Kungani kungokubhekana kanye nokuthobela umsebenzi kaNkulunkulu esimweni somuntu ukuba umuntu azi uNkulunkulu?

April 06, 2018

Kungani kungokubhekana kanye nokuthobela umsebenzi kaNkulunkulu esimweni somuntu ukuba umuntu azi uNkulunkulu?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Futhi uLizwi waba yinyama, futhi wahlala phakathi kwethu, (futhi sabona inkazimulo Yakhe, inkazimulo enjengeyozelwe yedwa kuYise,) egcwele umusa neqiniso” (Johane 1:14).

“Mina ngiyindlela, iqiniso nokuphila: akekho oza kuBaba, ngaphandle kwami. Uma beningazi mina, beniyakumazi uBaba futhi: futhi kusukela manje seniyamazi, futhi nimbonile” (Johane 14:6-7).

“NgikuBaba, uBaba ukimi” (Johane 14:10).

“Mina noBaba wami simunye” (Johane 10:30).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ngesikhathi uNkulunkulu engakathathi isimo senyama, abantu babengaqondi okuningi kwalokho ayekusho ngoba kwaphuma ebunkulunkulwini obuphelele. Indlela yokubuka kanye nengqikithi yalokho Akusho, kwakungabonakali futhi kungafinyeleleki esintwini; kwakhulunywa kususelwa emhlabeni wakwamoya abantu ababengawuboni. Ngokuba abantu ababephila enyameni, babengakwazi ukudlulela emhlabeni wakwamoya. Kodwa emva kokuba uNkulunkulu ethathe isimo senyama, wakhuluma nesintu ngendlela yobuntu futhi waphuma futhi wedlula ububanzi bomhlaba womoya. Wayengakhuluma ngesimo Sakhe sobunkulunkulu, intando Yakhe, kanye nesimo sengqondo Yakhe ngezinto abantu ababengazicabanga kanye nezinto abazibonayo futhi abahlangabezana nazo ezimpilweni zabo. Futhi wayesebenzisa izindlela abantu ababekwazi ukuzamukela, ngolimi abaluqondayo, nolwazi ababekwazi ukulubamba, ukuvumela isintu ukuba siqonde futhi simazi uNkulunkulu, ukuqonda inhloso Yakhe kanye nezinga alidingayo ngaphakathi kobubanzi bomthamo wabo, kuze kufike ezingeni lapho bekwazi khona. Lena kwakuyindlela kanye nesimiso somsebenzi kaNkulunkulu ebuntwini. Noma-ke izindlela zikaNkulunkulu kanye nezimiso Zakhe zokusebenza enyameni zaphumelela ngokusebenza ngobuntu, zathola imiphumela ayayingeke itholakale ngokusebenza ngobunkulunkulu ngqo. Ukusebenza kukaNkulunkulu ebuntwini kwakubambeka, kuneqiniso, futhi kunenhloso, izindlela zazikhululekile, futhi zedlula iNkathi Yomthetho ngokwesimo.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu ungena esigabeni esisha somsebenzi ezinsukwini zokugcina. Uzoveza okukhudlwana kwesimo Sakhe, futhi ngeke kube uzwelo nothando lwesikhathi sikaJesu. Ngenxa yokuthi unomsebenzi omusha, lo msebenzi omusha uyophelezelwa yisimo esisha. Ngakho, ukuba umsebenzi wawenziwa nguMoya—ukuba uNkulunkulu akabanga yinyama, futhi kunalokho uMoya wakhuluma ngqo ngokuduma kwezulu ukuze umuntu angabi nandlela yokuba nokuthintana Naye, ingabe wayengakwazi umuntu ukwazi isimo Sakhe? Ukuba kwakuwuMoya wodwa owawenza umsebenzi, umuntu wayengeke abe nendlela yokufika ekwazini isimo sikaNkulunkulu. Abantu bakwazi kuphela ukubona isimo sikaNkulunkulu ngamehlo abo lapho eba yinyama, lapho izwi livela lisenyameni, nalapho eveza sonke isimo Sakhe ngenyama. UNkulunkulu uhlala ngokoqobo nangempela phakathi kwabantu. Uyathinteka; umuntu empeleni angaxhumana nesimo Sakhe, axhumane nalokho ayikho nanakho; kungale ndlela kuphela lapho umuntu engakwazi ngempela ukufinyelela ekumazini.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngaphakathi komkhawulo womsebenzi owaphethwa iNkosi uJesu ngeNkathi Yomusa, ungabona enye ingxenye yalokhu uNkulunkulu anakho nayikho. Kwabonakaliswa ngenyama Yakhe, futhi kwenziwa ukuba kwenzeke ukuze abantu babone futhi batuse ngobuntu bakhe. ENdodaneni yomuntu, abantu babone indlela uNkulunkulu osenyameni aphile ngayo ubuntu Bakhe, base bebona ubunkulunkulu bukaNkulunkulu bubonakalisiwe enyameni. Lezi zibonakaliso ezimbili zavumela abantu ukuba babone uNkulunkulu wangempela weqiniso, futhi zabavumela ukuba bazibumbele umfanekiso ohlukile kaNkulunkulu. Nokho, ngenkathi yesikhathi esiphakathi kokudalwa komhlaba kanye nokuphela kweNkathi Yomthetho, okusho ukuthi, ngaphambi kweNkathi Yomusa, lokho okwabonwa, abakuzwa, futhi nabadlule kukho abantu kwakuyingxenye yobunkulunkulu bukaNkulunkulu kuphela. Kwakuyilokho uNkulunkulu akwenzile nakushilo embusweni ongaphatheki ngezandla, nezinto azivezayo ebuntwini Bakhe wangempela ezingeke zabonakala noma zathintwa. Ngokuvamile, lezi zinto zenza ukuba abantu bezwe ukuthi uNkulunkulu wayemkhulu, futhi babengeke bakwazi ukusondela Kuye. Isithombe uNkulunkulu avamise ukusinika kubantu ukuthi wayekhazimula njalo njalo, abantu baze bacabanga ukuthi yonke imicabango kanye nemibono Yakhe ngayinye yayiyimfihlakalo futhi iyindida ngale ndlela yokuthi yayingekho indlela yokufinyelela kuyo, ayisaphathwa eyokuzama ukuyiqonda kanye nokuyitusa. Kubantu, yonke into ngoNkulunkulu yayiqhelile—iqhele ngale ndlela yokuthi abantu abakwazanga ukuyibona, abakwazanga ukuyithinta. Kwakusengathi uphezulu esibhakabhakeni, futhi kwakungathi akekho nhlobo. Ngakho kubantu, ukuqonda inhliziyo nomqondo kaNkulunkulu noma yini ayicabangayo yayingenakwenzeka, futhi ingafinyeleleki. … Ngesikhathi iNkosi uJesu isebenza, abantu babona ukuthi uNkulunkulu uziveza ngezimo zabantu abahlukene. Isibonelo, Yena wayekwazi ukudansa, eya emishadweni, ehlanganyela nabantu, ekhuluma nabo, exoxisana ngezinto nabo. Nangaphezu kwalokho, iNkosi uJesu yafeza umsebenzi omningi owawumele ubunkulunkulu Bakhe, futhi kunjalo, wonke lo msebenzi wawuyisiboniso futhi wambula isimo sikaNkulunkulu. Ngalesi sikhathi, lapho ubunkulunkulu bukaNkulunkulu babonakala enyameni eyejwayelekile, abantu abebengayibona futhi bayithinte, ababuyanga besezwa ukuthi uyakhazimula ngaphakathi nangaphandle, babengakwazi ukusondela Kuye. Kunalokho, babezama ukuqonda intando kaNkulunkulu noma umsebenzi weNdodana yomuntu. Indodana yomuntu esesimweni somuntu yaveza ubunkulunkulu bukaNkulunkulu ngokobuntu Bakhe futhi yadlulisa intando kaNkulunkulu esintwini. Futhi ngokubonakaliswa kwentando kanye nesimo sikaNkulunkulu, Yena waphinda waveza kubantu uNkulunkulu ongabonakali noma ongathinteki emhlabeni wakwamoya. Lokhu okwabonwa ngabantu kwakunguNkulunkulu uqolo Lwakhe, ethinteka futhi enenyama namathambo. Ngakho iNdodana yomuntu esesimweni somuntu yenza izinto ezifana nobuyena Bakhe, ukuma Kwakhe, isithombe Sakhe, isimo Sakhe kanye nalokho Yena anakho nayikho, yaqina futhi yenziwa isimo somuntu. Noma ngabe ukubonakala kwengaphandle kweNdodana yomuntu kwaba nemikhawulo mayelana nomfanekiso kaNkulunkulu, ingqikithi Yakhe kanye nalokhu anakho nayikho kwakwazi ngokupheleleyo ukumela ubunjalo nokuma—kwakunokwahlukana ngokwesimo sokubonakaliswa. Noma ngabe ubuntu beNdodana yomuntu noma ubunkulunkulu Bayo, ngeke siphike ukuthi Yona yamela ubunjalo nokuma kukaNkulunkulu. Ngalesi sikhathi, nokho, uNkulunkulu wasebenza ngenyama, wakhuluma njengokwenyama, futhi wama phambi kwesintu ngobunjalo nangokuma kweNdodana yomuntu, futhi lokhu kwanika abantu ithuba lokuhlangana nokuzizwela amazwi eqiniso kaNkulunkulu phakathi kwesintu. Yaphinda yavumela abantu ukuba babe nokuqonda ubunkulunkulu Bakhe kanye nobukhulu Bakhe phakathi kokuzithoba, kanye nokuzuza ukuqonda kwangaphambili kanye nencazelo yangaphambili yeqiniso kanye noqobo lukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngalesi sikhathi alandela ngaso uJesu, uPetru wayenemibono eminingi Ngaye futhi wayehlale emehlulela ngokwendlela yena ayebona ngayo izinto. Nakuba wayekuqonda ukufinyelela ezingeni elithile mayelana nokusebenza kukaMoya, ukuqonda kwakhe kwakungacacile, okwenza ukuthi athi: “Kumele ngilandele lowo othunywe nguBaba oseZulwini. Kumele ngazise lowo okhethwe uMoya oNgcwele.” Wayengaziqondi izinto uJesu azenza futhi zazingamcaceli. Ngemva kokumlandela isikhathi esithile, waqala ukuzithanda izinto ayezenza nayezisho, nakuJesu Ngokwakhe. Wabe esebona ukuthi uJesu wayeshisekeliswa uthando nenhlonipho; wayethanda ukuba naye ahlale eduze kwakhe, alalele amazwi kaJesu ayemsiza kakhulu. Phakathi nesikhathi alandela ngaso uJesu, uPetru waqaphela futhi wafaka enhliziyweni konke ngokuphila Kwakhe: Izenzo zakhe, amazwi, ukunyakaza kanye nezinkulumo. Wakuqonda ngokujulile ukuthi uJesu wayengeyena umuntu ovamile. Nakuba ukubukeka kwakhe kobuntu kwakujwayeleke ngokwedlulele, wayegcwele uthando, enobubele, futhi embekezelela umuntu. Yonke into ayenza noma ayisho yayibasiza kakhulu abanye, futhi uPetru owayeseceleni Kwakhe wabona futhi wafunda izinto ayengakaze azibone noma abe nazo ngaphambili. Wabona ukuthi nakuba uJesu wayengenaso isiqu esingokomoya esikhulu noma ubuntu obungavamile, wayenomoya ongavamile futhi oyivela-kancane. Nakuba uPetru ayengakwazi ukukuchaza kahle lokhu, wayebona ukuthi uJesu wayenza izinto ngendlela engavamile kweyawo wonke umuntu, ngoba izinto ayezenza zazehluke kakhulu kwezabantu abavamile. Esikhathini asichitha noJesu, uPetru wabona nokuthi isimilo Sakhe sasingafani nesabantu abajwayelekile. Ngaso sonke isikhathi wayenza izinto ngokungajahi futhi engaxhamazeli, wayengenalo ihaba futhi engathathi izinto kancane futhi wayephatha impilo Yakhe ngendlela eyayiveza isimilo esivamile nesithandekayo. Ezingxoxweni, uJesu wayenobungani, enomusa, engeneka, emnene futhi kumnandi ukuba naye, kodwa akazange alahlekelwe isithunzi Sakhe nesomsebenzi Wakhe. UPetru waphawula ukuthi kwakuba nezikhathi lapho uJesu ayengakhulumi khona kakhulu, futhi ngezinye izikhathi lapho ayexoxa khona ngokukhululeka. Ngezinye izikhathi wayejabula kakhulu abonakale njengejuba eliwumqemane nelingqabashiyayo, futhi ngezinye izikhathi wayedangala ngezinga lokuthi aze angakhulumi nhlobo, abonakale esindwa wusizi kube sengathi ungumama okhathele nongenamandla. Ngezinye izikhathi wayethukuthela, njengesosha elinesibindi elilungele ukuyobulala izitha, ngezinye izikhathi wayeba ngisho njengebhubesi elibhongayo. Ngezinye izikhathi wayehleka; ngezinye izikhathi wayethandaza futhi akhale. Akukhathalisekile ukuthi uJesu wayenzani, lokho kwenza uPetru waba nothando kanye nokumhlonipha okungenamkhawulo. Uhleko lukaJesu lwamenza waphuphuma injabulo, ukudabuka Kwakhe kwamenza waba nosizi, intukuthelo Yakhe yayimethusa, kuyilapho umusa, ukuthethelela, nezimfuno eziqinile kubantu kwenza ukuba amthande ngempela uJesu futhi kukhulise ukumhlonipha nokumlangazelela. Yiqiniso, konke lokhu uPetru wakubona ngesikhathi esephile noJesu iminyaka embalwa.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela UPetru Amazi Ngayo UJesu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ukuthandeka kukaNkulunkulu kuvezwa emsebenzini Wakhe: Kuphela ngesikhathi bezizwela umsebenzi Wakhe, kulapho bethola khona ukuthandeka Kwakhe, kuphela ezintweni abadlula kuzo empilweni, yilapho bengajabulela ukuthandeka kukaNkulunkulu futhi ngaphandle kokukubona empilweni engokoqobo, akekho ongakwazi ukuthandeka kukaNkulunkulu. Kuningi kakhulu ongakuthanda ngoNkulunkulu, kodwa ngaphandle kokuhlanganyela Naye abantu abanayo indlela yokukwazi. Okungukuthi, uma uNkulunkulu ubengazange abe yinyama, abantu bebengeke bakwazi ukuhlanganyela Naye ngokoqobo, futhi uma bebengakwazi ukuhlanganyela ngempela Naye, bebengeke futhi bakwazi ukuzizwela umsebenzi Wakhe—ngakho uthando lwabo ngoNkulunkulu beluzokonakaliswa amanga kanye nomcabango. Uthando lukaNkulunkulu ezulwini alubonakali kahle njengothando lukaNkulunkulu emhlabeni, ngokuba ulwazi lwabantu ngoNkulunkulu ezulwini lwakhiwa imicabango, kunokuba lwakhiwe yilokho abakubone ngamehlo abo, kanye nalokho abadlule kukho. Uma uNkulunkulu efika emhlabeni, abantu bayakwazi ukubona imisebenzi Yakhe kanye nokuthandeka Kwakhe, futhi bayakwazi ukubona konke ngesimo Sakhe soqobo nesijwayelekile, konke okusobala ngokuphindwe ngezikhathi eziyizinkulungwane ngaphezu kolwazi ngoNkulunkulu osezulwini. Akukhathalisekile ukuthi abantu bamthanda kangakanani uNkulunkulu osezulwini, akukho okuphathekayo ngalolu thando, futhi lugcwele imibono yobuntu. Noma ngabe luncane kangakanani uthando lukaNkulunkulu emhlabeni, lolu thando luyabonakala; noma ngabe oluncane lwalo, futhi lusabonakala. UNkulunkulu wenza ukuba abantu bamazi ngomsebenzi obonakalayo, nangalolu lwazi uzuza uthando lwabo. KunjengoPetru: Uma wayengahlalanga noJesu, wayengeke akwazi ukudumisa uJesu. Ngakho, naye, ukuthembeka kakhulu kwakhe kuJesu kwakwakhelwe ekuhlanganyeleni kwakhe noJesu. Ukuze abantu bamthande, uNkulunkulu uzile phakathi kwabantu futhi wahlala nabantu, futhi konke ekwenzela ukuba umuntu abone nokuba akubone ukuba ngokoqobo kukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abathanda UNkulunkulu Bayophila Phakathi Kokukhanya Kwakhe Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Iqembu labantu uNkulunkulu osamuntu afuna ukulizuza namuhla yilabo abahambisana nentando Yakhe. Abantu kudingeka balalele kuphela umsebenzi Wakhe, bangahlale bezikhathaza ngemibono kaNkulunkulu osezulwini, baphile ezimweni eziyinqaba, noma benze izinto zibe nzima kuNkulunkulu osenyameni. Labo abakwaziyo ukumlalela yilabo nakanjani abalalela amazwi Akhe futhi abalalela amalungiselelo Akhe. Laba bantu abanaki nhlobo ukuthi uNkulunkulu osezulwini unjani ngempela noma ukuthi hlobo luni lomsebenzi uNkulunkulu osezulwini awenzayo manje esintwini, kodwa banikela ngokugcwele ngezinhliziyo zabo kuNkulunkulu osemhlabeni futhi banikela ngaso sonke isiqu sabo phambi Kwakhe. Abalokothi bacabange ngokuphepha kwabo, futhi abakhathazeki ngokujwayeleka nokuba ngokoqobo kukaNkulunkulu osenyameni. Labo abalalela uNkulunkulu osenyameni bangapheleliswa Nguye. Labo abakholelwa kuNkulunkulu ezulwini ngeke bathole lutho. Lokhu kungenxa yokuthi akuyena uNkulunkulu osezulwini, kodwa uNkulunkulu osemhlabeni obeka izithembiso nezibusiso phezu kwabantu. Abantu akufanele bahlale bekhazimulisa uNkulunkulu osezulwini bese bebheka uNkulunkulu osemhlabeni njengomuntu ojwayelekile. Akukuhle lokhu. UNkulunkulu osezulwini mkhulu futhi unokuhlakanipha okumangalisayo. UNkulunkulu osemhlabeni ujwayeleke kakhulu futhi akabalulekile; uphinde abe ovame kakhulu. Akanawo umqondo ongajwayelekile noma izenzo ezithusayo zasemhlabeni. Umane asebenze futhi akhulume kuyo yonke indlela ejwayelekile yansuku zonke. Nakuba engakhulumi ngokuduma kwezulu noma ngokuyala umoya nemvula, ngempela unguNkulunkulu osezulwini osamuntu, futhi ngempela unguNkulunkulu ophila phakathi kwabantu. Abantu akumele bakhazimulise lowo abakwazi ukumqonda noma ohambisana nemicabango yabo njengoNkulunkulu, noma babone Lona abangakwazi ukumamukela futhi nakanjani abangeke bamcabange njengophansi. Konke lokhu ukudlubulunda kwabantu; konke kuwumthombo wokuphika kwesintu uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abathanda UNkulunkulu Ngeqiniso Yilabo Abakuthobela Ngokuphelele Ukuba Ngokoqobo Kwakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp