Kungani uNkulunkulu ebusisa ibandla elamukela nelithobela umsebenzi Wakhe? Kungani eqalekisa izinhlangano zezenkolo?

April 08, 2018

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Indlela yokuchaza umsebenzi kaMoya oNgcwele ngokucacile ekwamukeleni okwenzeka lapha namanje, beyingabambelele esikhathini sakudala. Labo abangahambisananga nomsebenzi wanamuhla, futhi abangahlukaniswanga nezenzo zanamuhla, bayilabo abaphikisana futhi abangawamukeli umsebenzi kaMoya oNgcwele. Abantu abanjalo baphikisana nomsebenzi kaNkulunkulu wamanje. Yize bebambelela ekukhanyeni kwakudala, lokhu akusho ukuthi bangaphikisana nokuthi abawazi umsebenzi kaMoya oNgcwele. … Labo abangaphandle kwendlela kaMoya oNgcwele bahlala becabanga ukuthi benza okuyikhona, kube empeleni, umsebenzi kaNkulunkulu okubo waphela kudala, futhi umsebenzi kaMoya oNgcwele awukho kubo. Umsebenzi kaNkulunkulu wadluliseleka kwelinye iqembu labantu kudala, iqembu ayehlose ukuqedela umsebenzi wakhe omusha kulo. Ngoba labo abakwezenkolo bayehluleka ukwamukela umsebenzi kaNkulunkulu omusha, futhi babambelela emsebenzini wakudala, ngakho uNkulunkulu ubalahlile labo bantu, futhi wenza umsebenzi Wakhe omusha kubantu abamukela lo msebenzi omusha. Laba ngabantu abasebenzisana nomsebenzi Wakhe omusha, futhi umsebenzi wokuphatha ungafezeka ngale ndlela kuphela.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okubaluleke kakhulu ekulandeleni uNkulunkulu ukuthi konke kumele kuye ngokwamazwi kaNkulunkulu namuhla: Noma ngabe uphokophelela ukungena ekuphileni noma ukugcwalisa intando kaNkulunkulu, yonke into kumele igxile emazwini kaNkulunkulu namuhla. Uma lokhu okukhulumayo nalokhu okuphokophelelayo kungagxilile emazwini kaNkulunkulu namuhla, lokhu kusho ukuthi awuwazi amazwi kaNkulunkulu, futhi awuwazi umsebenzi kaMoya Ongcwele. UNkulunkulu ufuna abantu abalandela ezinyathelweni zaKhe. Noma ngabe kuhle futhi kumsulwa kangakanani obukuqonda ngaphambi kwalokhu, uNkulunkulu akakufuni, futhi uma ungakwazi ukuhlukana nezinto ezinjalo, zizoba isithiyo ekungeneni ekusaseni lakho. Babusisiwe bonke laba abakwazi ukulandela ukukhanya kwamanje kukaMoya Ongcwele. Abantu bezinkathi ezedlule nabo balandela ezinyathelweni zikaNkulunkulu, kodwa azange bakwazi ukulandela kuze kube namuhla; lesi isibusiso sabantu bezinsuku zokugcina. Labo abalandela umsebenzi wamanje kaMoya Ongcwele, nabakwazi ukulandela izinyathelo zikaNkulunkulu, ngendlela yokuthi balandela uNkulunkulu noma kuphi lapho ebaholela khona—laba abantu ababusisiwe nguNkulunkulu. Labo abangawulandeli umsebenzi wamanje kaMoya Ongcwele abakangeni emsebenzini wamazwi kaNkulunkulu, futhi noma bengasebenza kangakanani, noma bengahlupheka kangakanani, noma bengaba matasa kangakanani, konke lokho akusho lutho kuNkulunkulu, futhi ngeke abancome. Namuhla, bonke laba abalandela amazwi kaNkulunkulu amanje basendleleni kaMoya Ongcwele; labo abangawazi amazwi kaNkulunkulu namuhla bangaphandle kwendlela kaMoya Ongcwele, kanti futhi abantu abanjalo uNkulunkulu akajabuli ngabo. Umsebenzi ohlukene namazwi kaMoya Ongcwele amanje ngumsebenzi wenyama, wemiqondo, futhi awukwazi ukuhambisana nentando kaNkulunkulu. Uma abantu bephila phakathi komqondo wenkolo, kusho ukuthi abakwazi ukwenza nanoma yini ehambisana nentando kaNkulunkulu, yize besebenzela uNkulunkulu, bamsebenzela ingakashintshi indlela abacabanga ngayo, futhi abakwazi ukusebenza ngokuhambisana nentando kaNkulunkulu. Labo abangakwazi ukulandela umsebenzi kaMoya Ongcwele abayiqondi intando kaNkulunkulu, kanti labo abangayiqondi intando kaNkulunkulu ngeke bamsebenzele uNkulunkulu. UNkulunkulu ufuna umsebenzi ofuna inhliziyo yaKhe; akafuni umsebenzi womqondo nenyama. Uma abantu bengakwazi ukulandela izinyathelo zomsebenzi kaMoya Ongcwele, kusho ukuthi baphila ngemiqondo. Ukusebenza kwabantu abafana nalaba kuyaphazamisa, futhi ukusebenza okunjalo kuphambene noNkulunkulu. Ngalokho labo abangakwazi ukulandela izinyathelo zikaNkulunkulu nakanjani baphikisana noNkulunkulu, futhi akunakwenzeka bavumelane noNkulunkulu. “Ukulandela umsebenzi kaMoya Ongcwele” kusho ukuqonda intando kaNkulunkulu namuhla, ukwazi ukwenza ngokwezidingo zamanje zikaNkulunkulu, ukwazi ukuthobela nokulandela uNkulunkulu namuhla, nokungena ngokuhambisana namazwi amuva kaNkulunkulu. Lona ngumuntu olandela umsebenzi kaMoya Ongcwele futhi osendleleni kaMoya Ongcwele. Abantu abafana nalaba akukona ukuthi bafanelwe ukuthola ukubongwa nguNkulunkulu nokubona uNkulunkulu, kodwa abazokwazi isimo sikaNkulunkulu emsebenzini wakamuva kaNkulunkulu, futhi bazokwazi imiqondo yabantu nokungathobeki, nendalo yomuntu kanye nesiqu, emsebenzini waKhe wakamuva; futhi, bayakwazi ukuthi bashintshe kancane kancane esimweni sabo ngenkathi besebenza. Ngabantu abafana nalaba kuphela abakwaziyo ukuzuza uNkulunkulu, nasebethole indlela yeqiniso. Labo abasuswa ngomsebenzi kaMoya Ongcwele abantu abangakwazi ukulandela umsebenzi wakamuva kaNkulunkulu, abahlamuka umsebenzi wakamuva kaNkulunkulu. Ukuthi abantu abafana nalaba baphikisa uNkulunkulu ngokusobala kungenxa yokuthi umfanekiso kaNkulunkulu awufani nalona abazenzele wona emiqondweni yabo—ngenxa yokuthi baphikisa uNkulunkulu ngokusobala bahlulele uNkulunkulu, okuholela ekutheni uNkulunkulu abazonde futhi abachithe. Ukuba nolwazi lomsebenzi wakamuva kaNkulunkulu akuyona into elula, kodwa uma abantu benomqondo wokuthobela umsebenzi kaNkulunkulu, bafune umsebenzi kaNkulunkulu, bazokwazi ukuba nethuba lokubona uNkulunkulu, futhi bazokwazi ukuba nethuba lokuzuza ukuqondiswa okusha nguMoya Ongcwele. Labo abaphikisa umsebenzi kaNkulunkulu ngenhloso abakwazi ukuthola ulwazi ngoMoya Ongcwele noma ukuqondiswa nguNkulunkulu. Ngalokhu, noma abantu bayawuthola umsebenzi wakamuva kaNkulunkulu noma cha kuncike emseni kaNkulunkulu, kuncike ekulandeleni kwabo, futhi kuncike ezinhlosweni zabo.

Babusisiwe bonke labo abakwazi ukuthobela amazwi amanje kaMoya Ongcwele. Akukhathaleki ukuthi babenjani, noma uMoya Ongcwele wayesebenza kanjani ngaphakathi kubo—labo asebezuze umsebenzi wakamuva yibo ababusiseke kakhulu, kanti labo abangakwazi ukulandela umsebenzi wakamuva namuhla bayasuswa.

Kucashunwe embhalweni othi “Yazi Umsebenzi Wakamuva KaNkulunkulu Bese Ulandela Ezinyathelweni Zakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Njengoba umuntu ekholwa kuNkulunkulu, kumele alandele eduze ezinyathelweni zikaNkulunkulu, isinyathelo nesinyathelo; kumele “alandele iMvana noma ngabe iya kuphi.” Yilaba bantu kuphela abafuna indlela yeqiniso, yibo abazi umsebenzi kaMoya oNgcwele. Abantu abalandela njengezigqila amagama nezimfundiso yilabo abakhishiwe ngumsebenzi kaMoya oNgcwele. Esikhathini ngasinye, uNkulunkulu uzoqala umsebenzi omusha, futhi esikhathini ngasinye, kuzoba nesiqalo esisha kubantu. Uma umuntu elandela iqiniso lokuthi “uJehova nguNkulunkulu” futhi “uJesu nguKristu,” okungamaqiniso asebenza kuphela enkathini eyodwa, umuntu-ke akasoze ahambisana nomsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi uyohlala engakwazi ukuzuza umsebenzi kaMoya oNgcwele. Noma ngabe uNkulunkulu usebenza kanjani, umuntu ulandela ngaphandle kokungabaza, futhi ulandela eduze. Ngale ndlela, umuntu ubengasuswa kanjani uMoya ONgcwele? Noma ngabe wenzani uNkulunkulu, inqobo uma umuntu enesiqiniseko sokuthi umsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi ehambisana nomsebenzi kaMoya oNgcwele ngaphandle kokunqikaza, futhi ezama ukuhlangabezana nezidingo zikaNkulunkulu, pho angajeziswa kanjani? … Umuntu ukholwa ukuthi ama-Israyeli ayenephutha “ngokukholwa kuJehova bese engakholwa kuJesu,” kodwa abantu abaningi babamba iqhaza kulokhu “ukukholwa kuJehova bachithe uJesu” futhi “balangazela ukubuya kukaMesiya, kodwa baphikisa uMesiya obizwa ngokuthi uJesu.” Akumangazi-ke ukuthi abantu basaphila ngaphansi kukaSathane emuva kokwamukela isigaba esisodwa somsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi abakazitholi izibusiso zikaNkulunkulu. Lokhu akudalwa ukuhlubuka komuntu? AmaKristu emhlabeni jikelele angahambisananga nomsebenzi omusha wanamuhla abambelele enkolweni yokuthi asenhlanhleni, ukuthi uNkulunkulu uzofeza izifiso zabo ngazinye. Nokho abakwazi ukusho baqiniseke ukuthi kungani uNkulunkulu ezobayisa ezulwini lesithathu, futhi abanasiqiniseko ngokuthi uJesu uzobalanda egibele ifu elimhlophe, futhi bengesho nakancane ngokuqiniseka ukuthi uJesu uzofika ngempela na egibele phezu kwefu elimhlophe ngalolo suku abalucabangayo. Bonke balangazele, futhi badidekile; nabo uqobo abazi nokuthi ngabe uNkulunkulu uzothatha omunye nomunye wabo, ingcosane yabantu abehlukene, bakuwo wonke amahlelo. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu manje, inkathi yamanje, intando kaNkulunkulu - abaqondi kutho kulokhu, futhi akukho okunye abangakwenza ngaphandle kokubala izinsuku ngeminwe yabo. Yilabo kuphela abalandela ezinyathelweni zeMvana kuze kube sekugcineni abayokwazi ukuthola izibusiso zokugcina, kanti labo bantu “abahlakaniphile,” abangakwazi ukulandela kuze kube sekugcineni kepha bekholwa ukuthi bakuzuze konke, ngeke bakwazi ukubona ukuvela kukaNkulunkulu. Bonke bakholwa ukuthi bangabantu abakhaliphe kakhulu emhlabeni, futhi bayakunqamula ukuqhubeka kokuthuthukisa umsebenzi kaNkulunkulu ngaphandle kwesizathu, futhi kubukeka sengathi bakholwa ngokugcwele ukuthi uNkulunkulu uzobayisa ezulwini, lapho “abathembeke kuNkulunkulu kakhulu, abalandela uNkulunkulu, abalandela amazwi kaNkulunkulu.” Noma “bethembeke ngokweqile” amazwini akhulunywe uNkulunkulu, amazwi abo nezenzo kusabonakala kunyanyisa kakhulu ngoba kuphikisana nomsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi benza inkohliso nobubi. Labo abangalandeli kuze kube sekugcineni, abasilelayo emsebenzini kaMoya oNgcwele, futhi ababambelela emsebenzini omdala abahlulekanga nje ukugcwalisa ukwethembeka kuNkulunkulu kuphela, kodwa, baphenduke labo abaphikisana noNkulunkulu, baba yilabo abachitha isikhathi esisha, futhi abazojeziswa. Ngabe bakhona abadabukisa ngaphezu kwabo? Abaningi baze bakholwe ukuthi labo abachitha umthetho omdala futhi bamukele umsebenzi omusha abananembeza. Laba bantu, abakhuluma ngonembeza kuphela, futhi bengawazi umsebenzi kaMoya oNgcwele, bazogcina sebenqanyulelwe amathuba okuthuthuka ngobabo onembeza. Umsebenzi kaNkulunkulu awulandeli imfundiso, futhi yize kungumsebenzi Wakhe uqobo, uNkulunkulu akabambeleli kuwo. Lokho okumele kuphikwe kuyaphikwa, lokho okumele kunqunywe kuyanqunywa. Kepha umuntu uzenza isitha sikaNkulunkulu ngokubambelela engxenyeni encane yomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha. Akukhona ukuxaka komuntu lokhu? Akukhona ukungazi komuntu lokhu? Uma abantu belokhu benovalo futhi beqaphele kakhulu ngenxa yokwesaba ukungazitholi izibusiso zikaNkulunkulu, yilapho behluleka khona ukuthola izibusiso ezinkulu, kanye nokuthola isibusiso sokugcina. Labo bantu abalandela umthetho njengezigqila bonke bakhombisa ukwethembeka okukhulu emthethweni, futhi abaveza lokho kwethembeka emthethweni, yibo abangabahlubuki abaphikisana noNkulunkulu. Ngoba manje sekuyiNkathi Yombuso hhayi iNkathi yoMthetho, futhi umsebenzi wanamuhla nomsebenzi wesikhathi esedlule ngeke kufaniswe, futhi umsebenzi wesikhathi esedlule ungeqhathaniswe nomsebenzi wanamuhla. Umsebenzi kaNkulunkulu sewuguqukile, futhi ukwenza komuntu nakho sekuguqukile; akusewona owokubambelela emthethweni noma ukuthwala isiphambano. Ngakho, ukwethembeka kwabantu emthethweni nasesiphambanweni akuzukuthola ukuvunywa uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amadimoni nemimoya emibi bekulokhu kudlebelekile emhlabeni futhi kuvimbe intando kanye nomzamo kaNkulunkulu onokucophelela, kukwenza kungangeneki. Yisono esibulalayo leso! Angahlala kanjani angakhathazeki uNkulunkulu? Angahlala kanjani angathukutheli uNkulunkulu? Awuphazamisa kakhulu futhi amelene kakhulu nomsebenzi kaNkulunkulu. Ahlubuka ngokwedlulele! Ngisho nalawo madimoni amakhulu namancane aziqhenya kakhulu ngenxa yodeveli abanamandla bese eqala ukuzigqamisa. Aliphikisa ngamabomu iqiniso, naphezu kokulibona ngokucacile. Amadodana okuhlubuka! Kusengathi, manje njengoba inkosi yawo yesihogo yehlele esihlalweni sobukhosi, aba nokuzithwala bese edelela bonke abanye. Mangaki afuna iqiniso nalandela ukulunga? Onke ayizilwane njengezingulube nezinja, ahola iqembu lamabhungane anukayo ebulongweni ukuze anikine amakhanda awo bese esusa uthuthuva.[1] Akholwa ukuthi inkosi yawo yesihogo inkulu kunawo wonke amakhosi, engaboni ukuthi awazidluli ngalutho izimpukane ezibhuza ekudleni okubolile. Akukhona nje lokho kuphela, akunyundela ngonya ukuba khona kukaNkulunkulu ngokuthembela kubazali bawo abayizingulube nezinja. Njengezimpukane ezincane, acabanga ukuthi abazali bawo bakhulu njengemikhoma enamazinyo.[2] Acishe angazi ukuthi, lapho kwawona emancane, abazali bawo bayizingulube nezinja ezingcolile ezinkulu ngokuphindwe ngezigidi ezingamakhulu kunawo. Engakuboni ukuba phansi kwawo, ayadlebeleka ngephunga elibolile lalezo zingulube nezinja futhi anombono onokuzikhohlisa wokuzala izizukulwane ezizayo. Lokho ukungabi namahloni kakhulu! Ngezimpiko eziluhlaza emhlane (lapha kubhekise kokushiwo yiwo ukuthi akholwa kuNkulunkulu), aqala ukuziqhenya futhi ahambe eqhosha ngobuhle bawo, efaka ngesinyelela ukungcola kwawo kumuntu. Futhi aba nokuzithwala, kube sengathi amaphiko amabili anemibala yothingo lwenkosazane angakufihla ukungcola kwawo, futhi ngalezi zindlela, acindezela ulwazi mayelana nokuba khona kukaNkulunkulu weqiniso (lapha kubhekiswe kulokho okwenzeka ekusithekeni emhlabeni wenkolo). Kuncane umuntu akwaziyo ngokuthi, nakuba amaphiko empukane emahle futhi eheha, empeleni ayehluke ngalutho empukaneni encane egcwele ukungcola futhi embozwe amagciwane. Emandleni abazali babo abayizingulube nezinja, adlebeleka kulo lonke izwe (lokhu kubhekise ezikhulwini zenkolo ezishushisa uNkulunkulu ngenxa yokwesekwa kakhulu yizwe elikhaphela uNkulunkulu weqiniso neqiniso) ngolaka olukhulu. Kuba sengathi izipoki zabaFarisi abangamaJuda zibuyele kanye noNkulunkulu ezweni likadrako omkhulu obomvu, esidlekeni sazo esidala. Aphinde aqala esinye isiwombe sokushushisa, ephinde eqhuba umsebenzi wawo wezinkulungwane eziningi zeminyaka eyedlule. Leli qembu lezonakali nakanjani lizogcina libhubhile emhlabeni! Kubonakala sengathi, ngemva kwezinkulungwane eziningi zeminyaka, imimoya engcolile ikhohlisa futhi inobuqili kakhudlwana. Ihlale icabanga ngezindlela zokudicilela phansi ngokuyimfihlo umsebenzi kaNkulunkulu. Inobuqili nokuphamba futhi ifisa ukuphinda inhlekelele yeminyaka eyizinkulungwane eziningi ezweni layo. Lokhu kucishe kwenze ukuba uNkulunkulu amemeze kakhulu, futhi ukuthola kunzima ukuthi azithibe ekubuyeleni ezulwini lesithathu ukuze ababhubhise.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Nokungena (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

1. “Ukususa uthuthuva” kubhekise endleleni abantu abanamademoni abasusa ngayo isiphithiphithi, bavimbele futhi bamelane nomsebenzi kaNkulunkulu.

2. “Imikhoma enamazinyo” isetshenziselwa ukuhlekisa. Kuyisingathekiso wendlela izimpukane ezincane ngayo ngangokuba izingulube nezinja zibonakala zizinkulu njengemikhoma kuzo.

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp