Isandulelo

Ngamunye wenu kumele nihlole kabusha indlela ebenikholelwa ngayo kuNkulunkulu yonke impilo yenu, ukuze nibone ukuthi, endleleni yokulandela uNkulunkulu, nikuqondisisile ngempela yini, nokuthi nifinyelele yini ekumazini ngeqiniso uNkulunkulu, nokuthi ingabe nisazi ngempela yini isimo somqondo sikaNkulunkulu ngezinhlobo ezahlukene zabantu, kanye nokuthi ingabe nikuqonda ngempela yini lokho uNkulunkulu akwenzayo kini nanokuthi ingabe uNkulunkulu uzibheka kanjani zonke izenzo zenu. Lo Nkulunkulu, oseduze nawe, ekuqondisa endleleni yokuqhubeka kwakho, elungiselela isiphetho sakho, futhi egcwalisa izidingo zakho—kungakanani wena, uma sekuhlaziywa ekugcineni, okuqondayo futhi okwaziyo ngempela Ngaye? Ingabe uyakwazi lokho akwenzayo kuwe zonke izinsuku? Ingabe uyazazi izimiso nezinhloso lezo asusela kuzo konke ukwenza Kwakhe? Ingabe uyazi ukuthi ukuqondisa kanjani? Ingabe uyazazi izindlela akunikeza ngazo? Ingabe uyazazi izindlela akuhola ngazo? Ingabe uyakwazi lokho afisa ukukuthola kuwe kanye nalokho afisa ukukufeza kuwe? Ingabe uyayazi indlela abuka ngayo izindlela ezinhlobonhlobo owenza ngazo? Ingabe uyazi noma ungumuntu othandwa Nguye? Ingabe uyawazi umsuka wokuthokoza Kwakhe, intukuthelo, ukudangala kanye nenjabulo, imicabango nemibono engasemuva kwayo, kanye nengqikithi Yakhe? Ekugcineni, ingabe uyazi ukuthi unhloboni lo Nkulunkulu okholelwa kuye? Ingabe le mibuzo kanye neminye ehlobene nayo iwuhlobo lwento ongakaze uyiqondisise noma ucabange ngayo? Ekukholweni kwakho kuNkulunkulu, ingabe uke wathi, ngokwazisa ngempela nokuzwa amazwi kaNkulunkulu, wakususa futhi wakhanyisa ukungaqondi kwakho Ngaye? Ingabe, ngemva kokwamukela ukuqondiswa uNkulunkulu nokusolwa, wafinyelela ekulaleleni kwangempela kanye nokunakekela? Ingabe uke, phakathi nokosolwa nokwahlulelwa nguNkulunkulu, wafinyelela ekwazini ukuhlubuka kanye nobusathane bemvelo yomuntu waphinde wazuza ukuqonda okungatheni ngobungcwele bukaNkulunkulu? Ingabe uke, ngaphansi kokuqondiswa kanye nokukhanyiseleka ngamazwi kaNkulunkulu, waqala ukukubheka ngenye indlela ukuphila? Ingabe uke, phakathi kwesilingo esithunyelelwe nguNkulunkulu, wakuzwa ukungakubekezeleli Kwakhe ukona komuntu kanjalo nokuthi yini lena Yena ayidingayo kuwe nokuthi ukusindisa kanjani? Uma ungazi nokuthi kuyini ukungamqondisisi uNkulunkulu, noma ukuthi ungakususa kanjani lokhu kungamqondi kahle, omunye umuntu angathi awukaze ungene ekuhlanganyeleni kweqiniso noNkulunkulu futhi awukaze umqonde uNkulunkulu, noma okungenani umuntu angathi awukaze ufise ukumqonda Yena. Uma ungazi ukuthi kuyini ukuyalwa nokusolwa nguNkulunkulu, kusho ukuthi ngokweqiniso awazi ukuthi kuyini ukulalela nokukhathalela, noma okungenani awukaze ulalele noma ukhathalele uNkulunkulu. Uma ungakaze ukuzwe ukusolwa nokwahlulelwa nguNkulunkulu, ngakho ngokweqiniso ngeke wazi ukuthi buyini ubungcwele Bakhe, futhi uzoba nokungakhanyiseleki kakhulu, ngokuthi kuyini ukuhlubuka komuntu. Uma ungakaze ngempela ubheke ukuphila ngendlela enhle, noma ube nenhloso elungile empilweni, kodwa selokhu usesimweni sokudideka nokungathathi sinqumo ngekusasa lendlela yakho empilweni, uze ufike esigabeni sokuba unqikaze ukuya phambili, kuyacaca ukuthi awukaze ukuthole ukukhanyisela nokuqondisa kukaNkulunkulu; umuntu angathi futhi awukaze unikezwe noma uvuselelwe ngamazwi kaNkulunkulu. Uma ungakaze udlule ekuvivinyweni nguNkulunkulu, kusho ukuthi ngokuqinisekile angeke ukwazi ukungabekezeleli kukaNkulunkulu iziphambeko zomuntu, futhi ngeke uqondisise lokho ekugcineni uNkulunkulu akudingayo kuwe, ingasaphathwa, ekugcineni, eyomsebenzi Wakhe wokuphatha nokusindisa umuntu. Kungakhathaliseki ukuthi mingaki iminyaka umuntu ekholelwa kuNkulunkulu, uma engakaze azizwele noma azicabangele noma yini emazwini kaNkulunkulu, ngokweqiniso akahambi endleleni eqonde ensindisweni, ukholo lwakhe kuNkulunkulu ngokuqinisekile alunaso isigqi, ukwazi kwakhe uNkulunkulu nakho ngokuqinisekile kuyize, futhi kuyacaca ukuthi akazi lutho ngempela, ukuthi kuyini ukwesaba uNkulunkulu.

Izinto nobuyena bukaNkulunkulu, ingqikithi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu—konke sekwenziwe kwaziwa emazwini Akhe esintwini. Lapho ezizwela yena amazwi kaNkulunkulu, umuntu kuyothi ngesikhathi ewenza afike ekuqondeni injongo kaNkulunkulu esemazwini uNkulunkulu awakhulumayo, futhi uyoqonda umthombo nesendlalelo samazwi kaNkulunkulu, futhi aqonde aphinde abe nokwazisa umthelela ohloswe ngamazwi kaNkulunkulu. Kubantu, lezi yizo zonke izinto umuntu okumele azizwe, aziqonde futhi afinyelele kuzo, ukuze afinyelele eqinisweni nokuphila, aqonde izinhloso zikaNkulunkulu, abe ngoguqukile esimweni sakhe, futhi akwazi ukulalela ubukhosi namalungiselelo kaNkulunkulu. Khona ngaleso sikhathi umuntu ezizwela, eqonda, futhi, efinyelela kulezi zinto, kancane kancane uyobe esezuze ukuqonda uNkulunkulu, futhi ngaleso sikhathi uyobe esezuze amazinga ehlukene okwazi Yena. Lokhu kuqonda nokwazi akuveli entweni ethile umuntu ayicabangile noma azenzele yona, kodwa kunalokho kuvela, kulokho akwazisayo, akubonayo, akuzwayo, kanye nalokho akufakazelayo ngaphakathi kuye. Kuphela, kungemuva kokwazisa, ukuzibona, ukuzwa, kanye nokuzifakazela lezi zinto, lapho ulwazi lomuntu ngoNkulunkulu luba nohlonze, ulwazi kuphela lolo aluthole ngalesi sikhathi olungoloqobo, oluyilo futhi oluqinisekile, futhi le nqubo—yokuthola ukuqonda okuyikonakona nolwazi lukaNkulunkulu ngokwazisa, ngokubona, ngokuzwa, nokufakazelana namazwi Akhe—yiyo kanye inhlanganyelo phakathi komuntu noNkulunkulu. Phakathi kwalolu hlobo lwenhlanganyelo, umuntu ufinyelela ngempela ekuqondisiseni nasekubambeni izinhloso zikaNkulunkulu, ufinyelela ngempela ekuqondisiseni nasekwazini izinto nobuyena bukaNkulunkulu, ufinyelela ngempela ekuqondisiseni nasekwazini ingqikithi kaNkulunkulu, ufinyelela kancane kancane ekuqondisiseni nasekwazini isimo sikaNkulunkulu, ufika ekubeni nencazelo eyiyo kanye nesiqiniseko sangempela, ngeqiniso lokubusa kukaNkulunkulu ngaphezu kwakho konke okudaliwe. Futhi uzuza ukuqonda okunohlonze nolwazi ngobunjalo kanye nesikhundla sikaNkulunkulu. Phakathi kwalolu hlobo lokuhlanganyela, umuntu uyaguqula, isinyathelo ngesinyathelo, imibono yakhe ngoNkulunkulu, angabe esamcabanga Yena ngokumsusela phezu kweze, noma azinikezele ezinsolweni anazo Ngaye, noma ukungamqondisisi Yena, noma ukumgxeka Yena, noma enze izahlulelo Ngaye, noma amngabaze Yena. Ngenxa yalokhu, umuntu uyoba nezinkulumo-mpikiswano ezimbalwa noNkulunkulu, uyoba nokuxabana okumbalwa noNkulunkulu, nokuthi uyokuba nezigameko ezimbalwa lapho eyovukela uNkulunkulu. Ngakolunye uhlangothi, ukunakekela komuntu nokulalela uNkulunkulu kuyokhula kakhulu, kanti ukuhlonipha kwakhe okukhulu uNkulunkulu, kuyoba ngokoqobo futhi ngokujulile. Phakathi kwalolu hlobo lokuhlanganyela, umuntu ngeke nje kuphela athole iqiniso nokubhapathiswa ekuphileni, kodwa ngesikhathi esifanayo uyobuye athole ulwazi lweqiniso ngoNkulunkulu. Phakathi kwalolu hlobo lokuhlanganyela, umuntu ngeke nje kuphela aguqulwe esimweni sakhe nasekutholeni insindiso, kodwa ngesikhathi esifanayo uyobuye athole ukuhlonipha nokudumisa kweqiniso kwesidalwa esidaliwe sikwenza kuNkulunkulu. Ekubeni kade enalolu hlobo lokuhlanganyela, ukholo lomuntu kuNkulunkulu angeke lusaba yinto engazeki, noma isithembiso esinikezwe ngezindebe zomlomo nje, noma uhlobo lokulandela olungenasisekelo nokwenza izithixo; ngalolu hlobo kuphela lokuhlanganyela ukuphila komuntu kuyokhula kufinyelele ekuvuthweni usuku nosuku, futhi yimanje kuphela lapho isimo sakhe siyoguquka ngokuhamba kwesikhathi, nokholo lwakhe kuNkulunkulu, kancane kancane, luyodlula ekungaqondakalini kahle nasokholweni olungaqinisekile lube ukulalela ngeqiniso nokunakekela, luze lufinyelele ekuhlonipheni okukhulu ngempela, futhi umuntu uyobuye, endleleni yokulandela uNkulunkulu, kancane kancane aqhubeke asuke esimweni sokuba ongenzi lutho abe sesimweni sokukhuthala, asuke ekubukeni ngendlela embi aye ekubukeni ngendlela enhle; kungalolu hlobo lokuhlanganyela kuphela umuntu ezifinyelela ukuqonda kwangempela kanye nokuqonda uNkulunkulu, ekwazini uNkulunkulu ngeqiniso. Ngoba iningi labantu alikaze lingene ekuhlanganyeleni kweqiniso noNkulunkulu, ulwazi lwabo ngoNkulunkulu luma esigabeni sokucabanga, esigabeni samagama nezimfundiso. Okungukuthi abantu abaningi, kungakhathaliseki ukuthi mingaki iminyaka bekholelwa kuNkulunkulu, basekude kakhulu ekumazini uNkulunkulu basame endaweni lapho babekhona besaqala, babishe esisekelweni sezinqubo zakudala zokukhonza, nobuyephuyephu bazo bemibala yasemandulo nezinkolelo-ze eseziphelelwe yisikhathi. Ukuthi ulwazi lomuntu ngoNkulunkulu, lubhajwe ekuqaleni kwalo, kuchaza ukuthi lufana nolungekho nje. Ngaphandle kokuqinisekisa komuntu ngesikhundla nobuyena bukaNkulunkulu ukholo lomuntu kuNkulunkulu lusalokhu lusesimweni sokuba yindida engaqondakali. Lokhu njengoba kunjalo, umuntu angaba nokuhlonipha kwangempela uNkulunkulu okungakanani?

Kungakhathaliseki noma luqine kangakanani ukholo lwakho ebukhoneni Bakhe, lokhu angeke kwathatha indawo yolwazi lwakho ngoNkulunkulu, noma inhlonipho yakho ngoNkulunkulu. Kungakhathaliseki noma uzijabulele kanjani izibusiso Zakhe nomusa Wakhe, lokhu akusoze kwathatha indawo yolwazi lwakho lukaNkulunkulu. Kungakhathaliseki noma uzimisele kanjani ukunikela konke okwakho futhi ukhiphe konke ngenxa Yakhe, lokhu ngeke kuyithathe indawo yolwazi lwakho ngoNkulunkulu. Mhlawumbe usuwejwayele kakhulu amazwi Akhe awakhulumile, noma uze ngisho usuwazi ngenhliziyo futhi usungawaqala ngasekugcineni, kodwa lokhu akusoze kwathatha indawo yolwazi lwakho ngoNkulunkulu. Noma ngabe umuntu uzimisele kanjani ukulandela uNkulunkulu, uma engakaze abe nokuhlanganyela okuyikho noNkulunkulu, noma abe nolwazi lwamazwi kaNkulunkulu, ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu luyoba ngolungekho ngaphezulu kwento engelutho noma iphupho lasemini elingapheliyo; ngenxa yalokho okungenzeka ukuthi “uke wahlangana” noNkulunkulu ezedlulela, noma uhlangane Naye ubuso nobuso, ulwazi lwakho ngoNkulunkulu luyoqhubeka lube yinto engenalutho, nenhlonipho yakho kuNkulunkulu akukho nje ngaphezu kwesiqubulo esingenalutho noma umbono nje ongathi shú.

Abantu abaningi babambelela ekufundeni emazwini kaNkulunkulu usuku nosuku, baze bafike ezingeni lokuzibophezela ngokucophelela ukukhumbula zonke izigatshana ezikhona lapho ngokugcwele njengezinto zabo okungezabo ezibizayo, nokuthi ngaphezu kwalokho bashumayele ngamazwi kaNkulunkulu yonke indawo, banikeze futhi basize nabanye ngamazwi Akhe. Bacabanga ukuthi ukwenza lokhu kungukuveza ubufakazi kuNkulunkulu, ukuveza ukufakazela amazwi kaNkulunkulu, ukuthi ukwenza lokhu kungukulandela indlela kaNkulunkulu; bacabanga ukuthi ukwenza lokho kungukuphila ngamazwi kaNkulunkulu, ukuthi ukwenza lokho kungukuletha amazwi Akhe ekuphileni kwabo kwangempela, ukuthi ukwenza lokhu kuyobenza bakwazi ukuthola ukunconywa nguNkulunkulu, nokuthi basindiswe futhi bapheleliswe. Kodwa, ngisho sebeshumayela amazwi kaNkulunkulu, abahambisani namazwi kaNkulunkulu ngokwenza, noma bazame ukuzifaka bona emgqeni walokho okwambulwe kubo ngamazwi kaNkulunkulu. Kunalokho, basebenzisa amazwi kaNkulunkulu ukuzizuzela ukuthandwa nokwethenjwa ngabanye ngokubakhohlisa, ngokungena ekuphatheni ngokwabo, nokuthi basebenzise budlabha nokuntshontsha udumo lukaNkulunkulu. Bethemba, ngokungena mpumelelo, ukusebenzisa ithuba abalinikezwa ngokusabalalisa amazwi kaNkulunkulu ukuba baklonyeliswe ngomsebenzi kaNkulunkulu nokunconywa Nguye. Mingaki iminyaka eseyedlule, kodwa laba bantu abagcinanga nje ngokungakwazi ukuthola ukunconywa nguNkulunkulu ngokushumayela amazwi kaNkulunkulu, nokuthi hhayi kuphela ukuthi abakwazanga ukuveza indlela okumele bayilandele endleleni yokuveza ukufakazela amazwi kaNkulunkulu, futhi akukhona nje ukuthi abazange bazisize noma bazihlinzeke bona kuleyo ndlela yokuhlinzeka nokusiza abanye ngamazwi kaNkulunkulu, nokuthi akukhona nje kuphela ukuthi abazange bakwazi ukumazi uNkulunkulu, noma bavuse kubo uqobo inhlonipho enkulu kaNkulunkulu, kuleyo ndlela yokwenza zonke lezi zinto; kodwa, ngokuphambene, ukungaqondisisi kahle ngoNkulunkulu kwaya kukhula ngokujula, ukungamethembi uNkulunkulu kwaya kuba mawala, kanye nemicabango yabo ngoNkulunkulu yaya ikhula ngokuba engakholakali. Behlinzekiwe futhi beholwa yimicabango yabo ngamazwi kaNkulunkulu, bavela sengathi baphelele esimweni sabo, kube sengathi baveza amakhono abo kalula ngaphandle kokuzikhandla nhlobo, kube sengathi sebethole inhloso yempilo yabo, kube sengathi sebezuze ukuphila okusha nokuthi sebesindisiwe, kube sengathi, ngamazwi kaNkulunkulu bebeka ngolimi oluginqika kahle uma bekhuluma, sebefinyelele ekuzuzeni iqiniso, babambelele ezinhlosweni zikaNkulunkulu, nokuthi sebevumbulule indlela yokumazi uNkulunkulu, kube sengathi, ngendlela yokushumayela amazwi kaNkulunkulu, sebake babhekana noNkulunkulu ubuso nobuso. Futhi, bahlale “benyakaziswa” ngemvula yezinyembezi, nokuthi, bahlale beholwa “uNkulunkulu” ngamazwi kaNkulunkulu, bavela njalo ngokungenamkhawulo bebambelele ngokujulile emseni Wakhe nenhloso elungile, futhi ngesikhathi esifanayo sebezuze ukubambelela ensindisweni kaNkulunkulu yomuntu kanye nokuphathwa Nguye, sebefike ekuyazini ingqikithi Yakhe, nokuthi sebeyakuqondisisa ukulunga kwesimo Sakhe. Besusela kulesi sisekelo, babonakala sengathi sebekholelwa ngokuqine kakhulu ebukhoneni bukaNkulunkulu, sebenolwazi olukhulu ngesimo Sakhe esihloniphekile, nokuthi nangaphezu kwalokho bazizwe bejulile ebukhulwini Bakhe nasebungcweleni. Becwilile kulolu lwazi lokuzikhohlisa ngokwazi amazwi kaNkulunkulu, kungabukeka sengathi ukholo lwabo selukhulile, izinqumo zabo zokubekezelela ukuhlupheka seziqinisiwe, nokuthi ulwazi lwabo ngoNkulunkulu selujulile. Abazi ngempela ukuthi, kuze kube bawazwile amazwi kaNkulunkulu ngokuyikho, lonke ulwazi lwabo kanye nemibono yabo Ngaye iphuma ekuzicabangeleni ngokwabo nasekuqageleni. Ukholo lwabo angeke lwabambelela kunoma yikuphi ukuhlolwa nguNkulunkulu, lokhu abakubiza ngokuthi ubungcwele babo nokuma angeke kwabambelela ngaphansi kokuvivinywa noma ukuhlolwa nguNkulunkulu, isinqumo sabo singukwakha ibhilidi elihle phezu kwesihlabathi, nalokhu abakubiza ngolwazi lukaNkulunkulu nakho akwehlukile nokuzakhela kwemicabango yabo. Eqinisweni, laba bantu, uma singasho kanjalo, abafaka umfutho emazwini kaNkulunkulu, abakaze nakanye bazi ukuthi luyini ukholo oluyilo, kuyini ukulalela kwangempela, kuyini ukunakekela kwangempela, noma kuyini ukwazi uNkulunkulu ngeqiniso. Bathatha abakucabangayo, imicabango, ulwazi, isiphiwo, izinqubo, izinkolelo-ze, kanye ngisho nokubaluleka kokulungileyo kwesintu, bese bekwenza “imali” kanye “nezikhali” zokukholwa kuNkulunkulu nokumlandela, baze bakwenze izisekelo zokukholwa kwabo kuNkulunkulu nokumlandela kwabo. Ngesikhathi esifanayo, babuye bathathe le mali nezikhali bakwenze umfanekiso womlingo ekwazini uNkulunkulu, ukwenzela ukuhlangana nokuncintisana nokuhlolisisa kukaNkulunkulu, ukuvivinya, ukusola, nokwahlulela. Ekugcineni, lokho abakuhlanganisile kuselokhu kuyizinto ezingasho lutho ngaphandle kwezinqumo ngoNkulunkulu ezicwile ezincazelweni zezinkolelo, ezinkolelweni eziyize zakudala, kanye nakho konke lokho okungokokuthandana, okubukeka kabi kuhlekisa, futhi nokungaqondakali, kanye nendlela yabo yokwazi nokuchaza uNkulunkulu ifana naleyo yabantu abakholelwa kuphela Ezulwini Eliphezulu, noma Endodeni Endala Esesibhakabhakeni, kuyilapho ukuba ngokoqobo kukaNkulunkulu, ingqikithi Yakhe, isimo Sakhe, izinto Zakhe nobuYena, kanye nokunye, nakho konke okuphathelene nokuba ngokoqobo kukaNkulunkulu ngoKwakhe, kuyizinto ulwazi lwabo oluhlulekile ukuziqonda, azinamsebenzi walutho ngokuphelele futhi zikude le nokuqonda kwabo. Ngale ndlela, nakuba bephila ngaphansi kokunikezwa nokondliwa ngamazwi kaNkulunkulu, kusazifanela nje abakwazi ukuhamba endleleni yokumesaba uNkulunkulu nokudeda kokubi. Isizathu sangempela ukuthi abakaze bafinyelele ekumazini uNkulunkulu, futhi bengakaze babe nokuxhumana okuqotho noma ukuhlanganyela Naye ngeqiniso, ngakho kunzima kakhulu kubona ukufinyelela ekubeni nokuqonda okunokuzwana noNkulunkulu, noma bavuse kubo ukholo, ukulandela, noma ukudumisa uNkulunkulu. Ukuthatha kwabo amazwi kaNkulunkulu ngale ndlela, ukuthatha uNkulunkulu ngale ndlela—lokhu kubuka kanye nesimo sengqondo kubenze baphoqeleka ukuba babuye belambatha emizamweni yabo, ibenze bangaphinde balazi ingunaphakade ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu nokudeda kokubi. Injongo yalokho abakuhlosile, nendlela abahamba ngayo, ibonisa ukuthi bayizitha zikaNkulunkulu kuze kube phakade futhi abasoze bakwazi ukuthola insindiso.

Uma, esimweni somuntu olandele uNkulunkulu iminyaka eminingi futhi ejabulela ukuhlinzekwa ngamazwi Akhe iminyaka eminingi, ukuchaza kwakhe uNkulunkulu kufana, ngokoqobo lwako, naloko komuntu owa ngobuso ukukhuleka phambi kwezithixo, ngakho lokhu kungakhombisa ukuthi lo muntu akakaze athole iqiniso lamazwi kaNkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi mane akangeni eqinisweni lamazwi kaNkulunkulu futhi ngenxa yalesi sizathu ukuba ngokoqobo, iqiniso, izinhloso, kanye nezimfuno esintwini, konke okutholakala ngokwemvelo emazwini kaNkulunkulu, akuhlanganise lutho nhlobo naye. Okungukuthi, akukhathalisekile noma umuntu onjalo angasebenza kangakanani encazelweni esobala yamazwi kaNkulunkulu, konke kuyize leze: Ngoba lokho akushisekelayo kumane kungamazwi nje, lokho ayokuthola nakho kuyoba ngokwesidingo ngamazwi nje. Noma ngabe amazwi akhulunywe nguNkulunkulu asobala noma ajulile ngokubuka ngamehlo, wonke ayiqiniso elisemqoka kakhulu kumuntu njengoba engena ekuphileni; awumthombo wamanzi okuphila lawo amenza ukuba aphile ngokomoya nangokwenyama. Anikeza lokho umuntu akudingayo ukuze aphile; izimfundiso zeBhayibheli ezingenakuphikwa inkolelo nomgomo wokuziphatha empilweni yakhe nsuku zonke; indlela, inhloso, kanye nenkambo okufanele adlule kuyo ukuze athole insindiso; lonke lelo qiniso kumele abe nalo njengesidalwa esiphambi kukaNkulunkulu; kanye neqiniso lokuthi umuntu kumele amesabe futhi amkhonze kanjani uNkulunkulu. Ayisiqiniseko esiqinisekisa ukuphila komuntu, ayisinkwa somuntu semihla ngemihla, nokuthi abuye futhi abe yisisekelo esiqinile esenza umuntu aqine futhi azimele. Acebile ngesiqiniseko sangempela seqiniso lobuntu obejwayelekile njengalokhu ephilwa yisintu esidaliwe, acebile ngeqiniso lelo ngalo isintu sikwazi ukukhululeka ekukhohlakalisweni kanye nasekubalekeleni izingibe zikaSathane, acebile ekufundiseni ngokungakhathali, ekugqugquzeleni, ekukhuthazeni, nasekududuzeni lokho uMdali akunikeza isintu esidaliwe. Ayisibani esiqondisayo nesikhanyisela umuntu ukuze aqonde konke lokho okungokuhle, isiqinisekiso esiqinisekisa abantu ukuthi bayophila futhi bafike ekuphatheni kwakho konke okulungileyo nokuhle, umbandela okuyiwo abantu, izigameko, nezinto ezilinganisekayo, kanye futhi nokwakha inkomba-ndlela eholela umuntu imqondise ensindisweni nasendleleni yokukhanya. Kusekwazini amazwi kaNkulunkulu ngokoqobo kuphela lapho umuntu enganikwa khona iqiniso nempilo; yilapha kuphela lapho umuntu engaqondisisa khona ukuthi buyini ubuntu obejwayelekile, ukuthi iyini incazelo yokuphila, siyini isidalwa sangempela, kuyini ngempela ukuhlonipha uNkulunkulu; yilapha kuphela lapho umuntu engaqondisisa khona ukuthi kumele amnakekele kanjani uNkulunkulu, awugcwalise kanjani umsebenzi wesidalwa esenziwe, nokuthi angaba nakho kanjani ukufaniswa nomuntu okunguyena yena; yilapha kuphela lapho engafinyelela khona ekuqondisiseni ukuthi kuyini okuqondwe ngokholo oluqinisekile nokukhonza okuqinisekile; yilapha kuphela lapho umuntu engaqonda khona ukuthi ngubani uMbusi wamazulu nomhlaba kanye nazo zonke izinto; yilapha kuphela lapho umuntu engaqala khona ukuqonda izindlela Lowo onguMnikazi wayo yonke indalo abusa ngayo phezu kwayo, ahola futhi ahlinzeke ngazo indalo; futhi yilapha kuphela lapho umuntu engaqonda khona futhi abambe izindlela Lowo onguMnikazi wendalo yonke akhona ngazo, azibonakalisa kanye nasebenza ngazo. Ehlukanisiwe ekubeni nolwazi oluyilo lwamazwi kaNkulunkulu, umuntu akanalo ulwazi oluyilo noma ukuqonda okungaphakathi emazwini kaNkulunkulu naseqinisweni. Lowo muntu onjalo ngokungangatshazwa uyisidumbu esiphilayo, igobolondo uqobo, futhi ulwazi lonke olumayelana noMdali aluhlanganiswe lutho naye. Emehlweni kaNkulunkulu, umuntu onjalo akakaze akholelwe Kuye, noma akakaze amlandele Yena, futhi uNkulunkulu akambheki njengomuntu okholelwa Kuye noma umlandeli Wakhe, akusaphathwa njengesidalwa esingokoqobo esidaliwe.

Umuntu oqotho odaliwe kumele azi ukuthi ngubani uMenzi wakhe, azi ukuthi umuntu wadalelwani, kumele ayenze kanjani imisebenzi yokuba yisidalwa esenziwe, nokuthi uyikhulekela kanjani iNkosi yendalo yonke, kumele aqondisise, abambelele, azi, futhi anakekele izinhloso zoMdali, izifiso, nezimfuno, futhi kumele enze ngokuhambisana nendlela yoMdali—esabe uNkulunkulu abalekele okubi.

Kuyini ukwesaba uNkulunkulu? Futhi umuntu angakubalekela kanjani okubi?

“Ukumesaba uNkulunkulu” akusho ukwethuka nokwesaba okungenagama, noma ukugwema, noma ukubeka laphaya kude, noma ukukhonza noma izinkolelo-ze. Kunalokho, kuwukuhlonipha, ukunika isithunzi, ukwethemba, ukuqondisisa, ukunakekela, ukulalela, ukuzinikela, uthando, kanjalo nokudumisa, ukuvuza nokuthoba okungenambandela nokuthoba. Ngaphandle kolwazi lweqiniso ngoNkulunkulu, isintu angeke sibe nenhlonipho yeqiniso, ukwethembeka ngeqiniso, ukuqonda kweqiniso, ukunakekela kweqiniso noma ukuhlonipha, kodwa kuphela ukwesaba okukhulu novalo, kuphela ukungabaza, ukungaqondisisi, ukwenqaba, nokugwema; ngaphandle kolwazi lweqiniso ngoNkulunkulu, isintu angeke sibe nakho ukuzingcwelisa nokuvuza; ngaphandle kolwazi lweqiniso ngoNkulunkulu, isintu angeke sibe nokukhonza kweqiniso nokuzinikezela, kuphela ukukhonza okweqile okungenabo ubufakazi nezinkolelo-ze; ngaphandle kolwazi lweqiniso ngoNkulunkulu, isintu angeke sakwazi ukwenza ngendlela kaNkulunkulu, noma ukwesaba uNkulunkulu, noma ukubalekela okubi. Kunalokho, konke ukwenza nokuziphatha umuntu azibandakanya nakho kuyogcwala ukuphikisa nokwedelela, okunezinsolo zokuhlambalaza kanye nokwehlulela okungalungile Ngaye kanye nokuziphatha ngobubi enze okuphambanayo neqiniso nencazelo eyiqiniso yamazwi kaNkulunkulu.

Lapho isintu sinokwethemba ngeqiniso kuNkulunkulu, siyoba neqiniso ekumlandeleni nokwethembela Kuye; ngokuba nokwethemba kweqiniso kuphela kanye nokuncika kuNkulunkulu, isintu singaba nokuqondisisa kweqiniso nokwazi; ngokuhambisana nokuqondisisa ngeqiniso uNkulunkulu kufika ekunakekeleni Yena kwangempela; ngokunakekela uNkulunkulu ngokweqiniso kuphela isintu singaba nokuhlonipha kweqiniso; ngenhlonipho yeqiniso kuphela kuNkulunkulu isintu singaba nokuzinikela kweqiniso; ngokuzinikela kuNkulunkulu ngeqiniso kuphela isintu singaba nokukhonza okungenamibandela nokungenasikhalo; kuphela ngokwethemba nokuncika ngeqiniso, ngokuqondisisa ngeqiniso nokunakekela, ukuhlonipha kweqiniso nokuzinikela ngeqiniso nokukhonza, isintu singaqala ukwazi isimo nengqikithi kaNkulunkulu, kanye nokwazi ubunjalo boMdali; uma sesifinyelele ekumazini uMdali kuphela ilapho isintu singavuselela kuso ukukhonza nokuthoba kweqiniso; kuphela uma benokukhonza uMdali nokuthoba kweqiniso isintu siyokwazi ukubeka eceleni izindlela zaso ezimbi, lokho okungukuthi, ukubalekela okubi.

Lokhu kuhlanganisa indlela ephelele “yokwesaba uNkulunkulu ubalekele okubi,” nokuthi kubuye kube yingqikithi seyiphelele yokwesaba uNkulunkulu nokubalekela okubi, kanjalo futhi nendlela okumele ihanjwe ukuze kufikwe ekwesabeni uNkulunkulu nokubalekela okubi.

“Ukwesaba uNkulunkulu nokudeda kokubi” nokwazi uNkulunkulu kuxhumene ngezintambo eziningi ngokungehlukaniswe, futhi ukuxhumana phakathi kwazo kuyabonakala. Uma umuntu efisa ukufinyelela ekubalekeleni okubi, kumele yena kuqala abe nokwesaba uNkulunkulu ngeqiniso; uma yena efisa ukuzuza ukwesaba uNkulunkulu ngeqiniso, yena kuqala kumele amazi uNkulunkulu ngeqiniso; uma efisa ukuthola ulwazi ngoNkulunkulu, yena kumele kuqala abenolwazi lwamazwi kaNkulunkulu, aqiniseke ngamazwi kaNkulunkulu, abenolwazi lokujeziswa nokuqondiswa nguNkulunkulu, ukujeziswa nokwahlulelwa Nguye; uma yena efisa ukuba nolwazi lalawa mazwi kaNkulunkulu, yena kumele kuqala abhekane ubuso nobuso namazwi kaNkulunkulu, abhekane ubuso nobuso noNkulunkulu, nokucela uNkulunkulu amuphe amathuba okuwezwa amazwi kaNkulunkulu ngezindlela zonke ezahlukene ezifaka phakathi umuntu, izehlakalo nezinto; uma yena efisa ukubhekana ubuso nobuso noNkulunkulu namazwi kaNkulunkulu, yena kumele kuqala abe nenhliziyo engazithwele futhi elungile, akulungele ukwamukela iqiniso, inhliziyo yokubekezelela ubunzima, ukuzimisela kanye nesibindi sokubalekela okubi, kanye nentshisekelo yokuba yisidalwa esiqinisekile…. Ngale ndlela, ukuya phambili kancane kancane, kuzokusondeza nakakhulu kuNkulunkulu, inhliziyo yakho iyoya iba msulwa ngokwengeziwe, futhi impilo yakho nokubaluleka kokuba uyaphila kuyoba, ngokuhambisana nolwazi lwakho ngoNkulunkulu, kuyoba nenjongo eyengeziwe futhi kuyokhula ukucaca ngokwengeziwe. Kuze kube olunye usuku, lapho uyozwa khona ukuthi uMdali akaseyona impica-badala, ukuthi uMdali akakaze afihleke kuwe, ukuthi uMdali akakaze abufihle ubuso Bakhe kuwe, ukuthi uMdali akakude neze nawe, ukuthi uMdali akaseyena Lona ohlale umlangazelela emicabangweni yakho kodwa ongakwazi ukufinyelela Kuye ngemizwa yakho, ukuthi Yena ngokoqobo futhi ngeqiniso uhlale ekubhekile kwesokunxele nesokudla sakho, esekela ukuphila kwakho, futhi elawula okudalelwe. Akakude noma akazifihlile Yena phezulu emafini. Useceleni kwakho, wengamele phezu kwakho konke okwakho, uyikho konke onako, futhi uwukuphela kwento onayo. UNkulunkulu onjalo ukuvumela ukuba umthande ngenhliziyo, unamathele Kuye, umbambele eduze, umkhonze, wesabe ukulahlekelwa Nguye, nokuthi ungazimiseli ngokuphinde umphike, uphinde ungamhloniphi Yena noma ukuphinde umgweme Yena futhi noma umbeke kude le. Konke ofuna ukukwenza ukunakekela Yena, ukulalela Yena, ukubuyisela Kuwe konke akunikeza khona, nokuthobela umbuso Wakhe. Awusenqabi manje ukuqondiswa, ukunikezwa, ukubhekwa, nokugcinwa Nguye, awusakwenqabi lokho Yena akushoyo nalokho akunqumela kona. Konke okufunayo ukulandela Yena, uhambe eduze Kwakhe kwesokunxele noma kwesokudla Sakhe, konke okufunayo ukumamukela Yena njengowukuphila kwakho kuphela, njengowukuphela kweNkosi noNkulunkulu wakho.

Agasti 18, 2014

Okulandelayo: Indlela Yokwazi Isimo SikaNkulunkulu Nemiphumela Umsebenzi Wakhe Oyoyithola

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp