Izwi Livela Lisenyameni

Umqulu 2, Ngokwazi Unkulunkulu

Umbhalo othi Ngokwazi UNkulunkulu, okungumqulu wesibili wencwadi ethi Izwi Livela Lisenyameni uqukathele sonke isintu amazwi kaKristu wezinsuku zokugcina, uNkulunkulu uSomandla, elandela lawo asembhalweni othi Ukubonakala Nomsebenzi kaNkulunkulu. UNkulunkulu uchaza amaqiniso ehlukene afana nomsebenzi asewenzile kusuka ekudaleni umhlaba, intando Yakhe nalokho akulindele esintwini okuqukethwe kuwo, nokuthululwa kwakho konke uNkulunkulu anakho nayikho emsebenzini Wakhe, kanye nokulunga Kwakhe, igunya Lakhe, ubungcwele Bakhe, neqiniso elithi ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto. Lapho sebeyifundile le ncwadi, labo abakholwa kuNkulunkulu ngokweqiniso bazokwazi ukuqinisekisa ukuthi Lowo okwazi ukwenza lo msebenzi futhi adale lezi zimo Nguyena obusa phezu kwazo zonke izinto, futhi bazi ngokuyiqiniso ngobunjalo bukaNkulunkulu, isikhundla Sakhe, nengqikithi Yakhe, ngalokho baqiniseke ukuthi uKristu wezinsuku zokugcina, uNkulunkulu uSomandla, unguNkulunkulu uqobo Lwakhe, oyingqayizivele.

Amazwi kaKristu

Dawuniloda

Sithinte nge-Whatsapp