UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VII

UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Wazo Zonke Izinto (I)

Uhlolojikelele Lwegunya LikaNkulunkulu, Isimo Esilungile SikaNkulunkulu, Nobungcwele BukaNkulunkulu

Uma seniyiqedile imikhuleko yenu, ingabe izinhliziyo zenu zinakho ukuzotha phambi kukaNkulunkulu? (Yebo.) Uma inhliziyo yomuntu ikwazi ukuzothiswa, angakwazi ukuzwa nokuqonda izwi likaNkulunkulu futhi angakwazi ukuzwa nokuqonda iqiniso. Uma inhliziyo yakho ingakwazi ukuzothiswa, uma inhliziyo yakho ihlale izula, noma ihlale icabanga ngezinye izinto, lokhu kuzokuthinta lapho uhamba imihlangano yokuzwa izwi likaNkulunkulu. Yini ewumongo walezi zindaba ebesizixoxa? Ake sicabange sihlehle kancane ngamaphuzu abalulekile. Mayelana nokwazi uNkulunkulu uqobo Lwakhe, oyingqayizivele, engxenyeni yokuqala, sixoxe ngegunya likaNkulunkulu. Engxenyeni yesibili, sixoxe ngesimo sikaNkulunkulu sokulunga, kwathi engxenyeni yesithathu, saxoxa ngobungcwele bukaNkulunkulu. Ngabe obekuqukethwe kulokho ebesikuxoxa ngesikhathi ngasinye kunithintile? Engxenyeni yokuqala ethi “Igunya likaNkulunkulu,” yikuphi okunithinte ngokujule kakhulu? Iyiphi ingxenye eninyakazise ngokunamandla kakhulu? (UNkulunkulu waqala wakhuluma ngegunya namandla ezwi likaNkulunkulu; uNkulunkulu wethembeke njengezwi Lakhe futhi izwi Lakhe lizogcwaliseka. Lokhu kuyingqikithi eyimvelo kaNkulunkulu.) (Umyalelo kaNkulunkulu kuSathane wawuthi uSathane angamlinga kuphela uJobe, kodwa angayithathi impilo yakhe. Kulokhu sibona igunya lezwi likaNkulunkulu.) Ingabe kukhona okunye eningakwengeza? (UNkulunkulu wasebenzisa amazwi ukudala amazulu nomhlaba nakho konke okokukho, futhi wakhuluma amazwi ukwenza isivumelwano nomuntu nokubeka izibusiso Zakhe kumuntu. Lezi yizona zonke izibonelo zegunya lezwi likaNkulunkulu. Sibuye sabona indlela iNkosi uJesu eyayalela ngayo uLazaru ukuba aphume ethuneni lakhe—lokhu kukhombisa ukuthi ukuphila nokufa kulawulwa nguNkulunkulu, ukuthi uSathane anganamandla okukulawula ukuphila nokufa, nokuthi noma umsebenzi kaNkulunkulu uwenza esenyameni noma eMoyeni, igunya Lakhe liyingqayizivele.) Lokhu ukuqonda enikuzuze emva kokuzwa ukuhlanganyela, angithi? Uma sikhuluma ngegunya likaNkulunkulu, yini eniyiqondayo ngegama elithi “igunya”? Phakathi komklamo wegunya likaNkulunkulu, babonani abantu kulokho uNkulunkulu akwenzayo nakwembulayo? (Sibona ukuba umninimandla nobuhlakani bukaNkulunkulu.) (Sibona ukuthi igunya likaNkulunkulu lihlala likhona nokuthi likhona ngempela. Sibona igunya likaNkulunkulu kakhulu ekubuseni Kwakhe phezu kwazo zonke izinto, futhi silibona ezingeni elincane uma elawula impilo yomuntu ngomuntu. UNkulunkulu empeleni uhlela futhi alawule izigaba eziyisithupha zempilo yomuntu. Ngaphezu kwalokho, siyabona ukuthi igunya likaNkulunkulu limele uNkulunkulu uqobo Lwakhe, oyingqayizivele, futhi asikho isidalwa esidaliwe nesingadaliwe esingaba nalo. Igunya likaNkulunkulu liwuphawu lwesikhundla Sakhe.) Ukuqonda kwenu “Izimpawu zesikhundla nendawo kaNkulunkulu,” kubonakala kusamfundiso. Ninalo ulwazi olubambekayo lwegunya likaNkulunkulu? (UNkulunkulu usibhekile, wasivikela kusukela ebuncaneni bethu, futhi sibona igunya likaNkulunkulu kulokho. Besingazi ngezingozi ezisinyonyobelayo, kodwa uNkulunkulu ubehlala esivikela singaboni. Nalokhu kuyigunya likaNkulunkulu.) Kuhle kakhulu. Nibeke kahle.

Uma sikhuluma ngegunya likaNkulunkulu, sigxile kuphi, yiliphi iphuzu elisemqoka? Kungani kufanele sixoxe ngalokhu? Inhloso yokuqala yokuxoxa ngalokhu ukuba sigxilise ezinhliziyweni zabantu isikhundla sikaNkulunkulu njengoMdali nendawo Yakhe phakathi kwezinto zonke. Lokhu kuyinto abantu, ekuqaleni, okungenziwa ukuthi bayazi, bayibone futhi bayizwe. Okubonayo nokuzwayo kusuka ezenzweni zikaNkulunkulu, emazwini kaNkulunkulu nasekulawuleni kukaNkulunkulu izinto zonke. Ngakho-ke, yikuphi ukuqonda kwangempela abantu abakuzuzayo kukho konke abakubonayo, abakufundayo, nabakwaziyo ngegunya likaNkulunkulu? Sesiyixoxile inhloso yokuqala. Eyesibili, eyokwenza abantu babone amandla nokuhlakanipha kukaNkulunkulu ngakho konke akwenzile nakushilo nakulawulile ngegunya Lakhe. Kwenza ukuthi ubone ukuthi unamandla futhi uhlakaniphe kangakanani uNkulunkulu ekulawuleni Kwakhe yonke into. Ingabe lokhu akukhona obekugxilwe kukho nobekuyiphuzu elisemqoka engxoxweni yethu yaphambilini ngegunya likaNkulunkulu eliyingqayizivele? Akukadluli isikhathi eside emva kwaleyo ngxoxo, kodwa abanye kinina sebekukhohliwe lokhu, okukhombisa khona ukuthi aniliqondanga ngokuphelele igunya likaNkulunkulu; omunye angaze athi anikakutholi ukuliqonda ngokujulile igunya likaNkulunkulu. Kungashiwo nokuthi umuntu akakaliboni igunya likaNkulunkulu. Ingabe manje seninakho ukuqonda okuthile? Uma ubona uNkulunkulu esebenzisa igunya Lakhe, uzwani ngempela? Ingabe uwezwile ngempela amandla kaNkulunkulu? (Yebo.) Uma ufunda amazwi Akhe ngendlela adala ngayo zonke izinto, uzwa amandla Akhe futhi uzwa ukuba kwakhe namandla onke. Uma ubona ukubusa kukaNkulunkulu phezu kokudalelwa kwabantu, uzwani? Ingabe uzwa amandla nokuhlakanipha Kwakhe? Ukuba uNkulunkulu ubengenawo la mandla, ukuba ubengenakho lokhu kuhlakanipha, ubengafanela ukubusa phezu kwazo zonke izinto nasekusaseni labantu? UNkulunkulu unamandla nokuhlakanipha, ngakho futhi unegunya. Lokhu kuyingqayizivele. Phakathi kwayo yonke indalo, usuke wambona umuntu noma isidalwa esinamandla afana nakaNkulunkulu? Ukhona yini umuntu noma into enamandla okudala amazulu nomhlaba nazo zonke izinto, okuzilawula futhi azibuse? Ukhona yini umuntu noma into engabusa futhi ihole sonke isintu, engaba khona yonke indawo ngazo zonke izikhathi? (Cha, ayikho.) Ingabe manje niyayiqonda incazelo yangempela yegunya likaNkulunkulu eliyingqayizivele? Ingabe seninakho ukuqonda okuthize ngalokhu? (Yebo.) Sesifike ekugcineni kokubuyekeza kwethu isihloko segunya likaNkulunkulu eliyingqayizivele.

Engxenyeni yesibili, sikhulume ngesimo esilungile sikaNkulunkulu. Asixoxanga ngokuningi kulesi sihloko, ngenxa yokuthi, kulesi sigaba, umsebenzi kaNkulunkulu uqukethe ikakhulu ukwahlulela nokusola. Isimo esilungile sikaNkulunkulu sambulwe ngokucacile nangemininingwane yaso eNkathini yoMbuso. Ukhulume amazwi angakaze awasho kusuka esikhathini sokudala; futhi emazwini Akhe, bonke abantu, bonke abafunda futhi bezwe izwi Lakhe, bakubonile ukwembulwa kwesimo Sakhe esilungile. Pho, yiliphi iphuzu elisemqoka lengxoxo yethu ngesimo esilungile sikaNkulunkulu? Ingabe usiqonda ngokunzulu? Ingabe usiqonda ngalokho ohlangane nakho empilweni? (UNkulunkulu washisa iSodoma ngenxa yokuthi abantu ngaleso sikhathi babekhohlakele kakhulu base bevusa intukuthelo kaNkulunkulu. Kulokhu, sibona isimo esilungile sikaNkulunkulu.) Okokuqala, ake sibheke: Ukuba uNkulunkulu akazange abhubhise iSodoma, ubuzokwazi ngesimo Sakhe esilungile? Ubuzokwazi, akunjalo? Uyakubona emazwini awashilo eNkathini yoMbuso, nasekwahluleleni, ukusola, neziqalekiso azibhekisa kumuntu. Uyasibona isimo Sakhe sokulunga ekuhlengeni Kwakhe iNinive? (Yebo.) Enkathini yamanje, abantu bayasibona isihe, uthando, nokubekezela kukaNkulunkulu okuthile, nabantu bayakubona futhi ekuguqukeni kwenhliziyo kaNkulunkulu okulandela ukuphenduka komuntu. Lapho sesisebenzise lezi zibonelo ezimbili ukungenisa ingxoxo yethu ngesimo esilungile sikaNkulunkulu, kubonakala ngokucace kahle ukuthi isimo Sakhe esilungile sembuliwe, nokho, empeleni, ingqikithi yesimo sikaNkulunkulu esilungileyo ayikhawuki kulokho okwambulwe kulezi zindaba ezimbili zeBhayibheli. Kulokho esenikufundile nenikubonile futhi nakuzwa ezwini likaNkulunkulu nasemsebenzini Wakhe, siyini isimo esilungile sikaNkulunkulu ngokubona kwenu? Xoxani ngolwazi enilutholile. (Ezimweni uNkulunkulu azidalele abantu, lapho abantu bekwazi ukufuna iqiniso futhi benze ngokwentando kaNkulunkulu, uNkulunkulu uyabahola, abakhanyisele, futhi abenze bazizwe bekhanyisiwe ezinhliziyweni zabo. Uma abantu bephambana noNkulunkulu futhi bephikisana Naye baphinde bengenzi ngokuvumelana nentando Yakhe, khona-ke kunobumnyama obukhulu ngaphakathi kubo, kube sengathi uNkulunkulu ubashiyile. Ngisho nalapho bethandaza, abazi ukuthi bathini Kuye. Kodwa lapho beshiya imibono nemicabango yabo bese bezimisela ukubambisana noNkulunkulu futhi balwele ukuzenza babe ngcono, baya ngokuya bebona ubuso bukaNkulunkulu obumamathekayo. Kulokhu sizwa ubungcwele besimo esilungile sikaNkulunkulu. UNkulunkulu ubonakala embusweni ongcwele, kodwa uyazifihla ezindaweni ezingcolile.) (Ngibona isimo esilungile sikaNkulunkulu endleleni aphatha ngayo abantu. Abafowethu nodadewethu bahlukene ngesimo nangezinga, kanti lokho uNkulunkulu akudingayo kithina ngamunye kuyehlukana nakho. Siyakwazi sonke ukuthola ukukhanyisela kukaNkulunkulu ngamazinga ahlukene, futhi kulokhu, ngibona ukulunga kukaNkulunkulu, ngoba thina bantu asikwazi ukuphatha umuntu ngale ndlela, kodwa uNkulunkulu uyakwazi.) Manje, nonke ninolwazi olungokoqobo eningakhuluma ngalo.

Ingabe niyazi ukuthi yiluphi ulwazi olusemqoka ekuqondeni isimo esilungile sikaNkulunkulu? Kuningi okungashiwo ngalesi sihloko kusukela kokuhlangenwe nakho, kodwa okokuqala, kunamaphuzu ambalwa asemqoka okufanele nginitshele ngawo. Ukuze umuntu aqonde isimo esilungile sikaNkulunkulu, kufanele aqale aqonde imizwa kaNkulunkulu: lokho akuzondayo, lokho akwenyanyayo, lokho akuthandayo, lowo ambekezelelayo nanesihe kuye, nokuthi uhlobo olunjani lomuntu alunika lowo musa. Lokhu kuyiphuzu elisemqoka. Umuntu kufanele aqonde ukuthi noma uNkulunkulu angathanda kangakanani, noma angaba nomusa nothando olungakanani kubantu, uNkulunkulu akabekezeleli noyedwa ophoxa isikhundla nendawo Yakhe, noma abekezelele noyedwa ocekela phansi isithunzi Sakhe. Yize uNkulunkulu ebathanda abantu, akabatotosi. Unikeza abantu uthando Lwakhe, umusa Wakhe nokubekezela Kwakhe, kodwa akaze abatotose kukho konke; uNkulunkulu unezimiso nemikhawulo Yakhe. Kungakhathalekile ukuthi uzwe uthando lukaNkulunkulu olungakanani, kungakhathaleki ukuthi lolo thando lujule kanganani, akumele uphathe uNkulunkulu ngendlela ongaphatha ngayo omunye umuntu. Noma kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu uphatha abantu ngendlela esondele kakhulu Kuyena, uma umuntu ebona uNkulunkulu njengomunye umuntu nje, sengathi ungesinye isidalwa nje, njengomngane noma into yokukhonzwa, uNkulunkulu uzofihla ubuso Bakhe kuye amshiye. Lokhu kuyisimo Sakhe, futhi abantu akufanele bayithathe ngokungacabangi le ndaba. Ngakho, sivamise ukubona amazwi afana nalawa akhulunywa uNkulunkulu ngesimo Sakhe: Akukhathalekile ukuthi zingaki izindlela ozihambile, ungakanani umsebenzi owenzile noma kungakanani ukuhlupheka okubekezelele, uma nje wona isimo sikaNkulunkulu, Yena uzokhokhela omunye nomunye kini ngalokho enikwenzile. Lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu uphatha abantu njengabaseduze kakhulu Naye, kodwa abantu akufanele baphathe uNkulunkulu njengomngani noma isihlobo. Ungambizi uNkulunkulu “ngomngani” wakho. Noma ngabe uthole uthando olungakanani Kuyena, noma ngabe ukubekezelele kangakanani, akufanele nhlobo ukuba uphathise uNkulunkulu okomngani wakho. Lesi yisimo esilungile sikaNkulunkulu. Uyakuqonda lokho? Ingabe ngidinga ukusho okuthe xaxa ngalokhu? Ingabe ninokuqonda kwangaphambili ngale ndaba? Ngokuvamile, leli yiphutha elilula abantu abalenzayo kungakhathalekile ukuthi bayaziqonda izimfundiso noma abakaze bacabange ngalolu daba ngaphambilini. Uma abantu bona uNkulunkulu, kungase kungabi ngenxa yesehlo esisodwa noma into eyodwa abayishilo, kodwa kuba ngenxa yesimo somqondo abanaso nesimo abakusona. Le yinto eyethusa kakhulu. Abanye abantu bakholwa ukuthi bayamqonda uNkulunkulu, ukuthi banokumazi okuthile, nokuthi bangenza nezinto ezizomjabulisa uNkulunkulu. Baqala bazizwe belingana noNkulunkulu nokuthi sebenze ngokuhlakanipha okuthize ukuba babe nobungani noNkulunkulu. Lezi zinhlobo zemizwa zimbi kabi. Uma ngabe awukuqondi lokhu ngokujulile—uma ngabe awukuqondi ngokucacile lokhu—kuzoba lula-ke ukona uNkulunkulu nokona isimo Sakhe esilungile. Uyakuqonda lokhu manje, akunjalo? Ingabe isimo esilungile sikaNkulunkulu asiyona ingqayizivele? Ingabe siyalingana nesimilo noma ukuziphatha komuntu? Phinde. Ngakho ungakhohlwa ukuthi noma ngabe uNkulunkulu ubaphatha kanjani abantu, noma ngabe ucabangani ngabantu, indawo, igunya nesikhundla sikaNkulunkulu akusoze kwaguquka. Esintwini, uNkulunkulu uhlala eyiNkosi yazo zonke izinto futhi unguMdali.

Nifundeni ngobungcwele bukaNkulunkulu? Kuleya ngxenye emayelana “nobungcwele bukaNkulunkulu,” ngale kokuthi ububi bukaSathane busetshenziswe njengesiqhathaniso, yini ebiphambili ebiqukethwe yingxoxo yethu ngobungcwele bukaNkulunkulu? Akukhona lokho uNkulunkulu anakho nayikho? Ingabe lokho uNkulunkulu anakho nayikho kuyingqayizivele kuNkulunkulu uqobo Lwakhe? (Yebo.) Akukho endalweni Yakhe okunalokhu. Yingakho sithi ubungcwele bukaNkulunkulu buyingqayizivele. Lokhu kuyinto ongayiqonda. Sibe nemihlangano emithathu ngesihloko sobungcwele bukaNkulunkulu. Ningakuchaza ngamazwi enu, ngokuqonda kwenu, lokho enikholwa ukuthi ubungcwele bukaNkulunkulu buyikho? (Ngesikhathi sokugcina uNkulunkulu akhulume ngaso nathi sikhothame phambi Kwakhe. UNkulunkulu uhlanganyele nathi ngeqiniso elimayelana nokuwa phansi nokukhothama ukuze simkhonze. Sibone ukuthi ukukhothama ukuze simkhonze phambi kokwenza izidingo Zakhe akungahambelani nentando Yakhe, futhi kulokhu sibone ubungcwele bukaNkulunkulu.) Yiqiniso ngempela. Ingabe kukhona okunye? (Emazwini likaNkulunkulu esintwini, siyabona ukuthi ukhuluma ngokusobala nangokucacile, uqondile futhi ushaya emhlolweni. USathane ukhuluma ngendlela ezungezayo futhi ugcwele amanga. Kulokhu okwenzekile ngesikhathi esedlule lapho silale phansi phambi kukaNkulunkulu, sibone ukuthi amazwi nezenzo Zakhe kuhlala kunemithetho. Uhlala ecacile futhi eqonde ngqo uma esitshela ngokuthi kufanele senze kanjani, kufanele sibuke kanjani nokuthi kufanele senzeni. Kodwa abantu abanjena. Ngemva kokuba abantu boniwe nguSathane, sebenze futhi bakhuluma ngokwezifiso nezinhloso ezisemiqondweni yabo. Ngendlela uNkulunkulu abheka ngayo, anakekela futhi avikela ngayo isintu, siyabona ukuthi konke uNkulunkulu akwenzayo kuhle futhi kucacile. Kungale ndlela lapho sibona khona ukwembulwa kwengqikithi yobungcwele bukaNkulunkulu.) Nibeke kahle! Ingabe ukhona ongenezela kulokhu? (Sibona ubungcwele bukaNkulunkulu, sazi kakhudlwana ngobubi bukaSathane, futhi sibona umthombo wokuhlupheka kwesintu lapho uNkulunkulu ebeka obala ingqikithi kaSathane embi. Esikhathini esedlule, besingazi ngokuhlupheka ngaphansi kwesandla sikaSathane. Sibone emva kokuba uNkulunkulu eveze lokhu ukuthi konke ukuhlupheka okuvela ekulandeleni udumo nokuceba kudalwe nguSathane. Kulapho kuphela esizwe khona ukuthi ubungcwele bukaNkulunkulu buyinsindiso yesintu yangempela.) Kukhona okunye esingakunezela kulokho? (Isintu, esonakele, sintula ukwazi nokuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso. Ngenxa yokuthi asiyiqondi ingqikithi yobungcwele bukaNkulunkulu, futhi ngenxa yokuthi lapho silala phansi futhi sikhothama phambi Kwakhe ngokumkhonza, lokhu sikwenza ngemicabango engcolile nezizathu nezinhloso ezinomhobholo, uNkulunkulu akathokozi. Siyabona ukuthi uNkulunkulu wehlukile kuSathane; uSathane ufuna ukuthi abantu bamthande futhi bamncome, ukuba balale phansi futhi bamkhothamele ngokumkhonza. USathane akanazimiso. Nakulokhu, ngiyaziswa ngobungcwele bukaNkulunkulu.) Kuhle kakhulu! Njengoba sesihlanganyele ngobungcwele bukaNkulunkulu, nikubonile ukuphelelisa kukaNkulunkulu? Niyabona ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wazo zonke izinto ezinhle? Niyakwazi ukubona ukuthi uNkulunkulu uwukubonakaliswa kweqiniso nobulungiswa? Niyabona ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wothando kanjani? Niyabona ukuthi konke okwenziwa nguNkulunkulu, konke lokho akukhiphayo nakho konke lokho akwembulayo akunasici kanjani? (Siyakubona.) Lawa ngamaphuzu asemqoka alokho engikushilo ngobungcwele bukaNkulunkulu. Namuhla, la mazwi angabonakala njengezimfundiso nje kini, kodwa ngelinye ilanga, lapho uzwa futhi ubona uNkulunkulu weqiniso uqobo Lwakhe ezwini nasemsebenzini Wakhe, uzosho ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo yakho ukuthi uNkulunkulu ungcwele, ukuthi uNkulunkulu wehlukile kubantu, nokuthi inhliziyo, isimo, nengqikithi Yakhe kungcwele konke. Lobu bungcwele benza ukuthi umuntu abone ukuphelela Kwakhe futhi kuvumela umuntu ukuba abone ukuthi ingqikithi yobungcwele bukaNkulunkulu icwebile. Ingqikithi yobungcwele Bakhe iveza ukuthi unguNkulunkulu uqobo Lwakhe, oyingqayizivele, futhi kuvumela umuntu ukuthi abone futhi kufakazela ukuthi unguNkulunkulu oyingqayiziivele uqobo Lwakhe. Akulona iphuzu elisemqoka leli? (Yilona.)

Namuhla senze uhlolojikelele lwezihloko ezimbalwa zokuhlanganyela okwedlule. Sigoqa uhlolojikelele lwethu lapha. Ngiyethemba ukuthi nonke nizozindla ngamaphuzu asemqoka odaba nesihloko ngasinye. Ningacabangi ngazo njengezimfundiso nje; zifundisise futhi uzindle ngazo uma unesikhathi. Zikhumbule enhliziyweni yakho futhi uzisebenzise empilweni yangempela—khona-ke uzokuzwa ngempela konke lokho engikushilo ngeqiniso lokwembula kukaNkulunkulu isimo Sakhe nalokho anakho nayikho. Nokho, ngeke uziqonde uma uzibhala nje phansi ebhukwini lakho bese ungazifundi noma ucabange ngazo. Niyaqonda manje, angithi? Ngemva kokukhuluma ngalezi zihloko ezintathu, lapho abantu sebezuze ukuqonda okubanzi—noma okuthile—ngesimo sikaNkulunkulu, ingqikithi Yakhe, nesimo Sakhe, ingabe ukuqonda kwabo uNkulunkulu kuphelele? (Cha.) Manje, ngokuqonda kwakho uNkulunkulu, ngabe bezingekho ezinye izindawo lapho uzwe khona udinga ukuqonda okunzulu? Okusho ukuthi, ngoba usuthole ukuqonda igunya likaNkulunkulu, isimo Sakhe esilungile nobungcwele Bakhe, mhlawumbe isimo Sakhe esiyingqayizivele nesikhundla kuyagxila emqondweni wakho; kodwa sekukuwe ukuba ubone, uqonde, futhi ujulise ulwazi lwakho ngezenzo Zakhe, amandla Akhe nengqikithi Yakhe ngalokho osuhlangane nakho empilweni. Ngoba senilalele lezi zingxoxo, ezinhliziyweni zenu sekucishe kugxile leli qiniso lokholo: UNkulunkulu ukhona ngempela, futhi kuyiqiniso ukuthi uphethe zonke izinto. Akekho umuntu ofanele ukona isimo Sakhe esilungile; ubungcwele Bakhe buyisiqiniseko okungekho muntu ongasingabaza. Lawa ngamaqiniso. Lezi zingxoxo zivumela isikhundla nendawo kaNkulunkulu ukuba kube nesisekelo ezinhliziyweni zabantu. Lapho lesi sisekelo sesimisiwe, abantu kufanele bazame ukuqonda ngokuthe xaxa.

Indaba 1: Imbewu, Umhlaba, Isihlahla, Ukukhanya Kwelanga, Izinyoni, Nabantu

Namuhla ngizohlanganyela ngesihloko esisha nani. Sithini lesi sihloko? Isihloko saso sithi: “UNkulunkulu ungumthombo wokuphila wazo zonke izinto.” Asizwakali sibanzi kakhulu lesi sihloko? Ingabe kuzwakala sengathi yinto ongefinyelele kuyo? “UNkulunkulu ungumthombo wokuphila wazo zonke izinto”—lesi sihloko singezwakala sithe ukuqhela, kodwa kufanele siqondwe yibo bonke abantu abalandela uNkulunkulu, ngenxa yokuthi sixhumene ngokungenakwehlukaniswa nokwazi komuntu ngamunye ngoNkulunkulu nokwazi kwakhe ukumenelisa nokumhlonipha. Kungakho ngizohlanganyela ngalesi sihloko. Kungenzeka impela ukuthi abanye abantu banokuqonda okuyisisekelo ngalesi sihloko, noma mhlawumbe abanye abantu bayasazi ezingeni elithile. Lolu lwazi noma ukuqonda kungenzeka, emiqondweni yabanye abantu, kuphelezelwe yizinga lokuqonda elilula noma elikha phezulu. Abanye kungase kube bahlangane nakho ngokukhethekile, okuholele ekuthini bahlangane mathupha nangokujulile nalesi sihloko ezinhliziyweni zabo. Kodwa ulwazi lwangaphambili olunjalo, noma ngabe lujulile noma ngolwangaphandle nje, lusohlangothini olulodwa futhi alucacile ngokwanele. Ngakho, lesi yisizathu esenze ukuthi ngikhethe ukuhlanganyela ngalesi sihloko: ukukusiza ukuthi ube nokuqonda okujule nokucace ngokwengeziwe. Ngizosebenzisa indlela ekhethekile ukuhlanganyela ngalesi sihloko nani, indlela esingakaze siyisebenzise ngaphambili, leyo eningayithola ingajwayelekile, noma ecishe inganikhululi kahle. Nizobuye nikwazi lokhu engikushoyo. Niyazithanda izindaba? (Siyazithanda.) Kubonakala sengathi nginembile ngokukhetha le ndlela yokuxoxa izindaba ngoba nizithanda kangaka. Hhayi-ke, masiqaleni. Akudingeki ukuba nibhale amanothi. Ngicela ukuba nithule, ningashuduzi. Ningavala amehlo enu uma nizwa ukuthi izimo kanye nabantu abaseduze kwenu kuzonithikameza. Nginendaba emnandi engizonixoxela yona. Yindaba yembewu, umhlaba, isihlahla, ukukhanya kwelanga, izinyoni nabantu. Indaba engizoyixoxa inabaphi abalingiswa abaqavile? (Imbewu, umhlaba, isihlahla, ukukhanya kwelanga, izinyoni nabantu.) Ingabe uNkulunkulu ungomunye wabalingiswa? (Cha.) Noma kunjalo, ngiqinisekile ukuthi, ngemva kokuxoxwa kwendaba, nizozizwa ningcono futhi nenelisekile. Kulungile-ke, ngicela nilalele ngokuthula.

Imbewu encane yawela emhlabeni. Kwana imvula enkulu, imbewu yaqhumisa ihlumela elithambile, nezimpande zalo zangena kancane enhlabathini ngaphansi. Ihlumela lakhula laba lide, libekezelele imimoya enonya nemvula enamandla, libona ukuguquka kwezikhathi zonyaka ngenkathi inyanga ikhula futhi incipha. Ehlobo, umhlaba waletha izipho zamanzi ukuze ihlumela likwazi ukumela ukushisa okuhangulayo. Futhi, ngenxa yomhlaba, ihlumela alehlulwanga ukushisa, ngalokho lasinda ekushiseni kwehlobo. Lapho kufika ubusika, umhlaba wamboza ihlumela ngokuligona ngemfudumalo, umhlaba nehlumela kwankonkoshelana. Umhlaba wafudumeza ihlumela, ngalokho lasinda ekubandeni okubi, alaze lalinyazwa yiziphepho zasebusika nokukhithika kweqhwa. Livikelwe umhlaba, ihlumela lakhula ngesibindi futhi lijabule. Ngokondliwa umhlaba, lakhula laba lide futhi laqina. Lakhula ngokujabula, licula emvuleni, lidansa futhi lintengantenga emoyeni. Ihlumela nomhlaba kwancika okunye kokunye …

Yadlula iminyaka, ihlumela lakhula laba yisihlahla eside. Sama saqina emhlabeni, saba namagatsha amakhulu anamaqabunga angebalwe. Izimpande zesihlahla zaqhubeka zamba emhlabeni njengoba zazenzile ngaphambili, kodwa manje zangena zajula ngaphansi emhlabathini. Umhlaba, owawukade uvikele ihlumela elincane, manje wase uyisisekelo sesihlahla esinamandla.

Umsebe welanga wakhanyisa phansi esihlahleni. Isiqu sanyakaza selula izingalo zaso sadonsa ngokujulile umoya okhanyiswe yilanga. Umhlaba phansi waphefumula kanyekanye nesihlahla, nomhlaba wazizwa uvuselelekile. Khona manjalo, umoya ohelezayo wavunguza emagatsheni, isihlahla sanyakaza ngenjabulo, sigcwele amandla. Isihlahla nokukhanya kwelanga kuncike okunye kokunye …

Abantu bahlala emthunzini opholile wesihlahla futhi bathamela emoyeni onamakha amnandi. Umoya wahlanza izinhliziyo namaphaphu abo, futhi wahlanza igazi ngaphakathi kubo, nemizimba yabo yayingasakhathele futhi ingabambekile. Abantu nesihlahla kuncike okunye kokunye …

Iqulu lezinyoni ezitshiyozayo lahlala emagatsheni esihlahla. Mhlawumbe zazihlala lapho ngoba zigwema isitha esithile, noma zazihlalela ukuzalela nokukhulisa amaphuphu azo, noma mhlawumbe zazithatha nje ikhefana. Izinyoni nesihlahla kuncike okunye kokunye …

Izimpande zesihlahla, zisontekile ziphambene, zangena zajula emhlabeni. Ngesiqu saso savikela umhlaba emoyeni nasemvuleni, futhi selula amagatsha aso ukuvikela umhlaba ngaphansi kwezinyawo zaso. Isihlahla senza lokhu ngoba umhlaba wawungunina. Kuyaqinisana futhi kuncikile okunye kokunye, futhi angeke kuhlukane …

Manje-ke, le ndaba iyaphela. Indaba engiyixoxile imayelana nembewu, umhlaba, isihlahla, ukukhanya kwelanga, izinyoni nabantu. Ibe nezigcawu ezimbalwa kuphela. Inishiye namiphi imizwa? Uma ngikhuluma ngale ndlela, niyakuqonda engikushoyo? (Siyaqonda.) Ngicela nikhulume ngemizwa yenu. Nizweni ngemva kokuzwa le ndaba? Ngizoqala nginitshele ukuthi bonke abalingiswa abasendabeni bangabonakala futhi bathinteke; yizinto zoqobo, hhayi izingathekiso. Ngifuna niqhubeke nicabange ngalokho engikuxoxile. Akukho lutho engikhulume ngakho okufihlekile endabeni Yami, futhi amaphuzu asemqoka abekwe emigqeni embalwa endabeni. (Indaba esiyizwile isinikeza isithombe esihle: Imbewu iyaphila kanti uma ilokhu ikhula ihlangabezana nezikhathi ezine zonyaka: intwasahlobo, ihlobo, ikwindla nobusika. Umhlaba wondla imbewu ehlumayo njengoba kwenza umama. Unikeza imfudumalo ebusika ukuze ihlumela lisinde emakhazeni. Ngemva kokukhula kwehlumela liba yisihlahla, umsebe welanga uthinta amagatsha aso, okunikeza isihlahla injabulo enkulu. Ngibona ukuthi phakathi kwenqwaba yezidalwa zikaNkulunkulu, umhlaba nawo uyaphila, nokuthi wona nesihlahla kuncikile okunye kokunye. Ngibona futhi ukufudumala okukhulu okulethwa ukukhanya kwelanga esihlahleni, futhi ngibona izinyoni, nakuba ziyinto evamile, zihlangana nesihlahla nabantu ngokuzwana okuphelele. Yilena imizwa engibe nayo enhliziyweni yami lapho ngizwa le ndaba; ngibona ukuthi zonke lezi zinto ziyaphila ngempela.) Usho kahle! Ingabe ukhona onokuthize afuna ukukwengeza? (Kule ndaba yembewu iqhuma, ikhula, iba yisihlahla eside, ngibona isimangaliso sendalo kaNkulunkulu. Ngibona ukuthi uNkulunkulu wenze zonke izinto ukuba ziqinisane futhi zincikane enye kwenye, nokuthi zonke izinto zixhumene futhi ziyasebenzelana. Ngibona ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, izimangaliso Zakhe, futhi ngibona ukuthi ungumthombo wempilo yazo zonke izinto.)

Zonke izinto engisanda kukhuluma ngazo ziyinto esenike nayibona. Imbewu, ngokwesibonelo, ikhula ibe yisihlahla, nakuba ungeke ubone yonke imininingwane yenqubo, kodwa uyazi ukuthi iyenzeka, akunjalo? Uyazi futhi ngomhlaba nangokukhanya kwelanga. Umfanekiso wezinyoni zihleli esihlahleni yinto bonke abantu asebeke bayibona, akunjalo? Nesithombe sabantu bephola emthunzini wesihlahla—yinto esenike nayibona nonke, akunjalo? (Kunjalo.) Manje, muzwa muni eniwutholayo uma nibona zonke lezi zinto esithombeni esisodwa? (Umuzwa wokuzwana.) Ingabe zonke lezi zinto ezikulesi sithombe zivela kuNkulunkulu? (Yebo.) Njengoba zivela kuNkulunkulu, uNkulunkulu uyazi ngobugugu nokubaluleka kokuba khona kwalezi zinto ezehlukene emhlabeni. Ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto, lapho ehlela futhi edala into ngayinye, wayenenhloso; futhi lapho edala lezo zinto, wafaka ukuphila kuleyo naleyo nto. Indawo ayidalela ukuphila kwesintu, njengoba isanda kuchazwa endabeni yethu, yindawo lapho imbewu nomhlaba kuncike kokunye, lapho umhlaba wondla imbewu, nembewu ibophezeleke emhlabeni. Lobu budlelwane bahlelwa nguNkulunkulu kwasekuqaleni kokudala Kwakhe. Isigcawu sesihlahla, ukukhanya kwelanga, izinyoni, nabantu kuyisethulo sendawo enokuphila uNkulunkulu ayidalela isintu. Okokuqala, isihlahla asinakuwushiya umhlaba, futhi asikwazi ukuphila ngaphandle kokukhanya kwelanga. Pho, yabe iyini inhloso kaNkulunkulu ngokudala isihlahla? Singasho ukuthi kwakungukwenzela umhlaba kuphela? Singasho ukuthi kwakwenzelwa izinyoni kuphela? Singasho ukuthi kwakwenzelwa abantu kuphela? (Cha.) Buyini ubudlelwane phakathi kwakho? Ubudlelwane phakathi kwakho ukusimamisana, okunye kuncike kokunye nokungehlukaniseki. Okusho ukuthi umhlaba, isihlahla, ukukhanya kwelanga, izinyoni nabantu kuthembela kokunye ukuze kuphile futhi kondlane. Isihlahla sivikela umhlaba, bese umhlaba wondla isihlahla; ukukhanya kwelanga kuhlinzeka isihlahla, ngenkathi isihlahla sithola umoya omusha ekukhanyeni kwelanga bese sipholisa umhlaba ekushiseni kwelanga. Ubani osizakalayo kulokhu ekugcineni? Yisintu, akunjalo? Lokhu kungesinye sezimiso eziyisisekelo sendawo isintu esiphila kuyo, esadalwa uNkulunkulu; yilokho uNkulunkulu ayekuhlosile ekuqaleni. Yize lesi kuyisithombe esilula, siyakubona kuso ukuhlakanipha kukaNkulunkulu nenhloso Yakhe. Isintu singephile ngaphandle komhlaba, noma ngaphandle kwezihlahla, ingasaphathwa eyokuphila ngaphandle kwezinyoni nokukhanya kwelanga. Akunjalo? Yize kuyindaba nje, ekwethulayo kuyisilinganiso esincane sokudala kukaNkulunkulu amazulu nomhlaba nazo zonke izinto nesipho Sakhe sendawo okungaphila kuyo isintu.

UNkulunkulu udalele isintu amazulu nomhlaba nazo zonke izinto, kanye nendawo esiphila kuyo. Okokuqala, iphuzu elisemqoka indaba ekhuluma ngalo, ukusimamisana, ukuncika kwento kwenye nokuphila ndawonye kwazo zonke izinto. Ngaphansi kwalesi simiso, indawo yokuphila abantu ivikelekile; ingaba khona futhi isimame. Ngenxa yalokhu, isintu singachuma futhi sizalane. Isithombe esisibonile besingesesihlahla, umhlaba, ukukhanya kwelanga, izinyoni nabantu kundawonye. Ingabe uNkulunkulu ubekhona kulesi sithombe? Akabonakalanga lapho, akunjalo? Kodwa umuntu uwubonile umthetho wokusimamisana nowokuthi enye into incike kwenye phakathi kwezinto ezisesigcawini; kulo mthetho umuntu ubona ubukhona nobukhosi bukaNkulunkulu. UNkulunkulu usebenzisa isimiso nomthetho onjalo ukugcina ukuphila nokuba khona kwazo zonke izinto. Ngale ndlela, uhlinzeka zonke izinto nesintu. Ingabe le ndaba ixhumene nendikimba yethu ephambili? Uma siyibuka singajulile, kubonakala kungenjalo, kodwa empeleni umthetho uNkulunkulu adala ngawo zonke izinto nokwengamela Kwakhe zonke izinto kuhlobene kakhulu nokuba Kwakhe ngumthombo wokuphila kwazo zonke izinto. La maqiniso awehlukaniseki. Manje seniqala ukufunda okuthile!

UNkulunkulu ulawula imithetho ebusa ukusebenza kwazo zonke izinto; ulawula imithetho ebusa ukuphila kwazo zonke izinto; ulawula zonke izinto, futhi uhlela ukuthi zisimamisane futhi enye incike kwenye, ukuze zingabhubhi noma zinyamalale. Umuntu angaphila ngale ndlela kuphela; angaphila ngale ndlela ngokuholwa nguNkulunkulu endaweni enjalo. UNkulunkulu uyinkosi yale mithetho yokusebenza, futhi akekho ongagxambukela kuyo, noma ongayiguqula; uNkulunkulu uqobo Lwakhe kuphela owazi le mithetho futhi Nguye kuphela oyiphethe. Ukuthi izihlahla zizohluma nini, lizona nini, umhlaba uzonikeza izitshalo amanzi angakanani nokudla okungakanani; amaqabunga azowa ngasiphi isikhathi sonyaka; izihlahla zizothela ngasiphi isikhathi sonyaka; umsoco ongakanani ukukhanya kwelanga okuzowunikeza izihlahla; izihlahla zizophefumulani emva kokondliwa ukukhanya kwelanga—zonke lezi zinto zahlelwa uNkulunkulu ngenkathi edala zonke izinto, njengemithetho engeke yephulwe muntu. Izinto ezadalwa nguNkulunkulu, noma ngabe ziyaphila noma, emehlweni abantu, aziphili, zisezandleni zikaNkulunkulu, lapho ezilawula futhi ezibusa khona. Akekho umuntu ongashintsha noma ephule le mithetho. Kusho ukuthi, ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto wanquma kungakenzeki ukuthi isihlahla ngeke sifake izimpande phansi, sihlume, futhi sikhule uma umhlaba ungekho; ukuthi uma umhlaba ubungenazo izihlahla, ubuzokoma; ukuthi isihlahla kufanele sibe yikhaya lezinyoni nendawo lapho zikhosela khona emoyeni. Singaphila yini isihlahla ngaphandle komhlaba? Ngeke neze. Singaphla ngaphandle kwelanga noma imvula? Ngeke futhi. Zonke lezi zinto zenzelwe isintu, ukuze isintu siphile. Esihlahleni, umuntu uthola umoya omusha, futhi umuntu uphila emhlabeni, ovikelwa yisihlahla. Umuntu angephile ngaphandle kokukhanya kwelanga noma izinto ezehlukene eziphilayo. Noma ngabe ubudlelwane phakathi kwalezi zinto buphithene, kufanele ukhumbule ukuthi uNkulunkulu wadala imithetho ebusa zonke izinto ukuze ziqinisane, enye incike kwenye, futhi ziphile ndawonye. Ngamanye amazwi, yonke into ayidala inosizo nokubaluleka. Ukuba uNkulunkulu wadala into engenamsebenzi nokubaluleka, uNkulunkulu wayeyoyishabalalisa. Le ngenye yezindlela uNkulunkulu azisebenzisayo ekuhlinzekeni zonke izinto. Kusho ukuthini “ukuhlinzeka” kule ndaba? Ingabe uNkulunkulu uchelela isihlahla nsuku zonke? Ingabe isihlahla sidinga ukusizwa nguNkulunkulu ukuba siphefumule? (Cha.) “Ukuhlinzeka” lapha kubhekiswe ekuphatheni kukaNkulunkulu izinto zonke ngemva kokuzidala; kwanele ukuba uNkulunkulu aziphathe emva kokumisa imithetho. Uma imbewu isitshalwe emhlabeni, isihlahla siyazikhulela ngokwaso. Izimo zokukhula kwaso zonke zidalwe nguNkulunkulu. UNkulunkulu wenze ukukhanya kwelanga, amanzi, inhlabathi, umoya nendawo ezungezile; uNkulunkulu wenza umoya, isithwathwa, iqhwa, nemvula nezikhathi ezine zonyaka. Lezi yizimo isihlahla esizidingayo ukuze sikhule, futhi lezi yizinto ezilungiswe nguNkulunkulu. Manje, ingabe uNkulunkulu ungumthombo wale ndawo yokuphila? (Yebo.) Ingabe uNkulunkulu kufanele nsuku zonke abale iqabunga ngalinye ezihlahleni? Cha! UNkulunkulu futhi akudingeki ukuba asize isihlahla ukuba siphefumule noma avuse ukukhanya kwelanga nsuku zonke ethi, “Sekuyisikhathi sokukhanya ezihlahleni manje.” Akadingi ukuthi enze njalo. Ukukhanya kwelanga kuyazikhanyela lapho sekuyisikhathi sokukhanya, njengoba kumisiwe ngumthetho; kuyavela bese kukhanya phezu kwesihlahla bese isihlahla simunca ukukhanya kwelanga lapho sidinga ukukumunca, futhi lapho kungadingeki, isihlahla sisaphila ngaphakathi kwemithetho. Ningase ningakwazi ukuchaza lesi senzeko ngokucacile, kodwa noma kunjalo siyiqiniso, elibonwa futhi livunywe yibo bonke abantu. Odinga ukukwenza, ukubona ukuthi imithetho ebusa ukuba khona kwazo zonke izinto ivela kuNkulunkulu, futhi wazi ukuthi uNkulunkulu uyinkosi phezu kokukhula nokuphila kwazo zonke izinto.

Manje, ingabe le ndaba iqukethe lokhu abantu abathi “yisingathekiso”? Ingabe ukwenza samuntu? (Cha.) Ngixoxe indaba eyiqiniso. Lonke uhlobo lokuphilayo, konke okunokuphila, kubuswa uNkulunkulu; yonke into ephilayo yafakwa ukuphila nguNkulunkulu ngenkathi eyidala; ukuphila kwayo yonke into ephilayo kuvela kuNkulunkulu futhi kulandela indlela nemithetho ekuqondisayo. Lokhu akudingi ukuthi kuguqulwe umuntu, futhi akudingi lusizo oluvela kumuntu; kungenye yezindlela uNkulunkulu ahlinzeka ngayo zonke izinto. Niyaqonda, angithi? Nicabanga ukuthi sikhona isidingo sokuthi abantu bakubone lokhu? (Yebo.) Ngakho-ke, ingabe lolu daba lumayelana nesayensi yempilo? Ingabe kuhlobene nomkhakha othile wolwazi noma umkhakha wokufunda? Asixoxi ngesayensi yempilo, futhi ngempela asenzi ucwaningo lwesayensi yempilo. Yimuphi umqondo osemqoka wenkulumo yethu? (UNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto.) Niboneni phakathi kwendalo? Nike nazibona izihlahla? Nike nawubona umhlaba? (Yebo.) Nikubonile ukukhanya kwelanga, angithi? Nike nazibona izinyoni zihleli ezihlahleni? (Sizibonile.) Ingabe isintu siyakujabulela ukuhlala endaweni efana nalena? (Yebo.) Lokho kusho ukuthi, uNkulunkulu usebenzisa zonke izinto—izinto azidala—ukugcina nokuvikela ikhaya lesintu, indawo yaso yokuphila. Ngale ndlela uNkulunkulu uhlinzeka isintu nazo zonke izinto.

Niyithanda kanjani indlela yokwethula le ngxoxo, indlela engihlanganyela ngayo? (Kulula ukukuqonda, futhi kukhona izibonelo zangempela eziningi.) La mazwi engiwakhulumayo akuwona amazwi angenalutho, akunjalo? (Yebo.) Ingabe abantu bayayidinga le ndaba ukuze baqonde ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto? (Yebo.) Uma kunjalo, asiqhubeke-ke nendaba yethu elandelayo. Indaba elandelayo ithe ukwehluka ngalokho ekuqukethe, futhi nendikimba ithe ukwehluka nayo. Konke okubonakala kule ndaba yinto abantu abayibona ngamehlo abo endalweni kaNkulunkulu. Manje, sengikuqala ukuxoxa Kwami. Ngicela nilalele nithule bese nibona ukuthi ningakuqonda yini engikhuluma ngakho. Uma sengiyiqedile indaba, ngizonibuza imibuzo ethile ukuze ngibone ukuthi nifunde okungakanani. Abalingisi abasemqoka kule ndaba yintaba enkulu, umfudlana omncane, umoya onamandla, negagasi elikhulukazi.

Indaba 2: Intaba Enkulu, Umfudlana Omncane, Umoya Onamandla, NeGagasi Elikhulukazi

Kwakukhona umfudlana omncane ozombeleza uye le uphinde ubuye, ekugcineni ufinyelele ekuqaleni kwentaba enkulu. Intaba yayivimbe indlela yomfudlana omncane, ngakho-ke umfudlana wakhuluma nentaba ngezwi lawo elintekenteke, elincane, “Ngicela ungidlulise, umi endleleni yami futhi uvimbe indlela yami yokuya phambili.” Intaba yabe isibuza, “Uyaphi?” Umfudlana waphendula ngokuthi, “Ngifuna ikhaya lami.” Intaba yathi, “Kulungile, qhubeka ungeqe!” Kodwa ngenxa yokuthi umfudlana omncane wawuntekenteke futhi umncane kakhulu, wawungeke ukwazi ukweqa phezu kwentaba enkulu kangako. Kwafuneka ukuba uqhubeke ugelezele wedlule ekuqaleni kwentaba …

Umoya onamandla wavunguza udlula, uthwele isihlabathi nezibi uya lapho kumi khona intaba. Umoya wabhonga entabeni, “Ngidlulise!” “Uyaphi?” kwabuza intaba. Umoya wamemeza uphendula, “Ngifuna ukuya ngaleya kwentaba.” Intaba yathi, “Kulungile, uma ungedlula okhalweni lwami, ungahamba-ke!” Umoya onamandla wavunguza waya ngapha nangapha, kodwa noma usuvunguza ngamandla kangakanani, awukwazanga ukufohla phakathi nentaba. Umoya wakhathala, wama waphumula—futhi ngaleya kwentaba kwaqala ukuvunguza ihelehele lomoya, lithokozisa abantu abalapho. Lokhu kwakuyisibingelelo sentaba kubantu ...

Ogwini lolwandle, amagwebu olwandle ayegingqika kamnandi ezishayisa osebenzi olunamadwala. Ngokuphazima kweso, kwaphakama igagasi elikhulukazi labhonga liza ngasentabeni. “Suka!” kumemeza igagasi elikhulukazi. Intaba yabuza, “Uyaphi?” Igagasi elikhulukazi, lingakwazi ukuma, lamemeza, “Nginweba indawo yami! Ngifuna ukwelula izingalo zami!” Intaba yathi, “Kulungile, uma ukwazi ukudlula esiqongweni sami, ngizokudedela.” Igagasi elikhulukazi lahlehla ibangana, lase liphinda ligubha liya ngasentabeni. Kodwa noma lizama kakhulu kangakanani, alikwazanga ukudlula phezu kwentaba. Lahlehla kancane labuyela olwandle …

Izinkulungwane zeminyaka, umfudlana omncane wagobhoza kancane wazungeza lapho kuqala khona intaba. Ngokulandela indlela ekhonjwe yintaba, umfudlana omncane wakwazi ukubuyela ekhaya lawo, wahlangana nomfula, wagelezela olwandle. Ngaphansi kokunakekelwa yintaba, umfudlana omncane awuzange ulahleke. Umfudlana omncane nentabakazi kwaqinisana futhi okunye kwancika kokunye, kwasimamisana, kwavimbana, futhi kwaphila ndawonye.

Izinkulungwane zeminyaka, umoya onamandla wavunguza, njengenjwayelo. Wawusade ufika “uvakashela” intaba, ngezishwili sesihlabathi zihlangene neziphepho zawo. Wawuyisongela intaba, kodwa awuzange ukwazi ukufohla okhalweni lwayo. Umoya nentabakazi baqinisana futhi omunye wancika komunye, basimamisana, bavimbana, futhi baphila ndawonye.

Izinkulungwane zeminyaka, igagasi elikhulukazi alizange liphumule, futhi lanyathela laphikelela phambili, lilokhu landisa indawo yalo. Lalibhonga ligubhe liphindelela liqonde entabeni, kodwa intaba ayizange inyakaze nakancane. Intaba yalugada ulwandle, futhi ngale ndlela, izidalwa ezisemanzini zanda zakhula. Igagasi elikhulukazi nentabakazi kwaqinisana futhi okunye kwancika kokunye, kwasimamisana, kwavimbana futhi kwaphila ndawonye.

Le ndaba yethu isiphelile. Okokuqala, ngitshele, ibikhuluma ngani le ndaba? Okokuqala, kwakukhona intaba enkulu, umfudlana omncane, umoya onamandla, negagasi elikhulukazi. Kwenzekani esiqeshini sokuqala, ngomfudlana omncane nentaba enkulu? Kungani ngikhethe ukukhuluma ngentaba enkulu kanye nomfudlana omncane? (Ekuvikelweni yintaba, umfudlana awuzange ulahleke. Okunye kwethembela kokunye.) Ungasho ukuthi intaba yawuvikela noma yawuvimba umfudlana omncane? (Yawuvikela.) Kodwa ayiwuvimbanga yini? Intaba nomfudlana kwabhekana; intaba yawuvikela umfudlana kodwa yawuvimba futhi. Intaba yawuvikela umfudlana omncane ngenkathi ungena emfuleni, kodwa futhi yawuvimba ukuze ungahambi lapho owawuzogelezela khona udale izikhukhula futhi ulethe inhlekelele kubantu. Ingabe lokhu akukhona lokho isiqephu ebesikhuluma ngakho? Ngokuvikela umfudlana nokuwuvimbela, intaba yaphephisa amakhaya abantu. Umfudlana omncane wabe usungena emfuleni lapho kuqala khona intaba wawusuqhubeka ugelezela olwandle. Ingabe lokhu akuwona umthetho obusa ukuba khona komfudlana? Yini eyenza ukuba umfudlana ukwazi ukungenela umfula nolwandle? Kwakungeyona intaba? Umfudlana wawuthembele ekuvikelweni yintaba nokuvinjwa yiyona. Ngakho, lokhu akulona yini iphuzu elisemqoka? Niyakubona kulokhu ukubaluleka kwezintaba emanzini? Ingabe uNkulunkulu unenhloso ngokudala zonke izintaba, ezincane nezinkulu? (Yebo.) Lesi siqephu esifushane esimayelana nomfudlana omncane nentaba enkulu, senza ukuthi sibone ukubaluleka nobumqoka bokudala kukaNkulunkulu lezo zinto ezimbili; kusikhombisa futhi ukuhlakanipha nenhloso endleleni yokubusa Kwakhe phezu kwazo. Akunjalo?

Isiqephu sesibili sendaba besikhuluma ngani? (Umoya onamandla nentaba enkulu.) Ingabe umoya uyinto enhle? (Yebo.) Hhayi njalo—ngesinye isikhathi umoya uba mkhulu kakhulu bese udala inhlekelele. Ungazizwa unjani uma umiswa emoyeni onamandla? Kuya ngokuthi unamandla kangakanani, angithi? Uma kuwumoya osezingeni lesithathu noma lesine, ungabekezeleka. Okukhulu okungenzeka nje ukuthi umuntu abe nenkinga yokuhlala evule amehlo. Kodwa-ke uma umoya uqina ube yisiphepho, ungakwazi ukumelana nawo? Ngeke ukwazi. Ngakho-ke, akulungile ukuthi abantu bathi umoya uhlala umuhle, noma ukuthi uhlala umubi ngoba kuncike emandleni awo. Manje, inamsebenzi muni intaba lapha? Ingabe umsebenzi wayo akukhona ukusefa umoya? Ngabe intaba iwunciphisa iwenze ube yini umoya onamandla? (Ihelehele.) Manje, endaweni okuhlala kuyo abantu, abantu abaningi bezwa iziphepho noma amahelehele? (Amahelehele.) Ngabe lokhu kwakungeyona enye yezinhloso zokudala kukaNkulunkulu izintaba? Kungaba njani ukuthi abantu baphile endaweni lapho kuphephuka ihlabathi ngesihluku emoyeni, lingavinjwa futhi lingasefwa? Kungenzeka ukuthi kungahlaleki endaweni ehlushwa yisihlabathi namatshe andizayo? Amatshe angashaya abantu, nesihlabathi singabaxhopha. Umoya ungabawisa noma ubaphephule. Izindlu zingadilika, futhi kwenzeke lonke uhlobo lwezinhlekelele. Nokho ngabe kukhona ukubaluleka kokuba khona komoya onamandla? Ngithe wawumubi, ngakho umuntu angase ezwe sengathi awubalulekile, kodwa ingabe kunjalo? Ngabe awunamsebenzi uma usuphenduke ihelehele? Yini abantu abayidinga kakhulu uma kuswakeme noma kushisa? Badinga ihelehele elincane elizobaphephetha kamnandi, ukubenza bavuseleleke ubapholise amakhanda, ukukhaliphisa ukucabanga kwabo, ukulungisa nokwenza ngcono isimo sengqondo. Manje, ngokwesibonelo, nonke nihlezi egumbini elinabantu abaningi nomoya ocimene—yini eniyidinga kakhulu? (Yihelehele elilula.) Ukuya endaweni enomoya ogcwele udoti nongcolile kunganciphisa ukucabanga komuntu, kwehlise ukuhamba kwegazi, futhi kuthuntubeze umqondo. Kodwa-ke, ukunyakaza nokuzungeza okuncane komoya kwenza umoya ube musha, bese abantu bezizwa bengcono kakhulu emoyeni omusha. Yize umfudlana omncane ungadala inhlekelele, nakuba umoya onamandla ungadala inhlekelele, uma nje intaba ikhona izoguqula leyo ngozi iyenze into engasiza abantu. Akunjalo?

Besikhuluma ngani isiqephu sesithathu sendaba? (Intaba enkulu negagasi elikhulukazi.) Intaba enkulu negagasi elikhulukazi. Lesi siqephu sisogwini lolwandle ekuqaleni kwentaba. Sibona intaba, amagwebu olwandle, kanye negagasi elikhulu. Iyini intaba egagasini kule ndaba? (Umvikeli nesithiyo.) Iyikho kokubili, ukuba umvikeli nesithiyo. Njengomvikeli, yenza ulwandle lunganyamalali, ukuze izidalwa ezihlala kulo zizokwanda futhi zichume. Njengesithiyo, intaba ivimba amanzi olwandle angachithekeli ngaphandle bese edala inhlekelele, enze umonakalo futhi abhidlize amakhaya abantu. Ngakho-ke singathi intaba iyikho kokubili, isivikeli nesithiyo.

Lokhu ukubaluleka kokuxhumana phakathi kwentaba enkulu nomfudlana omncane, intaba enkulu nomoya onamandla, kanye nentaba enkulu negagasi elikhulu; lokhu ukubaluleka kokuqinisana nokuvimbana, kanye nokuphila ndawonye. Lezi zinto, uNkulunkulu azidalile, zibuswa ngumthetho ekuphileni kwazo. Ngakho, yiziphi izenzo zikaNkulunkulu ozibonile kule ndaba? Ingabe uNkulunkulu uzizibe zonke izinto emva kokuzidala? Ingabe wakha imithetho futhi wakha izindlela zokusebenza kwazo zonke izinto, wase ekuziba emva kwalokho? Ingabe yikho lokho okwenzeka? (Cha.) Yini-ke eyenzeka? UNkulunkulu usalawula. Ulawula amanzi, umoya, namagagasi. Akakuvumeli ukuthi kuzenzele umathanda nje, futhi akavumi kulimaze noma kubhidlize amakhaya abantu abaphila kuwo. Ngenxa yalokhu, abantu bangaqhubeka baphile futhi bande baphinde bachume emhlabeni. Lokhu kusho ukuthi ngenkathi edala zonke izinto, uNkulunkulu wayeseyihlelile imithetho yokuphila kwazo. Ngenkathi uNkulunkulu edala into ngayinye, waqinisekisa ukuthi izoba wusizo esintwini, futhi waphinde wazilawula ukuze zingabi uhlupho noma zilethe inhlekelele esintwini. Uma bezingaphethwe nguNkulunkulu, ingabe amanzi awagelezi ngokuthanda? Ingabe umoya awuvunguzi ngokuthanda? Ingabe amanzi nomoya kuyayilandela imithetho? Ukuba uNkulunkulu ubengazilawuli bezingeke zilawulwe nayimiphi imithetho, umoya ubungavunguza kanti namanzi abezophakama ageleze yonke indawo adale izikhukhula. Ukuba igagasi beliphakeme kunentaba, ngabe ulwandle luyakwazi ukuba khona? Belungeke lube khona. Ukuba intaba ibingaphakeme njengegagasi, ulwandle belungeke lube khona, nentaba ibizolahlekelwa ukubaluleka nobumqoka bayo.

Uyakubona ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kulezi zindaba ezimbili? UNkulunkulu wadala konke okukhona, futhi uyinkosi yakho okukhona; uphethe konke futhi ukuhlinzeka konke, futhi kuzo zonke izinto, ubona futhi acubungule lonke izwi nesenzo sakho konke okukhona. UNkulunkulu uphinde abone futhi acubungule wonke amagumbi empilo yomuntu. Ngalokho, uNkulunkulu wazi ngokuphelele imininingwane yakho konke okukhona endalweni Yakhe, kusuka emsebenzini wakho, imvelo yakho, nemithetho yakho yokuphila kuze kufike ekubalulekeni kokuphila kwakho nomsebenzi wakho, konke lokhu kuyaziwa kuNkulunkulu. UNkulunkulu wadala zonke izinto—nicabanga ukuthi udinga ukucwaninga imithetho ezibusayo? Ingabe uNkulunkulu udinga ukufunda ulwazi noma isayensi emayelana nomuntu ukuze afunde ngaye futhi amqonde? (Cha.) Ingabe ukhona phakathi kwesintu onemfundo nobuchwepheshe bokuqonda zonke izinto njengoba uNkulunkulu azi? Akekho. Angithi? Ingabe bakhona abafunda ngezinkanyezi noma ngempilo abayiqonda ngempela imithetho izinto eziphila futhi ezikhula ngayo? Ingabe bayakuqonda ukubaluleka kokuba khona kwento ngayinye? (Cha, abakwazi.) Lokhu kungenxa yokuthi zonke izinto zadalwa nguNkulunkulu, futhi noma abantu bangalufunda kakhulu kangakanani nanzulu kangakanani lolu lwazi, noma bangathatha isikhathi esingakanani bezama ukulufunda, ngeke bakwazi ukuqonda imfihlakalo noma inhloso yokudala kukaNkulunkulu zonke izinto. Akunjalo? Manje, njengoba sesixoxile kuze kube manje, ingabe niyezwa yini ninokuyiqonda kancane incazelo yangempela yebinzana elithi “UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto”? (Yebo.) Ngazile ukuthi uma ngixoxa ngalesi sihloko—UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto—abantu abaningi bangashesha bacabange ngebinzana elithi “uNkulunkulu uyiqiniso, futhi uNkulunkulu usebenzisa izwi Lakhe ukusihlinzeka,” futhi bangacabangi lutho olunye olungaphezulu kwalelo zinga lomqondo. Abanye bangezwa sengathi ukusihlinzeka kukaNkulunkulu ngempilo yomuntu, ehlinzeka ngokudla nokokuphuza kwansukuzonke, nazo konke izidingo zemihla ngemihla, akuthathwa njengokuhlinzeka Kwakhe umuntu. Abekho abanye abezwa kanje? Nokho, ayicacile yini inhloso kaNkulunkulu endalweni Yakhe—ukuvumela isintu sibe khona futhi siphile ngokujwayelekile? UNkulunkulu ugcina indawo abantu abahlala kuyo futhi uhlinzeka ngazo zonke izinto ezidingwa yisintu ukuze siphile. Phezu kwalokho, uphatha aphinde abuse phezu kwazo zonke izinto. Konke lokhu kuvumela isintu ukuthi siphile, sichume futhi sande ngokujwayelekile; yile ndlela uNkulunkulu ahlinzeka ngayo yonke indalo kanye nesintu. Akulona yini iqiniso ukuthi abantu badinga ukuzibona nokuziqonda lezi zinto? Mhlawumbe abanye bangathi, “Lesi sihloko siqhele kakhulu olwazini lwethu ngoNkulunkulu wangempela uqobo Lwakhe, futhi asifuni ukukwazi lokhu ngoba asiphili ngesinkwa sodwa, kodwa kunalokho siphila ngezwi likaNkulunkulu.” Ingabe ukuqonda kanje kulungile? (Cha.) Kungani kungalungile? Ningamqonda ngokuphelele uNkulunkulu uma nazi izinto uNkulunkulu azishilo? Uma namukela kuphela umsebenzi kaNkulunkulu futhi namukela ukwahlulela nokusola Kwakhe, ningaba nokumqonda ngokuphelele uNkulunkulu? Uma wazi ingxenye encane kuphela yesimo sikaNkulunkulu, ingxenye encane yegunya likaNkulunkulu, ungathi lokhu kwanele ukuthi kukwenze uqonde uNkulunkulu? (Cha.) Izenzo zikaNkulunkulu zaqala ngokudala Kwakhe zonke izinto, futhi ziyaqhubeka namuhla—izenzo zikaNkulunkulu ziyabonakala ngazo zonke izikhathi, ngayo yonke imizuzu. Uma umuntu ekholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona ngenxa nje yokuthi ukhethe iqembu labantu ukuze enze umsebenzi Wakhe kulo futhi alisindise, nokuthi akukho okunye okuhlangene noNkulunkulu, igunya Lakhe, isimo Sakhe, kanye nezenzo Zakhe ngeke yini umuntu athathwe njengowazi uNkulunkulu ngeqiniso? Abantu abanalokhu okubizwa “ngolwazi lukaNkulunkulu” banokuqonda okusohlangothini olulodwa kuphela, okubenza babuke izenzo Zakhe eqenjini labantu elilodwa kuphela. Ingabe lolu ulwazi lwangempela ngoNkulunkulu? Ingabe abantu abanalolu hlobo lolwazi abaphiki yini ukudala kukaNkulunkulu zonke izinto nokubusa Kwakhe phezu kwazo? Abanye abantu abafuni ukubhekana naleli phuzu, esikhundleni salokho bazicabangela bodwa bethi: “Angikabuboni ubukhosi kukaNkulunkulu phezu kwazo zonke izinto. Lo mqondo uqhele kakhulu, futhi anginandaba nokuwuqonda. UNkulunkulu wenza akufunayo kanti akuhlangene nami. Ngamukela kuphela ukuholwa nguNkulunkulu nezwi Lakhe ukuze ngisindiswe futhi ngipheleliswe uNkulunkulu. Anginandana nokunye. Imithetho uNkulunkulu ayibeka ngenkathi edala zonke izinto noma nakuphi uNkulunkulu akwenzayo ukuze ahlinzeke zonke izinto nesintu akuhlangene nami.” Ukukhuluma okunjani lokhu? Ingabe akusona isenzo sokuhlubuka? Ingabe bakhona phakathi kwenu abanolwazi olunje? Ngiyazi, ngisho ningashongo, ukuthi baningi kakhulu kinina abacabanga ngale ndlela. Abantu abalandela umthetho ngokungaphazami kanje babuka yonke into ngombono wabo “wokomoya”. Bafuna ukubeka umkhawulo kaNkulunkulu eBhayibhelini kuphela, babeke umkhawulo kaNkulunkulu ngamazwi awakhulumile, emqondweni wamagama ezwi elibhaliwe. Abafisi ukwazi okuningi ngoNkulunkulu futhi abafuni uNkulunkulu anake okunye ngokuthi enze ezinye izinto. Lolu hlobo lokucabanga lunobungane futhi lunenkolo ngokwedlulele. Abantu ababona kanje bangamazi yini uNkulunkulu? Kungaba nzima kakhulu ukuthi bazi uNkulunkulu. Namuhla ngixoxe izindaba ezimbili, leyo naleyo ikhuluma ngephuzu elihlukile. Lapho senizizwile lezi zindaba, ningase nizizwe zijulile noma zithanda ukungabambeki futhi kunzima ukuziqonda nokuzizwisisa. Kungase kube nzima ukuzixhumanisa nezenzo zikaNkulunkulu noNkulunkulu uqobo Lwakhe. Kodwa-ke, zonke izenzo zikaNkulunkulu nakho konke akwenzile endalweni naphakathi kwesintu kumele kwaziwe, ngokucacile nangokunembayo, yiwo wonke umuntu, nawo wonke umuntu ofuna ukwazi uNkulunkulu. Lolu lwazi luzokunika isiqiniseko sokukholwa ekubeni khona ngempela kukaNkulunkulu. Kuzophinda kukunike ulwazi oluqondile ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu, amandla Akhe, nendlela ahlinzeka ngayo zonke izinto. Kuzokunika ithuba lokuthi ukuqonde ngokucacile ukuba khona ngempela kukaNkulunkulu nokuthi ubone ukuthi akuyona indaba eqanjwe, akuyona inganekwane, akuyona into engacacile, akuwona umbono wokucwaninga, futhi nakanjani akulona uhlobo lokududuza umoya, kodwa ubukhona bangempela. Ngaphezu kwalokho, kuzovumela abantu ukuba bazi ukuthi uNkulunkulu uhlala ehlinzeka yonke indalo nesintu; uNkulunkulu ukwenza lokhu ngendlela Yakhe nangokwesigqi Sakhe. Ngakho-ke, kungenxa yokuthi uNkulunkulu wadala zonke izinto wase ezinika imithetho Yakhe okwenza zikwazi, ngokuzinqumela Kwakhe, ukwenza imisebenzi ezibekelwe yona, zigcwalise okuyizibophezelo zazo, ziphinde zibambe iqhaza lazo; ngaphansi kokunqunyelwa Nguye, into ngayinye inomsebenzi wayo ekusizeni isintu, nomkhathi nendawo umuntu ahlala kuyo. Ukube uNkulunkulu akazange enze kanje, futhi isintu sasingenayo indawo enjalo yokuhlala, khona-ke ukukholwa kuNkulunkulu noma ukumlandela bekungeke kwenzeke esintwini; bekungaba ukukhuluma nje okungasho lutho. Akunjalo?

Ake siyibheke futhi indaba yentaba enkulu nomfudlana omncane. Uyini umsebenzi wentaba? Izinto eziphilayo zikhula entabeni, ukuba khona kwayo kunokubaluleka kwemvelo, futhi intaba ivimba umfudlana omncane, ivimbe ukuthi ugeleze ngokuthanda kwawo bese uletha inhlekelele kubantu. Akunjalo? Intaba ikhona ngendlela yayo, inika ithuba izinto eziphilayo ukuba zikhule—izihlahla notshani nazo zonke ezinye izitshalo nezilwane ezisentabeni. Ibuye ikhombe indlela yokuthi umfudlana ugelezele ngakuphi—intaba iqoqa amanzi omfudlana bese iwaqondisa ngokwendalo agwegwese egwema isizinda sayo ukuze agelezele emfuleni aze angene olwandle ekugcineni. Le mithetho ayizange izivelele, kodwa yabekwa ngokukhethekile nguNkulunkulu ngesikhathi edala. Mayelana nentaba enkulu kanye nomoya onamandla, intaba nayo idinga umoya. Intaba idinga ukuthi umoya uphephethe izinto eziphilayo eziphila kuyo, kanti ngaleso sikhathi intaba ivimbela amandla omoya onamandla ukuze ungavunguzi ngokuthanda kwawo. Lo mthetho, ndlela thize, ulawula umsebenzi wentaba enkulu; ngakho-ke ingabe lo mthetho omayelana nomsebenzi wentaba uzenzekela ngokwawo? (Cha.) Wenziwa nguNkulunkulu. Intaba enkulu inomsebenzi wayo futhi nomoya onamandla nawo unomsebenzi wawo. Manje, ake siphendukele entabeni enkulu negagasi elikhulu. Ngale kokuba khona kwentaba, amanzi abengayithola yini indlela yokuzigelezela ngokwawo? (Cha.) Amanzi abengadala izikhukhula. Intaba inokubaluleka kwayo ngokuba khona kwayo njengentaba, nolwandle lunokubaluleka kwalo ngokuba khona kwalo njengolwandle; nokho, ezimweni lapho zikwazi khona ukuhlala ndawonye ngokujwayelekile futhi zingabangisani, ziyavimbana futhi—intaba enkulu ivimba ulwandlle ukuze lungabi nezikhukhula, ngalokho ivikela amakhaya abantu, futhi ukuvimbela ulwandle kwenza ukuthi lukhulise izinto eziphilayo ezihlala kulo. Ingabe lesi simo sendawo sibe khona ngokwaso? (Cha.) Naso sadalwa uNkulunkulu. Siyabona kulesi sithombe ukuthi lapho uNkulunkulu edala zonke izinto, wahlela ngaphambili ukuthi intaba izoma kuphi, lapho umfudlana ozoya ngakhona, ukuthi umoya onamandla uzovunguza usuka ngakuluphi uhlangothi nokuthi uzoya ngakuphi, nokuthi kufanele liphakame kangakanani igagasi elikhulu. Zonke lezi zinto ziqukethe izinhloso zikaNkulunkulu—ziyizenzo zikaNkulunkulu. Manje, uyabona yini ukuthi izenzo zikaNkulunkulu zikhona kuzo zonke izinto? (Yebo.)

Yini inhloso yokuxoxa kwethu ngalezi zinto? Kwenzelwe ukuthi abantu bacwaninge imithetho yokudala kukaNkulunkulu zonke izinto? Kwenzelwe ukukhuthaza uthando lwesayensi yezinkanyezi neyokwakheka komhlaba? (Cha.) Manje kwenzelweni? Kwenzelwe ukuthi abantu baqonde izenzo zikaNkulunkulu. Ezenzweni zikaNkulunkulu, abantu bangaqinisekisa bafakaze ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wempilo wazo zonke izinto. Uma ukwazi ukukuqonda lokhu, khona-ke uzokwazi ngempela ukuqinisekisa indawo kaNkulunkulu enhliziyweni yakho, futhi uzokwazi ukuqinisekisa ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu uqobo Lwakhe, oyingqayizivele, uMdali wezulu nomhlaba nazo zonke izinto. Ngakho-ke, ingabe kuwusizo ekuqondeni kwakho ngoNkulunkulu nokwazi imithetho yazo zonke izinto nokwazi izenzo zikaNkulunkulu? (Yebo.) Kuwusizo kangakanani? Okokuqala, uma uziqonda izenzo zikaNkulunkulu, ungaqhubeka ube nentshisekelo ngesayensi yezinkanyezi neyokwakheka komhlaba? Ingabe ungalokhu unenhliziyo yomuntu ongakholwa futhi ungabaze ukuthi uNkulunkulu nguMdali wezinto zonke? Ungaqhubeka ube nenhliziyo yomcwaningi futhi ungabaze ukuthi uNkulunkulu unguMdali wezinto zonke? (Cha.) Uma usuqinisekisile ukuthi uNkulunkulu unguMdali wezinto zonke futhi usuyiqondile eminye imithetho yokudala kukaNkulunkulu, uyokholwa ngempela enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu uhlinzeka zonke izinto? (Yebo.) Ingabe “ukuhlinzeka” lapha kunokubaluleka okuthile, noma kubhekise esimweni esithile? Ukuthi “uNkulunkulu uhlinzeka zonke izinto” kunokubaluleka nomklamo obanzi. UNkulunkulu akavele ahlinzeke abantu ngokudla nokokuphuza kwansukuzonke; uhlinzeka isintu ngakho konke esikudingayo, kufaka phakathi konke lokho abantu abakubonayo kanye nezinto ezingabonwa. UNkulunkulu uphatha, alawule, abuye abuse le ndawo yokuhlala edingwa yisintu. Lokhu kusho ukuthi, noma iyiphi indawo isintu esiyidingela noma siphi isikhathi sonyaka, uNkulunkulu useyilungisile. UNkulunkulu uphinde alawule uhlobo lomoya nezinga lokushisa elifanele ukuze kulungele ukuphila komuntu. Imithetho ebusa lezi zinto ayizenzekeli futhi ayenzeki noma kanjani; iyimiphumela yobukhosi bukaNkulunkulu nezenzo Zakhe. UNkulunkulu uqobo Lwakhe ungumthombo wayo yonke le mithetho futhi ungumthombo wokuphila wazo zonke izinto. Leli yiqiniso elihlala limile futhi lingephikiswe, kungakhathaleki ukuthi uyalikholwa noma cha, ukuthi uyalibona noma cha, noma uyaliqonda noma cha.

Ngiyazi ukuthi abantu abaningi bakholwa kuphela emazwini nasemsebenzini kaNkulunkulu okuseBhayibhelini. Kubantu abambalwa, uNkulunkulu wambule izenzo Zakhe futhi wavumela abantu ukuba babone ukubaluleka kokuba khona Kwakhe. Futhi wenze ukuthi baqonde isimo Sakhe futhi baqinisekisa ukuba khona Kwakhe. Kodwa-ke, kubantu abaningi, iqiniso lokuthi uNkulunkulu wadala zonke izinto nokuthi uphatha futhi ahlinzeke zonke izinto libonakala lingacacile noma lingaqondile; abantu abanjalo bangaze babe nesimo somqondo esinokungabaza. Lesi simo somqondo sibenza bahlale bekholwa ukuthi imithetho yomhlaba wemvelo yazenzekela, ukuthi ukuphenduka kwemvelo, izinguquko, izimangaliso zomhlaba nemithetho ephethe imvelo yazivelela kuyo imvelo. Abantu abakwazi ukucabanga ezinhliziyweni zabo indlela uNkulunkulu adala ngayo zonke izinto nendlela abusa ngayo phezu kwazo; abakwazi ukuqonda indlela uNkulunkulu uphatha ahlinzeke ngayo zonke izinto. Ngenxa yemikhawulo yalesi simo somqondo, abantu abakholwa ukuthi uNkulunkulu wadala, uyabusa futhi uhlinzeka zonke izinto; nalabo abakholwayo, ukukholwa kwabo kukhawulelwa eNkathini yoMthetho, eNkathini yoMusa naseNkathini yoMbuso: Bakholwa ukuthi izenzo zikaNkunkulu nokuhlinzeka Kwakhe isintu kubekelwe labo bantu Bakhe abakhethiweyo kuphela. Lokhu yinto engikuzonda kakhulu ukuyibona, futhi yinto eletha ubuhlungu obukhulu, ngenxa yokuthi noma isintu sithokozela konke uNkulunkulu akulethayo, bayakuphika konke lokho akwenzayo nakho konke abanika khona. Abantu bakholwa kuphela ukuthi izulu nomhlaba nazo zonke izinto zibuswa yimithetho yazo yemvelo yokuphila, nokuthi azinaye umbusi wokuzilawula noma inkosi wokubahlinzeka nokubagcina. Yize noma ukholwa kuNkulunkulu, ungase ungakholwa ukuthi zonke lezi yizenzo Zakhe; ngempela lena ngenye yezinto ezivame ukunganakwa yibo bonke abakholwa kuNkulunkulu, bonke abemukela izwi likaNkulunkulu, nabo bonke abalandela uNkulunkulu. Ngakho-ke, uma nje ngiqala ngikhuluma ngento engahlobene neBhayibheli noma amagama okuthiwa awomoya, abanye abantu baphelelwa umdlandla, noma bakhathale, noma bangakhululeki imbala. Bezwa sengathi amazwi Ami ezwakala eqhelile kubantu abanomoya nasezintweni zikamoya. Yinto embi leyo. Uma kuza ekwazini izenzo zikaNkulunkulu, ngisho singayibali isayensi yezinkanyezi, futhi singacwaningi isayensi yokwakheka komhlaba noma isayensi yempilo, nokho sikuqonde ukubusa kukaNkulunkulu phezu kwazo zonke izinto, kufanele sikwazi ukuhlinzeka Kwakhe zonke izinto, nokuthi Yena ungumthombo wazo zonke izinto. Lesi yisifundo esidingekile futhi okumele sifundwe. Ngikholwa ukuthi niwaqondile amazwi Ami!

Izindaba ezimbili engisanda kuzixoxa, yize zingaba nokuthile okungajwayelekile kulokho ezikuqukethe nangendlela yokuxoxa, njengoba zixoxwe ngendlela ekhethekile, beziwumzamo Wami wokusebenzisa ulimi oluqondile nendlela elula ukuze nizozuza futhi namukele into ejule ngokwengeziwe. Bekuyilena kuphela inhloso Yami. Kulezi zindaba ezincane nezithombe ezizipendayo, bengifuna ukuthi nibone futhi nikholwe ukuthi uNkulunkulu uyinkosi yayo yonke indalo. Inhloso yokuxoxa lezi zindaba ukuninika ithuba lokuthi nibone futhi nazi izenzo ezingapheli zikaNkulunkulu phakathi kwemikhawulo emifushane yendaba. Ukuthi nizofinyelela futhi niyifeze nini ngokugcwele le miphumela kinina—kuncike kwenihlangane nakho nina kanye nalokhu enikufunayo. Uma ufuna iqiniso futhi uma ufuna ukwazi uNkulunkulu, khona-ke lezi zinto zizoba yisikhumbuzo esinamandla ngokwengeziwe kuwe; zizokunika ukuqaphela okujulile, ukucaciseleka ekuqondeni kwakho, okuzosondela kancane kancane ezenzweni zangempela zikaNkulunkulu, ngokusondela okungeke kube nabanga nokungenaphutha. Nokho, uma ungeyena umuntu ofuna ukwazi uNkulunkulu, lezo zindaba ozizwile-ke ngeke zikulimaze ngalutho. Ungazithatha njengezindaba eziyiqiniso nje.

Ingabe kukhona enikuqondile kulezi zindaba ezimbili? Okokuqala, ingabe lezi zindaba ezimbili ezigqanyiswe ezingxoxweni zethu ezedlule zimayelana nokukhathazeka kukaNkulunkulu ngesintu? Ingabe kukhona ukuxhumana okungokwendalo? Kungaba yiqiniso ukuthi kulezi zindaba ezimbili sibona izenzo zikaNkulunkulu nokucabanga okuphelele ngakho konke akuhlelela isintu? Ingabe kuyiqiniso ukuthi zonke izinto uNkulunkulu azenzayo nayo yonke into ayicabangayo kungenxa yokuphila kwesintu? (Yebo.) Ingabe ukucabanga ngokucophelela kukaNkulunkulu nokucabangela isintu akubonakali ngokusobala? Isintu asidingi kwenza lutho. UNkulunkulu ulungisele abantu umoya—konke abakudingayo ukuwuphefumula. Imifino nezithelo abakudlayo kuhlala kutholakala. Ukusuka enyakatho uye eningizimu, ukusuka empumalanga uye entshonalanga, isifunda ngasinye sineyaso ingcebo yemvelo. Izitshalo nezithelo nemifino zezifunda ezehlukene zonke zilungiswe nguNkulunkulu. Uma sikhuluma ngendawo enkulu, uNkulunkulu wenza zonke izinto ukuthi zisimamisane, enye incike kwenye, ziqinisane, zivimbane, futhi ziphile ndawonye. Usebenzisa le ndlela Yakhe nalo mthetho Wakhe ukugcina ukuphila nobukhona kwazo zonke izinto; ngale ndlela isintu sikwazile ukuphila ngoxolo nangokuthula kule ndawo yokuphila, ukwanda kusuka esizukulwaneni kuya kwesilandelayo, kuze kube namuhla. Lokhu kusho ukuthi, uNkulunkulu ubhalansisa isimo semvelo. Ukube uNkulunkulu ubengabusi futhi engalawuli, khona-ke akukho muntu obengakwazi ukubhalansisa isimo semvelo, phezu kokuthi sidalwe nguNkulunkulu. Kwezinye izindawo awukho umoya, futhi-ke abantu abakwazi ukuhlala ezindaweni ezinjalo. UNkulunkulu ngeke akuvumele ukuthi uye lapho. Ngakho-ke, ungaphumeli ngaphandle kwemingcele. Lokhu kwenzelwe ukuvikela isintu—kukhona izimfihlakalo kukho. Yonke ingxenye yemvelo, ubude nobubanzi bomhlaba, kanye naso sonke isidalwa emhlabeni—esiphilayo nesifileyo—kwacatshangwa futhi kwalungiswa nguNkulunkulu kungakabikho: Kungani le nto idingekile? Kungani lokho kungenasidingo? Yini inhloso yokuba lapha kwale nto futhi kungani lokhu kumele kuye laphaya? UNkulunkulu wayeseyicabange kahle yonke le mibuzo, futhi asikho isidingo sokuthi abantu bacabange ngayo. Kukhona abanye abantu abayiziphukuphuku abahlala becabanga ngokugudluza izintaba, kodwa esikhundleni sokwenza lokho, kungani bengayi emathafeni? Uma ungazithandi izintaba, pho uhlalelani eduze kwazo? Akubona ubulima lobu? Kungenzekani uma ususa leyo ntaba? Iziphepho ezinamandla namagagasi amakhulu kungafika kubhidlize amakhaya abantu. Ngeke kube wubulima lobo? Abantu bazi ukubulala kuphela. Abakwazi ngisho ukugcina indawo okuyiyona eyodwa abanayo yokuhlala, kodwa bafuna ukuhlinzeka zonke izinto. Lokhu akukwazi ukwenzeka.

UNkulunkulu uvumela isintu ukuba siphathe zonke izinto futhi sibe ngamakhosi phezu kwazo, kodwa umuntu wenza umsebenzi omuhle yini? Umuntu ubhidliza konke angakubhidliza; Akagcini ngokwehluleka ukugcina izinto uNkulunkulu amdalele zona zisesimweni sokuqala—wenze okuphambene wabhidliza indalo kaNkulunkulu. Isintu sinyakazise izintaba, sabuyisa umhlaba olwandle, saguqula amathafa aba ugwadule lapho kungeke kuhlale muntu khona. Kodwa kusogwadule lapho umuntu enze khona izimboni futhi wakha izizinda zenunzi, wahlwanyela imbubhiso yonke indawo. Manje imifula ayiseyona imifula, ulwandle aluselona ulwandle…. Lapho isintu sibulala ibhalansi kanye nemithetho yemvelo, usuku lwaso lwenhlekelele nokufa aluqhelile; alunakugwenywa. Lapho kufika inhlekelele, isintu siyobazi ubugugu bayo yonke into ayenzelwe nguNkulunkulu nokuthi ibaluleke kanjani esintwini. Kumuntu, ukuhlala endaweni lapho umoya nezimvula kufika ngesikhathi sakho, kufana nokuba sepharadesi. Abantu ababoni ukuthi lokhu kuyisibusiso, kodwa lapho nje kubalahlekela konke bazobona ukuthi akuvamile kanjani futhi kuyigugu kanjani. Futhi lapho konke kungasekho, bayokubuyisa kanjani? Abantu bangenzani uma uNkulunkulu engafisi ukukudala futhi? Kukhona eningakwenza? Empeleni, kukhona eningakwenza. Kulula kakhulu—uma nginitshela ukuthi kuyini nizobona ngokushesha ukuthi kungenzeka. Kungani umuntu ezithola ekulesi simo samanje sokuphila? Ingabe yingenxa yomhobholo nokubhidliza kwakhe? Uma umuntu eqeda lokhu kubhidliza, indawo yakhe yokuphila ngeke izilungise kancane kancane? Uma uNkulunkulu engenzi lutho, uma uNkulunkulu engasafisi ukusenzela lutho isintu—okusho ukuthi, uma engasafuni ukungenelela odabeni—isixazululo somuntu esingcono kakhulu ukuthi isintu siyeke konke ukubhidliza bese sivumela indawo yaso yokuphila ukuba ibuyele esimweni sayo semvelo. Ukuqeda le ncithakalo kusho ukuyeka ukuzitapela nokulimaza izinto uNkulunkulu azidalile. Ukwenza lokhu kuzovumela indawo umuntu aphila kuyo ukuba ivuseleleke kancane kancane, kanti ukuhluleka ukwenza lokhu kuzoletha indawo yokuphila enyanyeka ngokwengeziwe, ukonakala kwayo okuzoshesha ngokuhamba kwesikhathi. Ngabe indlela Yami ilula? Ilula futhi inokwenzeka, angithi? Ilula impela, futhi inokwenzeka kwabanye abantu—kodwa ingabe inokwenzeka kubantu abaningi emhlabeni? (Ngeke.) Kinina, okungenani, kunokwenzeka? (Yebo.) Kusuka kuphi ukuthi “yebo” kwenu? Kungashiwo ukuthi kusuka esisekelweni sokuqonda izenzo zikaNkulunkulu? Kungashiwo ukuthi umbandela wakho ukulalela ubukhosi nohlelo lukaNkulunkulu? (Yebo.) Ikhona indlela yokuguqula izinto, kodwa lokho akusona isihloko esixoxa ngaso manje. UNkulunkulu unomthwalo ngempilo yomuntu ngamunye futhi iwumthwalo Wakhe kuze kube sekugcineni. UNkulunkulu uyakuhlinzeka, yize noma kule ndawo eyoniwe nguSathane, ugulisiwe noma ungcolisiwe noma uhlukunyeziwe, akusho lutho—uNkulunkulu uyakuhlinzeka futhi uzokuvumela uqhubeke nokuphila. Kufanele nikukholwe lokhu. UNkulunkulu ngeke amdedele kalula umuntu ukuba afe.

Ingabe manje senikuzwile ukubaluleka kokubona uNkulunkulu njengomthombo wempilo wazo zonke izinto? (Yebo, sesikuzwile.) Ninamizwa mini? Ngitsheleni. (Esikhathini esidlule, asikaze sikucabange ukuxhumanisa izintaba, ulwandle namachibi nemisebenzi kaNkulunkulu. Kuze kwaba lapho sizwa ukuhlanganyela kukaNkulunkulu namuhla, lapho manje sesiqonda khona ukuthi lezi zinto zinezenzo nokuhlakanipha kukaNkulunkulu; sibona ukuthi ngisho lapho uNkulunkulu eqala ukudala zonke izinto, wayesehlelele yonke into isiphetho sayo nomusa Wakhe. Zonke izinto ziyasimamisana futhi enye incike kwenye futhi isintu yiso esizuza kakhulu. Esikuzwe namuhla kuzwakala kukusha—sizwile ukuthi izenzo zangempela zikaNkulunkulu zinjani. Emhlabeni wangempela, ekuphileni kwethu kwansukuzonke nalapho sihlangana nezinto zonke, sibona ukuthi lokhu kunjalo.) Niyakubona ngempela, angithi? UNkulunkulu akahlinzeki isintu ngaphandle kwesisekelo esiqinile; ukuhlinzeka Kwakhe akuwona amazwi ambalwa futhi amafishane nje. UNkulunkulu wenze okuningi kakhulu, ngisho nezinto ongaziboni, zonke uzenzela ukuthi kusizakale wena. Umuntu uphila kule ndawo, phakathi kwazo zonke izinto uNkulunkulu amdalela zona, lapho zonke izinto zincike kwezinye. Ngokwesibonelo, izitshalo zikhipha amagesi ahlanza umoya, futhi abantu baphefumula umoya ohlanziweyo bese besizakala kuwo; kodwa, ezinye izitshalo ziwubuthi kubantu, kodwa kukhona ezinye izitshalo ezingamakhambi okulwa nezitshalo ezinobuthi. Lokhu kuyisimangaliso sendalo kaNkulunkulu! Kodwa asisishiye lesi sihloko okwamanje; namuhla, ingxoxo yethu ibimayelana nokuphila ndawonye komuntu nayo yonke enye indalo, umuntu ongeke aphile ngaphandle kwakho. Kubaluleke ngani ukudala kukaNkulunkulu zonke izinto? Umuntu akakwazi ukuphila ngaphandle kwezinye izinto, njengoba umuntu edinga umoya ukuze aphile—uma ubufakwe endaweni engenamoya, ubuzofa ngokushesha. Lesi yisimiso esilula esikhombisa ukuthi umuntu akakwazi ukuphila ngokwehlukana nenye indalo. Ngakho-ke, umuntu kufanele azithathe kanjani zonke zinto? Kufanele azenze igugu, azivikele, azisebenzise ngokufanele, angazilimazi, angazichithi, futhi angaziguquli ngoba enomuzwa othile odlulayo, ngoba zonke izinto zivela kuNkulunkulu, zihlinzekwe isintu futhi isintu kumele siziphathe ngokuzinakekela. Namuhla sixoxe ngalezi zihloko ezimbili. Zicabangisiseni. Ngesikhathi esizayo sizoxoxa ngezinye izinto kabanzi. Ukuhlangana kwethu kuphelela lapha namuhla. Nisale kahle!

Januwari, 18 2014

Okwedlule: UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VI

Okulandelayo: UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VIII

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp