Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe I

Namuhla sidlulisa isihloko esibalulekile. Lesi sihloko bekulokhu kukhulunywa ngawo kusukela ekuqaleni komsebenzi kaNkulunkulu kuze kube manje, futhi sibaluleke kakhulu kuwo wonke umuntu. Ngamanye amazwi, lena indaba wonke umuntu ayohlangana nayo kuso sonke isigaba sokukhonza kwakhe uNkulunkulu futhi indaba okumele kukhulunywe ngayo. Indaba ebucayi, futhi isintu esingeke sikwazi ukuyigwema. Sisakhuluma ngokubaluleka, iyiphi into ebaluleke kunazo zonke, kuwo wonke amakholwa kaNkulunkulu? Abanye bacabanga ukuthi into ebaluleke kakhulu ukuqonda intando kaNkulunkulu; abanye bacabanga ukuthi kubaluleke kakhulu ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu; abanye bacabanga ukuthi into ebaluleke kakhulu ukuthi bazazi; abanye banombono wokuthi into ebaluleke kakhulu ukuthola insindiso kaNkulunkulu, indlela yokulandela uNkulunkulu, kanye nendlela yokufeza intando kaNkulunkulu. Namhlanje sizozibeka eceleni zonke lezi zinto. Pho sizokhuluma ngani? Sizokhuluma ngesihloko esimayelana noNkulunkulu. Ingabe lesi isihloko esibaluleke kuwo wonke umuntu? Yini equkethwe isihloko esimayelana noNkulunkulu? Eqinisweni, lesi sihloko asinakwehlukaniswa nesimo sikaNkulunkulu, isiqu sikaNkulunkulu, nomsebenzi kaNkulunkulu. Ngakho namhlanje, ake sixoxe “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe.”

Kusukela ngesikhathi abantu abaqala ngaso ukukholwa kuNkulunkulu, bebelokhu behlangana nezihloko ezifanayo ezifana nomsebenzi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu, noNkulunkulu uqobo Lwakhe. Uma kuziwa emsebenzini kaNkulunkulu, abanye bazothi: “Umsebenzi kaNkulunkulu wenziwa kithi; sidlula kuwo kuyo yonke imihla namalanga, ngakho akuyona into esingayijwayele.” Bekhuluma ngesimo sikaNkulunkulu, abanye bathi: “Isimo sikaNkulunkulu isihloko esicwaninga ngaso, sisihlaziye, futhi sigxilise ukuphila kwethu konke kuso, ngakho kufanele sijwayelane naso.” NgoNkulunkulu Woqobo, abanye bazothi: “UNkulunkulu uqobo Lwakhe yilona esimlandelayo, esinokholo Kuye, futhi Lowo esimfunayo, ngakho akukhona ukuthi asazi lutho Ngaye.” UNkulunkulu akakaze ayeke umsebenzi Wakhe kusukela aqala umsebenzi wokudala, ubelokhu eveza isimo Sakhe futhi usebenzise izindlela eziningi ukuze aveze izwi Lakhe. Ngesikhathi esifanayo, akazange ayeke ukuzembula yena nesiqu Sakhe esintwini, ukwambula intando Yakhe kumuntu kanye nalokho akufuna kumuntu. Ngakho, ngomqondo ongokoqobo, lezi zihloko akufanele ziphinde zibe ivela-kancane. Nokho kubantu abalandela uNkulunkulu namuhla, nokho, umsebenzi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu, noNkulunkulu uqobo Lwakhe yizinto abangazazi nhlobo. Kungani kunjalo? Njengoba abantu bebona umsebenzi kaNkulunkulu, baba nokuxhumana Naye, abenze bazizwe besiqonda isimo sikaNkulunkulu, noma bezwe ukuthi sinjani. Umuntu akacabangi ukuthi akajwayelene nhlobo nomsebenzi kaNkulunkulu noma isimo sikaNkulunkulu. Kunalokho, umuntu ucabanga ukuthi ujwayelene kakhulu noNkulunkulu futhi wazi okuningi ngoNkulunkulu. Kodwa uma sibuka isimo esikhona manje, ulwazi lwabantu ngoNkulunkulu lubanjwe izinto abazifunda ezincwadini, ukuntula okuhlangenwe nakho, imicabango yabo, futhi ngaphezu kwalokho, lubanjwe amaqiniso abakwazi ukuzibonela wona ngamehlo abo. Konke lokhu, kuqhelelene noNkulunkulu weqiniso uqobo Lwakhe. Kukude kangakanani lokhu “kuqhelelana”? Mhlawumbe umuntu akaqiniseki, noma mhlawumbe unawo umqondo kancane, noma umkhondo—kodwa uma kukhulunywa ngoNkulunkulu Ngokwakhe, ukumqonda komuntu kuphakeme kakhulu kunesiqu sikaNkulunkulu weqiniso uqobo Lwakhe. Lesi yisona sizathu esenza sisebenzise izihloko ezinjengesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe” ukuze sixoxe ngobuchule nangokungagwegwesi ngalolu lwazi.

Eqinisweni, isimo sikaNkulunkulu sivulekele wonke umuntu futhi asicashile, ngoba akukaze kube khona umuntu uNkulunkulu amziba ngamabomu noma azifihla Kuye ukuze abantu bangamazi futhi bangamqondi. Isimo sikaNkulunkulu besilokhu sisobala futhi besilokhu sibhekene ngobuqotho nomuntu ngamunye. Phakathi nokuqondisa kukaNkulunkulu, uNkulunkulu umsebenzi Wakhe uwenza kubheke wonke umuntu; futhi umsebenzi Wakhe wenziwa kuwo wonke umuntu. Njengoba enza lo msebenzi, usembula ngokuqhubekayo isimo Sakhe, usisebenzisa ngokuqhubekayo isiqu Sakhe futhi ufuna ukuqondisa nokunakekela umuntu ngamunye. Kuyo yonke iminyaka nezigaba, kungakhathaleki ukuthi izimo zinhle noma zimbi, isimo sikaNkulunkulu sihlale sivulekele wonke umuntu, futhi izinto Zakhe nesiqu Sakhe kuvulekele wonke umuntu, ngendlela efanayo nalena ukuphila Kwakhe okuhlale kunakekela ngayo isintu ngaphandle kokudikibala futhi okuseseka ngayo isintu. Ngaphezu kwakho konke lokhu, isimo sikaNkulunkulu sisala sicashile kwabanye. Kungani kunjalo? Kungenxa yokuthi nakuba laba bantu bephila emsebenzini kaNkulunkulu futhi bemlandela, abakaze bamqonde uNkulunkulu noma bafune ukumazi, ingasaphathwa eyokusondelana noNkulunkulu. Ngoba kulaba bantu, ukuqonda isimo sikaNkulunkulu kusho ukuthi ukuphela kwabo kuseduze; kusho ukuthi sebezokwahlulelwa futhi isimo sikaNkulunkulu sizobathola benecala. Ngakho laba bantu abakaze bafise ukuqonda uNkulunkulu noma isimo Sakhe, futhi abanalo ilukuluku lokuyiqonda ngokujulile noma ukuba nolwazi ngentando kaNkulunkulu. Abazimisele ukuqonda intando kaNkulunkulu ngokubambisana nonembeza babo—abakufunayo nje injabulo engapheli nokungakhathali ukwenza izinto abafuna ukuzenza; ukukholwa kuNkulunkulu abafuna ukukholelwa Kuye; ukukholelwa kuNkulunkulu osezingqondweni zabo kuphela, uNkulunkulu osemicabangweni yabo kuphela, uNkulunkulu ongeke ahlukaniswe nabo ekuphileni kwabo kwansuku zonke. Uma kuziwa kuNkulunkulu weqiniso uqobo Lwakhe, abanandaba nhlobo Naye, abanaso nesifiso sokumqonda, sokumlalela, ngisho nesifiso esincane sokusondelana Naye. Bagcina ngokusebenzisa amazwi akhulunywa uNkulunkulu ukuze bazihlobise, bazilungise. Ngoba kubo, lokho kubenza babe amakholwa aphumelelayo futhi anokholo kuNkulunkulu ezinhliziyweni zawo. Ezinhliziyweni zabo, baqondiswa imicabango yabo, imibono yabo kanye nezinto zabo abazicabanga ngoNkulunkulu. Ngakolunye uhlangothi, uNkulunkulu weqiniso uqobo, akahlanganise lutho nhlobo nabo. Ngoba uma beke bamqonda uNkulunkulu weqiniso, basiqonda isimo sangempela sikaNkulunkulu, futhi bakuqonda lokho uNkulunkulu anakho futhi ayikho, lokho kusho ukuthi izenzo zabo, ukholo lwabo, nezinto abazifunayo ngeke kuvunyelwe. Yingakho bengazimisele ukuqonda isiqu sikaNkulunkulu, futhi yingakho bengabaza futhi bengazimisele ukumfuna ngobuqotho noma ukuthandazela ukumqonda kangcono uNkulunkulu, ukuyazi kangcono intando kaNkulunkulu, nokusiqonda kangcono isimo sikaNkulunkulu. Bangancamela ukuthi uNkulunkulu abe ngokuthile okwakhiwe, into engenalutho futhi engacacile. Bangancamela ukuthi uNkulunkulu abe ngothile ofana ncamashí nalokhu abebekucabanga, umuntu ozoba ngumabizwa-asabele wabo, onenala yezinto futhi ohlale etholakala. Lapho befuna ukujabulela umusa kaNkulunkulu, bacela uNkulunkulu ukuba abe yilowo musa. Lapho bedinga isibusiso sikaNkulunkulu, bacela uNkulunkulu ukuthi abe yileso sibusiso. Lapho bebhekene nezinkathazo, bacela uNkulunkulu ukuthi abakhuthaze, abe yisiphephelo sabo. Ulwazi lwalaba bantu ngoNkulunkulu lubhajwe phakathi komusa nesibusiso. Ukuqonda kwabo umsebenzi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu, noNkulunkulu kunqatshelwe emicabangweni yabo, kusebenza nje amagama nezimfundiso. Kodwa kunabantu abanelukuluku lokuqonda isimo sikaNkulunkulu, abafuna ngempela ukubona uNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi abasiqonda ngempela isimo sikaNkulunkulu, nalokho anakho nalokho ayikho. Laba bantu bazingela ukuba ngokoqobo kweqiniso nensindiso kaNkulunkulu, futhi bafuna uNkulunkulu abanqobele, abasindise futhi abaphelelise. Laba bantu basebenzisa izinhliziyo zabo ukuze bafunde izwi likaNkulunkulu, futhi basebenzisa izinhliziyo zabo ukuze bazise zonke izimo nawo wonke umuntu, okwenzekayo noma into uNkulunkulu abahlelele yona, futhi bayathandaza bacele ngobuqotho. Abakufuna kakhulu ukuqonda intando kaNkulunkulu nokuqonda isimo sangempela sikaNkulunkulu nesiqu Sakhe. Lokhu bakwenzela ukuthi bangabe besamthukuthelisa uNkulunkulu, futhi ngenxa yezinto abadlule kuzo, bayokwazi ukulubona kakhudlwana uthando lukaNkulunkulu kanye nohlangothi lwangempela Lwakhe. Lokhu kuphinde kube ngenxa yokuthi uNkulunkulu woqobo wangempela uyoba ngaphakathi ezinhliziyweni zabo, ukuze uNkulunkulu abe nendawo ekuphileni kwabo, ngezinga lokuthi bayobe bengasaphili ngezinto abazicabangayo, ngemibono yabo noma izinto eziyinkimbinkimbi. Ngoba laba bantu, into ebenza babe nesifiso esivuthayo sokuqonda isimo sikaNkulunkulu nesiqu Sakhe ukuthi isimo sikaNkulunkulu nesiqu Sakhe ukuphela kwezinto isintu esingazidinga nganoma yisiphi isikhathi ekuphileni kwaso, izinto ezingasinikeza ukuphila. Uma sebesiqonda isimo sikaNkulunkulu, bazokwazi ukumhlonipha ngokujulile uNkulunkulu, ukubambisana kangcono nomsebenzi kaNkulunkulu, nokucabanga kanzulu ngentando kaNkulunkulu futhi benze umsebenzi Wakhe ngamandla abo. Lezi izinhlobo ezimbili zabantu uma kucatshangwa ngemibono yabo ngesimo sikaNkulunkulu. Uhlobo lokuqala alufuni ukuqonda isimo sikaNkulunkulu. Ngisho noma bethi bafuna ukuqonda isimo sikaNkulunkulu, ukumazi kangcono uNkulunkulu Ngokwakhe, ukubona ukuthi uNkulunkulu unani futhi uyini, futhi bayazise ngobuqotho intando kaNkulunkulu, ekujuleni kwezinhliziyo zabo bangafisa sengathi uNkulunkulu akekho. Kungenxa yokuthi lolu hlobo lwabantu luyaqhubeka nokungamlaleli uNkulunkulu futhi luyamphika; babanga isikhundla noNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, futhi bavame ukusola noma ukuphika ukuthi uNkulunkulu ukhona. Abafuni ukuvumela isimo sikaNkulunkulu noma uNkulunkulu wangempela uqobo Lwakhe ukuba angene ezinhliziyweni zabo. Bafuna nje ukwanelisa izifiso zabo, imicabango nezinto abazifunayo. Ngakho laba bantu bangase bakholelwe kuNkulunkulu, balandele uNkulunkulu, futhi bangaze ngisho balahle ithemba emindenini yabo nasemisebenzini yabo, kodwa ngeke bayeke izindlela zabo ezimbi. Abanye baze bantshontshe noma badle iminikelo, noma baqalekise uNkulunkulu ngasese, kuyilapho abanye bengase basebenzise izikhundla zabo ukuze bazifakazele bephindelela, bazikhukhumeze futhi bancintisane noNkulunkulu ngenxa yabantu noma isithunzi. Basebenzisa izindlela ezehlukahlukene nezikali ukuze benze abantu babakhonze, bahlale befuna ukunqoba abantu futhi babalawule. Abanye baze ngisho bakhohlise abantu ngenhloso babenze bacabange ukuthi bangoNkulunkulu ukuze baphathwe njengoNkulunkulu. Abasoze batshela abantu ukuthi bonakalisiwe, nokuthi nabo bakhohlakele futhi banenkani, abangabakhonzi, nokuthi kungakhathaleki ukuthi benzani kusancike ekuphakanyisweni kukaNkulunkulu nalokho okufanele ngabe bayakwenza. Kungani bengazisho lezi zinto? Ngoba besaba kakhulu ukuthi bazosuke bengabe besayithola indawo yabo ezinhliziyweni zabantu. Yingakho abantu bengamdumisi uNkulunkulu, bengafakazi ngoNkulunkulu, ngoba abakaze bazame ukuqonda uNkulunkulu. Ingabe bengamazi uNkulunkulu ngaphandle kokumqonda? Akunakwenzeka! Ngakho, nakuba amazwi asesihlokweni athi, “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe,” engase abonakale elula, incazelo yawo ayifani kubo bonke abantu. Ngoba umuntu ovame ukungamlaleli uNkulunkulu, uyamphika uNkulunkulu, futhi uyamzonda uNkulunkulu, amazwi abikezela ukulahlwa; kuyilapho umuntu olifuna ngobuqotho iqiniso futhi osondela kaningi kuNkulunkulu ukuze athole intando kaNkulunkulu, uzohambisana nala mazwi njengenhlanzi ingena emanzini. Ngakho phakathi kwenu, lapho abanye bezwa kukhulunywa ngesimo sikaNkulunkulu nomsebenzi kaNkulunkulu, baqala ukuphathwa ikhanda, izinhliziyo zabo ziqina nakakhulu, futhi ngeke zizinze. Kodwa kunabanye phakathi kwenu abacabanga ukuthi: Lesi sihloko yilokho kanye engikudingayo, ngoba lesi sihloko singizuzisa kakhulu. Yingxenye engiyidinga kakhulu ekuphileni kwami; sibaluleke kakhulu, siyisisekelo sokholo kuNkulunkulu, futhi siyinto isintu esingeke sikwazi ukuphila ngaphandle kwayo. Ngoba kini nonke, lesi sihloko singase sibonakale sikude futhi siseduze, singaziwa kodwa sijwayelekile. Kodwa kungakhathaleki ukuthi nicabangani, lesi yisihloko wonke umuntu okufanele asilalele, asazi futhi asiqonde. Kungakhathaleki ukuthi usebenzelana kanjani nakho, kungakhathaleki ukuthi ukubheka kanjani noma ukwamukela kanjani, ukubaluleka kwalesi sihloko akunakushalazelwa.

UNkulunkulu ubelokhu enza umsebenzi Wakhe kusukela ngesikhathi adala ngaso isintu. Ekuqaleni, kwakuwumsebenzi olula kakhulu, kodwa ngaphezu kobulula bawo, wawunazo izimpawu zesiqu sikaNkulunkulu nesimo Sakhe. Nakuba umsebenzi kaNkulunkulu ubalulekile manje, ngenxa yokuthi wenezela umsebenzi omkhulu onzima kuwo wonke umuntu omlandelayo futhi uqhakambisa ukubaluleka kwezwi Lakhe, kusukela ekuqaleni kuze kube manje, ubuntu bukaNkulunkulu bebufihliwe kubantu. Nakuba eke waba sesimweni somuntu kabili, kusukela ezikhathi zokulandisa kweBhayibheli kuze kube manje, ubani owake wambona ngempela uNkulunkulu ngokoqobo? Ngenxa yokuqonda kwenu, ingabe ukhona owake wabona uNkulunkulu ngokoqobo? Akekho. Akekho owake wabona uNkulunkulu ngokoqobo, okusho ukuthi akekho owake wabona ukuthi ubukeka kanjani ngempela uNkulunkulu. Wonke umuntu uyavumelana nalokhu. Okungukuthi, uqobo lukaNkulunkulu, noma uMoya kaNkulunkulu, bekucashile kuso sonke isintu, kuhlanganise no-Adamu no-Eva, abadalwa uNkulunkulu, futhi kuhlanganise noJobe olungile, ayemamukela. Ngisho noma bengazange baboneuNkulunkulu ngokoqobo. Kodwa kungani uNkulunkulu efihla ngamabomu uqobo Lwakhe lwangempela? Abanye abantu bathi: “UNkulunkulu uyabesaba abantu.” Abanye bathi: “UNkulunkulu uqobo Lwakhe lwangempela ulufihla ngenxa yokuthi umuntu mncane kakhulu, kanti uNkulunkulu mkhulu kakhulu; abantu abavunyelwe ukumbona ngoba bazofa.” Kuphinde kube nalabo futhi abathi: “UNkulunkulu umatasa uqondisa umsebenzi Wakhe nsuku zonke, angase angabi naso isikhathi sokuziveza kubantu.” Akunandaba ukuthi yini eniyikholelwayo, nginaso isiphetho sendaba lapha. Sithini leso siphetho? Siwukuthi uNkulunkulu akafuni abantu babone uqobo Lwakhe lwangempela. UNkulunkulu uzifihla ngamabomu kubantu. Ngamanye amazwi, kuyinjongo kaNkulunkulu ukuthi abantu bangamboni ngokoqobo. Lokhu kufanele kucace kuwo wonke umuntu manje. Uma uNkulunkulu engakaze avezele omunye umuntu uqobo Lwakhe lwangempela, khona-ke ingabe nicabanga ukuthi uNkulunkulu ukhona? (Ukhona.) Yebo uNkulunkulu ukhona. Iqiniso lokuba khona kukaNkulunkulu alinakuphikwa. Kodwa ukuthi uNkulunkulu mkhulu kangakanani noma ubukeka kanjani, ingabe lena imibuzo abantu okufanele baphenye ngayo? Cha. Impendulo ithi akufanele kube njalo. Uma uqobo lukaNkulunkulu lungesona isihloko okufanele sisicwaninge, imuphi kanti umbuzo okufanele siwuhlolisise? (Isimo sikaNkulunkulu.) (Umsebenzi kaNkulunkulu.) Nokho, ngaphambi kokuba siqale ukuxoxa ngesihloko okuyisonasona, ake sibuyele kulokhu ebesixoxa ngakho: Kungani uNkulunkulu engakaze eveze uqobo Lwakhe esintwini? Kungani uNkulunkulu elufihla ngamabomu uqobo Lwakhe esintwini? Sisodwa kuphela isizathu, sithi: Nakuba umuntu odaliwe esebe khona izinkulungwane zeminyaka emsebenzini kaNkulunkulu, akekho noyedwa umuntu owazi umsebenzi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu kanye nesiqu sikaNkulunkulu. Labo bantu emehlweni kaNkulunkulu bangabantu abamelene Naye, futhi uNkulunkulu ngeke aziveze kubantu abamzondayo. Lesi ukuphela kwesizathu esenza uNkulunkulu engaluvezi uqobo Lwakhe esintwini futhi elufihla ngamabomu uqobo Lwakhe kuso. Ingabe manje sekuyanicacela ukubaluleka kokwazi isimo sikaNkulunkulu?

Kusukela ngesikhathi ukuqondisa kukaNkulunkulu okwaqala ngaso ukuba khona, uNkulunkulu ubelokhu ezinikele ngokugcwele ukufezeni umsebenzi Wakhe. Naphezu kokubafihlela uqobo Lwakhe, ubelokhu engasohlangothini lwabantu, enza umsebenzi kubo, embula isimo Sakhe, eqondisa sonke isintu ngesiqu Sakhe, futhi enza umsebenzi Wakhe kuwo wonke umuntu esebenzisa amandla Akhe amakhulu, ukuhlakanipha Kwakhe, kanye negunya Lakhe, ngalokho eletha iNkathi Yomthetho, iNkathi Yomusa, futhi manje uletha iNkathi Yombuso. Nakuba uNkulunkulu ebafihlela abantu uqobo Lwakhe, isimo Sakhe, isiqu Sakhe nezinto anazo, kanye nentando Yakhe ngesintu, ubembulele ngokuphelele bonke abantu ukuze bakubone futhi bakuzwe. Ngamanye amazwi, nakuba abantu bengakwazi ukubona noma ukuthinta uNkulunkulu, isimo nesiqu sikaNkulunkulu abantu baye bakuzwa kuvela kuNkulunkulu Ngokwakhe. Akulona yini iqiniso lelo? Akukhathaleki ukuthi uNkulunkulu umsebenzi Wakhe uwenza ngayiphi indlela noma kanjani, abantu uhlale ebaphatha ngobunjalo Bakhe bangempela, enze okufanele akwenze futhi asho okufanele akusho. Akunandaba ukuthi uNkulunkulu ukhuluma ekusiphi isikhundla—kungenzeka abe sezulwini lesithathu, noma enyameni, noma ngisho ewumuntu ovamile—uhlale ekhuluma nomuntu ngayo yonke inhliziyo Yakhe nangayo yonke ingqondo Yakhe ngaphandle kokukhohlisa nokuzifihla. Lapho efeza umsebenzi Wakhe, uNkulunkulu wembula izwi Lakhe nesimo Sakhe, aphinde embule lokho anakho nayikho, ngaphandle kokunqikaza ngandlela thile. Uqondisa isintu ngokuphila Kwakhe nangesiqu Sakhe kanye nezinto Zakhe. Yile ndlela abantu ababephila ngayo ngeNkathi Yomthetho—enkathini yokuzalwa kwesintu—ngaphansi kokuqondisa kukaNkulunkulu ongabonakali nongathinteki.

UNkulunkulu waba inyama okokuqala ngqa ngemva kweNkathi Yomthetho, ukuba sesimweni somuntu kwathatha iminyaka engamashumi amathathu nohhafu. Ngokombono womuntu, ingabe iminyaka engamashumi amathathu nento iyisikhathi eside? (Ayimide.) Njengoba ubude bokuphila komuntu buvame ukuba ngaphezulu kakhulu kweminyaka engaphezudlwana kwengamashumi amathathu, lesi akusona isikhathi eside kumuntu. Kodwa ekubeni sesimweni somuntu kukaNkulunkulu, le minyaka engamashumi amathathu nohhafu mide kakhulu. Waba umuntu—umuntu ovamile owafeza umsebenzi nomyalo kaNkulunkulu. Lokhu kusho ukuthi kwadingeka ukuthi athathe umsebenzi umuntu ovamile angeke akwazi ukuwufeza, kuyilapho futhi ngesikhathi esifanayo ebekezelela ukuhlupheka abantu abavamile abangakwazi ukukubekezelela. Izinga iNkosi uJesu eyabekezelela ngalo ukuhlupheka phakathi neNkathi Yomusa, kusukela ekuqaleni komsebenzi Wakhe kuye esikhathini abethelwa ngaso esiphambanweni, kungenzeka abantu namuhla abakaliboni elifana nalo, kodwa ningakwazi yini ukulinambitha nisebenzisa izindaba eziseBhayibhelini? Kungakhathaleki ukuthi ingakanani imininingwane ekula maqiniso alotshiwe, wonke ephelele, umsebenzi kaNkulunkulu okule nkathi wawugcwele ubunzima nokuhlupheka. Ngoba kumuntu owonakalisiwe, iminyaka engama-shumi amathathu nohhafu ayimide; ukuhlupheka nje okuncane akuyona into enkulu. Kodwa kuNkulunkulu ongcwele, ongenabala, okufanele abekezelele zonke izono zesintu futhi adle, alale, futhi aphile nezoni, lobu buhlungu bukhulu kakhulu. UnguMdali, iNkosi yazo zonke izinto, noMbusi wayo yonke into, nokho lapho eza emhlabeni kwadingeka ukuba abekezelele ukucindezelwa nenkohlakalo yabantu abonakele. Ukuze aqede umsebenzi Wakhe futhi asindise isintu osizini, kwadingeka ukuthi ahlukunyezwe umuntu, futhi abekezelele izono zaso sonke isintu. Izinga lokuhlupheka adlula kulo akunakwenzeka ukuthi liqondakale noma abantu abavamile balazi. Kumelelani lokhu kuhlupheka? Kumelela ukuzinikela kukaNkulunkulu esintwini. Kumelela ihlazo nokuhlupheka okwadingeka ukuthi uJesu akukhokhe ukuze kusindiswe abantu, ukuhlenga izono zabo, nokuqeda isigaba somsebenzi Wakhe. Kuphinde kusho ukuthi umuntu wayeyohlengwa esiphambanweni nguNkulunkulu. Leli inani elakhokhwa ngegazi, ngokuphila inani elingaphezu kakhulu kwamandla ezinto ezidaliwe. Kungenxa yokuthi unesiqu sikaNkulunkulu futhi uNkulunkulu umhlomise ngezinto anazo futhi angakwazi ukubekezelela lolu hlobo lwenhlupheko nalolu hlobo lomsebenzi. Lena yinto okungekho sidalwa esidaliwe esingayenza esikhundleni Sakhe. Lona umsebenzi kaNkulunkulu phakathi neNkathi Yomusa nokwambulwa kwesimo Sakhe. Ingabe lokhu kwembula okuthile mayelana nalokho uNkulunkulu anakho nayikho? Ingabe kufanele ngempela isintu sikwazi? Kule nkathi, nakuba abantu bengakaze babone uNkulunkulu ngokoqobo, bathola umnikelo wesono kaNkulunkulu futhi uNkulunkulu wabahlenga esiphambanweni. Isintu kungenzeka asijwayelene nomsebenzi owenziwa uNkulunkulu phakathi neNkathi Yomusa, kodwa ingabe ukhona ojwayelene nesimo futhi oyokwambulwa uNkulunkulu phakathi nale nkathi? Umuntu umane wazi imininingwane yomsebenzi kaNkulunkulu wezinkathi ezehlukahlukene ngemigudu ehlukahlukene, noma wazi izindaba eziphathelene noNkulunkulu ezenzeka ngesikhathi esifanayo naleso uNkulunkulu ayefeza ngaso umsebenzi Wakhe. Cishe le mininingwane kanye nalezi zindaba, kuwulwazi noma umlando omayelana noNkulunkulu, akuhlanganisi lutho nesimo sikaNkulunkulu. Ngakho akunandaba ukuthi kungakanani abantu abakwaziyo ngoNkulunkulu, akusho ukuthi banolwazi nokuqonda okujulile ngesimo sikaNkulunkulu noma isiqu Sakhe. Njengokungathi kwakuseNkathini Yomthetho, nakuba abantu baseNkathini Yomusa baba nokuxhumana okuseduze kakhulu noNkulunkulu osenyameni, cishe ulwazi lwabo ngesimo sikaNkulunkulu nesiqu Sakhe lwalufana nento engekho.

ENkathini Yombuso, uNkulunkulu waphinde waba inyama, ngendlela efanayo nenza ngayo okokuqala. Phakathi nale nkathi yomsebenzi, uNkulunkulu usalembula ngokuphelele izwi Lakhe, wenza umsebenzi okufanele awenze futhi wembula lokho anakho nayikho. Ngesikhathi esifanayo, uyaqhubeka ebekezelela ukungalaleli nokungabi nandaba komuntu. Ingabe uNkulunkulu akasembuli ngokuqhubekayo isimo Sakhe nentando Yakhe phakathi nale nkathi futhi? Ngakho, kusukela ekudalweni komuntu kuze kube manje, isimo sikaNkulunkulu, isiqu Sakhe nezinto anazo, kanye nentando Yakhe, bekuhlale kuyinto esobala kuwo wonke umuntu. UNkulunkulu akakaze asifihle ngenhloso isiqu Sakhe, isimo Sakhe, noma intando Yakhe. Kumane kuwukuthi isintu asinandaba nokwenziwa uNkulunkulu, nokuthi intando Yakhe iyini—yingakho ukuqonda komuntu uNkulunkulu kuyinto ebanga amahloni. Ngamanye amazwi, nakuba uNkulunkulu efihla uqobo Lwakhe, uhlale enesintu ngaso sonke isikhathi, eyiveza ngokucacile intando Yakhe, isimo Sakhe, kanye nesiqu Sakhe ngazo zonke izikhathi. Ngokomqondo othile, uqobo lukaNkulunkulu nabo abantu bangabubona, kodwa ngenxa yobumpumputhe besintu nokungalaleli kwaso, bayohlale bengakwazi ukubona indlela uNkulunkulu abukeka ngayo. Ngakho uma kunjalo, ingabe akufanele ukuqonda isimo sikaNkulunkulu kanye noNkulunkulu Uqobo kube lula kuwo wonke umuntu? Lowo mbuzo kunzima kakhulu ukuwuphendula, akunjalo? Ningase nithi kulula, kodwa ngesikhathi abanye besafuna ukwazi uNkulunkulu, abakwazi ukumazi ngempela noma ukumqonda ngokucacile—kubo kuhlale kunokudideka nokungaqondi. Kodwa uma nithi akulula, nalokho futhi akulungile. Njengoba ube yisihloko somsebenzi kaNkulunkulu sonke lesi sikhathi, wonke umuntu kufanele ukube ekuphileni Kwakhe, uke wasebenzelana ngokuqondile noNkulunkulu. Kufanele ukuba okungenani ngabe sebake bamuzwa uNkulunkulu ngezinga elithile ezinhliziyweni zabo noma bake baba nokuthintana noNkulunkulu ngokomoya, futhi kumele okungenani babe nokuqapha okunombono ngesimo sikaNkulunkulu noma bamqonde ngokwezinga elithile. Kusukela ngesikhathi umuntu aqala ngaso ukulandela uNkulunkulu kuze kube manje, isintu sithole okuningi kakhulu, kodwa ngenxa yazo zonke izinhlobo zezizathu—ukuba buthuntu kweso lomuntu, ukunganaki, nokuhlubuka, nezinhloso ezehlukahlukene—isintu sesilahlekelwe okuningi kwakho. Ingabe uNkulunkulu kakade akabanikile okwanele abantu? Nakuba uNkulunkulu ebafihlela abantu uqobo Lwakhe, uyabanika lokho anakho nalokho ayikho, ngisho nokuphila Kwakhe; ulwazi lwesintu ngoNkulunkulu akufanele lube yilokhu oluyikho manje. Yingakho ngicabanga ukuthi ngiphinde ngixoxe nani ngesihloko somsebenzi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu, noNkulunkulu uqobo Lwakhe. Injongo ukuthi izinkulungwane zeminyaka uNkulunkulu azichithile enakekela umuntu zingapheleli ezeni, nokuthi isintu sikwazi ukuyiqonda ngempela futhi siyazise intando kaNkulunkulu ngaso. Kungenxa yokuthi abantu bakwazi ukuthatha igxathu elilandelayo olwazini lwabo ngoNkulunkulu. Kuyophinde kubuyisele uNkulunkulu endaweni Yakhe efanele ezinhliziyweni zabantu, lokho okumenzela ubulungisa.

Ukuze siqonde isimo sikaNkulunkulu noNkulunkulu uqobo Lwakhe kumele uqale ngento encane kakhulu. Kodwa yini lena encane kakhulu okufanele uqale ngayo? Okokuqala, ngiye ngathola izahluko ezithile zeBhayibheli. Imininingwane engezansi iqukethe amavesi eBhayibheli, wonke ahlobene nesihloko somsebenzi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu, noNkulunkulu uqobo Lwakhe. Ngokukhethekile, lezi zingxenye ngizithole njengezinkomba ezizonisiza nazi umsebenzi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu, noNkulunkulu uqobo Lwakhe. Ngizoxoxa ngazo nani ukuze nibone ukuthi isimo esinjani nesiqu uNkulunkulu asembulile emsebenzini Wakhe odlule kodwa abantu abangazi ngaso. Lezi zahluko kungenzeka ukuthi zindala, kodwa isihloko esixoxa ngaso siyinto entsha abantu abangakaze bezwe ngayo. Abanye benu bangase bakuthole kungakholakali—ukubuyela ku-Adamu no-Eva kanye noNowa, akukhona yini ukuhamba emigudwini efanayo futhi? Akukhathaleki ukuthi nicabangani, lezi zahluko zizozuzisa kakhulu lapho sixoxa ngazo kulesi sihloko futhi zingaba imibhalo efundisayo noma imibhalo yokuqala yokuhlanganyela kwanamuhla. Lapho sengiphothula le ngxoxo, nizobe seniziqonda izinhloso Zami zokukhetha lezi zingxenye. Labo abake balifunda iBhayibheli ngaphambi kwesikhathi kungenzeka bake bawabona la mavesi ambalwa, kodwa kungenzeka abawaqondanga ngokuphelele. Ake sithi qaphu-qaphu ngaphambi kokuhlaziya ivesi ngalinye lazo.

U-Adamu no-Eva bawokhokho besintu. Uma sizoxoxa ngabalingiswa baseBhayibhelini, kumele siqale ngabo bobabili. Olandelayo uNowa, ukhokho wesibili wesintu. Ubani umlingiswa wesithathu? (U-Abrahama.) Ingabe nonke niyayazi indaba ka-Abrahama? Kungenzeka abanye benu bayayazi, kodwa kwabanye kungenzeka ayicacile kangako. Ubani umlingiswa wesine? Okukhulunywa ngaye endabeni yokubhujiswa kweSodoma? (ULoti.) Kodwa akubhekisiwe kuye uLoti lapha. Kubhekiswe kubani? (Ku-Abrahama.) Into ephambili okuxoxwa ngayo endabeni ka-Abrahama yilokho okwashiwo uJehova. Ingabe niyakubona? Ubani umlingiswa wesihlanu? (UJobe.) Ingabe uNkulunkulu akakhulumi kakhulu ngendaba kaJobe phakathi nalesi sigaba somsebenzi Wakhe? Ingabe nifuna ngempela ukwazi ngale ndaba? Uma nifuna ngempela ukwazi, ingabe nike nayifunda ngokucophelela indaba kaJobe eBhayibhelini? Ingabe niyazazi izinto ezashiwo uJobe, izinto azenza? Kulabo asebezifunde kakhulu, senizifunde kangaki? Ingabe nizifunda njalo? Sicela odadewethu baseHong Kong, basitshele. (Ngake ngazifunda izikhathi ezimbalwa ngesikhathi siseseNkathini Yomusa.) Anikaze niphinde nizifunde futhi? Uma kunjalo, lelo yihlazo elikhulu. Ake nginitshele: Phakathi nalesi sigaba somsebenzi kaNkulunkulu, uNkulunkulu wakhuluma kaningi ngoJobe, okuwuphawu lwezinhloso Zakhe. Ukukhuluma Kwakhe kaningi ngoJobe kodwa ninganaki, kufakazela leli qiniso: Aninandaba nokuba umuntu olungile owesaba uNkulunkulu nogwema okubi. Lokhu kungenxa yokuthi nimane nje naneliswa umbono okha phezulu ngendaba kaJobe elandiswa uNkulunkulu. Naneliswa ukuqonda indaba ngokwayo, kodwa aninandaba futhi anizami ukuqonda imininigwane kaJobe njengomuntu nento eyenza uNkulunkulu akhulume kaningi ngoJobe. Uma ningenayo ngisho nendaba ngomuntu owadunyiswa uNkulunkulu, kanti yini ngempela eninendaba nayo? Uma ningenandaba futhi ningazami ukuqonda lowo muntu obalulekile uNkulunkulu akhulume ngaye, lokho kusho ukuthini ngendlela enibheka ngayo izwi likaNkulunkulu? Akulona yini ihlazo lelo? Ingabe akufakazeli ukuthi iningi lenu alizenzi izinto ezingokoqobo futhi alilifuni iqiniso? Uma ufuna iqiniso, uyogxila kakhulu kubantu uNkulunkulu abemukelayo nezindaba zabalingiswa uNkulunkulu akhulume ngabo. Kungakhathaleki ukuthi ungahamba ezinyathelweni zabo noma uthola izindaba zabo zizwakala, uzokufunda ngokushesha, uzame ukukuqonda, uthole izindlela zokulingisa isibonelo sakho futhi wenze okungcono kakhulu kongakwenza. Leyo indlela enza ngayo umuntu olangazelela iqiniso. Kodwa iqiniso liwukuthi iningi lenu elihleli lapha alikaze lifunde indaba kaJobe. Lokhu ngempela kusho okuthile.

Ake sibuyele esihlokweni ebesixoxa ngaso. Le ngxenye yemibhalo ekhuluma ngeNkathi Yomthetho eseTestamenteni Elidala ngokuyinhloko iyizindaba zabalingiswa engizicaphunile. Lezi izindaba ezijwayelekile kubantu abaningi abake bafunda iBhayibheli. Laba balingiswa bahle kakhulu. Labo abaye bafunda izindaba zabo bazokwazi ukubona ukuthi umsebenzi owenziwe uNkulunkulu kubo namazwi uNkulunkulu awakhulume kubo anokwethenjelwa futhi abantu bangakwazi ukuwathola namuhla. Lapho ufunda lezi zindaba nezinto ezilotshwe eBhayibhelini, uzokwazi ukuyiqonda kangcono indlela uNkulunkulu awenze ngayo umsebenzi Wakhe naphathe ngayo abantu Bakhe. Kodwa injongo yokuthola Kwami lezi zahluko namuhla akukhona ukuthi uzame ukuqonda lezi zindaba nabalingiswa abakuzo. Kunalokho, ukuthi ubone izenzo nesimo sikaNkulunkulu ngala balingiswa, ukuze kube lula ukuthi wazi futhi uqonde uNkulunkulu, ubone uhlangothi Lwakhe lwangempela, uyeke ukugcina ngokubona izinto ngeso lengqondo, uyeke ukuba nemibono Ngaye, futhi kuphele ukudideka onakho Ngaye. Ukuzama ukwenza ingqondo ngesimo sikaNkulunkulu nokuqonda kanye nokwazi uNkulunkulu uqobo Lwakhe ngaphandle kwesisekelo kungakwenza kaningi uzizwe ungenalusizo, ungenamandla, futhi ungaqiniseki ngokuthi uqale kuphi. Yingakho ngicabange ngokusebenzisa leyo ndlela futhi ngikwenze umqonde kangcono uNkulunkulu, uyazise kakhulu intando kaNkulunkulu futhi wazi isimo sikaNkulunkulu noNkulunkulu uqobo Lwakhe futhi ukuzwe ngempela ukuba khona kukaNkulunkulu wazise nentando Yakhe ngesintu. Ngeke kunizuzise yini lokhu? Manje nizwani enhliziyweni yenu uma niphinde nibona lezi zindaba nemibhalo futhi? Ingabe nicabanga ukuthi le mibhalo engiyikhethile miningi kakhulu? Kumele ngikuphinde lokhu enginitshele khona: Injongo yokuthi nifunde izindaba zalaba balingiswa ukunisiza niqonde indlela uNkulunkulu awenza ngayo umsebenzi Wakhe kubantu nendlela abheka ngayo isintu. Yini enganisiza niqonde lokhu? Umsebenzi uNkulunkulu awenze esikhathini esedlule, uhlanganiswe nomsebenzi uNkulunkulu awenza manje kuzonisiza niqonde izinto eziningi Ngaye. Lezi zinto eziningi zingokoqobo, futhi kumele zaziwe futhi zaziswe yilabo abafisa ukwazi uNkulunkulu.

Manje sizoqala ngendaba ka-Adamu no-Eva. Okokuqala, ake sifunde imibhalo.

A. U-Adamu no-Eva

1. Umyalo KaNkulunkulu Ku-Adamu

UGenesise 2:15-17 Futhi uJehova uNkulunkulu wase emthatha umuntu, wambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime futhi ayinakekele. Futhi uJehova uNkulunkulu wamyala umuntu, wathi, Kuyo yonke imithi yensimu ungadla ngokuthanda kwakho: Kepha kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ungadli: ngoba ngosuku oyodla ngalo kuwo uyakufa nokufa.

Ingabe kukhona enikutholile kula mavesi? Le ngxenye yemibhalo inenza nizizwe kanjani? Kungani “Umyalo kaNkulunkulu ku-Adamu” ucashunwe emibhalweni? Ingabe ngamunye wenu manje ninesithombe sikaNkulunkulu no-Adamu engqondweni yenu? Ningazama ukucabanga: Ukube benikuleso simo, wayeyoba njani uNkulunkulu enhliziyweni yenu? Lesi sithombe sinenza nibe namiphi imizwa? Lesi isithombe esishukumisa inhliziyo. Nakuba kunoNkulunkulu kuphela kuso, ukusondela okuphakathi kwabo akufanele sibe nomona ngakho: Uthando olukhulu lukaNkulunkulu lubekwe phezu komuntu, luzungeze umuntu; umuntu akanake nakunaka futhi akanacala, ukhululekile, uphila ngenjabulo ngaphandle kokuqapha kukaNkulunkulu; uNkulunkulu uyamkhathalela umuntu, kuyilapho umuntu ephila ngaphansi kwesivikelo nesibusiso sikaNkulunkulu; yonke into umuntu ayenzayo nayishoyo ihlobene futhi ayinakuhlukaniswa noNkulunkulu.

Ningasho ukuthi lona umyalo wokuqala uNkulunkulu awunika umuntu kusukela emdalile. Uqukutheni lo myalo? Uqukethe intando kaNkulunkulu, kodwa futhi uqukethe nokukhathazeka Kwakhe ngesintu. Lona umyalo wokuqala kaNkulunkulu, futhi kungokokuqala uNkulunkulu ekhathazeka ngomuntu. Lokho kusho ukuthi, uNkulunkulu ubelokhu enesibopho ngomuntu kusukela ngomzuzu amdala ngawo. Siyini isibopho Sakhe? Kufanele avikele umuntu, amnakekele. Unethemba lokuthi umuntu angemethemba futhi alalele amazwi Akhe. Lokhu futhi kuyinto yokuqala uNkulunkulu ayilindele kumuntu. Yilokhu kulindela okwenza uNkulunkulu asho amazwi alandelayo: “Kuyo yonke imithi yensimu ungadla ngokuthanda kwakho: Kepha kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ungadli: ngoba ngosuku oyodla ngalo kuwo uyakufa nokufa.” La mazwi alula amelela intando kaNkulunkulu. Embula nokuthi inhliziyo kaNkulunkulu isiqalile ukukhathazeka ngomuntu. Phakathi kwazo zonke izinto, u-Adamu kuphela owenziwa ngomfanekiso kaNkulunkulu; U-Adamu uwukuphela kwento ephilayo uNkulunkulu afaka kuyo umoya wokuphila; angahamba noNkulunkulu, axoxe noNkulunkulu. Yingakho uNkulunkulu amnika lowo myalo. UNkulunkulu wakwenza kwacaca kulo myalo ukuthi yini engenziwa umuntu, nalokho angeke akwazi ukukwenza.

Kula mazwi ambalwa alula, singayibona inhliziyo kaNkulunkulu. Kodwa nhloboni yenhliziyo esiyibonayo? Ingabe lukhona uthando enhliziyweni kaNkulunkulu? Ingabe inakho ukukhathazeka? Uthando nokukhathazeka kukaNkulunkulu kula mavesi akunakwaziswa abantu kuphela, kodwa lungazwakala nokuzwakala. Ingabe lokho akulona iqiniso? Manje njengoba sengisho lezi zinto, ingabe nisacabanga ukuthi lawa amazwi ambalwa alula? Awalula ngaleyo ndlela, akunjalo? Ningakwazi ukukubona ngaphambi kwesikhathi lokhu? Uma uNkulunkulu ekutshela yena mathupha la mazwi ambalwa, ungazizwa kanjani ngaphakathi? Uma ungenabo ubuntu, uma inhliziyo yakho iqinile, akukho lutho ozoluzwa, ngeke ulwazise uthando lukaNkulunkulu, futhi ngeke uzame ukuqonda inhliziyo kaNkulunkulu. Kodwa uma ungumuntu ononembeza, onobuntu, uyozizwa ngendlela ehlukile. Uyozwa imfudumalo, uyozizwa unakekelwa futhi uthandwa futhi uyojabula. Akulona yini iqiniso lelo? Lapho uzwa lezi zinto, uyoziphatha kanjani kuNkulunkulu? Ingabe uyonamathelana noNkulunkulu? Ingabe uyomthanda futhi umhloniphe ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo yakho uNkulunkulu? Ingabe inhliziyo yakho iyosondelana noNkulunkulu? Ungabona kulokhu ukuthi lubaluleke kangakanani uthando lukaNkulunkulu kumuntu. Kodwa okubucayi nakakhulu ukwazisa komuntu nokuqonda Kwakhe uthando lukaNkulunkulu. Eqinisweni, ingabe uNkulunkulu akasho izinto eziningi ezifanayo phakathi nalesi sigaba somsebenzi Wakhe? Kodwa ingabe abantu banamuhla bayayazisa inhliziyo kaNkulunkulu? Ingabe ningakwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu engiqeda kukhuluma ngayo? Anikwazi ngisho nokuyiqonda intando kaNkulunkulu uma ingokoqobo futhi inokwethenjelwa kanje. Yingakho ngithi aninalo ulwazi lweqiniso nokuqonda ngoNkulunkulu. Ingabe lokhu akulona iqiniso? Yilokho esizoxoxa ngakho kule ngxenye.

2. UNkulunkulu Udala U-Eva

UGenesise 2:18-20 Futhi uJehova uNkulunkulu wathi, Akukuhle ukuba umuntu ahlale ngayedwa; ngizakumenzela umsizi omfanele. Futhi uJehova uNkulunkulu wabumba ngalowo mhlabathi zonke izilwane zasendle, nezinyoni zonke zezulu; wase eziyisa ku-Adamu ukuba abone ukuthi angaziqamba ngokuthini: futhi ukuze kuthi lokho u-Adamu aziqamba ngakho zonke izilwane eziphilayo, kwaba ngamagama azo ukusuka lapho. Futhi u-Adamu waziqamba amagama nazo zonke izinkomo, nanezinyoni zezulu, kanye nezilwane zasendle; kepha u-Adamu akatholelwanga umsizi omfanele.

UGenesise 2:22-23 Futhi uJehova uNkulunkulu, ngobambo ayeluthathile kumuntu, wamakhela owesifazane wase emyisa kumuntu. U-Adamu wayesethi, Lo useyithambo lamathambo ami, nenyama yenyama yami: uyakubizwa ngokuthi iNdodakazi, ngokuba uthathwe eNdodeni.

Kunomugqa owodwa osemqoka kule ngxenye yMbhalo: “ukuze kuthi lokho u-Adamu aziqamba ngakho zonke izilwane eziphilayo, kwaba ngamagama azo.” Ngakho, ubani owaqamba amagama azo zonke izilwane eziphilayo? Kwakungu-Adamu, hhayi uNkulunkulu. Lo mugqa utshela isintu iqiniso: UNkulunkulu wamnika umuntu ukuhlakaniphangesikhathi emdala. Lokho kusho ukuthi, ukuhlakanipha komuntu kuvela kuNkulunkulu. Lokhu kuyiqiniso. Kodwa kungani? Ngemva kokudala kukaNkulunkulu u-Adamu, ingabe u-Adamu waya esikoleni? Ingabe wayekwazi ukufunda? Ngemva kokuba uNkulunkulu edale izilwane ezehlukahlukene eziphilayo, ingabe u-Adamu wazibona zonke lezi zidalwa? Ingabe uNkulunkulu wamtshela amagama azo? Yiqiniso, uNkulunkulu akamfundisanga ukuthi uzoziqamba kanjani lezi zilwane. Iqiniso lelo! Uma kunjalo wazi ngani ukuthi kufanele aziqambe kanjani lezi zilwane amagama azo nokuthi wayezoziqamba nhloboni yamagama? Lokhu kuhlobene nombuzo uNkulunkulu awubuza u-Adamu ngesikhathi emdala. Amaqiniso afakazela ukuthi ngesikhathi uNkulunkulu edala umuntu wenezela nokuhlakanipha kuye. Leli iphuzu eliwumgogodla. Ingabe nonke nilalele ngokucophelela? Kunelinye iphuzu elimqoka okufanele linicacele: Ngemva kokuba u-Adamu eqambe lezi zilwane ngamagama, lawo magama aphenduka iqoqo lenqolobane kaNkulunkulu. Kungani ngisho kanjalo? Lokhu kubandakanya nesimo sikaNkulunkulu, futhi kumele ngikuchaze.

UNkulunkulu wadala umuntu, wafaka umoya wokuphila kuye, wamnika nokuhlakanipha, amakhono, nalokho anakho nalokho ayikho. Ngemva kokuba uNkulunkulu enike umuntu zonke lezi zinto, umuntu wakwazi ukwenza ezinye izinto ngokuzimela nokusebenzisa umqondo Wakhe. Uma into esungulwa umuntu futhi ayenze iyinhle emehlweni kaNkulunkulu, kusho ukuthi uNkulunkulu uyakwamukela akagxambukeli kukho. Uma okwenziwa umuntu kulungile, uNkulunkulu uyoqikelela ukuthi ukugcina kunjalo. Ngakho yini eyembulwa amazwi athi “ukuze kuthi lokho u-Adamu aziqamba ngakho zonke izilwane eziphilayo, kwaba ngamagama azo”? Kusitshela ukuthi azikho izinguquko ezenziwa uNkulunkulu emagameni ezilwane ezihlukahlukene eziphilayo. Noma yiliphi igama u-Adamu azibiza ngalo, uNkulunkulu wayethi “Kulungile” bese ebhalisa lelo gama njengoba linjalo. Ingabe kunemibono uNkulunkulu ayiveza? Cha, akakaze nangengozi. Ngakho yini eniyibonayo lapha? UNkulunkulu wanika umuntu ukuhlakanipha futhi umuntu wasebenzisa ukuhlakanipha kwakhe akunikwe uNkulunkulu ukuze enze izinto. Uma okwenziwa umuntu kukuhle emehlweni kaNkulunkulu, lokho kusho ukuthi uNkulunkulu uyakuqinisa, uyakuqaphela futhi uyakwamukela lokho ngaphandle kokukuhlola nokukugxeka. Lokhu yinto okungekho muntu noma umoya ongcolile, noma uSathane angalwenza. Ingabe niyasibona isambulo sesimo sikaNkulunkulu lapha? Ingabe umuntu, umuntu owonakalisiwe, noma uSathane angakuvumela ukumelelwa abanye ukuze babenzele izinto? Yiqiniso akunjalo! Ingabe bayobanga isikhundla nalowo muntu noma ezinye izidalwa ezingafani nabo? Nakanjani kuyoba njalo! Kusenjalo, ukube kwakungumuntu owonakalisiwe noma uSathane owayeno-Adamu, babeyokuchithwa okwakwenziwa u-Adamu. Ukufakazela ukuthi banekhono lokucabanga kokuzimela futhi banokuqonda kwabo okuhlukile, bebeyokwenqaba ngokuphelele konke okwenziwe u-Adamu: “Ufuna ukusiqamba kanje? Mina ngizosibiza ngalokhu, mina ngizosibiza ngokuthi; usibiza ngoTom kodwa mina ngizosibiza ngoHarry. Kumele ngiveze ukuhlakanipha kwami.” Hlobo luni lwemvelo lolu? Akulona oluzicabangela lona lodwa kakhulu? Kodwa ingabe uNkulunkulu unaso isimo esinjalo? Ingabe uNkulunkulu waba nakho ukungavumelani ngandlela thile nokwenziwa u-Adamu? Impendulo ngu-cha omkhulu! Esimweni esembulwa uNkulunkulu, akukho ngisho inhlansi yokuphikisana, yobugovu, noma ukuzibona elungile. Lokho kukhanya bha lapha. Lena kumane kuyinto encane, kodwa uma ungasiqondi isiqu sikaNkulunkulu, uma inhliziyo yakho ingazami ukubona indlela uNkulunkulu enza ngayo nabheka ngayo izinto, kusho ukuthi ngeke usazi isimo sikaNkulunkulu, noma amazwi noma isambulo sesimo sikaNkulunkulu. Ingabe lelo akulona iqiniso? Ingabe niyavumelana nalokhu engiqeda kunikuchazela khona? Esabela ezenzweni zika-Adamu, uNkulunkulu akazange amemeze, “Wenze kahle! Wenze okufanele! Ngivumelana nawe.” Nokho, enhliziyweni Yakhe, uNkulunkulu wakwamukela, wakwazisa futhi wajabula ngalokho u-Adamu ayekwenzile. Lokho kwakuyinto yokuqala umuntu ayenza eqondiswa uNkulunkulu ngemva kokuba uNkulunkulu emdalile. Kwakuyinto umuntu ayenza emelela uNkulunkulu futhi eyenzela yena. Emehlweni kaNkulunkulu, kwabonakala ukuhlakanipha ayekunike umuntu. UNkulunkulu wakubona njengento enhle, into efanele. Okwenziwa u-Adamu ngaleso sikhathi kwakuwukuvezwa kokuqala kokuhlakanipha kukaNkulunkulu kumuntu. Kwakuwukubonakaliswa okuhle kombono kaNkulunkulu. Engifuna ukunitshela khona lana ukuthi injongo kaNkulunkulu ngokwenezela ingxenye yalokho anakho nalokho ayikho nokuhlakanipha Kwakhe kumuntu kwakungenxa yokuthi isintu sibe izidalwa eziphilayo ezimkhonzayo. Ukuthi izidalwa ezinjalo zenze izinto ngenxa Yakhe kwakuyiyona kanye into uNkulunkulu ayelangazelela ukuyibona.

3. UNkulunkulu Wenzela U-Adamu No-Eva Iziphuku Zezikhumba

UGenesise 3:20-21 Futhi u-Adamu wamqamba umkakhe igama lokuthi u-Eva; ngokuba wayengunina wabo bonke abaphilayo. UJehova uNkulunkulu wabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku zesikhumba, futhi wabambathisa.

Ake sibheke le ngxenye yesithathu, eveza ukuthi kunencazelo egameni u-Adamu aliqamba u-Eva, akunjalo? Lokhu kubonisa ukuthi ngemva kokudalwa, u-Adamu wayenemibono yakhe futhi eqonda izinto eziningi. Kodwa manje ngeke sicwaninge noma sihlaziye izinto ayeziqonda nokuthi kungakanani ayekuqonda ngoba leli akulona iphuzu eliyinhloko engifuna ukuxoxa ngalo kule ngxenye yesithathu. Ngakho yiliphi iphuzu eliyinhloko engxenyeni yesithathu? Masibheke umugqa othi, “UJehova uNkulunkulu wabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku zesikhumba, futhi wabambathisa.” Uma singaxoxi ngalo mbhalo namuhla, ningase ningayiqondi incazelo yala mazwi. Okokuqala, ake ngininike imikhondo. Sabalalisani umcabango wenu nibone ngeso lengqondo iNsimu Yase-Edene, u-Adamu no-Eva bephila kuyo. UNkulunkulu uya kubo uyobabona, kodwa bayacasha ngoba bahamba-ze. UNkulunkulu akababoni, futhi ngemva kokubamemeza, bathi, “Asikwazi ukukubona emizimbeni yethu ehamba-ze.” Abafuni ukubona uNkulunkulu ngoba banqunu. Ngakho yini uJehova uNkulunkulu abenzela yona? Umbhalo wokuqala uthi: “UJehova uNkulunkulu wabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku zesikhumba, futhi wabambathisa.” Manje niyazi yini ukuthi uNkulunkulu wasebenzisa ini ukuze abenzele okokwembatha? UNkulunkulu wasebenzisa isikhumba sesilwane ukuze abenzele okokwembatha. Lokho kusho ukuthi, uNkulunkulu wenzela umuntu ijazi loboya. Lokhu kwakuyinto yokuqala yokwembatha uNkulunkulu ayenzela umuntu. Ijazi loboya impahla ebiza kakhulu ezitolo ngokwezinga lanamuhla, akuyona into engagqokwa yinoma ubani. Uma othile ekubuza: Yisiphi isembatho sokuqala esembathwa okhokho besintu? Ungaphendula: Kwakuyijazi loboya. Ubani owenza leli jazi loboya? Ungaphendula futhi: Lenziwa uNkulunkulu! Yilelo iphuzu eliyinhloko: Lesi sembatho senziwa uNkulunkulu. Ingabe akuyona into okufanele siyiphawule leyo? Manje njengoba sengilichazile, ingabe sesikhona isithombe ezingqondweni zenu? Kumele okungenani kube nokuthile okucabangayo ngalo. Into eyenza nginitshele lokhu namuhla akukhona ukuthi kwakuyisiphi isembatho sokuqala somuntu. Ngakho lithini iphuzu? Okubalulekile akulona ijazi loboya, kodwa indlela yokwazi isimo nesiqu kanye nezinto ezembulwe uNkulunkulu ngesikhathi enza lokhu.

“UJehova uNkulunkulu wabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku zesikhumba, futhi wabambathisa,” Kulesi sigcawu, luhlobo luni lwendima uNkulunkulu ayidlalayo lapho eno-Adamu no-Eva? UNkulunkulu wayevela ekuyiphi indima kubantu ababili kuphela ababesemhlabeni? Kwakuyindima kaNkulunkulu? Bafowethu nodadewethu baseHong Kong, sicela niphendule. (Njengendima yomzali.) Bafowethu nodadewethu baseNingizimu yeKorea, hlobo luni lwendima enicabanga ukuthi uNkulunkulu uvela eyilo? (Inhloko yomndeni.) Bafowethu nodadewethu baseTaiwan, nina nicabangani? (Indima yothile emndenini ka-Adamu no-Eva, indima yelungu lomndeni.) Abanye benu bacabanga ukuthi uNkulunkulu uvela njengelungu lomndeni ka-Adamu no-Eva, kuyilapho abanye becabanga ukuthi uvela njengenhloko yomndeni, kanti abanye bathi njengomzali. Zonke lezi mpendulo zishaya emhloleni. Kodwa ngiyaphi? UNkulunkulu wadala laba bantu ababili futhi wabaphatha njengabangani Bakhe. Njengokuwukuphela kwamalungu omndeni Wakhe, uNkulunkulu wanakekela ukuphila kwawo nezidingo zawo eziyisisekelo. Lapha uNkulunkulu uvela njengomzali ka-Adamu no-Eva. Nakuba uNkulunkulu enza lokhu, umuntu akaboni ukuthi uNkulunkulu uphakeme kangakanani; akawaboni amandla amakhulu kakhulu kaNkulunkulu, izimangaliso Zakhe, futhi okubi nakakhulu ukuthi abawaboni amandla Akhe angenamkhawulo. Akubonayo nje ukuzithoba kukaNkulunkulu, uthando Lwakhe, ukukhathalela abantu, nesibopho Sakhe nendlela amnakekela ngayo. Indlela uNkulunkulu aphatha ngayo u-Adamu no-Eva iyafana nendlela abazali abakhathalela ngayo izingane zabo. Iphinde ifane nendlela abazali abangabantu abonothando ngayo, abanakekela ngayo amadodana namadodakazi abo—ingokoqobo, iyabonakala, futhi inokwethenjelwa. Esikhundleni sokuzibeka endaweni ephakeme nenkulu, uNkulunkulu wasebenzisa izikhumba ukuze enzele abantu okokwembatha. Akunandaba ukuthi leli jazi loboya lalisetshenziselwa ukuvikela isithunzi sabo noma ukubavikela emakhazeni. Ngamafuphi, lesi sembatho esasisetshenziselwa ukumboza umzimba womuntu sasenziwe uNkulunkulu mathupha ngezandla Zakhe. Kunokuthi asenze ngezindlela eziyimfihlakalo njengoba abantu becabanga, uNkulunkulu wenza into umuntu ayecabanga ukuthi ngeke akwazi ukuyenza futhi kwakungafanele ayenze. Lokhu kungenzeka yinto elula ongaboni ngisho nesidingo sokuthi ishiwo, kodwa ivumelana nabo bonke labo abalandela uNkulunkulu kodwa abebenemicabango eyinqaba ngaye ukuba baqonde ubuqotho nothando Lwakhe futhi babone ukwethembeka nokuthobeka Kwakhe. Kwenza omacaphuna-kusale abanobugovu abacabanga ukuthi baphakeme futhi banamandla amakhulu babe namahloni ngenxa yobuqotho nokuzehlisa kukaNkulunkulu. Lapha, ubuqotho nokuthobeka kukaNkulunkulu kwenza abantu babone uthando ayilo. Ngokuqhathanisa, ubukhulu bukaNkulunkulu, uthando lukaNkulunkulu, namandla amakhulu kaNkulunkulu ezinhliziyweni zabantu amancane, akukhangi, futhi ngeke kukwazi ngisho nokumelana namagalelo angatheni. Lapho ubona ivesi futhi uzwa le ndaba, ingabe umbukela phansi uNkulunkulu ngenxa yokuthi wenza leyo nto? Abanye bangase bambukele phansi, kodwa abanye bayokwenza okuphambene nalokho. Bayocabanga ukuthi uNkulunkulu uqotho futhi unothando, futhi ngempela kuwubuqotho bukaNkulunkulu nothando okubenza babe nogqozi. Lapho bebona khona uhlangothi lwangempela lukaNkulunkulu, yilapho beyokwazisa khona nakakhulu ukuba khona kothando lukaNkulunkulu, ukubaluleka kukaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, nendlela abesekela ngayo ngazo zonke izikhathi.

Kuleli qophelo, kufanele sihlobanise ingxoxo yethu nokwenzeka manje. Uma uNkulunkulu engenzela abantu abadala kusukela ekuqaleni lezi zinto ezincane eziningi, ngisho nezinto abantu abangenakuzicabanga futhi abangenakuzilindela, ingabe uNkulunkulu angabenzela abantu namuhla into efanayo? Abanye abantu bathi, “Yebo!” Kungani kunjalo? Kungenxa yokuthi isiqu sikaNkulunkulu akusona esenkohliso, uthando Lwakhe olwangempela. Ngenxa yokuthi isiqu sikaNkulunkulu sikhona ngempela futhi asiyona into eyenezelwe abanye, futhi asiyona into eshintsha nezikhathi, izindawo noma izinkathi. Ubuqotho bukaNkulunkulu nothando kungalingiswa ngokoqobo ngokwenza into abantu abacabanga ukuthi ayibalulekile noma encane ngezinga lokuthi abantu abacabangi nokuthi uNkulunkulu angayenza. UNkulunkulu akazenzisi. Alikho ihaba, ukuzifihla, noma ukuziqhenya noma ubugovu esimweni sikaNkulunkulu nasesiqwini Sakhe. Akalokothi aqhoshe, kodwa kunalokho uyathanda, akhathalele, anakekele, ahole abantu abadala ngokwethembeka nangobuqotho. Akukhathaleki ukuthi kungakanani abantu abakwazisayo kukho, abakuzwayo noma abakubonayo, uNkulunkulu nakanjani uyazenza lezi zinto. Ingabe ukwazi ukuthi uNkulunkulu unesiqu esinjalo kuyoluthinta uthando lwabantu ngaye? Ingabe kuyoyithonya indlela abantu abesaba ngayo uNkulunkulu? Ngethemba ukuthi lapho usuluqonda uhlangothi lwangempela lukaNkulunkulu uyosondelana kakhulu Naye futhi ulwazise ngokugcwele uthando Lwakhe nokunakekela Kwakhe isintu, kuyilapho ngesikhathi esifanayo unikela ngenhliziyo yakho kuNkulunkulu ngaphandle kwezinsolo noma ukungabaza. Konke uNkulunkulu ukwenzela umuntu buthule, ekwenza ngobuqotho obunokuthula okukhulu, ukwethembeka kanye nothando. Kodwa akukho ukukhathazeka noma ukuzisola anakho ngakho konke akwenzayo, futhi akaze adinge muntu ukuba amkhokhele nganoma iyiphi indlela noma abe nezinhloso zokuthola noma yini esintwini. Okuwukuphela kwenjongo yayo yonke into ake ayenza ukuthi isintu simbuyisele ngokholo nothando lweqiniso. Ake sigoqe lapha isihloko sokuqala.

Ingabe le ngxoxo inisizile? Inisize ngezinga elingakanani? (Ukuqonda okwengeziwe nokuqaphela uthando lukaNkulunkulu.) (Le ndlela yokuxhumana ingasisiza esikhathini esizayo ukuba silazise kakhudlwana izwi likaNkulunkulu, siqonde imizwa anayo, nencazelo esezintweni azishoyo nazisho kubo, nokuzwa indlela azizwa ngayo ngaleso sikhathi.) Ingabe abanye benu bakuzwa nakakhulu ukuba khona kukaNkulunkulu ngemva kokufunda la mazwi? Ingabe nizwa sengathi ukuba khona kukaNkulunkulu akuseyona into edidayo? Uma seninalo muzwa, niyezwa ukuthi uNkulunkulu useceleni kwenu? Mhlawumbe lowo muzwa awukho sobala okwamanje noma ningase ningakwazi ukuwuzwa okwamanje. Kodwa ngelinye ilanga, lapho usunokwazi okujulile nolwazi lwangempela ngesimo sikaNkulunkulu nesiqu Sakhe enhliziyweni yakho, uyozwa ukuthi uNkulunkulu usohlangothi lwakho—kumane kuwukuthi awukaze umamukele ngobuqotho uNkulunkulu enhliziyweni yakho. Lokhu kuyiqiniso.

Nicabangani ngale ndlela yokuxhumana? Ningakwazi yini ukuphakamisa amasokisi? Ingabe nicabanga ukuthi le ngxoxo emayelana nesihloko somsebenzi kaNkulunkulu nesimo sikaNkulunkulu iyindaba ebucayi kakhulu? Nizizwa kanjani? (Sijabule kakhulu, seneme.) Yini enenze najabula? Kungani beneneme? (Kwakufana nokubuyela eNsimini Yase-Edene, ukubuyela ohlangothini lukaNkulunkulu.) “Isimo sikaNkulunkulu” empeleni isihloko esingajwayelekile kuwo wonke umuntu, kodwa lokho ovame ukukucabanga, lokho okufunda ezincwadini, noma ozwa kuxoxwa ngakho, kukwenza uzizwe njengomuntu oyimpumputhe othinta indlovu—uyayizwa ngezandla zakho, kodwa awuboni lutho ngamahlo akho. “Ukuthinta ngesandla” empeleni akunakukunika uhlaka oluyisisekelo lokwazi uNkulunkulu, ingasaphathwa eyombono ofanele. Okukulethela khona nje, imicabango eminingi, ukuze ungasichazi ngokunembile isimo nesiqu sikaNkulunkulu. Esikhundleni salokho, lokho kungaqiniseki okuba semicabangweni yakho kuhlale kwenza ingqondo yakho igcwale ukungabaza. Uma ungaqiniseki ngento ethile kodwa usazama ukuyiqonda, enhliziyweni yakho kuyohlale kunezinto ezishayisanayo, futhi ngezinye izikhathi lokho kungase kubangele ukuphazamiseka, kukwenze uzizwe ulahlekile. Akuyona yini into ebuhlungu kakhulu uma ufuna uNkulunkulu, ukwazi uNkulunkulu, nokumbona ngokucacile, kodwa uhlale ungakwazi ukuthola izimpendulo? Yiqiniso, la mazwi ahloselwe labo abafisa ukuhlonipha uNkulunkulu nokumenelisa. Ngoba kubantu abangazilaleli izinto ezinjalo, lokhu akusho lutho kubo ngoba bacabanga ukuthi kungcono ukuthi ukuba khona kukaNkulunkulu kuyinto endala noma iphupho, ukuze benze noma yini abayifunayo, ukuze babe abakhulu futhi ababalulekile, ukuze benze izinto ezimbi ngaphandle kokubhekana nemiphumela, ukuze bangajeziswa noma balandise, ukuze ngisho nezinto uNkulunkulu azisho ngabenzi bokubi zingasebenzi kubo. Laba bantu abazimisele ukuqonda isimo sikaNkulunkulu, bakhathele ukuzama ukwazi uNkulunkulu nayo yonke into ngaye. Bebengajabula uma bekungathiwa uNkulunkulu akekho. Laba bantu bamelene noNkulunkulu futhi yibo abayoqothulwa.

Okulandelayo, sizoxoxa ngendaba kaNowa nendlela ehlobana ngayo nesihloko somsebenzi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu, noNkulunkulu uqobo Lwakhe.

Nimbona enzani uNkulunkulu kuNowa kule ngxenye yemibhalo? Mhlawumbe wonke umuntu ohlezi lapha kukhona akwaziyo akukufunda emibhalweni: UNkulunkulu wenza ukuba uNowa akhe umkhumbi, uNkulunkulu wasebenzisa uzamcolo ukuze abhubhise izwe. UNkulunkulu wavumela uNowa ukuba akhe umkhumbi ukuze asindise amalungu ayisishiyagalombili omndeni Wakhe, ukuze abe ukhokho wezizukulwane zesintu ezizayo. Manje ake sifunde imibhalo.

B. UNowa

1. UNkulunkulu Uhlose Ukubhubhisa Izwe NgoZamcolo, Uyala UNowa Ukuba Akhe Umkhumbi

UGenesise 6:9-14 Lezi izizukulwane zikaNowa: UNowa wayengumuntu olungile nongasoleki esizukulwaneni sakhe, futhi uNowa wayehamba noNkulunkulu. Futhi uNowa wazala amadodana amathathu, uShemi, uHamu noJafete. Umhlaba wase wonakele phambi kukaNkulunkulu, umhlaba wawugcwele ububi. UNkulunkulu wawubuka umhlaba, wawubona futhi, ukuthi wonakele; ngokuba yonke inyama yayonakalisile indlela yayo emhlabeni. UNkulunkulu wayesethi kuNowa, Ukuphela kwenyama yonke kufikile ngaphambi kwami; ngokuba umhlaba ugcwele ubudlova ngenxa yabantu; bheka, ngiyakubabhubhisa kanye nomhlaba. Zakhele umkhumbi ngemithi yegofere; wenze amakamelo emkhunjini, futhi uwuhuqe ngaphakathi kanye nangaphandle.

UGenesise 6:18-22 Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami nawe; futhi uzongena emkhunjini, wena, namadodana akho, nomkakho, nabafazi bamadodana akho bekanye nawe. Futhi kukho konke okuphilayo kwenyama, uzongenisa ezimbili kuzo zonke izinhlobo, ukuba uzigcine ziphile nawe; kube ngeyeduna neyensikazi. Kuzo izinyoni nezinhlobo zazo, nakuzo izinkomo nezinhlobo zazo, nakuzo izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo, kuzofika kuwe ezimbili zezinhlobo zonke, ukuba uzigcine ziphila. Futhi uzothatha konke ukudla okudliwayo, ukubuthele kuwe; kuyakuba ngukudla kwakho, kanye nokwazo. Ngakho uNowa wenze njalo; njengakho konke uNkulunkulu amyale ngakho, ngakho wenza kanjalo.

Ingabe manje seniyaqonda ukuthi uNowa ungubani ngemva kokufunda le ngxenye? Uluhlobo olunjani lomuntu uNowa? Umbhalo wokuqala uthi: “UNowa wayengumuntu olungile nongasoleki esizukulwaneni sakhe.” Ngokokuqonda kwabantu bamanje, kwakuwuhlobo olunjani lomuntu indoda eqotho endulo? Indoda eqotho kufanele kube umuntu ophelele. Ingabe niyazi noma le ndoda ephelele, iphelele emehlweni omuntu noma iphelele emehlweni kaNkulunkulu? Ngaphandle kokungabaza, le ndoda ephelele, iphelele emehlweni kaNkulunkulu hhayi emehlweni omuntu. Lokhu kuliqiniso! Lokhu kungenxa yokuthi umuntu uyimpumputhe akaboni, futhi uNkulunkulu kuphela obuka kuwo wonke umhlaba nakuwo wonke umuntu, futhi nguNkulunkulu kuphela uNowa aphelele kuye. Ngakho, icebo likaNkulunkulu lokubhubhisa umhlaba ngozamcolo laqala ngomzuzu abiza ngawo uNowa.

Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu wayehlose ukubiza uNowa ukuze enze into ebaluleke kakhulu. Kungani kwadingeka ukuba enze lokhu? Kungenxa yokuthi ngaleso sikhathi, uNkulunkulu wayenecebo enhliziyweni Yakhe. Icebo Lakhe kwakuwukubhubhisa umhlaba ngozamcolo? Kuthiwa lapha: “Umhlaba wase wonakele phambi kukaNkulunkulu, umhlaba wawugcwele ububi.” Ubonani emazwini athi “umhlaba wawugcwele ububi”? Kwakuyisimo esasisemhlabeni lapho umhlaba nabantu bawo kwakukhohlakele ngokwedlulele, okuwukuthi: “umhlaba wawugcwele ububi.” Olimini lwanamuhla, “ukugcwala ubudlova” kusho ukuthi yonke into ixovekile. Kumuntu, kusho ukuthi kuzo zonke izingxenye zokuphila akukho ukuhleleka, futhi kunesixakaxaka okunzima ukusiqondisa. Emehlweni kaNkulunkulu, kusho ukuthi abantu bezwe bakhohlakele kakhulu. Bakhohlakele ngezinga elingakanani? Bakhohlakele ngezinga lokuthi uNkulunkulu ngeke esakwazi ukububheka noma ukububekezelela ububi babo. Bakhohlakele ngezinga lokuthi uNkulunkulu unqume ukubabhubhisa. Lapho uNkulunkulu ezimisela khona ukubhubhisa izwe, wahlela ukuthola othile owayezokwakha umkhumbi. UNkulunkulu wakhetha uNowa ukuba enze lokhu, okuwukuvumela uNowa ukuba akhe umkhumbi. Kungani akhetha uNowa? Emehlweni kaNkulunkulu, uNowa wayeyindoda eqotho, futhi noma yini uNkulunkulu ayemyala ukuba ayenze wayeyenza ngendlela ayalwe ngayo. Kusho ukuthi wayenza konke uJehova athi akakwenze. UNkulunkulu wayefuna ukuthola umuntu onjengalona ukuze asebenze Naye, ukuba afeze ayemphathise khona, nokuba aqede umsebenzi Wakhe emhlabeni. Endulo, ingabe wayekhona omunye umuntu ngaphandle kukaNowa, owayengafeza lo msebenzi? Nakanjani wayengekho! UNowa wayewukuphela komuntu ongawenza, ukuphela komuntu owayengafeza lokho uNkulunkulu amphathise khona, ngakho uNkulunkulu Wakhetha yena. Kodwa ingabe umthamo nezinga likaNkulunkulu lokusindisa abantu lasendulo lisafana nelamanje? Impendulo ithi kunomehluko omkhulu! Kungani ngibuza? UNowa wayewukuphela komuntu owayeqotho kuNkulunkulu ngaleso sikhathi, okusho ukuthi akekho phakathi komkakhe namadodana akhe nowomalokazana bakhe ababengabantu abalungile, kodwa uNkulunkulu wabasindisa laba bantu ngenxa kaNowa. UNkulunkulu akabacelanga ngendlela acela ngayo abantu manje, kunalokho wawagcina ephila wonke amalungu omndeni kaNowa ayisishiyagalombili. Bamukela isibusiso sikaNkulunkulu ngenxa yokulunga kukaNowa. Ukube wayengekho uNowa, akekho kubo owayeyofeza lokho uNkulunkulu akuphathise abantu. Ngakho, uNowa wayewukuphela komuntu okwakufanele asinde ekubhujisweni komhlaba kwangaleso sikhathi, futhi abanye bazuza ngenxa kaNowa. Lokhu kubonisa ukuthi enkathini uNkulunkulu aqala ngayo ngokusemthethweni ukwenza umsebenzi Wakhe wokuqondisa, imiyalo namazinga aphatha ngawo abantu ayekhululekile. Kubantu banamuhla, indlela uNkulunkulu aphatha ngayo umndeni kaNowa onamalungu ayisishiyagalombili ibonakala ingenabulungisa. Kodwa uma kuqhathaniswa nomsebenzi omkhulu awenza manje kubantu nesilinganiso esidluliswa yizwi Lakhe kubantu, impatho uNkulunkulu ayinikeza amalungu ayisishiyagalombili omndeni kaNowa, kwakungaphezulu nje komyalo wangaleso sikhathi. Uma kuqhathaniswa, ingabe umndeni kaNowa onamalungu ayisishiyagalombili athola okuningi kuNkulunkulu kunalokhu okutholwa abantu namuhla?

Ukuthi uNowa wabizwa uNkulunkulu iqiniso elilula, kodwa iphuzu eliyinhloko lalokho esikhuluma ngakho—isimo sikaNkulunkulu, intando Yakhe, nesiqu Sakhe kule ndaba—akulula. Ukuze siqonde lezi zinto ezehlukahlukene zikaNkulunkulu, kumele siqale siqonde uhlobo lomuntu uNkulunkulu afisa ukulubiza, futhi ngalokhu, siqonde isimo, intando nesiqu sikaNkulunkulu. Lena indaba ebucayi. Ngakho emehlweni kaNkulunkulu, usuke eluhlobo olunjani lomuntu, umuntu ambizayo? Lona kumele kube umuntu ongalalela amazwi Akhe, ongalandela iziyalezo Zakhe. Ngesikhathi esifanayo, lona kumele kuphinde kube umuntu onokwethenjelwa, umuntu oyokwazi ukuphatha kahle izwi likaNkulunkulu ngokuliphatha njengesibopho noma umsebenzi azibophezele ukuwufeza. Ingabe kuyadingeka ukuthi lo muntu kube othile owazi uNkulunkulu? Cha. Endulo, uNowa wayengazange ezwe okuningi ngezimfundiso zikaNkulunkulu, noma abone umsebenzi kaNkulunkulu. Ngakho, lwaluluncane kakhulu ulwazi lukaNowa ngoNkulunkulu. Nakuba kulotshiwe ukuthi uNowa wahamba noNkulunkulu, ingabe walubona uqobo lukaNkulunkulu? Impendulo ngu-cha ongangatshazwa! Ngoba ngalezo nsuku, kwakuyizithunywa zikaNkulunkulu kuphela ezaziza kubantu. Nakuba zazimelela uNkulunkulu ekukhulumeni nasekwenzeni izinto, zazimane zedlulisa intando nezinhloso zikaNkulunkulu. Uqobo lukaNkulunkulu abembulwanga kumuntu ubuso nobuso. Kule ngxenye yemibhalo, okuwukuphela kwento esiyibonayo yilokho uNowa okwakufanele akwenze neziyalezo uNkulunkulu ayemnike zona. Ngakho uNkulunkulu wembula siphi isiqu lapha? Yonke into uNkulunkulu ayenza isuke ihlelwe ngokusezingeni eliphezulu. Lapho ebona isimo noma okuthile kwenzeka, kuzoba nesilinganiso esithile emehlweni akhe, futhi lesi silinganiso siyonquma ukuthi uyaqala yini ukusungula isu lokusingatha leyo nto noma ukuthi uzobhekana kanjani naleso simo naleyo nto. Akayena umuntu ongenandaba noma ongenamizwa ngayo yonke into. Empeleni ungokuphambene kakhulu nalokho. Kunevesi lapho uNkulunkulu athi khona kuNowa: “Ukuphela kwenyama yonke kufikile ngaphambi kwami; ngokuba umhlaba ugcwele ubudlova ngenxa yabantu; bheka, ngiyakubabhubhisa kanye nomhlaba.” Ezwini likaNkulunkulu kulokhu, ingabe wathi uzobhubhisa abantu kuphela? Cha! UNkulunkulu wathi uzobhubhisa zonke izinto eziphilayo zenyama. Kungani uNkulunkulu afuna ukubhubhisa? Kunesinye isambulo sesimo sikaNkulunkulu lapha: Emehlweni kaNkulunkulu, ukubekezelela Kwakhe inkohlakalo yomuntu, ukungcola, ubudlova, nokungalaleli kwayo yonke inyama kunemingcele. Ikuphi imingcele Yakhe? UNkulunkulu wathi: “UNkulunkulu wawubuka umhlaba, wawubona futhi, ukuthi wonakele; ngokuba yonke inyama yayonakalisile indlela yayo emhlabeni.” Asho ukuthini la mazwi athi “ngokuba yonke inyama yayonakalisile indlela yayo emhlabeni”? Asho ukuthi noma yini ephilayo, kuhlanganisa nalabo abalandela uNkulunkulu, labo ababiza igama likaNkulunkulu, labo abake banikela iminikelo eshiswayo kuNkulunkulu, labo abamqaphelayo ngezwi futhi baze bamdumise uNkulunkulu—uma ukuziphatha kwabo kwase kugcwele inkohlakalo kwabonwa uNkulunkulu, kwakuzodingeka ukuthi ababhubhise. Leyo imingcele kaNkulunkulu. Ngakho uNkulunkulu wababekezelela ngezinga elingakanani abantu nayo yonke inyama eyonakele? Ngezinga lokuthi bonke abantu, kungaba abalandeli bakaNkulunkulu noma abangakholwa, babengahambi endleleni efanele. Ngezinga lokuthi kwakungasekhona nje ukuthi umuntu unesimilo esikhohlakele futhi esigcwele ububi, kodwa wayengasekho okholelwa ekutheni uNkulunkulu ukhona, ingasaphathwa-ke eyokuthi kube khona ngisho oyedwa okholelwa ukuthi umhlaba ubuswa uNkulunkulu futhi uNkulunkulu angabaqondisa endleleni efanele abantu. Ngezinga umuntu angakuthandi ngalo ukuba khona kukaNkulunkulu futhi akamvumelanga uNkulunkulu ukuba abe khona. Uma inkohlakalo yomuntu isifinyelele kuleli zinga, kwakumphelela ukubekezela uNkulunkulu. Yini eyayingena esikhundleni sakho? Ukuza kwentukuthelo nesijeziso sikaNkulunkulu. Ingabe leso akusona isambulo sesimo sikaNkulunkulu? Kule nkathi, ingabe usekhona umuntu olungile emehlweni kaNkulunkulu? Ingabe usekhona umuntu ophelele emehlweni kaNkulunkulu? Ingabe kule nkathi, ukuziphatha kwayo yonke inyama emhlabeni kukhohlakele emehlweni kaNkulunkulu? Kulolu suku nenkathi, ngaphandle kwalabo uNkulunkulu afuna ukubaphelelisa, labo abangalandela uNkulunkulu futhi bamukele insindiso Yakhe, akukhona yini ukuthi yonke inyama ikubekela inselele ukubekezela kukaNkulunkulu? Akulona yini iqiniso ukuthi yonke into eyenzeka eceleni kwenu, eniyibona ngamehlo enu futhi eniyizwa ngezindlebe zenu, nezinto enizibona imihla namalanga kuleli zwe, akugcwele yini ubudlova? Emehlweni kaNkulunkulu, akufanele yini izwe elinjalo, inkathi enjena, kuqedwe ngayo? Nakuba imvelaphi yenkathi esikuyo yehluke kakhulu kwekaNowa, imizwa nenzondo uNkulunkulu anayo ngokukhohlakala komuntu kusafana ncamashi nokwangaleso sikhathi. UNkulunkulu ukwazi ukubekezela ngenxa yomsebenzi Wakhe, kodwa ngenxa yazo zonke izinhlobo zezimo, leli zwe kufanele ngabe kudala labhujiswa emehlweni kaNkulunkulu. Isimo sesihluke kakhulu kulokhu esasiyikho endulo ngesikhathi izwe libhujiswa ngozamcolo. Kodwa uyini umehluko? Lena kuphinde kube yinto eyethusa kakhulu inhliziyo kaNkulunkulu, futhi mhlawumbe okungekho muntu kini ongayazisa.

Lapho ebhubhisa izwe ngozamcolo, uNkulunkulu wabiza uNowa ukuze akhe umkhumbi futhi enze namalungiselelo omsebenzi. UNkulunkulu wabiza umuntu oyedwa—uNowa—ukuze azomenzela lezi zinto eziningi. Kodwa kule nkathi, uNkulunkulu akanamuntu angambiza. Kungani kunjalo? Wonke umuntu olana kungenzeka uyasiqonda futhi usazi kahle isizathu salokho. Ingabe nidinga ukuthi sishiwo Yimi? Ukusimemeza kunganenza niphoxeke futhi wonke umuntu athukuthele. Abanye bangase bathi: “Nakuba singebona nje abantu futhi singebona abantu abaphelele emehlweni kaNkulunkulu, uma uNkulunkulu esiyala ukuba senze into ethile, siyokwazi ukuyenza. Ngaphambi kwesikhathi lapho ethi kuza inhlekelele enkulu, saqala ukulungisa ukudla nezinto esasizozidinga ngaleyo nhlekelele. Ingabe lokhu asikwenzanga ngenxa yezinjongo zikaNkulunkulu? Ingabe asibambisani kahle nomsebenzi kaNkulunkulu? Ingabe lezi zinto esizenzile azinakuqhathaniswa nezenziwa uNowa? Ingabe ukwenza lokho esakwenza akukhona yini ukulalela kweqiniso? Ingabe besingalandeli iziyalezo zikaNkulunkulu? Asikwenzanga yini okushiwo uNkulunkulu ngenxa yokuthi sinokholo emazwini kaNkulunkulu? Kungani uNkulunkulu esadabukile? Kungani uNkulunkulu ethi akanamuntu angambiza?” Ingabe ukhona umehluko phakathi kwezenzo zenu nezikaNowa? Ukuphi umehluko? (Ukulungisa ukudla ngenxa yenhlekelele ezayo kwakuyizinhloso zethu.) (Izenzo zethu ngeke zifinyelele “ukulunga,” kuyilapho uNowa eyindoda elungile emehlweni kaNkulunkulu.) Enikushilo akukubi kakhulu. Okwenziwa uNowa kuhluke kakhulu kulokhu okwenziwa abantu namuhla. Ngesikhathi uNowa enza njengoba uNkulunkulu ayemyalile, wayengazi ukuthi zaziyini izinjongo zikaNkulunkulu. Wayengazi ukuthi uNkulunkulu wayefuna ukufeza ini. UNkulunkulu wayemnike kuphela umyalo, wamyala ukuba enze okuthile, ngaphandle kwencazelo eyenabile, futhi wahlabela phambili wakwenza. Akazamanga ukuthola izinhloso zikaNkulunkulu ngasese, futhi akamphikanga uNkulunkulu noma abe nenhliziyo embaxambili. Wamane wakwenza ngenhliziyo ehlanzekile nemsulwa. Noma yini uNkulunkulu ayemvumela ukuba ayenze wayenza, futhi ukulalela nokuzwa izwi likaNkulunkulu kwamqinisekisa ukuthi enze lezi zinto. Yileyo ndlela eqondile nelula akusingatha ngayo uNkulunkulu ayemphathise khona. Isiqu Sakhe—isisekelo sezenzo Zakhe kwakuwukulalela, hhayi ukuzama ukumhambela phambili, ukwenqaba, okukhulu nakakhulu, ngisho nokucabanga ngezinto azithandayo, ayengazithola, nezazizomlahlekela. Ngaphezu kwalokho, lapho uNkulunkulu ethi uzobhubhisa izwe ngozamcolo, uNowa akabuzanga ukuthi nini noma abuze ukuthi kuyokwenzekani ngezinto, futhi akambuzanga uNkulunkulu ukuthi wayezolibhubhisa kanjani izwe. Wamane wenza njengoba uNkulunkulu ayemyalile. Nokho uNkulunkulu wayazi ukuthi wayefuna kwenziwe ini futhi yenziwe ngani, wenza njengoba uNkulunkulu ayemcelile futhi waqala ngokushesha ukusebenza ngemva kwalokho. Wenza ngokwemiyalelo kaNkulunkulu enombono wokufuna ukwanelisa uNkulunkulu. Ingabe wayekwenzela ukuba kusizakale yena agweme inhlekelele? Cha. Ingabe wabuza uNkulunkulu ukuthi kwase kusele isikhathi esingakanani ngaphambi kokuba kubhujiswe izwe? Akazange. Ingabe wabuza uNkulunkulu noma ingabe wayazi ukuthi kwakuzothatha isikhathi esingakanani ukwakha umkhumbi? Nalokho futhi wayengakwazi. Wamane walalela, wezwa, futhi wenza njengoba etsheliwe. Abantu banamuhla bona bahlukile: Ngokushesha nje ngemva kokwembula kolwazi oluthile ezwini likaNkulunkulu, ngokushesha uma bephawula inhlekelele, bayogijimela ekwenzeni okuthile, akunandaba ukuthi lokho kuzodinga ini, bazolungisa abazokudla, abazokuphuza, futhi basebenzise leso sikhathi ukuze bazilungiselele indlela yokuphunyuka lapho kugadla inhlekelele. Okuhle nakakhulu ukuthi manje, izingqondo zabantu “sezikhaliphe” kakhulu. Ngaphansi kwezimo lapho uNkulunkulu zingekho iziyalezo azinikezile, umuntu wayehlela konke ngendlela efanele. Ningalisebenzisa igama elithi “ephelele” ukuze niyichaze. Ngokwalokho uNkulunkulu akushoyo, izinhloso zikaNkulunkulu eziyikho, noma lokho okufunwa uNkulunkulu, akekho onendaba futhi akekho ngisho ozamayo ukukwazisa. Ingabe lowo akuwona umehluko omkhulu phakathi kwabantu banamuhla noNowa?

Kule ndaba elotshiwe kaNowa, ingabe niyayibona ingxenye yesimo sikaNkulunkulu? Ukubekezelela kukaNkulunkulu inkohlakalo yomuntu, inzondo, nobudlova kunemingcele. Lapho efinyelela leyo mingcele, ngeke esabekezela futhi uyoqala ukuhlela umsebenzi Wakhe wokuqondisa necebo elisha, uyoqala ukwenza okufanele akwenze, embule izenzo Zakhe nolunye uhlangothi lwesimo Sakhe. Lesi sinyathelo Sakhe, asikona ukubonisa ukuthi akumele acasulwe umuntu noma ukuthi unegunya elikhulu nentukuthelo, futhi akusona esokubonisa ukuthi angasibhubhisa isintu. Kungenxa yokuthi isimo Sakhe nesiqu Sakhe esingcwele ngeke kusakwazi ukubekezelela lolu hlobo lwesintu ukuba luphile phambi Kwakhe, luphile ekubuseni Wakhe. Lokho kungukuthi, lapho sonke isintu simelene Naye, lapho kungenamuntu angamsindisa emhlabeni wonke, ngeke esakwazi ukubekezelela abantu abanjalo, futhi ngaphandle kokuphazama, uyoqala ukusebenzisa icebo Lakhe—abhubhise lolu hlobo lwesintu. Isenzo esinjalo sikaNkulunkulu sinqunywa isimo Sakhe. Lona umphumela odingekayo, futhi umphumela zonke ezidalwa ezibuswa uNkulunkulu okufanele zihlangabezane nawo. Ingabe lokhu akubonisi ukuthi kule nkathi yamanje, uNkulunkulu usejahe ukuqeda icebo Lakhe futhi asindise abantu afuna ukubasindisa? Ngaphansi kwalezi zimo, yini uNkulunkulu anendaba nayo kakhulu? Akuyona indlela labo abangamlandeli noma abamelene Naye abamphatha ngayo noma abamphika ngayo, noma indlela isintu esimqambela amanga ngayo. Unendaba kuphela nalabo abamlandelayo, abantu afuna ukubasindisa ecebweni Lakhe lokuqondisa, abaphelelisile, nokuthi bakwazile yini ukumanelisa. Ngokwabanye abantu ngaphandle kwalabo abamlandelayo, uyobonakalisa inzondo Yakhe ngokubajezisa. Ngokwesibonelo: ama-tsunami, ukuzamazama komhlaba, ukuqhuma kwentaba-mlilo, njalo njalo. Ngesikhathi esifanayo, ubavikela ngokuphelele labo abamlandelayo, futhi uzobasindisa. Isimo sikaNkulunkulu yilesi: Ngakolunye uhlangothi, abantu afuna ukubaphelelisa angababekezelela kakhulu futhi abe nesineke ngabo, abalinde ngokwezinga angakwazi ngalo; ngakolunye uhlangothi, uNkulunkulu ubazonda kakhulu labo bantu abafana noSathane abangamlandeli futhi abamelana Naye. Nakuba engenandaba nokuthi lezi zinhlobo ezifana noSathane ziyamlandela yini noma ziyamkhonza yini, usabazonda nakuba esababekezelele enhliziyweni Yakhe, futhi njengoba ezoqeda ngalezi zinhlobo ezifana noSathane, usalinde ukuqala kwezinyathelo zomsebenzi wecebo Lakhe lokuqondisa.

Ake sibheke ingxenye elandelayo.

2. Izibusiso UNkulunkulu Azipha UNowa Ngemva KukaZamcolo

UGenesise 9:1-6 Futhi uNkulunkulu wambusisa uNowa kanye namadodana akhe, futhi wathi kubo, Zalani, bese nanda, futhi nigcwale umhlaba. Futhi uvalo nokwesaba kwenu kuzakuba phezu kwezilwane zonke zomhlaba, naphezu kwazo zonke izinyoni zezulu, naphezu kwakho konke okunwabuzelayo emhlabeni, naphezu kwazo zonke izinhlanzi zolwandle; kunikezelwe ezandleni zenu. Zonke izilwane eziphilayo ziyakuba ngukudla kwenu; ngisho nemifino eluhlaza ngiyaninika konke. Kepha inyama okuyo ukuphila kwayo, okuyigazi layo, ningayidli. Futhi ngokuqinisekileyo igazi lokuphila kwenu ngiyakulibiza; nakuzo zonke izilwane ngiyakulibiza, nasesandleni somuntu; esandleni somfowabo umuntu ngiyakubiza ukuphila komuntu. Noma ubani ochitha igazi lomuntu, nelakhe igazi liyochithwa umuntu: ngokuba wenziwa umuntu ngomfanekiso kaNkulunkulu.

Yini eniyibonayo kule ngxenye? Kungani ngikhethe la mavesi? Kungani ngingasebenzisi isibonelo sikaNowa nokuphila komndeni wakhe kwasemkhunjini? Ngoba leyo mininingwane ayihlobene kakhulu nesihloko esikhuluma ngaso namuhla. Esigxile kukho isimo sikaNkulunkulu. Uma nifuna ukwazi ngalezo zinto, khona-ke thathani iBhayibheli nizifundele nina lezo zinto. Ngeke sikhulume ngazo lapha. Into eyinhloko esikhuluma ngayo namuhla imayelana nokwazi izenzo zikaNkulunkulu.

Ngemva kokuba uNowa amukele imiyalelo kaNkulunkulu futhi wakha umkhumbi wahlala kuwo izinsuku ezaba inkathi kazamcolo uNkulunkulu abhubhisa ngawo izwe, kwasinda amalungu omndeni wakhe ayisishiyagalombili. Ngaphandle kwamalungu omndeni kaNowa ayisishiyagalombili, sonke isintu sabhujiswa, futhi zonke izinto eziphilayo emhlabeni zabhujiswa. UNowa, uNkulunkulu wamnika izibusiso, washo izinto ezithile kuye nasemadodaneni akhe. Lezi izinto uNkulunkulu azibeka phambi Kwakhe futhi uNkulunkulu wambusisa. Lesi isibusiso nesethembiso uNkulunkulu usinika othile ongamlalelayo futhi amukele iziyalezo Zakhe, nendlela anika ngayo abantu umklomelo. Lokho kusho ukuthi, kungakhathaleki ukuthi uNowa wayengumuntu ophelele noma olungile emehlweni kaNkulunkulu, futhi kungakhathaleki ukuthi kungakanani ayekwazi ngoNkulunkulu, ngamafuphi, uNowa namadodana akhe amathathu bonke balalela amazwi kaNkulunkulu, baqondiswa umsebenzi kaNkulunkulu, futhi benza lokhu okwakufanele bakwenze ngokuvumelana neziyalezo zikaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, basiza uNkulunkulu wabuyisa isintu nezinhlobonhlobo zezinto eziphilayo ngemva kwembubhiso yezwe ngozamcolo, baba negalelo elikhulu esinyathelweni sikaNkulunkulu esilandelayo somsebenzi kaNkulunkulu wecebo Lakhe lokuqondisa. Ngenxa yakho konke akwenza, uNkulunkulu wambusisa. Mhlawumbe kubantu banamuhla, akusizi ngalutho ukuxoxa ngalokho uNowa akwenza. Abanye bangase bacabange: UNowa akenzanga lutho; uNkulunkulu wayevele ehlose ukumgcina, ngakho wayevele ezosindiswa. Ukusindisa Kwakhe akufanale kulethe udumo kuye. Le nto yilena uNkulunkulu ayefuna ukuyenza, umuntu umane uyithuluzi. Kodwa akukhona lokho uNkulunkulu ayekucabanga. KuNkulunkulu, akunandaba ukuthi umuntu mkhulu noma akabalulekile, uma nje engakwazi ukumlalela, alalele neziyalezo Zakhe uzomphathisa umsebenzi, futhi engabambisana Naye emsebenzini Wakhe, kuyintando Yakhe, ecebweni Lakhe, ukuze intando necebo Lakhe kufezwe ngokushelelayo, khona-ke ukuziphatha okunjalo kukufanele ukukhumbula Kwakhe futhi kukufanele ukwamukela izibusiso Zakhe. UNkulunkulu uyabazisa abantu abanjalo, futhi uyazazisa izenzo zabo nothando abanalo ngaye. Lena indlela uNkulunkulu abheka ngayo izinto. Ngakho kungani uNkulunkulu abusisa uNowa? Kungenxa yokuthi leyo iyona ndlela uNkulunkulu asingatha ngayo izenzo ezinjalo nabantu abamlalelayo.

Mayelana nezibusiso zikaNkulunkulu ngoNowa, abanye abantu bazothi: “Uma umuntu elalela futhi anelise uNkulunkulu, khona-ke umuntu kufanele abusise umuntu. Ingabe akufanele kube njalo vele?” Singakusho lokho? Abanye abantu bathi: “Cha.” Kungani singavele sisho njalo? Abanye bathi: “Umuntu akakufanelekeli ukujabulela izibusiso zikaNkulunkulu.” Lokho akulona iqiniso konke. Ngoba lapho umuntu amukela lokho uNkulunkulu amphathise khona, uNkulunkulu unezinga Lakhe lokwahlulela kungaba ukuthi izenzo zomuntu zilungile noma zimbi noma ukuthi ulalelile, noma ukuthi lowo muntu uyanelisile intando kaNkulunkulu nokuthi uyafaneleka yini. Into uNkulunkulu anendaba nayo inhliziyo yomuntu, hhayi izenzo zabo zangaphandle. Akukhona ukuthi uNkulunkulu kufanele abusise umuntu uma esalalela, kungakhathaleki ukuthi ulalela kanjani. Lokhu ukungaqondi kwabantu uNkulunkulu. UNkulunkulu akabheki nje isiphetho sezinto, kodwa ubheka kakhulu lokho inhliziyo yomuntu eyikho nendlela umbono womuntu ngezinto oyiwo phakathi nokuhamba kwezinto, abheke ukuthi kukhona yini ukulalela, ukucabangela, kanye nesifiso sokwanelisa inhliziyo kaNkulunkulu. Kungakanani uNowa ayekwazi ngoNkulunkulu ngaleso sikhathi? Ingabe kwakuyizimfundiso enizaziyo manje? Mayelana nezinto eziphathelene neqiniso ezifana nemibono nolwazi ngoNkulunkulu, ingabe wathola amanzi nokwalusa okulingana nokwenu? Cha, akunjalo! Kodwa kuneqiniso elilodwa elingenakuphikwa: Konembeza, izingqondo, ngisho nokujula kwezinhliziyo zabantu namuhla, indlela ababheka ngayo uNkulunkulu ifiphele futhi ayiqondakali. Ningaze nithi ingxenye ethile yabantu ikubheka ngendlela engafanele ukuba khona kukaNkulunkulu. Kodwa enhliziyweni kaNowa nakunembeza Wakhe, ukuba khona kukaNkulunkulu kwakuyinto ayikholwayo futhi angayingabazi nakancane, ngaleyo ndlela ukulalela Kwakhe uNkulunkulu kwakuhlanzekile futhi kungamelana novivinyo. Inhliziyo yakhe yayihlanzekile futhi ivulekile kuNkulunkulu. Wayengadingi ulwazi oluningi lwezimfundiso ukuze aziqinisekise ngawo wonke amazwi kaNkulunkulu, futhi wayengadingi amazwi amaningi ukuze aqiniseke ngokuthi uNkulunkulu ukhona, ukuze amukele ukuthi uNkulunkulu umphathisile futhi enze noma yini amvumela ukuthi ayenze. Lona umehluko obalulekile phakathi kukaNowa nabantu banamuhla, futhi kuchaza incazelo yangempela yokuthi ngonjani umuntu ophelele emehlweni kaNkulunkulu. Into uNkulunkulu ayifunayo kumuntu ofana noNowa. Uluhlobo lomuntu uNkulunkulu alutusayo, futhi nakanjani uluhlobo lomuntu uNkulunkulu alubusisayo. Ingabe kukhona ukukhanya enikuthola kulokhu? Abantu babona ukubonakala kwangaphandle kubantu, kuyilapho uNkulunkulu ebona izinhliziyo zabantu nengaphakathi labo. UNkulunkulu akavumeli muntu antule ukuba nogqozi noma abe manqikanqika Kuye, futhi akabavumeli abantu ukuba bamsole noma bamvivinye nganoma iyiphi indlela. Ngakho, ngisho noma abantu namuhla bebukana nezwi likaNkulunkulu, noma ningase nithi bebukana noNkulunkulu, ngenxa yezinto ezisekujuleni kwezinhliziyo zabo, ukuba khona kwenkohlakalo kubo, inzondo yabo ngaye, baphazamise inkololelo yabo yangempela ngoNkulunkulu, abasakwazi ukumlalela. Ngenxa yalokho, kunzima kakhulu ngabo ukuthola isibusiso esifanayo nesanikwa uNowa.

Okulandelayo, ake sihlolisise ingxenye yemibhalo emayelana nendlela uNkulunkulu enza ngayo uthingo lwaba uphawu lwesivumelwano Sakhe nabantu.

3. UNkulunkulu Wenza Uthingo Njengophawu Lwesivumelwano Sakhe Nabantu

UGenesise 9:11-13 Futhi ngizomisa isivumelwano Sami nawe, ayisekho inyama eyophinda ibhujiswe ngamanzi kazamcolo; akasayikuza uzamcolo ukubhubhisa umhlaba. Futhi uNkulunkulu wathi, Lokhu kuwuphawu lwesivumelwano engisenza phakathi Kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo ezinani, izizukulwane ngezizukulwane zaphakade: Ngiyamisa uthingo Lwami emafwini, futhi luyakuba uphawu lwesivumelwano phakathi Kwami nomhlaba.

Abantu abaningi bayalwazi uthingo futhi baye bezwa izindaba ezithile ezimayelana nothingo zilandiswa. Indaba eseBhayibhelini emayelana nothingo, abanye bayayikholelwa, abanye bayibheka njengenganekwane, kuyilapho abanye bengayikholelwa nhlobo. Kunoma yikuphi, yonke into eyenzeka emayelana nothingo iyizo zonke izinto uNkulunkulu ake wazenza, futhi izinto ezenzeka phakathi nenqubo yokuqondisa kukaNkulunkulu. Lezi zinto zilotshwe njengoba zinjalo eBhayibhelini. Lezi zinto ezilotshiwe azisitsheli ukuthi uNkulunkulu wayekusiphi isimo ngaleso sikhathi noma izinhloso ezikula mazwi akhulunywa uNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, akekho ongajabula ngendlela uNkulunkulu ayezizwa ngayo lapho ewakhuluma. Nokho, isimo sengqondo kaNkulunkulu mayelana nazo zonke lezi zinto siyembulwa kula mazwi alotshiwe. Kunjengokuthi imicabango Yakhe ngaleso sikhathi yagxumela ekhasini elilandelayo ngezwi ngalinye noma amazwi ezwi likaNkulunkulu.

Imicabango kaNkulunkulu iyona nto okufanele abantu bakhathazeke ngayo futhi okufanele ngabe abantu bazama kakhulu ukuyazi. Lokhu kungenxa yokuthi imicabango kaNkulunkulu ihlobene kakhulu nokuqonda komuntu uNkulunkulu, futhi ukuqonda komuntu uNkulunkulu kuyimfuneko edingekayo ukuze umuntu angene ekuphileni. Ngakho wayecabangani uNkulunkulu ngesikhathi lezi zinto zenzeka?

Ekuqaleni, uNkulunkulu wadala isintu, emehlweni Akhe esasilungile futhi sisondelene Naye, kodwa sabhujiswa uzamcolo ngemva kokuhlubuka Kuye. Ingabe kwamlimaza uNkulunkulu ukuthi labo bantu bavele bashabalala kanjalo nje? Nakanjani kwamlimaza! Ngakho wabuveza kanjani ubuhlungu Bakhe? Kwalotshwa kanjani eBhayibhelini? Kwalotshwa kanjena eBhayibhelini: “Futhi ngizomisa isivumelwano Sami nawe, ayisekho inyama eyophinda ibhujiswe ngamanzi kazamcolo; akasayikuza uzamcolo ukubhubhisa umhlaba.” Lo musho olula wembula imicabango kaNkulunkulu. Lokhu kubhujiswa kwezwe kwamzwisa ubuhlungu obukhulu. Ngamazwi omuntu, wadabuka kakhulu. Singase sicabange: Umhlaba owawugcwele ukuphila wabukeka kanjani ngemva kokubhujiswa uzamcolo? Umhlaba owake wagcwala abantu, wawusubukeka kanjani manje? Kwakungekho muntu owayakhe khona, isilwane esiphilayo, kunamanzi kuyo yonke indawo futhi kungcolile kubo bonke ubuso bamanzi. Ingabe leyo kwakuvele kuyinjongo kaNkulunkulu ngesikhathi edala umhlaba? Kusobala ukuthi akunjalo! Injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni kwakuwuthi kube nokuphila kulo lonke izwe, ukubona abantu abadalile bemkhonza, hhayi nje ukukhonzwa uNowa yedwa noma ukuthi noma ubani osabelayo lapho embiza afeze amphathise khona. Lapho abantu beshabalala, uNkulunkulu akabonanga lokhu ayekuhlosile ekuqaleni, kodwa wabona okuphambene kakhulu nalokho. Yayingahlala kanjani inhliziyo Yakhe ingabuzwa ubuhlungu? Ngakho ngesikhathi embula isimo Sakhe futhi eveza imizwa Yakhe, uNkulunkulu wenza isinqumo. Wenza nhloboni yesinqumo? Wenza uthingo efwini (phawula: uthingo esilubonayo) njengesivumelwano nomuntu, isethembiso sokuthi uNkulunkulu ngeke aphinde abhubhise isintu ngozamcolo. Ngesikhathi esifanayo, kwakuwukutshela abantu ukuthi uNkulunkulu wake walibhubhisa izwe ngozamcolo, ukuze akhumbuze isintu kuze kube phakade ukuthi kungani enza leyo nto.

Ingabe ukubhubhisa izwe kulokhu kwakuyinto uNkulunkulu ayeyifuna? Nakanjani kwakungeyona into uNkulunkulu ayeyifuna. Singase sikwazi ukucabanga ngengxenyana yomhlaba edabukisayo ngemva kokubhujiswa kwezwe, kodwa ngeke sikwazi nokusondela ekutheni wayezizwa kanjani uNkulunkulu ngaleso senzakalo. Singase sithi, kungaba abantu bamanje noma bangemva kwalokho, akekho okwazi ukucabanga noma ukubona indlela uNkulunkulu ayezizwa ngayo lapho ebona isimo, leso sithombe somhlaba sibhujiswa uzamcolo. UNkulunkulu wayephoqelekile ukwenza lokhu ngenxa yokungalaleli komuntu, kodwa ubuhlungu obazwiwa inhliziyo kaNkulunkulu ngenxa yalokhu kubhujiswa kwezwe uzamcolo iqiniso okungekho muntu ongaliqonda. Yingakho uNkulunkulu enze isivumelwano nesintu, okwakuwukutshela abantu ukuba bakhumbule ukuthi uNkulunkulu wake wenza into efana nale, nokufunga kubo ukuthi uNkulunkulu akasoze abhubhisa izwe ngaleyo ndlela futhi. Kulesi sivumelwano sibona inhliziyo kaNkulunkulu—sibona ukuthi inhliziyo kaNkulunkulu yayisezinhlungwini lapho ebhubhisa lesi sintu. Ulimi lomuntu, lapho uNkulunkulu ebhubhisa isintu, futhi ebona isintu sishabalala, inhliziyo Yakhe yayilila futhi yopha igazi. Akuyona yini indlela engcono esingayichaza ngayo lena? La mazwi asetshenziswa abantu ukuze bafanise imizwa yomuntu, kodwa njengoba ulimi lomuntu luntula kakhulu, ukuwasebenzisa ukuze ngichaze imizwa kaNkulunkulu akubonakali kuyinto embi kimi, futhi akubonakali kuyihaba elikhulu. Okungenani, kuninikeza ukuqonda okujulile ngokuthi uNkulunkulu wayezizwa kanjani ngaleso sikhathi. Yini eniyocabanga ngayo manje uma niphinde nibona uthingo? Okungenani niyoyikhumbula indlela uNkulunkulu ake aba sosizini ngayo ngokubhubhisa izwe ngozamcolo. Niyoyikhumbula indlela, nakuba uNkulunkulu ayengalithandi leli zwe kanye nesintu, lapho ebhubhisa abantu abadala ngezandla Zakhe, inhliziyo Yakhe eyezwa ngayo ubuhlungu, kunzima ukudlulisa lokhu, ezizwa eshiywe dengwane futhi kunzima ukuthwala lokhu. Okuwukuphela kwenduduzo Yakhe kwakuwumndeni kaNowa wamalungu ayisishiyagalombili. Ukubambisana kukaNowa noNkulunkulu okwenza imizamo kaNkulunkulu yokunciphisa izinhlungu yathi ukudamba. Ngesikhathi uNkulunkulu esahlukumezekile, lena kwakuwukuphela kwento eyayingamsiza ezinhlungwini Zakhe. Kusukela lapho, uNkulunkulu wabeka wonke amathemba ngayekulindele kubantu emndenini kaNowa, ngethemba lokuthi bangaphila ngezibusiso Zakhe, hhayi ngeziqalekiso Zakhe, benethemba lokuthi ngeke baphinde babone uNkulunkulu ebhubhisa umhlaba ngozamcolo, futhi benethemba lokuthi ngeke babhujiswe.

Iyiphi ingxenye yesimo sikaNkulunkulu okufanele siyiqonde lapha? UNkulunkulu umzondile umuntu ngenxa yokuthi wayenobutha Naye, kodwa inhliziyo Yakhe, ukunakekela Kwakhe, ukukhathazeka nomusa ngesintu akukashintshi. Ngisho nalapho ebhubhisa isintu, inhliziyo Yakhe ayishintshanga. Lapho isintu sigcwele inkohlakalo nokungamlaleli ngezinga elithile uNkulunkulu, uNkulunkulu kwadingeka ukuthi asibhubhise lesi sintu ngenxa yesimo Sakhe, isiqu Sakhe, kanye nemiyalo Yakhe. Kodwa ngenxa yesiqu sikaNkulunkulu, wazwelana nabantu, futhi waze wafuna nokusebenzisa izindlela ezehlukahlukene ukuze ahlenge isintu ukuze sizokwazi ukuqhubeka siphila. Kunalokho, umuntu wamelana noNkulunkulu, waqhubeka engamlaleli uNkulunkulu, futhi wenqaba ukwamukela insindiso kaNkulunkulu, okuwukuthi, wenqaba ukwamukela izinhloso ezinhle. Kungakhathaleki ukuthi uNkulunkulu ubabiza kanjani, ubakhumbuza kanjani, ubanika ini, ubasiza kanjani, noma ubabekezelela kangakanani, abantu abakaze baqonde noma bamazise futhi bebelokhu benganaki. Ebuhlungwini Bakhe, uNkulunkulu akazange akhohlwe ukubekezelela umuntu ngezinga angakwazi ngalo, alinde umuntu ukuba aphenduke. Uma esefinyelele umkhawulo Wakhe, wenza lokho okufanele akwenze ngaphandle kokunqikaza. Ngamanye amazwi, kwakunenkathi nenqubo ethile ekhethekile ngesikhathi uNkulunkulu ahlela ngaso ukubhubhisa isintu ekuqaleni Kwakhe kwangempela umsebenzi wokubhubhisa abantu. Le nqubo yaba khona ukuze kunikwe umuntu ithuba lokuphenduka, futhi kwakuyithuba lokugcina uNkulunkulu alinika umuntu. Ngakho yini eyenziwa uNkulunkulu ngale nkathi ngaphambi kokubhubhisa isintu? UNkulunkulu wenza umsebenzi obalulekile wokukhumbuza nokunxusa. Akunandaba ukuthi bungakanani ubuhlungu nosizi uNkulunkulu akuzwa enhliziyweni Yakhe, waqhubeka enakekela, ekhathalela futhi ebonisa isintu umusa omningi. Yini esiyibonayo kulokhu? Ngokungangabazeki, sibona ukuthi uthando lukaNkulunkulu ngesintu lungokoqobo, akuyona nje into enzela ngayo ukuthi kungakhulunywa. Lungokoqobo, lunokwethenjelwa futhi olokwaziswa, alusilo olokukhohlisa, luhlanzekile, alukhohlisi noma alunabuzenzisi. UNkulunkulu akalokothi akhohlise noma akhe izithombe ezingamanga ukuze athandeke kubantu. Akalokothi asebenzise ubufakazi obungamanga ukuze abantu bamthande, noma aluthe abantu ngothando Lwakhe noma ubungcwele Bakhe. Lezi zici zesimo sikaNkulunkulu azilufanele yini uthando lwabantu? Azikufanele yini ukukhonzwa? Azikufanele yini ukwaziswa? Kuleli qophelo, ngifuna ukunibuza: Ngemva kokuzwa la mazwi, ingabe nicabanga ukuthi ubukhulu bukaNkulunkulu bumane bungamazwi asephepheni nje? Ingabe uthando lukaNkulunkulu lumane nje lungamazwi? Cha! Nakanjani akunjalo! Amandla amakhulu kaNkulunkulu, ubukhulu, ubungcwele, ukubekezela, uthando, njalo njalo—yonke imininingwane yazo zonke lezi zinto ezehlukahlukene zesimo nesiqu sikaNkulunkulu ivezwa ngokoqobo ngaso sonke isikhathi uma enza umsebenzi Wakhe, ihambisana nentando Yakhe ngesintu, futhi zigcwaliswa kuwo wonke umuntu. Kungakhathaleki ukuthi wake wakuzwa yini ngaphambilini noma cha, uNkulunkulu ukhathalela wonke umuntu ngazo zonke izindlela, usebenzisa inhliziyo Yakhe eqotho, ukuhlakanipha, nezindlela ezehlukahlukene ukuze afudumeze inhliziyo yomuntu ngamunye, futhi avuse umoya womuntu ngamunye. Leli iqiniso elingenakuphikwa. Akunandaba ukuthi bangaki abantu abahleli lapha, umuntu ngamunye uke wazizwa ngendlela ehlukile ngokubekezela kukaNkulunkulu, kanye nothando Lwakhe. Lezi zinto ezimayelana noNkulunkulu nemizwa noma izinto eziqashelwayo ngaye—ngamafuphi, zonke lezi zinto ezinhle zivela kuNkulunkulu. Ngakho ngokuhlanganisa izinto wonke umuntu adlule kuzo nolwazi lukaNkulunkulu bese ukuhlanganisa nokufunda kwethu izingxenye zeBhayibheli namhlanje, ingabe manje seninokuqonda okungokoqobo nokufanele ngoNkulunkulu?

Ngemva kokufunda le ndaba nokuqonda ingxenye ethile yesimo sikaNkulunkulu eyembulwe kulesi senzakalo, yikuphi ukwazisa okusha ceké eninakho ngoNkulunkulu? Ingabe kuninike ulwazi olujulile ngoNkulunkulu nenhliziyo Yakhe? Ingabe nizizwa ngendlela ehlukile manje lapho niphinda nibuka indaba kaNowa? Ngokwemibono yenu, besikhona yini isidingo sokuxoxa ngala mavesi eBhayibheli? Manje njengoba sesixoxile ngawo, ingabe nicabanga ukuthi besingekho isidingo? Besikhona isidingo, akunjalo? Nakuba esikufundayo kuyindaba, kuwumbhalo onembile womsebenzi owake wenziwa uNkulunkulu. Injongo Yami bekungekhona ukunenza niqonde imininingwane yalezi zindaba noma umlingiswa, futhi bekungekhona ukuthi nicwaninge ngomlingiswa, futhi nakanjani bekungekhona ukunenza nihambe niyophinde nifunde iBhayibheli. Niyakuqonda lokho? Ngakho ingabe lezi zindaba zilusizile ulwazi lwenu ngoNkulunkulu? Yini eyenezelwe yile ndaba olwazini lwenu ngoNkulunkulu? Sitsheleni, bafowethu nodadewethu baseHong Kong. (Sibone ukuthi akekho kithi thina bantu abakhohlakele ongaba nothando lukaNkulunkulu.) Sitsheleni, bafowethu nodadewethu baseSouth Korea. (Uthando lukaNkulunkulu ngomuntu lungokoqobo. Uthando lukaNkulunkulu ngomuntu luqukethe isimo Sakhe nobukhulu Bakhe, ubungcwele, amandla Akhe amakhulu kanye nokubekezela Kwakhe. Kusifanele ukuba sizame ukukuqonda ngokujulile.) (Ngenxa yengxoxo esiqeda kuba nayo, ngiyakwazi ukubona ngolunye uhlangothi ukulunga kukaNkulunkulu nesimo esingcwele, futhi ngingabona nokukhathazeka uNkulunkulu anakho ngesintu, umusa kaNkulunkulu ngesintu, nokuthi yonke into uNkulunkulu ayenzayo, yonke imicabango nemibono Yakhe, kwembula uthando Lwakhe nokukhathalela isintu.) (Ukuqonda kwami esikhathini esedlule kwakuwukuthi uNkulunkulu wasebenzisa uzamcolo ukuze abhubhise izwe ngoba isintu siye saba simbi ngokwezinga elithile, futhi kwakusengathi uNkulunkulu ubhubhise laba bantu ngoba ebazonda. Kungemva kokuba uNkulunkulu ekhulume ngendaba kaNowa namuhla futhi kwathi inhliziyo kaNkulunkulu yayopha, ngakho ngaqaphela ukuthi uNkulunkulu wayengajabuli ngokulahlekelwa isintu. Kwakungenxa yokuthi isintu sasingalaleli kakhulu okwenza uNkulunkulu angaboni enye indlela ngaphandle kokusibhubhisa. Eqinisweni, inhliziyo kaNkulunkulu ngaleso sikhathi yayidabuke kakhulu. Kulokhu ngingabona esimweni sikaNkulunkulu ukukhathalela nokukhathazeka anakho ngesintu. Lena into ebengingayazi ngaphambili.) Kuhle kakhulu! Ningadlulela phambili. (Ngithinteke kakhulu ngemva kokulalela. Ezikhathini ezedlule ngike ngalifunda iBhayibheli, kodwa angikaze ngibone lokhu engikubone namuhla lapho uNkulunkulu ezihlaziyela yena izinto ukuze simazi kangcono. Ngoba ukusifundisa kukaNkulunkulu kanjena iBhayibheli, kungenza ngazi ukuthi isiqu sikaNkulunkulu ngaphambi kokonakala kwesintu kwakuwuthando nokukhathalela Kwakhe isintu. Kusukela ngesikhathi umuntu onakaliswa ngaso kuze kube izinsuku zokugcina manje, nakuba uNkulunkulu efeza isimo sokulunga, uthando nokukhathalela Kwakhe akukashintshi. Lokhu kubonisa ukuthi isiqu sothando lukaNkulunkulu, kusukela ekudalweni kuze kube manje, kungakhathaleki ukuthi umuntu wonakalisiwe noma cha, asikaze sishintshe.) (Namhlanje ngibone ukuthi isiqu sikaNkulunkulu ngeke sishintshe ngenxa yoshintsho lwezikhathi noma lwezindawo zomsebenzi Wakhe. Ngiphinde ngabona ukuthi akunandaba ukuthi uNkulunkulu udala izwe noma uyalibhubhisa ngemva kokonakaliswa komuntu, yonke into ayenzayo inencazelo futhi iqukethe isimo Sakhe. Ngakho ngibonile ukuthi uthando lukaNkulunkulu alupheli futhi alukaleki, ngiphinde ngabona ukuthi, njengoba abanye abafowethu nodadewethu beshilo, ukukhathalela nomusa kaNkulunkulu esintwini lapho ebhubhisa izwe.) (Lezi ngempela yizinto ebengingazazi. Ngemva kokulalela namuhla, ngizwa sengathi uNkulunkulu umangalisa ngempela, unokwethenjelwa ngempela, futhi ukufanele ukuthi simkholelwe, nokuthi ngempela ukhona. Ngikwazisa ngokujulile enhliziyweni yami ukuthi isimo sikaNkulunkulu nothando Lwakhe kunesisekelo esiqinile. Lona umuzwa engibe nawo ngemva kokulalela namhlanje.) Kwakuhle! Kubonakala sengathi nikufake enhliziyweni konke enikuzwile namhlanje.

Nike naliphawula yini iqiniso elibalulekile ngazo zonke izincwadi zeBhayibheli, kuhlanganise nazo zonke izindaba zeBhayibheli esixoxe ngazo namhlanje? Ingabe uNkulunkulu wake walusebenzisa ulimi Lwakhe ukuze aveze imicabango Yakhe noma achaze uthando Lwakhe nokukhathalela isintu? Ingabe ukhona umbhalo ogciniwe lapho asebenzisa khona ulimi oluqondile ukuze achaze indlela akhathazeke ngayo nasithanda ngayo isintu? Cha! Akuyona yini into enhle leyo? Kunabaningi phakathi kwenu abaye bafuna iBhayibheli noma ezinye izincwadi ezingelona iBhayibheli. Ingabe ukhona kini owake wabona amazwi anjalo? Impendulo ngu-cha ongangatshazwa! Kusho ukuthi, eBhayibhelini, kuhlanganise namazwi kaNkulunkulu noma ukukhulunyelwa komsebenzi Wakhe, uNkulunkulu akakaze nani asebenzise izindlela Zakhe ukuze achaze imizwa Yakhe noma aveze uthando nokukhathalela anakho ngesintu, futhi uNkulunkulu akasebenzisi amazwi noma isenzo ukuze adlulise imizwa nozwelo Lwakhe—ingabe akulona iqiniso lelo? Kungani ngisho lokho? Kungani nginemizwa efana nalena? Kungenxa yokuthi lokhu kuphinde kuthinte uthando lukaNkulunkulu nesimo Sakhe.

UNkulunkulu wadala isintu; kungakhathaleki ukuthi sonakalisiwe noma siyamlandela, uNkulunkulu uphatha abantu njengezidalwa azithandayo azikhonze kunakho konke—noma, njengoba abantu besho, abantu abathandeka kakhulu Kuye—hhayi abayizinto zokudlala. Nakuba uNkulunkulu ethi unguMdali futhi umuntu uyindalo Yakhe, lokho okungase kuzwakale sengathi kunomahlukwana ezindaweni abakuzo, iqiniso liwukuthi yonke into uNkulunkulu ayenzele umuntu ibudlula kude ubudlelwane Bakhe ngendalo. UNkulunkulu uyasithanda isintu, uyasikhathalela isintu, futhi usinakekela njalo nangezinga elikhuphukayo. Akalokothi enhliziyweni Yakhe ezwe sengathi lona sekungomunye umsebenzi noma sengathi wenza okuthi okudinga ukudunyiswa kakhulu. Futhi akezwa sengathi ukusindisa isintu, ukusinika izinto, nokusisiza ngakho konke, kuwukwenza umnikelo omkhulu esintwini. Usinakekela ngokuthula isintu, ngendlela Yakhe nangesiqu Sakhe, ngalokho anakho nalokho ayikho. Akunandaba ukuthi angakanani amalungiselelo nosizo isintu esiluthola Kuye, uNkulunkulu akalokothi acabange noma azame ukuthola udumo ngawo. Lokhu kunqunywa isimo sikaNkulunkulu, futhi nakanjani kuphinde kube ukuvezwa okusobala kwesimo sikaNkulunkulu. Yingakho, kungakhathaleki ukuthi kungaba iBhayibheli noma ngenye incwadi, asikaze sithole uNkulunkulu eveza imicabango Yakhe, futhi asikaze sithole uNkulunkulu echaza noma ecacisa kubantu ukuthi kungani enza lezi zinto, noma ukuthi kungani esikhathalela kangaka isintu, ukuze enze isintu sijabule Ngaye futhi simdumise. Ngisho noma ehlukumezekile, lapho inhliziyo Yakhe izwa ubuhlungu obukhulu, akalokothi akhohlwe isibopho Sakhe ngesintu noma ukukhathazeka Kwakhe ngesintu, konke lokhu ukwenza ngokuthula ebekezelele ubuhlungu abuzwayo. Ngokuphambene nalokho, uNkulunkulu uyaqhubeka ebusisa isintu njengenjwayelo. Ngisho noma isintu simdumisa uNkulunkulu futhi sifakaza Ngaye, ayikho kulezi zindlela zokuziphatha uNkulunkulu ayidingayo. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu wayengahlosile ukuthi noma yini enhle ayenzela isintu ibuyiswe ngokokubonga noma ukuthi aphinde akhokhelwe ngayo. Ngakolunye uhlangothi, labo abesaba uNkulunkulu bagweme okubi, labo abamlandela ngempela uNkulunkulu, abamlalelayo futhi abaqotho Kuye, labo abamlalelayo—laba abantu kaningi abamukela izibusiso zikaNkulunkulu, futhi bayonikwa izibusiso ngaphandle kokunqikaza. Ngaphezu kwalokho, izibusiso abantu abazithola kuNkulunkulu, zingaphezu kwalokho abakucabangayo, futhi zingaphezu kwalokho abantu abangakwazi ukukubuyisa ngezinto abanazo noma ngenani abalikhokhayo. Lapho isintu sijabulela izibusiso zikaNkulunkulu, ingabe ukhona onendaba nokuthi uNkulunkulu wenzani? Ingabe ukhona okhathazekayo ngokuthi uNkulunkulu uzizwa kanjani? Ingabe ukhona ozama ukubuqonda ubuhlungu bukaNkulunkulu? Impendulo enembile yale mibuzo ngu-cha: Cha! Ingabe ukhona umuntu, kuhlanganise noNowa, oqonda ubuhlungu uNkulunkulu ayebuzwa ngaleso sikhathi? Ingabe ukhona ongaqonda isizathu esenza uNkulunkulu wamisa leso sivumelwano? Abakwazi! Isintu asibuboni ubuhlungu bukaNkulunkulu hhayi ngenxa yokuthi ngeke sikwazi ukubuqonda, kodwa ngenxa yegebe elikhona phakathi kwabantu noNkulunkulu noma umehluko ophakathi kwabo; kunalokho kungenxa yokuthi umuntu akanandaba nanoma imiphi imizwa kaNkulunkulu. Isintu sicabanga ukuthi uNkulunkulu uzimele—uNkulunkulu akabadingi abantu abazomkhathalela, abazomqonda noma bamcabangele. UNkulunkulu unguNkulunkulu, ngakho akabuzwa ubuhlungu, akanamizwa; ngeke adabuke, akaluzwa usizi, akakhali ngisho nokukhala. UNkulunkulu unguNkulunkulu, ngakho akazidingi izinkulumo zokudatshukelwa noma ukududuzwa. Uma ezidinga lezi zinto ngaphansi kwezimo ezithile, khona-ke uyozisombulula Yena mathupha ngeke adinge usizo lomunye umuntu. Ngokuphambene, abantu ababuthaka nabangavuthiwe abadinga ukuzwelwa uNkulunkulu, amalungiselelo Akhe, nesikhuthazo, ngisho nokuthi abaduduze, noma nini, noma kuphi. Ukucabanga okunjalo kucashe ekujuleni kwezinhliziyo zesintu: Abantu yibona ababuthaka; badinga ukuthi uNkulunkulu abanakekele ngazo zonke izindlela, bafanelwe yikho konke ukunakekelwa abakuthola kuNkulunkulu, futhi kufanele bafune kuNkulunkulu noma yini abacabanga ukuthi kufanele kube ngeyabo. UNkulunkulu unamandla; unakho konke, futhi ungumqaphi nomthombo wezibusiso. Njengoba kakade enguNkulunkulu, unamandla angenamkhawulo futhi akasoze adinga lutho kumuntu.

Njengoba umuntu engakulaleli konke okwambulwa uNkulunkulu, akakaze aluzwe usizi lukaNkulunkulu, ubuhlungu, noma injabulo. Kodwa ngokuphambene, uNkulunkulu wazi zonke izinkulumo ezisetshenziswa umuntu njengentende yesandla Sakhe. UNkulunkulu wanelisa izidingo zawo wonke umuntu ngaso sonke isikhathi kuzo zonke izindawo, ukubona umuntu ngamunye eshintsha imicabango Yakhe, eyiduduza futhi eyikhuthaza, eyiqondisa futhi eyenza ikhanye. Mayelana nazo zonke izinto uNkulunkulu azenzele isintu nalo lonke inani alikhokhile ngenxa yaso, ingabe abantu bona bangakwazi ukuthola ingxenye eBhayibhelini noma kunoma yini uNkulunkulu ayishilo kuze kube manje, ebonisa ngokucacile ukuthi uNkulunkulu udinga okuthile kumuntu? Cha! Kunalokho, kungakhathaleki ukuthi abantu bawuziba kangakanani umcabango kaNkulunkulu, usasihola ngokuphindaphindiwe isintu, usisize ephindelela ngesikudingayo, futhi uyasivumela silandele izindlela zikaNkulunkulu ukuze sithole ikusasa elihle asilungiselele lona. Uma kuziwa kuNkulunkulu, lokho anakho nalokho ayikho, umusa Wakhe, ubumnene Bakhe, nayo yonke imivuzo Yakhe, kuyonikwa nakanjani labo abamthandayo nabamlandelayo. Kodwa akalokothi embulele omunye umuntu ubuhlungu abuzwile noma isimo Sakhe sengqondo, futhi akalokothi akhononde ngomunye umuntu ngokuthi akamcabangeli noma akayazi intando Yakhe. Bonke ubabekezelela ngokuthula, alinde usuku abantu abayokwazi ngalo ukuqonda.

Kungani ngisho lezi zinto lapha? Yini eniyibonayo ezintweni engizikhulumile? Kunokuthile esiqwini sikaNkulunkulu noma isimo okulula ukusibukela phansi, into okunguNkulunkulu kuphela onayo, hhayi omunye umuntu, kuhlanganise nalabo ababheka njengabantu abakhulu, abantu abalungile, noma uNkulunkulu wemicabango yabo. Iyini le nto? Kuwukuzidela kukaNkulunkulu. Uma sikhuluma ngokuzidela, nawe ungase ucabange ukuthi uzidela kakhulu, ngoba uma kuziwa ezinganeni zakho awulokothi ukhononde, uyazipha ezikudingayo, noma ucabange ukuthi uzidela kakhulu uma kukhulunywa ngabazali bakho. Kungakhathaleki ukuthi ucabangani, okungenani unawo umqondo ngegama elithi “ukuzidela” futhi licabanga njengento enhle, nokuthi ukuba umuntu ozidelayo kuyigugu kakhulu. Lapho uzidela, uzibona umkhulu. Kodwa akekho ongabona ukuzidela kukaNkulunkulu phakathi kwazo zonke izinto, phakathi kwabantu, kwezehlakalo, kwezinto nasemsebenzini kaNkulunkulu. Kungani kunjalo? Ngoba umuntu uyambulala umhawu! Kungani ngisho kanjalo? Isintu siphila ezweni lenyama. Ungamlandela uNkulunkulu, kodwa ngeke uyibone indlela akunakekela ngayo, akuthanda ngayo nakukhathalela ngayo. Ngakho ubonani? Uyabona izihlobo zakho zegazi ezikuthandayo futhi ezikwazisayo. Uyabona izinto ezizuzisa inyama, unendaba nabantu nezinto ozithandayo. Lokhu yilokhu umuntu akubiza ngokuzidela. Nokho “ukuzidela” kwabantu okunjalo, abaze bengaba nendaba ngoNkulunkulu obanika ukuphila. Ngokuphambene nalokho, ukuzidela komuntu kugcina kuba ubugovu nento engathandeki. Ukholo lwalowo muntu luyize, aluhlanzekile, alufaneleki kuNkulunkulu, futhi aluhlobene noNkulunkulu. Umuntu uma ezidela usuke ezenzela yena, kuyilapho okukaNkulunkulu ukuzidela kuyisambulo sangempela sesiqu Sakhe. Ngokuyinhloko kungenxa yokuzidela kukaNkulunkulu okwenza umuntu athole inala yezinto Kuye. Kungenzeka lesi sihloko engikhuluma ngaso namhlanje asinithinti kakhulu futhi nimane nivuma ngekhanda, kodwa lapho uzama ukuqonda inhliziyo kaNkulunkulu enhliziyweni yakho, uyothola lokhu: Phakathi kwabo bonke abantu, izindaba nezinto ezinemizwa kuleli zwe, ukuzidela kukaNkulunkulu kuphela okungokoqobo futhi okuyiqiniso, ngoba uthando lukaNkulunkulu ngawe kuphela olungenamibandela futhi olungenabala. Ngaphandle kukaNkulunkulu, noma ubani okuthi akanamona uyazenzisa, unamanga, akahlakaniphile; kunenjongo, izinhloso ezithile, futhi akunakumelana nokuvivinywa. Ningaze nithi kungcolile, kuyenyanyeka. Niyavuma?

Ngiyazi anijwayelene nhlobo nalezi zihloko futhi ndinga isikhashana sokucabangisisa ngazo ngaphambi kokuba niziqonde. Ukungajwayelani kwenu nezindaba nezihloko ezinjena, kubonisa ukuthi lezi zihloko yizo ezidingwa inhliziyo yenu. Uma ngingakaze ngixoxe ngalezi zihloko, ingabe ukhona phakathi kwenu ongazi okuthile ngazo? Ngikholelwa ukuthi anisoze nazazi. Lokho kuyiqiniso. Ngamafuphi, akunandaba ukuthi nikwazi ngezinga elingakanani ukuqonda, lezi zihloko engikhuluma ngazo nani ziyizinto abantu abazintula kakhulu futhi okufanele bazazi kakhulu. Lezi zihloko zibaluleke kakhulu kuwo wonke umuntu—ziyigugu futhi zingukuphila, futhi ziyizinto okufanele nizazi ukuze nihlomele indlela ephambi kwenu. Ngaphandle kwesiqondiso sala mazwi, ngaphandle kokuqonda kwakho isimo nesiqu sikaNkulunkulu, kuyohlale kunombuzo ohamba nawo ngoNkulunkulu. Ungakholwa kanjani kuNkulunkulu ngendlela efanele uma ungamqondi? Awazi lutho ngemizwa kaNkulunkulu, intando Yakhe, isimo Sakhe sengqondo, lokho akucabangayo, lokho okumenza adabuke, okumjabulisayo, ngakho ungayicabangela kanjani inhliziyo kaNkulunkulu?

Noma nini uma uNkulunkulu ethukuthele, ubhekana nesintu esingamnaki, isintu esimlandelayo nesithi siyamthanda kodwa esiyishaya indiva ngokuphelele imizwa Yakhe. Kungenzeka kanjani ukuthi inhliziyo Yakhe ingabi buhlungu? Emsebenzini kaNkulunkulu wokuqondisa, uNkulunkulu uwufeza ngobuqotho umsebenzi Wakhe futhi ukhuluma nomuntu ngamunye, abhekane naye ngaphandle kokushalaza noma ukuzifihla, kodwa ngokuphambene, noma ubani omlandelayo akasondelene Naye, futhi akekho okulungele ukusondelana kakhulu Naye, aqonde inhliziyo Yakhe, noma anake imizwa Yakhe. Ngisho nalabo abafuna ukuba abasondelene noNkulunkulu abafuni ukusondela Kuye, ukucabangela inhliziyo Yakhe, noma ukuzama ukumqonda. Lapho uNkulunkulu ejabule, akekho oba nengxenye enjabulweni Yakhe. Lapho uNkulunkulu engaqondwa abantu, akekho ongaduduza amanxeba enhliziyo Yakhe. Lapho inhliziyo Yakhe izwa ubuhlungu, akekho noyedwa umuntu ozimisele ukulalela noma ukuthululela Kuye isifuba. Kuzo zonke lezi zinkulungwane zeminyaka zomsebenzi kaNkulunkulu wokuqondisa, akekho noyedwa oqonda imizwa kaNkulunkulu, akekho ngisho noyibonayo noma oyiqondayo, ingasaphathwa ke eyokuthi kube noseceleni kukaNkulunkulu ukuze abe nengxenye enjabulweni nasosizini Lwakhe. UNkulunkulu uyedwa. Akanamuntu! UNkulunkulu uyedwa ngenxa yokuthi isintu esonakele siphikisana Naye, okukhulu nakakhulu ukuthi labo abafuna okungokomoya, abafuna ukwazi uNkulunkulu futhi bamqonde, nalabo abazimisele ukunikela ngakho konke ukuphila kwabo Kuye, nabo abayazi imicabango Yakhe futhi futhi basiqondi isimo Sakhe nemizwa Yakhe.

Ekupheleni kwendaba kaNowa, siyabona uNkulunkulu esebenzisa indlela engavamile yokuveza imizwa Yakhe ngaleso sikhathi. Le ndlela ikhethekile, futhi iwukwenza isivumelwano nabantu. Iyindlela ememezela ukuthi uNkulunkulu ngeke esasebenzisa uzamcolo ukuze abhubhise izwe. Kusukela ngaphandle, ukwenza isivumelwano kubonakala kuyinto evame kakhulu. Kungaphezu kokusebenzisa amazwi abophezela amaqembu amabili ekutheni angaphuli imithetho, ukuze kuvikelwe izidingo zawo womabili amaqembu. Ngandlela thile, kuvame kakhulu, kodwa izisusa nencazelo kaNkulunkulu yokwenza into, kuyisambulo sesimo sikaNkulunkulu nesimo Sakhe sengqondo. Uma uwashaya indiva la mazwi, uma nginitshela iqiniso ngezinto, khona-ke isintu asisoze sakwazi ukucabanga kukaNkulunkulu. Mhlawumbe engqondweni yakho uNkulunkulu uyamomotheka lapho enza lesi sivumelwano, noma mhlawumbe la mazwi abalulekile, kodwa kungathaleki ukuthi yimaphi amazwi ajwayeleke kakhulu abantu abacabanga ukuthi uNkulunkulu wayenawo, akekho ongabona inhliziyo noma ubuhlungu bukaNkulunkulu. Abekho abangenza uNkulunkulu abethembe noma bafanelwe ukwethenjwa nguNkulunkulu, noma othile ongaveza imicabango Yakhe noma ubuhlungu Bakhe. Yingakho kungekho okunye uNkulunkulu angakwenza ngaphandle kokwenza lokho. Ebusweni, uNkulunkulu wenza into elula edlulisa isintu esasendulele, ezinzisa isikhathi esedlule bese igxilisa ukunaka esiphethweni esiphelele sokubhubhisa Kwakhe izwe ngozamcolo. Nokho, uNkulunkulu wazingcwaba ngaleso sikhathi lezo zinhlungu enhliziyweni Yakhe. Ngesikhathi uNkulunkulu engenamuntu angathulula kuye isifuba Sakhe, wenza isivumelwano nesintu, wasitshela ukuthi ngeke aphinde abhubhise izwe ngozamcolo. Lapho kuvela uthingo kungenjongo yokukhumbuza abantu ukuthi into enjalo ngeke iphinde yenzeke, ukuxwayisa abantu ukuthi bangazenzi izinto ezimbi. Ngisho nasesimweni esibuhlungu kanjalo, kodwa akazange akhohlwe ngesintu futhi ukhathazeke kakhulu ngaso. Ingabe lolu akulona uthando lukaNkulunkulu nokungabi nabugovu? Kodwa yini abantu abayicabangayo lapho behlupheka? Akusona yini lesi isikhathi abamdinga kakhulu ngaso uNkulunkulu? Ezikhathini ezifana nalezi abantu bahlale bedonsa uNkulunkulu ukuze abaduduze. Akunandaba ukuthi kunini, uNkulunkulu akasoze enzele abantu phansi, futhi uyohlale ekhulula abantu ezinkingeni baphile ekukhanyeni. Nakuba uNkulunkulu enika isintu izinto, enhliziyweni yomuntu, uNkulunkulu ufana nephilisi, into edambisa izinhlungu. Lapho uNkulunkulu ehlupheka, lapho inhliziyo Yakhe ilimele, edale abantu noma noma ubani azohlala Naye amduduze kumane kuyisifiso esikhulu kuNkulunkulu lokho. Umuntu akalokothi alalele imizwa kaNkulunkulu, futhi uNkulunkulu akalothi acele noma alindele ukuba othile amduduze. Umane nje asebenzise izindlela Zakhe ukuze aveze indlela azizwa ngayo. Abantu abacabangi ukuthi kuyinto enkulu ngoNkulunkulu ukuba adlule ekuhluphekeni, kodwa lapho uzama ngempela ukuqonda uNkulunkulu, yilapho ungayiqonda khona ngobuqotho injongo kaNkulunkulu esuka enhliziyweni ngakho konke akwenzayo, uyobona ubukhulu bukaNkulunkulu nokuzidela Kwakhe. Ngisho noma uNkulunkulu enza isivumelwano nabantu esebenzisa uthingo, akazange atshele muntu ukuthi kungani enza lokhu, kungani amisa isivumelwano, okusho ukuthi imicabango Yakhe yangempela akakaze ayitshele muntu. Lokhu kungenxa yokuthi akunamuntu ongaqonda ukujula kothando uNkulunkulu analo ngesintu asidale ngezandla Zakhe, futhi akekho ongabona ubuhlungu obazwiwa inhliziyo Yakhe ngesikhathi ebhubhisa isintu. Ngakho ngisho noma ebatshela abantu ukuthi uzizwa kanjani, ngeke bakwazi ukuzibophezela kulokhu. Ngaphandle kokuba sezinhlungwini, usaqhubeka nesigaba esilandelayo somsebenzi Wakhe. UNkulunkulu uhlale enika isintu uhlangothi Lwakhe olungcono nezinto Zakhe ezingcono kuyilapho ezwa ubuhlungu buthule. UNkulunkulu akalothi azembule ngokukhululekile izinhlungu Zakhe. Kunalokho, uyabekezela alinde buthule. Ukubekezela kukaNkulunkulu akubandi, akukho ndikindiki, noma kudabukise, futhi akulona uphawu lobuthaka. Kuwukuthi uthando nesiqu sikaNkulunkulu kuhlale kunokuzidela. Lesi isambulo esingokwemvelo sesiqu nesimo Sakhe, futhi ukumelelwa koqobo lukaNkulunkulu njengoMdali weqiniso.

Njengoba sengisho lokhu, abanye lokhu bangase bakuqonde kabi. “Ingabe ukuchaza imizwa enjalo kaNkulunkulu, ngendlela evusa imizwa, kuhloselwe ukwenza abantu badabukele uNkulunkulu?” Ingabe injongo yileyo lapha? (Cha!) Okuwukuphela kwento ebengiyihlosile ngokusho lezi zinto bekuwukuthi uNkulunkulu nimazi kangcono, nazi konke ngaye, niqonde imizwa Yakhe, futhi nazise lokho isiqu nesimo Sakhe okuyikho, ngokuqiniseka kancane kancane, kuvezwe emsebenzini Wakhe, njengoba kungafezwa amazwi abantu abangenalutho, amagama nezimfundiso zabo, noma imicabango yabo. Lokho kusho ukuthi, uNkulunkulu nesiqu Sakhe bakhona—abayona imidwebo, izinto ezigcina ngokucatshangwa, into eyakhiwe umuntu, futhi ngokuqinisekile akwenziwanga umuntu. Ingabe niyakubona lokho manje? Uma nikubona, lokho kusho ukuthi amazwi ami namuhla awufezile umgomo wawo.

Sikhulume ngezihloko ezintathu namhlanje. Ngethemba ukuthi wonke umuntu uzuze okuningi engxoxweni yethu ngalezi zihloko ezintathu. Ngingasho kufanele ukuthi, ngalezi zihloko ezintathu, imicabango kaNkulunkulu engiyichazile noma isimo nesiqu sikaNkulunkulu engikhulume ngakho kuguqule ukucabanga kwabantu nokuqonda kwabo uNkulunkulu, kwaze kwaguqula ukukholwa kwabo bonke abantu kuNkulunkulu, futhi nakakhulu kwaguqula isithombe sikaNkulunkulu esikhonzwe yiwo wonke umuntu ezinhliziyweni zabo. Kunoma yini, nginethemba lokuthi lokho enikufundile ngesimo sikaNkulunkulu kulezi zingxenye ezimbili zeBhayibheli kunenzuzo kini, futhi ngethemba ukuthi uma senibuyela emuva nizozindla nakakhulu ngalezi zinto. Owanamhlanje umhlangano uphela lapha. Nisale kahle!

4 Novemba, 2013

Okwedlule: Indlela Yokwazi Isimo SikaNkulunkulu Nemiphumela Umsebenzi Wakhe Oyoyithola

Okulandelayo: Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp