UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele V

Ubungcwele BukaNkulunkulu (II)

Namhlanje, bafowethu nodadewethu, masihlabelele ihubo. Funani enilithandayo futhi enilihlabelela njalo. (Singathanda ukuhlabelela ihubo lezwi likaNkulunkulu elithi “Uthando Olumsulwa Olungenasici.”)

1 “Uthando” lubhekise emuzweni omsulwa futhi ongenasici, lapho usebenzisa khona inhliziyo yakho ukuthanda, ukuzwa, nokubonelela. Othandweni ayikho imibandela, azikho izithiyo, futhi akukho ukuqhelelana. Othandweni akukho zinsolo, ayikho inkohliso, futhi abukho ubuqili. Othandweni akukho ukuhwebelana futhi ayikho into engemsulwa. Uma uthanda, khona-ke ngeke ukhohlise, ukhononde, ukhaphele, uhlubuke, wephuce, noma ufune ukuzuza okuthile noma ukuzuza isamba esithile.

2 “Uthando” lubhekise emuzweni omsulwa futhi ongenasici, lapho usebenzisa khona inhliziyo yakho ukuthanda, ukuzwa, nokubonelela. Othandweni ayikho imibandela, azikho izithiyo, futhi akukho ukuqhelelana. Othandweni akukho zinsolo, ayikho inkohliso, futhi abukho ubuqili. Othandweni akukho ukuhwelelana futhi ayikho into engemsulwa. Uma uthanda, khona-ke uyozinikela ngentokozo, uyobekezelela ubunzima ngokujabula, futhi uyohambisana Nami, uyodela konke onakho ngenxa Yami, uyodela umndeni wakho, ikusasa lakho, ubusha bakho, nomshado wakho. Uma kungenjalo, uthando lwakho kuyoba akulona uthando nhlobo, kodwa kuyobe kuyinkohliso nokukhaphela!

—Landelani Iwundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha

Nikhethe ihubo elihle. Niyakuthokozela nonke ukulihlabelela? Nizwani emuva kokulihlabelela? Niyakwazi ukuzwa lolu hlobo lothando ngaphakathi kinina? (Cha, okwamanje.) Yimaphi amazwi alo anithinta ngokujule kunawo wonke? (Othandweni ayikho imibandela, azikho izithiyo, futhi akukho ukuqhelelana. Othandweni akukho zinsolo, ayikho inkohliso, akukho ukuhwebelana, futhi abukho ubuqili. Othandweni akukho ukukhetha futhi ayikho into engemsulwa. Kepha ngaphakathi kimina ngisabona ukungcola okuningi, nezingxenye zami eziningi ezizama ukuhwebelana noNkulunkulu. Ngempela angikalutholi uhlobo lothando olumsulwa futhi olungenasici.) Uma ungakalutholi uthando olumsulwa, olungenasici, ingabe unaliphi-ke izinga lothando? (Ngisesigabeni nje lapho ngizimisele khona ukufuna, lapho ngilangazelela khona.) Ngokwesiqu sakho nangokukhuluma usukela kulokho odlule kukhona, ingabe iliphi izinga osufike kulo? Ingabe unayo inkohliso? Unazo izikhalo? Unazo izinto ozifuna sakuphoqa enhliziyweni yakho? Zikhona izinto ozifunayo nozifisayo kuNkulunkulu? (Yebo, nginazo lezi zinto ezinokungcola ngaphakathi.) Ingabe zivela kuziphi izimo? (Uma isimo uNkulunkulu angihlelele sona singahambelani nemibono yami, noma lapho izifiso zami zingafezekanga: ezikhathini ezinjalo, ngiye ngikhombise lolu hlobo lwesimo esonakele.) Nina bafowenu nodadewethu abavela eTaiwan, ingabe nivamile ukuhlabelela leli hubo nani? Ningakhuluma kafushane ngokuthi niluqonda kanjani “uthando olumsulwa olungenasici”? Kungani uNkulunkulu echaza uthando ngale ndlela? (Ngilithanda kakhulu leli hubo ngoba ngiyabona ngempela kulo ukuthi lolu thando wuthando oluphelele. Nokho, ngizizwa ngisenendlela ende impela engizsaoyihamba ukuze ngifike kulowo mgomo, futhi ngisekude kakhulu ekufinyeleleni othandweni lweqiniso. Kukhona izinto ezithile engikwazile ukuya phambili kuzo nokusebenzisana nazo ngamandla engiwanikwa ngamazwi Akhe nangomthandazo. Nokho, lapho ngibhekene nezivivinyo noma izambulo ezithile, ngizwa ngingenalo ikusasa noma isiphetho, anginandawo engiya kuyo. Ezikhathini ezinjalo ngizizwa ngibuthakathaka, futhi le nkinga ihlale ingiphazamisa.) Empeleni ubhekise kuphi uma uthi, “Ikusasa nesiphetho”? Ikhona into ethile oqondise kuyo ngqo? Ngabe kuyisithombe noma yinto oyicabangile, noma ikusasa nesiphetho sakho kuyinto ongayibona ngempela? Ngabe kuyinto yangempela? Ngifuna ukuthi lowo nalowo kini acabange ngakho. Kubhekise kuphi ukukhathazeka kwenu ngekusasa nesiphetho senu? (Ukuthi ngisindiswe ukuze ngiphile.) Nina bazalwane abanye, ake nani nikhulume ngokuqonda kwenu “uthando olumsulwa olungenasici”. (Uma umuntu enalo, ayikho into engemsulwa evela kuye uqobo futhi akalawulwa yikusasa lakhe nesiphetho sakhe. Kungakhathaleki ukuthi uNkulunkulu ubaphatha kanjani, bayakwazi ukuwulalela ngokuphelele umsebenzi kaNkulunkulu namalungiselelo Akhe, nokumlandela kuze kube sekugcineni. Yilolu kuphela uhlobo lokuthanda uNkulunkulu oluwuthando olumsulwa nolungenasici. Uma ngiziqhathanisa nalo, ngithole ukuthi, noma kubonakala ukuthi ngizikhandlile futhi ngalahla izinto ezithile kule minyaka embalwa ngikholwa kuNkulunkulu, angikwazanga ukumnika ngempela inhliziyo yami. Lapho uNkulunkulu engambula, ngizwa sengathi anginakusindiswa futhi ngihlala ngisesimweni esibi. Ngizibona ngenza umsebenzi wami, kodwa ngesikhathi esifanayo, ngizama ukuhwebelana noNkulunkulu, angikwazi ukuthanda uNkulunkulu ngenhliziyo yami yonke, nokuthi indawo engiya kuyo, ikusasa lami, kanye nesiphetho sami kuhlala njalo kusemqondweni wami.) Sengathi senithole ukuqonda okuthile ngaleli hubo futhi nakwazi ukulixhumanisa nalokho enidlule kukho uqobo. Nokho, ninamazinga ehlukene okwemukela imisho ngaminye eculweni elithi, “Uthando Olumsulwa Olungenasici.” Abanye abantu bacabanga ukuthi limayelana nokuzimisela, abanye abantu bafuna ukulahla ikusasa labo, abanye abantu bafuna ukudela imindeni yabo, abanye abantu akukho abakufunayo. Abanye basafuna ukuthi bona bangabi nenkohliso, bangabi nezikhalo, futhi bangahlubuki uNkulunkulu. Yini engenza uNkulunkulu afune ukuphakamisa lolu hlobo lothando futhi afune ukuthi abantu bamthande ngale ndlela? Ingabe lolu uhlobo lothando abantu abangafinyelela kulo? Okungukuthi, ingabe abantu bayakwazi ukuthanda ngale ndlela? Abantu bangabona ukuthi ngeke bakwazi, ngoba abanalo nhlobo lolu hlobo lothando. Lapho abantu bengenalo, nalapho bengazi nhlobo ngothando, uNkulunkulu ukhuluma la mazwi, futhi la mazwi awajwayelekile kubona. Ngoba abantu baphila kulo mhlaba futhi baphila esimweni esonakele, uma abantu bebenalo lolu hlobo lothando noma uma umuntu ubengaba nalolu hlobo lothando, uthando olungenazicelo futhi olungenazimfuno, uthando azimisele ngalo ukuzinikela nokubekezelela ukuhlupheka nokudela konke anakho, khona-ke abanye abantu bangacabangani ngomuntu onalolu hlobo lothando? Ngeke yini umuntu onjalo kube umuntu ophelele? (Yebo.) Ingabe umuntu ophelele kanjalo ukhona emhlabeni? Lolu hlobo lomuntu alukho nhlobo kulo mhlaba. Lokhu kuyiqiniso elimsulwa. Ngakho-ke, abanye abantu, ngalokho abadlule kukho, bazikhandla kakhulu bezama ukuzilinganisa ngala mazwi. Babhekana nabo uqobo, bazithibe, futhi baze bahlale bezidela bona: Babekezelela ukuhlupheka baphinde bayeke imibono yabo. Bayeka ukuhlubuka kwabo nezifiso zabo nabakufunayo. Kepha ekugcineni balokhu bengazigcwalisi izidingo. Kungani kwenzeka lokho? UNkulunkulu usho lezi zinto ukubeka umgomo abantu abazowulandela, ukuze abantu bazi umgomo uNkulunkulu ababekele wona. Kodwa uNkulunkulu uke asho yini ukuthi abantu kufanele bafinyelele kulokhu khona manje? Ingabe uNkulunkulu uke asho ukuthi kufanele bakwenze lokhu ngesikhathi esingakanani? (Cha.) Ingabe uNkulunkulu uke asho ukuthi abantu kufanele bamthande ngale ndlela? Ingabe lesi siqephu sisho njalo? Cha, asisho. UNkulunkulu utshela abantu nje ngothando abebhekise kulo. Mayelana nokuthi abantu bayakwazi ukuthanda uNkulunkulu ngale ndlela nokumphatha ngale ndlela, ingabe yiziphi izinto ezifunwa nguNkulunkulu? Asikho isidingo sokuthi ufinyelele kuzona ngokuphazima kweso, ngoba abantu abakwazi ukukwenza lokho. Nake nacabanga ngokuthi ingabe yimiphi imibandela abantu abadinga ukuyifeza ukuze bathande ngale ndlela? Uma abantu bewafunda njalo la mazwi ingabe bazokwazi ukuya ngokuya beba nalolu thando? (Cha.) Ingabe yimiphi-ke imibandela? Okokuqala, abantu bangakhululeka kanjani ekubeni nezinsolo ngoNkulunkulu? (Abantu abethembekile kuphela abangafeza lokho.) Nithini ngokukhululeka enkohlisweni? (Kufanele babe ngabantu abethembekile futhi.) Nithini ngokuba yilowo ongahwebelani noNkulunkulu? Lowo naye kufanele abe ngumuntu othembekile. Nithini mayelana nokungabi nobuqili? Lisho ukuthini uma lithi akukho ukuzikhethela othandweni? Ingabe zonke lezi zinto zibuyela ekubeni ngumuntu othembekile? Miningi imininingwane lapha; Kukhombisa ukuthini ukuthi uNkulunkulu ukwazi ukukhuluma nokuchaza lolu hlobo lothando ngale ndlela? Singasho yini ukuthi uNkulunkulu unalolu hlobo lothando? (Yebo.) Ingabe nikubona kuphi lokho? (Othandweni uNkulunkulu analo ngomuntu.) Ingabe uthando uNkulunkulu analo ngomuntu lunemibandela? Ingabe kukhona izithiyo noma ibanga phakathi kukaNkulunkulu nomuntu? Ingabe uNkulunkulu unezinsolo ngomuntu? (Cha.) UNkulunkulu uyambuka umuntu futhi uyamqonda umuntu; umqonda ngempela umuntu. Ingabe uNkulunkulu uyamkhohlisa umuntu? (Cha.) Njengoba uNkulunkulu ekhuluma kahle kangaka ngalolu thando, ingabe inhliziyo Yakhe noma ingqikithi Yakhe nakho kuphelele kangako? (Yebo.) Ngaphandle kokungabaza, kunjalo; uma lokho abantu abahlangana nakho ekuphileni sekufinyelele eqophelweni elithile, bayakuzwa lokhu. Ingabe abantu bake baluchaze uthando ngale ndlela? Umuntu uluchaze kuziphi izimo uthando? Umuntu ukhuluma kanjani ngothando? Ingabe umuntu akakhulumi ngothando mayelana nokupha noma ukunikela? (Yebo.) Le ncazelo yothando ilula ngokwedlulele; ayinayo ingqikithi.

Ukuchaza kukaNkulunkulu uthando nendlela akhuluma ngayo ngothando kuxhumene nengxenye yengqikithi Yakhe, kodwa luyiyiphi ingxenye? Sigcine sixoxe ngesihloko esibaluleke kakhulu, isihloko abantu abebevamile ukukhuluma ngaso. Lesi sihloko siqukethe igama elivame ukukhulunywa ekukholweni kuNkulunkulu, kepha yigama elijwayelekile nelingajwayelekile kubantu. Kungani ngisho lokhu? Kuyigama elivela ezilimini zabantu; nokho, kubantu incazelo yalo isobala futhi ayicacile, Yiliphi leli gama? (Ubungcwele.) Ubungcwele: leso yisihloko esigcine ukuhlanganyela ngaso. Sihlanganyele ngengxenye eyodwa yalesi sihloko. Ekuhlanganyeleni kwethu kokugcina, ngabe nonke nikutholile ukuqonda okusha ngengqikithi yobungcwele bukaNkulunkulu? Yiziphi izingxenye zalokhu kuqonda enicabanga ukuthi zintsha ngokuphelele? Okungukuthi, kungabe yini kulokho kuqonda noma kulawo mazwi okunenze nezwa ukuthi ukuqonda kwenu ubungcwele bukaNkulunkulu bekwehlukile noma bekungafani nalokho engixoxe ngakho ekuhlanganyeleni esigcine ngakho? Ingabe yini enihlabe umxhwele ngalokhu? (UNkulunkulu usho lokho akuzwayo enhliziyweni Yakhe; amazwi Akhe awangcolile. Lokhu kuyisibonakaliso sengxenye eyodwa yobungcwele.) (Kukhona ubungcwele futhi lapho uNkulunkulu enolaka khona kumuntu; ulaka Lwakhe alunasici.) (Mayelana nobungcwele bukaNkulunkulu, ngiyaqonda ukuthi kukhona ulaka nomusa kaNkulunkulu esimweni Sakhe esilungile. Lokhu kungithinte kakhulu. Ekuhlanganyeleni kwethu kokugcina kushiwo futhi ukuthi isimo esilungile sikaNkulunkulu siyingqayizivele—bengingakuqondi lokhu esikhathini esidlule. Ngiqonde emva kokuhlanganyela kukaNkulunkulu ukuthi ulaka lukaNkulunkulu lwehlukile olakeni lomuntu. Ulaka lukaNkulunkulu luyinto enhle futhi luqotho; luthunyelwa ngenxa yengqikithi kaNkulunkulu yemvelo. UNkulunkulu ubona into embi, bese ededela ulaka Lwakhe. Umuntu odaliwe akanakho lokhu.) Isihloko sethu sanamuhla simayelana nobungcwele bukaNkulunkulu. Bonke abantu bezwile futhi bayakwazi okuthile ngesimo sikaNkulunkulu sokulunga. Ngaphezu kwalokho, abantu abaningi bavame ukukhuluma ngobungcwele bukaNkulunkulu kanye nesimo esilungile sikaNkulunkulu kanyekanye; bathi isimo esilungile sikaNkulunkulu singcwele. Igama elithi “ngcwele” akulona neze igama elingajwayelekile kunoma ngubani—yigama elivamile ukusetshenziswa. Kodwa ngokwezincazelo ezikulelo gama, yikuphi ukuvezwa kobungcwele bukaNkulunkulu okubonakalayo kubantu? Yini eyambulwe uNkulunkulu abantu abakwazi ukuyibona? Ngibona sengathi le nto yinto engaziwa muntu. Isimo sikaNkulunkulu silungile, kodwa uma uthatha isimo sikaNkulunkulu sokulunga bese uthi singcwele, lokho kunokungezwakali kahle, kunokuxoveka kancane; ingabe kungani lokhu? Uthi isimo sikaNkulunkulu silungile, noma uthi isimo Sakhe esilungile singcwele, ngakho ezinhliziyweni zenu nibuchaza kanjani ubungcwele bukaNkulunkulu, nibuqonda kanjani? Okungukuthi, nithini ngalokhu uNkulunkulu akwembulile, noma lokho anakho nayikho, abantu bangakubona yini njengokungcwele? Ingabe uke wacabanga ngalokhu ngaphambili? Lokhu engikubonile ukuthi abantu bavame ukusho amagama avame ukusetshenziswa noma babe nemisho ebilokhu ishiwo ngokuphindelela, kepha abazi nokuthi bathini. Bonke abantu bayisho ngaleyo ndlela nje, futhi bayisho ngokujwayela, ngakho iphenduka isisho esimile. Kepha, uma bebengaphenya baphinde bafunde ngempela imininingwane, bebezothola ukuthi abayazi incazelo yangempela noma ukuthi ikhuluma ngani. Njengegama elithi “ngcwele” nje, akekho owaziyo ngempela ukuthi iyiphi ingxenye yengqikithi kaNkulunkulu okubhekiswe kuyo uma kukhulunywa ngobungcwele Bakhe, futhi akekho owazi indlela yokuhlanganisa igama elithi “ngcwele” noNkulunkulu. Abantu badidekile ezinhliziyweni zabo, nokubona kwabo ubungcwele bukaNkulunkulu akucacile futhi akukhanyi. Mayelana nokuthi uNkulunkulu ungcwele kanjani, akekho ocacelwa kahle. Namhlanje sihlanganyela ngalesi sihloko ukuze sihlanganise igama elithi “ngcwele” noNkulunkulu ukuze abantu babone okwangempela okuqukethwe yingqikithi yobungcwele bukaNkulunkulu. Lokhu kuzovimba abanye abantu ekusebenziseni igama ngokujwayela nangobudedengu nokusho izinto noma kanjani lapho bengazi ukuthi basho ukuthini, noma ukuthi zilungile nokuthi zishaya khona noma cha. Abantu bebehlale bekhuluma ngale ndlela; wena ukushilo, naye ukushilo, ngakho-ke sekuphenduke indlela yokukhuluma. Lokhu kuyalithunaza igama elinjalo kungaqondiwe.

Emehlweni, kubonakala kulula kakhulu ukuqonda igama elithi “ngcwele,” akunjalo? Okungenani abantu bakholwa ukuthi igama elithi “ngcwele” lichaza okuhlanzekile, okungangcolile, okungathintwanga, nokumsulwa. Kukhona futhi labo abahlanganisa “ubungcwele” “nothando” ehubeni elithi “Uthando Olumsulwa Olungenasici” esiqeda ukulicula nje. Lokhu kulungile; lokhu kuyingxenye eyodwa yabo. Uthando lukaNkulunkulu luyingxenye yengqikithi Yakhe, kodwa alukhona ukuphelela nya kwayo. Kepha, emibonweni yabantu, babona igama bese bethanda ukulihlanganisa nezinto bona abazibona zimsulwa futhi zihlanzekile, noma nezinto bona abacabanga ukuthi azinakungcola noma azinasici. Ngokwesibonelo, abanye abantu bathi imbali yelothasi ihlanzekile, nokuthi iqhakaza ingenasici odakeni olungcolile. Ngakho abantu baqala ukusebenzisa igama elithi “ngcwele” embalini yelothasi. Abanye abantu babuka izindaba zothando ezakhiwe njengezingcwele, noma babuke abalingiswa abasemqoka abaqanjiwe njengabangcwele. Ukwedlula lokho, abanye bathatha abantu abaseBhayibhelini, noma abanye okubhalwe ngabo ezincwadini zokomoya—njengabangcwele, abaphostoli, noma abanye abake balandela uNkulunkulu lapho enza umsebenzi Wakhe—ngokuthi ababehlangane nakho ngokomoya kwakungcwele. Zonke lezi yizinto ezicatshangwa abantu; ziyimibono yabantu. Kungani abantu benemibono enje? Isizathu silula kakhulu: Kungenxa yokuthi abantu baphila phakathi kwesimo esonakele futhi bahlala ezweni lobubi nokungcola. Konke abakubonayo, konke abakuthintayo, konke abadlula kukho wububi nokukhohlakala kukaSathane kanye nokwenza amacebo akhohlakele, ukulwa phakathi kwangaphakathi, kanye nempi eyenzeka phakathi kwabantu abangaphansi kwethonya likaSathane. Ngakho, ngisho lapho uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe kubantu, ngisho nalapho ekhuluma kubo futhi ambula isimo nengqikithi Yakhe, abakwazi ukubona noma ukwazi ubungcwele nengqikithi kaNkulunkulu. Abantu bahlala bethi uNkulunkulu ungcwele, kodwa abanakho ukuqonda kwangempela; basho amazwi angenalutho nje. Ngoba abantu baphila phakathi kokungcola nokukhohlakala futhi basembusweni kaSathane, futhi abakuboni ukukhanya, abazi lutho ngezindaba ezinhle futhi ngaphezu kwalokho, abalazi iqiniso, akekho owaziyo ngempela ukuthi “ubungcwele” busho ukuthini. Ngakho, zikhona yini izinto ezingcwele noma abantu abangcwele phakathi kwalesi sintu esikhohlakele? Singasho ngokuqiniseka sithi Cha, abekho, ngoba yingqikithi kaNkulunkulu kuphela engcwele.

Sigcine sihlanganyele mayelana nengxenye eyodwa yokuthi ingcwele kanjani ingqikithi kaNkulunkulu. Lokhu kunikeze abantu umdlandla wokuthola ulwazi lobungcwele bukaNkulunkulu, kodwa akwenele. Alukwazi ukubasiza ngokwanele abantu ukuthi bazi ubungcwele bukaNkulunkulu ngokuphelele, noma ukuthi baqonde ukuthi ubungcwele bukaNkulunkulu buyingqayizivele. Ngaphezu kwalokho, ngeke lubasize ngokwanele abantu ukuthi baqonde incazelo yangempela yobungcwele ebonakala ngokuphelele kuNkulunkulu. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi siqhubeke nokuhlanganyela kwethu ngalesi sihloko. Ngokwedlule, ukuhlanganyela kwethu kubheke izihloko ezintathu, ngakho kufanele manje sikhulume ngesesine. Sizoqala ngokufunda imiBhalo.

Ukulinga KukaSathane

NgokukaMathewu 4:1-4 Khona-ke uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe ngudeveli. Esezile izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, ekugcineni wabe eselamba. Kwathi lapho kufika umlingi, wathi, Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, tshela la matshe ukuba abe yizinkwa. Kepha waphendula wathi, Kulotshiwe ukuthi akusinkwa kuphela umuntu angaphila ngaso, kodwa ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.

Lawa ngamazwi uSathane azama ngawo okokuqala ukulinga iNkosi uJesu. Ingabe yini equkethwe yilokho okwashiwo ngudeveli? (“Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, tshela la matshe ukuba abe yizinkwa.”) La mazwi ashiwo udeveli alula impela, kepha ingabe ikhona inkinga ngengqikithi yawo? Udeveli wathi, “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu,” kodwa enhliziyweni yakhe, ingabe wayazi noma cha ukuthi uJesu wabe eyiNdodana kaNkulunkulu? Ingabe wayazi noma cha ukuthi wabe enguKristu? (Wayazi.) Ngakho kungani wathi “Uma unguye”? (Wayezama ukulinga uNkulunkulu.) Kodwa kwakuyini inhloso yakhe ngokwenzenjalo? Wathi, “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu.” Enhliziyweni yakhe wayazi ukuthi uJesu Kristu wabe eyiNdodana kaNkulunkulu, lokhu kwabe kucace ngokusobala enhliziyweni yakhe, kepha phezu kokwazi lokhu, ingabe wathoba yini wamkhonza? (Cha.) Wayefuna ukwenzani? Wayefuna ukusebenzisa le ndlela nala mazwi ukuthukuthelisa iNkosi uJesu, abese eyiyenga ukuthi yenze njengezinhloso zakhe. Kwakungelowo yini umqondo owawusemazwini kadeveli? Enhliziyweni kaSathane, wayazi ngokucacile ukuthi lo kwabe kuyiNkosi uJesu Kristu, kodwa washo lawo mazwi noma kunjalo. Akuyona yini imvelo kaSathane lena? Ingabe iyini imvelo kaSathane? (Ukuba yiqili, ububi, nokungahloniphi uNkulunkulu.) Yimiphi imiphumela eyayingalethwa ukungahloniphi uNkulunkulu? Ingabe wayengafuni ukuhlasela uNkulunkulu? Wayefuna ukusebenzisa le ndlela ukuhlasela uNkulunkulu, ngakho-ke wathi, “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, tshela la matshe ukuba abe izinkwa”; ingabe akuyona inhloso kaSathane embi lena? Ingabe wayezama ukwenzani empeleni? Inhloso yakhe icace kakhulu: Wayezama ukusebenzisa le ndlela ukuphikisa isikhundla kanye nobunjalo beNkosi uJesu Kristu. Ayekuqonde ngalawo mazwi ukuthi, “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, phendula la matshe abe yizinkwa. Uma ungakwenzi, khona-ke awuyona iNdodana kaNkulunkulu futhi ungabe usawenza lo msebenzi.” Ingabe akunjalo? Wayefuna ukusebenzisa le ndlela ukuhlasela uNkulunkulu, wayefuna ukuhlakaza nokubhidliza umsebenzi kaNkulunkulu; lobu ububi bukaSathane. Ububi bakhe ukuvezwa ngokwemvelo kobunjalo bakhe. Nakuba wayazi ukuthi iNkosi uJesu Kristu yabe iyiNdodana kaNkulunkulu, ukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu uqobo Lwakhe ngempela, ayikho into ayengayenza ngaphandle kokuthi enze into efana nale, ukulandela uNkulunkulu eduze nokuqhubeka nokumhlasela nokwenza imizamo emikhulu yokuthikameza nokuchitha umsebenzi kaNkulunkulu.

Manje, asihlaziye lo mushwana uSathane awukhuluma: “Tshela la matshe ukuba abe yizinkwa.” Ukuphendula amatshe abe yizinkwa—ingabe lokho kukhona okukuchazayo? Uma kukhona ukudla, yini angakudli? Kubaluleke ngani ukuphendula amatshe abe ukudla? Kungathiwa akunamqondo lapha? Nakuba yayizile ukudla ngaleso sikhathi, ngokuqinisekile iNkosi uJesu yayinakho ukudla? (Yayinakho.) Ngakho, lapha sibona ubuthutha obumangalisayo bamazwi kaSathane. Ngoba kukho konke ukukhohlisa nenzondo yakhe, sisabona ubuthutha nokuhlekisa kwakhe. USathane wenza izinto eziningi obona kuzo imvelo yakhe enenzondo; umbona enza izinto eziphazamisa umsebenzi kaNkulunkulu, futhi lapho ubona lokhu, uzwa ukuthi unenzondo nokuthukuthelisa. Kodwa, ngakolunye uhlangothi, ingabe awuyiboni imvelo enobungane nokungabi nangqondo emazwini nasezenzweni zakhe? Lokhu kuyisambulo ngesimilo sikaSathane; ngoba unalolu hlobo lwesimilo, uzolwenza lolu hlobo lwento. Kubantu namuhla, lo mshwana unobuwula obumangalisayo, futhi uyahlekisa. Kepha amazwi anjalo angashiwo ngempela nguSathane. Singathi akanalo ulwazi futhi akanangqondo? Ububi bukaSathane kukhona yonke indawo futhi buhlala bembulwa. Ingabe iNkosi uJesu yamphendula kanjani-ke? (“Umuntu akanakuphila ngesinkwa kuphela, kodwa ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.”) Ingabe la mazwi anawo amandla? (Anawo.) Kungani sithi anamandla? Kungenxa yokuthi la mazwi ayiqiniso. Manje-ke, ingabe umuntu uphila ngesinkwa kuphela? INkosi uJesu yazila ukudla izinsuku nobusuku obungamashumi amane. Ingabe yabulawa yindlala? Ayizange ibulawe yindlala, ngakho uSathane weza Kuyo, eyigqugquzela ukuthi iphendule amatshe abe ukudla ngokusho izinto ezinjengalezi: “Uma uphendula amatshe abe ukudla, ngeke yini ube nezinto ongazidla? Ngeke yini ungadingi ukuzila ukudla, futhi ungalambi?” Kodwa iNkosi uJesu yathi, “Umuntu akanakuphila ngesinkwa kuphela,” okusho ukuthi, nakuba umuntu ephila emzimbeni wenyama, akukhona ukudla okuvumela umzimba wakhe wenyama ukuthi uphile futhi uphefumule, kodwa yiwo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu. Ngasohlangothini olulodwa, la mazwi ayiqiniso; anika abantu ukholo, abenza bezwe ukuthi bangancika kuNkulunkulu nokuthi uNkulunkulu uliqiniso. Ngakolunye uhlangothi, ingabe ikhona ingxenye engokoqobo kula mazwi? Ngabe iNkosi uJesu yayingalokhu imi futhi isaphila emva kokuba seyizile ukudla izinsuku nobusuku obungamashumi amane? Ingabe lokhu akusona isibonelo sangempela? Yayingakaze idle kudla izinsuku nobusuku obungamashumi amane, kodwa yayisaphila. Lobu ubufakazi obunamandla obuqinisekisa amazwi Akhe. La mazwi alula, kodwa mayelana neNkosi uJesu, ingabe la mazwi yawakhuluma kuphela lapho uSathane eyilinga, noma ayesevele eyingxenye Yayo ngokwemvelo? Ukukubeka ngenye indlela, uNkulunkulu uliqiniso, futhi uNkulunkulu ungukuphila, kodwa ingabe iqiniso nokuphila kukaNkulunkulu kwakuyisengezo esafakwa kamuva? Ingabe avela kulokho ayedlule kukho? Cha—asemvelweni kaNkulunkulu. Okusho ukuthi, iqiniso nokuphila kuyingqikithi kaNkulunkulu. Noma yini eyenzeka Kuye, lokho akuvezayo yiqiniso. Leli qiniso, la mazwi—noma ngabe akuqukethe kude noma kufushane—angenza umuntu ukuthi aphile, anganika umuntu ukuphila; angenza ukuthi abantu bathole ukucaciseleka ngendlela yokuphila komuntu, futhi abenze bakwazi ukukholwa kuNkulunkulu. Ngamanye amazwi, umthombo wokusebenzisa kukaNkulunkulu la mazwi muhle. Ngakho singasho ukuthi le nto enhle ingcwele? (Yebo.) Lawo mazwi kaSathane avela emvelweni kaSathane. USathane uveza imvelo yakhe ekhohlakele futhi enenzondo yonke indawo, njalo nje. Manje, ngabe uSathane wambula lezi zinto ngokwemvelo nje? Kukhona yini umuntu otshela uSathane ukuba enze lokhu? Ukhona omphoqayo? Cha. Uyazenzela lezi zambulo. Lokhu kuyingqikithi kaSathane embi. Noma ngabe uNkulunkulu wenzani, noma futhi uyenza kanjani, uSathane umlandela eduze. Ingqikithi kanye nemvelo yangempela yalezi zinto uSathane azishoyo nazenzayo ziyingqikithi kaSathane—ingqikithi ekhohlakele futhi enenzondo. Manje, uma siqhubeka sifunda, ingabe yini enye ayisho uSathane? Masifunde.

NgokukaMathewu 4:5-7 Khona-ke udeveli umthatha umyisa edolobheni elingcwele, futhi ummisa esicongweni sethempeli, Wase ethi Kuye, Uma uyiNdodana kaNkulunkulu ziphonse phansi: ngokuba kulotshiwe, Uyakuyaleza izingelosi Zakhe Ngawe: zikuthwale ngezandla zazo, ukuze unyawo Lwakho lungaqhuzuki noma inini etsheni. UJesu wathi kuye, Kulotshiwe futhi ukuthi, Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu Wakho.

Masiqale sibone amazwi akhulunywa uSathane lapha. Wathi, “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu ziphonse phansi,” wayesecaphuna emiBhalweni: “Uyakuyaleza izingelosi Zakhe Ngawe: zikuthwale ngezandla Zazo, ukuze unyawo Lwakho lungaqhuzuki noma inini etsheni.” Uzizwa unjani uma uzwa amazwi kaSathane? Ingabe awakhombisi ubungane kakhulu? Anobungane, anobuwula abumangalisayo futhi ayanenga. Ingabe kungani ngisho lokhu? USathane uhlale enza izinto ezinobulima, futhi ukholwa ukuthi uhlakaniphe kakhulu. Uvame ukucaphuna emiBhalweni—ngisho amazwi akhulunywa nguNkulunkulu impela—ezama ukuphendula la mazwi ukuba amelane noNkulunkulu ukuze amhlasele futhi amlinge ngomzamo wokufeza inhloso yakhe yokuphazamisa uhlelo lomsebenzi kaNkulunkulu. Kukhona okwazi ukukubona kula mazwi akhulunywa uSathane? (USathane unezinhloso ezimbi.) Kukho konke akwenzayo uSathane, uhlale ezama ukulinga isintu. USathane akakhulumi kuqonde, kodwa ukhuluma ngendlela egwegwesayo esebenzisa ukulinga, ukukhohlisa, nokuyenga. USathane uqhamukela ukulinga kwakhe uNkulunkulu sengathi uNkulunkulu uwumuntu ojwayelekile, ekholwa ukuthi uNkulunkulu naye akanalwazi, uyisiwula, futhi akakwazi ukubona isimo sangempela sezinto, njengoba umuntu engakwazi nje. USathane ucabanga ukuthi uNkulunkulu nomuntu, ngokufana, ngeke babone ngale kwengqikithi yakhe, nenkohliso, nenhloso yakhe embi. Akuyibo yini ubuwula bukaSathane lobu? Ngaphezu kwalokho, uSathane ucaphuna ngokusobala imibhalo, ekholwa ukuthi ukwenzenjalo kumnika ukwethembeka, nokuthi ngeke ukwazi ukuthola amaphutha emazwini akhe noma ugweme ukwenziwa isiwula yilokhu. Lokhu kufana nalapho abantu besabalalisa ivangeli futhi befakazela uNkulunkulu: Ngeke yini ngezinye izikhathi abantu abangakholwa basho into efana nale uSathane ayisho? Nike nabezwa abantu besho okufanayo? Uzizwa unjani uma uzwa izinto ezinjalo? Uzwa unokunengeka? (Yebo.) Uma uzizwa unengekile, ingabe uzwa ukwenyanya nenzondo? Lapho unale mizwa, uyakwazi yini ukubona ukuthi uSathane nesimo esonakele uSathane asifaka kumuntu kubi? Ezinhliziyweni zenu nike nibe nokubona ukuthi, “Lapho uSathane ekhuluma, usuke ehlasela futhi elinga; amazwi kaSathane awanangqondo, ayahlekisa, anobungane futhi ayanyanyeka; nokho, uNkulunkulu akasoze akhulume noma asebenze ngale ndlela, futhi ngempela, akaze enze njalo?” Impela, kulesi simo abantu bakwazi ukukuzwa ngokufipheleyo, futhi bahlale bengakwazi ukuqonda ukuqonda ubungcwele bukaNkulunkulu. Akunjalo? Ngesiqu senu samanje, nizwa ukuthi nje: “Konke uNkulunkulu akushoyo kuyiqiniso, kuwusizo kithi, futhi kufanele sikwemukele”. Akukhathaleki ukuthi niyakwazi ukukwemukela lokhu noma cha, nisho ngokungaphezi ukuthi izwi likaNkulunkulu liyiqiniso nokuthi uNkulunkulu uyiqiniso, kodwa anazi ukuthi iqiniso uqobo lingcwele nokuthi uNkulunkulu ungcwele.

Ngakho-ke, yathini impendulo kaJesu emazwini kaSathane? UJesu wathi kuye, “Kulotshiwe futhi ukuthi, Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.” Ingabe likhona iqiniso kula mazwi uJesu awasho? Nakanjani likhona iqiniso kuwo. Emehlweni, la mazwi awumyalelo okufanele abantu bawulandele, umshwana olula, kodwa noma kunjalo, abantu noSathane bavamile ukuwephula la mazwi. Ngakho, iNkosi uJesu yathi kuye, “Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.” ngoba yilokhu uSathane ayevame ukukwenza, enza yonke imizamo ukukwenza. Kungashiwo ukuthi uSathane wakwenza lokhu ngokusobala nangaphandle kwamahloni. Kuyimvelo kaSathane ebalulekile ukungesabi uNkulunkulu nokungahloniphi uNkulunkulu enhliziyweni yakhe. Nalapho uSathane emi eceleni kukaNkulunkulu futhi ekwazi ukumbona, uSathane akakwazanga ukuzibamba angamlingi uNkulunkulu. Ngakho-ke, iNkosi uJesu yathi kuSathane, “Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.” Lawa ngamazwi uNkulunkulu ayevame ukuwusho kuSathane. Ngakho, ingabe kufanelekile yini ukusebenzisa la mazwi namhlanje? (Yebo, ngoba sihlala simlinga uNkulunkulu.) Kungani abantu behlala belinga uNkulunkulu? Ingabe yingoba abantu bagcwele isimo esikhohlakele sobusathane? (Yebo.) Ngakho ingabe amazwi kaSathane angaphezulu kwalokho abantu abavame ukukusho? Futhi abantu bawasho kuziphi izimo la mazwi? Umuntu angasho ukuthi abantu kade besho izinto ezinje ngaphandle kokubheka isikhathi noma indawo. Lokhu kufakazela ukuthi isimo sabantu asehlukile neze esimweni esikhohlakele sikaSathane. INkosi uJesu yasho amazwi alula ambalwa, amazwi amele iqiniso, amazwi adingwa abantu. Nokho, kulesi simo ingabe iNkosi uJesu yayikhulma kanje ukuze iqophisane noSathane? Ingabe yayikhona into eyayinokulwa kulokho eyakusho kuSathane? (Cha.) Ingabe iNkosi uJesu yezwani enhliziyweni Yayo ngokulinga kukaSathane? Ingabe Yazizwa inengekile futhi yenyanya? INkosi uJesu yazizwa inengekile futhi yenyanya kodwa ayizange iqophisane noSathane, ingasaphathwa eyokukhuluma ngezimiso eziphakeme. Ingabe kungani lokho? (Yingoba uSathane uhlala enje, akasoze aguquka.) Kungashiwo ukuthi uSathane akanangqondo? (Yebo, singasho.) USathane angabona yini ukuthi uNkulunkulu uyiqiniso? USathane akasoze abona ukuthi uNkulunkulu uyiqiniso futhi akasoze avuma ukuthi uNkulunkulu uyiqiniso; kusekhona enye ingxenye yemvelo kaSathane enyanyekayo. Iyiphi? Emizamweni yakhe yokulinga iNkosi uJesu, uSathane wayecabanga ukuthi ngisho noma wayengeke aphumelele, wayezozama noma kunjalo. Nakuba wayezosolwa, wayezokwenza noma kunjalo. Nakuba wayengeke athole lutho oluhle ngokukwenza, wayezokwenza noma kunjalo, aphikelele emizamweni yakhe futhi amelane noNkulunkulu kuze kube sekugcineni ngci. Luhlobo luni lwemvelo lolu? Alulubi? Uma umuntu ethukuthela abe nolaka olukhulu lapho kuphathwa uNkulunkulu, ingabe uke wambona uNkulunkulu? Ingabe uyazi ukuthi ungubani uNkulunkulu? Akazi ukuthi uNkulunkulu ungubani, akakholwa Kuye, futhi uNkulunkulu akakaze akhulume naye. UNkulunkulu akakaze amthikameze, ngakho uthukuthelswa yini? Singasho yini ukuthi lo muntu mubi? Imikhuba yomhlaba, ukudla, ukuphuza, nokufuna injabulo, ukulandela abantu abadumile—akukho nokukodwa kulokhu okungahlupha umuntu onjalo. Kodwa ngokuphathwa nje kwegama elithi “Nkulunkulu” noma iqiniso lamazwi kaNkulunkulu, uthukuthela kabi. Lokhu akuqukethe yini imvelo embi? Lokhu kuwubufakazi obenele bokuthi lena yimvelo yomuntu embi. Manje, uma nizikhulumela nina, zikhona yini izikhathi okuthi lapho kuphathwa iqiniso, noma lapho kukhulunywa ngokuvivinya kukaNkulunkulu isintu noma lapho kuphathwa amazwi kaNkulunkulu okwehlulela umuntu, uzwe ukucasuka; uzizwe wenyanya, futhi ungafuni ukuzwa ngezinto ezinjalo? Izinhliziyo zenu zingacabanga: “Abasho yini bonke abantu ukuthi uNkulunkulu uyiqiniso? Amanye ala mazwi awalona iqiniso! Ngokucacile angamazwi kaNkulunkulu okukhuza umuntu nje!” Abanye abantu bangaze bazizwe benokwenyanya okunamandla ezinhliziyweni zabo, bese becabanga: “Lokhu kukhulunywa ngakho nsuku zonke—kuyoze kube nini? Kuyophela nini konke lokhu? Siyosithola nini isiphetho esihle?” Akwaziwa ukuthi lolu laka olungenangqondo luvelaphi. Luhlobo luni lwemvelo lolu? (Yimvelo embi.) Iqondiswa futhi iholwe yimvelo embi kaSathane. Ngokwehlo likaNkulunkulu, ngokuphathelene nemvelo embi kaSathane kanye nesimo esonakele somuntu, akaphikisani nhlobo noma abambele abantu amagqubu, futhi akasusi msindo nhlobo uma abantu benza okuthile ngobuwula. Ngeke nibone uNkulunkulu eba nemibono efana naleyo abantu abanayo ngezinto, futhi, ngaphezu kwalokho, ngeke nimbone esebenzisa imibono, ulwazi, isayensi, ifilosofi noma ukucabanga komuntu ukubhekana nezinto. Esikhundleni salokho, konke uNkulunkulu akwenzayo kanye nakho konke akwambulayo kuxhumene neqiniso. Okungukuthi, wonke amazwi awashilo kanye nazo zonke izenzo azenzile ziphathelene neqiniso. Leli qiniso aliyona into nje eyiphupho elingenasisekelo; leli qiniso nala mazwi kuvezwa nguNkulunkulu ngenxa yengqikithi kanye nokuphila Kwakhe. Ngenxa yokuthi la mazwi kanye nengqikithi yakho konke uNkulunkulu akwenzile kuyiqiniso, singasho ukuthi ingqikithi kaNkulunkulu ingcwele. Ngamanye amazwi, konke uNkulunkulu akushoyo nakwenzayo kuletha umdlandla nokukhanya kubantu, kuvumela abantu ukuthi babone izinto ezinhle kanye nobukhona bangempela balezo zinto ezinhle, futhi kukhombisa isintu indlela ukuze sihambe endleleni elungile. Lezi zinto zinqunywa yingqikithi kaNkulunkulu nayingqikithi yobungcwele Bakhe. Niyakubona lokhu manje, akunjalo? Manje, sizoqhubeka nokunye ukufunda okusemiBhalweni.

NgokukaMathewu 4:8-11 Futhi, udeveli ubuye umyisa entabeni ende kakhulu, futhi umbonisa imibuso yonke yomhlaba, nenkazimulo yayo; Futhi wathi Kuye, Konke lokhu ngizokunika khona uma ungawa phansi futhi ukhuleke kimi. Khona-ke uJesu wathi kuye, Suka, Sathane ngokuba kulotshiwe ukuthi: Uyokhuleka eNkosini uNkulunkulu Wakho, futhi umkhonze Yena Yedwa. Khona-ke udeveli uyamshiya, futhi, bheka, kwase kufika izingelosi zamkhonza.

USathane ongudeveli, esehlulekile emaqhingeni akhe amabili angaphambilini, wazama elinye nokho: Wakhombisa iNkosi uJesu yonke imibuso emhlabeni nenkazimulo yayo wayesemcela ukuba akhuleke kuSathane. Ingabe ubonani mayelana nezici zangempela zikaSathane kulesi simo? Ingabe uSathane omubi akanamahloni nhlobo? (Yebo.) Akanamahloni ngayiphi indlela? Konke kwadalwa nguNkulunkulu, kepha uSathane waphenduka wakhombisa uNkulunkulu zonke izinto, ethi, “Bheka ingcebo nenkazimulo yayo yonke le mibuso. Uma ukhuleka kimi ngiyoyinika Wena yona yonke.” Ingabe akukhona ukuphanjaniswa kwezindawo lokhu? Akanamahloni uSathane? UNkulunkulu wenza izinto zonke, kodwa ingabe kwakungokokuzithokozisa Yena? UNkulunkulu wanika isintu zonke izinto, kepha uSathane wayefuna ukuziqhwaga zonke, futhi esekuqhwage konke wathi, “Khuleka kimi! Khuleka kimi futhi ngiyokunika konke lokhu.” Lobu ubuso obubi bukaSathane; akalazi ngokuphelele ihlazo! USathane akayazi ngisho incazelo yegama elithi “ihlazo.” Lokhu kungesinye nje isibonelo sobubi bakhe. Akazi ngisho ukuthi “ihlazo” liyini. USathane uyazi ngokucacile ukuthi uNkulunkulu wadala zonke izinto nokuthi ubusa phezu kwazo zonke izinto. Zonke izinto akuyizo ezomuntu, ingasaphathwa ekaSathane, kodwa ezikaNkulunkulu, nokho uSathane ongudeveli washo ngaphandle kwamahloni wathi wayeyomnika konke uNkulunkulu. Ingabe lokhu akusona esinye isibonelo sikaSathane ephinda enza ngobuwula nokungesabi ihlazo? Lokhu kwenza uNkulunkulu amzonde nakakhulu uSathane, akunjalo? Kepha kungakhathaleki ukuthi yini ayeyizama uSathane, ingabe iNkosi uJesu yaphambeka? Yathini iNkosi uJesu? (“Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, futhi ukhonze Yena Yedwa.”) Ingabe la mazwi anencazelo yoqobo? (Yebo.) Luhlobo luni lwencazelo yoqobo? Sibona ububi nokungabi namahloni kukaSathane enkulumweni yakhe. Ngakho uma umuntu ekhuleka kuSathane, kungaba yini isiphetho? Angayithola ingcebo nenkazimulo yayo yonke imibuso? (Cha.) Ingabe angatholani? Isintu ngeke singabi namahloni futhi sibe yinsini njengoSathane nje? (Yebo.) Ngeke bahluke-ke kuSathane. Ngakho-ke, iNkosi uJesu yasho la mazwi abalulekile kumuntu ngamunye: “Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, futhi ukhonze Yena Yedwa,” Lokhu kusho ukuthi ngaphandle kweNkosi, ngaphandle kukaNkulunkulu uqobo Lwakhe, uma ukhonza omunye, uma ukhuleka kuSathane ongudeveli, khona-ke ubhuquza ekungcoleni njengoSathane. Uyobe sewuthola isabelo sokungabi namahloni kukaSathane nobubi bakhe, futhi njengoSathane, uyolinga uNkulunkulu futhi uhlasele uNkulunkulu. Khona-ke isiphetho sakho singaba yini? Unganyanywa nguNkulunkulu, ushaywe uwiswe nguNkulunkulu, futhi ubhujiswe nguNkulunkulu. Emuva kokuthi uSathane eselinge iNkosi uJesu izikhathi eziningi engaphumeleli, ingabe wazama futhi? USathane akabange esazama futhi wabe esehamba. Lokhu kufakaza ukuthini? Kufakaza ukuthi imvelo embi kaSathane, inzondo yakhe, nokungabi nangqondo kanye nobuwula obumangalisayo kwakhe, akudingi ngisho ukuphathwa phambi kukaNkulunkulu. INkosi uJesu yehlula uSathane ngemisho emithathu kuphela, okwathi emuva kwalokho wabaleka nomsila uphakathi kwemilenze, esenamahloni kakhulu ukuthi angaphinde aveze ubuso bakhe, futhi akaphindanga walinga iNkosi uJesu. Njengoba iNkosi uJesu yabe ikunqobile ukulinga kukaSathane, manje yabe isikwazi ukuqhubeka kalula nomsebenzi okwakufanele iwenze nokubhekana nemisebenzi eyabe iphambi Kwayo. Ingabe yonke into iNkosi uJesu eyayenza neyayisho kulesi simo iphethe incazelo ewusizo ngokoqobo kumuntu wonke uma isetshenziswa esikhathini samanje? (Yebo.) Lapho wedlula ezilingweni zikaSathane empilweni yakho, futhi uma ukwazi ukubona ngaleya kwemvelo kaSathane ekhohlakele, ngeke yini ungamehluli? Uma wazi ngobuwula obumangalisayo nokungabi nangqondo kukaSathane ingabe usengama ngakuSathane uhlasele uNkulunkulu? Uma uqonda ukuthi ukuba nenzondo nokungabi namahloni kukaSathane kukhonjiswa kanjani ngawe—uma uziqaphela futhi uziqonda ngokucacile lezi zinto—usengahlasela futhi ulinge uNkulunkulu ngale ndlela? (Cha, ngeke.) Ungenzani? (Singamhlubuka uSathane futhi simlahle.) Ingabe yinto elula ukuyenza leyo? Akulula. Ukuze benze lokhu, abantu kufanele bathandaze njalo, kufanele bavame ukuzibeka phambi kukaNkulunkulu, bese bezihlola. Futhi kufanele bavumele ukuqondisa kukaNkulunkulu kanye nokwehlulela nokusola Kwakhe kwehlele phezu kwabo. Yile ndlela kuphela abantu abangazikhipha ngayo kancane kancane ngaphansi kokukhohlisa nokulawula kukaSathane.

Manje, ngokubuka wonke la mazwi akhulunywa nguSathane, sizoqoqa izinto ezakha ingqikithi kaSathane. Okokuqala, ingqikithi kaSathane kungathiwa ikhohlakele kakhulu ngokujwayelekile, okuphikisana nobungcwele bukaNkulunkulu. Kungani ngithi ingqikithi kaSathane imbi? Ukuphendula lo mbuzo, umuntu kufanele abheke imiphumela yalokho uSathane akwenza kubantu. USathane ukhohlakalisa aphinde alawule umuntu, futhi umuntu wenza izinto ngaphansi kwesimo esikhohlakele sikaSathane, futhi uhlala ezweni labantu abakhohlakaliswe nguSathane. Isintu, singazi, siphathwa futhi sigwinywe nguSathane; umuntu, ngalokho, unesimo esikhohlakele sikaSathane, okuyimvelo kaSathane. Kuyo yonke into uSathane ayishilo nayenzile, nikubonile ukuzithwala kwakhe? Niyibonile inkohliso nenzondo yakhe? Ukuzithwala kukaSathane ikakhulu kukhonjiswa kanjani? Ingabe uSathane uhlale efisa ukuthatha isikhundla sikaNkulunkulu? USathane uhlale njalo efuna ukucekela phansi umsebenzi kaNkulunkulu nesikhundla sikaNkulunkulu bese ezithathela sona ukuze abantu balandele, beseke futhi bakhonze uSathane; le yimvelo kaSathane yokuzithwala. Lapho uSathane ekhohlakalisa abantu, ngabe ubatshela ngokuqondile ukuthi benzeni? Uma uSathane elinga uNkulunkulu, ngabe uphumela obala athi, “Ngiyakulinga Wena, ngizokuhlasela” Akenzi nhlobo kanjalo. Usebenzisa yiphi-ke indlela uSathane? Uyayenga, uyalinga, uyahlasela, acuphe ugibe, futhi uze acaphune emiBhalweni. USathane ukhuluma futhi enze ngezindlela ezihlukahlukene ukufeza izinhloso zakhe. Emuva kokuthi uSathane esekwenzile lokhu, yini ebonakala kulokho okubonakaliswa kumuntu? Ingabe abantu bayazithwala? Umuntu usehlushwe yinkohlakalo kaSathane izinkulungwane zeminyaka, ngakho manje umuntu useyazithwala, unenkohliso, unenzondo futhi akanangqondo. Zonke lezi zinto zivela ngenxa yemvelo kaSathane. Njengoba imvelo kaSathane ikhohlakele, usenike umuntu le mvelo ekhohlakele futhi uselethele umuntu lesi simo esikhohlakele. Ngakho-ke umuntu uphila ngaphansi kwesimo esikhohlakele sobusathane, futhi, njengoSathane, umelana noNkulunkulu, uhlasela uNkulunkulu, futhi uyamlinga kuze kube sezingeni lokuthi umuntu akakhonzi uNkulunkulu futhi akanayo inhliziyo emhloniphayo.

Izindlela Ezinhlanu USathane Akhohlakalisa Ngazo Umuntu

Mayelana nobungcwele bukaNkulunkulu, nakuba kungaba yisihloko esijwayelekile, uma kuxoxwa ngaso siyisihloko esingaba nokungabambeki kwabanye abantu, futhi sijule sibuye siqhele kubo. Kodwa asikho isidingo sokukhathazeka. Ngizonisiza ukuthi niqonde ukuthi buyini ubungcwele bukaNkulunkulu. Ukuze niqonde ukuthi umuntu uluhlobo luni, bhekani lokho akwenzayo nemiphumela yezenzo zakhe, niyokwazi-ke ukubona ingqikithi yalowo muntu. Kungabekwa ngale ndlela? (Yebo.) Ngakho-ke ake sixoxe ngobungcwele bukaNkulunkulu ngakulolu hlangothi kuqala. Kungathiwa ingqikithi kaSathane imbi, ngakho izenzo zikaSathane kumuntu bezilokhu zihlose ukukhohlakalisa umuntu. USathane mubi, ngakho abantu abakhohlakalisile babi ngokuqinisekile, akunjalo? Ukhona yini umuntu ongathi, “USathane mubi, kodwa mhlawumbe umuntu amkhohlakalisile ungcwele?” Lokho bekuyoba yihlaya, akunjalo? Ingabe lokhu kungenzeka ngempela? (Cha.) USathane mubi, futhi kulobu bubi kukhona uhlangothi olubalulekile nolungokoqobo. Lokhu akukhona ukukhuluma okungasho lutho nje. Asizami ukumhlambalaza uSathane; sihlanganyela ngeqiniso nokwangempela kuphela. Ukuhlanganyela ngokwangempela kwalesi sihloko kungalimaza abantu noma isigatshana sabantu abathile, kodwa akukho nhloso enenzondo; mhlawumbe nizozwa lokhu namuhla nibe nokungaphatheki okuncane, kodwa ngelinye ilanga, maduzane nje, uma senikwazi ukumqaphela, niyozinyanya, futhi niyozwa ukuthi lokho engikhuluma ngakho namhlanje kuwusizo kakhulu kinina futhi kubaluleke kakhulu. Ingqikithi kaSathane imbi, ngakho singasho yini ukuthi imiphumela yezenzo zikaSathane mibi ngendlela engenakugwenywa, noma okungenani, ixhumene nobubi bakhe? (Yebo.) Ngakho ingabe wenza kanjani uSathane uma ekhohlakalisa umuntu? Ebubini obenziwa uSathane emhlabeni naphakathi kwesintu, yiziphi izinto ezibonakalayo neziqaphelekayo kubantu? Ingabe nake nacabanga ngalokhu ngaphambili? Kungenzeka ukuthi anikaze nikucabange ngokutheni, ngakho ake ngiphakamise amaphuzu ambalwa asemqoka. Wonke umuntu uyazi ngombono wokuvela kwezinto kwezinye ophakanyiswa uSathane, angithi? Lokhu kuwumkhakha wolwazi ofundwa umuntu, akunjalo? (Yebo.) Ngakho, uSathane uqale asebenzise izindlela zokubanikeza ulwazi. Khona-ke usebenzisa isayensi ukubakhohlakalisa, avuse intshisekelo yabo ngolwazi, isayensi kanye nezinto eziyimfihlakalo, noma ezintweni abantu abafisa ukuzihlola. Izinto ezilandelayo uSathane azisebenzisayo ukuze akhohlakalise umuntu, yisiko lendabuko kanye nenkolelo-ze, futhi okulandela lokho, usebenzisa izinkambiso zabantu. Lezi yizo zonke izinto abantu abahlangabezana nazo ezimpilweni zabo zansukuzonke futhi zonke zisondele kubantu; zonke zixhumene nezinto abazibonayo, izinto abazizwayo, izinto abazithintayo, nezinto abadlula kuzo. Umuntu angathi bonke abantu baphila impilo yabo bezungezwe yilezi zinto, bengakwazi ukuphunyuka kuzo nokuzikhipha kuzo ngisho bethanda. Uma sibhekene nalezi zinto, isintu asinamandla, futhi konke umuntu angakwenza ukuthonywa, ukungenwa, ukulawulwa nokugqilazwa yilezi zinto; umuntu akanawo amandla okuzikhulula kuzo.

a. Indlela USathane Asebenzisa Ngayo Ulwazi Ukuze Akhohlakalise Umuntu

Okokuqala, sizokhuluma ngolwazi. Ingabe ulwazi luyinto ecatshangwa yibo bonke abantu njengento enhle? Okungenani, abantu bacabanga ukuthi incazelo yegama “ulwazi” inhle kunokuba yimbi. Ngakho kungani sithi lapha uSathane usebenzisa ulwazi ukukhohlakalisa umuntu? Ingabe umbono wokuvela kwezinto kwezinye awuyona yini ingxenye yolwazi? Ingabe imithetho yezesayensi kaNewton ayiyona ingxenye yolwazi? Amandla omhlaba okudonsela phansi ayingxenye yolwazi, akunjalo? (Yebo.) Ngakho kungani ulwazi lubalwe phakathi kwezinto uSathane azisebenzisayo ukukhohlakalisa umuntu? Uyini umbono wenu ngalokhu? Ingabe ulwazi lunalo ngisho elincane iqiniso kulo? (Cha.) Ngakho yini ingqikithi yolwazi? Ulwazi umuntu alufundayo, lufundwa ngasiphi isisekelo? Ingabe lusekelwe embonweni wokuvela kwezinto kwezinye? Ingabe ulwazi umuntu aseluthole ngokuhlola nokuphuma nesinqumo lusekelwe embonweni othi uNkulunkulu akekho? Ingabe noma iluphi lolu lwazi lunakho ukuxhumana noNkulunkulu? Luxhumene yini nokukhonza uNkulunkulu? Luxhumene neqiniso? (Cha.) Ngakho uSathane ulusebenzisa kanjani ulwazi ukukhohlakalisa umuntu? Ngiqeda ukusho ukuthi akukho lutho kulolu lwazi okuxhumene nokukhonza uNkulunkulu noma neqiniso. Abanye abantu bakucabanga kanje: “Ulwazi kungenzeka ukuthi aluhlanganisi lutho neqiniso, kodwa nalapho, alubakhohlakalisi abantu.” Ingabe nikubuka kanjani lokhu? Ingabe wafundiswa ulwazi ukuthi injabulo yomuntu kufanele yakhiwe yizandla zakhe zombili? Ingabe ulwazi lukufundise ukuthi lokho umuntu akudalelwe kusezandleni zakhe uqobo? (Yebo.) Ingabe uhlobo luni lwenkulumo lolu? (Yinkulumo enobudeveli.) Nishaye khona! Yinkulumo enobudeveli! Kuyinkimbinkimbi ukukhuluma ngolwazi. Ungakubeka kalula nje uthi umkhakha wolwazi awulutho nje ngaphandle kokuba ulwazi. Lowo umkhakha wolwazi ofundwe esisekelweni sokungakhonzi uNkulunkulu nokungaqondi ukuthi uNkulunkulu wadala zonke izinto. Uma abantu befunda lolu hlobo lo lwazi, abamboni uNkulunkulu ebusa phezu kwezinto zonke, abamboni uNkulunkulu ephethe noma elawula zonke izinto. Esikhundleni salokho, konke abakwenzayo ukucwaninga nokuhlola lowo mkhakha wolwazi nokufuna izimpendulo ngokusekelwe olwazini. Kepha, akulona yini iqiniso ukuthi uma abantu bengakholwa kuNkulunkulu futhi esikhundleni salokho beshisekela ukucwaninga, abasoze bazithola izimpendulo zangempela? Lonke lolo lwazi lukunika ukuphila, umsebenzi, iholo ukuze ungalambi; kodwa alusoze lwakusiza ukuthi ukhonze uNkulunkulu, futhi ngeke lukugcine ukude nobubi. Lapho abantu befunda ulwazi ngokwengeziwe, bazofisa ngokwengeziwe ukuhlubuka kuNkulunkulu, ukucwaninga uNkulunkulu ezifundweni zabo, ukulinga uNkulunkulu, nokumelana noNkulunkulu. Ngakho, yini esiyibonayo ulwazi oluyifundisa abantu? Konke kuyifilosofi kaSathane. Ingabe amafilosofi nemithetho yokuphila esabalaliswa nguSathane phakathi kwabantu abakhohlakele inakho yini ukuxhumana neqiniso? Akuhlanganise lutho neqiniso, futhi, empeleni, kuphambene neqiniso. Abantu bavame ukuthi, “Ukuphila ukuhamba.” nokuthi “Umuntu yinsimbi, ilayisi yinsimbi exutshiwe, umuntu ufa yindlala uma eqa isikhathi sokudla”; ziyini lezi zisho? Ziwukukholwa okuyize futhi kuyanyanyisa ukuzizwa. Kulokhu okuthiwa ulwazi lomuntu, uSathane ufake eningi impela ifilosofi yakhe yokuphila kanye nokucabanga kwakhe. Futhi njengoba uSathane enza lokhu, uvumela umuntu ukuthi athathe ukucabanga, ifilosofi kanye nombono wakhe ukuze umuntu aphike ubukhona bukaNkulunkulu, aphike ukubusa kukaNkulunkulu phezu kwakho konke nakulokho umuntu akudalelwe. Ngakho, lapho izifundo zomuntu ziqhubeka, futhi ethola ulwazi olwengeziwe, uzwa ubukhona bukaNkulunkulu bufiphala, futhi angase angabe esezwa ukuthi uNkulunkulu ukhona. Ngenxa yokuthi uSathane usefake imiqondo, imibono, nemicabango ethile kumuntu, uma uSathane esefake lobu buthi phakathi kumuntu, ngabe umuntu akakhohliseki yini futhi akhohlakaliswe nguSathane? Ngakho ningathi abantu banamuhla baphila ngani? Abaphili yini ngolwazi nemicabango efakwe nguSathane? Futhi izinto ezifihlwe phakathi kwalolu lwazi nemicabango—aziyizo yini izindlela zokuphila nobuthi bukaSathane? Umuntu uphila ngezindlela zokuphila nobuthi bukaSathane. Futhi yini esemongweni wenkohlakalo kaSathane? USathane ufuna ukwenza umuntu aphike, aphikise, futhi amelane noNkulunkulu njengoba uSathane enza; yilokhu okuhloswe nguSathane ngokukhohlakalisa umuntu, futhi lokhu kuyindlela uSathane akhohlakalisa ngayo umuntu.

Sizoqala sikhulume ngengxenye yalesi sihloko ekha phezulu kakhulu. Ingabe uhlelo namazwi ezifundweni zolimi kuyakwazi ukukhohlakalisa abantu? Ingabe amagama angamkhohlakalisa umuntu? Amagama awabakhohlakalisi abantu; ayithuluzi elivumela abantu ukuthi bakhulume futhi ayithuluzi abantu abaxhumana noNkulunkulu ngalo, ingasaphathwa eyokuthi manje. ulimi namazwi kuyindlela uNkulunkulu akhuluma ngayo nabantu. Kungamathuluzi, futhi kuyisidingo. Okunye uma kuhlanganiswa nokunye kwenza okubili, futhi uma okubili kuphindwa kabili kwenza okune; akulona ulwazi lolu? Kepha kungakukhohlakalisa yini lokhu? Lokhu kuwulwazi olujwayelekile—iphethini elimile—ngakho ngeke kukhohlakalise abantu. Ngakho-ke yiluphi uhlobo lolwazi olukhohlakalisa abantu? Ulwazi olukhohlakalisayo ulwazi oluxutshwe nemibono kanye nemicabango kaSathane. USathane ufuna ukufaka le mibono kanye nale micabango esintwini ngolwazi. Ngokwesibonelo, endabeni ebhaliwe, akukho lutho olubi ngamagama uqobo lwawo. Inkinga isemibonweni nasenhlosweni yombhali ngesikhathi ebhala indaba kanye nokuqukethwe yimicabango yakhe. Lezi yizinto zokomoya futhi ziyakwazi ukukhohlakalisa abantu. Ngokwesibonelo, uma ububuka uhlelo kumabonakude, ingabe uhlobo luni lwezinto kulo ezingaguqula imibono yabantu? Lokho abadlali abakushilo, amazwi uqobo lwawo, angakwazi ukukhohlakalisa abantu? (Cha.) Ingabe uhlobo luni lwezinto ezingakhohlakalisa abantu? Kungaba yimicabango kanye nokuqukethwe okuwumnyombo wohlelo, okungamela imibono yomqondisi. Ulwazi olukule mibono lunganyakazisa izinhliziyo nemiqondo yabantu. Akunjalo? Manje seniyazi ukuthi ngikhuluma ngani kule ngxoxo Yami ngoSathane esebenzisa ulwazi ukukhohlakalisa abantu. Ngeke ningaqondisisi, akunjalo? Ngakho uma uphinda ufunda incwadi noma indaba, uyokwazi yini ukuhlola ukuthi imicabango evezwa emagameni abhaliwe iyasikhohlakalisa isintu noma cha okanye iyaphonsa esivivaneni ukusiza isintu? (Singakwenza, kancane nje.) Lena yinto ekufanele ifundwe futhi nidlule kuyo kancane kancane, futhi akuyona into okulula ukuyiqonda ngokushesha nje. Ngokwesibonelo, uma ucwaninga noma ufunda umkhakha wolwazi, izingxenye ezithile ezinhle zalolo lwazi zingakusiza ukuthi uqonde okuthile okubanzi ngalowo mkhakha, lube futhi lukusiza ukuba wazi lokho abantu okufanele bakugweme. Ngokwesibonelo, thatha “ugesi”—ngumkhakha wolwazi lona, akunjalo? Ngabe awuyena umuntu ongenalwazi uma ungazi ukuthi ugesi ungababamba futhi ubalimaze abantu? Kodwa lapho usuwuqonda lo mkhakha wolwazi, ngeke ube budedengu ngokuthinta into kagesi futhi uyokwazi ukusebenzisa ugesi. Lezi zinto zombili yizinto ezinhle. Ingabe senicaciselekile ngebesixoxa ngakho mayelana nokuthi ulwazi lubakhohlakalisa kanjani abantu? Ziningi izinhlobo zolwazi ezifundwa emhlabeni, futhi kufanele nizinike isikhathi ukuzihlukanisa ngokwenu.

b. Indlela USathane Asebenzisa Ngayo Isayensi Ukukhohlakalisa Umuntu

Iyini isayensi? Ingabe isayensi ayithathelwa phezulu emiqondweni cishe yabo bonke abantu futhi ibonakala ijulile? Lapho kuphathwa isayensi, abantu abezwa ukuthi, “Lokhu yinto ekude nabantu abajwayelekile; lesi isihloko esingathintwa abacwaningi noma ochwepheshe bezesayensi kuphela; asihlanganise lutho nathi abantu abajwayelekile”? Ingabe inakho ukuxhumana nabantu abajwayelekile? (Yebo.) Ingabe uSathane uyisebenzisa kanjani isayensi ukukhohlakalisa abantu? Engxoxweni yethu lapha, sizokhuluma kuphela ngezinto abantu abahlangabezana nazo njalo ezimpilweni zabo uqobo, sizoziziba ezinye izindaba. Kukhona okubizwa “ngezakhi zofuzo”. Senike nezwa ngakho? Nonke nilijwayele leli gama, akunjalo? Ingabe izakhi zofuzo azitholwanga ngesayensi? Ingabe izakhi zofuzo zisho ukuthini empeleni kubantu? Azibenzi yini abantu bezwe ukuthi umzimba uyinto eyimfihlakalo? Lapho abantu bengeniswa kulesi sihloko, ngeke kwenzeke kubekhona abantu—ikakhulukazi labo abafisa ukwazi okufihlekile—abazofuna ukwazi kabanzi noma abazofuna eminye imininingwane? Laba bantu abafisa ukwazi okufihlekile bazogxilisa umfutho wabo kulesi sihloko futhi lapho bengekho matasatasa bazofuna ulwazi ezincwadini naku-inthanethi ukuthola eminye imininingwane ngaso. Ingabe yini isayensi? Ukusho ngokusobala, isayensi yimicabango kanye nemibono ngezinto umuntu afisa ukwazi kabanzi ngazo, izinto ezingaziwa, futhi abangazitshelwanga uNkulunkulu; isayensi yimicabango kanye nemibono ngezimfihlakalo umuntu afisa ukuzihlola. Ingabe yini isilinganiso sesayensi? Ningathi sibanzi; umuntu ucwaninga futhi afunde konke lokhu athanda ukukwazi. Isayensi ibandakanya ukucwaninga imininingwane kanye nemithetho yalezi zinto ebese uqhamuka nombono okholakalayo owenza wonke umuntu acabanga ukuthi, “Labo sosayensi bahlakaniphe kakhulu impela! Bazi okuningi kakhulu, okwanele ukuthi baqonde lezi zinto!” Banokubancoma okukhulu ososayensi, akunjalo? Abantu abacwaninga ngesayensi banayiphi imibono? Ingabe abafuni ukucwaninga ngomhlaba jikelele, ukucwaninga izinto ezingaqondakali emkhakheni obahlaba umxhwele? Kungabe yini isiphetho sokugcina salokhu? Kumasayensi athile abantu bafika eziphethweni ngokucabangela, futhi kwamanye abantu bathembela kulokho abantu abadlule kukho ukufika eziphethweni. Kweminye futhi imikhakha yezesayensi, abantu bafika eziphethweni zabo ngokusekela kwabakubuka emlandweni nasezintweni eziyimisuka. Akunjalo? Ngakho yini isayensi eyenzela abantu? Okwenziwa yisayensi kuphela ukuthi ivumela abantu ukuthi babone izinto emhlabeni obonakalayo nokwanelisa isifiso somuntu sokwazi okufihlakele, kodwa ayimvumeli umuntu ukuthi abone imithetho uNkulunkulu abusa ngayo phezu kwezinto zonke. Umuntu ubonakala ethola izimpendulo kusayensi, kepha lezo zimpendulo ziyadida futhi ziletha ukweneliseka kwesikhashana, ukweneliseka okwenza kuphela ukuthi inhliziyo yomuntu igcineke kulo mhlaba ophathekayo. Umuntu uzwa ukuthi usezitholile izimpendulo kusayensi, ngakho noma kuvela yiphi inkinga, usebenzisa imibono yakhe yesayensi ukufakazela nokwamukela leyo nkinga. Inhliziyo yomuntu iyengwa yisayensi futhi iphathwe yiyo kuze kufike eqophelweni lapho umuntu engasenawo umqondo wokwazi uNkulunkulu, ukukhonza uNkulunkulu nokukholwa ukuthi zonke izinto zivela kuNkulunkulu nokuthi umuntu kufanele abheke Kuye ukuze athole izimpendulo. Akunjalo? Lapho umuntu ekholwa ngokwengeziwe kwisayensi, uba nokungabi nangqondo ngokwengeziwe, ekholwa ukuthi yonke into inesixazululo sesayensi, ukuthi ukucwaninga kungaxazulula noma yini. Akamfuni uNkulunkulu futhi akakholwa ukuthi ukhona. Kukhona namakholwa kaNkulunkulu amadala okuthi uma ebhekene noma nayiphi inkinga asebenzise ikhompyutha ukufuna izimpendulo; bafunda lonke uhlobo lokubhaliwe, besebenzisa imibono yesayensi ukuzama ukuxazulula leyo nkinga. Abakholwa ukuthi amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso, abakholwa ukuthi amazwi kaNkulunkulu angaxazulula zonke izinkinga zesintu, abayibuki inqwaba yezinkinga zesintu ngeso leqiniso. Noma behlangana nayiphi inkinga, abathandazi kuNkulunkulu noma bafune isixazululo ngokuthungatha iqiniso emazwini kaNkulunkulu. Ezindabeni eziningi, bancamela ukukholwa ukuthi ulwazi lungayixazulula inkinga; kubona isayensi iyimpendulo yokugcina. Akekho nhlobo uNkulunkulu ezinhliziyweni zabantu abanjena. Abakholwa, futhi imibono yabo ngokukholwa kuNkulunkulu ayehlukile kweyezifundiswa nososayensi abaphezulu, abahlale bezama ukucwaninga uNkulunkulu ngokusebenzisa izindlela zesayensi. Ngokwesibonelo, baningi ochwepheshe bezenkolo asebehambe baya lapho umkhumbi wafika wama khona, base befakazela ubukhona bomkhumbi. Kodwa ekubonakaleni komkhumbi ababuboni ubukhona bukaNkulunkulu. Bakholelwa kuphela ezindabeni nasemlandweni; lokhu kuwumphumela wocwaningo lwabo lwezesayensi nokufunda umhlaba ophathekayo. Uma ucwaninga izinto eziphathekayo, noma ngabe isayensi ephathelene nezempilo yezilokazane, isayensi yezinkanyezi, noma isifundo sokwakheka komhlaba, awusoze wathola umphumela othi uNkulunkulu ukhona noma othi ubusa phezu kwezinto zonke. Ngakho yini isayensi eyenzela umuntu? Ingabe ayimenzi aqhele kuNkulunkulu? Ingabe ayenzi abantu bacubungule uNkulunkulu? Ayenzi ukuthi abantu babe nokungabaza ngokwengeziwe ngobukhona nobukhosi bukaNkulunkulu, ngalokho bese bemphika futhi bamhlubuke uNkulunkulu? Yilona umphumela. Ngakho lapho uSathane esebenzisa isayensi ukukhohlakalisa umuntu, uhlose ukuzuzani? Ufuna ukusebenzisa iziphetho zesayensi ukukhohlisa abantu nokubenza babe ndikindiki, futhi asebenzise izimpendulo ezididayo ukubambelela ezinhliziyweni zabantu ukuze bangacingi noma bakholwe ubukhona bukaNkulunkulu. Ngakho yingakho ngithi isayensi ingenye yezindlela uSathane akhohlakalisa ngayo abantu.

c. Indlela USathane Asebenzisa Ngayo Isiko Lendabuko Ukukhohlakalisa Umuntu

Ingabe ziningi noma aziziningi izinto ezithathwa ngokuthi ziyingxenye yesiko lendabuko? (Ziningi.) Ingabe lisho ukuthini leli “siko lendabuko”? Abanye bathi lisuka kokhokho—lokhu kuyingxenye eyodwa. Kusuka ekuqaleni, izindlela zokuphila, amasiko, izisho nemithetho kwehliselwe ezizukulwaneni ezilandelayo emindenini, amaqembu ezinhlanga, ngisho nasesintwini sonke, zase zigxiliswa emicabangweni yabantu. Abantu bazibheka ngokuthi ziyingxenye yempilo engenakuhlukana nezimpilo zabo futhi bazithatha njengemithetho, bazilandele sengathi zingukuphila uqobo lwakho. Impela, abafuni neze ukuziguqula noma ukuzishiya lezi zinto, ngoba zasuka kokhokho babo. Kunezinye izingxenye zesiko lendabuko ezisemathanjeni abantu, njengezinto ezasuka kuConfusius noMencius, nezinto ezifundiswa abantu yizinkolo zobuTao nobuConfusius zaseShayina. Akunjalo lokhu? Yiziphi izinto eziqukethwe esikweni lendabuko? Ingabe lihlanganisa namaholide abantu abawagubhayo? Ngokwesibonelo, uMkhosi weNtwasahlobo, uMkhosi Wesiketekete, uSuku Lokushanela Amathuna, Umkhosi Wesikebhe Sikadrako, kanye noMkhosi Wezipoki nowaPhakathi neKwindla. Eminye imindeni igubha izinsuku lapho abadala befika ebudaleni obuthile, noma lapho izingane ziba nenyanga eyodwa zizelwe futhi nalapho zinezinsuku eziyikhulu zizelwe. Nokunye. Wonke lawa ngamaholide endabuko. Ingabe izendlalelo zala maholide azinalo isiko lendabuko? Ingabe uyini umnyombo wesiko lendabuko? Lihlangene yini nokukhonza uNkulunkulu? Ingabe lihlangene nokutshela abantu ukuthi benze iqiniso? Ingabe akhona amaholide okuthi abantu benze iminikelo kuNkulunkulu, baye e-althare likaNkulunkulu bathole izimfundiso Zakhe? Ingabe akhona amaholide anjalo? (Cha.) Ingabe abantu benzani kuwo wonke la maholide? Ezikhathini zanamuhla abukwa njengemicimbi yokudla, ukuphuza nokudlala. Uyini umthombo wesiko lendabuko? Isiko lendabuko livela kubani? Livela kuSathane. Ngemuva kwala maholide endabuko, uSathane ugxilisa izinto ezithile kumuntu. Ziyini lezi zinto? Ukuqinisekisa ukuthi abantu bakhumbula okhokho babo—ingabe ngenye yazo lezi zinto? Ngokwesibonelo, ngoSuku Lokushanela Amathuna abantu balungisa amathuna futhi benze iminikelo kokhokho babo, ukuze abantu bangabakhohlwa okhokho babo. Futhi, uSathane uqinisekisa ukuthi abantu bakhumbula ukushisekela izwe lakubo, njengoMkhosi Wesikebhe Sikadrako. Kuthiwani mayelana noMkhosi Waphakathi Nekwindla? (Ukuhlangana futhi kwemindeni.) Ingabe uyini umlando wokuhlangana futhi kwemindeni? Ingabe yini isizathu salokho? Ukuxoxisana nokuxhumana ngokwemizwa. Kunjalo, noma ukugubha ubusuku ngaphambi koNyaka Omusha WamaShayina noma Umkhosi Weziketekete, ziningi izindlela zokuchaza izizathu zale migubho. Noma ngabe umuntu uzichaza kanjani lezo zizathu, iholide ngalinye liyindlela kaSathane yokugxilisa ifilosofi yakhe nokucabanga kwakhe kubantu, ukuze baqhele kuNkulunkulu futhi bangazi ukuthi kukhona uNkulunkulu nokuthi benze iminikelo kokhokho babo noma kuSathane, noma badle, baphuze, futhi badlale ngokwenelisa izifiso zenyama. Lapho kugujwa lelo nalelo kulawa maholide, imicabango nemibono kaSathane iyatshalwa ijule emiqondweni yabantu, bona bengazi lutho. Lapho abantu befika eminyakeni engamashumi amane, amahlanu noma engaphezulu, le micabango nemibono kaSathane isuke seyakheleke ekujuleni kwezinhliziyo zabo. Ngaphezu kwalokho, abantu benza konke okusemandleni ukudlulisela le mibono, noma ngabe ilungile noma ayilungile, esizukulwaneni esilandelayo ngokungakhethi, nangokungagodli. Akunjalo? (Yebo.) Ingabe isiko lendabuko kanye nala maholide kubakhohlakalisa kanjani abantu? Niyazi? (Abantu balawulwa futhi baboshwe yimithetho yala masiko ngendlela yokuthi abasitholi isikhathi noma amandla okufuna uNkulunkulu.) Lena yingxenye eyodwa. Ngokwesibonelo, wonke umuntu uyagubha ngesikhathi soNyaka Omusha Wenyanga—uma ungawugubhanga, ngeke ube nokudabuka? Zikhona yini izenqabelo obambelele kuzo? Ngeke yini uzwe ukuthi, “Angizange ngiwugubhe uNyaka Omusha, futhi ngenxa yokuthi usuku loNyaka Omusha Wenyanga lube lubi ngeke wonke unyaka ube mubi”? Ngeke yini uzizwe ungaphathekile kahle futhi unokwesaba kancane? Kukhona ngisho abantu abangenzanga imihlabelo kokhokho babo iminyaka bese beba nephupho ngokushesha lapho umuntu ongasekho ebacela khona imali. Yini abangayizwa? “Kwaze kwadabukisa ukuthi lo muntu ongasekho udinga imali angayisebenzisa! Ngizomshisela imali yephepha, uma ngingakwenzi, ngeke kulunge. Kungasidalela izinkinga thina esiphilayo—ngubani ongasho ukuthi inhlekelele izogadla nini?” Bazohlala njalo benaleli fu elincane lokwesaba nokukhathazeka ezinhliziyweni zabo. Ubani obanika lokhu kukhathazeka? USathane ongumthombo walokhu kukhathazeka. Akuyona yini lena enye yezindlela uSathane akhohlakalisa ngayo umuntu? Usebenzisa izindlela nezaba ezahlukene ukukulawula, ukukusabisa, kanye nokukubopha, ukuze udideke futhi uvume uphinde umthobele; lena yindlela uSathane akhohlakalisa ngayo umuntu. Baningi nabantu abangabazayo ukuhlukana nesiko eligxilile kakhulu kubo, abangafuni nhlobo ukuliyeka. Ikakhulu kulapho bebuthakathaka futhi bevilapha lapho befisa khona ukugubha lezi zinhlobo zamaholise futhi bafisa ukuhlangana noSathane baphinde bamenelise, ukuze bathokomalise izinhliziyo zabo. Uthini umlando wesiko lendabuko? Ingabe isandla esimnyama sikaSathane silawula izinto sisekucasheni? Ingabe imvelo kaSathane embi iyalutha futhi iyalawula? Ingabe uSathane ulawula zonke lezi zinto? (Yebo.) Lapho abantu bephila emasikweni endabuko futhi begubha lezi zinhlobo zamaholide endabuko, singasho yini ukuthi lena yindawo lapho bekhohliswa khona futhi bekhohlakaliswa nguSathane khona, futhi ngaphezu kwalokho, bayakujabulela ukukhohliswa nokukhohlakaliswa nguSathane? (Yebo.) Lena yinto nonke eniyivumayo, into eniyaziyo.

d. Indlela USathane Asebenzisa Ngayo Inkolelo-ze Ukukhohlakalisa Umuntu

Nilijwayele igama elithi “inkolelo-ze,” akunjalo? Kukhona ukuxhumana okuthile phakathi kwenkolelo-ze nesiko lendabuko, kodwa ngeke sikhulume ngakho namhlanje. Esikhundleni salokho, ngizoxoxa ngezinhlobo zenkolelo-ze okuhlanganwa nazo ngokujwayeleke kakhulu: ukubhula, ukubona okuseza, ukushisa impepho, nokukhonza uBuddha. Abanye abantu bayabhula, abanye bakhonza uBuddha, kanti abanye bafundelwa okusazokwenzeka noma bacele umuntu ukuthi afunde izici zabo zobuso bese ebatshela ngekusasa labo ngale ndlela. Ingabe bangaki kini abake bahlolelwa ngokusazokwenzeka noma bafundwa ubuso? Lena yinto abantu abanesasasa ngayo, akunjalo? (Yebo.) Kungani kunjalo? Ingabe ikuphi ukusizakala abantu abakutholayo ekubhuleni ngokusazokwenzeka noma ukwenza imihlahlo? Ingabe uhlobo luni lokweneliseka abalutholayo? (Ukulangazelela ukwazi okufihlekile.) Ingabe ukulangazelela ukwazi okufihlekile kuphela? Akukwazi ukuba yilokho, ngokubona Kwami. Ingabe yini inhloso yokubhula? Kwenzelwani? Ingabe akukhona ukubona ikusasa? Abanye abantu bafundwa ubuso ukubikezela ikusasa, abanye bakwenza ukuze babone ukuthi bazoba nenhlanhla noma cha. Abanye abantu bakwenza ukuze babone ukuthi umshado wabo uyoba njani, futhi nabanye bakwenza ukuze babone ukuthi iyiphi inhlanhla unyaka ozayo ozoyiletha. Abanye abantu bafundwa ubuso babo ukuze babone amathuba abo nawamadodana noma amadodakazi abo, futhi abanye osomabhizinisi bakwenzela ukubona ukuthi bazokwenza imali engakanani, befuna ukuqondiswa yilo ofunda ubuso mayalana nezinto okufanele bazenze. Ngakho, ingabe kwenzelwa ukwenelisa ukulangazelela ukwazi okufihlakele nje? Uma abantu befundwa ubuso babo noma benza lezi zinhlobo zezinto, benzela insizakalo yabo uqobo yakusasa; bakholwa ukuthi konke lokhu kuxhumene kakhulu nalokho abakudalelwe. Ingabe kukhona okuwusizo kwenye yalezi zinto? (Cha.) Kungani kungenalo usizo? Akuyona yini into enhle ukuthola ulwazi oluthile ngalezi zinto? Le mikhuba ingakusiza ukuthi wazi ukuthi ishwa lingakwehlela nini, futhi uma wazi ngalezi zinkinga ngaphambi kokuthi zenzeke, ngeke ukwazi ukuzigwema? Uma ukwazi ngokusazokwenzeka kungakusiza ukuthi uthole indlela yokuphuma esimweni esiyinkimbinkimbi, ukuze ube nenhlanhla ngonyaka ozayo futhi ukwazi ukuceba ngebhizinisi lakho. Ngakho, ingabe kulusizo lokho noma cha? Ukuthi kuwusizo noma cha akuhlangane nathi, futhi ngeke sifake lesi sihloko ekuhlanganyeleni kwethu kwanamuhla. Ingabe uSathane uyisebenzisa kanjani inkolelo-ze ukukhohlakalisa umuntu? Bonke abantu bafuna ukwazi ngesiphetho sabo, ngakho uSathane usebenzisa lokhu kulangazelela kwabo ukuze abahehe. Abantu bangena ekubhuleni, ekutshelweni ngekusasa, ekufundeni ukuze bazi ukuthi inhlanhla yabo izobanjani kusasa nokuthi indlela ngaphambili injani. Ekugcineni, nokho, ingabe isiphetho nekusasa abantu abakhathazeke ngakho kangaka kusezandleni zikabani? (Ezandleni zikaNkulunkulu.) Zonke lezi zinto zisezandleni zikaNkulunkulu. Ngokusebenzisa lezi zindlela, yini uSathane afuna abantu bayazi? USathane ufuna ukusebenzisa ukufunda ubuso nokubhula ngokusazokwenzeka ukutshela abantu ukuthi uyazi ngenhlanhla yabo yesikhathi esizayo, nokuthi akagcini nje ngokwazi lezi zinto kodwa futhi uyazilawula. USathane ufuna ukusebenzisa leli thuba nokusebenzisa lezi zindlela ukulawula abantu, ngendlela yokuthi abantu bakholwe ngobumpumputhe kuye futhi balalele wonke amazwi akhe. Ngokwesibonelo, uma ufundwa ubuso, uma obhulayo evala amehlo akhe akutshele konke okwenzeke kuwe kula mashumi ambalwa eminyaka edlule ngokucace bha, uzizwa unjani ngaphakathi? Ngokushesha ungazizwa uthi, “Unemba ngempela! Angikaze ngitshele muntu ngaphambilini ngezinto ezenzeka kimi kudala, uzazi kanjani? Ngiyasithanda ngempela lesi sangoma!” KuSathane, akulula kakhulu yini ukuthi azi ngokwenzeke kuwe? UNkulunkulu ukuholele lapha okhona namhlanje, futhi uSathane naye ubekhohlakalisa abantu sonke lesi sikhathi futhi ubekulandela. Ukudlula kwamashumi eminyaka kuwe akulutho kuSathane futhi akunzima ukuthi uSathane azazi lezi zinto. Uma wazi ukuthi lokho uSathane akushilo kuqondile, ingabe awumniki yini inhliziyo yakho? Awuncikile kuye ukuba alawule ikusasa nezinhlanhla zakho? Ngokuphazima kweso, inhliziyo yakho iba nokumhlonipha okukhulu, futhi kwabanye abantu, imiphefumulo yabo kungenzeka ukuthi seyihlwithwe nguye kuleli qophelo. Futhi uzosibuza isangoma ngokushesha: “Yini elandelayo okumele ngiyenze? Yini ekufanele ngiyigweme onyakeni ozayo? Yiziphi izinto okufanele ngingazenzi?” Futhi sizothi, “Ungayi laphaya, ungakwenzi lokhu, ungazigqoki izingubo eziwumbala othize, ungavami ukuya ezindaweni ezinjengalezi, futhi yenza ezinye izinto ngokwengeziwe….” Ngeke yini uthathe konke akushoyo ukugcine enhliziyweni? Ungakufaka ekhanda ngokushesha kunamazwi kaNkulunkulu. Kungani ungakufaka ekhanda ngokushesha okungaka? Ngoba ufuna ukuthembela kuSathane ukuze uthole inhlanhla. Akukhona yini lapho ethatha khona inhliziyo yakho? Uma amazwi akhe egcwaliseka, ngeke yini ufune ukuphindela kuye ngqo ukuthola ukuthi iyiphi inhlanhla unyaka olandelayo ozoyiletha? (Yebo.) Uzokwenza noma yini uSathane akutshela ukuthi uyenze futhi uzogwema izinto athi uzigweme. Ngale ndlela awulaleli yini yonke into ayishoyo? Ngokushesha okukhulu, uyowela ekusingatheni kwakhe, ukhohliswe, bese uba ngaphansi kokulawula kwakhe. Lokhu kwenzeka ngoba ukholwa ukuthi lokho akushoyo kuyiqiniso futhi ukholwa ukuthi uyazi ngempilo yakho yangaphambilini, ngempilo yakho manje, nalokho ikusasa elizokuletha. Lena yindlela uSathane ayisebenzisayo ukulawula abantu. Kodwa eqinisweni, ubani ngempela olawulayo? UNkulunkulu uqobo Lwakhe olawulayo, hhayi uSathane. USathane esebenzisa ubuqili bakhe nje kulesi simo ukuphamba abantu abangenalwazi, ukuphamba abantu ababona umhlaba ophathekayo kuphela ukuthi bakholwe futhi bathembele kuyena. Babe sebewela ezandleni zikaSathane balalele wonke amazwi akhe. Kepha uSathane uyabayeka yini uma abantu befuna ukukholwa kuNkulunkulu futhi balandele uNkulunkulu? Kulesi simo, ingabe abantu bawela ezandleni zikaSathane ngempela? (Yebo.) Singasho sithi ukuziphatha kukaSathane ngale ndlela akunamahloni ngempela? (Yebo.) Sikusho ngani lokhu? Ngoba lawa ngamacebo okulutha nokukhohlisa. USathane akanamahloni futhi udukisa abantu ukuthi bacabange ukuthi ulawula konke okwabo futhi ulawula lokho abakudalelwe. Lokhu kwenza ukuthi abantu abangenalwazi bamlalele ngokuphelele. Bakhohliswa ngamazwi ambalwa nje. Ekudidekeni kwabo, abantu bayamkhothamela. Ngakho, ingabe yiziphi izinhlobo zezindlela uSathane azisebenzisayo, ingabe yini ayishoyo ukukwenza ukholwe kuye? Ngokwesibonelo, kungenzeka ukuthi awuzange umtshele uSathane ukuthi bangaki abantu abasemndenini wakho, kodwa angasho ukuthi bangaki abantu emndenini wakho, neminyaka yabazali bakho nabantabakho. Noma ubunezinsolo nokungabaza ekuqaleni, emva kokumuzwa esho lezi zinto ngeke yini uzwe ukuthi ungamkholwa kancane? USathane angabe esesho ukuthi ubunzima kanjani umsebenzi kuwe kamuva nje, ukuthi abaphathi bakho abakuniki ukwaziswa okukufanele futhi bahlale bemelene nawe, nokunye. Emuva kokuzwa lokho, ungacabanga, “Kuyiqiniso ngempela! Izinto bezingahambi kahle emsebenzini.” Ngakho ungamkholwa ngokwengeziwe uSathane. Angabe esesho okunye ukuze akukhohlise, akwenze umkholwe ngokwengeziwe. Kancane kancane, ungazithola ungasakwazi ukunqaba noma ukulokhu unezinsolo ngaye. USathane umane asebenzise amaqhinga ambalwa angasho lutho, ngisho amaqhinga amancanyana, ukukudida. Lapho udideka, ngeke ukwazi ukuzithola lapho ukhona, uzobe ungasazi ukuthi kufanele wenzenjani, futhi uzoqala ulandele lokho okushiwo uSathane. Lena yindlela “ehlakaniphe ngokudlulele” uSathane ayisebenzisayo ukukhohlakalisa umuntu okukuholela ogibeni lwakhe ungaqondile bese ekuyenga. USathane ukutshela izinto ezimbalwa abantu abacabanga ukuthi zinhle, bese ekutshela okufanele ukwenze nalokho okufanele ukugweme. Yile ndlela okhohliswa ngayo. Uma uke wabambeka, izinto zikuhambela kabi; uzohlala ucabanga ngalokho uSathane akushilo nalokho akutshele ukuthi ukwenze, futhi uzophathwa nguye ungazi. Kungani lokhu? Ingoba isintu siswele iqiniso ngakho asikwazi ukumelana nokulinga nokuyenga kukaSathane. Sibhekene nobubi kanye nokukhohlisa kukaSathane, ubungozi, kanye nokuba nenzondo kwakhe, isintu asinalwazi, asivuthiwe futhi sibuthakathaka, akunjalo? Lokhu akuyona enye yezindlela uSathane akhohlisa ngazo umuntu? (Yebo.) Umuntu ukhohliswa futhi ayengwe engaboni, kancane kancane, yizindlela zikaSathane ezinhlobonhlobo, ngoba akanalo ikhono lokuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi. Uswele lesi siqu, kanye nekhono lokunqoba uSathane.

e. Indlela USathane Asebenzisa Ngayo Izinkambiso Zabantu Ukukhohlakalisa Umuntu

Zaqala nini izinkambiso zabantu? Ingabe ziqale kule nkathi yamanje? Umuntu angathi izinkambiso zabantu zavela lapho uSathane eqala ukukhohlakalisa abantu. Ingabe izinkambiso zabantu zifakani phakathi? (Izitayela sokugqoka kanye nokuziphaqula.) Lezi yizinto abantu abavame ukuthintana nazo. Izitayela zokugqoka, imfashini, kanye nezinkambiso—lezo zinto zakha ingxenye encane. Ingabe kukhona okunye? Ingabe izisho ezisematheni abantu abavame ukuzisho ziyangena nazo? Ingabe izindlela zokuphila abantu abazifisayo ziyangena? Ingabe ompetha bomculo, osaziwayo, amaphephabhuku, kanye namanoveli abantu abawathandayo kuyangena? (Yebo.) Emiqondweni yenu, yiziphi izingxenye zalezi zinkambiso ezikwazi ukukhohlakalisa umuntu? Ingabe yiziphi izinkambiso kulezi eziyenga kakhulu kini? Abanye abantu bathi: “Sesifike esikhathini sobudala esithile, sesiseminyakeni yamashumi amahlanu, ayisithupha, ayisikhombisa noma ayisishiyagalombili ubudala, futhi asisangeni kulezi zinkambiso futhi azisazihehi.” Ingabe lokhu kuliqiniso? Abanye bathi: “Asibalandeli osaziwayo, leyo yinto eyenziwa yintsha eseminyakeni engamashumi amabili ubudala; futhi asizigqoki izingubo eziyimfeshini, leyo yinto eyenziwa abantu abathanda ukubukeka kahle.” Ngakho yiziphi kulezi ezingakwazi ukunikhohlakalisa? (Izisho ezisematheni.) Ingabe lezi zisho zingakhohlakalisa abantu? Ngizoninika isibonelo, bese nibona ukuthi siyabakhohlakalisa abantu noma cha: “Imali yenza umhlaba uzungeze”; ingabe yinkambiso lena? Akuyona yini into embi kakhulu uma iqhathaniswa nezinkambiso zemfashini nokukhetha kwezokudla enizishilo? “Imali yenza umhlaba uzungeze” yifilosofi kaSathane futhi ivamile esintwini sonke, kuwo wonke umphakathi wabantu. Ningasho nithi yinkambiso ngoba seyifakwe enhliziyweni yawo wonke umuntu. Kusuka ekuqaleni, abantu abasemukelanga lesi sisho, kodwa bafika lapho sebesijwayela khona base besivuma kancane kancane ngenkathi behlangana nempilo yangempela, baqala ukuzwa ukuthi la mazwi empeleni ayeyiqiniso. Akuyona yini lena inqubo kaSathane ekhohlakalisa umuntu? Mhlawumbe abantu abasiqondi lesi sisho ngezinga elifanayo, kodwa bonke abantu banamazinga ahlukene okusiqonda nokusivuma lesi sisho ngenxa yezinto ezenzeke eduze kwabo noma lokho abadlule kukho mathupha. Akunjalo? Kungakhathaleki ukuthi umuntu uhlangene nokungakanani mayelana nalesi sisho, ingabe yimuphi umphumela ongemuhle esingawuletha enhliziyweni yomuntu? Kukhona okwambulwayo ngesimo sobuntu sabantu kulo mhlaba, okufaka omunye ngamunye kini. Kuyini? Kungukukhonza imali. Ingabe kunzima ukukhipha lokhu enhliziyweni yomuntu? Kunzima kakhulu! Sengathi ukukhohlakalisa umuntu kukaSathane kujule kakhulu! USathane usebenzisa imali ukulinga abantu, futhi ubakhohlakalisa ngokubenza bakhonze imali futhi badumise izinto eziphathekayo. Manje lokhu kukhonza imali kubonakala kanjani kubantu? Ingabe nizwa ukuthi anisoze nakwazi ukuphila kulo mhlaba ngaphandle kwemali, ukuthi ngisho usuku olulodwangaphandle kwemali ngeke luphileke nhlobo? Isikhundla sabantu sincike ekutheni banemali engakanani, ngokunjalo nasekuhloniphekeni kwabo. Imihlane yabampofu igobile ngenxa yehlazo, kodwa abanothile bajabulela isikhundla sabo esiphakeme. Bema baqonde futhi beziqhenya, bekhulumela phezulu futhi bephila ngokuzithwala. Ingabe lesi sisho nale nkambiso ilethani kubantu? Ingabe akulona iqiniso ukuthi abantu abaningi banikela nganoma yini ukuze bathole imali? Abantu abaningi abalahli yini isithunzi nobuqotho babo ekushisekeleni kwabo imali eningi? Ngabe abantu abaningi abalahlekelwa yini yithuba lokwenza umsebenzi wabo nokulandela uNkulunkulu ngenxa yemali? Ngabe ukulahlekelwa yithuba lokuzuza iqiniso nokusindiswa akukhona ukulahlekelwa okukhulu kunakho konke kubantu? Akamubi yini uSathane ngokusebenzisa le ndlela kanye nalesi sisho ukukhohlakalisa umuntu ngaleli zinga? Akulona yini iqhinga elinenzondo leli? Lapho uqhubeka kusukela ekuphikiseni lesi sisho esisematheni kuze kufike ngokugcina usemukele njengeqiniso, inhliziyo yakho iwela esandleni sikaSathane ngokuphelele, ngakho-ke, ngaphandle kwenhloso, uzithola usuphila ngaso lesi sisho. Ingabe lesi sisho sikuthinte ngezinga elingakanani? Ungase uyazi indlela yeqiniso, futhi ungase ulazi iqiniso, kodwa awunawo amandla okulifuna. Ungase wazi ngokucacile ukuthi amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso, kodwa awuzimisele ukukhokha inani noma ukuhlupheka ukuze uzuze iqiniso. Esikhundleni salokho, ukhetha ukunikela ngekusasa lakho nalokho okumiselwe ukuze umelane noNkulunkulu kuze kube sekugcineni. Kungakhathaleki ukuthi uNkulunkulu uthini, kungakhathaleki ukuthi uNkulunkulu wenzani, kungakhathaleki ukuthi ubona kangakanani ukuthi uNkulunkulu ukuthanda ngokujule futhi kakhulu kangakanani, ungaphikelela ngenkani ukwenza ngokubona kwakho futhi ukhokhe inani ngalesi sisho. Okusho ukuthi lesi sisho vele sesiyiluthile futhi sayilawula imicabango yakho, sesikubusile ukuziphatha kwakho, futhi nawe ukhetha ukuthi sibuse isiphetho sakho kunokuba uyeke ukufunana nomcebo. Uma abantu benza kanje, ukuthi balawulwe futhi baholwe ngamazwi kaSathane—ngabe lokhu akusho ukuthi sebeluthwe futhi bakhohlakaliswa nguSathane? Ngabe umbono nesimo somqondo kaSathane, kanye nesimo sikaSathane, akuzigxilisile izimpande enhliziyweni yakho? Lapho ufuna umnotho ngobumpumputhe, futhi uyeka ukufuna iqiniso, akusho yini ukuthi uSathane usephumelele enhlosweni yakhe yokukulutha? Lokhu kunjalo ngempela. Ngakho uyakwazi yini ukuzwa lapho usuluthwe futhi wakhohlakaliswa nguSathane? Awukwazi. Uma ungakwazi ukubona uSathane emi lapha phambi kwakho, noma ukuzwa ukuthi nguSathane osebenza emathunzini, ungakwazi yini ukubona ububi bukaSathane? Ungayazi yini indlela uSathane akhohlakalisa ngayo isintu? USathane ukhohlakalisa umuntu ngazo zonke izikhathi futhi kuzo zonke izindawo. USathane ukwenza kube nzima kakhulu ukuthi umuntu azivikele kulokhu kukhohlakaliswa futhi wenza umuntu azizwe engenakuzisiza kukho. USathane ukwenza wamukele imicabango yakhe, imibono yakhe kanye nezinto ezimbi ezivela kuyena ezimweni lapho ungazi khona futhi lapho ungaboni ukuthi kwenzekani kuwe. Abantu bayazemukela lezi zinto ngaphandle kokukhononda ngazo. Bayazazisa futhi babambelele kulezi zinto njengegugu, bavumele ukuthi lezi zinto zibenzise izinto futhi zidlale ngabo; abantu baphila kanjena ngaphansi kwamandla kaSathane, babuye balalele uSathane ngaphandle kokucabanga, futhi ukukhohlakalisa umuntu kukaSathane kuya ngokuya kujula.

USathane usebenzisa lezi zindlela eziningi ukukhohlalakisa umuntu. Umuntu unolwazi nokuqonda ezinye izimiso zesayensi, umuntu uphila ngaphansi kwamandla esiko lendabuko, futhi wonke umuntu uyindlalifa nomedlulisi wesiko lendabuko. Umuntu ubophezelekile ukuqhubeka nesiko lendabuko alinikwe nguSathane, futhi umuntu ubuye enze ngokuhambisana nezinkambiso eziphathelene nabantu uSathane azinika isintu. Umuntu akahlukani noSathane, uhambisana nakho konke uSathane akwenzayo, emukela ububi, ukukhohlisa, ukuba nenzondo, nokuzithwala kwakhe. Emuva kokuba umuntu ebe nalezi zimo zikaSathane ingabe ujabulile noma ube nosizi ephila phakathi kwalesi sintu esikhohlakele? (Unosizi.) Kungani usho lokho? (Ngoba umuntu ubophekile futhi ulawulwa yilezi zinto ezikhohlakele, uphila esonweni futhi impilo yakhe imbozeke emzabalazweni olukhuni.) Abanye abantu bafaka izibuko, babukeka behlakaniphile kakhulu; bangakhuluma ngokuhlonipheka kakhulu, ngobuciko nokunengqondo, futhi ngenxa yokuthi sebedlule ezintweni eziningi, kungase kube ukuthi sebebone okuningi futhi sebehlangene nokuningi kakhulu sebenolwazi oluningi. Bangase bakwazi ukukhuluma kabanzi ngezindaba ezinkulu nezincane; bangakwazi futhi ukuhlola ubuqiniso nesizathu sezinto. Abanye bangabuka ukuziphatha nokubonakala kwalaba bantu, kanye nesimilo, ubuntu, nokunye, futhi bangatholi phutha kubo. Abantu abanjalo bayakwazi kakhulu ukuhambisana nezinkambiso zabantu. Nakuba laba bantu sebekhulile, abasileli ezinkambisweni zezikhathi futhi abatholakali bebadala ngendlela yokuthi ngeke besafunda. Emehlweni, akekho ongathola iphutha ngomuntu onjalo, kepha ngaphakathi ukhohlakaliswe ngokuphelele nguSathane. Nakuba kungeke kutholakale phutha kulaba bantu, noma emehlweni abantu bemnene, bephucukile, benolwazi kanye nesimilo esithile, futhi benobuqotho, futhi ngokolwazi bengekho ngaphansi kwabasha uma kuqhathaniswa, nokho, mayelana nemvelo nengqikithi yabo, laba bantu bawumfaneklso ophelele futhi ophilayo kaSathane, bafana ncamashi noSathane. Lokhu “kuyisithelo” sokukhohlakaliswa komuntu nguSathane. Lokhu engikushilo kunganiphatha kabi, kodwa kuyiqiniso. Ulwazi umuntu alufundayo, isayensi ayiqondayo, kanye nendlela ayikhethayo yokuhambisana nezinkambiso zabantu, zonke zingamathuluzi kaSathane okukhohlakalisa umuntu. Lokhu kuyiqiniso ngokuphelele. Ngakho-ke, umuntu uphila esimweni esikhohlakaliswe ngokuphelele nguSathane futhi umuntu akanandlela yokwazi ukuthi buyini ubungcwele bukaNkulunkulu nokuthi iyini ingqikithi kaNkulunkulu. Yingoba emehlweni umuntu akakwazi ukuthola iphutha ngezindlela uSathane akhohlakalisa ngazo umuntu; umuntu akakwazi ukubona ekuziphatheni komuntu ukuthi kukhona okushaya amanzi. Bonke abantu benza imisebenzi yabo ejwayelekile futhi baphila izimpilo ezijwayelekile; bafunda izincwadi namaphephandaba ngokujwayelekile, bafunda futhi bakhulume ngokujwayelekile; abanye abantu sebefunde ngisho izinkambiso ezilungileyo ezimbalwa futhi bakhuluma kahle, bayemukela futhi banomusa, banosizo futhi banesandla esiphayo, futhi bayakugwema ukuphikisana nabanye ngezinto ezincane futhi bayagwema ukusizakala ngabanye abantu. Kepha, isimo sabo esikhohlakele esinobusathane sigxile ekujuleni kwabo futhi le ngqikithi ayinakuguqulwa ngokuthembela emizamweni yangaphandle. Ngenxa yale ngqikithi, umuntu akakwazi ukwazi ubungcwele bukaNkulunkulu, futhi phezu kokuvezwa kwengqikithi yobungcwele bukaNkulunkulu kamuntu, umuntu akabuthathi njengento esemqoka. Lokhu kungenxa yokuthi uSathane usefikile, ngezindlela ezehlukene, ukuzophatha imizwa, amasu, imibono kanye nemicabango yomuntu ngokuphelele. Lokhu kuphatha nokukhohlakalisa akukhona okwesikhashana noma okuqabukela kwenzeka, kodwa kukhona yonke indawo futhi ngazo zonke izikhathi. Ngakho-ke, abantu abaningi asebekholwe kuNkulunkulu iminyaka emithathu noma emine, ngisho neminyaka emihlanu noma eyisithupha, basathatha le micabango, imibono, umqondo namafilosofi amabi uSathane akufake kubo njengamagugu, futhi abakwazi ukukudedela. Ngoba umuntu usemukele izinto ezimbi, ezinokuzithwala nenzondo, ezivela emvelweni kaSathane, ngokungenakugwemeka, ebudlelwaneni bomuntu nabanye abantu, kuvame ukuba nokungqubuzana, izimpikiswano kanye nokungezwani, okudalwa yimvelo kaSathane yokuzithwala. Ukuba uSathane wayenike abantu izinto ezinhle—ngokwesibonelo, ukuba ubuConfusius nobuTao besiko lendabuko umuntu alemukela kwakuthathwa njengezinto ezinhle—abantu abafanayo kufanele ngabe bayakwazi ukuzwana emuva kokwemukela lezo zinto. Pho kungani kunoqhekeko olukhulu phakathi kwabantu asebemukele izinto ezifanayo? Kungani kunjalo? Yingoba lezi zinto zivela kuSathane futhi uSathane udala ukwahlukana phakathi kwabantu. Izinto ezivela kuSathane, kungakhathaleki ukuthi zibukeka zinesizotha noma zizinkulu kangakanani emehlweni, ziletha kumuntu futhi ziveze empilweni yomuntu ukuzithwala kuphela, nenkohliso yemvelo embi kaSathane. Akunjalo? Umuntu owazi ukuzifihla, onomnotho wolwazi noma okhuliswe kahle angakuthola kunzima ukufihla isimo sakhe esikhohlakele esinobusathane. Lokho kusho ukuthi, kungakhathaleki ukuthi lo muntu ubezifihla ngezindlela ezingaki, ukuthi ubucabanga ukuthi ubengongcwele, noma ubucabanga ukuthi uphelelisiwe, noma ubucabanga ukuthi uyingelosi, kungakhathaleki ukuthi ubucabanga ukuthi umsulwa kangakanani, ingabe injani impilo yakhe yangempela ngasese? Ingabe iyiphi ingqikithi ongayibona lapho kwambulwa isimo sakhe? Ngaphandle kokungabaza, ungabona isimilo esikhohlakele sikaSathane. Umuntu uvumelekile ukusho lokho? (Yebo.) Ngokwesibonelo, asithi wazi umuntu oseduze kwenu obumcabanga njengomuntu olungile, mhlawumbe umuntu obumthanda kakhulu. Ngesiqu sakho samanje, ucabangani ngaye? Okokuqala, ubheka ukuthi le nhlobo yomuntu inabo noma cha ubuntu, ukuthi wethembekile, ukuthi unothando lweqiniso lwabantu, ukuthi amazwi nezenzo zakhe kuyabasiza yini abanye. (Akubasizi.) Lokho okubizwa ngomusa, uthando noma ukulunga okuvezwa yilaba bantu, kuyini ngempela? Konke kungamanga, konke kuyisimbozo. Ngemuva kwalesi sembozo kunenhloso efihlakele embi: ukwenza lowo muntu ukuthi athandwe kakhulu futhi enziwe isithixo. Ingabe niyakubona lokhu ngokusobala? (Yebo.)

Izindlela uSathane azisebenzisayo ukukhohlakalisa abantu zilethani esintwini? Ingabe kukhona yini okuhle ezikulethayo? Okokuqala, ingabe umuntu uyakwazi ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi? Ungasho yini ukuthi kulo mhlaba iyanemba yini indinganiso abayisebenzisa ukwahlulela ukuthi into inhle noma imbi, ilungile noma ayilungile, kungakhathaleki ukuthi ngumuntu othile odumile noma omkhulu, noma iphephabhuku elithile, noma olunye ushicilelo? Ingabe ukulinganisa kwabo izigameko nabantu kulungile? Ingabe likhona iqiniso kukho? Ingabe lo mhlaba noma isintu unquma ngobuhle nobubi bezinto ngokusebenzisa iqiniso? (Cha.) Kungani abantu bengenalo lelo khono? Abantu sebefunde ulwazi oluningi kakhulu futhi bazi kakhulu ngesayensi, ngakho banamakhono amakhulu, awanjalo? Ngakho kungani bengakwazi ukuhlukanisa phakathi kwezinto ezinhle nezingezinhle? Kungani kunjalo? (Yingoba abantu abanalo iqiniso: isayensi nolwazi akulona iqiniso.) Konke uSathane akuletha esintwini kubi, kukhohlakele futhi akunalo iqiniso, ukuphila, kanye nendlela. Ngokobubi nokukhohlakala uSathane akuletha kumuntu, ungathi uSathane unothando? Ungasho ukuthi umuntu unothando? Abanye abantu bangathi: “Unephutha, baningi abantu emhlabeni abasiza abampofu noma abangenamakhaya. Ingabe akubona abantu abalungile labo? Kukhona nezinhlangano ezisiza abantu ezenza umsebenzi omuhle, wonke umsebenzi eziwenzayo ingabe awumuhle?” Ungathini kulokho? USathane usebenzisa izindlela nemibono ehlukene ukukhohlakalisa umuntu; Ingabe lokhu kukhohlakaliswa komuntu kuwumqondo ongacacile? Cha, awunakho ukungacaci. USathane futhi wenza izinto ezingokoqobo, futhi uphakamisa umbono noma okucatshangwayo kulo mhlaba nasemphakathini. Kubo bonke ubukhosi naluzo zonke izinkathi uphakamisa umbono futhi afake imicabango emiqondweni yabantu. Le micabango nale mibono iya ngokuya igxila ezinhliziyweni zabantu, bese beqala ukuphila ngayo. Lapho beqala ukuphila ngalezi zinto, ingabe abaphenduli babe uSathane bengahlosile? Ingabe abantu abamunye noSathane? Lapho abantu sebemunye noSathane, ingabe siba yini isimo sengqondo yabo mayelana noNkulunkulu ekugcineni? Ingabe akusona isimo sengqondo esifanayo nalesi uSathane anaso ngoNkulunkulu? Akekho olokothayo ukuvuma lokhu, akunjalo? Kuyesabisa kakhulu! Kungani ngithi imvelo kaSathane imbi? Angikususeli emoyeni lokhu; kunalokho, imvelo kaSathane inqunywa futhi ihlaziywe kususelwa kulokho uSathane akwenzile nezinto azivezile. Uma bengithe nje uSathane mubi, benizocabangani? Benizocabanga ukuthi, “Ngokusobala, uSathane mubi.” Ngakho ngiyakubuza: “Ingabe yiziphi izingxenye zikaSathane ezimbi? Uma uthi: Ukumelana noNkulunkulu kukaSathane kubi,” uzobe ungakakhulumi ngokucacile. Manje ngoba sengiyisho kanje imininingwane, ingabe ninakho ukuqonda ngokuthize okuqukethwe yingqikithi yobubi bukaSathane? (Yebo.) Uma nikwazi ukuyibona ngokucacile imvelo embi kaSathane, khona-ke nizozibona izimo zenu. Ingabe lezi zinto zixhumene? Ingabe lokhu kuxhumana kuyanisiza noma cha? (Yebo.) Uma ngihlanganyela ngengqikithi yobungcwele bukaNkulunkulu, ingabe sikhona yini isidingo sokuthi ngihlanganyele ngengqikithi embi kaSathane? Ingabe uthini umbono wenu ngalokhu? (Yebo, kuyadingeka.) Kungani? (Ububi bukaSathane benza ubungcwele bukaNkulunkulu bugqame.) Ingabe kunjalo? Lokhu kulungile ngokuyingxenye ngoba ngaphandle kokukhohlakala kukaSathane, abantu ngeke bazi ngobungcwele bukaNkulunkulu; kulungile ukusho lokhu. Kepha, uma uthi ubungcwele bukaNkulunkulu bukhona kuphela ngenxa yokuqhathaniswa nobubi bukaSathane, ingabe kulungile lokhu? Le ndlela yokucabanga ngokuqhathanisa ayilungile. Ubungcwele bukaNkulunkulu buyingqikithi yemvelo kaNkulunkulu; ngisho uNkulunkulu ebuveza ngezenzo Zakhe, lokhu kusengukuvezwa ngokuyimvelo kwengqikithi kaNkulunkulu futhi buyingqikithi kaNkulunkulu yemvelo; bebulokhu bukhona njalo futhi buwumgogodla nemvelo kuNkulunkulu uqobo Lwakhe, noma umuntu engakwazi ukububona. Lokhu kungenxa yokuthi umuntu uphila phakathi kwesimo esikhohlakele sikaSathane nangaphansi kwethonya likaSathane, futhi akazi ngobungcwele, ingasaphathwa eyokuthile okuqukethwe ubungcwele bukaNkulunkulu. Ngakho kubalulekile yini ukuthi sixoxe ngengqikithi embi kaSathane kuqala? (Yebo, kunjalo.) Abanye abantu bangaveza ukungabaza ngokuthi, “Uhlanganyela ngoNkulunkulu uqobo Lwakhe, ngakho kungani uhlale ukhuluma ngokuthi uSathane ubakhohlakalisa kanjani abantu nokuthi imvelo kaSathane imbi kanjani?” Manje senikuyekile lokhu kungabaza, angithi? Uma abantu bekwazi ukubona ububi bukaSathane futhi uma benencazelo yakho eqondile, lapho abantu bebona okuthile okuqukethwe nokubonakaliswa ububi, umthombo kanye nobukhona bobubi, kulapho kuphela, lapho kukhulunywa ngobungcwele bukaNkulunkulu manje, abantu sebezobona ngokucacile noma bazi ngokucacile ukuthi buyini ubungcwele bukaNkulunkulu, ukuthi ubungcwele buyini. Uma ngingaxoxi ngobubi bukaSathane, abanye abantu, ngephutha, bazokholwa ukuthi izinto ezithile abantu abazenzayo emphakathini naphakathi kwabantu—noma izinto ezithile ezikulo mhlaba—zingahlobana nobungcwele. Lo mbono awulona yini iphutha? (Yebo. Uyilo.)

Ngoba sengihlanganyele ngengqikithi kaSathane ngale ndlela, ingabe wuhlobo nithole luhlobo luni lokuqonda mayelana nobungcwele bukaNkulunkulu ngalokho enidlule kukho eminyakeni embalwa esanda kudlula, kusukela ekufundeni kwenu izwi likaNkulunkulu nokuzwa umsebenzi Wakhe? Qhubekani futhi nikhulume ngakho. Awudingi ukusebenzisa amazwi azwakala kahle ezindlebeni, kodwa khuluma nje ususela kulokho odlule kukhona. Ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu buqukethe uthando Lwakhe kuphela? Ingabe wuthando lukaNkulunkulu kuphela esiluchaza njengobungcwele? Lokho kungabe kuwukubuka uhlangothi olulodwa kakhulu, akunjalo? Ngaphandle kothando lukaNkulunkulu, ingabe zikhona ezinye izingxenye zengqikithi kaNkulunkulu? Senike nazibona? (Yebo. UNkulunkulu uyayizonda imikhosi namaholide, amasiko, kanye nezinkolelo-ze; nalokhu wubungcwele bukaNkulunkulu.) UNkulunkulu ungcwele, ngakho-ke uzonda izinto, ingabe nichaza lokho? Emsukeni wabo, buyini ubungcwele bukaNkulunkulu? Ingabe kusho ukuthi ubungcwele bukaNkulunkulu abuqukethe lutho olusemqoka ngaphandle kwenzondo? Emiqondweni yenu nicabanga nithi, “Ngoba uNkulunkulu uzonda lezi zinto ezimbi, ngakho umuntu angathi uNkulunkulu ungcwele”? Akukhona yini ukuqagela lokhu? Akulona yini uhlobo lokucabangela nokwahlulela? Kungabe yisiphi isinyathelo esigeja kakhulu okufanele sigwenywe nakanjani uma kuza ekuqondeni ingqikithi kaNkulunkulu? (Kulapho sishiya iqiniso ngemuva, bese sikhuluma ngezimfundiso.) Lokhu kuyisinyathelo esigeja kakhulu. Ingabe kukhona okunye? (Ukuqagela nokuzakhela ngengqondo.) Nazo lezi yizinyathelo ezigejayo. Kungani ukuqagela nokucabanga okwakhiwe ngengqondo kungenalusizo? Ingabe izinto oziqagelayo nezinto oziqamba ekhanda yizinto ongazibona ngempela? Ingabe ziyingqikithi yangempela kaNkulunkulu? (Cha.) Ingabe yini enye okumele igwenywe? Ingabe kuwukunganyatheli ngendlela ukukhuluma uhide lwamagama azwakala kahle ukuchaza ingqikithi kaNkulunkulu? (Yebo.) Akukhona yini lokhu ukugabisa nokungabi nangqondo? Ukwehlulela nokuqagela akunangqondo, njengokukhetha amagama azwakala kahle nje. Ukudumisa okungasho lutho nakho akunangqondo, akunjalo? Ingabe uNkulunkulu uyathanda ukulalela abantu bekhuluma lolu hlobo lwembudane? (Cha, akunjalo.) Uzizwa engakhululekile uma eluzwa! Lapho uNkulunkulu eqondisa futhi esindisa iqembu labantu, emuva kokuthi leli qembu labantu selizwile amazwi Akhe, basasala bengaqondi neze ukuthi uchaza ukuthini. Umuntu angabuza athi: “Ingabe uNkulunkulu ulungile?” Futhi bona bangaphendula bathi, “Yebo!” “Ingabe ulunge kanjani?” “Ulunge kahle kakhulu!” “Ingabe uNkulunkulu uyamthanda umuntu?” “Yebo!” “Kangakanani? Ungakuchaza yini?” “Kakhulu kakhulu! Uthando lukaNkulunkulu lujulile kunolwandle, luphakeme kunesibhakabhaka!” Ingabe akuyona imbudane lena? Ingabe le mbudane ayifani nalokhu enisanda kukusho nithi, “UNkulunkulu uzonda isimo sikaSathane esikhohlakele, ngakho-ke uNkulunkulu ungcwele”? (Yebo.) Akuyona yini imbudane lokhu enisanda kukusho? Ingabe livelaphi iningi lezinto eziyimbudane ezishiwoyo? Izinto eziyimbudane ezishiwoyo zivela ikakhulukazi ekunganakini nasekungahloniphini uNkulunkulu kwabantu. Ingabe singasho kanjalo? Ubungenakho ukuqonda kepha namanje ukhulume imbudane, akukhona ukunganaki lokho? Ingabe akukhona ukungahloniphi uNkulunkulu? Ufundile ulwazi oluthile, waqonda ukucabanga okuncane kanye nokusebenzisa umqondo okuncane, okusebenzisile, futhi, ngaphezu kwalokho, ukwenzele ukuba wazi uNkulunkulu. Ingabe ucabanga ukuthi uNkulunkulu akakhululeki uma ezwa ukhuluma ngale ndlela? Ningazama kanjani ukwazi uNkulunkulu nisebenzisa lezi zindlela? Akuzwakali yini kabi uma nikhuluma kanjalo? Ngakho-ke, uma kufika ekwazini ngoNkulunkulu, kufanele ucophelele kakhulu; khuluma lokho kuphela okwaziyo ngoNkulunkulu. Khuluma ngokuthembeka nangokoqobo futhi ungahlobisi amazwi akho ngokuncoma okuyinjwayelo futhi ungasebenzisi ukuncoma okukhohlisayo; uNkulunkulu akakudingi; le nhlobo yento ivela kuSathane. Isimo sikaSathane sinokuzithwala; uSathane uyathanda ukunconywa nokuzwa amazwi amnandi. USathane angathokoza futhi ajabule uma abantu bekhipha uhla lwawo wonke amazwi amnandi abawafundile bese bewasebenzisela uSathane. Kodwa uNkulunkulu akakudingi lokhu; uNkulunkulu akakudingi ukudunyiswa noma ukunconywa futhi akadingi ukuthi abantu bakhulume imbudane futhi bamdumise ngobumpumputhe. UNkulunkulu uyakwenyanya futhi ngeke akulalele nokukulalela ukudunyiswa nokunconywa okungahambelani neqiniso. Ngakho uma abanye abantu bedumisa uNkulunkulu ngokungeqotho futhi benza izifungo baphinde bathandaze ngobumpumputhe Kuye, uNkulunkulu akalaleli nhlobo. Kufanele ukumele okushoyo. Uma into ungayazi, vele usho njalo; uma into uyazi, yibeke ngendlela yoqobo. Ngakho, mayelana nokuqukethwe ubungcwele bukaNkulunkulu ngempela, unakho ukubuqonda ngokuyiqiniso? (Lapho ngiveza ukuhlubuka, lapho ngenza izono, ngathola ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu, futhi kulokho ngabona ubungcwele bukaNkulunkulu. Futhi lapho ngihlangana nezimo ezingahambisani nalokho engikulindele, ngathandaza ngalezi zinto futhi ngafuna izinhloso zikaNkulunkulu, nalapho uNkulunkulu engikhanyisela futhi engihola ngamazwi Akhe, ngabona ubungcwele bukaNkulunkulu.) Lokhu kuvela kulokho ohlangene nakho. (Kulokho uNkulunkulu akushilo ngakho, ngikubonile lokho umuntu abe yikho emva kokukhohlakaliswa nokulinyazwa nguSathane. Nokho, uNkulunkulu unikele konke ukuze asisindise futhi kulokhu ngibona ubungcwele bukaNkulunkulu.) Lena yindlela yangempela yokukhuluma; ulwazi lwangempela. Ingabe kukhona ezinye izindlela ezehlukile zokuqonda lokhu? (Ngibona ububi bukaSathane emazwini awasho ukuze ayengele u-Eva ekoneni nasekulingeni iNkosi uJesu. Emazwini uNkulunkulu atshela ngawo u-Adamu no-Eva ngalokho ababengakudla nalokho ababengafanele ukukudla, ngibona ukuthi uNkulunkulu ukhuluma ngokuqondile, ngokuhlanzekile, nangokwethembeka; kulokhu ngibona ubungcwele bukaNkulunkulu.) Lapho senikuzwile ukuphawula okulapha ngenhla, akabani amazwi eningathi “amen” kakhulu kuwo? Ukuhlanganyela kukabani okusondele kakhulu esihlokweni sokuhlanganyela kwethu kwanamhlanje. Akabani amazwi anamaqiniso kakhulu? Beyinjani inhlanganyelo kadade ogcinile? (Beyiyinhle.) Nithi “amen” kulokho akushilo. Ingabe yini ayishilo ebishaya emhlolweni? (Emazwini udade aqeda ukuwakhuluma, ngizwe ukuthi izwi likaNkulunkulu liqondile futhi licace kakhulu, futhi alifani nhlobo namazwi kaSathane azombezayo. Ngibone ubungcwele bukaNkulunkulu kulokhu.) Lokhu yingxenye yakho. Bekukuhle? (Yebo.) Kuhle kakhulu. Ngiyabona ukuthi nizuze okuthile kulokhu kuhlanganyela okubili kwakamuva, kodwa kufanele niqhubeke nisebenze kanzima. Isizathu sokuthi nisebenze kanzima yingoba ukuqonda ingqikithi kaNkulunkulu kuyisifundo esijule kakhulu; akuyona into umuntu ayiqonda ngobusuku obubodwa nje, noma angayisho ngokucacile ngamazwi ambalwa nje.

Yonke ingxenye yesimo sabantu esikhohlakele esinobusathane, ulwazi, ifilosofi, imicabango nemibono yabantu, kanye nokuphathelene nomuntu siqu kuyabakhinyabeza kakhulu ekutheni bazi ingqikithi kaNkulunkulu; ngakho uma nizwa lezi zihloko, ezinye zazo zingabonakala ziqhelile kini; ezinye izihloko kungenzeka ningaziqondi, kanti ezinye izihloko ungase ungakwazi ngempela ukuzihlanganisa nempilo yangempela. Nakuba kunjalo, ngizwile ngokuqonda kwenu ubungcwele bukaNkulunkulu futhi ngiyazi ukuthi ezinhliziyweni zenu seniyaqala ukuvuma lokho engikushilo futhi ngahlanganyela ngakho mayelana nobungcwele bukaNkulunkulu. Ngiyazi ukuthi isifiso senu sokuqonda ingqikithi yobungcwele bukaNkulunkulu siyaqala ukuhluma ezinhliziyweni zenu. Kodwa okungenza ngijabule ngokwengeziwe ukuthi abanye benu sebekwazi ukusebenzisa amagama alula kakhulu ukuchaza ulwazi lwenu ngobungcwele bukaNkulunkulu. Nakuba ukusho lokhu kuyinto elula, futhi ngikushilo ngaphambili, kodwa ezinhliziyweni zeningi lenu, anikawemukeli la mazwi, futhi impela awakanithinti. Noma kunjalo, abanye benu bawafakile emqondweni la mazwi. Lokhu kuhle impela futhi kuyisiqalo esithembisa kakhulu. Ngiyethemba ukuthi nizoqhubeka nokucabanga futhi nihlanganyele ngokwengeziwe ngezihloko enicabanga ukuthi zijulile—noma izihloko eziqhelile kini. Kulezo zindaba eziqhelile kini kuzoba khona umuntu ozoninika ukuqondisa okuthe xaxa. Uma nihlanganyela kakhudlwana ngalezo zingxenye enifinyelela kuzona manje, uMoya oNgcwele uzokwenza umsebenzi Wakhe futhi nizofinyelela ekuqondeni okuthe ngokwengeziwe. Ukuqonda ingqikithi kaNkulunkulu nokwazi ingqikithi kaNkulunkulu kubaluleke kakhulu ekungeneni kwabantu ekuphileni. Ngithemba ukuthi ngeke nikuzibe lokhu noma nikubone njengomdlalo, ngoba ukwazi uNkulunkulu kuyisisekelo sokholo lomuntu nesikhiye ekufuneni komuntu iqiniso nokuthola insindiso. Uma abantu bekholwa kuNkulunkulu kepha bengamazi, uma bephila kuphela phakathi kwamagama nezimfundiso ezithile, ngeke kwenzeke ukuba bathole insindiso noma ngabe benza futhi bephila ngokuhambisana nomqondo weqiniso okha phezulu. Okungukuthi, uma ukholwa kuNkulunkulu kodwa ungamazi, khona-ke ukholo lwakho alunamsebenzi futhi aluphethe lutho lwangempela. Niyaqonda, angithi? (Yebo, siyaqonda.) Ukuhlanganyela kwethu kuzophela lapha namhlanje.

Januwari, 4 2014

Okwedlule: UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IV

Okulandelayo: UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VI

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp