Indlela Yokwazi Isimo SikaNkulunkulu Nemiphumela Umsebenzi Wakhe Oyoyithola

Okokuqala, ake sihube ingoma: Ihubo Lombuso (I) Umbuso Wehlela Emhlabeni.

Kukhala izinsimbi: Izihlwele ziyangihalalisela, izihlwele ziyangidumisa; yonke imilomo ibiza uNkulunkulu oyedwa weqiniso. Umbuso wehlela phezu komhlaba wabantu.

1 Izihlwele ziyangihalalisela, izihlwele ziyangidumisa; yonke imilomo ibiza uNkulunkulu oyedwa weqiniso, bonke abantu baphakamisa amehlo abo ukubheka izenzo Zami. Umbuso wehlela phezu komhlaba wabantu, Isiqu Sami sicebile futhi sichumile. Ubani ongekuthokozele lokhu? Ubani ongedanse ngenjabulo? O, Siyoni! Phakamisa ibhanela lakho lokunqoba ukuze ungibungaze! Huba ingoma yakho yokunqoba ukuze usabalalise igama Lami elingcwele!

2 Zidalwa zonke kuze kufike emaphethelweni omhlaba! Phuthumani nizihlanze ukuze nenziwe iminikelo Kimi! Zinkanyezi eziphezulu! Phuthumani nibuyele ezindaweni zenu ukuze nibonise amandla Ami amakhulu emazulwini! Ngilalela amaphimbo abantu emhlabeni, abaveza uthando nenhlonipho yabo okungenamkhawulo Kimi ngengoma! Ngalolu suku, lapho yonke indalo ibuyela ekuphileni, ngehlela emhlabeni wabantu. Ngalesi sikhathi, ngaso impela lesi sikhathi, zonke izimbali ziqhakaza ngamandla, zonke izinyoni zicula okungathi ngephimbo elilodwa, zonke izinto zigcwele ukujabula! Ekuzwakaleni kokubingelela kombuso, umbuso kaSathane uyabhidlika, ubhidlizwa ukuduma kwehubo lombuso, ungaphinde uvuke futhi!

3 Ubani emhlabeni ongalokotha avuke amelane nalokho? Lapho ngehlela emhlabeni, ngiletha ukusha, ngiletha intukuthelo, ngiletha izinhlekelele zazo zonke izinhlobo. Imibuso yomhlaba manje isiwumbuso Wami! Phezulu esibhakabhakeni, amafu ayafukuzela ayagubha; phansi kwesibhakabhaka, amachibi nemifula ayaqubuka futhi aphehle ngentokozo imvunge enyakazisayo. Izilwane ebeziphumule ziyaphuma emihhumeni yazo, futhi bonke abantu bavuswa Yimi ebuthongweni babo. Usuku obelulindwe yizihlwele zabantu selufikile ekugcineni! Bangihubela izingoma ezinhle kakhulu!

—Landelani Iwundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha

Yini eniyicabangayo ngaso sonke isikhathi lapho nicula le ngoma? (Sijabula kakhulu; siyenama; sicabanga ukuthi injani inkazimulo nobuhle bombuso, isintu noNkulunkulu bayohlangana kuze kube phakade.) Ingabe ukhona oke wacabanga nesimo umuntu okumele abe kuso ukuze abe noNkulunkulu? Engqondweni yakho, kumele abe njani umuntu ukuze abe noNkulunkulu, futhi ajabulele ukuphila okukhazimulayo okulandela umbuso? (Bafanele babe nesimo esishintshile.) Kufanele babe nesimo esishintshile, kodwa esishintshe ngezinga elingakanani? Bayoba njani ngemva kokushintsha kwaso? (Bayoba ngcwele.) Liyini izinga lobungcwele? (Yonke imicabango yabo iyavumelana noKristu.) Kuyobonakala ngani ukuvumelana okunjalo? (Abamenqabi uNkulunkulu, abamkhapheli uNkulunkulu, kodwa bamlalela ngokungananazi, futhi bayamesaba uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo.) Ezinye izimpendulo zenu zisemgudwini ofanele. Nonke vulani izinhliziyo zenu, nisitshele lokho izinhliziyo zenu ezinitshela khona. (Abantu abaphila noNkulunkulu embusweni bangawenza umsebenzi wabo, abathembeke emsebenzini wabo, ngokulandela iqiniso futhi bengaphambukiswa yinoma imuphi umuntu, isenzakalo, noma into. Futhi kungenzeka ukuphunyuka emandleni obumnyama, izinhliziyo zabo zivumelane noNkulunkulu, besabe uNkulunkulu bagweme okubi.) (Umbono wethu ngezinto ungavumelana noNkulunkulu, futhi singaphunyuka emandleni obumnyama. Izinga elamukelekayo ukungabi oyithuluzi likaSathane, uhlubule noma yisiphi isimo esonakele, ulalele uNkulunkulu. Sikholwa ukuthi ukuphunyuka emandleni obumnyama kuyiphuzu eliyisihluthulelo. Uma umuntu engakwazi ukuphunyuka emandleni obumnyama, engakwazi ukugqashula ezibophweni zikaSathane, lokho kusho ukuthi abayitholanga insindiso kaNkulunkulu.) (Izinga lokupheleliswa uNkulunkulu ukuthi umuntu abe nenhliziyo nengqondo eyodwa noNkulunkulu. Umuntu engabe esamphika uNkulunkulu; angazazi, enze iqiniso, aqonde uNkulunkulu, athande uNkulunkulu, futhi avumelane noNkulunkulu. Yilokho kuphela umuntu okudingeka akwenze.)

Isisindo Somphumela Ezinhliziyweni Zabantu

Kubonakala sengathi ninento ethile ezinhliziyweni zenu mayelana nendlela okufanele ningene ngayo futhi seninokukuqonda okuthile lokho noma seniyakubona ukubaluleka kwakho. Kodwa, ukuthi into oyishilo iba yize noma kuba into engokoqobo kuxhomeke ekutheni uzinaka kangakanani izinto ozenza usuku nosuku. Kuyo yonke le minyaka, niye navuna kuzo zonke izinhlangothi zeqiniso, ngezimfundiso nangokunye okuqukethwe iqiniso. Lokhu kufakazela ukuthi abantu bamanje bagxile kakhulu ekuphokopheleni iqiniso. Futhi ngenxa yalokho, lonke uhlobo lweqiniso selunezimpande ezinhliziyweni zabanye abantu. Nokho, yini engiyesaba kakhulu? Ukuthi nakuba izihloko zeqiniso, nemibono, kunezimpande zakho, elikuqukethe akunaso isisindo esitheni enhliziyweni yakho. Lapho nihlangabezana nezinkinga, nibhekana nezilingo futhi kudingeka nikhethe—buyonisiza kangakanani ubunjalo bala maqiniso? Ingabe ayonisiza nedlule ebunzimeni benu futhi niphume ekuvivinyweni kwenu senizanelisile izinhloso zikaNkulunkulu? Ingabe uyoqina ezilingweni zakho futhi ufakaze ngephimbo elizwakalayo nelicacile ngoNkulunkulu? Ingabe uke waba nendaba nalezi zinto phambilini? Ngivumeleni nginibuze: Ezinhliziyweni zenu, kuyo yonke imicabango nokuzindla kwenu kwansuku zonke, yini ebaluleke kakhulu kini? Ingabe wake wafinyelela esiphethweni? Yini okholwa ukuthi ibaluleke kakhulu? Abanye bathi, “ukwenza iqiniso”; abanye bathi “ukufunda izwi likaNkulunkulu nsuku zonke”; abanye bathi ukuzibeka phambi kuNkulunkulu wenze umthandazo nsuku zonke”; bese kuba nabathi “ukwenza kahle umsebenzi wami nsuku zonke”; kunabanye abantu abathi okuwukuphela kwento abayicabangayo indlela abanganelisa ngayo uNkulunkulu, indlela abangamlalela ngayo kuzo zonke izinto, nendlela yokwenza ngokuvumelana nentando Yakhe. Ingabe kunjalo ngempela? Ingabe kuphelele lokhu? Ngokwesibonelo, kunabanye abathi: “Ngifuna kuphela ukulalela uNkulunkulu, kodwa lapho kwenzeka okuthile, ngiyehluleka ukumlalela.” Abanye abantu bathi: “Okuwukuphela kwento engiyifunayo ukwanelisa uNkulunkulu. Ngisho noma ngingamenelisa kanye, lokho kuyobe kukahle, kodwa ngeke ngikwazi ukuphinde ngimenelise.” Futhi abanye bathi: “Ngifuna kuphela ukulalela uNkulunkulu. Ngezikhathi zezilingo, engikufunayo nje ukuhleleka, ukulalela igunya Lakhe elikhulu namalungiselelo Akhe, ngaphandle kokukhononda nokucela. Kodwa cishe kuzo zonke izikhathi ngiyehluleka ukulalela.” Abanye abantu bathi: “Lapho kumele ngenze izinqumo, ngeke ngikwazi ukukhetha ukwenza iqiniso. Ngihlale ngifuna ukwanelisa inyama, ngihlale ngifuna ukwanelisa izifiso zami zenyama ezinobugovu.” Siyini isizathu salokhu? Ngaphambi kokufika kovivinyo lukaNkulunkulu, ingabe uke wazibekela inselele izikhathi eziningana, futhi wazama, wazivivinya kaningi? Bona ukuthi ungakwazi yini ukumlalela ngempela uNkulunkulu, futhi uqiniseke ukuthi awumkhapheli uNkulunkulu. Bona ukuthi ngeke ukwazi yini ukungazinelisi wena, nezifiso zenyama yakho enobugovu, kodwa wanelise kuphela uNkulunkulu, ubeke eceleni izinto ezingakhethwa uwena. Ingabe ukhona onjalo? Empeleni, kuneqiniso elilodwa elibekwe phambi kwamehlo enu. Liyilokho okufunwa yini nonke, lokho iningi lenu elifuna ukukwazi, futhi lokhu kuphathelene nomphumela wawo wonke umuntu nalapho aphokophele khona. Ungase ungakuqapheli lokhu, kodwa lokho akunakuphikwa. Ngiyazi ukuthi kunabantu, uma kukhulunywa ngeqiniso lomphumela womuntu, isithembiso sikaNkulunkulu kubantu, nendawo uNkulunkulu ahlose ukuhambisa umuntu kuyo, asebelicwaningile kaningana kakade izwi likaNkulunkulu ngale ndaba. Futhi kunalabo abalifuna ngokuphindelela futhi bacabange ngalo ezingqondweni zabo, futhi abatholi mphumela, noma mhlawumbe bafinyelela esiphethweni abangasiqondi. Ekugcineni abakaqiniseki ngokuthi hlobo luni lomphumela olubalindele. Lapho benza imisebenzi yabo, abantu abaningi bavame ukufuna izimpendulo ezicacile emibuzweni elandelayo: Siyoba yini isiphetho sami? Ingabe ngingahamba emgudwini ofanele kuze kube sekupheleni kwawo? Uyini umbono kaNkulunkulu ngabantu? Abanye baze ngisho bakhathazeke: Kunezinto engizenzile esikhathini esedlule, kunezinto engizishilo, angimlalelanga uNkulunkulu, ngenze izinto ezikhaphele uNkulunkulu, kunezinto engingamenelisanga kuzo uNkulunkulu, ngahlukumeza inhliziyo kaNkulunkulu, ngenza uNkulunkulu wadumazeka ngami, ngenza uNkulunkulu wangizonda futhi wangenyanya, ngakho mhlawumbe isiphetho sami asaziwa. Kuliqiniso ukuthi abantu abaningi abakhululekile ngekusasa. Akekho ongalokotha athi: “Ngiqiniseka ngazo zonke izindlela ukuthi nakanjani ngiyosinda; ngiqiniseka ngazo zonke izindlela ukuthi ngingazenelisa izinjongo zikaNkulunkulu; ngiwumuntu osenhliziyweni kaNkulunkulu; ngiwumuntu uNkulunkulu amtusayo.” Abanye abantu bacabanga ukuthi kunzima ukulandela indlela kaNkulunkulu, futhi ukwenza iqiniso kuyinto enzima ukuzedlula zonke. Ngenxa yalokho, laba bantu bacabanga ukuthi ngeke besaluthola usizo, futhi abafuni nokuqala ukuba namathemba ngomphumela wabo. Noma mhlawumbe bakholwa ukuthi ngeke bakwazi ukwanelisa izinhloso zikaNkulunkulu, futhi basindiswe, futhi ngenxa yalokhu bazothi abanawo umphumela, futhi ayiyinhle indawo abaphokophele kuyo. Kungakhathaleki ukuthi abantu bacabangani ngempela, abaningi bazibuza kaningi ngomphumela wabo. Emibuzweni emayelana nekusasa labo, emibuzweni yokuthi bayotholani lapho uNkulunkulu eqeda umsebenzi wabo, laba bantu bahlale bebala, futhi behlela. Abanye abantu bakhokha inani eliphindwe kabili; abanye bashiya imindeni nemisebenzi yabo; abanye bashiya imishado yabo; abanye bashiya imisebenzi ukuze bazikhandle ngenxa kaNkulunkulu; abanye bashiya imizi yabo ukuze benze umsebenzi wabo; abanye bakhetha ubunzima, futhi baqale ukwenza umsebenzi onzima futhi okhathazayo; abanye bakhetha ukunikela ngengcebo, banikele ngakho konke abanakho; futhi abanye bakhetha ukufuna iqiniso, ukufuna ukwazi uNkulunkulu. Akunandaba ukuthi ukhetha ukwenzani, ingabe into oyikhethayo ibalulekile? (Ayibalulekile.) Uma kunjalo, singakuchaza kanjani ukuthi ayibalulekile? Uma indlela ingabalulekile, kanti yini ebalulekile. (Okucatshangwa yiwo wonke umuntu akubalulekile. Iphuzu elibalulekile lana ukuthi silenzile iqiniso noma sathanda uNkulunkulu.) (Ukuwa kwabaphikikristu nabaholi bamanga kusisiza siqonde ukuthi lolo hlobo lokuziphatha alubalulekile. Kwakubonakala sengathi bashiye okuningi, futhi babonakala bekulungele ukukhokha inani, kodwa ngokucabangisisa ngakho singabona ukuthi bamane bengenayo inhliziyo eyesaba uNkulunkulu; bamelana ngazo zonke izindlela noNkulunkulu. Bahlale beme noSathane ngezikhathi ezibucayi, begxambukela emsebenzini kaNkulunkulu. Ngakho, izinto eziyinhloko lana ukuthi yiluphi uhlangothi esiyobe sime kulo lapho kufika leso sikhathi, nemibono yethu.) Nonke nikhulume kahle, futhi kubonakala sengathi ninakho ukuqonda okuyisisekelo kwezinga okufanele senze ngalo iqiniso, izinhloso zikaNkulunkulu, nalokho uNkulunkulu akufunayo kumuntu. Kujabulisa kakhulu ukuthi nikwazi ukukhuluma kanje. Nakuba okunye kulokho enikushoyo kunganembi, seniyasondela encazelweni yeqiniso efanele—futhi lokhu kufakazela ukuthi senibaqonda ngempela abantu, izehlakalo, nezinto ezinizungezile, zonke izimo ezihlelwe uNkulunkulu, nakho konke enikubonayo. Lokhu ukuqonda okusondele eqinisweni. Noma enikushilo kungaphelele ngokugcwele, futhi amazwi enu ambalwa engafanele kangako, ukuqonda kwenu sekuvele kusondela oqotsheni lweqiniso. Ukunizwa nikhuluma kanjena kuyangijabulisa.

Izinkolelo Zabantu Azinakungena Esikhundleni Seqiniso

Kunabantu abathile abangabekezelela ubunzima; bangakukhokha okudingekayo; Indlela abenza ngayo ibonakala iyinhle kakhulu; bahlonishwa kakhulu; futhi bayabazisa abanye. Ucabangani: Ingabe lolu hlobo lwezenzo zangaphandle lungabhekwa njengokwenza iqiniso? Ungasho yini ukuthi lo muntu wanelisa izinjongo zikaNkulunkulu? Kungani ngezikhathi abantu ababona ngazo laba bantu becabanga ukuthi banelisa uNkulunkulu, becabanga ukuthi bahamba endleleni yeqiniso yokwenza iqiniso, ukuthi bahamba ngezindlela zikaNkulunkulu? Kungani abanye abantu becabanga ngale ndlela? Kunencazelo eyodwa yalokho. Futhi iyiphi leyo ncazelo? Ukuthi kubantu abaningi abaphakeme, imibuzo enjengokuthi kuyini ukwenza iqiniso, kuyini ukwanelisa uNkulunkulu, kuyini ngempela ukuba neqiniso—imibuzo enjalo ayicacile kubo. Ngakho kunabantu abavame ukukhohliswa yilabo ababonakala bengokomoya, beyigugu, bebonakala benezithombe eziphakeme. Ngokwalaba bantu abangakhuluma ngamagama nezimfundiso, nalezo zinkulumo nezenzo ezibonakala zifanelwe ukunconywa, labo abakhohliswa yibo abakaze bayibuke ingqikithi yezenzo zabo, imiyalo eqhutshwa izenzo zabo, nokuthi iyini imigomo yabo. Futhi abakaze bahlole ukuthi labo bantu bamlandela ngempela yini uNkulunkulu, ukuthi bangabantu abamesaba ngempela yini uNkulunkulu futhi abakugwemayo okubi noma cha. Abakaze baqonde isiqu sobuntu balaba bantu. Kunalokho, kusukela baqala ukwazana nabo, kancane kancane, bayabatusa laba bantu, babahlonipha kakhulu laba bantu, futhi ekugcineni laba bantu baphenduka izithixo zabo. Ngaphezu kwalokho, ezingqondweni zabanye abantu, izithixo abazikhulekelayo, abakholwa ukuthi bangashiya imindeni nemisebenzi yabo, futhi bakhokhe okudingekayo—lezi zithixo yizo empeleni ezanelisa uNkulunkulu, ezingathola umphumela omuhle neziphokophele endaweni enhle. Ezinhliziyweni zazo, lezi zithixo zingabantu uNkulunkulu abatusayo. Yini ebangela ukuba abantu babe nalolu hlobo lwenkolelo? Siyini isisekelo sale ndaba? Yimiphi imiphumela okungaholela kuyo? Ake siqale sixoxe ngendaba emayelana nesiqu.

Izindaba ezifana nalezi ezimayelana nemibono yabantu, imikhuba yabantu, yimiphi imiyalo abantu abakhetha ukuyenza, nalokho okwahlale kuvezwa yiwo wonke umuntu, empeleni konke lokho akuhlanganisi lutho nezimfuneko zikaNkulunkulu esintwini. Kungakhathaleki ukuthi abantu bagxile ezindabeni ezingathi shú noma ezijulile, emagameni nezimfundiso noma izinto ezingokoqobo, abantu abanamatheli kulokho okufanele banamathele kakhulu kukho, futhi abakwazi lokho okufanele bakwazi kakhulu. Isizathu salokhu ukuthi abantu abalithandi nhlobo iqiniso. Ngakho, abantu abazimisele ukuchitha isikhathi namandla ukuze bathole futhi benze imiyalo esezwini likaNkulunkulu. Kunalokho, bancamela ukusebenzisa izindlela ezinqamulelayo, bese bekha phezu abakuqondayo, abakwaziyo, njengokuyiqiniso nokuwukuziphatha okuhle. Lo mbono okha phezulu ube usuba umgomo wabo abawulandelayo, ube iqiniso okufanele balenze. Umphumela oqondile ukuthi abantu bathathe ukuziphatha kahle kwabantu bakufake esikhundleni sokwenza iqiniso, okuphinde kwanelise isifiso sabantu sokunxusa umusa kuNkulunkulu. Lokhu kwenza abantu bamelane neqiniso, abaphinde bakusebenzisele ukukuphikisana nokuncintisana noNkulunkulu. Ngesikhathi esifanayo, ngokungathembeki bambekela eceleni uNkulunkulu, babeke izithixo zezinhliziyo zabo esikhundleni sikaNkulunkulu. Iyodwa into eyimbangela eyenza abantu babe nalezi zenzo zokunganaki, imibono yokunganaki, noma imibono nemikhuba yohlangothi olulodwa, futhi namhlanje ngizonitshela ngayo. Isizathu ukuthi nakuba abantu bengase balandele uNkulunkulu, bathandaze nsuku zonke Kuye, futhi bafunde izwi likaNkulunkulu nsuku zonke, abaziqondi empeleni intando kaNkulunkulu. Lona umnyombo wenkinga. Uma othile eqonda inhliziyo kaNkulunkulu, eqonda izinto ezithandwa uNkulunkulu, lokho uNkulunkulu akuzondayo, lokho uNkulunkulu akufunayo, lokho akwenqabayo, ukuthi uNkulunkulu uthanda nhloboni yomuntu, nhloboni yomuntu ayizondayo, nhloboni yendinganiso uNkulunkulu ayisebenzisayo ezintweni azifuna kumuntu, futhi usebenzisa yiphi indlela lapho ephelelisa umuntu, ingabe lowo muntu usengaba nemibono yakhe? Ingabe bangavele bahambe bayokhonza omunye umuntu? Ingabe umuntu ovamile angaba isithixo sabo? Uma abantu beqonda intando kaNkulunkulu, bazoba nemibono enengqondo. Ngeke bamane benze umuntu owonakalisiwe abe isithixo, noma ngesikhathi besahamba endleleni yeqiniso, bakholwe ukuthi ukunamathela emithethweni noma imiyalweni embalwa kulingana ngendlela efanayo nokwenza iqiniso.

Miningi Imibono Mayelana Nezinga UNkulunkulu Alimisele Umphumela Womuntu

Make sibuyele kulesi sihloko siqhubeke nokuxoxa ngendaba yomphumela.

Njengoba wonke umuntu ekhathazekile ngomphumela wakhe, ingabe uyazi ukuthi uNkulunkulu uwukhetha kanjani lowo mphumela? UNkulunkulu uwumisa ngayiphi indlela umphumela womuntu? Futhi nhloboni yezinga alisebenzisayo ukuze amise umphumela womuntu? Futhi ngesikhathi sekufanele kumiswe umphumela womuntu, yini uNkulunkulu ayenzayo ukuze embule umphumela wakhe? Ingabe ukhona owazi lokhu? Njengoba ngiqeda kusho, kunabanye abakholwa ukuthi sebelwenzile kakade ucwaningo ezwini likaNkulunkulu. Laba bantu bafuna imikhondo ngemiphumela yesintu, ngemikhakha le miphumela ehlukaniswe ngayo, nangemiphumela ehlukahlukene elindele izinhlobonhlobo zabantu. Bafuna nokwazi indlela uNkulunkulu amisa ngayo umphumela, uhlobo lwezinga uNkulunkulu alisebenzisayo, nendlela amisa ngayo umphumela womuntu. Kodwa ekugcineni laba bantu bayahluleka ukuthola noma yini. Empeleni, kuncane okuyigugu okwembulwa ezwini likaNkulunkulu. Kungani kunjalo? Ngakho uma nje umphumela womuntu ungakembulwa, uNkulunkulu akufuni kutshela muntu ukuthi kuzokwenzekani ekugcineni, futhi akafune kutshela muntu ngendawo aya kuyo singakafiki isikhathi. Isizathu salokho ukuthi ukwenza kanjalo kukaNkulunkulu ngeke kumzuzise ngalutho umuntu. Okwamanje, ngifuna kuphela ukunitshela ngendlela uNkulunkulu amisa ngayo umphumela womuntu, ngemiyalo ayisebenzisa emsebenzini Wakhe wokumisa umphumela womuntu, nokwenza umphumela kanye nezinga alisebenzisayo ukuze abone ukuthi amsindise othile noma cha. Akuyona yini lena into enikhathazeke ngayo kakhulu? Ngakho-ke, abantu bayazi kanjani indlela uNkulunkulu amisa ngayo umphumela womuntu? Niqeda kukhuluma kafushane ngale ndaba. Abanye benu bathe umbuzo omayelana nokwenza umsebenzi ngokwethembeka, ukuchitha isikhathi noNkulunkulu; abanye bathe ukulalela uNkulunkulu nokumanelisa; abanye bathe ukuba semuseni kaNkulunkulu; abanye bathe kuholela ekuphileni okusezingeni eliphansi…. Lapho wenza la maqiniso, lapho wenza imiyalo yemicabango yakho, ingabe uyazi ukuthi uNkulunkulu ucabangani? Ingabe uke wacabanga ngokuthi ukuqhubeka wenza kanjena kuzozanelisa izinjongo zikaNkulunkulu noma cha? Ingabe kuyazihlanganisa izindinganiso zikaNkulunkulu? Ingabe kuyazihlanganisa izimfuneko zikaNkulunkulu? Ngikholwa ukuthi abantu abaningi abacabangi kakhulu ngalezi zinto. Bamane basebenzise izingxenye zezwi likaNkulunkulu, noma ingxenye yentshumayelo, noma izinga lomuntu othile ongokomoya abamazisayo, baziphoqe kuba benze lokhu nalokhuya. Bacabanga ukuthi lena indlela efanele, ngakho bayaqhubeka benamathela kuyo, beyenza kungakhathaleki ukuthi ekugcineni kuzokwenzekani. Abanye abantu bacabanga ukuthi: “Ngikholwe iminyaka eminingi; Bengilokhu ngenza izinto ngale ndlela; Ngizwa sengathi ngimanelise ngempela uNkulunkulu; Ngizwa sengathi futhi kuningi engikuzuzile endleleni. Ngoba ngiye ngaqonda amaqiniso amaningi kule nkathi, futhi ngaqonda izinto eziningi ebengingaziqondi phambilini—ukubala okumbalwa, imibono eminingi yami ishintshile, izinto engizaziyo ekuphileni zishintshe kakhulu, futhi ngiliqonda kahle leli zwe.” Abanye bakholwa ukuthi lokhu ukuvuna, futhi kuwumphumela wokugcina womsebenzi kaNkulunkulu kumuntu. Ngokombono wakho, ngalezi zindinganiso nazo zonke izinto ozenzayo uma kuhlanganiswa—Ingabe wanelisa izinjongo zikaNkulunkulu? Abanye abantu bayokhuluma ngakho konke ukuqiniseka: “Kunjalo! Senza izinto ngokuvumelana nezwi likaNkulunkulu; senza izinto ngokuvumelana nalokho ongaphezulu akushumayelile naxoxe ngakho; sihlale siwenza umsebenzi wethu, sihlale simlandela uNkulunkulu, futhi asikaze simshiye uNkulunkulu. Ngakho singasho ngokuzethemba okukhulu ukuthi siyamenelisa uNkulunkulu. Akunandaba ukuthi siziqonda kangakanani izinhloso zikaNkulunkulu, akunandaba ukuthi siliqonda kangakanani izwi likaNkulunkulu, sihlale sisendleleni yokufuna ukufaneleka kuNkulunkulu. Uma senze izinto ngendlela efanele, nemiphumela iyoba mihle.” Ucabangani ngalo mbono? Ingabe unembile? Mhlawumbe kunabanye abathi: “Angikaze ngicabange ngalezi zinto phambilini. Ngicabanga ukuthi uma ngiqhubeka ngenza umsebenzi wami futhi ngenza ngokuvumelana nezimfuneko zezwi likaNkulunkulu, ngiyosinda. Angikaze ngicabange ngokuthi ngingamenelisa yini uNkulunkulu enhliziyweni yami, futhi angikaze ngicabange ukuthi ngingalifinyelela yini izinga alifunayo enhliziyweni yami. Njengoba uNkulunkulu engakaze angitshele, noma anginikeze noma yimiphi imiyalo ecacile, ngikholwa ukuthi uma nje ngiqhubeka ngiya phambili, uNkulunkulu uzokwaneliseka futhi akufanele afune okunye kimi.” Ingabe lezi zinkolelo zinembile? Ngokolwazi lwami, le ndlela yokwenza, yokucabanga, nale mibono—iza kanye nezifiso nokungaboni ngandlela thile. Lapho ngisho lokhu, mhlawumbe kunabanye benu abathukuthelayo kancane: “Ukungaboni? Uma ‘kuwukungaboni,’ kusho ukuthi ithemba lethu lensindiso, amathuba okusindisa mancane kakhulu futhi awaqinisekile, akunjalo? Inkulumo yakho ayifani yini nokusithela ngamanzi abandayo?” Akunandaba ukuthi yini oyikholwayo, izinto engizishoyo nengizenzayo azihloselwe ukukwenza uzizwe uthelwe ngamanzi abandayo. Kunalokho, zihloselwe ukukwenza uthuthukise ukuqonda kwakho izinhloso zikaNkulunkulu, futhi wazi imicabango kaNkulunkulu, lokho uNkulunkulu afuna ukufeze, uhlobo lwabantu aluthandayo, lokho uNkulunkulu akuzondayo, lokho akwenyanyayo, nohlobo lomuntu afuna ube nalo, kanye nohlobo lomuntu uNkulunkulu alulahlayo. Kusho ukukhanyisela ingqondo yakho, ukukwenza ubone ngokucacile ukuthi izenzo nemicabango yomuntu ngamunye kuphambuke ngezinga elingakanani kulokho okufunwa uNkulunkulu. Ingabe kubalulekile ukukhuluma ngalezi zihloko? Ngoba ngiyazi ukuthi sonke lesi sikhathi benikholwa, futhi nilalela izintshumayelo, kodwa lezi cishe izinto enizintula kakhulu. Ubhale wonke amaqiniso encwadini yakho, ubhale nalawo okholwa ukuthi abalulekile engqondweni yakho, futhi nakuba uhlela ukusebenzisa lezi zinto ukwanelisa uNkulunkulu ekwenzeni kwakho, ukuzisebenzisa lapho uzithola weswele, noma uwasebenzise ukuze udlule ezikhathini ezinzima eziphambi kwakho, noma ukwenza lezi zinto zikuphelezele ekuphileni kwakho. Kodwa ngokolwazi lwami, uma wenza kuphela, ukwenza kwakho akubalulekile ngayiphi indlela. Iyiphi-ke into ebaluleke kakhulu? Ukuthi ngesikhathi usenza, inhliziyo yakho yazi wonke amaqiniso ayo yonke into oyenzayo, zonke izenzo, konke uNkulunkulu akufunayo; into oyenzayo noma oyicabangayo, nomphumela, nomgomo osenhliziyweni yakho ukuthi kuyazenelisa yini izinhloso zikaNkulunkulu, kuyazinakekela yini izidingo zikaNkulunkulu, noma ukuthi uNkulunkulu uyakwemukela yini. Lezi izinto ezibalulekile.

Hamba Endleleni KaNkulunkulu: Yesaba UNkulunkulu Ugweme Okubi

Kunenkulumo okufanele uyazi. Ngikholwa ukuthi le nkulumo ibaluleke kakhulu, ngenxa Yami kufika engqondweni izikhathi ezingabaleki usuku ngalunye. Kungani kunjalo? Ngoba ngaso sonke isikhathi lapho ngibhekene nothile, lapho ngizwa indaba yothile, lapho ngizwa izinto abathile abadlule kuzo noma ubufakazi babo ngokukholwa kuNkulunkulu, ngihlale ngisebenzisa le nkulumo ukuze ngibone ukuthi lo muntu uyilo yini uhlobo lomuntu olufunwa uNkulunkulu noma cha, uhlobo lomuntu othandwa uNkulunkulu. Ngakho, kanti sithini lesi sisho? Manje usujahe ukusizwa. Lapho ngisho le nkulumo mhlawumbe uzodumazeka ngenxa yokuthi kunalabo asebechithe iminyaka behloniphisa. Kodwa mina, angihloniphisi lutho. Le nkulumo isenhliziyweni Yami. Ngakho ithini le nkulumo? Ithi “hamba endleleni kaNkulunkulu: yesaba uNkulunkulu ugweme okubi.” Ingabe lena akuyona inkulumo elula kakhulu? Kodwa nakuba inkulumo ingase ibe lula, umuntu ngokuvamile oyiqonda ngokujulile uyocabanga ukuthi inesisindo esikhulu; kuningi okuzuzisayo ngayo nokungenziwa; iwulimi lokuphila oluneqiniso; umgomo wayo ekuphileni ukuphokophela phambili kulabo abafuna ukwanelisa uNkulunkulu; nokuthi indlela yokuphila yokulandelwa yinoma ubani ocabanga ngezinhloso zikaNkulunkulu. Ngakho ucabangani: Ngabe le nkulumo ayilona iqiniso? Ingabe inalo uhlobo lokubaluleka? Mhlawumbe baningi abantu abacabanga ngale nkulumo, abazama ukuyiqonda, futhi abanye banezinsolo ngayo: Ingabe le nkulumo ibaluleke kakhulu? Ingabe ibaluleke kakhulu? Ingabe idingekile futhi ifanelwe ukugcizelelwa? Mhlawumbe kunalabo abangazazi izinto eziningi njengale nkulumo ngenxa yokuthi bacabanga ukuthi ukuthatha indlela kaNkulunkulu uyicwenge ngale nkulumo kuyihaba elikhulu. Ukuthatha konke lokho uNkulunkulu akushilo ukuhlanganise kube inkulumo eyodwa—ingabe akwenzi uNkulunkulu abe mncane noma kumlulaze? Ingabe kunjalo? Kungaba ngenxa yokuthi iningi lenu aliyiqondi ngokugcwele incazelo enembile yala mazwi. Nakuba ukuphawulile, kodwa awuhlosile ukuyifaka enhliziyweni yakho le nkulumo; umane nje uyibhala phansi encwadini yakho, uyophinde uyivakashele ngesikhathi sakho ucabangisise ngayo. Kunabanye abantu abangeke bazihluphe ngokuyigcina ekhanda, ingasaphathwa eyokuyisebenzisa. Kodwa kungani ngikhuluma ngale nkulumo? Kungakhathaleki ukuthi umbono wakho uyini, noma ukuthi uzocabangani, kuzodingeka ngikhulume ngale nkulumo ngoba ibaluleke kakhulu endleleni uNkulunkulu amisa ngayo umphumela womuntu. Akunandaba ukuthi ukuyiqonda kwakho kwamanje le nkulumo kuthini, noma ukuthi uyibheka kanjani, ngisazokutshela: Uma abantu bengawenza amazwi ale nkulumo futhi bawezwe, baphinde bafinyelele ezingeni lokwesaba uNkulunkulu futhi agweme okubi, khona-ke kuqinisekisiwe ukuthi bayosindiswa nokuthi bayothola umphumela omuhle. Uma ungakwazi ukuthola izinga le nkulumo edinga ube kulo, kungashiwo kufanele ukuthi umphumela wakho awaziwa. Ngakho ngikhuluma nani ngale nkulumo ngoba ngilungisa izingqondo zenu, futhi ukuze nazi ukuthi hlobo luni lwezinga uNkulunkulu anikala ngalo. Njengoba ngiqeda kuxoxa nani, le nkulumo ibaluleke kakhulu ekusindisweni kwabantu uNkulunkulu, nasendleleni amisa ngayo umphumela womuntu. Kuncike kuphi lokhu kubaluleka? Uzothanda ngempela ukwazi, ngakho sizoxoxa ngakho namuhla.

UNkulunkulu Usebenzisa Izilingo Ezahlukene Ukuhlola Ukuthi Abantu Bayamesaba Yini UNkulunkulu Futhi Bayakugwema Okubi

Kuzo zonke izinkathi, uNkulunkulu ubeka amazwi athile phezu komuntu lapho esebenza emhlabeni, atshele umuntu amaqiniso athile. La maqiniso asebenza njengendlela umuntu okufanele anamathele kuyo, njengendlela umuntu okufanele ahambe kuyo, indlela evumela umuntu ukuba esabe uNkulunkulu agweme okubi, nendlela abantu okufanele bayenze futhi banamathele kuyo ukuphila kwabo konke nakulo lonke uhambo lwabo lwempilo. Kungenxa yalesi sizathu uNkulunkulu ebeke la mazwi kumuntu. La mazwi avela kuNkulunkulu, umuntu kufanele anamathele kuwo, futhi ukunamathela kuwo kusho ukuthola ukuphila. Uma umuntu enganamatheli kuwo, engawenzi, futhi engaphili ngamazwi kaNkulunkulu ekuphileni kwakhe, khona-ke lo muntu akalenzi iqiniso. Futhi uma abantu bengalenzi iqiniso, basuke bengamesabi uNkulunkulu futhi bengakugwemi okubi, futhi bengamenelisi uNkulunkulu. Uma othile engamenelisi uNkulunkulu, kusho ukuthi ngeke uNkulunkulu abatuse; lolu hlobo lomuntu alunawo umphumela. Ngakho emsebenzini kaNkulunkulu, uNkulunkulu uwumisa kanjani umphumela womuntu? Iyiphi indlela uNkulunkulu ayisebenzisayo ukuze amise umphumela womuntu? Mhlawumbe okwamanje lokhu akukhanyi kahle kuwe, kodwa uma ngikutshela inqubo kuyocaca kakhudlwana. Lokhu kungenxa yokuthi abantu abaningi sebedlule kukho kakade.

Njengoba umsebenzi kaNkulunkulu uqhubeka, kusukela ekuqaleni kuze kube manje, uNkulunkulu ubekele wonke umuntu izilingo—noma ungathi, wonke umuntu omlandelayo—futhi lezi zilingo azilingani. Kunalabo ababhekane nesilingo sokwenqatshwa umndeni wabo; nalabo abakhulele ezindaweni ezintulayo; nalabo abaye baboshwa futhi bahlukunyezwa; nalabo abhekene nesilingo sokwenza izinqumo; nalabo abanezinkinga zemali nesithunzi. Ngokuvamile, wonke umuntu kini usebhekane nalo lonke uhlobo lwezilingo. Kungani uNkulunkulu esebenza kanje? Kungani uNkulunkulu ebaphatha kanjalo abantu? Imiphi imiphumela afuna ukuyibona? Leli iphuzu elibalulekile engifuna ukunitshela lona: UNkulunkulu ufuna ukubona ukuthi lo muntu uluhlobo olumesabayo yini futhi olukugwemayo yini okubi. Lokhu kusho ukuthi lapho uNkulunkulu ekuvivinya, ekwenza ubhekane nezimo ezithile, usuke efuna ukuthola ukuthi uwumuntu owesaba uNkulunkulu yini futhi ogwema okubi. Uma othile enza umsebenzi wokugcina umnikelo, bese ethola umnikelo, ucabanga ukuthi lena into esuke ihlelwe uNkulunkulu? Akubuzwa! Yonke into obhekana nayo isuke ihlelwe uNkulunkulu. Lapho ubhekene nalesi simo, uNkulunkulu uyokuqapha ekusithekeni, abheke indlela okhetha ngayo, indlela owenza ngayo, nento oyicabangayo. Isiphetho somphumela yilokhu uNkulunkulu akhathazeke ngakho, njengoba kuwumphumela uyomenza akwazi ukukala ukuthi ulifinyelele yini izinga likaNkulunkulu kulesi silingo. Nokho, lapho abantu bebhekene nendaba ethile, abavamile ukucabanga ukuthi kungani bebhekene nayo, noma ngezinga elifunwa uNkulunkulu. Abacabangi ngalokho uNkulunkulu afuna ukukubona kubo, lokho afuna ukukuthola kubo. Lapho bebhekene nale ndaba, lolu hlobo lomuntu kuba ukuphela kwento abayicabangayo: “Lena into engibhekene nayo; kumele ngiqaphele, ngingabi ongenandaba! Kunoma ikuphi, lona umnikelo kaNkulunkulu angikwazi ukuwuthinta.” Lo muntu ukholwa ukuthi angasifeza isibopho sakhe ngokucabanga kalula kanjalo. Ingabe uNkulunkulu uzokwaneliseka ngomphumela walolo vivinyo? Noma ngeke aneliseke? Ningaxoxa ngalokho. (Uma othile esaba uNkulunkulu enhliziyweni yakhe, khona-ke lapho ebhekene nomsebenzi omenza athintane nomnikelo kaNkulunkulu, uyocabanga ngokuthi kulula kanjani ukucasula isimo sikaNkulunkulu, ngakho uyoqiniseka ngokuthi uyaqapha.) Impendulo yakho isemgudwini ofanele, kodwa ayikafiki la ngifuna ibe khona. Ukuhamba endleleni kaNkulunkulu akukho mayelana nokugcina imithetho obala. Kunalokho, kusho ukuthi uma ubhekene nendaba, okokuqala, uzoyibheka njengesimo esihlelwe uNkulunkulu, isibopho uNkulunkulu asibeke kuwe, noma njengokuthile akuphathise khona, ukuthi lapho ubhekene nalesi simo, kufanele usibheke njengesihlelwe uNkulunkulu. Lapho ubhekene nale ndaba, kumele ube nezinga, kumele ucabange ukuthi ivela kuNkulunkulu. Kumele ucabange ngendlela ozosingatha ngayo le ndaba ukuze ufeze isibopho sakho, sokwethembeka kuNkulunkulu; ungakwenza kanjani ngendlela engamcasuli uNkulunkulu, noma ecasula isimo Sakhe. Siqeda kukhuluma ngokulondoloza iminikelo. Le ndaba ihilela iminikelo, futhi ihilela umsebenzi wakho, isibopho sakho. Unesibopho somsebenzi kulo mthwalo wakho. Kodwa lapho ubhekene nale ndaba, ingabe sikhona isilingo? Yebo sikhona! Sivelaphi lesi silingo? Sivela kuSathane, futhi sivela ebubini bomuntu, esimweni esikhohlakele. Njengoba kunezilingo, lokhu kuhlanganisa ukuba nobufakazi; ukuba nobufakazi nakho kuwumsebenzi nesibopho sakho. Abanye abantu bathi: “Lena indaba encane; ingabe sikhona isidingo sokuyenza into enkulu?” Yebo sikhona! Ngoba ukuze sihambe ezindleleni zikaNkulunkulu, asikwazi ukudedela noma yini emayelana nathi, noma yini esizungezile, ngisho nezinto ezincane. Akukhathaleki ukuthi sicabanga ukuthi kufanele sikunake noma cha, uma nje kusenendaba esibhekile, akufanele sikudedele. Konke kufanele kubhekwe njengovivinyo uNkulunkulu asivivinya ngalo. Unjani lo mbono? Uma unalolu hlobo lombono, lokho kuqinisekisa leli qiniso: Inhliziyo yakho yesaba uNkulunkulu, futhi inhliziyo yakho izimisele ngokugwema okubi. Uma unalesi sifiso sokwanelisa uNkulunkulu, khona-ke okwenzayo akuqhelelene nezinga lokwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi.

Kunalabo abacabanga ukuthi izindaba ezinakwa abantu kakhulu, izindaba empeleni okungakhulunywa ngazo—zimane ziyizinto ezingabalulekile, futhi azihlanganise lutho nokwenza iqiniso. Lapho laba bantu bebhekene nendaba enjalo, abacabangisisi ngayo bayayeka idlule. Kodwa eqinisweni, le ndaba iyisifundo okufanele ufunde ngaso, isifundo esimayelana nokwesaba uNkulunkulu, nokugwema okubi. Ngaphezu kwalokho, into okufanele ukhathazeke ngayo kakhulu ukwazi ukuthi uNkulunkulu wenzani lapho wena ubhekana nale nkinga. UNkulunkulu usohlangothini lwakho, uqapha wonke amazwi nezenzo zakho, nezinguquko ezisengqondweni yakho—lona umsebenzi kaNkulunkulu. Abanye bathi: “Kungani pho ngingawuzwa?” Awukaze uwuzwe ngenxa yokuthi indlela yokwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi akukakabi indlela ebalulekile kuwe yokunamathela kukho. Ngakho, awukwazi ukubona umsebenzi kaNkulunkulu kumuntu, oziveza ngemicabango nezenzo zabantu ezihlukahlukene. Awugxilile! Iyiphi indaba ebalulekile? Iyiphi indaba encane? Izindaba ezifaka ukuhamba endleleni kaNkulunkulu azehlukaniswa phakathi kwezinkulu nezincane, zonke zinkulu—ningakwemukela lokho? (Singakwemukela.) Mayelana nazo zonke izindaba, kunalezo abantu abazibona njengezinkulu kakhulu nezibalulekile, futhi ezinye zibhekwa njengezincane. Abantu bavame ukubheka lezi zindaba ezinkulu njengezibaluleke kakhulu, futhi bacabanga ukuthi zivela kuNkulunkulu. Nokho, njengoba lezi zindaba ezinkulu ziqhubeka, kuhlaluka isimo sokungavuthwa komuntu nokungakhaliphi kwakhe, umuntu uvame ukungabi nenhloso eyodwa noNkulunkulu, futhi akakwazi ukuthola noma ikuphi ukwambulelwa, futhi ngeke athole noma iluphi ulwazi olubalulekile. Ngakho-ke ngokuphathelene nezindaba ezincane, zivame ukunganakwa abantu, bayaziyeka zidlule kancane kancane. Ngakho, balahlekelwe amathuba amaningi okuhlolwa phambi kukaNkulunkulu, ukuvivinywa Nguye. Uma nawe ungabanaki laba bantu, izinto nezindaba nezimo uNkulunkulu akuhlelele zona, lokho kuyosho ukuthini? Kusho ukuthi njalo, ngaso sonke isikhathi, uhlale umemezela ukuthi uNkulunkulu ukuphelelisile, nokuthi uyakuhola. Noma nini lapho uNkulunkulu ekuhlelela isimo, uyakubuka ekusithekeni, ubuka inhliziyo yakho, ubuka imicabango yakho, ubuka indlela ocabanga ngayo nozokwenza ngayo. Uma ungumuntu onganaki—umuntu ongazange abheke indlela kaNkulunkulu njengebalulekile, izwi likaNkulunkulu, noma iqiniso—khona-ke ngeke ube nomqondo ohluzekile, ngeke ukunake lokhu uNkulunkulu afuna ukukuphothula, nalokho uNkulunkulu akufuna kuwe lapho ekuhlelela izimo. Ngeke futhi uyazi indlela abantu, izigameko, nezinto ohlangabezana nazo ezihlobene ngayo neqiniso noma intando kaNkulunkulu. Ngemva kokubhekana nezimo eziphindelelayo nezilingo ezizodwa njengalezi, futhi uNkulunkulu engaboni ntuthuko egameni lakho, uNkulunkulu uyomisa kanjani? Ngemva kokubhekana ngokuphindaphindiwe nezilingo, awumdumisi uNkulunkulu enhliziyweni yakho, futhi awuzibheki izimo uNkulunkulu akuhlelela zona njengoba zinjalo—njengezilingo noma izivivinyo zikaNkulunkulu. Kunalokho, wenqaba amathuba uNkulunkulu awabeka kuwe, uwenze akuphunyuke ngokuphindaphindiwe ngazo zonke izikhathi. Akukhona yini ukungalaleli okukhulu lokhu komuntu? (Yikho.) Ingabe uNkulunkulu uyophatheka kabi ngenxa yalokhu? (Yebo.) Akunjalo. UNkulunkulu ngeke abe lusizi! Ukungizwa ngikhuluma kanje sekuphinde kwanethusa futhi. Ngaphezu kwakho konke, akushiwongo yini ekuqaleni ukuthi uNkulunkulu uhlale elila? UNkulunkulu ngeke alile? Uyoba nini sosizini kanti uNkulunkulu? Kodwa-ke uNkulunkulu ngeke alile ngenxa yalesi simo. Khona-ke siyini isimo sikaNkulunkulu ngalolu hlobo oluboniswe ngenhla lokuziphatha? Lapho abantu benqaba izilingo, izivivinyo, uNkulunkulu abanika zona, lapho behlehla kuzo, uwodwa kuphela umbono uNkulunkulu awubeke kulabo bantu. Yimuphi lowo mbono? UNkulunkulu uyalwenqaba lolu hlobo lomuntu ekujuleni kwenhliziyo Yakhe. Igama elithi “ukwenqaba” linezincazelo ezimbili. Ngingazichaza kanjani? Ekujuleni, igama liqukethe umqondo wokwenyanya, wokuzonda. Ngokwencazelo yesibili? Linengxenye ebonisa ukugeza izandla ngento ethile. Sonke siyazi ukuthi “ukugeza izandla” kusho ukuthini, akunjalo? Ngamafuphi, ukwenqaba kusho isinyathelo sokugcina sikaNkulunkulu ngabantu abaziphatha ngaleyo ndlela. Kuyinzondo enkulu ngabo, ukwenyanya, yingakho ethathe isinqumo sokubalahla. Lesi isinqumo sokugcina sikaNkulunkulu ngabantu abangakaze bahambe endleleni Yakhe, abangakaze bamesabe noma bagweme okubi. Ingabe nonke manje seniyakubona ukubaluleka kwenkulumo engikhulume ngayo?

Manje ingabe niyayiqonda indlela uNkulunkulu ayisebenzisayo ukuze amise umphumela womuntu? (Ukuhlela izimo ezingafani zonke izinsuku.) “Ukuhlela izimo ezingafani”—lokhu abantu bangakuzwa futhi bakuthinte. Khona-ke ziyini izisusa zikaNkulunkulu ngalokho? Izisusa ziwukuthi uNkulunkulu ufuna ukunika wonke umuntu izilingo ngezindlela ezingafani, ngezikhathi ezingafani nasezindaweni ezingafani. Iziphi izici zomuntu ezivivinywayo? Kungakhathaleki ukuthi uluhlobo lomuntu olwesaba uNkulunkulu futhi lugweme okubi kuzo zonke izinto ozenzayo noma cha, uzwa ngakho, uyakubona futhi udlula kukho. Wonke umuntu uzobhekana nalolu hlobo lwesilingo, ngoba uNkulunkulu akenzeleli muntu. Abanye bathi: “Sengikholwe iminyaka eminingi kuNkulunkulu; kwenzeka kanjani ukuthi angikaze ngibhekane nesilingo?” Uzwa sengathi awukaze ubhekane nesilingo ngenxa yokuthi ngisho uNkulunkulu ekuhlelele izimo awukazi uzibheke njengento ebalulekile, futhi ubungafuni ukuhamba endleleni kaNkulunkulu. Ngakho awunawo umqondo wezilingo zikaNkulunkulu. Abanye bathi: “Ngike ngabhekana nezilingo eziningi, kodwa ayikho indlela efanayo engiyaziyo yokubhekana nazo. Ngisho noma ngizisingathile, namanje angikakazi ukuthi ngama ngaqini yini kulezo zilingo.” Nakanjani abantu abazizwa kanjena ababancane. Ngakho uNkulunkulu kanti abantu ubakala ngaliphi izinga? Kunjengoba ngishilo emizuzwini embalwa eyedlule: Yonke into oyenzayo, oyicabangayo, noyivezayo—iwukwesaba uNkulunkulu okugwema okubi? Lena indlela yokuthola ukuthi uwumuntu owesaba uNkulunkulu nogwema okubi noma cha. Ingabe lo mbono ufanele? Kulula kakhulu ukusho, kodwa ingabe kulula nokwenza? (Akulula.) Kungani kungelula kangako? (Ngoba abantu abamazi uNkulunkulu, abayazi indlela uNkulunkulu aphelelisa ngayo umuntu, ngakho lapho bebhekana nezindaba ezinjalo abakwazi ukusebenzisa iqiniso ukuze lixazulule izinkinga zabo; abantu kumele babhekane nezilingo eziningi, ukucwengwa, ukusolwa, ukwahlulelwa, ngaphambi kokuba besabe uNkulunkulu.) Kubekeni kanje, ngokombono wenu, ukwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi, kubonakala kulula ukukwenza okwamanje. Kungani ngisho lokhu? Ngenxa yokuthi senilalele izintshumayelo eziningi, futhi anitholanga amanzi amancane okunisela iqiniso. Lokhu kuye kwanenza naqonda ukwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi ngokombono nangokucabanga. Mayelana nemikhuba yenu yokwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi, konke lokhu kube usizo futhi kunenze nezwa sengathi into enjalo ingafinyeleleka kalula. Ngakho kungani eqinisweni abantu bengakufeza lokhu? Lokhu kungenxa yokuthi isimo somuntu asimesabi uNkulunkulu, futhi sithanda ububi. Lesi isizathu sangempela.

Ukungamesabi UNkulunkulu Nokungakugwemi Okubi Kuwukumelana NoNkulunkulu

Ake siqale ngokukhuluma ngokuthi ivelaphi le nkulumo ethi, “Yesaba uNkulunkulu ugweme okubi.” (Encwadini kaJobe.) Manje njengoba senikhulume ngoJobe, ake sixoxe ngaye. Ngesikhathi sikaJobe, ingabe uNkulunkulu wayesebenzela ukunqoba umuntu nokumsindisa? Kwakungenjalo, angithi? Futhi ngokukaJobe, wayenolwazi olungakanani ngoNkulunkulu ngaleso sikhathi? (Lwalungeluningi.) Ingabe uJobe wayenolwazi olungaphezulu noma oluncane ngoNkulunkulu kunolwazi eninalo njengamanje? Kwenziwa yini ukuthi ningaphenduli? Kulula kakhulu ukuwuphendula lo mbuzo. Lwaluluncane! Lokho kuliqiniso! Manje seniyabonana noNkulunkulu, futhi seniyahambisana nezwi likaNkulunkulu. Ulwazi lwakho ngoNkulunkulu lukhulu kakhulu kunolukaJobe. Kungani ngikhuluma ngalokhu? Kungani ngikhuluma kanje? Ngingathanda ukunichazela iqiniso, kodwa ngaphambi kwalokho, ngifuna ukunibuza lombuzo: UJobe wayazi okuncane ngoNkulunkulu, kodwa wakwazi ukwesaba uNkulunkulu wagwema okubi. Ngakho kungani abantu kulezi nsuku behluleka ukwenza kanjalo? (Bakhohlakele kakhulu.) “Bakhohlakele kakhulu”—lokho kuyinto elula edala inkinga, kodwa ngeke neze ngiyibuke ngale ndlela. Nivame ukuthatha izimfundiso namagama enivame ukukhuluma ngawo, njengathi, “Inkohlakalo enkulu,” “Ukuhlubuka kuNkulunkulu,” “Ukungathembeki kuNkulunkulu,” “Ukungalaleli,” “Ukungalithandi iqiniso,” futhi nisebenzisa la mazwi ukuze nichaze isiqu sikaNkulunkulu kuwo wonke umbuzo. Lena indlela ezwakala kahle yokukusho. Kodwa ukusebenzisa impendulo eyodwa ukuze niphendule imibuzo ngezindlela ezibonakala zehlukile kuwukuhlambalaza iqiniso noNkulunkulu. Angikuthandi ukuzwa lolu hlobo lwempendulo. Cabanga ngakho! Akekho kini oke wacabanga ngale ndaba, kodwa lokho ngikubona ngazo zonke izinsuku futhi ngikuzwa nsuku zonke. Ngakho niyenza Mina ngibhekile. Lapho nenza, anikwazi ukubona ingqikithi yale ndaba. Kodwa lapho ngiyibona, ngiyakwazi ukubona ingqikithi yaso, futhi ngingakwazi nokuzwa ingqikithi yayo. Ngakho-ke iyini le ngqikithi? Kungani abantu kulezi nsuku bengamboni uNkulunkulu futhi bagweme okubi? Izimpendulo zenu zisichaza buthule isisekelo sale mibuzo, futhi azikwazi ukulungisa isisekelo salo mbuzo. Lokhu kungenxa yokuthi kunomthombo lapha ongazi ngawo. Uyini lo mthombo? Ngiyazi nifuna ukuzwa ngawo, ngakho ngizonitshela ngomthombo walo mbuzo.

Ekuqaleni komsebenzi kaNkulunkulu, wayebabheka kanjani abantu? UNkulunkulu wabasindisa abantu; waphatha umuntu njengelungu lalo mndeni, njengenjongo yomsebenzi Wakhe, njengento afuna ukuyinqoba, ukuyisindisa, nafuna ukuyiphelelisa. Lona kwakuwumbono kaNkulunkulu ngabantu ekuqaleni komsebenzi Wakhe. Kodwa wawuyini umbono womuntu ngoNkulunkulu ngaleso sikhathi? UNkulunkulu wayengajwayelekile kubantu, futhi umuntu wayebheka uNkulunkulu njengesihambi. Kungashiwo ukuthi isimo sakhe somqondo mayelana noNkulunkulu asiyithelanga imiphumela elungile, futhi wayengaqondi ngokucacile ukuthi kufanele amphathe kanjani uNkulunkulu. Ngakho wamphatha nganoma iyiphi indlela athanda ngayo, wenza noma yini ayithandayo. Ingabe umuntu wayenombono ngoNkulunkulu? Ekuqaleni, umuntu akabanga nambono ngoNkulunkulu. Lokho okubizwa ngokuthi umbono womuntu kwaba imicabango anayo ngoNkulunkulu. Lelo zinga lemibono yabantu lemukelwa; futhi lokho akulalelanga imithetho eyayibekiwe, kodwa ezinhliziyweni zabo abantu bamelana nakho ngamandla. Lobu kwakuwubudlelwane bomuntu noNkulunkulu ekuqaleni: UNkulunkulu wayebheka umuntu njengelungu lomndeni, kodwa umuntu ephatha uNkulunkulu njengesihambi. Kodwa phakathi nenkathi yomsebenzi kaNkulunkulu, umuntu wakuqonda lokho uNkulunkulu ayezama ukukufeza. Abantu baqonda ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu weqiniso, futhi baqonda ukuthi yini umuntu ongayizuza kuNkulunkulu. Umuntu wayembheka kanjani uNkulunkulu ngaleso sikhathi? Umuntu wabheka uNkulunkulu njengobalulekile ekuphileni, ngethemba lokuthola umusa, ukuthola izibusiso nezithembiso. UNkulunkulu wayembheka kanjani umuntu ngaleso sikhathi? UNkulunkulu wayebheka umuntu njengento okufanele ayinqobe. UNkulunkulu wayefuna ukusebenzisa amazwi ukuze ahlulele abantu, avivinye abantu, anike abantu izilingo. Kodwa ngokwabantu, uNkulunkulu wayelithuluzi abangalisebenzisa ukuze kufezeke imigomo yabo. Abantu bathi iqiniso elivela kuNkulunkulu lingabanqoba futhi libasindise, nokuthi banethuba lokuthola izinto abazifuna kuNkulunkulu, lokuya endaweni abayifunayo. Ngenxa yalokho, izinhliziyo zabo zaba nobuqotho obuncane, futhi babekulungele ukulandela lo Nkulunkulu. Kwadlula isikhathi esithile, futhi abantu baba nolwazi oluthile oluyizimfundiso ngoNkulunkulu. Kungase kushiwo ukuthi babejwayelana kancane kancane noNkulunkulu. Ngenxa yezwi elikhulunywe uNkulunkulu, izimfundiso Zakhe, iqiniso Lakhe, nomsebenzi Wakhe—abantu “bajwayelana” ngokwengeziwe. Ngakho, abantu bacabanga ngephutha ukuthi uNkulunkulu wayengasesona isihambi, nokuthi kakade base behamba endleleni yokufaneleka kuNkulunkulu. Kuze kube manje, abantu sebelalele izintshumayelo eziningi zeqiniso, futhi sebebone umsebenzi omningi kaNkulunkulu. Kodwa ngenxa yokugxambukela nokuphazamisa kwezinto nezimo ezihlukahlukene, abantu abaningi abakwazi ukusebenzisa iqiniso, futhi abakwazi ukwanelisa uNkulunkulu. Abantu bayasilela ngokuqhubekayo, bantula ukuzethemba ngokuqhubekayo. Balokhu becabanga ukuthi umphumela wabo awaziwa. Abalokothi babe nemibono efanele, futhi ababonakali benenqubekela phambili; bamane bayalandela nje, baya phambili. Mayelana nesimo somuntu samanje, siyini isimo sikaNkulunkulu ngomuntu? Okuwukuphela kwesifiso sikaNkulunkulu ukunika umuntu iqiniso, futhi ahlelembe indlela Yakhe kumuntu, bese ehlela izimo ezehlukahlukene ukuze avivinye umuntu ngezindlela ezingafani. Umgomo Wakhe ukuthatha la mazwi, la maqiniso, nomsebenzi Wakhe, bese eletha umphumela lapho umuntu eyokwesaba khona uNkulunkulu futhi agweme okubi. Abantu abaningi engibabonile bamane bathathe izwi likaNkulunkulu bese belibheka njengemfundiso, balibheke njengamagama, balibheke njengomthetho okufanele ugcinwe. Lapho beqhubeka benza izinto futhi bekhuluma, noma bebhekana nezilingo, abayibheki indlela kaNkulunkulu njengendlela okufanele igcinwe. Lokhu kubonakala kakhulu lapho abantu bebhekene nezilingo; angikaze ngibone umuntu owenza izwi ngokwesaba uNkulunkulu noma ukugwema okubi. Ngenxa yalokhu, indlela kaNkulunkulu ngomuntu igcwele ukwenyanya okudlulele nokunengwa. Ngemva kokuba uNkulunkulu enike abantu izilingo ngokuphindaphindiwe, ngisho nangezikhathi ezingamakhulu, abakawubonisi umbono ocacile wokubonisa ukuzimisela kwabo—ngifuna ukwesaba uNkulunkulu ngigweme okubi! Njengoba abantu bengenakho lokhu kuzimisela, futhi bengakubonisi lokhu, umbono kaNkulunkulu ngabo awusafani nowasekuqaleni, lapho ebabonisa umusa, ebabekezelela futhi eba nesineke ngabo. Kunalokho, udumazeke kakhulu ngomuntu. Obangela lokhu kudumazeka? Uhlobo lombono uNkulunkulu anawo ngomuntu, luncike kubani? Luncike kuwo wonke umuntu omlandelayo. Enkambweni yeminyaka Yakhe eminingi yomsebenzi, kuningi uNkulunkulu akudinge kumuntu, futhi kuningi akuhlelele umuntu. Kodwa kungakhathaleki ukuthi umuntu wenzelwa ini, futhi kungakhathaleki ukuthi isimo somuntu kuNkulunkulu siyini, umuntu akakwazi ukwenza ngokuvumelana nomgomo wokwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi. Ngakho ngizokufingqa ngenkulumo eyodwa, futhi ngisebenzise le nkulumo ukuze ngichaze konke engiqeda kukhuluma ngakho ekutheni kungani abantu bengakwazi ukuhamba endleleni kaNkulunkulu—ukwesaba uNkulunkulu ugweme okubi. Ithini le nkulumo? Ithi: UNkulunkulu ubheka umuntu njengento yokusindiswa Nguye, into yomsebenzi Wakhe; umuntu ubheka uNkulunkulu njengesitha, imbangi yakhe. Iyakucacela le ndaba manje? Uyini umbono womuntu; uyini umbono kaNkulunkulu; buyini ubudlelwane phakathi komuntu noNkulunkulu—konke lokhu kucacile. Akunandaba ukuthi ziningi kangakanani izintshumayelo osuzizwile, lezi zinto ozibonele zona—njengokuba nokholo kuNkulunkulu, ukulalela uNkulunkulu, ukufuna ukufaneleka kuNkulunkulu, ukufuna ukuphila noNkulunkulu, ukuphilela uNkulunkulu—Kimi lezo zinto azikhona ukuhamba endleleni kaNkulunkulu, okuwukwesaba uNkulunkulu ugweme okubi. Kunalokho, ziyimigudu ongathola ngayo imigomo ethile. Ukuze uthole le migomo, kufanele ugcine imithetho ethile. Futhi yimithetho efana nale edlulisela abantu endleni yokwesaba uNkulunkulu bagweme okubi, futhi yenze uNkulunkulu aphinde amelane nomuntu ngokwengeziwe.

Umbuzo esixoxa ngawo namuhla uthe ukujula kancane, kodwa kunoma ikuphi, ngisenethemba lokuthi uma ufunda izibonelo ezilandelayo nezikhathi ungakwenza lokhu engiqeda kukutshela khona. Ungamshayi indiva uNkulunkulu umbheke njengomoya ongelutho, njengokungathi ukhona ngezikhathi omdinga ngazo, kodwa lapho ungamdingi khona kube sengathi akekho. Lapho ubambelela kulolu hlobo lokuqonda, uyobe umthukuthelise kakhulu uNkulunkulu. Mhlawumbe kunabantu abathi: “Angimphathi uNkulunkulu njengomoya ongelutho, ngihlale ngithandaza kuNkulunkulu, ngihlale ngimanelisa uNkulunkulu, futhi yonke into engiyenzayo ingaphansi kwezinga nesimiso engikunikwe uNkulunkulu. Nakanjani angihambi ngemibono yami.” Yebo, indlela ohamba ngayo ngezinto inembile. Kodwa ucabangani lapho usubhekene nesimo ngokoqobo? Wenzani lapho indaba iphambi kwakho? Abanye bacabanga ukuthi uNkulunkulu ukhona lapho bethandaza, futhi becela Kuye. Kodwa lapho bebhekene nendaba, baqhamuka nemibono yabo abafuna ukuyisebenzisa. Lokho kwenza uNkulunkulu abonakale njengomoya ongelutho. Lolu hlobo lwesimo lubonisa ukuthi uNkulunkulu akekho. Abantu bacabanga ukuthi uNkulunkulu kufanele abe khona lapho bemdinga, futhi lapho bengamdingi akufanele abe khona. Abantu bacabanga ukuthi ukusebenzisa imibono yabo kwanele. Bakholwa ukuthi lokho kungabasebenzela nganoma iyiphi indlela abayithandayo. Bamane bacabanga ukuthi abadingi ukufuna indlela kaNkulunkulu. Abantu abakulesi simo—ingabe abalengeli engozini? Abanye abantu bathi: “Kungakhathaleki ukuthi ngilengela engozini noma cha, ngikholwe iminyaka eminingi, futhi ngikholwa ukuthi uNkulunkulu ngeke angilahle ngoba ngeke akwazi ukungilahla.” Abanye bathi: “Ngisho nasesikhathini lapho ngisesibelethweni sikamama, ngangikholwa kuNkulunkulu, sonke leso sikhathi kuze kube manje, iminyaka engamashumi amane noma engamashumi amahlanu isiphelele. Mayelana nesikhathi, ngifaneleka kangcono ukuba ngisindiswe uNkulunkulu; yimina okumele asindiswe. Kule nkathi yamashumi amane noma yamashumi amahlanu, ngashiya umndeni wami nomsebenzi wami. Ngalahla konke enganginakho, njengemali, udumo, injabulo, isikhathi somndeni; angikaze ngidle ukudla okuningi okumnandi; okuningi okumangalisayo engikujabulele; aziziningi izindawo ezinhle engizivakashele; ngize ngabekezelela ukuhlupheka umuntu ovamile abengeke akubekezelele. Uma uNkulunkulu engakwazi ukungisindisa ngenxa yakho konke lokhu, kusho ukuthi ngiphathwa ngendlela engafanele futhi ngeke ngikholwe kuNkulunkulu onje.” Ingabe bakhona abantu abaningi abanalo mbono? (Baningi.) Ngakho namhlanje ngizonisiza nazi iqiniso: Ngamunye kubo onalo mbono uzigwaza ngowakhe. Lokhu kungenxa yokuthi basebenzisa imicabango yabo ukuba ivale amehlo abo. Imicabango yabo, neziphetho zabo okungena esikhundleni sezinga lezimfuneko zikaNkulunkulu, okungendlela yokuthi bangakwazi ukuzwa ukuba khona kwangempela kukaNkulunkulu, futhi okubenza bangazamukeli izinhloso zangempela zikaNkulunkulu, futhi abakwazi ukuzwa ukuba khona kukaNkulunkulu, futhi balahlekelwa ithuba lokupheleliswa uNkulunkulu futhi abanangxenye esithembisweni sikaNkulunkulu.

Indlela Nezinga UNkulunkulu Amisa Ngalo Umphumela Womuntu

Ngaphambi kokuba ube nemibono noma iziphetho zakho, kufanele uqale uqonde umbono kaNkulunkulu ngawe, okucatshangwa uNkulunkulu, bese unquma ukuthi ukucabanga kwakho kufanele yini noma cha. UNkulunkulu akasebenzisi izikhathi ukuze amise umphumela womuntu, futhi akakaze asebenzise ukuhlupheka okubekezelelwa omunye umuntu, ukuze amise umphumela wakhe. Pho yini uNkulunkulu ayisebenzisayo njengezinga lokumisa umphumela womuntu? Ukusebenzisa izikhathi ukuze amise umphumela womuntu—yikho okuvame ukuhambelana nemibono yabantu. Futhi kuphinde kube nalabo bantu, esibabona ngezinye izikhathi bezinikele kakhulu, bekhipha imali eningi, bekhokha kaningi, behlupheka kakhulu. Labo yilabo ngokombono wakho, abangasindiswa uNkulunkulu. Konke okuboniswa yilaba bantu, konke abakuphilelayo, kuyindlela isintu esibheka ngayo izinga uNkulunkulu amisa ngalo umphumela womuntu. Kungakhathaleki ukuthi yini oyikholwayo, ngeke ngizibale zonke lezi zibonelo. Kafushane bekusengathi akulona izinga lomcabango kaNkulunkulu, kusengathi imicabango yomuntu, kanye nayo yonke imibono yomuntu. Iyini imiphumela yokuphikelela ngokungaboni kuyo yonke imibono nemicabango yakho? Ngokusobala umphumela kungaba kuphela ukuthi uNkulunkulu akuchithe. Lokhu kungenxa yokuthi uhlale ufuna ukuveza izinto ofaneleka ngazo phambi kukaNkulunkulu, uncintisana noNkulunkulu, uphikisana noNkulunkulu, futhi ungazami ukuwuqonda ngempela umcabango kaNkulunkulu, futhi ungazami ukuqonda izinhloso zikaNkulunkulu nombono kaNkulunkulu ngesintu. Ukuqhubeka ngale ndlela kuwukuzidumisa wena ngaphezu kwayo yonke into, hhayi uNkulunkulu. Ukholwa kuwe; awukholwa kuNkulunkulu. UNkulunkulu akalufuni lolu hlobo lomuntu, futhi uNkulunkulu ngeke alusindise lolu hlobo lomuntu. Uma ungaludedela lolu hlobo lombono, bese ulungisa le mibono enganembile emidala; uma ungaqhubeka ngemiyalo kaNkulunkulu; uqale ukwenza izinto ngokwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi kusukela manje kuye phambili; ukwazi ukudumisa uNkulunkulu njengomkhulu kunazo zonke izinto; ungasebenzisi izinto onazo, imibono, noma izinkolelo ukuze uzichaze wena, uchaze uNkulunkulu. Kodwa kunalokho, ufuna izinhloso zikaNkulunkulu ngazo zonke izindlela, uyawuqaphela futhi uyawuqonda umbono kaNkulunkulu ngesintu, futhi usebenzisa izinga likaNkulunkulu ukuze wanelise uNkulunkulu—lokho bekuyoba kuhle! Lokhu kuyosho ukuthi usuzoqala indlela yokwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi.

Njengoba uNkulunkulu engawusebenzisi nangayiphi indlela umcabango womuntu, amacebo nemibono yabo, njengezinga lokumisa umphumela womuntu, khona-ke hlobo luni lwezinga alisebenzisayo? UNkulunkulu usebenzisa izilingo ukuze amise umphumela womuntu. Kunamazinga amabili okusebenzisa izilingo ukuze amise umphumela womuntu: Elokuqala isibalo sezilingo abantu abadlula kuzo, elesibili umphumela wabantu ezilingweni. Yilezi zimpawu ezimbili ezimisa umphumela womuntu. Manje sizokwenaba ngala mazinga amabili.

Okokuqala, lapho ubhekene nezilingo ezivela kuNkulunkulu (qaphela: kungenzeka ukuthi emehlweni akho lesi silingo sincane futhi akusizi nokukhuluma ngaso), uNkulunkulu uyokwenza wehlukanise ukuqapha okusesandleni sikaNkulunkulu kuwe, nokuthi kuyisimo uNkulunkulu akuhlelele sona. Lapho ungavuthiwe, uNkulunkulu uyokuhlelela izilingo ukuze akuvivinye. Lezi zilingo ziyovumelana nawe, ungakwazi ukuziqonda futhi ungakwazi ukumelana nazo. Zizovivinya ini kuwe? Zizovivinya umbono wakho ngoNkulunkulu. Ingabe lo mbono ubaluleke kakhulu? Yebo ubalulekile! Ngaphezu kwalokho, ubaluleke ngendlela ekhethekile! Ngoba lo mbono womuntu uwumphumela walokho okufunwa uNkulunkulu, uyinto ebaluleke kakhulu kuNkulunkulu. Kungenjalo uNkulunkulu ngeke asebenzise amandla Akhe kubantu ngokwenza lezi zinhlobo zomsebenzi. Ngalezi zilingo, uNkulunkulu ufuna ukubona indlela ombheka ngayo; ufuna ukubona ukuthi usendleleni efanele yini yoma cha; ufuna ukubona ukuthi uyamesaba yini uNkulunkulu futhi uyakugwema yini okubi noma cha. Ngakho kungathaliseki ukuthi wazi okuningi noma okuncane ngeqiniso ngaleso sikhathi, usazobhekana nezilingo zikaNkulunkulu, futhi ulandele noma ikuphi ukwanda kweqiniso okuqondayo, uNkulunkulu uyoqhubeka ekuhlelela izilingo ezifanelana nawe. Lapho uphinde ubhekana nesilingo, uNkulunkulu usuke efuna ukubona ukuthi imibono yakho, amacebo akho, nendlela ombheka ngayo kuye kwakukhula yini esikhathini esithile. Abanye abantu bathi: “Kungani uNkulunkulu ehlale efuna ukubona indlela abantu abambheka ngayo? Ingabe uNkulunkulu akakayiboni indlela abalenza ngayo iqiniso? Kungani esafuna ukubona imibono yabantu?” Umsangano lo! Njengoba uNkulunkulu eqhubeka ngale ndlela, kusho ukuthi nezinhloso Zakhe zilapho. UNkulunkulu uhlale eqapha abantu ohlangothini lwabo, ehlola wonke amazwi nezenzo, konke abakwenzayo nokunyakaza kwabo, ngisho nayo yonke imicabango namacebo abo. Konke okwenzeka kubantu: izenzo zabo ezinhle, amaphutha abo, iziphambeko zabo, ngisho nokuhlubuka kwabo nokukhaphela kwabo, uNkulunkulu uyokuloba konke njengobufakazi bokumisa umphumela wabo. Njengoba umsebenzi kaNkulunkulu ukhula kancane kancane, ayanda namaqiniso owezwayo, ziyanda nezinto ezinhle ozamukelayo, ulwazi oluhle, nokuba ngokoqobo kweqiniso. Enkambweni yale nqubo, zizolokhu zanda izimfuneko zikaNkulunkulu kuwe. Ngesikhathi esifanayo, uNkulunkulu uyokuhlelela izilingo ezinkulu. Umgomo wakhe ukuthola ukuthi umbono wakho ngoNkulunkulu usuvuthiwe yini. Yiqiniso, phakathi nalesi sikhathi, umbono uNkulunkulu afuna ube nawo uvumelana nokuqonda okungokoqobo kweqiniso.

Njengoba isiqu esingokomoya sakho sikhula kancane kancane, izinga uNkulunkulu alifuna kuwe nalo liyokhula kancane kancane. Uma ungavuthiwe, uNkulunkulu uyokunika izinga eliphansi kakhulu; uma isiqu esingokomoya sakho sisikhulu, uNkulunkulu uyokunika izinga elithe xaxá. Kodwa uyokwenzani uNkulunkulu ngemva kokuqonda lonke iqiniso? UNkulunkulu uyokuhlelela izilingo ezinkulu nakakhulu. Phakathi nalezi zilingo, into uNkulunkulu afuna ukuyithola, into uNkulunkulu afuna ukuyibona, ulwazi lwakho olujulile ngoNkulunkulu nokwesaba kweqiniso. Ngalesi sikhathi, kuzoba kukhulu uNkulunkulu akufuna kuwe futhi “kuzoqina” kunangesikhathi lapho isiqu esingokomoya sakho sasingakavuthwa (phawula: Abantu bazibheka njengeziqinile, kodwa kuNkulunkulu zikahle). Lapho uNkulunkulu enika abantu izilingo, hlobo luni lwento ngempela asuke eyifuna? UNkulunkulu uhlale efuna ukuthi abantu bamnike izinhliziyo zabo. Abanye abantu bazothi: “Umuntu angamnika kanjani uNkulunkulu leyo nto? Ngiyawenza umsebenzi wami, ngilishiyile ikhaya nokuphila kwami, ngakusebenzisela uNkulunkulu. Akuzona zonke yini lezi izibonelo zokunika uNkulunkulu inhliziyo yami? Iyiphi enye indlela enginganika ngayo uNkulunkulu inhliziyo yami? Kungenzeka yini ukuthi lezi akuzona izibonelo zokunika uNkulunkulu inhliziyo yami? Iyiphi umfuneko eqondile kaNkulunkulu?” Le mfuneko icace kakhulu. Eqinisweni, kunabanye abantu asebemnikile kakade uNkulunkulu inhliziyo yabo ngamazinga ahlukahlukene nezigaba ezehlukahlukene zezilingo zabo. Kodwa iningi labantu alikaze limnike uNkulunkulu izinhliziyo zalo. Lapho uNkulunkulu ekulinga, uNkulunkulu uyabona ukuthi inhliziyo yakho inoNkulunkulu yini, noma inenyama noma inoSathane. Lapho uNkulunkulu ekulinga, uNkulunkulu uyabona ukuthi umelene Naye yini noma umelene nokufanelana Naye, futhi uyabona uma inhliziyo yakho isohlangothini olufana noLwakhe. Lapho ungavuthiwe futhi ubhekene nezilingo, ukuzethemba kwakho kuba kuncane kakhulu, awube usazi nokuthi kudingeka wenzeni ukuze wanelise izinjongo zikaNkulunkulu ngoba unokuqonda okusesilinganisweni ngeqiniso. Naphezu kwakho konke lokhu, usengathandaza ngobuqotho kuNkulunkulu, uzimisele ukunika uNkulunkulu inhliziyo yakho, wenze uNkulunkulu umbusi wakho, futhi uzimisele ukunikela kuNkulunkulu izinto ozibheka njengeziyigugu kakhulu. Kuba njena ke uma usuyinikele kakade inhliziyo yakho kuNkulunkulu. Njengoba ulalela izintshumayelo ezengeziwe, futhi ulazisa nakakhulu iqiniso, isiqu esingokomoya sakho naso siyovuthwa kancane kancane. Izinga uNkulunkulu alifuna kuwe ngalesi sikhathi alifani naleli ayelifuna ungakavuthwa; ufuna elingaphezu kwalelo. Inhliziyo yomuntu inikezwa uNkulunkulu kancane kancane, isondela kancane kancane kuNkulunkulu; uma umuntu esondela ngempela kuNkulunkulu, bayanda abantu abanenhliziyo emesabayo. UNkulunkulu ufuna lolu hlobo lwenhliziyo.

Lapho uNkulunkulu efuna ukuzuza inhliziyo yomuntu othile, uyomnika izilingo eziningi. Phakathi nalezi zilingo, uma uNkulunkulu engayizuzi inhliziyo yalo muntu, futhi engawuboni umbono walo muntu—okuwukuthi akaboni ukuthi lo muntu wenza izinto noma uziphatha ndlela eyesaba uNkulunkulu, futhi akawuboni umbono walo muntu nesinqumo sakhe sokugwema okubi. Uma izinto zingashintshi, ngemva kwezilingo eziningi, uNkulunkulu ngeke esambekezelela lowo muntu. Ngeke aphinde abavivinye labo bantu, futhi ngeke esasebenza kubo. Pho, lokhu kusho ukuthini ngomphumela walo muntu? Kusho ukuthi ngeke babe nawo umphumela. Kungenzeka ukuthi abukho ububi lo muntu abenzile. Futhi kungenzeka abenzanga lutho oluphazamisayo. Kungenzeka nokuthi abamphikanga obala uNkulunkulu. Nokho, inhliziyo yalo muntu icashile kuNkulunkulu. Abakaze babe nombono ofanele ngoNkulunkulu, futhi uNkulunkulu ngeke abone ngokucacile ukuthi uyizuzile yini inhliziyo yalo muntu, ngeke abone ngokucacile ukuthi lo muntu wesaba uNkulunkulu futhi ugwema okubi. UNkulunkulu akabe esababekezelela laba bantu, alikho elinye inani ayolikhokha, awukho umusa ayophinde awubonise, ngeke aphinde asebenze kubo. Ukuphila kwenkolelo yalo muntu kuNkulunkulu kakade sekuphelile. Lokhu kungenxa yokuthi kuzo zonke izilingo eziningi uNkulunkulu azinike lo muntu, uNkulunkulu akazange ayithole imiphumela ayifunayo. Ngakho, kunabantu abaningi engingakaze ngibone kubo ukukhanya nokukhanyiselwa kukaMoya oNgcwele. Kungenzeka kanjani ukubona lokhu? Lolu hlobo lomuntu kungenzeka lukholwe iminyaka eminingi kuNkulunkulu, futhi belwenza kahle kakhulu. Bafunde izincwadi eziningi, basingatha izindaba eziningi, bagcwalisa izincwadi zamanothi eziseshumini nambili, futhi bazi amazwi kanye nezimfundiso okuningi kakhulu. Nokho, akukho ukukhula okubonakalayo, futhi awukho umbono obonakalayo lo muntu anawo ngoNkulunkulu, futhi akanawo nombono ocacile. Lokho kusho ukuthi awunakuyibona inhliziyo yalo muntu. Inhliziyo yabo ihlale ibhandishiwe, inhliziyo yabo ivaliwe—ivaliwe kuNkulunkulu, ngakho uNkulunkulu akakayiboni inhliziyo yangempela yalo muntu, akakayiboni inhliziyo yangempela yalo muntu yokwesaba uNkulunkulu, ngisho neyokuhamba endleleni kaNkulunkulu. Uma kuze kube manje, uNkulunkulu engakaluzuzi lolu hlobo lomuntu, engakwazi ukuluzuza esikhathini esizayo? Ngeke akwazi! Ingabe uNkulunkulu uzolokhu efuna into engeke ayithole? Angeke! Imuphi umbono uNkulunkulu anawo manje ngalaba bantu? (Uyabalahla, akabanaki.) Akabanaki! UNkulunkulu akulunaki lolu hlobo lomuntu; uyalulahla. Uwagcine ngokushesha engqondweni la mazwi, niyihlabe esikhonkosini. Kubonakala sengathi nikuqondile enikuzwile!

Laba abanye abantu, ekuqaleni kokulandela uNkulunkulu, basuke bengavuthiwe futhi benganakile; abaziqondi izinhloso zikaNkulunkulu; abazi nokuthi kuyini ukukholwa kuNkulunkulu, ukuba nendlela eyenziwe umuntu nesephutheni yokulandela uNkulunkulu nokukholwa kuNkulunkulu. Lapho lolu hlobo lomuntu lubhekana nezilingo, aluziboni, futhi luba ndikindiki esiqondisweni nasekukhanyiselweni uNkulunkulu. Abazi ukuthi kuyini ukunika uNkulunkulu inhliziyo yabo, nokuthi kuyini ukuhlala uqinile phakathi nezilingo. UNkulunkulu uyonika lomuntu isikhathi esilinganiselwe, futhi phakathi nalesi sikhathi, uyobenza baqonde ukuthi izilingo zikaNkulunkulu ziyini, nezinhloso zikaNkulunkulu. Ngemva kwalokho, lo muntu kumele aveze umbono wakhe. Mayelana nalabo bantu abakulesi sigaba, uNkulunkulu usalindile. Mayelana nalabo bantu abanemibono ezulayo, abafuna ukunika uNkulunkulu inhliziyo yabo kodwa abamanqikanqika ukwenza kanjalo, nakuba baye bawenza amaqiniso ayisisekelo, lapho bebhekene nezilingo ezinkulu, bangenwa amanzi emadolweni bese befuna ukuphonsa ithawula—uyini umbono kaNkulunkulu ngalabo bantu? UNkulunkulu usenakho okuncane akulindele kulabo bantu. Umphumela uncike emibonweni yabo nezenzo zabo. UNkulunkulu usabela kanjani uma abantu bengazimisele ukwenza intuthuko? Uyabayeka. Lokhu kungenxa yokuthi ngaphambi kokuthi uNkulunkulu akuyeke, nawe usuke ungasenalo vele ithemba. Ngakho, awukwazi ukugxeka uNkulunkulu ngokwenza kanjalo. Akukuhle ukuba ube nesikhalo ngoNkulunkulu.

Umbuzo Ongokoqobo Uletha Lonke Uhlobo Lokuphoxeka Kubantu

Kunolunye uhlobo lomuntu onomphumela oyingozi kunayo yonke. Yilena engithanda ukukhuluma ngayo kakhulu. Akuyona inhlekelele ngoba lo muntu uyasithola isijeziso sikaNkulunkulu, noma lokho uNkulunkulu akufuna kubo kunzima kakhulu futhi banomphumela oyinhlekelele. Kunalokho, kuyinhlekelele ngenxa yokuthi bakwenza kubo, njengoba kuvame ukushiwo: Bazimbela ithuna labo. Hlobo luni lomuntu lolu? Lo muntu akahambi endleleni efanele, futhi umphumela wabo wembulwa kusekude. UNkulunkulu ubheka lolu hlobo lomuntu njengesisulu senzondo Yakhe. Njengoba abantu bekubeka, laba yibo abayinhlekelele kakhulu. Lolu hlobo lomuntu lunentshisekelo enkulu ekuqaleni kokulandela uNkulunkulu; kuningi abakukhokhayo; banombono omuhle ngokubukeka komsebenzi kaNkulunkulu; banemibono eminingi ngekusasa labo; bayamethemba uNkulunkulu, bakholwa ukuthi uNkulunkulu angamphelelisa umuntu, futhi aholele umuntu endaweni enhle. Kodwa nganoma isiphi isizathu, kusho ukuthi lo muntu uyabaleka endleleni yomsebenzi kaNkulunkulu. Kusho ukuthini ukuthi lomuntu uyabaleka? Kusho ukuthi banyamalala ngaphandle kokuvalelisa, bengashongo lutho. Bahamba bengashongo. Nakuba lolu hlobo lomuntu luthi luyakholwa kuNkulunkulu, alukaze empeleni lube nezimpande zokukholwa kuNkulunkulu. Ngakho, akunandaba ukuthi sebekholwe isikhathi eside kangakanani, basengamjikela uNkulunkulu. Abanye abantu baphilela umsebenzi wabo, abanye baphilela ukuphila impilo yabo, abanye baphilela ukuceba, abanye baphilela ukushada, ukuba nengane…. Phakathi nalabo abahambayo, kunalabo abahlaselwa unembeza futhi abafuna ukubuya, nabanye asebehlupheka kakhulu, abaqhela iminyaka ngeminyaka ezweni. Labo abaqhelayo babhekane nokuhlupheka okukhulu kakhulu, futhi bakholwa ukuthi ukuba sezweni kubuhlungu kakhulu, nokuthi abanakwehlukaniswa noNkulunkulu. Bafuna ukubuyela endlini kaNkulunkulu bezothola induduzo, ukuthula, injabulo futhi baqhubeke bekholwa kuNkulunkulu ukuze baphunyuke enhlekeleleni, noma basindiswe bathole ikusasa eliqhakazile. Lokhu kungenxa yokuthi laba bantu bakholwa ukuthi uthando lukaNkulunkulu alunamingcele, nokuthi umusa kaNkulunkulu awupheli futhi ngeke usetshenziswe wonke. Bakholwa ukuthi kungakhathaleki ukuthi umuntu wenzeni, uNkulunkulu kufanele amthethelele futhi abekezelele izenzo zakhe ezedlule. Laba bantu basho bephindaphinda ukuthi bafuna ukubuya bazokwenza umsebenzi wabo. Kunalabo abaze banike ibandla izinto abanazo , bekholwa ukuthi lena indlela yokubuyela endlini kaNkulunkulu. Uyini umbono kaNkulunkulu ngalolu hlobo lomuntu? UNkulunkulu uyomisa kanjani umphumela wabo? Nikhululekile ukuphendula. (Umcabango wokuthi uNkulunkulu angalwamukela lolu hlobo lomuntu, kodwa ngemva kokuzwa lokhu manje, mhlawumbe bayophinde bavunyelwe.) Uyini umbono wakho? (Lolu hlobo lomuntu luza phambi kukaNkulunkulu ukuze umphumela walo kungabi ukufa. Abazi ngobuqotho. Kunalokho, ngolwazi lokuthi umsebenzi kaNkulunkulu uzophela maduze, beza ngombono wokuthola izibusiso.) Ingabe uthi laba bantu abakholwa ngobuqotho kuNkulunkulu, ngakho uNkulunkulu ngeke abavume? Ingabe kunjalo? (Yebo.) (Ukuqonda kwami ukuthi lolu hlobo lomuntu lungusomathuba, alukholwa ngobuqotho kuNkulunkulu.) Abakholwa kuNkulunkulu; bangosomathuba. Kuzwakele! Wonke umuntu uyabazonda labo somathuba. Bamane balandela iningi, futhi ngeke bahlushwe ngokwenziswa okuthile uma bengeke bathole lutho kukho. Yiqiniso abathandeki! Ingabe bakhona abanye abafowethu noma odadewethu abanombono? (UNkulunkulu ngeke esabemukela ngoba umsebenzi kaNkulunkulu usuzophela futhi yilana umphumela wabantu ubekwe khona. Kungalesi sikhathi lapho laba bantu befuna ukubuya khona. Akukhona ukuthi balifuna ngempela iqiniso; bafuna ukubuya ngoba babona kwehla izinhlekelele, noma bathonywe ezinye izinto eziseceleni. Uma babenayo ngempela inhliziyo eyayifuna iqiniso, babengeke babaleke phakathi nendlela.) Ingabe ikhona eminye imibono? (Ngeke bamukelwe. UNkulunkulu ubanike ngempela amathuba, kodwa umbono wabo ngoNkulunkulu kwakuhlale kuwukungamnaki. Akunandaba ukuthi imigomo yalo muntu iyini, ngisho noma bephenduka ngempela, uNkulunkulu ngeke abamukele. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu ubanike amathuba amaningi kakade, kodwa bawuvezile kakade umbono wabo: Babefuna ukumshiya uNkulunkulu. Ngakho, uma bebuya manje, uNkulunkulu ngeke abamukele.) (Ngiyakwemukela nokuthi uNkulunkulu ngeke alwamukele lolu hlobo lomuntu, ngoba uma umuntu ebone indlela yeqiniso, enze umsebenzi kaNkulunkulu isikhathi eside kangako, bese ebuyela ezweni, abuyele ezingalweni zikaSathane, lokho kuwukumkhaphela okukhulu uNkulunkulu. Ngaphandle kweqiniso lokuthi isiqu sikaNkulunkulu siwumusa, uthando, kuya ngokuthi nhloboni yomuntu okuqondiswe Kuye. Uma lo muntu phambi kukaNkulunkulu efuna induduzo, efuna into angabeka ithemba lakhe kuyo, khona-ke lo muntu akalona uhlobo olukholwa ngeqiniso kuNkulunkulu, futhi umusa kaNkulunkulu ngalowo muntu uphelela lapho.) Isiqu sikaNkulunkulu siwumusa, ngakho kungani enganiki lolu hlobo lomuntu omunye umusa omncane? Ngomusa omncane, abatholi yini elinye ithuba? Ngaphambi kwakho, bekuvame ukuthiwa: UNkulunkulu ufuna wonke umuntu asindiswe, akafuni namunye ezwe ukuhlushwa kwasesihogweni. Uma kulahleke imvu eyodwa kweziyikhulu, uNkulunkulu uyoshiya ezingamashumi ayisishiyagalolunye nanye ayofuna elahlekile. Esinsukwini zamanje, mayelana nalolu hlobo lomuntu, uma kungekho ngenxa yenkolelo yeqiniso yomuntu ngoNkulunkulu, ingabe uNkulunkulu kufanele abemukele abanike ithuba lesibili? Empeleni akuwona umbuzo ohlukile; ulula kakhulu! Uma umqonda ngempela uNkulunkulu futhi umqonda ngeqiniso uNkulunkulu, akukuningi okudingeka kuchazwe; akukuningi futhi okudingeka kuqagelwe, akunjalo? Izimpendulo zenu zisemgudwini ofanele, kodwa kusenegebe phakathi kwazo nombono kaNkulunkulu.

Manje nje bekunabanye benu abebeqiniseka ngokuthi uNkulunkulu ngeke alwamukele lolu hlobo lomuntu. Abanye bebengaqiniseki kangako, bekholwa ukuthi uNkulunkulu angase abamukele, futhi angase angabamukeli—lo mbono yiwona onokulinganisela; futhi bekunalabo abaveze imibono yokuthi banethemba lokuthi uNkulunkulu angalwamukela lolu hlobo lomuntu—lo mbono uyadida. Labo abanombono othile, bakholwa ukuthi uNkulunkulu usesebenze kwaze kwaba manje futhi umsebenzi wakhe uphelele, ngakho akudingeki ukuthi uNkulunkulu abekezelele laba bantu, futhi ngeke aphinde abamukele. Abantu abalinganiselayo bakholwa ukuthi lezi zindaba kufanele zisingathwe ngokwezimo zazo: Uma inhliziyo yalo muntu ingahlukene kuNkulunkulu, futhi esengumuntu okholwa ngempela kuNkulunkulu, umuntu ofuna iqiniso, uNkulunkulu kufanele akhumbule ubuthakathaka namaphutha abo aphambilini; kufanele abathethelele, abanike elinye ithuba, abavumele babuyele endlini kaNkulunkulu, futhi bamukele insindiso kaNkulunkulu. Nokho, uma lo muntu ephinde ebaleka, yilapho uNkulunkulu angeke esamfuna khona, futhi ngeke kusabhekwa njengokubaphatha ngokungenabulungiswa. Kunelinye iqembu elikholwa ukuthi uNkulunkulu angabamukela laba bantu. Leli qembu alazi ukuthi uNkulunkulu uyabemukela yini noma cha. Uma bekholwa ukuthi uNkulunkulu kufanele abemukele, kodwa uNkulunkulu akabemukeli, khona-ke lokho kusho ukuthi banokungahambisani kancane nombono kaNkulunkulu. Uma bekholwa ukuthi uNkulunkulu akufanele abamukele, futhi kwenzeka uNkulunkulu embula uthando Lwakhe olungenamkhawulo ngalowo muntu, nokuthi uzimisele ukunika lowo muntu elinye ithuba, khona-ke ingabe akusona isibonelo sokunganaki komuntu leso? Kunoma yikuphi, nonke ninemibono yenu. Le mibono inolwazi ezingqondweni zenu; iphinde ibonise ukujula kokuqonda kwenu iqiniso nokuqonda kwenu izinhloso zikaNkulunkulu. Kubekwe kahle, akunjalo? Kuhle ukuthi ninemibono kule ndaba! Kodwa ukuthi imibono yenu ineqiniso noma cha, kusenombuzo lapho. Anikhathazekile yini kancane? “Yini-ke eyiqiniso? Angiboni ngokucacile, futhi angazi ukuthi uNkulunkulu ucabangani ngempela. UNkulunkulu akangitshelanga lutho. Ngingazi kanjani ukuthi uNkulunkulu ucabangani? UNkulunkulu umbheka ngothando umuntu. Ngokombono odlule kaNkulunkulu, kufanele amamukele lo muntu. Kodwa angiqiniseki ngombono uNkulunkulu anawo manje—okuwukuphela kwento engingayisho ukuthi mhlawumbe uyomamukela lo muntu, noma mhlawumbe angeke.” Akubona yini ubuphukuphuku lobu? Nakanjani kunicinanisile lokhu. Uma ungenawo umbono ofanele ngale ndaba, uyokwenzani lapho ibandla lakho libhekene ngokoqobo nalolu hlobo lomuntu? Uma ungakusingathi ngendlela efanele, mhlawumbe uyomthukuthelisa uNkulunkulu. Akuyona into eyingozi leyo?

Kungani ngifuna ukuzwa umbono wenu ngendaba engiqeda kuxoxa ngayo? Ngifuna ukuvivinya imibono yenu, ukuvivinya ukuthi ninolwazi olungakanani ngoNkulunkulu, niziqonda kangakanani izinhloso zikaNkulunkulu nombono kaNkulunkulu. Ithini impendulo? Impendulo incike emibonweni yenu. Abanye benu banesidala kakhulu, futhi abanye benu basebenzisa imicabango yabo ukuze baqagele. Kuyini “ukuqagela”? Kulapho ungazi ukuthi uNkulunkulu ucabangani, bese usungula imibono engenasisekelo yokuthi kufanele ukuthi uNkulunkulu ucabanga kanjani. Awuqiniseki noma ukuqagela kwakho kuyiqiniso noma cha, ngakho ukhuluma imibono edidayo. Mayelana naleli qiniso, ubonani? Lapho belandela uNkulunkulu, akuvamile ukuthi abantu banake izinhloso zikaNkulunkulu, futhi abavamile ukunaka imicabango nesimo somqondo Wakhe ngabantu. Abantu abayiqondi imicabango kaNkulunkulu, ngakho lapho nibuzwa imibuzo ebandakanya izinhloso zikaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu, niyadideka; aniqiniseki, kuphakathi kokuthi nizoqagela noma nibhule. Uyini lo mbono? Unikeza leli qiniso: Abantu abaningi abakholwa kuNkulunkulu bambheka njengomoya ongenalutho futhi njengento ebonakala sengathi ikhona ngomzuzu owodwa bese ibonakala ingekho ngolandelayo. Kungani ngikubeka kanjalo? Ngoba ngaso sonke isikhathi lapho ubhekene nendaba, awuzazi izinhloso zikaNkulunkulu. Kungani ungazi? Akukhona ukuthi awazi okwamanje. Kunalokho, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni awazi ukuthi umbono kaNkulunkulu uyini ngale ndaba. Ngalezo zikhathi ongaboni ngazo futhi ongawazi ngazo umbono kaNkulunkulu, ingabe uke wazindla ngakho? Uke wakufuna? Uke wakwenza? Cha! Lokhu kuqinisekisa leli qiniso: UNkulunkulu omkholwayo noNkulunkulu weqiniso abahlangene. Wena, okholwa kuNkulunkulu, uzindla ngokuthandwa nguwe kuphela, uzindla ngentando yabaholi bakho, nangezimfundiso zezincazelo zezwi likaNkulunkulu, futhi awuzami nhlobo ukufuna intando kaNkulunkulu. Akulona iqiniso lelo? Libuhlungu iqiniso lale nto! Eminyakeni eminingi, ngibone abantu abaningi abakholwa kuNkulunkulu. Idingani le nkolelo yabo? Abanye bakholwa kuNkulunkulu njengokungathi uwumoya ongelutho. Laba bantu abanayo impendulo emibuzweni emayelana nokuba khona kukaNkulunkulu ngenxa yokuthi abakuzwa noma abakuqapheli ukuba khona kukaNkulunkulu noma ukungabi bikho kwakhe, ingasaphathwa eyokukubona ngokucacile noma ukukuqonda. Ngokunganaki, laba bantu bacabanga ukuthi uNkulunkulu akekho. Abanye bakholwa kuNkulunkulu njengokungathi uwumuntu. Laba bantu bakholwa ukuthi uNkulunkulu akakwazi ukwenza zonke izinto abangakwazi ukuzenza, nokuthi uNkulunkulu kufanele acabange noma yini abayicabangayo. Incazelo yalo muntu ngoNkulunkulu ithi “umuntu ongabonakali futhi ongathinteki.” Kunelinye futhi iqembu labantu elikholwa kuNkulunkulu njengokungathi ungunodoli. Laba bantu bakholwa ukuthi uNkulunkulu akanayo imizwa. Bacabanga ukuthi uNkulunkulu uyisithombe sobumba, nokuthi lapho bebhekene nenkinga, uNkulunkulu akanasimo somqondo, akanambono, akacabangi lutho, akanacebo; usemseni womuntu. Abantu bakholwa yinoma yini abafuna ukuyikholwa. Uma bemenza abe mkhulu, uba mkhulu; uma bemenza abe mncane, uba mncane. Lapho abantu bona futhi bedinga umusa kaNkulunkulu, bedinga ukubekezela kukaNkulunkulu, bedinga uthando lukaNkulunkulu, khona-ke uNkulunkulu kufanele ababonise umusa. Laba bantu basungula uNkulunkulu ezingqondweni zabo, bese benza lowo Nkulunkulu afeze izidingo zabo futhi anelise zonke izifiso zabo. Kungakhathaleki ukuthi kunini noma kukuphi, futhi kungakhathaleki ukuthi lo muntu wenzani, bazoba nawo lo mkhuba endleleni abaphatha ngayo uNkulunkulu, nasenkolweni yabo ngoNkulunkulu. Kukhona ngisho nalaba abakholwa ukuthi uNkulunkulu angabasindisa ngisho nangemva kokucasula isimo sikaNkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi bakholwa ukuthi uthando lukaNkulunkulu alunamingcele, isimo sikaNkulunkulu siwukulunga, nokuthi kungakhathaleki ukuthi abantu bamcasula kangakanani uNkulunkulu, uNkulunkulu ngeke akhumbule lutho kukho. Njengoba amaphutha omuntu, iziphambeko zakhe, nokungalaleli kwakhe kuyizinto zesikhashana esimweni salowo muntu, uNkulunkulu uyobanika amathuba abantu, ababekezelele futhi abenesineke kubo. UNkulunkulu uyobathanda njengasekuqaleni. Ngakho ithemba lensindiso yabo liselikhulu. Eqinisweni, kungakhathaleki ukuthi othile ukholwa kangakanani kuNkulunkulu, uma nje bengahambi eqinisweni, uNkulunkulu uzolokhu enombono ongemuhle ngabo. Lokhu kungenxa yokuthi ngesikhathi ukholwa kuNkulunkulu, mhlawumbe uyayazisa incwadi yezwi likaNkulunkulu, uyifunda usuku nosuku, kodwa ubekele eceleni uNkulunkulu weqiniso, umbheke njengomoya ongelutho, umbheke njengomuntu, futhi abanye benu bambheka njengonodoli. Kungani ngikubeka ngale ndlela? Ngoba ngokwendlela engikubona ngayo, kungakhathaleki ukuthi ubhekene nendaba noma nesimo, lezi zinto ongazinaki ezikhona, lezo zinto ezikhule ngaphakathi kuwe—azikho kuzo ezimayelana nezwi likaNkulunkulu noma ezifuna iqiniso. Wazi kuphela lokhu okucatshangwa nguwe, ukuthi imibono yakho iyini, namacebo akho, futhi uphoqa imibono yakho kuNkulunkulu. Iba imibono kaNkulunkulu, futhi wenza le mibono ibe okufanele unamathele kukho unganyakazi. Esikhathini esithile, inqubo enjena iyakuqhelisa nakakhulu kuNkulunkulu.

Ukuqonda Umbono KaNkulunkulu Nokushiya Yonke Imibono Eyiphutha NgoNkulunkulu

Lo Nkulunkulu okholwa kuye njengamanje, ingabe uke wacabanga ngokuthi nhloboni kaNkulunkulu? Lapho ebona umuntu okhohlakele enza izinto zokukhohlakala, ingabe uyazenyanya? (Uyazenyanya.) Lapho ebona iphutha labantu abanganaki, ubabheka kanjani? (Uyadabuka.) Lapho ebona abantu bentshontsha iminikelo Yakhe, ubabheka kanjani? (Uyabenyanya.) Konke lokhu kucacile, akunjalo? Lapho ebona othile enganaki okholweni lwakhe kuNkulunkulu, futhi engalifuni nangayiphi indlela iqiniso, uNkulunkulu umbheka kanjani? Akunicaceli ngokuphelele lokhu, akunjalo? Ukunganaki kuwumbono ongesona isono, futhi akukhona ukucasula uNkulunkulu. Abantu bacabanga ukuthi akufanele kubhekwe njengephutha. Ngakho ucabanga ukuthi umbono kaNkulunkulu uyini? (Akazimisele ukuphendula kukho.) Akazimisele ukuphendula kukho—nhloboni yombono le? Ukuthi uNkulunkulu ubabukela phansi laba bantu, wanele ngabo! Indlela uNkulunkulu asebenzelana ngayo nalaba bantu ukungabanaki. Injongo Yakhe ukubabekela eceleni, hhayi ukwenza nabo noma imuphi umsebenzi, kuhlanganise nokukhanyiselwa, ukukhanya, ukubasola noma ukubayala. Lolu hlobo lomuntu aluwunaki umsebenzi kaNkulunkulu. Uyini umbono kaNkulunkulu ngabantu abacasula isimo Sakhe, futhi abathukuthelisa izinqumo Zakhe zokuqondisa? Ubazonda kakhulu! Bamthukuthelisa kakhulu uNkulunkulu abantu abangaphendukile ekucasuleni isimo Sakhe! “Ukuthukuthela” kuwumuzwa; akunakuwumelela umbono ocacile. Kodwa lo muzwa, uyoba nomphumela kulo muntu: Uyokwenza uNkulunkulu amzonde kakhulu! Uyini umphumela wale nzondo? Ukuthi uNkulunkulu uyombeka eceleni lo muntu, futhi angamphenduli okwesikhathi esithile. Uyolinda ukuthi abalungise emva “kwekwindla.” Lokhu kusho ukuthini? Ingabe lo muntu usenawo umphumela? UNkulunkulu wayevele engahlosile ukunika lolu hlobo lomuntu umphumela! Ngakho akuyona yini into evamile ukuthi uNkulunkulu akaluphenduli lolu hlobo lomuntu? (Yebo.) Lolu hlobo lomuntu kufanele luzilungiselele kanjani manje? Kufanele balungiselele ukuthatha imiphumela yabo emibi ebangelwa ukuziphatha kwabo, nobubi ababenzile. Lena impendulo kaNkulunkulu kulolu hlobo lomuntu. Ngakho manje ngisho ngokucacile kulolu hlobo lomuntu: Ungabe usabambelela kuleyo nkohliso, futhi ungabe usadlala izifiso. UNkulunkulu ngeke ababekezelele njalo abantu; ngeke abekezelele iziphambeko zabo noma ukungalaleli kwabo. Abanye bathi: “Kunabantu abambalwa abanjengalaba engibabonile. Lapho bethandaza bayathinteka ngoNkulunkulu, bakhala ngomunyu. Ngokuvamile bajabula kakhulu; kubonakala benoNkulunkulu, kanye nesiqondiso sikaNkulunkulu.” Ungawusho lowo msangano! Ukuba nomunyu lapho ukhala akusho ukuthi uthintwe uNkulunkulu noma unoNkulunkulu, ingasaphathwa eyokuqondiswa uNkulunkulu. Uma abantu becasula uNkulunkulu, ingabe uNkulunkulu usazobaqondisa? Kafushane, lapho uNkulunkulu ezimisele ngokuqothula abathile, ukubashiya, labo bantu kakade abasenawo umphumela. Akunandaba ukuthi baneliseke kangakanani lapho bethandaza, nokuthi bazethemba kangakanani enhliziyweni yabo; lokhu kakade akubalulekile. Into ebalulekile ukuthi uNkulunkulu akaludingi lolu hlobo lokuzethemba, nokuthi uNkulunkulu kakade uyamchitha lowo muntu. Indlela yokubhekana nabo ngemva kwalokho ayibalulekile. Okubalulekile ukuthi ngomzuzu lowo muntu acasula ngawo uNkulunkulu, umphumela wabo usuke usumisiwe kakade. Uma uNkulunkulu enqume ukungalusindisi lolo hlobo lomuntu, khona-ke luyoshiywa ukuze lujeziswe. Lona umbono kaNkulunkulu.

Nakuba ingxenye yesiqu sikaNkulunkulu iluthando, futhi bonke ebabonisa umusa, abantu bayalishalazela futhi bayalikhohlwa iphuzu lokuthi isiqu Sakhe siphinde sibe isithunzi Sakhe. Ukuthi unothando akusho ukuthi abantu bangamcasula kanjalo nje okuthi akanayo imizwa, noma ngeke enze lutho. Ukuthi unomusa akusho ukuthi akanayo imiyalo endleleni aphatha ngayo abantu. UNkulunkulu uyaphila; ukhona ngempela. Akayena unodoli ocatshangwayo noma okunye. Njengoba ekhona, kufanele silale izwi lenhliziyo Yakhe ngaso sonke isikhathi, sinake umbono Wakhe futhi siqonde imizwa Yakhe. Akufanele sisebenzise imicabango yabantu ukuze sichaze uNkulunkulu, futhi akufanele siphoqe imicabango nezifiso zabantu kuNkulunkulu, senze uNkulunkulu ovumelana neso lomuntu nokucabanga kwakhe endleleni aphatha ngayo abantu. Uma wenza kanjalo, khona-ke uthukuthelisa uNkulunkulu, uvusa intukuthelo kaNkulunkulu, futhi ubekela isithunzi sikaNkulunkulu inselele! Ngakho, ngemva kokuqonda ubukhulu bale ndaba, nginxusa ngamunye wenu ukuba aqaphele endleleni enza ngayo. Qapha futhi uhlakaniphe endleleni okhuluma ngayo. Futhi mayelana nendlela ophatha ngayo uNkulunkulu, kuyoba ngcono ukuthi uqaphe futhi uhlakaniphe! Lapho ungaqondi ukuthi umbono kaNkulunkulu uyini, ungakhulumi ngokunganaki, ungabi onganaki ezenzweni zakho, futhi ungenzi ngokunganaki ezintweni ezincane. Okukhulu nakakhulu, ungasheshi ufinyelele eziphethweni. Kunalokho, kufanele ume bese ufuna; lokhu kuphinde kube ukwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi. Ngaphezu kwakho konke, uma ufeza lokhu, futhi uba nalo mbono, uNkulunkulu ngeke akusole ngobuphukuphuku bakho, ukungazi kwakho, nokuntula ukuqonda izizathu zokwenzeka kwezinto. Kunalokho, ukwesaba kwakho uNkulunkulu, ukuhlonipha kwakho izinhloso zikaNkulunkulu, nokuzimisela kwakho ukumlalela, kuyokwenza uNkulunkulu akukhumbule, akuqondise futhi akukhanyisele noma abekezelele ukungavuthwa nokunganaki kwakho. Ngokuphambene, uma umbono wakho kuye ungabalulekile—ushesha ukwahlulela uNkulunkulu, ukuqagela, nokunikeza incazelo kaNkulunkulu—uNkulunkulu uyokunika isiqinisekiso, isiyalo, ngisho nokujeziswa; noma uyokunika amazwi. Mhlawumbe la mazwi abandakanya umphumela wakho. Ngakho ngisafuna ukuphinde ngigcizelele: Kufaneleuqaphe futhi ahlakaniphe kunoma yini evela kuNkulunkulu. Ungakhulumi ngokunganaki, futhi uqaphe lapho wenza izinto. Ngaphambi kokusho okuthile, kufanele ucabange: Ingabe ukwenza lokhu kuyomthukuthelisa uNkulunkulu? Ingabe ukwenza lokhu kuwukwesaba uNkulunkulu? Ngisho nasezintweni ezincane, kufanele uzame ukuphendula le mibuzo, ucabangisise ngempela ngayo. Uma ungakwazi ngempela ukwenza ngokuvumelana nale miyalo yonke indawo, kuzo zonke izinto, zonke izikhathi, bese uba nalesi simo somqondo ikakhulukazi lapho kukhona ongakuqondi, khona-ke uNkulunkulu uyohlale ekuqondisa, futhi uyohlale ekunika indlela okufanele uyilandele. Akunandaba ukuthi abantu bavezani, uNkulunkulu ubona ngokucacile, futhi uyokunikeza incazelo ecacile ngalokho abakuvezayo. Ngemva kokubhekana nezilingo zokugcina, uNkulunkulu uyothatha konke ukuziphatha kwakho akufingqe ukuze amise umphumela. Lo mphumela uyoqinisekisa wonke umuntu okhungethwe ifu lokungabaza. Engingathanda ukunitshela khona ukuthi zonke izenzo zenu, nayo yonke imicabango yenu kuyonquma ukudalelwa kwenu.

Ubani Onquma Umphumela Womuntu?

Kunenye indaba ebalulekile, leyo ndaba umbono wakho ngoNkulunkulu. Lo mbono ubucayi! Unquma ukuthi ekugcineni uyoya ekubhujisweni, noma endaweni enhle uNkulunkulu akulungisele yona. ENkathini Yombuso, uNkulunkulu kakade usesebenze iminyaka engaphezu kwengama-20, futhi kule nkambo yale minyaka engama-20, mhlawumbe izinhliziyo zenu bezinokungaqiniseki okuncane ngendlela enenza ngayo. Nokho, enhliziyweni kaNkulunkulu, uNkulunkulu ugcine umbhalo oneqiniso womuntu ngamunye kini. Kusukela ngesikhathi umuntu ngamunye aqala ngaso ukumlandela nokulalela intshumayelo Yakhe, eliqonda kancane kancane iqiniso, wonke amaqiniso abenza ngawo umsebenzi wabo—uNkulunkulu unombhalo womuntu ngamunye nawazo zonke lezi zinto. Lapho umuntu enza umsebenzi wakhe, lapho bebhekene nazo zonke izimo, zonke izindlela eziyizilingo, uyini umbono womuntu? Basebenza kanjani? Bazizwa kanjani ngoNkulunkulu ezihliziyweni zabo? … UNkulunkulu ukugcinile konke lokhu, unombhalo wakho konke. Mhlawumbe ngokombono wakho, lezi zinto ziyadida. Nokho, ngokukaNkulunkulu, konke kucacile, futhi akukho ngisho nokuncane okungacacile. Lena indaba ebandakanya umphumela womuntu ngamunye, nekusasa labo kanye namathemba abo. Ngisho nangaphezu kwalokho, lana yilapha uNkulunkulu asebenzisa khona yonke imizamo Yakhe. Futhi uNkulunkulu akalokothi ayigweme ngisho nakancane, futhi ngeke abekezelela noma ikuphi ukushelela. UNkulunkulu uloba wonke umlando wesintu, yonke inkambo yokulandela komuntu uNkulunkulu, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni. Umbono wakho ngoNkulunkulu kulokhu uyonquma ikusasa lakho. Ingabe lokhu akulona iqiniso? Manje, ingabe uyakholwa ukuthi uNkulunkulu ulungile? Ingabe izinyathelo zikaNkulunkulu azifanele? Ingabe sikhona esinye isithombe sikaNkulunkulu eninaso emakhanda enu? (Cha.) Ngakho-ke ngabe nithi umphumela womuntu ubekwa uNkulunkulu noma umuntu uzibekela yena? (Ubekwa uNkulunkulu.) Ubani owubekayo? (UNkulunkulu.) Aniqinisekile ngalokhu, akunjalo? Bafowethu nodadewethu baseHong Kong, khulumani—ubekwa ubani? (Umuntu uzibekela yena.) Umuntu uzibekela yena? Khona-ke ingabe lowo muntu akahlanganise lutho noNkulunkulu? Bafowethu nodadewethu baseSouth Korea, khulumani. (UNkulunkulu umisa umphumela womuntu ngokusekelwe kuzo zonke izenzo zabo, nasendleleni yeqiniso.) Lena impendulo ephusile. Kuneqiniso lana okumele nginitshele nonke ngalo: Enkambweni yomsebenzi kaNkulunkulu yokusindisa, uNkulunkulu ubekela umuntu izinga. Leli zinga ukuthi umuntu angalalela izwi likaNkulunkulu, futhi ahambe endleleni kaNkulunkulu. Yileli zinga elisetshenziswayo ukuze kunqunywe umphumela womuntu. Uma wenza ngokuvumelana naleli zinga likaNkulunkulu, khona-ke uyothola umphumela omuhle; uma kungenjalo ngeke uwuthole umphumela omuhle. Khona-ke ubani lo enithi unquma lo mphumela? Akuyena yedwa uNkulunkulu owubekayo, kodwa uNkulunkulu nomuntu ndawonye. Ingabe kuliqiniso lokhu? (Yebo.) Kungani kunjalo? Ngoba uNkulunkulu ofuna ngempela ukwenza umsebenzi wokusindisa isintu, futhi alungisele umuntu indawo enhle; umuntu uyinhloso yomsebenzi Wakhe, futhi lo mphumela uyindawo umuntu aphokophele kuyo ayilungiselwa uNkulunkulu. Uma ingekho injongo yomsebenzi kaNkulunkulu, khona-ke besingeke sibe bikho isidingo sokuthi uNkulunkulu enze lo msebenzi; ukube uNkulunkulu akawenzanga lo msebenzi, umuntu ubengeke abe nalo ithuba lokusinda. Umuntu uyinhloso yensindiso, futhi nakuba umuntu engokudlulayo kule nqubo, yilowo mbono unquma ukuthi uNkulunkulu uyophumelela yini emsebenzini wokusindisa isintu noma cha. Uma kungesona isiqondiso osinikwa uNkulunkulu, ubungeke ulazi leli zinga, futhi ngabe awunanjongo. Uma unaleli zinga, lo mgomo, kodwa ungabambisani Naye, futhi ungawusebenzisi, ungalikhokhi inani, khona-ke ngeke uwuthole lo umphumela. Yilokhu okwenza ngithi umphumela womuntu awunakwehlukaniswa noNkulunkulu, futhi awunakwehlukaniswa nomuntu. Manje seniyazi ukuthi ngubani obeka umphumela.

Abantu Bavame Ukuchaza UNkulunkulu Ngolwazi Lwabo

Lapho sixoxa ngesihloko sokwazi uNkulunkulu, kukhona oke wakuphawula? Ingabe uke waphawula ukuthi umbono wamanje kaNkulunkulu usushintshile? Ingabe umbono kaNkulunkulu ngesintu awushintsheki? Ingabe uNkulunkulu uyohlale ebekezela kanje, ebonisa lonke uthando Lwakhe nomusa ngomuntu unomphela? Le ndaba iphinde ihlanganise nesiqu sikaNkulunkulu. Ake sibuyele embuzweni walokho okubizwa ngendodana yolahleko. Ngemva kokuba kubuzwe lo mbuzo, izimpendulo zenu bezingacacile. Ngamanye amazwi, anikaziqondi ngokuphelele izinhloso zikaNkulunkulu. Uma abantu sebazi ukuthi uNkulunkulu uyasithanda isintu, bachaza uNkulunkulu njengophawu lothando: Akunandaba ukuthi abantu benzeni, baziphatha kanjani, nokuthi bamphatha kanjani uNkulunkulu, kanye nokuthi abalaleli kangakanani, akukho kulezi zinto okungenxa yokuthi uNkulunkulu unothando, uthando lukaNkulunkulu alunamkhawulo futhi alukaleki. UNkulunkulu unothando, ngakho engakwazi ukubekezelela abantu; uNkulunkulu unothando, ngakho engakwazi ukuba nomusa kubantu, abe nomusa kubantu abangaphelele, abe nomusa ekunganakini kwabo, futhi abe nomusa ekungalalelini kwabo. Ingabe kunjalo ngempela? Kwabanye abantu, lapho bezwa kanye ukubekezela kukaNkulunkulu, noma izikhathi ezimbalwa, bayokuphatha njengento yokuqala ekuqondeni kwabo uNkulunkulu, bekholwa ukuthi uNkulunkulu uyohlale ebabekezelela, enomusa kubo, futhi bayosebenzisa ukubekezela kukaNkulunkulu enkambweni yokuphila kwabo bakubheke njengezinga uNkulunkulu abaphatha ngalo. Kunalabo bantu futhi okuthi, lapho sebezwe ukubekezela kukaNkulunkulu kwaba kanye, bayohlale besebenzisa lokho ukuze bachaze ukubekezela kukaNkulunkulu, futhi lokhu kubekezela akuchazeki, akunamibandela futhi akunamiyalo. Ingabe lezi zinkolelo zineqiniso? Ngaso sonke isikhathi lapho kuxoxwa ngezinto ezimayelana nesiqu sikaNkulunkulu noma isimo Sakhe, nibonakala nididekile. Ukunibona ninje kungikhathaza kakhulu. Seniwezwe kaningi la maqiniso aphathelene nesiqu sikaNkulunkulu; futhi senilalele izihloko eziningi ezimayelana nesimo sikaNkulunkulu. Nokho ezingqondweni zenu lezi zinto, namaqiniso alokhu, kumane kuyizinkumbulo ezisekelwe emfundisweni noma emazwini abhaliwe. Akekho kini oyoke akwazi ukuthola ukuthi siyini isimo sikaNkulunkulu ekuphileni kwenu kwangempela, noyoke abone ukuthi siyini isimo sikaNkulunkulu. Ngakho, nonke izinkolelo zenu zididekile, nonke ninokholo olungaboni, ngezinga lokuthi ninombono ongabalulekile ngoNkulunkulu, enigudlulela eceleni. Ukuba kwakho nalolu hlobo lombono ngoNkulunkulu kuholela kuphi? Kuholele ekutheni uhlale ufinyelela esiphethweni esithile ngoNkulunkulu. Uma uke wathola ulwazi oluncane ngoNkulunkulu, waneliseka kakhulu, uzwa sengathi uthole konke ngoNkulunkulu. Ngemva kwalokho, uphetha ngokuthi uNkulunkulu unjalo, futhi awumkhululi. Futhi noma nini lapho uNkulunkulu enza okuthile okusha, awuvumi ukuthi unguNkulunkulu. Ngelinye ilanga, lapho uNkulunkulu ethi: “Angisamthandi umuntu; angisenawo umusa kumuntu; angisakwazi ukubekezelela abantu; ngigcwele inzondo nobutha ngomuntu,” abantu bayocabanga ngokusuka ezinhliziyweni zabo ngala mazwi. Abanye babo bayoze bathi: “Awuseyena uNkulunkulu wami; awusafaneleki ukuba uNkulunkulu wami; awuseyena uNkulunkulu engifuna ukumlandela. Uma kuyilokhu okushoyo, khona-ke awusafaneleki ukuba uNkulunkulu wami, futhi angidingi ukulokhu ngikulandela. Uma unganginiki umusa, unganginiki uthando, ungangibekezeleli, ngeke ngisakulandela. Ngizokulandela kuphela uma uhlale ungibekezelela, uma unesineke kimi, futhi ungenza ngibone ukuthi uluthando, ukuthi uwukubekezela, nokuthi uyisineke, futhi yilapho kuphela ngikulandela khona ngokwethembeka kuze kube sekupheleni. Njengoba nginokubekezela nomusa Wakho, ukungalaleli neziphambeko zami kungathethelelwa unomphela, ziyoxolelwa unomphela, futhi ngingona nganoma isiphi isikhathi noma nini, ngivume izono futhi ngithethelelwe noma nini noma kuphi, ngikucasule nganoma isiphi isikhathi noma nini. Akufanele ube nemibono noma iziphetho Zakho ngami.” Nakuba ungase ungacabangi ngalolu hlobo lombuzo ngaleyo ndlela, noma nini lapho ucabanga ngoNkulunkulu njengethuluzi lokuthethelela izono zakho, nethuluzi elingasetshenziswa ukuze uzitholele indawo enhle, kakade usumenze isitha sakho uNkulunkulu ophilayo. Yilokhu engikubonayo. Ungase niqhubeke uthi, “Ngiyakholwa kuNkulunkulu”; “Ngiyalifuna iqiniso”; “Ngifuna ukushintsha isimo sami”; “Ngifuna ukuphunyula emandleni obumnyama”; “Ngifuna ukwanelisa uNkulunkulu”; “Ngifuna ukulandela uNkulunkulu”; “Ngifuna ukwethembeka kuNkulunkulu, ngenze kahle umsebenzi wami”; njalo njalo. Nokho, kungakhathaleki ukuthi uzwakala kahle kangakanani lapho usho lawo mazwi, kungakhathaleki ukuthi unayiphi inkolelo, kungakhathaleki ukuthi ibelesela kangakanani leyo nkolelo, inesithunzi kangakanani, iqiniso ukuthi kakade sebebaningi abangani benu asebefunde ukusebenzisa umthetho, imfundiso, nenkolelo oyisebenzisile ukuze ufinyelele eziphethweni ezithile ngoNkulunkulu, namenza wamelana nani ngendlela engokwemvelo ngokuphelele. Nakuba uwaqonda kahle kakhulu amagama nezimfundiso, awukangeni ngempela ekubeni ngokoqobo kweqiniso, ngakho kunzima kuwe ukusondelana noNkulunkulu, ukwazi uNkulunkulu, nokuqonda uNkulunkulu. Lokhu kuyadabukisa!

Ngibone isigcawu kwividiyo: Odadewethu abambalwa bebephethe incwadi yeZwi Elivela Enyameni, futhi beyiphakamise kakhulu. Le ncwadi ibiphakathi kwabo, ingaphezu kwamakhanda abo. Nakuba lesi kumane kuyisithombe, okukudlulisa kimi akusona isithombe. Kunalokho, kungenza ngicabanga ukuthi yonke into umuntu ayiphakamisile enhliziyweni yakhe akulona izwi likaNkulunkulu, kodwa incwadi yezwi likaNkulunkulu. Lena indaba ecindezela kakhulu. Le ndlela yokwenza ayikho mayelana nokuphakamisa uNkulunkulu. Kungenxa yokuthi animqondi uNkulunkulu ngezinga lokuthi umbuzo osobala njengalowo, umbuzo omncane kakhulu, ukwenze waba nemibono ethile. Lapho ngibuza izinto ngani, lapho ngineqiniso ngani, niphendula ngokuqagela nangemibono yenu; abanye benu baphinde babuze ngokungabaza. Lokhu kukwenza kucace kimi ukuthi uNkulunkulu enikholwa kuye akuyena uNkulunkulu weqiniso. Ngemva kokufunda izwi likaNkulunkulu iminyaka eminingi, nisebenzisa izwi likaNkulunkulu, nisebenzisa umsebenzi kaNkulunkulu, nezinye izimfundiso ukuze niphinde nifinyelele eziphethweni ezithile ngoNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, anikaze nizame ukuqonda uNkulunkulu; anikaze nizame ukuqonda izinhloso zikaNkulunkulu; anizami ukuqonda ukuthi uyini umbono kaNkulunkulu ngomuntu; noma ukuthi ucabangani uNkulunkulu, kungani edabukile, kungani ethukuthele, kungani elahla abantu, neminye imibuzo enjalo. Okukhulu nakakhulu, kunabantu abaningi abakholwa ukuthi uNkulunkulu uhlale ethule ngenxa yokuthi umane ubheka izenzo zesintu, ngoba akanambono ngaso, futhi akanawo namacebo Akhe. Eliye iqembu likwenza kube kubi nakakhulu. Laba bantu bakholwa ukuthi uNkulunkulu akasho lutho ngenxa yokuthi usesamukele vele isimo, uNkulunkulu akakhulu ngenxa yokuthi ulindile, akakhulumi ngenxa yokuthi akanawo umbono, ngoba umbono kaNkulunkulu sekukhulunywe kaningi ngawo ezincwadini, sekukhulunywe ngawo kuso sonke isintu, akudingeki ukuthi ulokhu uphinde utshelwa abantu. Nakuba uNkulunkulu ethule, usenawo umbono, futhi unalo izinga alifuna kubantu. Nakuba abantu bengazami ukumqonda, futhi bengazami ukumfuna, umbono Wakhe ucacile. Cabanga ngomuntu owake wamlandela ngentshiseko uNkulunkulu, kodwa ngokuhamba kwesikhathi wamshiya. Ukuthi uma lo muntu efuna ukubuya manje, okumangazayo kakhulu, anazi ukuthi umbono kaNkulunkulu uyoba yini, nokuthi uNkulunkulu uyombheka kanjani. Akudabukisi yini lokho? Eqinisweni, lena indaba engatheni. Uma uyiqonda ngempela inhliziyo kaNkulunkulu, uyowazi umbono Wakhe ngomuntu ngamunye, futhi uyonikeza impendulo ecacile. Njengoba ningazi, ngivumeleni nginitshele.

Umbono kaNkulunkulu Ngalabo Ababalekayo Phakathi Nomsebenzi Wakhe

Uyoluthola yonke indawo lolu hlobo lomuntu: Ngemva kokuqiniseka ngendlela kaNkulunkulu, ngezizathu ezehlukene, bahamba ngokuthula bengashongo lutho beyokwenza noma yini efunwa izinhliziyo zabo. Okwamanje, ngeke sikhulume ngokuthi lowo muntu uhambelani. Okokuqala, sizohlola ukuthi uyini umbono kaNkulunkulu ngalolo hlobo lomuntu. Ucace kakhulu! Kusukela ngomzuzu lo muntu asuka ngawo, emehlweni kaNkulunkulu, ukholo lwakhe seluphelile. Akuyena lo muntu oluqedayo, kodwa nguNkulunkulu. Ukuthi lo muntu ushiye uNkulunkulu kusho ukuthi umenqabile kakade uNkulunkulu, akasamfuni uNkulunkulu. Kusho ukuthi kakade abayemukeli insindiso kaNkulunkulu. Njengoba lo muntu engamfuni uNkulunkulu, ingabe uNkulunkulu usamfuna? Ngaphezu kwalokho, lapho lo muntu enalo mbono, futhi ezimisele ukushiya uNkulunkulu, usuke esesithukuthelisile kakade isimo sikaNkulunkulu. Ngisho noma bengakaze bathukuthelelane noNkulunkulu, ngisho noma bengakaze baphathane ngokhahlo, ngisho noma lo muntu ecabanga ukuthi: Uma kufika usuku lapho ngiye ngajabula, noma lapho ngisadinga okuthile kuNkulunkulu, ngizobuya. Noma uma uNkulunkulu engibiza, ngizobuya. Noma bathi: Uma ngilimele ngaphandle, lapho ngibona izwe limnyama kakhulu futhi likhohlakele kakhulu futhi ngingasafuni ukuhamba nalo, ngizobuya kuNkulunkulu. Ngisho noma lo muntu ebalile engqondweni yakhe ukuthi uzobuya uma sekunjani, ngisho noma umnyango ewushiye uvuliwe, akaboni ukuthi kungakhathaleki ukuthi ucabangani, uhlelani, konke lokhu kumane kuwukudlala ngezifiso. Iphutha labantu abanjalo elikhulu, ukuthi akucacile kubo ukuthi uNkulunkulu uzizwa kanjani lapho befuna ukuhamba. Kusukela ngomzuzu lo muntu efuna ukushiya ngawo uNkulunkulu, uNkulunkulu usuke esemshiye ngokuphelele; uNkulunkulu usuke esewubonile umphumela wabo enhliziyweni yakhe. Yimuphi lowo mphumela? Ukuthi lo muntu ungomunye wamabunzi, futhi uzofa kanye nawo. Ngakho abantu bavame ukubona lolu hlobo lwesimo: Abanye bayamshiya uNkulunkulu, kodwa abajeziswa. UNkulunkulu usebenzelana nabo ngokwezimiso Yakhe. Kunezinto abantu abakwazi ukuzibona, futhi ezinye izinto zisongwa kuphela enhliziyweni kaNkulunkulu, ukuze abantu bangawuboni umphumela. Lokho okubonwa abantu, akulona empeleni uhlangothi lweqiniso; kodwa olunye uhlangothi, uhlangothi ongaluboni—lena imicabango nesiphetho sangempela senhliziyo kaNkulunkulu.

Abantu Ababalekayo Phakathi Nomsebenzi KaNkulunkulu Yilabo Abashiya Indlela Yeqiniso

Ngakho, kungani uNkulunkulu ebajezisa kanzima kangaka abantu ababalekayo ngesikhathi somsebenzi Wakhe? Kungani uNkulunkulu ebathukuthelele? Okokuqala, siyazi ukuthi isimo sikaNkulunkulu sinamandla amakhulu, nolaka. Akayona imvu engahlatshwa yinoma ubani; ngaphezu kwalokho, akayena unodoli ongalawulwa abantu ngendlela abayithathandayo. Akawona futhi umoya ongenalutho okufanele kwenziwe umathanda kuwo. Uma ukholwa ngempela ukuthi uNkulunkulu ukhona, kufanele ube nenhliziyo emesabayo, kufanele wazi ukuthi isiqu sikaNkulunkulu asicasulwa. Le ntukuthelo ingabangelwa yizwi; mhlawumbe umcabango; noma uhlobo oluthile lokuziphatha ngokona; ukuziphatha okwenyanyekayo emehlweni kaNkulunkulu nemikhuba yomuntu; noma mhlawumbe kubangelwe imfundiso noma inkolelo. Nokho, uma uke wamthukuthelisa uNkulunkulu, ithuba lakho lidlulile futhi izinsuku zakho sezifikile. Lena into enyantisayo! Uma ungaqondi ukuthi uNkulunkulu akathukutheliswa, kusho ukuthi awumesabi uNkulunkulu, nokuthi umcasula ngazo zonke izikhathi. Uma ungazi ukuthi umesabe kanjani uNkulunkulu, kusho ukuthi awukwazi ukwesaba uNkulunkulu, futhi awuyazi indlela yokuzifaka endleleni kaNkulunkulu—wesabe uNkulunkulu ugweme okubi. Uma usukuqaphela lokho, uyokwazi ukuthi uNkulunkulu ngeke acasulwe, futhi uyokwazi ukuthi kusho ukuthi ukwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi.

Ukuhamba endleleni yokwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi okukho empeleni mayelana nokuthi ulazi kangakanani iqiniso, zingakanani izilingo odlule kuzo, nokuthi uyalwe kangakanani. Kunalokho, kuncike ohlotsheni lwesimo somqondo onaso enhliziyweni yakho mayelana noNkulunkulu, nokuthi ukhombisa yiphi ingqikithi. Isiqu sabantu nemibono yabo—kubaluleke kakhulu, futhi kuwumgogodla. Mayelana nalabo abashiye uNkulunkulu, isimo sabo esifanelana noNkulunkulu nezinhliziyo zabo ezingalithandi iqiniso kusicasulile isimo sikaNkulunkulu, ngakho ngokukaNkulunkulu abasoze bathethelelwa. Bebelokhu bazi ngokuba khona kukaNkulunkulu, bebenemininingwane ngokufika kukaNkulunkulu, bebenolwazi ngomsebenzi omusha kaNkulunkulu. Ukuhamba kwabo akukho mayelana nokukhohliswa, noma izinto abangaqiniseki ngazo. Akukhona futhi ukuthi baphoqiwe. Kunalokho, ngolwazi futhi kubacacela engqondweni, bakhethe ukumshiya uNkulunkulu. Ukuhamba kwabo akukhona ukulahlekelwa indlela yabo; akukhona ukunqunywa kwabo. Ngakho emehlweni kaNkulunkulu, abazona izimvu eziphambuke emhlanjini, ingasaphathwa eyendodana yolahleko elahlekile. Bashiye inkululeko, futhi lokho kuyasicasula isimo sikaNkulunkulu, futhi kungenxa yalokho kucasuka ebanika umphumela ongenathemba. Ingabe lolu hlobo lomcabango alwethusi? Ngakho uma abantu bengamazi uNkulunkulu, bengamcasula. Lena akuyona indaba encane! Uma abantu bengawubheki njengobalulekile umbono kaNkulunkulu, futhi becabanga ukuthi uNkulunkulu ubheke phambili ekubuyeni kwabo—ngoba bayizimvu zikaNkulunkulu ezilahlekile futhi uNkulunkulu usalinde ukuthi bashintshe izinhliziyo—khona-ke lo muntu akahlukanisiwe nosuku lwakhe lokujeziswa. UNkulunkulu ngeke amane nje anqabe ukumemukela. Lesi isikhathi sesibili abacasula ngaso isimo sikaNkulunkulu; futhi kuyindaba ebucayi nakakhulu! Umbono walo muntu ongabalulekile uwucasule kakhulu umyalo kaNkulunkulu wokuqondisa. Ingabe uNkulunkulu usazobemukela? Enhliziyweni Yakhe, imiyalo kaNkulunkulu ngale ndaba ithi: Uma umuntu eye waqiniseka ngendlela yeqiniso kodwa futhi azi bese enqaba uNkulunkulu, futhi asuke kuNkulunkulu, khona-ke uNkulunkulu uyomvalela indlela eya ensindisweni, futhi amasango ombuso ayovalwa kulowo muntu. Lapho lo muntu ephinde engqongqoza, uNkulunkulu ngeke esabavulela umnyango futhi. Lo muntu uyovalelwa ngaphandle kuze kube phakade. Mhlawumbe abanye benu bake bayifunda indaba kaMose eBhayibhelini. Ngemva kokugcotshwa kukaMose uNkulunkulu, abaholi abangama-250 bakhombisa ukungamlaleli uMose ngenxa yezenzo zakhe nangezinye izizathu. Ubani ababenqaba ukumlalela? Akuyena uMose. Benqaba ukulalela amalungiselelo kaNkulunkulu; benqaba ukulalela umsebenzi kaNkulunkulu kule ndaba. Basho okulandelayo: “Nizithwesa okunzima, ukubona lonke ibandla lingcwele, wonke umuntu kubo, noJehova uphakathi kwabo….” Ngabe la mazwi nemigqa kubaluleke kakhulu yini, ngokubuka komuntu? Awabalulekile! Okungenani incazelo yangempela yawo ayibalulekile kangako. Ngokomthetho, awukho umthetho abawephulayo, ngoba ebusweni babo alukho ulimi olunenzondo, noma uhlelo lwamagama, ngisho nezincazelo ezihlambalazayo. Umusho ovamile kuyo yonke, ukuthi akukho okunye. Kodwa kungani la mazwi engathukuthelisa uNkulunkulu ngaleyo ndlela? Kungoba awakhulunywa kubantu, kodwa kuNkulunkulu. Umbono nesimo esivezwa yiwo yiso kanye esicasula isimo sikaNkulunkulu, futhi acasula isimo sikaNkulunkulu esingafanele sicasulwe. Sonke siyawazi umphumela wabo. Mayelana nalabo abashiye uNkulunkulu, uyini umbono wabo? Bazibheka kanjani izinto? Futhi kungani umbono wabo wenza uNkulunkulu asebenzelane nabo ngale ndlela? Isizathu ukuthi bazi ngokucacile ukuthi unguNkulunkulu kodwa basakhetha ukumkhaphela. Yingakho bengenawo nhlobo amathuba okusindiswa. Njengoba iBhayibheli lisho: “Ngokuba uma sona ngamabomu ngemva kokuthola ulwazi lweqiniso, ngeke kusaba khona umhlatshelo wezono.” Ingabe iyakucacela le ndaba manje?

Ukudalelwa Komuntu Kunqunywa Umbono Wakhe NgoNkulunkulu

UNkulunkulu unguNkulunkulu ophilayo, futhi njengoba abantu benza ngokungafani ezimweni ezehlukahlukene, isimo Sakhe somqondo ngalezi zenzo siyehluka ngoba akayena unodoli futhi akawona umoya ongenalutho. Ukwazi umbono kaNkulunkulu kuyinto isintu okufanele siyilandele. Abantu kufanele bafunde kanjani, ngokwazi umbono kaNkulunkulu, bengasazi isimo sikaNkulunkulu futhi baqonde inhliziyo kaNkulunkulu kancane kancane. Lapho uqonda inhliziyo kaNkulunkulu kancane kancane, ngeke usacabanga ukuthi ukwe saba uNkulunkulu nokugwema okubi kunzima ukukufeza. Okukhulu nakakhulu, ukuthi lapho uqonda uNkulunkulu, akulula kuwe ukuthi ufinyelele eziphethweni Ngaye. Lapho uyeka ukufinyelela eziphethweni ezithile ngoNkulunkulu, akulula ukuthi umcasule, futhi uNkulunkulu uyokwenza ube nolwazi Ngaye, futhi uyokwesaba uNkulunkulu enhliziyweni yakho. Uyoyeka ukuchaza uNkulunkulu usebenzisa lezi zimfundiso, amagama, nezinkolelo. Kunalokho, ngokuhlale ufuna izinhloso zikaNkulunkulu kuzo zonke izinto, unganakile uyoba umuntu olandela inhliziyo kaNkulunkulu.

Isintu asikwazi ukubona noma ukuthinta umsebenzi kaNkulunkulu, kodwa ngokukaNkulunkulu, izenzo zomuntu ngamunye, kanye nombono wakhe Ngaye—lezi akuzona nje izinto eziphawulekayo kuye, kodwa ziyabonakala futhi. Lena yinto wonke umuntu okufanele ayazi futhi imcacele. Kungenzeka uhlale uzibuza: “Ingabe uNkulunkulu uyazi ukuthi ngenzani lapha? Ingabe uNkulunkulu uyazi ukuthi ngicabangani manje? Mhlawumbe uyazi, mhlawumbe akazi.” Uma ulungabaza lolu hlobo lombono, ulandela futhi ukholwa kuNkulunkulu kodwa ungabaza umsebenzi Wakhe nokuba khona Kwakhe, khona-ke kungekudala kuzofika usuku omcasula ngalo, ngoba usudlulile kakade emngceleni oyingozi obekungafanele uweqe. Ngike ngabona abantu abebekholwa kuNkulunkulu iminyaka eminingi, kodwa abakaze babone ukuba ngokoqobo kweqiniso, noma baqonde intando kaNkulunkulu. Ukuphila nesiqu sabo akunayo inqubekela phambili, kunamathela kuphela ezimfundisweni. Lokhu kungenxa yokuthi laba bantu abakaze babheke izwi likaNkulunkulu njengokuphila kwabo, futhi abakaze babhekane noma bamukele ukuba khona Kwakhe. Ingabe ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyababona abantu abanjalo futhi ajabule ngabo? Ingabe bayamduduza? Ngenxa yalokho, indlela abantu abakholwa ngayo kuNkulunkulu enquma ukudalelwa kwabo. Mayelana nendlela abantu abafuna futhi abeza ngayo kuNkulunkulu, isimo somqondo wabantu sibaluleke kakhulu. Ungamshayi indiva uNkulunkulu kube sengathi ungumoya ongelutho ophephetha ngemuva kwekhanda lakho; hlale ucabanga ngoNkulunkulu okholwa Kuye njengoNkulunkulu ophilayo, uNkulunkulu wangempela. Akaswele into angayenza ezulwini lesithathu akulo. Kunalokho, uhlale ehlola izinhliziyo zawo wonke umuntu, ebona ukuthi uphezu kwani, ehlola wonke amazwi amancane, ebona indlela oziphatha ngayo nombono wakho ngoNkulunkulu. Kungakhathaleki ukuthi uzimisele ukuzinikela kuNkulunkulu noma cha, konke ukuziphatha kwakho nemicabango namacebo akho kuphambi kukaNkulunkulu, kuhlolwa Nguye. Kungenxa yokuziphatha kwakho, ngenxa yezenzo zakho, ngenxa yombono wakho ngoNkulunkulu, umbono Wakhe ngawe, uhlale ushintsha. Ngithanda ukunika abanye abantu iseluleko: Ningazibeki njengabantwana ezandleni zikaNkulunkulu, njengokungathi kufanele anazise, njengokungathi ngeke anishiye, njengokungathi isimo somqondo Wakhe sigxile ndawonye futhi asisoze saguquka, futhi ngineluleka ukuthi niyeke ukuphupha! UNkulunkulu ulungile endleleni aphatha ngayo umuntu ngamunye. Uyasondela emsebenzini wokunqoba kwesintu nokusindiswa kwaso. Lokho ukuqondisa Kwakhe. Uphatha wonke umuntu njengobalulekile, hhayi njengonodoli wokudlala. Uthando lukaNkulunkulu ngomuntu akulona lolu olumosha umuntu; umusa nokubekezelela Kwakhe isintu akukhona okungacabangeli. Ngokuphambene nalokho, uthando lukaNkulunkulu ngesintu kufanele kwaziswe, futhi kube ukuhlonipha ukuphila; umusa Wakhe nokuba nesineke Kwakhe kwembula lokho akulindele kumuntu; umusa Wakhe nokuba nesineke yilokho okudingwa isintu ukuze sisinde. UNkulunkulu uyaphila, futhi uNkulunkulu ukhona; umbono Wakhe ngesintu ubuswa yizimiso, awuphoqi lutho, futhi ungashintsha. Intando yakho ngomuntu iyashintsha kancane kancane futhi iyaguquka ngokuhamba kwesikhathi, ngezimo nangombono womuntu ngamunye. Ngakho kumele wazi ngokucace kakhulu enhliziyweni yakho ukuthi ingqikithi kaNkulunkulu ayiguquki, nokuthi isimo Sakhe siyobonakala ngezikhathi ezehlukene nasezimweni ezehlukene. Ungase ungacabangi ukuthi le nto ibalulekile, futhi usebenzisa imibono yakho ukuze ucabange ngendlela uNkulunkulu okufanele enze ngayo izinto. Kodwa kunezikhathi lapho okuphambene kakhulu nombono wakho kuyiqiniso, futhi ngokuzama ukusebenzisa imibono yakho ukuze ukale uNkulunkulu, usumcasulile kakade. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu akasebenzi ngendlela ocabanga ukuthi usebenza ngayo, futhi le ndaba uNkulunkulu ngeke ayisingathi ngendlela ocabanga ngayo. Ngakho ngikukhumbuza ukuba uqaphe futhi uhlanzeke kukho konke okwenzayo, ufunde indlela yokulandela imiyalo yokuhamba endleleni kaNkulunkulu kuzo zonke izinto—wesabe uNkulunkulu ugweme okubi. Kufanele ube uziqonde ngokuqinile izindaba zentando kaNkulunkulu nombono kaNkulunkulu; xhumana nabantu abakhanyiselwe, ufune ngobuqotho. Ungabheki uNkulunkulu omkholwayo njengonodoli—wahlulele futhi ufinyelele eziphethweni ezithile, ungamniki uNkulunkulu inhlonipho emfanele. Enqubweni yensindiso kaNkulunkulu, lapho echaza umphumela wakho, kungakhathaleki ukuthi ukunika umusa, noma uyakubekezelela, noma uyakwahlulela noma uyakusola, umbono Wakhe ngawe awuyona into engeke ishintshe. Kuncike endleleni ombheka ngayo uNkulunkulu, ekuqondeni kwakho uNkulunkulu. Ungavumela into eyodwa yolwazi lwakho nokuqonda kwakho ngoNkulunkulu kuchaze Yena unomphela. Ungakholwa kuNkulunkulu ofile; kholwa kophilayo. Khumbula lokhu! Nakuba ngikhulume ngamanye amaqiniso lana, amaqiniso abenidinga ukuwezwa, ngenxa yesimo senu, ngeke ngisafuna okunye ukuze ngingaphazamisi intshiseko yenu. Ukwenza kanjalo kungase kulimaze izinhliziyo zenu, kunenze nidumazeke kakhulu kuNkulunkulu. Esikhundleni salokho, ngethemba ukuthi ningalusebenzisa uthando lukaNkulunkulu ezinhliziyweni zenu, futhi nibe nombono onenhlonipho ngoNkulunkulu ohambweni olusanihlalele. Ungabi manqikanqika ekutheni kufanele umphathe kanjani uNkulunkulu. Mphathe njengento enkulu kunazo zonke. Mbeke enhliziyweni yakho, wenze akushoyo, uxhumane naye—ungamane nje igcine isiko. Ngoba lena indaba yokufa nokuphila, iyona eyonquma ikusasa lakho. Ungayenzi umdlalo, njengomdlalo wezingane! Ngemva kokuxoxa nani ngala mazwi namhlanje, ngizibuza ukuthi ninani ezingqondweni zenu njengamanje. Ingabe ikhona imibuzo eningathanda ukuyibuza ngengikusho namhlanje?

Nakuba lezi zihloko zisezintsha, futhi ziqukethe eningakujwayele, ngicabanga ukuthi ngemva kokuba kuxoxwe ngazo isikhathi esithile, okuningi engikushilo nizokuqonda. Njengoba lezi kuyizihloko ezintsha, eningakaze nicabange ngazo phambilini, ngethemba ukuthi ngeke zibe umthwalo kini. Angikhulumi la mazwi ngenjongo yokunethusa, noma ukusebenzelana nani; kunalokho injongo Yami ukunisiza niqonde iqiniso. Ngemva kwakho konke, kunegebe phakathi komuntu noNkulunkulu; akazange azi umbono kaNkulunkulu. Umuntu akakaze abe nogqozi ngombono kaNkulunkulu. Kunalokho, ubelokhu engaboni, futhi enganakile olwazini nasekuqondeni kwakhe uNkulunkulu. Ngakho ngizizwa ngiphoqelekile ukucacisa lezi zinto kini, futhi nginisize niqonde ukuthi uNkulunkulu uyinhloboni kaNkulunkulu; ucabangani; uyini umbono Wakhe futhi ubaphatha kanjani abantu abehlukahlukene; useseduze kangakanani nokugcwalisa izimfuneko Zakhe; nomehluko okhona phakathi kwezenzo zakho namazinga awafunayo. Umgomo wokuthi wazi lokhu ukuthi ngikwenze ukwazi ukukala inhliziyo yakho nokuthi indlela ohamba ngayo izokuholela kuphi, yikuphi ongakaze ukuthole kule ndlela, futhi iziphi izinto ongakaze uzibandakanye nazo. Lapho nikhuluma nodwa, nivame ukuxoxa ngezihloko ezibalulekile; umthamo mncane, futhi kuncane kakhulu ezikuqukethe. Kunegebe phakathi kwalokho enixoxa ngakho nezinhloso zikaNkulunkulu, phakathi kwezingxoxo zenu nezinga lalokhu okufunwa uNkulunkulu. Ukuqhubeka kanjena ngokuhamba kwesikhathi kuyokwenza uphambuke endleleni kaNkulunkulu. Umane uthanda amazwi akhona kaNkulunkulu uwakhulekele, uwenze isiko nomthetho. Lokhu kumayelana nalokhu! Eqinisweni, uNkulunkulu akanandawo ezinhliziyweni zenu, futhi uNkulunkulu akakaze azuze izinhliziyo zenu. Abanye bacabanga ukuthi kunzima ukwazi uNkulunkulu—leli iqiniso. Kunzima! Uma abantu becelwa ukuba benze umsebenzi wabo noma basebenze kanzima, abantu bebeyocabanga ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu kulula kakhulu, ngoba konke lokhu kungaphansi kwamakhono omuntu. Nokho lapho isihloko sichezuka ezinhlosweni nasembonweni kaNkulunkulu ngomuntu, izinto ziba nzima kakhulu kuwo wonke umuntu. Lokhu kungenxa yokuthi lokhu kubandakanya ukuqonda kwabantu iqiniso nokungena kwabo ezintweni ezingokoqobo; yiqiniso kunezinga elinzima! Kodwa ngemva kokuphuma emnyangweni wokuqala, kuba lula kancane kancane.

Isiqalo Sokwesaba UNkulunkulu Ukumphatha NjengoNkulunkulu

Omunye uke waphakamisa umbuzo othi: Kwenzeka kanjani ukuthi sazi okuningi ngoNkulunkulu ukwedlula uJobe, kodwa asikwazi ukwesaba uNkulunkulu? Sike sathi qaphu-qaphu ngale ndaba, akunjalo? Eqinisweni, isisekelo salo mbuzo bekulokhu kukhunyulwa ngaso, ukuthi nakuba uJobe ayengamazi uNkulunkulu, wamphatha njengoNkulunkulu, wambheka njengeNkosi yazo zonke izinto emhlabeni nasezulwini. UJobe akazange ambheke njengesitha uNkulunkulu. Kunalokho, wamkhulekela njengoMdali wazo zonke izinto. Kungani abantu namuhla bemnqaba kangaka uNkulunkulu? Kungani bengakwazi ukwesaba uNkulunkulu? Esinye isizathu ukuthi bonakaliswe kakhulu uSathane. Ngenxa yobusathane babo osebunezimpande kubo, abantu baba izitha zikaNkulunkulu. Ngakho, nakuba bekholwa kuNkulunkulu futhi bemqaphela, basengamphika futhi bazenze bamelane naye. Lokhu kunqunywa indlela umuntu ayiyo. Esinye isizathu ukuthi nakuba abantu bekholwa kuNkulunkulu, abamphathi njengoNkulunkulu. Esikhundleni salokho, bambheka njengesitha somuntu, futhi abahambisani noNkulunkulu. Kulula kanjalo nje. Akukhulunywanga yini ngale ndaba ngokudlule? Cabanga ngakho: Ingabe isizathu leso? Nakuba unolwazi oluncane ngoNkulunkulu, luyini lolu lwazi? Akulona yini lolu wonke umuntu akhuluma ngalo? Akulona yini olutshelwe uNkulunkulu? Wazi izimfundiso nezinkolelo kuphela; ingabe uke wasibona isici sangempela sikaNkulunkulu? Ingabe unalo ulwazi? Ingabe unalo ulwazi nokuhlangenwe nakho kwangempela? Ukube uNkulunkulu akazange akutshele, ubuzokwazi lokhu? Ulwazi lwakho ngenkolelo alulumeleli ulwazi lwangempela lukaNkulunkulu. Ngamafuphi, akunandaba ukuthi wazi okungakanani nokuthi ukwazi kanjani, ngaphambi kokuba umqonde ngempela uNkulunkulu, uNkulunkulu uyisitha sakho, futhi ngaphambi kokuba umphathe kanjalo uNkulunkulu, umelene nawe, ngoba wena ulingisa uSathane.

Lapho unoKristu, mhlawumbe ungamnikeza kathathu ukudla ngosuku, mhlawumbe umenzele itiye, nezinye izidingo zokuphila Kwakhe, uphathe uKristu njengoNkulunkulu. Noma nini lapho kwenzeka okuthile, imibono yabantu ihlale ingqubuzana noNkulunkulu. Bahlale behluleka ukuqonda umbono kaNkulunkulu nokuwamukela. Nakuba abantu bengase bazwane noNkulunkulu, lokhu akusho ukuthi bayahambisana naye. Ngokushesha nje ngemva kokwenzeka kokuthile, kuyovela ukungalaleli komuntu, kuqinisekise inzondo ekhona phakathi komuntu noNkulunkulu. Le nzondo ayiyena uNkulunkulu emelana nomuntu; ayiyena uNkulunkulu efuna ukuzonda umuntu, futhi ayikona ukwenza umuntu amelane noNkulunkulu. Kunalokho, iwukumelana nesiqu sikaNkulunkulu, okuyinto umuntu angayifuni. Njengoba umuntu ebheka konke okuvela kuNkulunkulu njengento angacwaninga ngayo, ukusabela kwakhe kuNkulunkulu okubandakanya ukuqagela, ukungabaza, kusheshe kungqubuzane noNkulunkulu futhi kumelane noNkulunkulu. Ngemva kwalokho, umuntu uyoxabana noNkulunkulu ngezinga lokuthi uyoze angabaze nohlobo lukaNkulunkulu alulandelayo. Ngaphandle kwakho konke lokhu, usazokhetha ukwenza izinto ezivumelana naye, ngaphandle kokwesaba kuze kube sekugcineni. Ngokwesibonelo, abantu bavame ukuqale ukusabela kanjani lapho bezwa kunyundelwa uNkulunkulu? Nakhu okokuqala abakushoyo: Angazi noma la mahemuhemu ayiqiniso noma cha, kodwa ngizoke ngibone. Bese beqala ukuzindla: Ayikho indlela engingathola ngayo ukuthi lokhu kuyiqiniso noma cha? Ingabe amahemuhemu noma akuwona? Nakuba lo muntu engakubonisi lokho, inhliziyo isiqalile ukungabaza, isiqalile ukuphika uNkulunkulu. Siyini isisekelo salo mbono? Akukhona yini ukukhaphela? Ngaphambi kokuba babhekane nendaba, ngeke ubone ukuthi umbono walo muntu uyini—kubonakala sengathi abaxabani noNkulunkulu, ngathi abambheki njengesitha uNkulunkulu. Nokho, uma sebebhekana nakho basheshe babe ngakuSathane bamelane noNkulunkulu. Lokhu kusikisela ini? Kusikisela ukuthi uNkulunkulu umelene nomuntu! Akukhona ukuthi uNkulunkulu ubheka umuntu njengesitha, kodwa isiqu somuntu siyamzonda uNkulunkulu. Akunandaba ukuthi umuntu umlandele isikhathi eside kangakanani uNkulunkulu; akanandaba ukuthi umdumisa kangakanani uNkulunkulu, uqhubeka kanjani emelana noNkulunkulu, okunxusa ukuthi bathande uNkulunkulu, abasoze bakwazi ukuphatha uNkulunkulu njengoNkulunkulu. Lokhu akunqunywa yini isimo somuntu? Uma umphatha njengoNkulunkulu, ukholwa ngempela ukuthi unguNkulunkulu, kusengenzeka yini umngabaze? Usengamngabaza enhliziyweni yakho? Ngeke. Izindlela zaleli zwe zingcolile, lesi sintu naso sinjalo, kungenzeka kanjani ukuba ungabi nambono ngakho? Wena ukhohlakele kabi, ngakho kwenzeka kanjani ukuthi ungabi nombono ngalokho? Kodwa amahlebezi ambalwa, kwakha imibono emikhulu kanjalo ngoNkulunkulu, lokho kubonisa ukuthi awuvuthiwe kangakanani! “Ngokubhuza” nje komiyane, sewukhohlisekile? Nhloboni yomuntu le? Ingabe niyazi ukuthi uNkulunkulu ucabangani ngalolu hlobo lomuntu? Umbono kaNkulunkulu empeleni ucacile ngendlela aphatha ngayo laba bantu. Kumane kuyileyo ndlela kaNkulunkulu aphatha ngayo laba bantu enenza ningabaze—umbono Wakhe awukhona ukuthi akabanaki laba bantu. Kungani kunjalo? Ngoba enhliziyweni Yakhe wayengahlosile ukuzuza laba bantu abamzondayo, futhi abangafuni ukuhambisana Naye. Mhlawumbe ayabalimaza abanye la mazwi engiwakhulumayo. Ingabe nizimisele ukuhlale nilinyazwa Yimi? Akunandaba ukuthi ucabangani, konke engikushoyo kuliqiniso! Uma ngihlale nginihlukumeza kanje, ngembula izibazi zenu, ingabe lokho kuyoyithinta indlela enibheka ngayo uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu? (Angeke.) Ngiyavuma nami angeke. Ngoba akekho uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu. UNkulunkulu osezinhliziyweni zenu, enimvikelayo, akayena uNkulunkulu. Kunalokho, kumane kuwumcabango womuntu; into engekho. Ngakho kungcono ngembule impendulo. Ingabe konke lokhu akulona iqiniso? UNkulunkulu wangempela akakhona lokhu umuntu akucabangayo. Ngiyethemba nonke nizokwazi ukubhekana nalokhu, futhi kuzonisiza nibe nolwazi ngoNkulunkulu.

Labo Bantu Abanganakwa UNkulunkulu

Kunabantu abanokholo olungakaze lube khona enhliziyweni kaNkulunkulu. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu akaboni ukuthi laba bantu bangabalandeli Bakhe, ngoba uNkulunkulu akayitusi inkolelo. Ngoba kungakhathaleki ukuthi laba bantu bamlandele isikhathi esingakanani uNkulunkulu, imibono yabo ayikaze ishintshe. Bafana nabangakholwa, banamathela emiyalweni yabangakholwa, benza imithetho yabanenkolelo. Abakaze balamukele izwi likaNkulunkulu ekuphileni kwabo, abakholwa ukuthi uNkulunkulu uneqiniso, abafuni ukwamukela insindiso kaNkulunkulu, futhi abambheki uNkulunkulu njengowabo. Babheka ukukholwa kuNkulunkulu njengento yabantu abangavuthiwe, bamane baphathe uNkulunkulu njengomoya nje, abalokothi bacabange ukuthi kungabasiza ukuqonda isimo sikaNkulunkulu noma isiqu Sakhe. Lokho ungakusho ngaso sonke isikhathi okuhambelana ngaso noNkulunkulu weqiniso. Abanandaba futhi ngeke banake. Lokhu kungenxa yokuthi ezinhliziyweni zabo, kunamazwi athi: UNkulunkulu akabonakali ngeke umthinte futhi akekho. Bakholwa ukuthi ukuzama ukuqonda lolu hlobo lukaNkulunkulu akuyifanele imizamo yabo; kuyoba ukuzenza izilima. Bakholwa ukuthi ngokuvuma nje uNkulunkulu ngamazwi ngaphandle ngokuma ngempela baqine noma bathathe izinyathelo zangempela, bahlakaniphe kakhulu. UNkulunkulu ubabheka kanjani laba bantu? Ubabheka njengabantu abangakholwa. Abanye bayabuza: “Abangakholwa bengalifunda izwi likaNkulunkulu? Bengawenza umsebenzi wabo? Bengawasho la mazwi: ‘Ngiyophilela uNkulunkulu?” Umuntu uvame ukubona lokho abantu abakuvezayo, hhayi isiqu sabo. Kodwa uNkulunkulu akabheki lokho; ubona isiqu esingaphakathi. Ngakho uNkulunkulu unombono Wakhe ngalaba bantu. Mayelana nokushiwo yilaba bantu: “Kungani uNkulunkulu enza lokhu? Ukwenzelani lokho? Angikuqondi lokhu; Angikuqondi lokho; lokhu akuhambisani nomuntu; Kumele ungichazele khona; …” Impendulo Yami: Ingabe sikhona isidingo sokukuchazela le ndaba? Ingabe le ndaba kukhona ekuhlanganisa nawe? Ucabanga ukuthi ungubani? Uvelaphi? Uyafaneleka ukukhomba uNkulunkulu? Uyakholwa Kuye? Ingabe uyalubona ukholo lwakho? Njengoba inkolelo yakho ingahlanganisi lutho noNkulunkulu, uhlanganiseni nawe? Awazi ukuthi ume kuphi enhliziyweni kaNkulunkulu, yini ekwenza ufanele ukuxoxa Naye?

Amazwi Okukhuza

Awududuzekile yini ngemva kokuzwa la maphuzu? Nakuba ungase ungazimiseli ukulalela la mazwi, noma ungazimiseli ukuwemukela, wonke ayiqiniso. Ngoba lesi sigaba somsebenzi esikaNkulunkulu, uma ungenandaba nezinhloso zikaNkulunkulu, umbono kaNkulunkulu, futhi ungasiqondi isiqu nesimo Sakhe, khona-ke ekugcineni nguwe ozolahlekelwa. Ungawasoli amazwi Ami, ungawasoli ngokuphazamisa intshisekelo yakho. Ngikhuluma iqiniso; angiqondile ukunikhathaza. Kungakhathaleki ukuthi ngicelani kini, ngethemba ukuthi nihamba endleleni efanele, futhi ngethemba ukuthi nilandela indlela kaNkulunkulu aniphambuki kuyo. Uma ningenzi ngokuvumelana nezwi likaNkulunkulu, futhi ningayilandeli indlela Yakhe, lokho kusho ukuthi niyahlubuka kuNkulunkulu futhi niphambukile endleleni yeqiniso. Ngakho nginomuzwa wokuthi kunezindaba okumele nginicacisele zona, ukuze izinto zinikhanyele zibe sobala, nazi umbono kaNkulunkulu, izinhloso zikaNkulunkulu nendlela uNkulunkulu aphelelisa ngayo umuntu, nendlela abeka ngayo umphumela womuntu. Ingabe kuyofika usuku lapho ungasakwazi khona ukuhamba kule ndlela, angikubeki icala ngoba la mazwi ake akhulunywa kuwe ngokucacile. Mayelana nokuthi uwuphatha kanjani umphumela wakho—kuncike kuwe. Mayelana nemiphumela yezinhlobo ezehlukene zabantu, uNkulunkulu unezimo zomqondo ezehlukene, unezindlela Zakhe zokuzikala, nendinganiso Yakhe yalokho akufuna kubo. Indinganiso Yakhe yokukala iziphetho zabantu ayenzeleli muntu—akukho ukungabaza ngalokho! Ngakho ukukhathazeka kwabanye abantu akunasidingo. Ukhululekile manje? Ake siyibambe lapho okwanamhlanje. Nisale kahle!

Okthoba 17, 2013

Okwedlule: Isandulelo

Okulandelayo: Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe I

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp