Yini ibandla likaNkulunkulu? Yini inhlangano yezenkolo?

April 08, 2018

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Futhi uJesu wangena ethempelini likaNkulunkulu, futhi waxosha bonke ababethengisa nababethenga ethempelini, futhi wagumbuqela amatafula abashintshelana imali, nezihlalo zalabo ababethengisa amajuba, Futhi wathi kubo, Kulotshiwe ukuthi, Indlu yami iyobizwa ngokuthi yindlu yomthandazo; kodwa seniyenze yaba umhume wabaphangi” (UMathewu 21:12-13).

“Futhi yamemeza ngezwi elikhulu, yathi, Liwile iBabiloni elikhulu, futhi selibe yindawo yokuhlala amadimoni, kanye nendawo yokubopha bonke omoya abangcolile, nendawo yokubopha zonke izinyoni ezingcolile nezizondekayo. Ngoba izizwe zonke ziphuze iwayini lobufebe balo, futhi amakhosi omhlaba afebile nalo, nabathengisi bomhlaba bacebile ngobuningi bezibilibico zalo” (IsAmbulo 18:2-3).

Yini ibandla likaNkulunkulu? Yini inhlangano yezenkolo?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Bonke labo abasemgudwini kaMoya oNgcwele baphethwe ubukhona kanye nokuqondisa kukaMoya oNgcwele, futhi labo abangekho ngaphakathi komgudu kaMoya oNgcwele bangaphansi kokulawula kukaSathane, futhi abanawo umsebenzi kaMoya oNgcwele. Abantu abasemgudwini kaMoya oNgcwele yilabo abamukela umsebenzi omusha kaNkulunkulu, labo ababambisanayo emsebenzini kaNkulunkulu omusha. Uma labo abangaphakathi kwale ndlela behlukeka ukwenza iqiniso elidingwa uNkulunkulu ngalesi sikhathi, bazoqondiswa izigwegwe, futhi okubi kakhulu ukuthi bazolahlwa uMoya oNgcwele. Labo abamukela umsebenzi omusha kaMoya oNgcwele, bazophila ngaphakathi komgudu kaMoya oNgcwele, bamukela ukunakekelwa nokuvikelwa uMoya oNgcwele. Labo abazimisele ngokwenza iqiniso bakhanyiselwa uMoya oNgcwele, futhi labo abangazimisele ngokwenza iqiniso bayaqondiswa uMoya oNgcwele, futhi bangaze bajeziswe. Ngisho noma umuntu unjani, kuncike ekutheni basemgudwini kaMoya oNgcwele, uNkulunkulu uzothwala ijoka labo bonke abamukela umsebenzi Wakhe omusha ngenxa yegama Lakhe. Labo abadumisa igama Lakhe futhi abazimisele ngokwenza amazwi Akhe bazokwamukela izibusiso Zakhe; labo abangamlaleli futhi abangawenzi amazwi Akhe bazokwamukela ukujeziswa Nguye. Abantu abasemgudwini kaMoya oNgcwele yilabo abamukela umsebenzi omusha, futhi njengoba bamukela umsebenzi omusha, kumele basebenzisane noNkulunkluu ngokufanele, futhi kumele bangaziphathisi okwabahlubuki abangawenzi umsebenzi wabo. Yilokhu kuphela okudingwa uNkulunkulu kumuntu. Akunjalo kubantu abangawamukeli umsebenzi omusha: Bangaphandle komgudu koMoya oNgcwele, futhi ukuqondiswa kanye nokukhalinywa uMoya oNgcwele akusebenzi kubo. Usuku lonke, laba bantu baphila enyameni, baphila phakathi kwemiqondo yabo, futhi abakwenzayo nje kususelwa ezifundisweni ezivela ngokucubungula nocwaningo lwemiqondo yabo. Akukhona lokho okudingwa umsebenzi omusha kaMoya oNgcwele, kube kungahambisani noNkulunkulu. Labo abangawamukeli umsebenzi kaNkulunkulu bancishiwe ubukhona bukaNkulunkulu, futhi, phezu kwalokho, bantula izibusiso nokuvikelwa uNkulunkulu. Amazwi abo amaningi kanye nezenzo kubamele ezidingweni zomsebenzi kaMoya oNgcwele; futhi kuyimfundiso, akulona iqiniso. Izimfundiso ezinje kanye nemithetho kwanele ukuba kufakazele ukuthi ukuhlangana kwalaba bantu kuyinkolo nje kuphela; akukhona okukhethiwe, noma injongo yomsebenzi kaNkulukulu. Ukuhlangana kwabo bonke labo abaphakathi kwabo kungabizwa ngokuthi ukuhlanganyela kwezenkolo kuphela, futhi kungebizwe ngokuthi ibandla. Lokhu kuyiqiniso elingaguquleki. Abanawo umsebenzi omusha kaMoya oNgcwele; abakwenzayo kubukeka kunephunga lenkolo, abakuphilayo kugcwele inkolo; abanabo ubukhona kanye nomsebenzi kaMoya oNgcwele, kanti abafanelekile nawukuqondiswa nokukhanyiswa uMoya oNgcwele. Laba bantu bayizidumbu ezingenampilo, futhi bayizimpethu ezingenamoya. Abanalwazi ngokuhlubuka nokuphikisa komuntu, abanalwazi ngezenzo ezimbi zonke zomuntu, bebe bengenalwazi nhlobo ngomsebenzi kaNkulunkulu kanye nentando kaNkulunkulu yamanje. Bonke abanalwazi, abantukazana, bawudoti ongafanele ukubizwa ngabantu abakholwayo! Akukho abakwenzayo okunegalelo ekuphatheni kukaNkulunkulu, kube kungelungise uhlelo lukaNkulunkulu. Amazwi abo kanye nezenzo kunyanyisa kakhulu, kuyadina, futhi akufanelekanga nawukuthi kuze kubalwe. Akukho okwenziwa yilabo abangekho emgudwini kaMoya ONgcwele abahlangene nomsebenzi omusha kaMoya oNgcwele. Ngenxa yalokhu, noma bengaba kuphi, abaqondiswanga uMoya oNgcwele, futhi, phezu kwakho konke, ngaphandle abakhanyiselwanga uMoya oNgcwele. Ngoba bonke bangabantu abangenalo uthando lweqiniso, futhi bayazondwa futhi bachithwe uMoya oNgcwele. Babizwa ngokuthi bangabenzi bobubi ngoba baphila enyameni, futhi benza noma yini ebathokozisayo ngaphansi kwegama likaNkulunkulu. Ngenkathi uNkulunkulu esebenza, abazisondezi Kuye ngamabomu, futhi bagijimela kwelinye icala elingahambisani Naye. Ukwehluleka komuntu ukusebenzisana noNkulunkulu kuwukuhlubuka kuNkulunkulu okukhulu ngokwakho, ngakho ngeke yini abaphikisana noNkulunkulu ngamabomu nakanjani bathole impindiselo ebafanele?

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okokuqala, masikhulume ngokuthi ezinkolweni iyiphi “inkolo” esibhekise kuyo lapho sithi khona “abantu benkolo”: Kusho Inkolo yamaJuda, eyamaKrestu, eyamaKhatholika, eyama-Islam, nobuBuddha, okuyizinkolo ezinkulu ezinhlanu. …

…………

Ezinkolweni ezinhlanu esikhulume ngazo, ubuKrestu bukhethekile ngandlela thile. Yini ekhetheke kangako ngobuKrestu? Laba ngabantu abakholwa kuNkulunkulu weqiniso. Singabafaka kanjani kulolu hla abantu abakholwa wuNkulunkulu weqiniso? Ngoba ubuKrestu buwuhlobo lwenkolo, buyiyo, ngaphandle kokungabaza, buhlobene nenkolo—buwumsebenzi othile, uhlobo lokukholwa, buthe ukwehluka enkolweni yalabo abalandela uNkulunkulu ngokweqiniso. Isizathu sokuthi ngibufake kulolu hlu lwezinkolo ezinhlanu ezinkulu ukuthi ubuKrestu busezingeni elilodwa nobuJuda, inkolo yamaBuddha, kanye ne-Islam. AmaKrestu amaningi awakholwa ukuthi ukhona uNkulunkulu, nokuthi ubusa phezu kwezinto zonke, awakholwa futhi ukuthi ukhona. Esikhundleni salokho, azinikela ekukhulumeni ngobukholwa ebhekisa emibhalweni yeBhayibheli, asebenzisa isifundo sobukholwa ukufundisa abantu ukuthi babe nomusa, babekezelele ukuhlushwa, nokwenza izinto ezinhle. Buyilolo hlobo lwenkolo ubuKrestu: Bunamathela kuphela emibhalweni yezinkolo, abubhekisi nakancane emsebenzini kaNkulunkulu wokulawula aphinde asindise umuntu, yinkolo yalabo kuphela abalandela uNkulunkulu bebe bengemukelwa wuNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

“Kepha ngithi kini, Lapha kukhona omkhulu kunethempeli. Kepha ukuba benazi ukuthi lokhu kusho ukuthini, ngizoba nesihawu, futhi hhayi umhlatshelo, ngabe ningabalahlanga laba abangenacala. Ngokuba iNdodana yomuntu iyiNkosi ngisho yosuku lwesabatha” (UMathewu 12:6-8). Ingabe “ithempeli” lichazani la? Ukukubeka ngendlela elula, “ithempeli” isakhiwo esimangalisayo, eside, futhi eNkathini Yomthetho, ithempeli kwakuyindawo yabapristi yokukhonza uNkulunkulu. Ngesikhathi iNkosi uJesu ithi “lapha kukhona omkhulu kunethempeli,” ingabe kwakumele bani ukuthi “kukhona”? Ngokucacile, ukuthi “kukhona” kumele iNkosi uJesu enyameni, ngoba uYena kuphela owabe emkhulu kunethempeli. Lawo mazwi ayebatshelani abantu? Ayetshela abantu ukuba baphume ethempelini—uNkulunkulu wayesephumile futhi engasasebenzi kulo, ngakho kumele abantu bafune izinyathelo zikaNkulunkulu ngaphandle kwethempeli bese belandela izinyathelo Zakhe emsebenzini Wakhe omusha. Isendlalelo seNkosi uJesu lapho isho lokhu, ukuthi ngaphansi komthetho, abantu kwasekufike lapho babebona ithempeli njengento enkulu kunoNkulunkulu uqobo Lwakhe. Okungukuthi, abantu babekhonza ithempeli ngaphezu kukaNkulunkulu, ngakho iNkosi uJesu yabexwayisa ngokuthi akumele bakhonze izithixo, kodwa kufanele bakhonze uNkulunkulu ngokuba Yena uphakeme kunakho konke. Yingakho, Yena wathi: “Ngizoba nesihawu, futhi hhayi umhlatshelo.” Kusobala ukuthi emehlweni eNkosi uJesu, abantu abaningi ngaphansi komthetho babengasamkhonzi uJehova, kodwa babenza inqubo yomhlatshelo, futhi iNkosi uJesu yanquma ukuthi le nqubo yayi wukukhonza izithixo. Laba bakhonzi bezithixo babebona ithempeli kuyinto enkulu, futhi ephakeme kunoNkulunkulu. Ezinhliziyweni zabo kwakukhona ithempeli kuphela, hhayi uNkulunkulu, futhi uma belahlekelwe ithempeli, balahlekelwe indawo yokuhlala. Ngaphandle kwethempeli babengenayo indawo yokukhonza futhi bengakwazi nokwenza imihlatshelo yabo. Le ndawo yabo ebizwa ngokuthi indawo yokuhlala lapho abasebenzela khona egameni lokuthi bakhazimulisa uJehova uNkulunkulu, yayibavumela ukuba bahlale ethempelini kodwa bezenzela izinto zabo. Nalokhu okubizwa ngokuthi ukwenza imihlatshelo kwabo, kwakuwukwenza izinto zabo zehlazo ngaphansi kwesisithezo sokwenza inkonzo yabo ethempelini. Lesi kwakuyisizathu sokuba abantu ngaleso sikhathi babone ithempeli lilikhulu kunoNkulunkulu. Ngokuba babesebenzisa ithempeli njengesimbozo, nomhlatshelo njengesi sithezo sokukhohlisa abantu kanye nokukhohlisa uNkulunkulu, iNkosi uJesu yakusho lokhu ukwexwayisa abantu. Uma nisebenzisa la mazwi esikhathini samanje, avumelekile ngokulingana futhi afanelekile ngokulingana. Noma-ke abantu namhlanje sebebone imisebenzi eyahlukene kaNkulunkulu kuneyabonwa abantu beNkathi Yomthetho, isimo semvelo yabo siyafana.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp