziwa uNkulunkulu; lngamazwi kuphela akhulunywa nguNkulunkulu ezimweni ezahlukene, okusho ukuthi, ezindaweni nasezikhathini ezahlukene; futhi awafani namazwi akhulunywa nguKristu njengoba ahlulela abantu ezinsukwini zokugcina. Ezinsukwni zokugcina, uKristu usebenzisa amaqiniso anhlobonhlobo ukuze afundise abantu, adalule ubunjalo bomuntu, futhi acubungule amazwi kanye nezenzo zakhe. Lawa mazwi aqukethe amaqiniso anhlobonhlobo, njengomsebenzi womuntu, indlela umuntu okumele alalele uNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele athembeke kuNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele aphile ngayo ubuntu obujwayelekile, kanye nobuhlakani kanye nesimo sikaNkulunkulu, njalo njalo. Wonke la mazwi aqondiswe engqikithini yomuntu kanye nasesimweni sakhe esikhohlakele. Ikakhulukazi, lawo mazwi adalula ukuthi umuntu umala kanjani uNkulunkulu akhulunywa mayelana nokuthi ngakho okuphathelene nokuthi umuntu kungani umuntu eyisiqu sikaSathane futhi eyisitha sikaNkulunkulu. Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyembula, abhekane, futhi athene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela; kungokwahlulela kohlobo olunje lapho umuntu engathotshiswa khona futhi enziwe akholwe ngokuphelele ukuba athobele uNkulunkulu, bese, ngaphezu kwalokho ezuza ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu. Okulethwa umsebenzi wokwahlulela ukuqonda komuntu ubuso bukaNkulunkulu beqiniso kanye neqiniso ngokuhlubuka kwakhe uqobo. Umsebenzi wokwahlulela wenza umuntu athole ukuqonda okuningi ngentando kaNkulunkulu, ngenjongo kaNkulunkulu, nezimfihlakalo ezingaqondakali kuye. Kuphinde kwenze umuntu abone futhi azi ubunjalo bakhe obukhohlakele kanye nomsuka wenkohlakalo yakhe, futhi aphinde akwazi ukubona ububi bomuntu. Le miphumela idalwa umsebenzi wokwahlulela, ngoba ingqikithi yalo msebenzi empeleni ingumsebenzi wokudalula iqiniso, indlela, kanye nempilo kaNkulunkulu kubo bonke abakholwa Kuye. Lo msebenzi ngumsebenzi wokwahlulela owenziwa nguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

ENkathini Yombuso, uNkulunkulu usebenzisa izwi ukungenisa inkathi entsha, ukuguquka izindlela zomsebenzi Wakhe, nokwenza umsebenzi waso sonke isikhathi. Lesi yisimiso uNkulunkulu asebenza ngaso eNkathini Yezwi. be yinyama womuntu ukuze akhulume ngezindlela ezahlukene, ehlomisa umuntu ukuthi abone uNkulunkulu ngeqiniso, oyiZwi elivela enyameni, nangobuhlakani nezimangaliso Zakhe. Umsebenzi onjalo wenzelwe ukufinyelela kangcono emigomweni yokunqoba umuntu, yokumphelelisa, neyokumsusa. Lokhu kuwumqondo wangempela wokusebenzisa izwi ukuthi lisebenze ngeNkathi Yezwi. Ngezwi, umuntu ufinyelela ekwazini umsebenzi kaNkulunkulu, isimo siNkulunkulu, ingqikithi yomuntu nalokho umuntu afanele ukungena kukhona. Ngezwi, yonke imisebenzi uNkulunkulu afisa ukuyenza ngeNkathi Yezwi iyafezeka. Ngezwi, umuntu uyembulwa, uyasuswa abuye alingwe. Umuntu ulibonile izwi, walizwa, wabona nokuba khona kwezwi. Ngenxa yalokho, umuntu uyakholwa wubukhona bukaNkulunkulu; umuntu ukholwa ukuba namandla onke nobuhlakani bukaNkulunkulu, kanye nasenhliziyweni yothando lukaNkulunkulu kumuntu nesifiso Sakhe sokusindisa umuntu. Yize igama elithi “izwi” lisobala futhi livamile, izwi elivela emlonyeni kaNkulunkulu obe yinyama linyakazisa lonke izulu nomhlaba; izwi Lakhe liguqula inhliziyo yomuntu, imicabango nesimo sakhe esidala nokubukeka kwakudala komhlaba wonke. Kuyo yonke iminyaka, nguNkulunkulu wanamuhla kuphela osebenza ngale ndlela, futhi NguYe kuphela okhuluma futhi asindise umuntu ngale ndlela. Emva kwalokho, umuntu uhlala ngaphansi kokuqondiswa yizwi, eluswa futhi ehlinzekwa yizwi; bahlala emhlabeni wezwi, baphila phakathi kweziqalekiso nezibusiso zezwi likaNkulunkulu, ngaphezu kwalokho bahlala phansi kokwahlulela nokusola kwezwi. La mazwi nalo msebenzi kwenzelwe nje insindiso yomuntu, ukufezwa kwentando kaNkulunkulu, nokuguqula isimo semvelo somhlaba wendalo endala. UNkulunkulu wadala umhlaba ngezwi, uhola abantu emhlabeni wonke ngalo izwi, uyanqoba abuye abasindise ngezwi. Ekugcineni, uzosebenzisa izwi ukuqeda wonke umhlaba omdala. Kungaleso sikhathi-ke lapho uhlelo lokuphatha lizophelela khona.

Kucashunwe embhalweni othi “INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngaleso sikhathi, uJesu wenza umsebenzi omningi owawungaqondakali kubafundi Bakhe, futhi washo okuningi abantu abangakuqondanga. Lokhu kungenxa yokuthi, ngaleso sikhathi, wayenganiki ncazelo. Ngalokho, eminyakeni eminingi emva kokuhamba Kwakhe, uMathewu wakha uhlu lozalo Lwakhe, nabanye futhi benza umsebenzi omningi owentando yomuntu. UJesu akazelanga ukuzophelelisa nokuzuza umuntu kodwa ukuzokwenza isigaba esisodwa somsebenzi: wokuzoletha ivangeli lombuso wasezulwini nokuqedela umsebenzi wokubethelwa—futhi lapho uJesu esebethelwe, umsebenzi Wakhe wafika ekugcineni. Kodwa kulesi sigaba—umsebenzi wokunqoba—maningi amazwi okumele akhulunywe, mningi umsebenzi okumele wenziwe futhi kumele kube nezinqubo eziningi. Kulindeleke okufanayo ngezimfihlakalo zomsebenzi kaJesu noJehova okumele zembulwe, ukuze bonke abantu babe nokuqonda nokucacelwa ekukholweni kwabo, ngoba lona umsebenzi wezinsuku zokugcina futhi izinsuku zokugcina ziwukuphela komsebenzi kaNkulunkulu, isikhathi sokuphela kwalo msebenzi. Lesi sigaba somsebenzi sizokukhanyisela umthetho kaJehova kanye nokuhlenga kukaJesu, futhi sibalulekile ukuze uqonde wonke umsebenzi kaNkulunkulu wohlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, nokuthi wazise konke ukubaluleka kanye nengqikithi yale minyaka eyizinkulungwane eziyisithupha yohlelo lokuphatha ukuze futhi uqonde inhloso yawo wonke umsebenzi owenziwa nguJesu kanye namazwi awakhuluma, kanye ngisho nokukholwa kwakho nokuthanda kwakho iBhayibheli. Konke lokhu kuzokwenza ukuba uqonde ngokugcwele. Uzowuqonda umsebenzi owenziwe uJesu kanye nomsebenzi kaNkulunkulu namuhla; uzoliqonda futhi ulazi lonke iqiniso, ukuphila nendlela. Esigabeni somsebenzi owenziwa uJesu, kungani uJesu ahamba ngaphandle kokwenza umsebenzi wokuphetha? Kungenxa yokuthi isigaba somsebenzi kaJesu sasingewona umsebenzi wesiphetho. Lapho ebethelwa esiphambanweni, amazwi Akhe nawo afika ekugcineni; ngemva kokubethelwa Kwakhe, umsebenzi Wakhe wawusuqedwe ngokuphelele. Isigaba esikuso manje sihlukile: Kuyoba kuphela ngemva kokuba amazwi esekhulunywe kwaze kwaba sekugcineni nomsebenzi wonke kaNkulunkulu usuphothuliwe, lapho umsebenzi Wakhe uyoqedwa khona. Phakathi nesigaba sikaJesu somsebenzi, maningi amazwi agcina engashiwongo noma angaphiniyiswanga ngokugcwele. Kodwa uJesu akakhathazekanga ngalokho akusho noma angakushongo, ngoba inkonzo Yakhe kwakungeyona inkonzo yamazwi ngakho ngemva kokubethelwa esiphambanweni wahamba. Leso sigaba somsebenzi ikakhulu sasingenxa yokubethelwa, futhi asifani nhlobo nesigaba sanamuhla. Lesi sigaba somsebenzi ikakhulu simayelana nokuqedwa, ukucaciswa kanye nokufinyelelisa wonke umsebenzi esiphethweni. Uma amazwi engakhulunywanga kwaze kwaba sekupheleni kwawo, ngeke ibe khona indlela yokuphetha lo msebenzi ngoba kulesi sigaba somsebenzi wonke umsebenzi ufikiswa ekugcineni futhi ufezwa ngokusebenzisa amazwi. Ngaleso sikhathi, uJesu wenza umsebenzi omningi ongaqondakali kumuntu. Wahamba ngokuthula futhi namuhla baningi abangawaqondi amazwi Akhe, labo abanokuqonda okuyiphutha kodwa ababesakholwa ukuthi baneqiniso, abangazi ukuthi baphambukile. Ekugcineni, lesi sigaba sanamuhla sizofikisa umsebenzi kaNkulunkulu ekugcineni okuphelele, futhi silethe isiphetho sawo. Bonke bayoluqonda futhi balwazi kahle uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha. Imibono ekumuntu, izinhloso zakhe, ukuqonda kwakhe okuyiphutha, imicabango yakhe ngomsebenzi kaJehova noJesu, imibono yakhe ngokuqondene nabeZizwe, nakho konke okunye ukuphambuka namaphutha akhe kuyolungiswa. Umuntu uyoziqonda zonke izindlela ezifanele zokuphila nawo wonke umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu nalo lonke iqiniso. Lapho lokhu kwenzeka, lesi sigaba somsebenzi sizophela.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp