UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VI

Ubungcwele BukaNkulunkulu (III)

Isihloko esahlanganyela ngaso mhla sigcina sasingobungcwele bukaNkulunkulu. Ubungcwele bukaNkulunkulu buphathelene nayiphi ingxenye kaNkulunkulu uqobo Lwakhe? Ingabe buphathelene nengqikithi kaNkulunkulu? (Yebo.) Ngakho iyiphi ngempela ingxenye yengqikithi kaNkulunkulu esikhulume ngayo ekuhlanganyeleni kwethu? Ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu? Ubungcwele bukaNkulunkulu buyingqikithi kaNkulunkulu eyingqayizivele. Yini esemqoka ebiqukethwe ukuhlanganyela kwethu mhla sigcina? (Ukubona ububi bukaSathane. Okungukuthi, indlela uSathane akhohlakalisa ngayo isintu esebenzisa ulwazi, isayensi, isiko lendabuko, inkolelo-ze, kanye nezinkambiso zabantu.) Lesi yisihloko esiphambili esigcine sikhulume ngaso. USathane usebenzisa ulwazi, isayensi, inkolelo-ze, isiko lendabuko, kanye nezinkambiso zabantu ukukhohlakalisa umuntu; yilezi izindlela—ziyisihlanu sezizonke—uSathane azisebenzisa ukukhohlakalisa umuntu. Ingabe iyiphi ocabanga ukuthi uSathane uyisebenzisa ukonalakisa umuntu ngokujule kakhulu? (Isiko lendabuko. Lokhu kungenxa yokuthi amafilosofi obusathane njengezimfundiso zikaConfucius noMencius angene ajula emiqondweni yethu.) Ngakho, abanye abafowethu nodadewethu bakholwa ukuthi “yisiko lendabuko.” Ukhona onempendulo eyehlukile? (Ulwazi. Ulwazi alusoze lwasivumela ukuba sikhonze uNkulunkulu. Luyakuphika ukuba khona kukaNkulunkulu, futhi luyakuphika ukubusa kukaNkulunkulu. Okungukuthi, uSathane usitshela ukuthi sifunde kusukela sisebancane, kanye nokuthi ukufunda nokuzuza ulwazi kuphela okuyokwenza ikusasa lethu nalokho esikudalelwe kuqiniseke.) USathane usebenzisa ulwazi ukulawula ikusasa lakho nalokho okudalelwe, bese ekudonsa ngekhala; lena yindlela ocabanga ukuthi uSathane ukhohlakalisa ngayo umuntu ngokujule kakhulu. Ngakho, iningi lenu licabanga ukuthi uSathane usebenzisa ulwazi ukukhohlakalisa umuntu ngokujule kakhulu. Ukhona omunye onombono owehlukile? Nithini ngesayensi noma nezinkambiso zabantu, ngokwesibonelo? Ingabe ukhona obona lezi zinto njengempendulo? (Yebo.) Namhlanje ngizophinda ngihlanganyele ngezindlela ezinhlanu uSathane akhohlakalisa umuntu ngazo, futhi, uma sengiqedile, ngizonibuza eminye imibuzo ethile ukuze sibone ukuthi kukuyiphi ingxenye ngempela lapho uSathane ekhohlakalisa khona umuntu ngokujule kakhulu.

Izindlela Ezinhlanu USathane Akhohlakalisa Ngazo Umuntu

a. USathane Usebenzisa Ulwazi Ukukhohlakalisa Umuntu, futhi Usebenzisa Udumo Nemihlomulo Ukumlawula

Phakathi kwezindlela ezinhlanu uSathane akhohlakalisa ngazo umuntu, eyokuqala esikhulume ngayo ulwazi, ngakho-ke masithathe ulwazi kuqala njengesihloko sokuhlanganyela. USathane usebenzisa ulwazi njengesiyengo. Lalelisisa: Ulwazi luwuhlobo nje lwesiyengo. Abantu bahehwa ukuthi bafunde ngokuzikhandla futhi bazithuthukise nsuku zonke, benze ulwazi lube yisikhali bese behloma ngalo, basebenzise ulwazi ukuvula isango eliya kwisayensi; ngamanye amazwi, lapho uzuza ulwazi kakhudlwana, uzoqonda kakhudlwana. USathane utshela abantu konke lokhu; utshela abantu ukuthi bazibekele imigomo ephakeme lapho befunda ulwazi, ebatshela ukuthi bakhulise ukulangazelela nezifiso. Abantu bengazi, uSathane udlulisa imiyalezo eminingi enjalo, enza abantu ukuthi, ngokungazi, bacabange ukuthi lezi zinto zilungile, noma ziwusizo. Abantu bahamba kule ndlela bengazi, beholelwa phambili, bengazi, yimigomo yabo kanye nokulangazelela kwabo. Isinyathelo ngesinyathelo, abantu, bengazi, bafunda olwazini abalunikwe nguSathane izindlela abantu abaphakeme noma abadumile abacabanga ngazo. Bafunda nezinye izinto ezenzweni zabantu ababathatha njengamaqhawe. Yini esezenzweni zala maqhawe uSathane akhuthaza ngayo umuntu? Yini afuna ukuyifaka kumuntu? Lowo muntu kufanele ashisekele izwe lakubo, abe nobuqotho mayelana nezindaba zesizwe, futhi abe nobuqhawe emoyeni. Ingabe yini umuntu ayifundayo ezindabeni zomlando noma izindaba ngabantu abangamaqhawe? Ukuthi abe nokuthembeka, ukuzimisela ukwenza noma yini ngenxa yabangani bakhe noma abafowabo. Phakathi kwalolu lwazi lukaSathane, umuntu, engazi, ufunda izinto eziningi ezingezinhle neze. Phakathi kwalokhu kungazi, kutshalwa imbewu elungiswe uSathane emiqondweni yabantu engavuthiwe. Le mbewu ibenza bazizwe befanele ukuba abantu abakhulu, befanele ukuduma, befanele ukuba ngamaqhawe, ukuthanda izwe lakubo, babe ngabantu abathanda imindeni yabo, futhi babe ngabantu abangamenzela noma yini umngani futhi abanokwethembeka. Beyengwe uSathane, bahamba ngokungazi endleleni uSathane abalungiselele yona. Njengoba behamba kule ndlela, bayaphoqeleka ukwemukela imithetho kaSathane yokuphila. Bengazi nhlobo, bazakhela ngokwabo imithetho abaphila ngayo, kodwa le mithetho iyimithetho kaSathane nje kuphela efakwe kubo ngempoqo. Ngesikhathi befunda, uSathane ubenza bazakhele ezabo izinjongo, bazinqumele imigomo yokuphila, imithetho abaphila ngayo, nomzila abahamba kuwo empilweni, kanti ngaso sonke leso sikhathi ubafaka izinto zikaSathane, esebenzisa izindaba, imilando yabantu, nazo zonke izindlela ezingasetshenziswa ukuheha abantu ukuthi, kancane kancane, bathathe isiyengo. Ngale ndlela, ngesikhathi befunda, abanye bagcina bethanda imibhalo yezincwadi, abanye ezomnotho, abanye isayensi yezinkanyezi noma isifundo ngokwakheka kwendawo. Bese kuba khona labo abagcina bethanda ezombusazwe, abanye abathanda isayensi yezinto zemvelo, abanye isayensi yemithi yemvelo yomhlaba, ngisho nabanye abathanda isifundo ngoNkulunkulu. Konke lokhu kuyiziyingxenye zolwazi. Ezinhliziyweni zenu, nonke, ngamunye, niyazi ukuthi lezi zinto zimayelana nani; umuntu ngamunye kinina uke wahlangabezana nazo ngaphambili. Noma ubani kinina angakhuluma angaphezi ngolulodwa noma olunye lwala magatsha olwazi. Ngakho futhi kuyacaca ukuthi lolu lwazi selungene lwajula kangakanani emqondweni womuntu, kulula ukubona indawo ethathwe ilolu lwazi emiqondweni yabantu kanye nokujula komphumela walo kumuntu. Lapho umuntu ethanda ingxenye yolwazi, lapho umuntu eba nothando olujulile lwengxenye eyodwa, uzithola enezinto azilangazelelayo yena enganakile: Abanye abantu bafuna ukuba abalobi, abanye bafuna ukubhala izincwadi zezindaba, abanye bafisa ukuziphilisa ngokusebenza kwezombusazwe, futhi abanye bafuna ukusebenza kwezomnotho futhi babe osomabhizinisi. Bese kubakhona ingxenye yabantu abafuna ukuba amaqhawe, ukuba bakhulu noma badume. Kungakhathaleki ukuthi umuntu ufuna ukuba uhlobo olunjani lomuntu, injongo yakhe ukuthatha le ndlela yokufunda ulwazi futhi ayisebenzisele izifiso zakhe, ukufeza izifiso zakhe, nezinto azilangazelelayo. Kungakhathalekile ukuthi izwakala kahle kanjani—ukuthi bafuna ukufeza amaphupho abo, ukungaphileli ize, noma ukuba nomsebenzi othile wokuziphilisa—bakhulisa lezi zifiso eziphakeme kanye nokulangazela izinto eziphakeme kodwa, empeleni, ingabe konke kwenzelwani? Ingabe nike nakucabanga lokhu ngaphambili? Ingabe kungani uSathane enza izinto ngale ndlela? Yini inhloso kaSathane ngokufaka lezi zinto kumuntu? Izinhliziyo zenu kufanele zicaciseleke ngalo mbuzo.

Manje asikhulume ngendlela uSathane usebenzisa ngayo ulwazi ukukhohlakalisa umuntu. Okokuqala, kufanele siziqonde ngokucacile lezi zinto: Ngolwazi, yini uSathane afuna ukuyinika umuntu? Ingabe uhola umuntu ukuba alandele luphi uhlobo lwendlela? (Indlela eya ekumelaneni noNkulunkulu.) Yebo, kunjalo impela—owokumelana noNkulunkulu. Uyabona-ke ukuthi lona nguumphumela wokuthola kwabantu ulwazi—baqala ukumelana noNkulunkulu. Ngakho yiziphi izinjongo zikaSathane ezimbi? Anicaciselekile ngalokhu, akunjalo? Ngesikhathi sokufunda komuntu ulwazi, uSathane usebenzisa noma iyiphi indlela, noma ngabe ukuxoxa izindaba, ebanika nje ucezu olulodwa lolwazi, noma ebavumela ukuba benelise ukufisa kwabo noma ukulangazelela kwabo. Iyiphi indlela uSathane afuna ukukuhola kuyo? Abantu bacabanga ukuthi akukho lutho olungalungile ngokufunda ulwazi, ukuthi kuyindlela efanele ngokuphelele. Ukukubeka ngendlela ezwakalayo, ukugcina izifiso eziphakeme noma ukuba nokulangazelela ukuba nentshisekelo, futhi lokhu kufanele kube yindlela elungile empilweni. Ingabe akuyona indlela yokuphila enhle kakhulu uma kugcwaliseka izifiso zabo, noma beqala umsebenzi ngempumelelo? Ngokwenza lezi zinto, umuntu akagcini ngokuhlonipha okhokho kuphela, kodwa futhi unethuba lokubeka induku ebandla emlandweni—ingabe akuyona into enhle leyo? Lena yinto enhle emehlweni abantu basezweni, futhi kubo kufanele kube yinto efanele nenhle. Ingabe uSathane, nokho, nezinjongo zakhe ezimbi, ufaka abantu kulolu hlobo lwendlela bese kuphela kanjalo? Chabo. Eqinisweni, akukhathaleki ukuthi okufiswa yinhliziyo yomuntu kuphakeme kangakanani, akukhathaleki ukuthi ngezingafezeka kangakanani izifiso zomuntu noma zifaneleke kangakanani, konke umuntu afisa ukukufeza, konke lokho umuntu akufunayo, kuxhumene ngokungeke kuhlukaniswe namagama amabili. La magama amabili abaluleke kakhulu empilweni yawo wonke umuntu, futhi ayizinto uSathane ahlose ukuzifaka kumuntu. Ingabe imaphi la magama amabili? “Udumo” kanye “nenzuzo”. USathane usebenzisa indlela enobuqili kakhulu, indlela ehambisana kakhulu nemibono yabantu, okungehlukile nhlobo kokujwayelekile, enza ngayo ukuthi abantu bemukele indlela yakhe yokuphila, imithetho yakhe yokuphila, nokubeka izinhloso zokuphila nento abayiphilelayo, futhi, ekwenzeni kanjalo baba nezinto abazilangazelelayo empilweni. Kungakhathaleki ukuthi lokhu abakulangazelelayo empilweni kuzwakala kusezingeni eliphezulu kangakanani, nokho kuxhumene ngokungehlukaniswe “nodumo” kanye “nenzuzo.” Konke umuntu omkhulu noma odumile akulandelayo empilweni—bonke abantu, eqinisweni—kuhlobene nala magama kuphela: “Udumo” kanye “nenzuzo.” Abantu bacabanga ukuthi uma sebenodumo nenzuzo, bangasebenzisa lezi zinto ukuze bathole izikhundla eziphakeme nengcebo enkulu, futhi bathokozele impilo. Bacabanga ukuthi udumo nenzuzo kuwuhlobo lwemali abangayisebenzisa ukuze bathole impilo yokufuna intokozo nokujabulisa inyama okungenakuzithiba. Ukuze bathole udumo nenzuzo abayifisayo, abantu bayavuma, nakuba bengazi, ukuthatha imizimba yabo, imiqondo, konke abanakho, ikusasa labo kanye neziphetho zabo bakunike uSathane. Bakwenza lokhu ngaphandle ngisho kokuzindela okuncane, bengenalo nhlobo ulwazi mayelana nesidingo sokubuyiselwa konke abakunika uSathane. Ingabe abantu basengakwazi ukuzilawula uma becasha kuSathane futhi baze bathembeke kuye ngale ndlela? Abasoze. Sebelawulwa nguSathane ngokuphelele. Sebecwile ngokuphelele obhukwini futhi abakwazi ukuzikhipha. Uma umuntu esebishe odakeni lodumo nenzuzo, akabe esakufuna okukhanyayo, okulungileyo, noma izinto ezinhle futhi ezilungile. Lokhu kwenziwa ukuthi amandla okuyenga udumo nenzuzo okunawo phezu kwabantu makhulu kakhulu; kuphenduka izinto abantu abazishisekelayo kukho konke ukuphila kwabo ngisho nasephakadeni elingenakuphela. Akulona iqiniso lokhu? Abanye abantu bazothi ukufunda ulwazi kuwukufunda izincwadi nje noma ukufunda izinto ezimbalwa abangakazazi kuphela, ukuze bangadli ngoludala noma ukuze bangasali kokwezwe. Ulwazi balufundela kuphela ukuze bazondle, ngenxa yekusasa labo noma ngenxa yezidingo eziyisisekelo. Ukhona umuntu ongabekezelela ishumi leminyaka yokufunda kanzima ngenxa yezidingo eziyisisekelo nje, ukuxazulula indaba yokudla nje? Cha, abekho abantu abanjena. Ngakho yini lena eyenza umuntu ehlelwe yilobu bunzima yonke le minyaka? Wudumo nenzuzo. Udumo nenzuzo kumlindele ngaphambili, kuyambiza, futhi ukholwa ukuthi angayilandela leyo ndlela eyomholela ekutholeni udumo nenzuzo ngokukhuthala, ubunzima nokuzabalaza kwakhe kuphela. Umuntu onjalo kumele ehlelwe yilobu bunzima ukuze athole indlela yekusasa lakhe, ukuthokoza kwakhe okuzayo kanye nempilo engcono. Luyini ngempela lolu lwazi—ningangitshela? Akuyona yini imithetho nezimiso zokuphila okufakwa uSathane kumuntu, okufana nokuthi “Thanda iqembu, thanda izwe, bese uthanda inkolo yakho” nokuthi “Umuntu ohlakaniphile uthobela izimo”? Akuzona yini “izifiso eziphakeme” ezifakwe uSathane kumuntu? Thatha, ngokwesibonelo, imibono yabantu abakhulu, ubuqotho babantu abanodumo noma umoya onesibindi wabantu abangamaqhawe, noma ukuhlonipha nomusa wamaqhawe nezingwazi zakumanoveli axoxa ngobuciko bezokulwa—zonke lezi akuyizo izindlela uSathane afaka ngazo izifiso zenhliziyo yakhe? Le mibono inethonya esizukulwaneni nesizukulwane, futhi abantu besizukulwane ngasinye benziwa ukuba bayemukele le mibono. Bahlala bezabalaza befuna “izifiso eziphakeme” abaze banikele nangempilo yabo ngenxa yazo. Yilena indlela nesu uSathane asebenzisa ngakho ulwazi ukuze akhohlakalise abantu. Ngakho, emva kokuba uSathane eseholele abantu kule ndlela, bayakwazi yini ukulalela nokukhonza uNkulunkulu? Futhi bayakwazi yini ukwamukela amazwi kaNkulunkulu nokufuna iqiniso? Akwenzeki neze—ngoba sebedukiswe nguSathane. Ake silubheke futhi ulwazi, imicabango, nemibono efakwa nguSathane kubantu: Ngabe lezi zinto ziqukethe amaqiniso okulalela uNkulunkulu nokukhonza uNkulunkulu? Akhona amaqiniso okwesaba uNkulunkulu nokugwema ububi? Akhona amazwi kaNkulunkulu? Ikhona into kuwona ehlobene neqiniso? Akukho lutho—lezi zinto azikho nhlobo. Ningaqiniseka ngokuthi izinto ezifakwe nguSathane kubantu aziliqukethe iqiniso? Ngeke—kodwa akunandaba. Inqobo nje uma nibona ukuthi “udumo” “nenzuzo” kungamagama amabili asemqoka uSathane awasebenzisayo ukuyengela abantu endleleni yobubi, khona-ke lokho kwanele.

Ake sibuyekeze kancane esesikuxoxile kuze kube manje: USathane usebenzisani ukugcina umuntu elawulwa nguye ngokuphelele? (Udumo nenzuzo.) Ngakho, uSathane usebenzisa udumo nenzuzo ukulawula imicabango yomuntu kuze kuthi konke angakucabanga kube wudumo nenzuzo. Umuntu ulwela udumo nenzuzo, wehlelwa ubunzima ngenxa yodumo nenzuzo, ubekezelela ukululazeka ngenxa yodumo nenzuzo, unikela konke anakho ngenxa yodumo nenzuzo, futhi angenza noma kuphi ukwahlulela noma isinqumo ngenxa yodumo nenzuzo. Ngale ndlela, uSathane ubopha abantu ngamaketanga angabonakali, futhi abanawo amandla noma isibindi sokuwalahla. Ngokungazi, bathwala la maketanga bese bedavuza beya phambili ngobunzima obukhulu. Ngenxa yalolu dumo nenzuzo, isintu sigwema uNkulunkulu futhi siyamkhaphela bese siya ngokuya sikhohlakala kakhudlwana. Ngakho, ngale ndlela, izizukulwane zabhubha ngokulandelana odumweni nenzuzo kaSathane. Uma sibheka manje izenzo zikaSathane, ingabe izinjongo zakhe ezikhohlakele azenyanyeki ngokuphelele? Mhlawumbe namhlanje anikaboni ngale kwezinjongo ezikhohlakele zikaSathane ngoba nicabanga ukuthi umuntu akakwazi ukuphila ngaphandle kodumo nenzuzo. Nicabanga ukuthi uma abantu beshiya udumo nenzuzo ngemuva, ngeke besayibona indlela eya phambili, ngeke besakwazi ukubona imigomo yabo, ikusasa labo lizoba mnyama, lifiphale futhi libe libi. Kodwa, kancane, nonke niyobona ngelinye ilanga ukuthi udumo nenzuzo kungamaketanga amakhulukazi uSathane awasebenzisayo ukubopha umuntu. Lapho lolo suku lufika, uyomelana ngokuphelele nokulawulwa uSathane futhi uyomelana ngokuphelele namaketanga uSathane awasebenzisayo ukukubopha. Lapho kufika isikhathi sokuba ufise ukulahla zonke izinto uSathane azifake kuwena, uyobe sewuhlukana ngokuphelele noSathane futhi uyokuzonda ngempela konke uSathane akulethe kuwe. Yilapho kuphela isintu esiyoba khona nokuthanda nokulangazelela uNkulunkulu kwangempela.

b. USathane Usebenzisa Isayensi Ukukhohlakalisa Umuntu

Sisanda kukhuluma ngokuthi uSathane usebenzisa kanjani ulwazi ukukhohlakalisa umuntu, ngakho manje masihlanganyele ngokuthi uSathane uyisebenzisa kanjani isayensi ukukhohlakalisa umuntu. Okokuqala, uSathane usebenzisa igama lesayensi ukwenelisa ilukuluku lomuntu, isifiso somuntu ukuhlola isayensi, nokuphenya izimfihlakalo. Egameni lesayensi, uSathane wenelisa izidingo zomuntu eziphathekayo kanye nesidingo somuntu sokuhlala enza ngcono izinga lempilo. Ngakho-ke uSathane, ngaleli qhinga, usebenzisa isayensi ukuze akhohlakalise umuntu. Ingabe uSathane ukhohlakalisa ukucabanga komuntu noma imiqondo yabantu kuphela lapho esebenzisa isayensi ngale ndlela? Phakathi kwabantu, izigameko, nezinto ezisezindaweni ezisizungezile esizibonayo nesihlangabezana nazo, yikuphi okunye uSathane asebenzisa kukho isayensi ukukukhohlakalisa? (Indawo yemvelo.) Niqinisile. Kubonakala sengathi lokhu kunilimaze kakhulu, futhi kuniphathe kabi kakhulu. Ngaphandle kokusebenzisa konke okutholakele neziphetho zesayensi ezinhlobonhlobo ukukhohlisa umuntu, uSathane usebenzisa isayensi futhi ukuze adale incithakalo nokuba axhaphaze indawo yokuphila umuntu ayinikwa nguNkulunkulu. Ukwenza lokhu ngeqhinga lokuthi uma umuntu enza ucwaningo lwezesayensi, indawo yokuphila yomuntu nezinga lokuphila labantu kuzoqhubeka kuthuthuka, nokuthi, ngaphezu kwalokho, inhloso yokuthuthuka ngokwesayensi wukuhlinzeka izidingo zansukuzonke zabantu ezikhulayo kanye nesidingo sokulokhu benza ngcono izinga lempilo yabo. Lokhu kuyisisekelo somcabango wokuthuthukisa kukaSathane isayensi. Nokho, yini isayensi eyilethele isintu? Ngabe isimo esiphila kuso—nesimo okuphila kuso sonke isintu—asingcolisiwe? Ngabe umoya ophefumulwa ngumuntu awungcolisiwe? Ngabe ukudla esikudlayo kusemsulwa futhi kusengokwemvelo? Izinhlamvu nemifino eminingi sekuguqulwe ngokwezakhi zofuzo, sekukhuliswa ngomanyolo wokwakhiwa, futhi okunye kuyizinto ezithe ukwehluka ezakhiwe ngokusebenzisa isayensi. Imifino nezithelo esizidlayo akusezona ezemvelo. Akuselula manje kubantu ukuthola amaqanda emvelo, namaqanda awasanambitheki njengoba ayenjalo ngaphambili, asedlule enqubeni yalokhu okubizwa ngempumelelo yesayensi kaSathane. Uma sikubuka sekukonke, umkhathi sewuwonke sewonakele futhi wangcoliswa; izintaba, amachibi, amahlathi, imifula, ulwandle, nakho konke okungaphezulu nangaphansi komhlabathi kukhohlakaliswe yimpumelelo yale sayensi. Ngamafuphi, sonke isimo sendawo yemvelo, isimo sokuphila esanikwa isintu uNkulunkulu, sesibulewe futhi soniwa yilokhu okubizwa ngesayensi. Nakuba bebaningi abantu abakutholile abebekufisa mayelana nezinga lempilo abalifunayo, benelisa izifiso kanye nenyama yabo, indawo umuntu ahlala kuyo ibhujiswe futhi yoniwa kakhulu “yimpumelelo” enhlobonhlobo elethwe yisayensi. Manje, asisenalo ilungelo lokuphefumula umphefumulo owodwa womoya ohlanzekile. Akulona usizi lwesintu lolu? Nithi isekhona noma injabulo umuntu angakhuluma ngayo lapho kufanele aphile kulolu hlobo lwendawo? Le ndawo nesimo sokuhlala umuntu ahlala kuso, kusukela ekuqaleni uqobo, yadalwa uNkulunkulu eyidalela umuntu. Amanzi aphuzwa abantu, umoya ophefumulwa abantu, ukudla okunhlobonhlobo okudliwa abantu, kanye nezitshalo nezinto eziphilayo, ngisho nezintaba, amachibi, nezilwandle—zonke izingxenye zendawo yokuphila kwanikwa umuntu nguNkulunkulu; kuyimvelo, kusebenza ngokuhambisana nomthetho wemvelo owabekwa nguNkulunkulu. Ukuba bekungekho isayensi, abantu ngabe basalandela izindlela abazinikwa nguNkulunkulu, bebezokwazi ukujabulela konke okusesimweni sakho esihle kakhulu sasekuqaleni nokuyimvelo, futhi bebezothokoza. Manje, nokho, konke lokhu sekubhidliziwe futhi koniwa nguSathane; indawo yomuntu yokuhlala yasekuqaleni ayisekho esimweni sayo esihle kakhulu sasekuqaleni. Kepha akekho okwazi ukubona ukuthi yini eyadala lokhu noma ukuthi kwenzeka kanjani lokhu, futhi abantu abaningi kakhulu babuka futhi baqonda isayensi ngokusebenzisa imibono efakwe kubo nguSathane. Ingabe lokhu akunyanyeki kakhulu futhi akudabukisi? Njengoba uSathane manje esethathe indawo lapho isintu siphila khona nesimo sendawo yabo yokuhlala futhi wabakhohlakalisa baze baba kulesi simo, futhi njengoba isintu siqhubeka sithuthuka ngale ndlela, ingabe sikhona isidingo sokuba uNkulunkulu azibhubhisele laba bantu? Uma abantu beqhubeka nokuthuthuka ngale ndlela, ingabe baqondephi? (Bazobhujiswa.) Bazobhujiswa kanjani? Ngaphezu kokucinga komuntu udumo nenzuzo ngomhobholo, bayaqhubeka benza ukuhlola kwesayensi nocwaningo olujulile, bese, ngokungaphezi, benelisa izidingo zabo nezifiso eziphathekayo; kuba namiphi-ke imiphumela kumuntu? Okokuqala, akusekho ukusebenza ngokulingana kwezinto ezisemhlabeni, futhi, lapho kwenzeka lokhu, imizimba yabantu, izitho zabo zangaphakathi, kungcolisiwa futhi kulinyazwe yilolu hlobo lwesimo sendawo, olungasasebenzi ngokulingana, bese kusabalala nezifo ezithathelwanayo ezininginingi, nobhubhane emhlabeni wonke. Akulona yini iqiniso ukuthi lesi yisimo umuntu angenakho ukusilawula manje? Manje njengoba senikuqonda lokhu, uma isintu singamlandeli uNkulunkulu, kodwa sihlale silandela uSathane ngale ndlela—sisebenzisa ulwazi ukuze siqhubeke nokuzinothisa, sisebenzisa isayensi singaphezi sihlola ikusasa lempilo yesintu, sisebenzisa lolu hlobo lwendlela ukuze siqhubeke nokuphila—ingabe niyakwazi ukubona ukuthi isintu siyogcina kanjani? Isintu sizophela ngokwemvelo: Ngaleso naleso sinyathelo, isintu sisondela ekubhubheni, siya ekubhubheni kwaso! Ngabe lokhu akukhona yini ukuzilethela ukubhubha? Futhi akuwona yini umphumela wokuthuthuka kwesayensi? Kubukeka sengathi manje isayensi iwuhlobo lomuthi womlingo uSathane awulungiselele umuntu, ukuze kuthi uma nizama ukuqondisisa izinto, nikwenze nisofasimbeni olunenkungu; noma ningazama kangakanani, ngeke nikwazi ukuziqonda. USathane, nokho, usasebenzisa igama lesayensi ukukulola nokukudonsa ngekhala, unyawo phambi kolunye, ekuyisa ngakwalasha nangasekufeni. Futhi njengoba kunje, abantu bazobona ngokucacile ukuthi empeleni ukubhubha komuntu kulethwa yisandla sikaSathane—uSathane uyishoshozela. Akunjalo? (Yebo, kunjalo.) Lena yindlela yesibili uSathane akhohlakalisa ngayo isintu.

c. USathane Usebenzisa Isiko Lendabuko Ukukhohlakalisa Umuntu

Indlela yesithathu uSathane akhohlakalisa ngayo isintu yisiko lendabuko. Kuningi ukufana phakathi kwesiko lendabuko nenkolelo-ze, kodwa umehluko ukuthi nje isiko lendabuko linezindaba, ukugudla kanye nemithombo ethile. USathane uqambe futhi wakha izinganekwane noma izindaba ezivela ezincwadini zomlando, eshiya abantu nemizwa ejulile ngabantu bamasiko endabuko noma benkolelo-ze. Ngokwesibonelo, eShayina kukhona “Abangafiyo Abayisishagalombili Bewela Ulwandle”, “Uhambo oluya eNtshonalanga,” “Umbusi We-Jade,” “UNezha Enqoba INkosi Engudrako,” nendaba ethi, “Ukumiswa Konkulunkulu”. Ingabe lezi zindaba azikakheli zajula emiqondweni yabantu? Ngisho noma abanye benu bengayazi yonke imininingwane, niyazazi izindaba ezivamile, futhi yilokhu okuqukethwe okuvamile okunamathela enhliziyweni yakho nasemqondweni wakho, futhi awukwazi ukukukhohlwa. Le yimibono noma izinganekwane ezehlukene uSathane azihlelela umuntu kudala kakhulu, futhi ezisabalaliswe ezikhathini ezihlukene. Lezi zinto zilimaza futhi zithunaza ngqo imiphefumulo yabantu futhi zihungule abantu ziphindelela. Okungukuthi uma usulemukele leli siko lendabuko, izindaba noma izinto eziyinkolelo-ze, uma lezi zinto sezakhele emqondweni wakho, futhi uma sezinamathele enhliziyweni yakho, khona-ke kufana nokuthi uhunguliwe—uyahileleka futhi uthonywe yile mihlobiso yamasiko, yile mibono kanye nezindaba zendabuko. Zithonya impilo yakho, ukubuka kwakho impilo, nokwahlulela kwakho izinto. Okunye okungaphezulu ukuthi zithonya ukushisekela kwakho indlela yangempela yokuphila: Lokhu ukuhungulwa okubi ngempela. Noma uzama kangakanani, awukwazi ukukuvuthulula; uyakugawula kodwa akugawuleki; uyakushaya kodwa awukwazi ukukushaya. Ukwedlula lokho, emuva kokuthi abantu sebefakwe ngaphansi kwalolu hlobo lokuhungulwa, bengazi, baqala ukukhonza uSathane, bagcine umfanekiso kaSathane ezinhliziyweni zabo. Ngamanye amazwi, babeka uSathane njengesithixo sabo, into yabo abangayikhonza futhi bayethembe, kuze kufike lapho beyithatha njengoNkulunkulu. Abantu abazi ukuthi lezi zinto zisezinhliziyweni zabo, zilawula amazwi nezenzo zabo. Ngaphezu kwalokho, uqale uthathe lezi zindaba nezinganekwane njengamanga, bese, ngokungazi, ukwemukela ukuba khona kwalezi zindaba, uzenze imifanekiso yangempela, bese uziphendula izinto ezikhona ngempela. Ngokungazi, unganakile wemukela le mibono nobukhona balezi zinto. Unganakile, wemukela futhi odeveli, uSathane nezithixo ekhaya lakho nasenhliziyweni yakho—lokhu ukuhunguleka impela. Ingabe la mazwi ayezwakala kini? (Yebo.) Bakhona phakathi kwenu abake bashisa impepho futhi bakhonza uBuddha? (Yebo.) Sasiyini isizathu sokushisa impepho nokukhuleka kuBuddha? (Sasithandazela ukuthula.) Uma senicabanga ngakho manje, ingabe kunayo ingqondo ukuthandazela ukuthula kuSathane? Ingabe uSathane uletha ukuthula? (Cha.) Niyabona ukuthi naningenalwazi kangakanani ngaleso sikhathi? Lolo hlobo lokuziphatha alunayo ingqondo, alunalo ulwazi futhi lunobungane, akunjalo? USathane uzikhathaza kuphela ngokuthi angakukhohlakalisa kanjani. USathane futhi ngeke akunike ukuthula, angakunika kuphela ikhefu lesikhashana. Kodwa ukuze uthole leli khefana, kufanele wenze isifungo, futhi uma usiphula isithembiso noma isifungo osenze kuSathane, uyobona ukuthi uzokuhlupha kanjani. Ngokukwenza ukuthi wenze isifungo, empeleni ufuna ukukulawula. Ngesikhathi nithandazela ukuthula, ingabe nakuthola ukuthula? (Cha.) Anizange nikuthole ukuthula, kodwa kunalokho imizamo yenu yaletha amashwa, nezinhlekelele ezingapheli—ulwandlekazi olungenamkhawulo lomunyu ngempela. Akukho ukuthula lapho kubusa khona uSathane, futhi lokhu kuyiqiniso. Lokhu kuwumphumela owalethwa yinkolelo-ze yasemandulo nesiko lendabuko esintwini.

d. USathane Usebenzisa Izinkambiso Zabantu Ukukhohlakalisa Umuntu

Indlela yokugcina uSathane akhohlakalisa futhi alawule ngayo umuntu ngeyokusebenzisa izinkambiso zabantu. Izinkambiso zabantu zithinta imikhakha eminingi, okufaka izingxenye eziningi ezifana nokukhonza abantu abadumile nabakhulu, kanye nezilomo zamabhayisikobho nomculo, ukukhonza abantu abangosaziwayo, imidlalo ye-inthanethi, nokunye—konke lokhu kuyingxenye yalezi zinkambiso zabantu, futhi akukho sidingo sokuthi size singene emininingwaneni lapha. Sizokhuluma kuphela ngemiqondo elethwa yizinkambiso zabantu kubantu, indlela ezenza ngayo abantu ukuthi baziphathe ngayo emhlabeni, nemigomo yempilo kanye nesimo sengqondo ezisakhayo kubantu. Lezi zinto zibaluleke kakhulu; zingalawula futhi zithonye imicabango nemibono yabantu. Lezi zinkambiso ziqhamuka zilandelane, futhi zonke ziphethe ithonya elibi eliqhubekayo nokona isintu, lenza abantu balahlekelwe unembeza, ubuntu nomqondo, futhi lehlisa isimilo nezinga lobuqotho ngokwengeziwe, kuze kufike ezingeni lapho singathi iningi labantu manje abanabo nhlobo ubuqotho, abanabo ubuntu, futhi abanawo nonembeza, ingasaphathwa eyomqondo. Ngakho yiziphi lezi zinkambiso zabantu? Yizinkambiso ongeke ukwazi ukuzibona ngamehlo enyama. Lapho inkambiso ivunguza emhlabeni wonke, mhlawumbe yisibalo esincane kuphela sabantu abazoba sekhaleni layo, abazoba ngabahlahli bendlela. Baqala ngokwenza into ethile entsha, bese bemukela uhlobo oluthile lombono noma indlela ethile yokubuka izinto. Iningi labantu, nokho, lizolokhu liqhubeka lingenwa, lihehwa, futhi lihungulwa yile nkambiso lingaboni, baze bayemukele bonke, baphinde bacwile kuyo futhi balawulwe yiyo bengaboni. Izinkambiso ezinjalo, ngokulandelana, zenza ukuthi abantu abangenawo umzimba nomqondo ohluzekile, abahlale bengazi ukuthi liyini iqiniso, futhi abangakwazi ukubona umahluko phakathi kwezinto ezinhle nezingezinhle, bazemukele ngenjabulo lezi zinkambiso kanye nemibono emayelana impilo nezimiso ezivela kuSathane. Bemukela lokho uSathane abatshela khona ngokuthi bayithathe kanjani impilo nendlela yokuphila uSathane “abanika” yona bese bengabi namandla noma ikhono, ingasaphathwa eyokubona, ukuze balwe. Ngakho zibonakala kanjani lezi zinkambiso? Ngikhethe isibonelo esilula eningaya ngokuya nisiqonda. Ngokwesibonelo, abantu kudala babephatha amabhizinisi abo ngendlela eyayingakhohlisi muntu; babedayisa izinto ngenani elifanayo kungakhathaleki ukuthi ubani othengayo. Ingabe akukhonjiswa uphawu oluncance lukanembeza nobuntu lapha? Lapho abantu benza amabhizinisi abo kanje ngezinhliziyo ezimhlophe, kukhombisa ukuthi babesenonembeza othile nobuntu obuthile ngaleso sikhathi. Kepha ngenxa yokukhula kokufuna komuntu imali, abantu, bengazi, baqala ukuthanda imali, inzuzo nokwenama ngokwengeziwe. Ngabe abantu ababuki imali njengento ebaluleke kakhulu kunakuqala? Uma abantu bebuka imali njengento ebaluleke kakhulu, bazithola sebeqala ukungalinaki igama labo, ukwaziwa kwabo, igama elihle, nobuqotho babo, abenzi kanjalo? Uma wenza ibhizinisi, ubona omunye eceba ngokulutha abantu. Nakuba imali ayitholile iyinzuzo etholwe ngendlela embi, uya ngokuceba kakhulu. Ukubona konke okuthokozelwa wumndeni wakhe kuyakucasula: “Sisebhizinisini sobabili, kodwa yena ucebile. Kungani ngingakwazi ukwenza imali eningi? Ngeke ngikumele lokhu—kufanele ngithole indlela yokwenza imali eningi.” Emva kwalokho, ucabanga kuphela ngendlela yokwakha umcebo wakho. Uma usuyekile ukukholwa ukuthi “imali kufanele itholakale ngonembeza, ngokungaqoli muntu,” lapho-ke usuqhutshwa umhobholo, indlela yakho yokucabanga iya ngokuya iguquka, njengoba ziguquka nezimiso eziphethe ukwenza kwakho. Uma uqola umuntu okokuqala, uzwa ulahlwa ngunembeza, futhi inhliziyo yakho ithi kuwe, “Uma sekwenzekile lokhu, ngiyagcina ukuqola umuntu. Ukuhlale uqola abantu kuzoholela ekujezisweni!” Lo ngumsebenzi kanembeza womuntu—ukuba ube nokuzikhuza nokukusola, ukuze kungezwakali kahle uma uqola umuntu. Kodwa emuva kokukhohlisa umuntu ngempumelelo uyabona manje ukuthi usunemali eningi kunakuqala, futhi ucabange ukuthi le ndlela ingaba wusizo kakhulu kuwena. Naphezu kobuhlungu obufiphele enhliziyweni yakho, uzwa ukuthi zincome ngenxa yempumelelo yakho, futhi uzizwa unokuthokoza okuncane ngokwenzile. Okokuqala ngqa, uvumelana nokuziphatha kwakho kanye nenkohliso yakho. Lapho umuntu esengcoliswe yilokhu kuqola, kuyafana nomuntu ongena ekugembuleni bese eba ngumgembuli. Unganakile, uyavumelana nokuziphatha kwakho okuqolayo futhi uyakwemukela. Unganakile, uthatha ukuqola njengokuziphatha okuvunyelwe umthetho kwezokuthengiselana nanjengendlela ewusizo kakhulu yokuphila nokuziphilisa; ucabanga ukuthi ngokwenza lokho ungaceba ngokushesha. Inqubo ihamba kanje: Ekuqaleni, abantu abakwazi ukwemukela lokhu kuziphatha bese beyibukela phansi le ndlela yokuziphatha neyokwenza. Bese beqala ukuyizama le ndlela yokuziphatha, bezama ukuyenza ngendlela yabo, bese izinhliziyo zabo ziqala ukuguquka kancane kancane. Luhlobo luni lwenguquko lolu? Ukuvuma nokwamukela le nkambiso, lo mqondo ofakwe kuwe yinkambiso yabantu. Ngokunganaki, uzwa ukuthi uma ungaqoli abantu lapho wenza ibhizinisi, uzolahlekelwa; uma ungaqoli abantu, uzizwa ulahlekelwe okuthile. Unganakile, lokhu kuqola kuba umphefumulo wakho uqobo, umgogodla wakho, nohlobo lokuziphatha olungayekeki, oluyisimiso sokuphila kwakho. Emuva kokuthi umuntu esekwamukele lokhu kuziphatha nalokhu kucabanga, ingabe lokhu akulethile uguquko enhliziyweni yakhe? Inhliziyo yakho seyiguqukile, ngakho ingabe ubuqotho bakho sebuguqukile nabo? Ingabe ubuntu bakho sebuguqukile? Ingabe-ke unembeza wakho usuguqukile? Bonke ubuwena, kusuka enhliziyweni yakho kuya emicabangweni yakho, kusuka ngaphakathi kuya ngaphandle, sebuguqukile, futhi lolu guquko ngolwezinga lobunjalo. Lolu guquko luya ngokuya lukuqhelisela kude kakhulu noNkulunkulu, futhi uya ngokuya uhambisana kakhulu noSathane; uya ngokuya ufana noSathane, okuholela ekuthini ukukhohlakala kukaSathane kukwenze ube yidimoni.

Uma ubuka lezi zinkambiso zabantu, ungasho yini ukuthi zinomthelela omkhulu kubantu? Ngabe zinomphumela olimaza ngokujulile kubantu? Zinawo umphumela olimaza ngokujule kakhulu kubantu. Yiziphi izingxenye zomuntu uSathane azikhohlakalisa ngokusebenzisa lezi zinkambiso zabantu ngazinye? USathane ukhohlakalisa kakhulu unembeza, umqondo, ubuntu, isimilo, nendlela umuntu abuka ngayo impilo. Manje lezi zinkambiso zabantu aziyi ngokuya zehlisa futhi zikhohlakalisa abantu? USathane usebenzisa lezi zinkambiso zabantu ukuyengela abantu esidlekeni sodeveli ngesinyathelo emva kwesinye, ukuze abantu ababhajwe kulezi zinkambiso zabantu, ngokungazi, baphakamise imali kanye nezifiso zokuphathekayo, ububi nendluzula. Uma lezi zinto sezingene enhliziyweni yomuntu, umuntu ube esephenduka eba yini? Umuntu uba udeveli, uSathane! Kwenziwa yini lokhu? Ngoba, yisiphi isimo somqondo esikhona enhliziyweni yomuntu? Yini ehlonishwa umuntu? Umuntu uqala ukuthanda ububi nendluzula, angalukhombisi nhlobo uthando nokulunga, kungasaphathwa ukuthula. Abantu abazimisele ukuphila impilo elula yobuntu obujwayelekile, kodwa esikhundleni salokho, bafisa ukujabulela isikhundla esiphakeme kanye nengcebo enkulu, ukuzitika ngezinjabulo zenyama, benza konke okusemandleni ukwenelisa inyama yabo, ngaphandle kwezithiyo, kungekho zibopho zokubavimba, ngamanye amazwi, benza noma yini abayifisayo. Ngakho, uma umuntu esecwile kulezi zinhlobo zezinkambiso, ulwazi olufundile lungakusiza yini ukuba uzikhulule? Ingabe ukuqonda kwakho isiko lendabuko kanye nezinkolelo-ze ozaziyo kungakusiza ukuthi uphunyuke kule nkinga enzima? Ingabe imikhuba yokuziphatha nemikhosi yendabuko eyaziwa umuntu ingamsiza ukuthi azithibe? Thatha ama-Analect neTao Te Ching njengesibonelo. Kungabasiza yini abantu ukuba bakhiphe izinyawo zabo obhukwini lwalezi zinkambiso ezimbi? Ngeke kwenzeke nhlobo. Ngale ndlela, umuntu uya ngokuya eba mubi, ezithwala, ebukela phansi, ezicabangela yena, futhi enenzondo. Alusekho uthando phakathi kwabantu, alusekho uthando phakathi kwamalunga omndeni, akusekho ukuzwana phakathi kwezihlobo nabangani; ubudlelwano babantu sebugcwele indluzula. Wonke umuntu ngamunye ufuna ukusebenzisa izindlela zendluzula ukuze aphile phakathi kwabanye abantu; bathatha eyabo indlela yokuziphilisa besebenzisa indluzula; bazuza izikhundla zabo futhi bathole izinzuzo zabo ngokusebenzisa indluzula, futhi basebenzisa izindlela ezinendluzula nezimbi ukwenza noma yini abayifunayo. Ingabe lobu buntu abesabisi? Buyesabisa, kakhulu futhi: Abagcinanga nje ngokubethela uNkulunkulu, kodwa babezobulala bonke abamlandelayo—ngoba umuntu mubi ngokwedlulele. Emuva kokuzwa zonke lezi zinto engiqeda kukhuluma ngazo, ingabe anicabangi ukuthi kuyesabeka ukuphila kulesi simo, kulo mhlaba, naphakathi kwalezi zinhlobo zabantu uSathane akhohlakalisa abantu kuzo? (Yebo.) Ngakho, nake nazizwa nina qobo nidabukisa? Kufanele ukuthi niyakuzwa lokho kancane manje? (Yebo.) Ngokuzwa isimo sephimbo lenu, kungathi nicabanga ukuthi “USathane usebenzisa izindlela eziningi kakhulu ukukhohlakalisa umuntu. Usebenzisa wonke amathuba futhi ukhona yonke endawo lapho sishona khona. Ingabe umuntu usengasindiswa?” Ingabe umuntu usengasindiswa? Ingabe abantu bangazisindisa? (Cha.) Ingabe uMbusi we-Jade angasindisa umuntu? Ingabe uConfucius angasindisa umuntu? Ingabe uGuanyin Bodhisattva angasindisa umuntu? (Cha.) Ngakho ngubani ongasindisa umuntu? (UNkulunkulu.) Abanye abantu, nokho, bazozibuza le mibuzo ezinhliziyweni zabo: “USathane usilimaza ngolaka kakhulu, ngokungalawuleki kangangokuthi asinalo ithemba lokuphila, noma ikuphi ukwethemba ukuphila. Sonke siphila phakathi kwenkohlakalo, futhi wonke umuntu umelana noNkulunkulu vele, manje futhi izinhliziyo zethu sezicwile zaze zafika ekugcineni. Pho ukuphi uNkulunkulu ngesikhathi uSathane esikhohlakalisa? UNkulunkulu wenzani? Noma yini uNkulunkulu asenzela yona, asiyizwa!” Abanye abantu, ngokungeke kugwemeke, bezwa bedumele futhi futhi benokudangala ngokuthile, akunjalo? Kinina, lo muzwa ujule kakhulu ngoba konke lokhu ebengikusho bekungokokwenza abantu ukuthi babe nokuqonda kancane kancane, baye ngokuya bezwa ukuthi abanalo ithemba, baye ngokuya bezwa ukuthi bafulathelwe uNkulunkulu. Kodwa ningakhathazeki. Isihloko sokuhlanganyela kwethu namhlanje, “Ububi bukaSathane,” asiyona indikimba yethu yangempela. Ukuze sikhulume ngengqikithi yobungcwele bukaNkulunkulu, nokho, kufanele siqale sikhulume ngokuthi uSathane umkhohlakalisa kanjani umuntu nangobubi bukaSathane ukwenza kucace kakhudlwana kubantu ukuthi wuhlobo olunjani lwesimo umuntu akusona manje. Enye inhloso yokukhuluma ngalokhu ukuvumela abantu ukuthi bazi ububi kukaSathane, kanti enye ukuvumela abantu ukuthi baqonde ngokujule kakhudlwana ukuthi ubungcwele bangempela buyini.

Ingabe angikhulumanga ngokunemininingwane ngalezi zinto esiqeda kuzixoxa uma kuqhathaniswa nesikhathi esedlule? Ingabe ukuqonda kwenu sekujule kakhudlwana manje? (Yebo.) Ngiyazi ukuthi abantu abaningi manje balindele ukuthi ngisho ukuthi ubungcwele bukaNkulunkulu buyini ngempela, kodwa uma ngikhuluma ngobungcwele bukaNkulunkulu ngizoqale ngikhulume ngezenzo uNkulunkulu azenzayo. Kufanele nilalelisise nonke. Kamuva, ngizonibuza ukuthi buyini ngempela ubungcwele bukaNkulunkulu. Ngeke nginitshele ngqo, kodwa esikhundleni salokho, ngizoniyeka nizame ukukuqonda; ngizoninika ithuba ukuthi nikuqonde. Nicabangani ngale ndlela? (Izwakala iyinhle.) Lalelani ngokucophelela-ke ngenkathi ngiqhubeka.

Ukuqonda Ubungcwele BukaNkulunkulu Ngokubuka Lokho Akwenza Kumuntu

Noma nini lapho uSathane ekhohlakalisa umuntu noma elimaza ngendlela engenakuzithiba, uNkulunkulu akami nje angenzi lutho, noma abachilizele eceleni noma abazibe labo abakhethile. UNkulunkulu ukuqonda ngokucace ngokuphelele konke okwenziwa nguSathane. Noma ngabe uSathane wenzani, noma ngabe iyiphi inkambiso ayivusayo, uNkulunkulu wazi konke lokho uSathane azama ukukwenza, futhi uNkulunkulu akabadeli labo abakhethile. Esikhundleni salokho, ngaphandle kokuzidonsela amehlo—ngokuyimfihlo, buthule—uNkulunkulu wenza konke okudingekayo. Lapho uNkulunkulu eqala ukusebenza kumuntu, uma esemkhethile umuntu, akayimemezeli kumuntu le ndaba, noma amemezele kuSathane, kungasaphathwa ukuthi akhombise ngophawu olukhulu. Wenza lokho okudingekayo, ngokuthula okukhulu, kalula kakhulu nje. Okokuqala, ukukhethela umndeni; uhlobo lwesisekelo somndeni wakho, abazali bakho, okhokho bakho—konke uNkulunkulu ukunquma kungakenzeki. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu akazithatheli emoyeni nje lezi zinqumo; kunalokho, kade awuqala lo msebenzi. Uma uNkulunkulu esekukhethele umndeni, ukhetha usuku ozozalwa ngalo. Emuva kwalokho, uNkulunkulu uyabuka njengoba uzalwa futhi ufika ukhala emhlabeni. Ubuka ukuzalwa kwakho, uyabuka lapho ukhuluma amagama akho okuqala, uyabuka lapho ukhubeka futhi ucathula, uthatha amagxathu akho okuqala ngenkathi ufunda ukuhamba. Okokuqala uthatha igxathu elilodwa bese uthatha elinye … futhi manje usuyagijima, usuyagxuma, usuyakhuluma, futhi usuveza imizwa yakho. Njengoba abantu bekhula, amehlo kaSathane abagqolozele bonke, njengengwe ibuka inyamazane yayo. Kepha ekwenzeni umsebenzi Wakhe, uNkulunkulu akakaze ahlushwe ukuthiywa okuvela kubantu, izehlo, noma izinto, indawo noma isikhathi; wenza lokho okufanele akwenze futhi wenza lokho okumele akwenze. Ngesikhathi ukhula, ungahlangabezana nezinto eziningi ongazithandi, njengokugula kanye nokukhathazeka. Kodwa njengoba uhamba le ndlela, impilo yakho kanye nekusasa lakho kungaphansi kokunakekela kukaNkulunkulu kuphela. UNkulunkulu ukunika isiqiniseko sangempela esizoba khona impilo yakho yonke, ngoba useduze kakhulu nawe, ukubhekile futhi uyakunakekela. Ukhula ungakwazi lokhu. Uqala ukuhlangabezana nezinto ezintsha futhi uqale ukwazi lo mhlaba kanye nalesi sintu. Yonke into incwaba futhi intsha kuwe. Kukhona izinto othanda ukuzenza. Uphila phakathi kobuntu bakho, uphila endaweni yakho futhi awunakho nokuncane ukuqonda ngobukhona bukaNkulunkulu. Kepha uNkulunkulu uyakubuka kuzo zonke izigaba njengoba ukhula, futhi uyakubuka lapho uthatha zonke izinyathelo eziya phambili. Ngisho lapho ufunda ulwazi, noma ufunda isayensi, akaze nakanye uNkulunkulu akushiye. Uyafana nabanye abantu kulokho, ngesikhathi usawufunda umhlaba futhi ubhekana nawo, uzibekele imiqondo yokufiswa yinhliziyo yakho, unemisebenzana yakho yokuchitha isizungu, izinto ozithandayo, futhi ugcine ukulangazelela izinto eziphakeme. Uvame ukuzindla ngekusasa lakho, uvame ukudweba umfanekiso wokuthi ikusasa lakho kufanele libukeke kanjani. Kodwa kungakhathaleki ukuthi kuvelani endleleni, uNkulunkulu ukubona ngokusobala konke ngenkathi kwenzeka. Mhlawumbe wena uqobo usukhohliwe okwenzeke empilweni yakho enkathini edlule, kodwa kuNkulunkulu, akekho ongakuqonda kangcono ukudlula Yena. Uphila phansi kweso likaNkulunkulu, ukhula, uvuthwa. Ngalesi sikhathi, umsebenzi kaNkulunkulu obaluleke kakhulu yinto okungekho muntu oke ayiqonde, into okungekho muntu oyaziyo. UNkulunkulu ngokuqinisekile akatsheli muntu ngayo. Ngakho yini le nto ebaluleke ukwedlula konke? Kungashiwo ukuthi yisiqiniseko sokuthi uNkulunkulu uzosindisa umuntu. Lokhu kusho ukuthi uma uNkulunkulu efuna ukusindisa lo muntu, kumele akwenze lokhu. Lo msebenzi ubaluleke kakhulu kumuntu nakuNkulunkulu. Niyazi ukuthi uyini? Kusengathi aninamuzwa ngalokhu, noma imuphi umqondo ngakho, ngakho ngizonitshela. Kusukela esikhathini uzelwe kuze kube manje, uNkulunkulu usenze umsebenzi omningi kuwe, kodwa akakunikezi ukusuka nokuhlala kwakho konke akwenzile. UNkulunkulu akazange akuvumele ukuba ukwazi lokhu, futhi akazange akutshele. Nokho, kumuntu, yonke into ayenzayo, ibalulekile. NgokukaNkulunkulu, kuyinto okumele ayenze. Enhliziyweni Yakhe kukhona into ebalulekile okudinga ukuthi ayenze eyedlula noma iyiphi kulezi zinto. Okungukuthi, kusukela umuntu ezelwe kuze kube manje, uNkulunkulu kufanele aqinisekise ukuphepha kwakhe. Emva kokuzwa la mazwi, ningezwa sengathi aniqondi ngokugcwele. Ningabusza nithi, “Ingabe lokhu kuphepha kubaluleke kangako?” Ngakho, iyini incazelo esobala “yokuphepha”? Mhlawumbe niqonda ukuthi kuchaza ukuthula noma mhlawumbe niqonda ukuthi kuchaza ukungadluli engozini enkulu noma enhlekeleleni, ukuphila kahle, ukuphila impilo ejwayelekile. Kodwa ezinhlizyweni zenu, kumele niqonde ukuthi akulula kanjalo. Ngakho-ke yini ngempela le nto ebengikhuluma ngayo, lena uNkulunkulu okufanele ayenze? Ukuphepha kuchaza ukuthini kuNkulunkulu? Ingabe ngempela kuyisiqinisekiso sencazelo ejwayelekile “yokuphepha”? Cha. Ngakho yini leyo uNkulunkulu ayenzayo? Lokhu “kuphepha” kuchaza ukuthi ngeke ushwabadelwe uSathane. Ingabe lokhu kubalulekile? Ukungashwabadelwa uSathane—ingabe lokhu kumayelana nokuphepha kwakho, noma cha? Yebo. kumayelana nokuphepha kwakho siqu, futhi ayikho into engabaluleka kakhulu kunaleyo. Uma usushwabadelwe uSathane, umphefumulo wakho nenyama yakho akusekhona okukaNkulunkulu. UNkulunkulu ngeke esakusindisa. UNkulunkulu uyayifulathela imiphefumulo nabantu asebeshwabadelwe uSathane. Ngakho ngithi into ebaluleke kakhulu uNkulunkulu okufanele ayenze ukuqinisekisa lokhu kuphepha kwakho, ukuqinisekisa ukuthi ngeke ushwabadelwe uSathane. Lokhu kubaluleke kakhulu, akunjalo? Ngakho kungani ningakwazi ukuphendula? Kubukeka sengathi aniwuzwa umusa kaNkulunkulu omkhulu!

UNkulunkulu wenza okuningi ngaphezu kokuqinisekisa ukuphepha kwabantu, eqinisekisa ukuthi ngeke bashwabadelwe nguSathane. Futhi wenza umsebenzi omningi wokulungiselela phambi kokukhetha nokusindisa umuntu. Okokuqala, uNkulunkulu wenza amalungiselelo anokucophelela kakhulu mayelana nokuthi luhlobo luni lwesimilo ozokuba naso, luhlobo luni lomndeni ozozalelwa kuwo, kuzoba ngobani abazali bakho, uzoba nabafowenu nodadewenu abangaki, futhi sizoba njani isimo, ukuma kwezomnotho nezimo zomndeni ozozalelwa kuwo. Konke lokhu kuhlelelwa wena ngokucophelela nguNkulunkulu. Ingabe niyazi ukuthi uhlobo luni lo mndeni iningi labantu bakaNkulunkulu abakhethiweyo abazalelwa kulo? Ingabe yimindeni evelele? Ngeke sisho ngokuqiniseka ukuthi abekho abazalelwa emindenini evelele. Bangaba khona abathile, kodwa bambalwa kakhulu. Ingabe bazalelwa emindenini enengcebo engavamile, imindeni yosozigidigidi noma osozigidi eziphindiwe? Cha, bacishe bangazalwa neze kulolu hlobo lo mndeni. Pho uNkulunkulu ulihlelela uhlobo olunjani lomndeni iningi lalaba bantu? (Imindeni ejwayelekile.) Yimiphi-ke imindeni “ejwayelekile”? Ifaka phakathi imindeni esebenzayo—okungukuthi, leyo ethembele emaholweni ukuze iphile, ekwazi ukuthola izidingo ezisemqoka, futhi enganothile ngokweqile; ifaka phakathi futhi imindeni elimayo. Abalimi bathembela ekutshaleni izitshalo abazozidla, ukuba babe nokusanhlamvu abazokudla nezingubo abazozigqoka futhi bangalambi noma bagodole. Bese kuba khona imindeni eminye enamabhizinisi amancane, neminye enabazali abayizifundiswa, futhi nalaba bangabalwa njengemindeni ejwayelekile. Kukhona futhi abanye abazali abasebenza emahhovisi noma izikhulu zikahulumeni ezisezingeni eliphansi, nabo abangeke babalwe njengemindeni eqavile. Abaningi bazalelwa emindenini ejwayelekile, futhi konke lokhu kuhlelwa nguNkulunkulu. Okungukuthi, okokuqala, lesi simo ophila kusona akuwona umndeni onengcebo enkulu abantu abangawucabanga, futhi lona umndeni uNkulunkulu akunqumele wona, futhi iningi labantu lizophila ngaphansi kwemikhawulo yalolu hlobo lo mndeni; ngeke sikhulume ngabahlukile lapha. Kuthiwani mayelana nesikhundla sasemphakathini? Izimo zomnotho zeningi labazali zilingene nje futhi abanazo izikhundla eziphakeme emphakathini—kubo kulungile nje ukuba nomsebenzi. Ingabe kukhona ababusi phakathi kwalaba? Noma omengameli bamazwe? Cha, angithi? Okukhulu abangaba yikho ukuba ngabantu abafana nabaphathi bamabhizinisi amancane noma abanikazi bamabhizinisi amancane. Isikhundla sabo emphakathini siphakathi nendawo, futhi izimo zabo zomnotho ziphakathi nendawo. Elinye imbangela yisimo senhlalo yomndeni. Okokuqala, abekho abazali kule mindeni abangakhuthaza ngokucacile izingane zabo ukuba zihambe indlela yokubhula nokubhulelwa ngokusazokwenzeka; laba ngabambalwa kakhulu abenza lezi zinto. Iningi labazali bajwayelekile impela. UNkulunkulu uhlelela abantu lolu hlobo lwesimo ngesikhathi ebakhetha, okuwusizo kakhulu emsebenzini Wakhe wokusindisa abantu. Emehlweni, kubukeka engathi uNkulunkulu akamenzelanga lutho olubabazekayo umuntu; wenza yonke into nje ngasese, ngokuthobeka futhi buthule. Kodwa eqinisweni, konke lokho uNkulunkulu akwenzayo ukwenzela ukubeka isisekelo sensindiso yakho, ukulungiselela indlela engaphambili nazo zonke izimo ezidingekayo ekusindisweni kwakho. Okulandelayo, uNkulunkulu ubuyisela bonke abantu phambi Kwakhe, lowo nalowo ngesikhathi sakhe; yilapho olizwa khona-ke izwi likaNkulunkulu; kungaleso sikhathi lapho uza phambi Kwakhe. Ngesikhathi kwenzeka lokhu, abanye abantu basuke sebengabazali kwabona, kanti abanye beseyizingane zomuntu othile nje. Ngamanye amazwi, abanye abantu basuke sebeshadile futhi baba nezingane kanti abanye basuke bengakagani, bengakayiqali imindeni yabo. Kodwa kungakhathaleki ukuthi isimo somuntu sinjani, uNkulunkulu usezibekile kakade izikhathi lapho uyokhethwa khona futhi lapho ivangeli namazwi Akhe ayokufica khona. UNkulunkulu usebeke izimo, usemnqumile umuntu othile noma isimo esithile okuyodluliselwa ngaso ivangeli kuwe, ukuze uzwe amazwi kaNkulunkulu. UNkulunkulu usekulungiselele zonke izimo ezidingekayo. Ngale ndlela, noma umuntu engazi ukuthi kuyenzeka, umuntu uza phambi Kwakhe abuyele emndenini kaNkulunkulu. Umuntu naye, engazi, ulandela uNkulunkulu futhi angene esinyathelweni ngasinye somsebenzi Wakhe, engena esinyathelweni ngasinye sendlela kaNkulunkulu yokusebenza ayilungisele umuntu. Yiziphi izindlela uNkulunkulu azisebenzisayo lapho enzela umuntu izinto kulesi sikhathi? Okokuqala, okuncane kunakho konke, ukunakekela nokuvikela okuthokozelwa umuntu. Ngaleya kwalokho, uNkulunkulu uhlela abantu, izigameko nezinto ukuze umuntu abone ngazo ubukhona Bakhe nezenzo Zakhe. Ngokwesibonelo, kukhona abanye abantu abakholwa kuNkulunkulu ngoba othile emndenini wabo egula. Lapho abanye bebashumayeza ivangeli, babe sebeqala ukukholwa kuNkulunkulu, futhi lolu kholo kuNkulunkulu luvela ngenxa yesimo. Ngakho ubani ohlele lesi simo? (UNkulunkulu.) Ngenxa yalokhu kugula, kukhona imindeni lapho bonke bengamakholwa, kanti kukhona eminye lapho kukholwa khona abambalwa kuphela emndenini. Emehlweni, kungabonakala sengathi kunomuntu ogulayo emndenini, kodwa empeleni yisimo esethulwe kuwe ukuze uze phambi kukaNkulunkulu—lona umusa kaNkulunkulu. Ngoba impilo yomndeni inzima kwabanye abantu futhi abatholi ukuthula, ithuba elingalindelekile liyavela—umuntu othile wedlulisa ivangeli futhi athi, “Kholwa eNkosini uJesu khona-ke uzoba nokuthula.” Ngale ndlela, ngokungazi, umuntu uqala ukukholwa kuNkulunkulu esesimweni esijwayeleke kakhulu, ngakho akulona yini uhlobo lwesimo lolu? Futhi ukungabi nokuthula komndeni wakhe, akuwona yini umusa awunikwa nguNkulunkulu? Kukhona futhi abanye abaqala ukukholwa kuNkulunkulu ngenxa yezinye izizathu. Kukhona izizathu ezehlukene nezindlela ezehlukene zokukholwa, kodwa akukhathaleki ukuthi isiphi isizathu esikwenza ukholwe kuYena, konke kuhlelwe futhi kwaqondiswa nguNkulunkulu. Ekuqaleni, uNkulunkulu usebenzisa izindlela ezehlukene zokukukhetha nokukuletha emndenini Wakhe. Lokhu kuwumusa uNkulunkulu awunika wonke umuntu.

Esigabeni samanje somsebenzi kaNkulunkulu. kulezi zinsuku zokugcina, akasaniki nje umusa nezibusiso kumuntu njengoba ayenza phambilini, noma ancenge abantu ukuthi baye phambili. Ngalesi sigaba somsebenzi, ingabe yini umuntu ayibonile kuzo zonke izingxenye zomsebenzi kaNkulunkulu asedlule kuzona? Umuntu ubone uthando lukaNkulunkulu nokwahlulela nokusola kukaNkulunkulu. Ngalesi sikhathi, uNkulunkulu uyahlinzeka, eseke, akhanyisele, futhi aqondise umuntu ukuze kancane kancane umuntu aqale ukwazi izinjongo Zakhe, azi amazwi awakhulumayo kanye neqiniso alinika umuntu. Lapho umuntu ebuthakathaka, lapho edangele, lapho engazi ukuthi ashone kuphi, uNkulunkulu uzosebenzisa amazwi Akhe ukubaduduza, ukubeluleka, nokubakhuthaza, ukuze isiqu somuntu esincane sithole amandla kancane kancane, aphakame abe nomoya omuhle owakhayo futhi azimisele ukubambisana noNkulunkulu. Kodwa uma umuntu engalaleli uNkulunkulu, noma emelana Naye, noma uma eveza ukukhohlakala kwakhe, uNkulunkulu ngeke amkhombise umusa ekumsoleni nasekumqondiseni. Nokho, uNkulunkulu uyobekezela futhi abe nesineke ebuwuleni, ukungazi, ubuthakathaka nokungavuthwa komuntu. Ngale ndlela, ngawo wonke umsebenzi uNkulunkulu awenzela umuntu, kancane kancane umuntu uyavuthwa, uyakhula, aqale ukwazi amaqiniso athile, azi ukuthi buyini ububi nobumnyama. UNkulunkulu akasebenzisi indlela eyodwa yokuhlala esola futhi eqondisa umuntu, kodwa futhi akakhombisi ukubekezelela nesineke njalo. Kunalokho, uhlinzeka umuntu ngamunye ngezindlela ezihlukene ezigabeni zabo ezihlukene kanye nangeziqu nezinga labo elihlukene. Wenzela umuntu izinto eziningi nangenani elikhulu; umuntu akaqondi luthi ngalezi zinto noma ngalezi zindleko, kodwa ekwenzeni konke akwenzayo ngempela kwenziwa kumuntu ngamunye. Uthando lukaNkulunkulu olwangoqobo: Ngomusa kaNkulunkulu, umuntu ugwema inhlekelele emuva kwenye, futhi ngaso sonke leso sikhathi uNkulunkulu ukhombisa ukububekezelela ngokuphindelela ubuthakathaka bomuntu. Ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu kuvumela abantu ukuthi kancane kancane babone ukukhohlakala nengqikithi yobusathane kumuntu. Lokho uNkulunkulu akuhlinzekayo, ukukhanyisela Kwakhe umuntu nokuqondisa Kwakhe konke, kuvumela isintu ukuthi siyazi ngokwengeziwe ingqikithi yeqiniso, futhi sikhule ekwazini ukuthi yini abantu abayidingayo, iyiphi indlela okufanele bayithathe, ukuthi yini abayiphilelayo, ukubaluleka nenjongo yempilo yabo, nokuthi bayihambe kanjani indlela ephambi kwabo. Zonke lezi zinto uNkulunkulu azenzayo azinakuhlukaniswa nenhloso Yakhe eyodwa yasekuqaleni. Ingabe yini-ke, le nhloso? Kungani uNkulunkulu esebenzisa lezi zindlela ukuze enze umsebenzi Wakhe kumuntu? Ingabe imuphi umphumela afuna ukuwuthola? Ngamanye amazwi, ingabe yini afuna ukuyibona kumuntu? Yini afuna ukuyithola kumuntu? Lokho uNkulunkulu afuna ukukubona ukuvuseleleka kwenhliziyo yomuntu. Lezi zindlela azisebenzisayo ukusebenza kumuntu wumzamo ongapheli wokuphaphamisa inhliziyo yomuntu, ukuphaphamisa umoya womuntu, ukwenza umuntu aqonde ukuthi uvelaphi, ngubani omholayo, omesekayo, omhlinzekayo, futhi ovumele umuntu ukuthi aphile kuze kube manje; ngezokwenza ukuthi umuntu qonde ukuthi ngubani uMdali, ngubani okufanele amkhonze, yindlela enjani okufanele ayihambe, nokuthi iyiphi indlela umuntu okufanele eze ngayo phambi kukaNkulunkulu; zisetshenziswa ukuvuselela inhliziyo yomuntu kancane kancane, ukuze umuntu azi inhliziyo kaNkulunkulu, aqonde inhliziyo kaNkulunkulu, futhi aqonde ukunakekela nokucabanga okukhulu okuholele emsebenzini Wakhe wokusindisa umuntu. Lapho inhliziyo yomuntu seyivuselelwe, umuntu akabe esafuna ukuphila impilo yesimo esonakele, esikhohlakele, kodwa esikhundleni salokho ufisa ukufuna iqiniso ukuze anelise uNkulunkulu. Uma inhliziyo yomuntu isiphapheme, umuntu uyakwazi ukuphuma aqhele kuSathane. Akabe esalinyazwa uSathane, akabe esalawulwa noma akhohliswe nguye. Esikhundleni salokho umuntu angabamba iqhaza ngenkuthalo emsebenzini nasemazwini kaNkulunkulu ukuze anelise inhliziyo kaNkulunkulu, ngalokho athole ukwesaba uNkulunkulu nokugwema ububi. Lena yinhloso yasekuqaleni yomsebenzi kaNkulunkulu.

Ingxoxo esiqeda ukuba nayo ngobubi bukaSathane yenza wonke umuntu ezwe sengathi umuntu uphila phakathi kokungathokozi okukhulu nokuthi impilo yomuntu ikhungethwe amashwa. Kodwa manje lapho ngikhuluma ngobungcwele bukaNkulunkulu nomsebenzi awenza kumuntu, lokho kunenza nizizwe ninjani? (Sijabule kakhulu.) Siyabona manje ukuthi konke uNkulunkulu akwenzayo, konke uNkulunkulu akulungiselela umuntu ngokucophelela akunasisihla. Yonke into eyenziwa uNkulunkulu ayinaphutha, okuchaza ukuthi ayinasici, ayidingi muntu ukuthi ayilungise, anike iseluleko noma ayiguqule. Konke lokho uNkulunkulu akwenzela umuntu ngamunye akungabazeki; uhola wonke umuntu ngesandla, ukunakekela ngazo zonke izikhathi futhi akakaze asuke eceleni kwakho. Lapho abantu bekhula kulolu hlobo lwesimo futhi bekhula nalolu hlobo lwesizinda, singasho yini ukuthi abantu, eqinisweni, bakhulela entendeni yesandla sikaNkulunkulu? (Yebo.) Manje-ke nisawuzwa umuzwa wokulahlekelwa? Ingabe kukhona osazizwa edangele? Ingabe ukhona ozwa ukuthi uNkulunkulu ufulathele isintu? (Cha.) Ngakho yini-ke ngempela uNkulunkulu ayenzile? (Ubheke isintu.) Ukucabanga nokunakekela okukhulu uNkulunkulu akubeka kukho konke akwenzayo akungabazeki. Okungaphezu kwalokho, ngesikhathi uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe, uhlale ewenza ngaphandle kombandela. Akaze afune ukuthi noma ubani kinina azi inani akukhokhela lona ukuze ngaleyo ndlela uzwe unokumbonga okukhulu. Ingabe uNkulunkulu uke wakufuna lokhu kuwe? (Cha.) Kukho konke ukuphila komuntu okude, cishe umuntu ngamunye uke wahlangabezana nezimo eziningi eziyingozi futhi wabhekana nezilingo eziningi. Lokhu kungenxa yokuthi uSathane umi eceleni kwakho, amehlo akhe ekugqolozele njalo. Lapho wehlelwa yinhlekelele, uSathane uyajabula, lapho kuvela izingozi ezinkulu, lapho kungekho nto ekuhambela kahle, lapho ubhajwe enethini likaSathane uSathane uzijabulela kakhulu lezi zinto. Mayelana nokwenziwa uNkulunkulu, uyakuvikela njalo, ekuqhelisa eshweni emuva kwelinye nasenhlekeleleni emuva kwenye. Yingakho ngithi konke umuntu anakho—ukuthula nentokozo, izibusiso kanye nokuphepha kwakhe—eqinisweni konke kulawulwa nguNkulunkulu; uhola futhi anqume isiphetho somuntu ngamunye. Kepha ingabe uNkulunkulu unombono ozikhukhumezayo ngesikhundla Sakhe, njengoba abanye abantu besho? UNkulunkulu uyanitshela yini ukuthi “Ngimkhulu kunakho konke, Yimi oniphethe. Kumele ningincenge nicele umusa, futhi ukungalaleli kuzojeziswa ngokufa.” Ingabe uNkulunkulu wake wasongela isintu ngale ndlela? (Cha.) Wake washo yini ukuthi, “Abantu bakhohlakele ngakho akusho lutho ukuthi ngibaphatha kanjani, futhi bangaphathwa noma ngayiphi indlela; angidingi ukuthi ngibenzele amalungiselelo amahle”? Ingabe uNkulunkulu ucabanga ngale ndlela? Ingabe uNkulunkulu wenze ngale ndlela? (Cha.) Kunalokho, ukuphatha kukaNkulunkulu umuntu ngamunye kuqotho futhi kuyaqikelela; Ukuphatha ngokuqikelela okungaphezulu kwalokho nawe oziphatha ngakho. Akunjalo? UNkulunkulu akakhulumi okuyize, futhi akabukisi ngesikhundla sakhe esiphakeme noma akhohlise abantu ngokungabi nandaba. Esikhundleni salokho, wenza izinto okudingeka ukuthi azenze ngokuthembeka futhi buthule. Lezi zinto ziletha izibusiso, ukuthula kanye nenjabulo kumuntu. Ziletha umuntu ngokuthula nangentokozo phambi kwamehlo kaNkulunkulu nasemndenini Wakhe; ube esephila phambi kukaNkulunkulu aphinde amukele insindiso kaNkulunkulu ngokuqonda nokucabanga okufanele. Ngakho ingabe uNkulunkulu wake waba mbaxambili kumuntu emsebenzini Wakhe? Ingabe wake wabonisa umusa ongamanga, ekhohlisa umuntu ngokuntela okungatheni, bese emfulathela? (Cha.) Ingabe uNkulunkulu wake washo into eyodwa wabe esenza enye? Ingabe uNkulunkulu wake wenza izithembiso eziyize futhi waziqhayisa, etshela abantu ukuthi angabenzela lokhu noma asize ukubenzela lokhuya, wayesenyamalala? (Cha.) Akukho nkohliso kuNkulunkulu, awekho amanga. UNkulunkulu uthembekile, futhi konke akwenzayo kuyiqiniso. Nguye yedwa abantu abangathembela Kuye; unguNkulunkulu abantu abangamphathisa izimpilo zabo nakho konke abanakho. Njengoba kungekho nkohliso kuNkulunkulu, singasho ukuthi uNkulunkulu uqotho kakhulu? (Yebo.) Impela singasho! Nakuba igama elithi “uqotho” lintekenteke kakhulu, liwubuntu kakhulu uma lisetshenziswa kuNkulunkulu, yiliphi elinye igama esingalisebenzisa? Injalo-ke imikhawulo yolimi lomuntu. Nakuba kungezwakali kahle ukubiza uNkulunkulu ngokuthi “uqotho,” kodwa sizosebenzisa leli gama okwamanje. UNkulunkulu uthembekile futhi uqotho. Ngakho lapho sikhuluma ngalezi zici, sibhekise kuphi? Ingabe sibhekise kumehluko phakathi kukaNkulunkulu nomuntu kanye nomehluko phakathi kukaNkulunkulu noSathane? Yebo, singakusho lokho. Lokhu kungenxa yokuthi umuntu ngeke akwazi ukubona nolulodwa uphawu lwesimo esikhohlakele sikaSathane kuNkulunkulu. Ngisho okuyikho ngalokhu? Amen? (Amen!) Asikho isimo esibi sikaSathane esembulwa kuNkulunkulu. Konke lokho uNkulunkulu akwenzayo nakwembulayo kunosizo futhi kuwusizo ngokupheleleyo kumuntu, kwenziwa ngokuphelele ukuze ahlinzeke umuntu, kugcwele ukuphila futhi kunika umuntu indlela azoyilandela kanye nomgudu okumele awuthathe. UNkulunkulu akakhohlakele, futhi, ngaphezu kwalokho, uma sibheka konke uNkulunkulu akwenzayo, singasho ukuthi uNkulunkulu ungcwele? Njengoba uNkulunkulu engenaso isimo esikhohlakele sesintu, futhi engenalutho oluhlobene nengqikithi enobuSathane yesintu esikhohlakele, ngakulolu hlangothi singasho ngokugcwele ukuthi uNkulunkulu ungcwele. UNkulunkulu akavezi kukhohlakala, futhi ngesikhathi uNkulunkulu esebenza, uNkulunkulu uveza ingqikithi Yakhe, okuqinisekisa ngokuphelele ukuthi uNkulunkulu uqobo Lwakhe ungcwele. Ingabe niyakubona lokhu? Ukuze sazi ingqikithi kaNkulunkulu engcwele, okwamanje masibheke lezi zingxenye ezimbili: 1) Asikho noluncane uphawu lwesimo esikhohlakele kuNkulunkulu; 2) ingqikithi yomsebenzi kaNkulunkulu kumuntu ivumela umuntu ukuthi abone ingqikithi kaNkulunkulu, futhi le ngqikithi inhle ngokugcwele. Ngoba zonke izinto ezilethwa yizo zonke izingxenye zomsebenzi kaNkulunkulu kumuntu zinhle. Okokuqala, uNkulunkulu ufuna ukuthi umuntu athembeke—akuyona into enhle yini le? UNkulunkulu unika umuntu ukuhlakanipha—akukuhle yini lokhu? UNkulunkulu wenza umuntu akwazi ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi—akukuhle yini lokhu? Uvumela umuntu ukuthi aqonde incazelo nokubaluleka kwempilo yomuntu—akukuhle yini lokhu? Uvumela umuntu ukuthi abone ingqikithi yabantu, izigameko, nezinto ngokuhambisana neqiniso—akukuhle yini lokhu? Kuhle. Futhi umphumela wakho konke lokhu ukuthi umuntu akasakhohliswa uSathane, ngeke esaqhubeka nokulinyazwa noma ukulawulwa uSathane. Ngamanye amazwi, lezi zinto zivumela abantu ukuthi bazikhulule ngokuphelele enkohlakalweni kaSathane, futhi ngalokho baye ngokuya behamba indlela yokwesaba uNkulunkulu nokugwema ububi. Senihambe kangakanani kule ndlela manje? Kunzima ukusho, akunjalo? Kepha okungenani ingabe ninakho ukuqonda kokuqala ukuthi uSathane umkhohlakalisa kanjani umuntu, ukuthi yiziphi izinto ezimbi, nokuthi yiziphi izinto ezingezinhle? Okungenani senihamba endleleni efanele ekuphileni. Kuphephile ukusho lokhu? Kunjalo, ngokuphelele.

Kukhona into okufanele siyixoxe mayelana nobungcwele bukaNkulunkulu. Ngokwakho konke enikuzwile nakwemukela, ubani phakathi kwenu ongasho ukuthi buyini ubungcwele bukaNkulunkulu? Ubungcwele bukaNkulunkulu engikhuluma ngabo buchaza ukuthini? Ake nicabange umzuzwana. Ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu wukuba neqiniso Kwakhe? Ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu wukwethembeka Kwakhe? Ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu ukuzidela Kwakhe? Ukuthobeka Kwakhe? Ukuthanda Kwakhe umuntu? UNkulunkulu unika umuntu iqiniso nokuphila ngokukhululekile—ngabe lokhu kuwubungcwele Bakhe? Kuyibo, konke. Konke lokhu uNkulunkulu akuvezayo kuyingqayizivele futhi akukho phakathi kwesintu esikhohlakele, futhi akubonakali phakathi kwesintu. Akubonakali ngisho nophawu oluncane lwakho ngesikhathi sokukhohlakaliswa komuntu uSathane, noma esimweni esikhohlakele sikaSathane noma engqikithini noma emvelweni kaSathane. Konke lokho uNkulunkulu anakho nayikho, kuyingqayizivele; nguNkulunkulu uqobo Lwakhe kuphela onalolu hlobo lwengqikithi. Kuleli qophelo lengxoxo yethu, kukhona noma ubani kinina oke wabona noma ubani ongcwele esintwini njengalokhu engiqeda ukukuchaza? (Cha.) Ngakho ukhona yini ongcwele kangaka phakathi kwezilomo, abadumile, noma abakhulu ebantwini enibakhonzayo? (Cha.) Ngakho, uma sithi ubungcwele bukaNkulunkulu buyingqayizivele, ngabe lokhu kuyihaba? Impela akulona. Ngaphezu kwalokho, ubungqayizivele obungcwele bukaNkulunkulu bunohlangothi olungokoqobo. Ingabe ukhona umahluko phakathi kobungcwele engikhuluma ngabo manje kanye nobungcwele ebenibucabanga futhi nibubona ngeso lengqondo ngaphambilini? (Yebo.) Mukhulu kakhulu umahluko. Abantu basuke besho ukuthini uma bekhuluma ngobungcwele? (Ukuziphatha okuthile okubonakala ngaphandle.) Uma abantu bethi ukuziphatha noma enye into ingcwele, basho ngoba beyibona imsulwa futhi izwakala kamnandi emizweni. Nokho, lezi zinto, ngokungaguquki, azinayo ingqikithi yangempela yobungcwele—lokhu kuyingxenye yemfundiso. Ngaphandle kwalokhu, ibhekise kuphi ingxenye yokoqobo yobungcwele abantu abayicabangayo ezingqondweni zabo? Ingabe ikakhulu yilokho abakucabangayo noma abanquma ukuthi kuyikho? Ngokwesibonelo, abanye abalandeli benkolo kaBhuda bashona ngesikhathi besamlandela, badlule emhlabeni besahleli lapho belele. Abanye abantu bathi sebengcwele base bendiziselwa ezulwini. Lokhu nakho kuwumphumela womcabango. Bese kubakhona abanye abacabanga ukuthi okusangelosi encane okuntweza emoyeni kwehla ezulwini kungcwele. Empeleni, umqondo wabantu ngegama elithi “ngcwele” bewulokhu uwuhlobo lwephupho nombono oyize, ongenangqikithi nhlobo, futhi ngaphezu kwalokho, awuhlanganise lutho nengqikithi yobungcwele. Ingqikithi yobungcwele uthando lweqiniso, kodwa ngaphezu kwalokhu, buyingqikithi yeqiniso, ukulunga nokukhanya. Igama elithi “ngcwele” lifanele kuphela uma lisetshenziswa kuNkulunkulu; ayikho into endalweni efanele ukubizwa ngokuthi ingcwele. Umuntu kufanele akuqonde lokho. Kusuka manje, sizosebenzisa igama elithi “ngcwele” kuNkulunkulu kuphela. Kufanele lokhu? (Yebo, kufanele.)

Amasu Asetshenziswa USathane Ukukhohlakalisa Umuntu

Manje masibuyele emuva sikhulume ngokuthi uSathane usebenzisa ziphi izindlela ukuze akhohlakalise umuntu. Siqeda nje ukukhuluma ngezindlela ezehlukene uNkulunkulu asebenza ngazo kumuntu, futhi lowo nalowo wenu ongazizwela ngokwakhe, ngakho ngeke ngikhulume kakhulu ngemininingwane. Kodwa ezinhliziyweni zenu mhlawumbe akucacile ukuthi yimaphi amasu nezindlela uSathane azisebenzisayo ukukhohlakalisa umuntu, noma okungenani anikuqondi ngokunembayo. Kunganisiza yini ukuthi ngikhulume ngalokhu futhi? Nifuna ukufunda ngalokhu? Mhlawumbe abanye benu bazobuza bathi: “Kungani sikhuluma ngoSathane futhi? Lapho nje kukhulunywa ngoSathane, siyathukuthela, futhi lapho sizwa igama lakhe sizizwa sikhathazekile futhi.” Kungakhathaleki ukuthi kunenza ningakhululeki kangakanani, kufanele nibhekane namaqiniso. Lezi zinto kufanele zikhulunywe ngokusobala futhi zicaciswe ukuze umuntu aziqonde; ngaphandle kwalokho umuntu ngeke akwazi ukuphunyuka ethonyeni likaSathane.

Ngaphambilini sikhulume ngezindlela ezinhlanu uSathane akhohlakalisa umuntu ngazo, okufaka phakathi amaqhinga kaSathane. Izindlela uSathane akhohlakalisa ngazo umuntu ziyizinga nje elingaphezulu; mabi ngokwengeziwe amaqhinga acashe ngaphansi kwaleli zinga uSathane afeza ngawo izinhloso zakhe. Ingabe imaphi la maqhinga? Ngifinqqeleni wona. (Uyakhohlisa, uyayenga futhi uyaphoqa.) Lapho niqhubeka nibala la maqhinga, niya ngokuya nisondela khona. Kubukeka sengathi nilinyazwe kakhulu nguSathane futhi ninemizwa enzima ngalesi sihloko. (Futhi usebenzisa amazwi amtoti. Uyathonya, futhi angene kubantu ngenkani.) Ungena ngenkani—lokhu kushiya umuzwa ojule kakhulu. Abantu bayakwesaba ukungenwa uSathane ngenkani, angithi? Ingabe akhona amanye amaqhinga? (Ulimaza abantu ngendluzula, usebenzisa ukwesabisa neziyengo, futhi uqamba amanga.) Amanga ayingqikithi yezenzo zakhe. USathane uqamba amanga ukuze akukhohlise. Ingabe yini imvelo yokuqamba amanga? Ukuqamba amanga akufani yini nokukhohlisa? Inhloso yokuqamba amanga ukukukhohlisa. Akhona amanye amasu? Ngitsheleni wonke la masu kaSathane eniwaziyo. (Uyalinga, alimaze, aphuphuthekise futhi akhohlise.) Iningi lenu lizwa ngokufanayo ngale nkohliso, akunjalo? (Ulawula umuntu, ubamba umuntu, usabisa umuntu futhi uvimba umuntu ukuthi akholwe kuNkulunkulu.) Ngiyayazi incazelo ebanzi yezinto eningitshela zona, futhi lokho kuhle. Nonke niyakwazi okuthile ngalokhu, ngakho manje masiwabeke kafushane la macebo.

Kunamaqhinga Ayisithupha Aphambili USathane Awasebenzisayo Ukukhohlakalisa Umuntu

Eyokuqala ukulawula nokuphoqa. Okungukuthi, uSathane angenza konke okusemandleni ukuze alawule inhliziyo yakho. Kuchaza ukuthini “ukuphoqa”? Kuchaza ukusebenzisa amasu okwesabisa nendluzula ukukwenza umlalele, ekwenza ucabange ngemiphumela uma ungalaleli. Uyesaba futhi awulokothi ukungalaleli, ngakho uyamthobela.

Eyesibili, ukukhohlisa nokulutha. Ingabe kufakani “ukukhohlisa nokulutha”? USathane uqamba izindaba namanga athile, akuluthe ukuthi uzikholwe. Akakutsheli neze ukuthi umuntu wadalwa uNkulunkulu, kodwa futhi akasho ngokuqondile ukuthi awuzange wenziwe uNkulunkulu. Akalisebenzisi nhlobo igama elithi “Nkulunkulu”, kodwa kunalokho usebenzisa okunye esikhundleni salo, esebenzisa le nto ukukukhohlisa ukuze empeleni ungazi sampela ngokuba khona kukaNkulunkulu. Ngempela, lokhu “kulutha” kubandakanya izingxenye eziningi, hhayi lena nje kuphela.

Eyesithathu, ukufaka imfundiso ngempoqo. Abantu bafunzwa ngani ngempoqo? Ingabe ukufakwa kwemfundiso ngempoqo kwenziwa ngokuzikhethela komuntu? Ingabe kwenziwa ngemvume yomuntu? Phinde. Akukhathaleki noma awukuvumanga, akukho ongakwenza ngakho. Ekungazini kwakho, uSathane ukufaka imfundiso, efaka kuwe ukucabanga kwakhe, imithetho yakhe yokuphila nengqikithi yakhe.

Okwesine, ukwesabisa nokuyenga. Okungukuthi, uSathane usebenzisa izindlela ezehlukene ukuze umemukele, umlandele, futhi umsebenzele; wenza konke okusemandleni ukufeza izinjongo zakhe. Kwesinye isikhathi ukwenzela umusa omncane, kodwa elokhu ekuyenga ukuthi wenze isono. Uma ungamlandeli, uzokuhlupha futhi akujezise, abuye asebenzise izindlela ezinhlobonhlobo ukukuhlasela nokukwakhela uzungu.

Eyesihlanu, ukukhohlisa nokukhubaza. “Ukukhohlisa nokukhubaza” kulapho uSathane efaka kubantu amazwi amnandi nemiqondo ezwakala kamnandi ehambisana nemibono yabo futhi ebonakala ikholakala, ukwenza kube sengathi ucabangelan isimo senyama yabantu, impilo nekusasa labo, lapho empeleni ehlose ukukukhohlisa kuphela. Ube esekuthwebula ukuze ungakwazi okulungile nokungalungile, khona, ngokungazi, ulutheke bese ekulawula.

Eyesithupha, ukubulala umzimba nomqondo. Iyiphi ingxenye yomuntu uSathane ayibulalayo? USathane ubulala umqondo wakho, akwenze ungabi namandla okulwa, okusho ukuthi, kancane kancane inhliziyo yakho iphendukela kuSathane noma ungafuni. Ufaka lezi zinto kuwe zonke izinsuku, zonke izinsuku usebenzisa le mibono namasiko ukuze akuthonye futhi akufundise, ebulala intando yakho kancane kancane, ukuze ekugcineni ungabe usafisa ukuba umuntu olungile, ukuze ungabe usafisa ukumela lokho okubiza ngokuthi “ukulunga.” Ngokungazi, uthola ungasenawo amandla okubhukuda uphambane nomsinga, kodwa kunalokho uhambisana nawo. “Ukubulala” kusho ukuthi uSathane uhlupha abantu kangangokuba baze babe yizithunzi nje zalokho ababeyikho, bengaseyibo abantu. Kulapho uSathane egalela khona, ebabamba futhi ebashwabadela.

Iqhinga ngalinye kulezi uSathane alisebenzisayo ukuze akhohlakalise umuntu lingenza umuntu angabi namandla okulwa; noma iliphi kuwo lingambulala umuntu. Ngamanye amazwi, noma yini uSathane ayenzayo futhi noma yiliphi iqhinga alisebenzisayo kungakwenza ukuthi wonakale, kungakuletha ngaphansi kokulawula kukaSathane futhi kungakubishisa obhukwini lwenkohlakalo nesono. Anjalo amaqhinga uSathane awasebenzisayo ukuze akhohlakalise umuntu.

Singasho ukuthi uSathane mubi, kodwa ukuze sikuqinisekise lokhu, kusamele sibheke imiphumela yokukhohlakalisa umuntu kukaSathane nokuthi yiziphi izimo nezingqikithi okuziletha kumuntu. Nonke niyakwazi okuthile ngalokhu, ngakho khulumani. Yimiphi imiphumela yokukhohlakalisa umuntu kukaSathane? Yiziphi izimo ezikhohlakele umuntu azikhombisayo nazivezayo? (Ukuzidla nokuqhosha, ubugovu nokwenyanyisa, ubugwegwe nokukhohlisa, ukuba nomshoshaphansi nenzondo nokungabi nhlobo nobuntu.) Sekukonke, singathi akanabo ubuntu. Manje, abakhulume abanye abafowethu nodadewethu. (Uma umuntu esekhohlakalisiwe uSathane, ngokuvamile kakhulu uyaqhosha futhi uzibona elungile, ebalulekile, futhi uyaziqhenya, unomhawu futhi uzicabangela yena. Lezi ngizwa kuyizo ezimbi kakhulu.) (Emuva kokuthi abantu sebekhohlakaliswe uSathane, abavinjwa yilutho ekufuneni ukuzuza izinto eziphathekayo nomcebo. Uze abe nobutha noNkulunkulu, amelane noNkulunkulu, angamlaleli uNkulunkulu, futhi ulahlekelwa unembeza nomqondo umuntu okufanele abe nawo.) Lokho enikushilo konke kuyafana impela, noma kunomehluko ongatheni kuphela; futhi abanye benu bazihlupha kakhulu ngemininingwane engatheni. Ukubeka kafushane, izinto ezigqama kakhulu ngobuntu obukhohlakele ukuzithwala, ukukhohlisa, yinzondo nobugovu. Kodwa nonke aninakanga into efanayo. Abantu abanawo unembeza, sebelahlekelwe ukucabanga kwabo futhi abanabo ubuntu—kodwa kusekhona okuthile okubalulekile okungekho noyedwa phakathi kwenu okushilo, “ukukhaphela.” Umphumela omkhulu walezi zimo eziba khona kumuntu uma esekhohlakaliswe uSathane ukukhaphela kwabo uNkulunkulu. Noma ngabe uNkulunkulu uthini kubantu noma wenza muphi umsebenzi kubo, abakunaki lokho abakwaziyo ukuthi kuyiqiniso. Okungukuthi, abasamvumi uNkulunkulu futhi bayamkhaphela; lokhu kuwumphumela wokukhohlakalisa umuntu kukaSathane. Kuyefana kuzo zonke izimo zomuntu ezikhohlakele. Phakathi kwezindlela uSathane azisebenzisayo ukukhohlakalisa umuntu—ulwazi abantu abalufundayo, isayensi abayaziyo, ukuqonda kwabo izinkolelo-ze namasiko endabuko kanye nezinkambiso zabantu—ingabe ikhona noma iyiphi umuntu angayisebenzisa ukubona ukuthi yini elungile nokuthi yini engalungile? Ikhona yini into engasiza umuntu ukuthi azi ukuthi yini engcwele nokuthi yini embi? Ikhona imigomo okungalinganiswa ngayo lezi zinto? (Cha.) Ayikho imigomo noma isisekelo esingasiza umuntu. Ngisho noma abantu belazi igama elithi “ngcwele,” akukho muntu owaziyo ngempela ukuthi ubungcwele buyini. Ngakho ingabe lezi zinto uSathane aziletha kumuntu zingakwazi ukusiza umuntu ukuba azi iqiniso? Zingamsiza umuntu ukuthi aphile ngobuntu obengeziwe? Zingabasiza abantu ukuthi baphile ngendlela abakwazi kuyo ukukhonza uNkulunkulu ngokwengeziwe? (Cha.) Kusobala ukuthi ngeke zimsize umuntu ukuthi akhonze uNkulunkulu noma aqonde iqiniso, futhi ngeke zimvumele umuntu ukuthi azi ukuthi buyini ubungcwele nobubi. Kunalokho, umuntu uya ngokuya onakala kakhulu, uya ngokuya eqhela kuNkulunkulu. Lesi yisizathu sokuthi sithi uSathane mubi. Njengoba sesihlaziye izici eziningi kangaka ezimbi zikaSathane, nike nabona isici esingcwele kuSathane, noma ezicini zakhe noma ekuqondeni kwenu ingqikithi yakhe? (Cha.) Kunjalo impela. Ngakho-ke nike nabona noma iyiphi ingqikithi kaSathane ephethe noma yini efana noNkulunkulu? (Cha.) Ingabe ikhona ingxenye yengqikithi kaSathane esenike nayibona enokufana nekaNkulunkulu? (Cha.) Kukhona okuvezwa uSathane okunento efanayo noNkulunkulu? (Cha.) Ngakho manje ngifuna ukunibuza: Uma nisebenzisa amazwi enu, buyini empeleni ubungcwele bukaNkulunkulu? Okokuqala nje, ingabe amazwi athi “ubungcwele bukaNkulunkulu” ashiwo mayelana nani? Ingabe ashiwo mayelana nengqikithi kaNkulunkulu? Noma ashiwo mayelana nengxenye ethile yesimo Sakhe? (Ashiwo mayelana nengqikithi kaNkulunkulu.) Kumele sithole iphuzu esingangena ngalo esihlokweni sethu esisifisayo. La mazwi ashiwo mayelana nengqikithi kaNkulunkulu. Okokuqala nje, sisebenzise ububi kukaSathane njengesiqhathaniso sengqikithi kaNkulunkulu, ngakho uke wakubona okwengqikithi kaSathane kuNkulunkulu? Uthini ngengqikithi yesintu? (Cha, asikakuboni. UNkulunkulu akazithwali, akanabo ubugovu, futhi akakhapheli, futhi kulokhu sibona ingqikithi engcwele kaNkulunkulu yembulwa.) Kukhona okunye okunganezezelwa? (UNkulunkulu akanalo noluncane uphawu lwesimo esikhohlakele sikaSathane. Lokho uSathane anakho akukuhle konke, kanti lokho uNkulunkulu anakho kuhle kuphela. Siyabona ukuthi uNkulunkulu ubelokhu eseduze kwethu, esibhekile futhi esivikela, kusukela sisebancane kakhulu, kuyo yonke impilo yethu kuze kube namhlanje, ikakhulu lapho sesidideke khona seduka. Akukho nkohliso kuNkulunkulu, akukho kuqola. Ukhuluma ngokucacile nangokusobala, nakho futhi lokhu kuyingqikithi yangempela kaNkulunkulu.) Kuhle kakhulu! (Asiboni lutho lwesimo esikhohlakele sikaSathane kuNkulunkulu, akukho ukuba mbaxambili, akukho ukuqhosha, azikho izithembiso eziyize futhi ayikho inkohliso. UNkulunkulu uyena Yedwa umuntu angakholwa Kuye. UNkulunkulu uthembekile futhi uqotho. Emsebenzini kaNkulunkulu, siyabona ukuthi uNkulunkulu utshela abantu ukuba bathembeke, ubanika ukuhlakanipha, ubenza bakwazi ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi, futhi bakwazi ukubona abantu, izigameko, nezinto ezahlukahlukene. Kulokhu siyabubona ubungcwele bukaNkulunkulu.) Seniqedile? Ingabe nenelisekile ngalokho enikushilo? Kungakanani ukuqonda uNkulunkulu okusezinhliyweni zenu ngempela? Futhi ingabe nibuqonda kangakanani ubungcwele bukaNkulunkulu? Ngiyazi ukuthi yilowo nalowo kini unalo izinga elithile lokuqonda okuzwakalayo, ngoba bonke abantu ngamunye bayawuzwa umsebenzi kaNkulunkulu kubo futhi, ngamazinga ahlukahlukene, bathola izinto eziningi kuNkulunkulu: Umusa nezibusiso, ukukhanyiselwa nokukhanyiswa, futhi bathola ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu, futhi ngenxa yalezi zinto, umuntu uthola ukuqonda okulula ngengqikithi kaNkulunkulu.

Nakuba ubungcwele bukaNkulunkulu esikhuluma ngabo namhlanje bungabonakala bungajwayelekile kubantu abaningi, kungakhathaleki ukuthi kubukeka kanjani, sesisiqalile manje lesi sihloko, futhi lapho nihamba indlela engaphambili nizothola ukuqonda okujule ngokwengeziwe. Kubiza ukuthi niqale ukuzwa futhi niqonde nisusela kulokho enidlule kukhona. Manje ukuqonda kwenu ingqikithi kaNkulunkulu ngokuzwakalayo kusadinga isikhathi eside ukuthi nikufunde, nikuqinisekise, nikuzwe futhi nihlangane nakho, kuze kuthi ngelinye ilanga nazi kusukela ekujuleni kwezinhliziyo zenu, ukuthi “ubungcwele bukaNkulunkulu” busho ukuthi ingqikithi kaNkulunkulu ayinasici kuthi uthando lukaNkulunkulu alunamhawu, konke uNkulunkulu akunika umuntu akunamhawu, futhi niyokwazi ukuthi ubungcwele bukaNkulunkulu abunasici futhi abunakusolwa. Lezi zingxenye zengqikithi kaNkulunkulu aziwona nje amagama awasebenzisela ukubukisa ngesikhundla Sakhe, kodwa esikhundleni salokho, uNkulunkulu usebenzisa ingqikithi Yakhe ukuze aphathe umuntu ngamunye ngobuqotho obuthule. Ngamanye amazwi, ingqikithi kaNkulunkulu ayilona ize, futhi ayiwona umbono wokucutshungulwa noma oyimfundiso, futhi ngokuqinisekile, ayilona uhlobo lolwazi. Ayiyona inhlobo yemfundo yomuntu; esikhundleni salokho iyisambulo sangempela sezenzo zikaNkulunkulu uqobo futhi iyingqikithi eyambuliwewe yalokho uNkulunkulu anakho nayikho. Umuntu kufanele ayazi futhi ayiqonde le ngqikithi, ngoba konke uNkulunkulu akwenzayo nezwi ngalinye alishoyo kunomsebenzi omkhulu futhi kubaluleke kakhulu kuwo wonke umuntu. Uma usubuqonda ubungcwele bukaNkulunkulu, yilapho ungakwazi ngempela ukukholwa kuNkulunkulu; uma usubuqonda ubungcwele bukaNkulunkulu, yilapho ungayiqonda ngempela incazelo yangempela yamagama athi, “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele.” Ngeke usacabanga sakuphupha, ukuthi kukhona ezinye izindlela ngaphandle kwalena ongakhetha ukuyihamba, futhi ngeke usafuna ukukhaphela konke uNkulunkulu akulungisele khona. Ngoba ingqikithi kaNkulunkulu ingcwele, kusho ukuthi ungakwazi ukuhamba empilweni ngendlela elungile yokukhanya; ngoNkulunkulu kuphela. Ungathola ukwazi incazelo yempilo ngoNkulunkulu kuphela; ungaphila ubuntu bangempela, futhi ube neqiniso futhi ulazi iqiniso ngoNkulunkulu kuphela. Ungakwazi ukuthola ukuphila eqinisweni ngoNkulunkulu kuphela. UNkulunkulu uqobo Lwakhe kuphela ongakusiza ukuthi ugweme ububi futhi akuhlenge ekulinyazweni nokulawulwa uSathane. Ngaphandle kukaNkulunkulu, akekho umuntu futhi ayikho into engakusindisa olwandle lokuhlupheka ukuze ungabe usahlupheka: Lokhu kunqunywa yingqikithi kaNkulunkulu. UNkulunkulu kuphela okusindisa ngokuzidela okukhulu, uNkulunkulu kuphela ekugcineni ophethe ikusasa lakho, lokho okudalelwe kanye nokuphila kwakho, futhi ukuhlelela zonke izinto. Lokhu yinto engeke ifezwe yilutho oludaliwe noma olungadalwanga. Ngoba akukho okudaliwe noma okungadalwanga okunengqikithi efana nekaNkulunkulu, akukho umuntu noma into enamandla okukusindisa noma okukuhola. Lokhu ukubaluleka kwengqikithi kaNkulunkulu kumuntu. Mhlawumbe nizwa ukuthi la mazwi engiwashilo angasiza kancane, ngokwesimiso. Kodwa uma ufuna iqiniso, uma uthanda iqiniso, khona-ke uzozwa ukuthi la mazwi ngeke aguqule isiphetho sakho kuphela, kodwa ngaphezu kwalokho, azokungenisa endleleni elungile yokuphila. Niyakuqonda lokhu, akunjalo? Ngakho seninalo manje uthando oluthile lokubona ingqikithi kaNkulunkulu? (Yebo.) Kuhle ukwazi ukuthi niyathanda. Okwanamuhla, sizokuphetha lapha ukuhlanganyela kwethu ngesihloko sokwazi ubungcwele bukaNkulunkulu.

***

Ngithanda ukukhuluma nani ngento eniyenzile ekuqaleni komhlangano wethu namhlanje, engimangazile. Abanye benu mhlawumbe bebenomuzwa wokubonga ngaleso sikhathi, mhlawumbe benizwa ninokubonga, ngakho umzwelo wenu uveze ukwenza okuhambisanayo. Lokhu enikwenzile akuyona into edinga ukusolwa; akuyona into elungile noma engalungile. Kodwa ngithanda ukuthi niqonde okuthile. Yini le engifuna niyiqonde? Okokuqala, ngithanda ukunibuza ngalokhu enisanda kukwenza. Bekuwukuwa ngobuso noma ukuguqa nikhuleka? Kukhona ongangitshela? (Sikholwa ukuthi bekuwukuwa ngobuso.) Nikholwa ukuthi bekuwukuwa ngobuso, ngakho-ke kuchaza ukuthini ukuwa ngobuso? (Ukukhonza.) Ngakho kuyini ukuguqa ngamadolo ngokukhonza? Angihlanganyelanga ngalokhu nani ngaphambili, kodwa namuhla ngizwa kudingekile ukuba ngikwenze lokho. Niwa ngobuso emihlanganweni yenu ejwayelekile? (Cha.) Ingabe niwa ngobuso uma nisho imithandazo yenu? (Yebo.) Niwa ngobuso njalo uma nithandaza, uma isimo sivuma? (Yebo.) Kuhle lokho. Kodwa engithanda ukuthi nikuqonde namhlanje ukuthi uNkulunkulu wamukela kuphela ukukhothama kwezinhlobo ezimbili zabantu. Asidingi ukuthathisa eBhayibhelini noma ezenzweni nasekuiphatheni kwanoma ibaphi abantu abaqavile bakamoya. Kunalokho, ngizonitshela khona lapha namanje into eyiqiniso. Okokuqala, ukuwa ngobuso nokuguqa ukhonza akuyona into efanayo. Kungani uNkulunkulu amukela ukukhothama kwalabo abawa ngobuso? Ingoba uNkulunkulu ubizela umuntu kuye futhi ubiza lo muntu ukuthi emukele ukuthunywa nguNkulunkulu, ngakho uNkulunkulu umvumela ukuba awe phansi phambi Kwakhe. Lolu uhlobo lokuqala lomuntu. Olwesibili ukuguqa ngokukhonza komuntu owesaba uNkulunkulu futhi ogwema ububi. Kukhona lezi zinhlobo ezimbili kuphela zabantu. Ingabe nina ningena kuluphi uhlobo? Ingabe niyakwazi ukusho? Lokhu kuyiqiniso, nakuba linganilimaza emoyeni kancane. Ayikho into engashiwo ngokukhothama kwabantu ngesikhathi somthandazo—lokhu kufanele, futhi kunjengoba kufanele kube yikho, ngoba lapho abantu bethandaza, ikaningi, bathandazela okuthile, bevula izinhliziyo zabo kuNkulunkulu futhi bebhekana Naye ubuso nobuso. Ukuxhumana nokushintshisana, inhliziyo nenhliziyo noNkulunkulu. Ukukhonza uguqile akufanele kube ukugcwalisa umthetho nje. Angiqondile ukunisola ngalokho enikwenzile namhlanje. Ngifuna nje ukukwenza kucace kinina ukuze nisiqonde lesi simiso—niyakwazi lokhu, akunjalo? (Yebo, siyazi.) Nginitshela lokhu ukuze kungenzeki futhi lokhu. Ngakho, ingabe abantu banalo ithuba lokuwa ngobuso futhi baguqe phambi kobuso bukaNkulunkulu? Akusho ukuthi ngeke libe khona leli thuba. Noma nini luyofika usuku, kodwa akukabi yisikhathi. Niyabona? Ingabe lokhu kunenza niphatheke kabi? (Cha.) Kuhle lokho. Mhlawumbe la mazwi azonikhuthaza noma anigqugquzele ukuze nisazi ezinhliziyweni zenu isimo esibucayi esikhona njengamanje phakathi kukaNkulunkulu nomuntu, nokuthi uhlobo luni lobudlelwane olukhona manje phakathi kukaNkulunkulu nomuntu. Nakuba sikhulumile futhi sabelana kakhudlwana kamuva nje, ukuqonda komuntu ngoNkulunkulu kusekude kakhulu ukwanela. Umuntu usazohamba indlela ende efuna ukuqonda uNkulunkulu. Akuyona inhloso Yami ukukwenza ukuthi wenze lokhu ngokuphuthuma, noma ukuba uxhamazelele ukukhombisa lezi zinhlobo zezifiso noma imizwa. Lokhu enikwenzile namhlanje kungase kwambule futhi kukhombise imizwa yenu yangempela, futhi ngiyizwile. Ngakho ngesikhathi nikwenza, bengifuna nje ukuthi ngisukume futhi ngininike izilokotho Zami ezinhle, ngoba ngifisa ukuthi nonke niphile. Ngakho kuwo wonke amazwi nezenzo Zami, ngenza konke okusemandleni ami ukunisiza, ukunihola ukuze nibe nokuqonda okulungile nombono olungile ngezinto zonke. Niyakuqonda lokhu, akunjalo? (Yebo.) Kuhle lokho. Nakuba abantu benokuqonda okuthile ngezimo ezinhlobonhlobo zikaNkulunkulu, izingxenye zalokho uNkulunkulu anakho nayikho, nomsebenzi uNkulunkulu awenzayo, okuningi kwalokhu kuqonda akudluli ekufundweni kwamagama ekhasini, noma ukuwaqonda ngokwesimiso, noma ukuwacabanga nje. Lokho abantu abakuswele kunakho konke ukuqonda nombono wangempela okuvela kulokho abadlule kukho ngempela. Nakuba uNkulunkulu esebenzisa izindlela ezinhlobonhlobo ukuze aphaphamise izinhliziyo zabantu, kusenendlela ende ezohanjwa ngaphambi kokuthi lokhu kufezwe. Angifuni ukubona noma ubani ezwa sengathi uNkulunkulu umshiye ngaphandle, ukuthi uNkulunkulu umlahlile noma umfulathele. Ngithanda kuphela ukubona bonke abantu besendleleni yokufuna iqiniso nokufuna ukuqonda uNkulunkulu, benyathela ngesibindi beya phambili ngokuzinikela okungenakunqikaza, engenakho ukungabaza, engathwele mithwalo. Kungakhathalekile ukuthi yimaphi amaphutha owenzile, kungakhathalekile ukuthi usuduke kangakanani noma ukuthi wone kangakanani, ungazivumeli lezi zinto ukuba zibe yimithwalo noma impahla eyeqile okufanele uyithwale ekufuneni kwakho ukuqonda uNkulunkulu. Qhubeka unyathele uye phambili. Ngazo zonke izikhathi, uNkulunkulu uphethe insindiso yomuntu enhliziyweni Yakhe; lokhu akuguquki neze. Lokhu kuyingxenye eyigugu kakhulu yengqikithi kaNkulunkulu. Ingabe nizizwa ningconywana manje? (Yebo.) Ngithemba ukuthi nizothatha indlela efanele ezintweni zonke nasemazwini engiwakhulumile. Masikuphethe lapha-ke lokhu kuhlanganyela. Nisale kahle!

Januwari 11, 2014

Okwedlule: UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele V

Okulandelayo: UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VII

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp