UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VIII

UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto (II)

Masiqhubekeni nesihloko sengxoxo sangesikhathi esidlule. Ningasikhumbula isihloko esasikhulume ngaso ngesikhathi esidlule? (UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto.) Ngabe isihloko esithi “UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto,” yisihloko esizwakala sikude kakhulu nani? Ninakho ukusiqonda ezingeni elikha phezulu? Ukhona ongangitshela iphuzu elisemqoka lalesi sihloko esikhulume ngaso ngesikhathi esidlule? (Ngokudala kukaNkulunkulu zonke izinto, ngiyabona ukuthi uNkulunkulu unakekela zonke izinto futhi anakekele nesintu. Esikhathini esidlule, bengilokhu ngicabanga ukuthi uma uNkulunkulu enikeza abantu, unikeza izwi laKhe kubantu baKhe abakhethekileyo kuphela, kodwa angizange ngibone, ngemithetho yazo zonke izinto, ukuthi uNkulunkulu unakekela isintu. Kungokukhuluma kukaNkulunkulu kuphela ngale ngxenye yeqiniso okwenza ukuthi ngizwe ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wazo zonke izinto nokuthi ukuphila kwazo zonke izinto ukuthi kunikezwa nguNkulunkulu, ukuthi uNkulunkulu ulawula le mithetho, nokuthi unakekela zonke izinto. Kusukela ekudaleni kwaKhe zonke izinto ngibona uthando lukaNkulunkulu.) Esikhathini esidlule, siqale sakhuluma ngokudala kukaNkulunkulu zonke izinto nokuthi wazimisela kanjani imithetho nezimiso. Ngaphansi kwemithetho enjalo nangaphansi kwezimiso ezinjalo, zonke izinto ziyaphila futhi zife nabantu ziphinde zibe khona nabantu ngaphansi kombuso kaNkulunkulu nasemehlweni kaNkulunkulu. Siqale sakhuluma ngoNkulunkulu edala zonke izinto futhi esebenzisa izindlela zaKhe ukunquma imithetho yazo kanye nendlela namaphethini okukhula kwazo. Wanquma futhi izindlela, zokuphila kwazo zonke izinto kulo mhlaba, ukuze ziqhubeke zikhule zande futhi zincike enye kwenye ukuze ziphile. Ngezindlela nemithetho enje, zonke izinto zikwazi ukuba khona ngempumelelo nangokuthula zikhule kulo mhlaba. Kungokuba sendaweni enjalo kuphela lapho abantu bengaba nekhaya elizinzile nendawo yokuphila, nangaphansi kokuqondiswa uNkulunkulu, baqhubeke bathuthuke futhi baqhubekele phambili, bathuthuke futhi baqhubekele phambili.

Esikhathini esidlule sikhulume ngomqondo oyisisekelo wokwenza kukaNkulunkulu zonke izinto. UNkulunkulu uqala ngokwenza zonke izinto ngale ndlela ukuze zonke izinto zibe khona futhi ziphilele isintu. Ngamanye amazwi, indawo enjalo ikhona ngenxa yemithetho ebekwe uNkulunkulu. UNkulunkulu kuphela ophethe futhi olawula imithetho enjalo ukuthi isintu sibe nendawo yokuphila esinayo manje. Esikhulume ngakho esikhathini esidlule igxathu elikhulu ekwazini uNkulunkulu esikhulume ngakho ngaphambilini. Kungani igxathu elingaka likhona? Ngoba ngenkathi sikhuluma ngokwazi uNkulunkulu esikhathini esidlule, besixoxa ngokusindisa nokuqondisa kukaNkulunkulu isintu—okusho ukuthi, ukusindiswa nokuphathwa kwabantu bakaNkulunkulu abakhethiweyo—ngokwazi uNkulunkulu, izenzo zikaNkulunkulu, isimo saKhe, lokho anakho nayikho, izinhloso zaKhe, nokuthi ubanikeza kanjani abantu iqiniso nokuphila. Kodwa isihloko esikhulume ngaso esikhathini esidlule sasingagcini nje kuphela eBhayibhelini nasendleni kaNkulunkulu yokusindisa abantu baKhe abakhethiweyo. Kunalokho, seqele ngaphandle kwalokhu, ngaphandle kweBhayibheli, nangaphandle kwemingcele yezigaba ezintathu zomsebenzi uNkulunkulu awenzayo kubantu bakhe abakhethiweyo ukuxoxa ngoNkulunkulu ngokwaKhe. Ngakho uma nizwa le ngxenye yenkulumo yaMi, ningakhawulisi ulwazi lwenu ngoNkulunkulu eBhayibhelini nasezigabeni ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu. Kunalokho, nifanele nigcine umbono wenu uvulekile; kufanele nibone izenzo zikaNkulunkulu nalokho anakho nayikho kuzo zonke izinto, kanye nendlela uNkulunkulu abusa futhi alawule ngayo izinto zonke. Ngale ndlela nangokwalesi sisekelo, ungabona indlela uNkulunkulu enza ngayo zonke izinto. Lokhu kwenza isintu siqonde ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wangempela wokuphila kwazo zonke izinto nokuthi nguYe ngempela uNkulunkulu uqobo lwaKhe. Okungukuthi, ungubani uNkulunkulu, isikhundla negunya nakho konke okwaKhe akuqondisiwe nje kulabo abamlandelayo manje—akuqondisiwe kinina, eniyileli qoqo labantu—kodwa kuzo zonke izinto. Khona-ke umklamo wazozonke izintoUbanzi kakhulu. Ngisebenzisa elithi “zonke izinto” ukuchaza ububanzi bokusebenza komthetho kaNkulunkulu phezu kwazo zonke izinto ngoba ngifuna ukunitshela ukuthi izinto ezibuswa uNkulunkulu akuzona nje lezo ongazibona ngamehlo akho, kodwa zihlanganisa nezwe elibonakalayo bonke abantu abangalibona, kanye nelinye izwe elingebonwe ngamehlo enyama ngaphandle kwezwe elibonakalayo, futhi phezu kwalokho zihlanganisa umkhathi namaplanethi angaphandle kwalapha lakunesintu khona manje. Lokho kuhlanganisa ukubusa kukaNkulunkulu phezu kwazo zonke izinto. Okuhlanganisa ukubusa kukaNkulunkulu phezu kwazo zonke izinto kubanzi kakhulu. Nina-ke, okufanele nikuqonde, nokufanele nikubone, nezinto okufanele nizuze ulwazi kuzo—lezi yilezo zinto omunye nomunye wenu adinga nafanele ukuziqonda, azibone, futhi acacelwe yizo. Ngisho nakuba okuhlanganiswe “yizo zonke izinto” kubanzi kakhulu, angeke nginitshele ngokuhlanganisiwe eningeke nikubone nhlobo noma eningeke nize nithintane nakho. Ngizonitshela kuphela ngalokho abantu abangathintana nakho, abangakuqonda, nabangakuzwisisa, ukuze wonke umuntu ezozwa incazelo yeqiniso yebinzana elithi “UNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto.” Ngaleyo ndlela, noma yini enginitshela yona angeke ibe ngamazwi ayize.

Esikhathini esidlule, sasebenzisa izindlela zokuxoxa indaba ukunikeza umqondo olula wesihloko esithi “UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto,” ukuze nibe nokuqonda okuyisisekelo kwendlela uNkulunkulu enza ngayo zonke izinto. Yini inhloso yokugxilisa lo mqondo oyisisekelo kinina? Ukunazisa ukuthi, ngaphandle kweBhayibheli nezigaba ezintathu zomsebenzi waKhe, uNkulunkulu ubuye enze umsebenzi ongaphezu kwalowo abantu abangawuboni noma bathintane nawo. Umsebenzi onjalo wenziwe nguNkulunkulu ngokwaKhe. Uma ngabe uNkulunkulu ubeholela phambili nje kuphela abantu baKhe abakhethiweyo, ngaphandle kwalo msebenzi ongaphandle komsebenzi wokulawula kwaKhe, khona-ke bekuzoba nzima kakhulu kulaba bantu, kuhlanganise nani nonke, ukuqhubeka niye phambili, futhi laba bantu nalo mhlaba angeke ukwazi ukuqhubeka uthuthuka. Yilokho ukubaluleka kwebinzana elithi “UNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto” engikhuluma ngalo kini namuhla.

Indawo Yokuphila Eyisisekelo uNkulunkulu Ayenzela Isintu

Sixoxe ngezihloko eziningi nokuqukethwe yibinzana elithi “UNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto,” kodwa niyazi yini ezinhliziyweni zenu ukuthi yiziphi izinto uNkulunkulu azinika isintu ngaphandle kokuninika izwi laKhe nokwenza usebenzisa wokujezisa nokwahlulela kwaKhe kinina? Abanye abantu bangathi, “uNkulunkulu unginikeza umusa nezibusiso; uyangiqondisa angiduduze, futhi uyanginakekela futhi angivikele ngayo yonke indlela okungenzeka ngayo.” Abanye bazothi, “uNkulunkulu unginikeza ukudla nokuphuzwayo nsuku zonke,” ngenkathi abanye bethi nje, “uNkulunkulu unginikeza konke.” Mayelana nalezi zinto abantu abangahlangabezana nazo empilweni yabo yemihla ngemihla, kungenzeka nonke nibe nezimpendulo zokwenzeka ekuphileni kwenu kwangempela. UNkulunkulu unikeza umuntu ngamunye izinto eziningi, nakuba lokhu esixoxa ngakho lapha kungakhawuli nje ezidingweni zabantu zansukuzonke, kodwa kuqonde ukwandisa ukubona komuntu ngamunye futhi kwenze ukuba nibone ngeso elibanzi. UNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto, ukugcina kanjani ukuphila kwazo zonke izinto? Ukuze zonke izinto ziqhubeke zibe khona, yini uNkulunkulu ayifaka ezintweni zonke ukulondoloza ubukhona bazo nokuthi zigcine imithetho yobukhona bazo? Lelo iphuzu elisemqoka lalokho esixoxa ngakho namuhla. Ingabe niyakuqonda engikushilo? Lesi sihloko singaba ngesingajwayelekile impela kinina, kodwa angeke ngikhulume nganoma yiziphi izimfundiso ezinkulu kakhulu. Ngizozama ukunenza ukuba nonke niqonde ngemva kokulalela. Anidingi ukuzizwa ninomthwalo—konke okufanele nikwenze ukulalelisisa. Kepha, ngisafanele ukusigcizelela kakhudlwana: Yisiphi lesi sihloko engikhuluma ngaso? Ngitsheleni. (UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto.) Manje uNkulunkulu uzenza kanjani zonke izinto? Uzihlinzeka ngani izinto ukuze kuthiwe “uNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto”? Ninayo yini noma yimiphi imibono noma imicabango ngalokhu? Kubonakala sengathi lesi sihloko engikhuluma ngaso siveza ukungabi nalutho ezinhliziyweni nasezingqondweni zenu. Kodwa ngethemba ukuba nizohlanganisa isihloko nezinto engizokhuluma ngazo nezenzo zikaNkulunkulu, hhayi ukuzixhumanisa nanoma yiluphi olunye ulwazi noma nizihlanganise nanoma yimaphi amasiko noma ucwaningo lwabantu. Ngikhuluma ngoNkulunkulu kuphela nangoNkulunkulu uqobo lwaKhe. Lowo umbono waMi kinina. Niyaqonda, angithi?

UNkulunkulu unikeze isintu izinto eziningi. Ngizoqala ngokukhuluma ngalokho abantu abangakubona, okusho ukuthi, lokho abangakuzwa. Lezi yizinto abantu abangaziqonda ngaphakathi nabangazamukela. Ngakho ekuqaleni masiqale ngezwe elibonakalayo ukuxoxa ngalokho uNkulunkulu akunike isintu.

a. Umoya

Okokuqala, uNkulunkulu wadala umoya ukuze umuntu aphefumule. Umoya uyinto abantu abathintana nayo nsuku zonke futhi uyinto abantu abethembela kuyo umzuzu nomzuzu, ngisho belele. Umoya odalwe uNkulunkulu ubaluleke kakhulu esintwini: Uyingxenye ebalulekile yawo wonke umphefumulo wabo nasekuphileni ngokwakho. Le nto, eniyizwa kuphela kodwa ningayiboni, kwakuyisipho sokuqala sikaNkulunkulu kuzo zonke izinto. Ngemva kokudala umoya, ingabe uNkulunkulu wavele wayekela nje? Esedale umoya, ngabe uNkulunkulu wakucabanga ubugqinsi bomoya? Ngabe uNkulunkulu wakucabanga okuqukethwe umoya? Wayecabangani uNkulunkulu ngenkathi enza umoya? Kungani uNkulunkulu enza umoya, kanti kwabe kuyini isizathu saKhe? Abantu badinga umoya, futhi badinga ukuphefumula. Okokuqala, isisindo somoya kufanele siwalungele amaphaphu omuntu. Ingabe ukhona osaziyo isisindo somoya? Lokhu akuyona into abantu abadinga ukuyazi; asikho isidingo sokwazi lokhu. Asisidingi isibalo esinembayo mayelana nesisindo somoya, futhi ukuba nomqondo obanzi nje kulungile. UNkulunkulu wenza umoya waba nesisindo esizofanelana kakhulu namaphaphu abantu ukuba baphefumule. Okuwukuthi, abantu bazizwa bekhululekile futhi ngeke wenze umonakalo emzimbeni lapho bephefumula. Lokhu iyona nhloso ngesisindo somoya. Sizobe sesikhuluma ngokuqukethwe umoya. Okokuqala, okuqukethwe umoya akunawo ushevu ebantwini ngakho-ke angeke ulimaze iphaphu nomzimba. Kwakufanele uNkulunkulu akucabangele konke lokhu. Kwakufanele uNkulunkulu akucabangele ukuthi umoya ophefumulwa ngabantu kufanele ungene futhi uphume kahle, futhi, ngemva kokuba usungenile, izinga nenani lomoya kufanele kube ukuthi igazi nalo njengomoya ongcolile emaphashini nasemzimbeni umuncwe kahle, nokuthi futhi umoya awufanele ube nezingxenye ezinoshevu. Mayelana nalawa mazinga amabili, angithandi ukunifunza ngolwazi oluningi, kodwa kunalokho ukumane nginazise ukuthi uNkulunkulu ubenenqubo yomcabango othile engqondweni ngenkathi edala into ngayinye—ngokuseqophelweni eliphezulu. Okunye, uma kuya enanini lothuli olusemoyeni, inani lothuli, isihlabathi nokungcola emhlabeni, kanye nothuli oluvela esibhakabhakeni, uNkulunkulu wayenecebo lalezi zinto futhi, nezindlela zokuzisusa noma zokuzihlakaza. Ngenkathi kunothuli, uNkulunkulu wenze ukuba uthuli lungalimazi umzimba nokuphefumula komuntu, nokuthi izingcezwana zothuli zingaba nesilinganiso esingeke saba yingozi emzimbeni. Ingabe ukudala kukaNkulunkulu umoya akumangazi? Ingabe kwakulula njengokumane uphefumlele umoya emlonyeni waKhe? (Cha.) Ngisho nasekudaleni kwaKhe izinto ezilula kakhulu, imfihlo kaNkulunkulu, ingqondo yaKhe, imicabango yaKhe, nokuhlakanipha kwaKhe konke kuyabonakala. Ingabe uNkulunkulu akayena owokoqobo? (Yebo, unjalo.) Lokho kusho ukuthi, ngisho nasekudaleni izinto ezilula, uNkulunkulu wayecabanga ngesintu. Okokuqala, umoya ophefumulwa ngabantu uhlanzekile, okuqukethe kulungele ukuphefumulwa abantu, akunashevu futhi kanti awubalimazi abantu, nesisindo sihlelelwe ukuphefumulwa ngabantu. Lo moya abantu abawufakayo nabawukhiphayo ubalulekile emizimbeni, enyameni yabo. Ngakho abantu bangaphefumula ngokukhululeka, ngaphandle kwengcindezi noma ukukhathazeka. Bangaphefumula ngokujwayelekile. Umoya yilokho okudalwe nguNkulunkulu ekuqaleni futhi ubalulekile ekuphefumuleni kwabantu.

b. Amazinga okushisa nokubanda

Into yesibili amazinga okushisa nokubanda. Wonke umuntu uyazi ukuthi ayini amazinga okushisa nokubanda. Amazinga okushisa nokubanda yinto leyo indawo efanele ukuphila abantu okumele ibe nayo. Uma amazinga okushisa ephezulu kakhulu, ake sithi uma amazinga okushisa engaphezulu kwama-degrees Celsius angama-40, lokho bekungeke yini kuqede abantu? Bekungeke yini kukhathaze kubo ukuphila? Yini engenzeka uma amazinga okushisa ephansi kakhulu, efika kuma-degrees Celsius angaphansi kwezinga-qhwa elingama-40? Abantu bebengeke bakwazi ukuwamela. Ngakho-ke, uNkulunkulu wayecophelela kakhulu ekubekeni lawa mazinga okushisa nokubanda. Amazinga okushisa lawo umzimba womuntu ongamelana nawo yilawo angaphansi kwama-degrees Celsius angama-30 ukufinyelela kwangama-40. Lawa amazinga okushisa nokubanda ayisisekelo kusukela enyakatho kuye eningizimu. Ezindaweni ezibandayo, amazinga okushisa nokubanda angehla afike cishe kuma-degrees Celsius angaphansi kwezinga-qhwa elingama-50 kuya ku-60. Indawo enjalo akuyona indawo uNkulunkulu avumela abantu ukuba bahlale kuyo. Kungani kunezindawo ezibanda kangako? Phakathi kulokhu kunokuhlakanipha nezinhloso zikaNkulunkulu. Akakuvumeli ukuba usondele eduze kwalezo zindawo. UNkulunkulu uyazivikela izindawo ezishisa kakhulu nezibanda kakhulu, ngokuthi angavumeli abantu bahlale lapho. Akuyona indawo yokuhlala isintu. Kungani avumela izindawo ezinjalo ukuba zibe khona emhlabeni? Uma uNkulunkulu ubengeke avumele abantu ukuhlala lapho noma babe khona lapho, manje kungani uNkulunkulu ezidalile? Kulokhu kunokuhlakanipha kukaNkulunkulu. Kusho ukuthi, amazinga okushisa ayisisekelo endawo yokuphila abantu alungiswe ngokufanele nguNkulunkulu. Kunomthetho futhi lapha. UNkulunkulu udale ezinye izinto ukuthi zikwazi ukumelana namazinga okushisa nokubanda anjalo, ukulawula la mazinga okushisa nokubanda. Yiziphi izinto ezisetshenziswayo ukugcina la mazinga okushisa nokubanda? Okokuqala, ilanga lingalethela abantu ukufudumala, kodwa abantu bangakwazi ukulimela uma lifudumele kakhulu? Ingabe ukhona ongalokotha asondele elangeni? Ingabe kukhona into emhlabeni engasondela kakhulu elangeni? (Cha.) Kungani kungenjalo? Lishisa kakhulu. Kuzoncibilika lapho kusondela kakhulu elangeni. Ngakho-ke, uNkulunkulu wenze isilinganiso esithile sebanga lelanga esiqhelile kubantu. Wenze umsebenzi othile. UNkulunkulu unendinganiso yaleli banga. Kukhona futhi nendawo engasekugcineni komhlaba ngaseNingizimu nangaseNyakatho. Kunezintaba zeqhwa kuphela lapho. Ingabe isintu singahlala eqhweni? Ingabe ikulungele ukuhlalwa ngabantu? Cha, ngakho abantu angeke baye lapho. Njengoba abantu bengayi lapho ezindaweni ezingasekugcineni komhlaba ngaseNingizimu nangaseNyakatho, amaqhwa azolondolozeka, futhi azokwazi ukudlala indima yawo, yokulawula amazinga okushisa nokubanda. Niyathola? Uma ngabe akukho zindawo ezingasekugcineni komhlaba ngaseNingizimu nangaseNyakatho futhi ilanga lihlala njalo likhanyise umhlaba, bonke abantu emhlabeni bangafa ukushisa. Ingabe uNkulunkulu usebenzisa nje lezi zinto ezimbili ukulawula amazinga okushisa nokubanda afanele ukuphila kwabantu? Cha, kukhona nezinhlobonhlobo zezinto eziphilayo, ezinjengotshani esigangeni, izinhlobo ezahlukene zezihlahla nazo zonke izinhlobo zezitshalo emahlathini ezidonsa ukushisa kwelanga futhi, lapho zenza lokho, zehlise amandla elanga okufudumala ngendlela elawula amazinga okushisa nokubanda endaweni isintu esihlala kuyona. Kukhona nemithombo yamanzi, njengemifula namachibi. Indawo yemifula namachibi akuyona into enganqunywa nayinoma ngubani. Akekho ongalawula ukuthi angakanani amanzi asemhlabeni, lapho amanzi agelezela khona, indlela agelezela kuyo, umthamo wamanzi, noma isivinini agijima ngaso? UNkulunkulu kuphela owaziyo. Le mithombo eyehlukene yamanzi, kuhlanganise namanzi angaphansi komhlaba nemifula namachibi angaphezu komhlaba lawo abantu abangawabona, angalawula amazinga okushisa nokubanda alapho abantu bahlala khona. Ngaphezu kwalokho, kunezinhlobo eziningi zokwakheka kokuma kwezwe, njengezintaba, amathafa, izigodi namaxhaphozi; Lokhu kwakheka kokuma kwezwe okwahlukene nezindawo nobukhulu bakho konke kubamba iqhaza ukulawula amazinga okushisa nokubanda. Ngokwesibonelo, uma intaba inobubanzi bamakhilomitha ayikhulu, lawo makhilomitha ayikhulu azonikela ngokubaluleka okulingana namakhilomitha ayikhulu. Ukuthi zingaki nje izintaba eziwukhahlamba ezinjalo nezigodi uNkulunkulu azidalile emhlabeni, lokhu yinto uNkulunkulu ayicabangisisile. Ngamanye amazwi, kukho konke okukhona okudalwe nguNkulunkulu kunenjongo ethile, kanti futhi kuqukethe ukuhlakanipha namasu kaNkulunkulu. Ake sithi, ngokwesibonelo, amahlathi nazo zonke izinhlobo zezimila—ibanga kanye nobukhulu bendawo lapho zihlala futhi zikhula khona ngeke kulawulwe umuntu, futhi umuntu akanalo izwi lokugcina kulezi zinto. Ukuthi zimunca amanzi angakanani, ukuthi zidonsa amandla angakanani okushisa elangeni nakho kungelawulwe yinoma yimuphi umuntu. Zonke lezi zinto zisendaweni lapho zahlelwa khona uNkulunkulu ngenkathi edala zonke izinto.

Kungenxa yokuhlela kungokucophelela, ukucabanga, nangamalungiselelo kaNkulunkulu kuphela kuzo zonke izinto umuntu angahlala endaweni enamazinga afanele kangaka okushisa nokubanda. Ngakho-ke, yonke into umuntu ayibonayo ngamehlo akhe, njengelanga, izindawo ezingasekugcineni komhlaba ngaseNingizimu nangaseNyakatho abantu abahlala bezwa ngazo, kanye nezinto ezahlukene eziphila ngaphezulu nangaphansi komhlaba kanye nasemanzini, nezindawo zamahlathi nezinye izinhlobo zezimila, nemithombo yamanzi, izinhlobonhlobo zamachibi, ubungako bamanzi asolwandle namanzi ahlanzekile akhona, kanye nezindawo zokuma kwezwe ezahlukene—uNkulunkulu usebenzisa lezi zinto ukugcina amazinga okushisa nokubanda afanele ukuze abantu baphile. Lokhu kungokwempela. Kungenxa yokucabangela kukaNkulunkulu kuphela ukuthi umuntu angaphila endaweni enalawo mazinga okushisa nokubanda afanele. Angeke kubande kakhulu noma kushise kakhulu: Izindawo ezishisa kakhulu lapho amazinga okushisa edlula lokho umzimba womuntu ongakumela azilungiselelwe wena uNkulunkulu. Izindawo ezibanda kakhulu lapho amazinga okushisa nokubanda ephansi kakhulu; izindawo, lapho kungathi abantu uma befika khona, zibenze babe yiqhwa emizuzwini nje embalwa baze bangakwazi nokukhuluma, ubuchopho babo bungaba yiqhwa, ngeke bakwazi ukucabanga futhi bangaphelelwa umoya masinyane—izindawo ezinjalo azilungiselelwanga isintu nguNkulunkulu. Noma ngabe yiluphi ucwaningo abantu abafuna ukulwenza, noma ngabe bafuna ukuqamba kabusha noma bafuna ukuveza imikhawulo ethize—noma ngabe yini abantu abayicabangayo, angeke bakwazi ukweqa imikhawulo yalokho umzimba womuntu omiselwe ukukumela. Angeke bakwazi ukususa le mikhawulo uNkulunkulu ayidalele umuntu. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu adala abantu, futhi uNkulunkulu wazi kangcono ukuthi yimaphi amazinga okushisa umzimba womuntu ongamelana nawo. Kodwa abantu ngokwabo abazi. Kungani ngithi abantu abazi? Yiziphi izinto eziwubuwula ezenziwe ngabantu? Akuzange yini kube khona idlanzana labantu abahlala befuna ukuya ezindaweni ezingasekugcineni komhlaba ngaseNyakatho nangaseNingizimu? Abantu abanjalo yilokhu bahlala befuna ukuya kulezo ndawo ukuze bahlale endawenikulowo mhlaba, ukuze bazinze lapho. Kuyoba yisenzo esingenangqondo. Ngisho ngabe uwacwaninge kahle amachopho omhlaba, bese kwenzekani-ke? Noma ungawamela amazinga okushisa nokubanda, futhi ukwazi ukuphila lapho, kungasihlomulisa yini isintu ngandlela thize uma “ungenza ngcono” isimo samanje sokuphila kwechopho laseNingizimu nelaseNyakatho? Isintu sinendawo esingaphila kuyona, nokho abantu abahlali lapho ngokuthula nangokuthobeka, kodwa kunalokho, bayaphikelela ekuyeni ezindaweni abangeke baphile kuzo. Kusho ukuthini lokhu? Badiniwe ukuhlala kula mazinga okushisa nokubanda afanele. Bajabulela izibusiso eziningi. Ngaphandle kwalokhu, le ndawo ejwayelekile yokuhlala yonakaliswe impela yisintu, bangavele nje baye endaweni esekugcineni komhlaba eseNingizimu neseNyakatho ukudala omunye umonakalo noma ukuzibandakanya kwesinye “isenzo,” ukuze babe “amavulandlela” athize. Ingabe akubona ubuwula lobu? Lokho kusho ukuthi, ngaphansi kobuholi bukakhokho waso uSathane, lesi sintu siyaqhubeka nokwenza izinto ezingenangqondo enye emva kwenye, ngokungakhathali nangokunganakile sibhubhisa ikhaya elihle uNkulunkulu alidalele isintu. Lokhu yilokho okwenziwe uSathane. Ngaphezu kwalokho, lapho bebona ukuthi ukuphila kwesintu emhlabeni kusengozini encane, abantu abaningana bafuna ukuthola izindlela zokuyohlala enyangeni, ukuthola indlela yokuya beyobona ukuthi bangahlala yini lapho. Ekugcineni, umoya-mpilo awukho enyangeni. Ingabe abantu bangaphila ngaphandle komoya-mpilo? Njengoba inyanga ingenawo umoya-mpilo, akuyona indawo abantu abangahlala kuyo, kodwa abantu balokhu befuna ukuya lapho. Kuyini lokhu? Ukuzibulala, angithi? Indawo engenawo umoya, futhi namazinga okushisa nokubanda awafanele ukuphila komuntu, ngakho ayilungiselelwanga abantu nguNkulunkulu.

Isihloko sethu njengamanje, izinga lokushisa nokubanda, yinto abantu abahlangabezana nayo empilweni yabo yansukuzonke. Amazinga okushisa nokubanda yinto engezwiwa yiyo yonke imizimba yabantu, kodwa akekho ocabanga ukuthi la mazinga okushisa nokubanda aba khona kanjani, noma ubani ophethe nolawula la mazinga okushisa nokubanda afanele ukuphila kwabantu. Yilokhu esesizokwazi manje. Ingabe kukhona ukuhlakanipha kukaNkulunkulu ngaphakathi kwalokhu? Ukhona yini umsebenzi kaNkulunkulu kulokhu? (Yebo.) Uma sicabanga ukuthi uNkulunkulu udale indawo yokuhlala namazinga okushisa nokubanda okufanele ukuphila kwabantu, akuyona yini enye yezindlela leyo uNkulunkulu enza ngayo zonke izinto? Iyona.

c. Umsindo

Iyiphi into yesithathu? Lokhu futhi okunye okufanele ukuthi indawo ejwayelekile ehlala abantu ibe nakho. Kuyinto uNkulunkulu okwafuneka abhekane nayo ngenkathi edala zonke izinto. Lokhu yinto ebaluleke kakhulu kuNkulunkulu nakubo bonke abantu. Ukube uNkulunkulu akazange awuphathe, yayizoba ingqinamba enkulu ekuphileni kwabantu. Lokhu kusho ukuthi yayizoba nomthelela obalulekile emzimbeni nasempilweni yomuntu, kangangokuthi isintu besingeke sikwazi ukuphila endaweni enjalo. Kungaphinde futhi kushiwo ukuthi zonke izinto eziphilayo angeke zikwazi ukuphila endaweni enjalo. Ngakho iyini le nto? Umsindo. UNkulunkulu udale zonke izinto, futhi ukuphila kwazo zonke izinto kusezandleni zikaNkulunkulu. Emehlweni kaNkulunkulu, zonke izinto ziyanyakaza futhi ziyaphila. Ngamanye amazwi, ukuba khona kwento ngayinye eyadalwa uNkulunkulu kunokubaluleka nenjongo. Okusho ukuthi, zonke zinesidingo sokuba khona. Into ngayinye inokuphila emehlweni kaNkulunkulu; njengoba zonke ziphila, zizoveza imisindo. Ngokwesibonelo, umhlaba uyaphenduka zonke izikhathi, ilanga liyaphenduka zonke izikhathi, futhi nenyanga nayo iyaphenduka zonke izikhathi. Imisindo yenzeka njalo ekuqalweni nasekukhuleni nasekunyakazeni kwazo zonke izinto. Izinto emhlabeni zihlal zanda, zithuthuka futhi zinyakaza. Ngokwesibonelo, izisekelo zezintaba ziyanyakaza futhi zigudluke, ngenkathi zonke izinto eziphila ekujuleni kwezilwandle zinyakaza futhi zibhukuda zonke. Lokhu kusho ukuthi lezi zinto eziphilayo, zonke izinto emehlweni kaNkulunkulu, zonke zinyakaza zikhathi zonke, ngokujwayelekile futhi njalo. Ngakho kulethani ukwandiswa, ukuthuthukiswa nokunyakaza okusheshayo kwalezi zinto? Imisindo enamandla. Ngaphandle kwasemhlabeni, zonke izinhlobo zamaplanethi nazo zinyakaza zikhathi zonke, kanti izinto eziphilayo nokuphilayo kula maplanethi nakho kuyanda, kuyathuthuka futhi kunyakaza zikhathi zonke. Kusho ukuthi, zonke izinto eziphilayo nezingenakho ukuphila zilokhu ziqhubekela phambili emehlweni kaNkulunkulu, futhi ngesikhathi esifanayo zenza nemisindo. UNkulunkulu futhi usebenzile ngale misindo. Nifanele ukwazi isizathu sokuthi kubhekanwe nemisindo, akunjalo? Uma usondela ebhanoyini, umsindo wokuduma kwebhanoyi uzokwenzani kuwena? Izindlebe zakho zizovaleka ngokuhamba kwesikhathi. Ingabe izinhliziyo zenu ziyokwazi ukuwumela? Abanezinhliziyo ezibuthakathaka angeke bakwazi ukuwumela. Kunjalo, ngisho nalabo abanezinhliziyo eziqinile angeke bakwazi ukuwumela uma uqhubeka isikhathi eside. Okusho ukuthi, umthelela womsindo emzimbeni womuntu, noma ngabe kusezindlebeni noma enhliziyweni, ubaluleke kakhulu komunye nomunye umuntu, kanti imisindo ephezulu kakhulu izolimaza abantu. Ngakho-ke, uma uNkulunkulu ayedala zonke izinto nangemuva kokuba ziqale ukusebenza ngokujwayelekile, uNkulunkulu wafaka le misindo—imisindo yazo zonke izinto ezinyakazayo—ngokulawulwa ngendlela efanele. Lokhu kungenye yezinto ezidingekayo uNkulunkulu azicabangela ngenkathi edala indawo yokuhlala isintu.

Okokuqala, ukuphakama komkhathi ukusuka emhlabeni kuzoba nefuzela emisindweni. Futhi, ubungako bomhlaba ongenalutho, kuzolawula futhi kube nomthelela emsindweni. Bese kuba nokuhlangana kwezindawo zokuma kwezwe ezinhlobonhlobo, okuzoba nomthelela futhi nasemsindweni. Okusho ukuthi, uNkulunkulu usebenzisa izindlela ezithize ukususa imisindo ethile, ukuze abantu baphile endaweni lapho izindlebe nezinhliziyo zabo zingamelana nayo. Kungenjalo imisindo izoletha ingqinamba enkulu ekuphileni kwesintu; izoletha inkathazo enkulu ezimpilweni zabo. Lokhu kuyoba yinkinga enkulu kubo. Lokho kusho ukuthi, uNkulunkulu wayeqikelela ekudaleni kwaKhe umhlaba, umkhathi nezindawo zokuma kweze ezinhlobonhlobo okuhlalwa kuzona ezweni. Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kukhona kukho konke lokhu. Ukuthi isintu siqonde lokhu akudingi imininingwane eminingi. Okufanele bakwazi nje ukuthi isenzo sikaNkulunkulu sikhona lapho. Manje ngitsheleni, ingabe umsebenzi owenziwa uNkulunkulu wawudingekile? Okusho ukuthi, ukulawula konke ukunyakaziswa komsindo ukuze agcine indawo okuphila kuyo isintu nezimpilo zaso ezijwayelekile? (Yebo.) Uma lo msebenzi ubudingeka, ngakho-ke ngokwalombono, kungashiwo ukuthi uNkulunkulu usebenzise indlela enjalo ukwenza zonke izinto? UNkulunkulu wenza isintu futhi wadala indawo yokuphila ezothile, ukuze umzimba womuntu ukwazi ukuhlala kahle endaweni enjalo ngaphandle kokuphazamiseka, nokuthi isintu sikwazi ukuba siphile ngokujwayelekile. Ingabe lokhu ngenye yezindlela uNkulunkulu asimamisa ngazo isintu? Ingabe le nto eyenziwe nguNkulunkulu yayibaluleke kakhulu? (Yebo.) Yayidingeka kakhulu. Manje nikubonga kanjani lokhu? Yize ningeke nizwe ukuthi lokhu bekuyisenzo sikaNkulunkulu, noma nazi ukuthi wakwenza kanjani ngaleso sikhathi, ingabe nisasizwa isidingo sokuba uNkulunkulu enze le nto? Niyakuzwa yini ukuhlakanipha kukaNkulunkulu noma ukunakekela nokucabanga akwenza kulokhu? (Yebo.) Ukukwazi ukuzwa lokhu nje kulungile. Kwanele. Ziningi izinto uNkulunkulu azenzile phakathi kwazo zonke izinto abantu abangeke bazizwe futhi bazibone. Inhloso yaMi yokuthi ngikusho lapha ukuninikeza ulwazi oluthile ngezenzo zikaNkulunkulu ukuze nazi uNkulunkulu. Le mikhondo inganenza ukuba nazi futhi niqonde izenzo zikaNkulunkulu kangcono.

d. Ukukhanya

Into yesine ehlobene namehlo abantu—ukukhanya. Lokhu nakho kubaluleke kakhulu. Uma ubona ukukhanya okuxhophayo, bese ukuxhopha kwalokhu kukhanya kufika ezingeni elithile, amehlo akho ngeke abone. Vele, amehlo abantu amehlo enyama. Awanakukumela ukuxhopheka. Ingabe ukhona ongagqolozela ilanga? Abanye abantu bake bazama. Ungakwazi ukulibuka ngezibuko zelanga, akunjalo? Lokho kudinga usizo lwezinsiza. Ngaphandle kwezinsiza, amehlo abantu enyama awanamandla okubheka ngqo ilanga. Nokho, uNkulunkulu wadala ilanga ukuba lilethe ukukhanya esintwini futhi wabuye wakulawula lokhu kukhanya. UNkulunkulu akazange ayeke ilanga nje futhi alizibe ngemva kokulidala. “Ubani onendaba nokuthi amehlo abantu angamelana nalo!” UNkulunkulu akenzi izinto kanjalo. Wenza izinto ngokucophelela futhi abheke zonke izinto. UNkulunkulu uphe isintu amehlo ukuze sibone, kodwa uNkulunkulu ubuye walungisa uhlelo lokukhanya abangabona phansi kwakho. Angeke kwenzeke uma kungekho kukhanya okwanele. Uma kumnyama kangangokuba abantu bangaboni izandla zabo phambi kwabo, amehlo abo azolahlekelwa ukusebenza kwawo angabi namsebenzi. Indawo ekhanya kakhulu ngeke ibekezeleke emehlweni futhi abantu ngeke bakwazi ukubona. Ngakho endaweni yokuhlala isintu, uNkulunkulu ubanikeze isilinganiso sokukhanya esanele amehlo abantu. Loku kukhanya angeke kulimaze noma kone amehlo abantu. Ngaphezu kwalokho angeke kwenze amehlo abantu alahlekelwe ukusebenza kwawo. Yingakho uNkulunkulu anezela amafu ukuzungeza ilanga nomhlaba nesisindo, somoya esikwazi ukusefa ukukhanya okungalimaza amehlo noma isikhumba sabantu. Lokhu kuyahlobana. Ngaphezu kwalokho, umbala womhlaba odalwe uNkulunkulu nawo ukhombisa ukukhanya kwelanga nazo zonke izinhlobo zokukhanya futhi kususe leyo ngxenye yokukhazimula kokukhaya okwenza amehlo abantu angakhululeki. Ngaleyo ndlela, abantu abadingi ukuhlala befake izibuko zamehlo ezimnyama ukuze bakwazi ukuhamba ngaphandle baqhubeke nezimpilo zabo. Ngaphansi kwezimo ezivamile, amehlo abantu angabona izinto endaweni yabo yokubona bangaphazanyiswa ukukhanya. Lokho kusho ukuthi ngeke kulunge uma ukukhanya kuhlaba ngokwedlulele, noma kuluvindi ngokwedlulele. Uma kuluvindi ngokwedlulele, amehlo abantu azolimala, futhi, emva kokuwasebenzisa isikhathi esifushane, azokonakala; uma kukhanya ngokweqile, amehlo abantu ngeke akwazi ukukumela. Lokhu kukhanya okufanele impela ukuthi abantu babe nakho kufanele kube okulungile ukuze amehlo abantu abone, futhi ukulimala okulethwe emehlweni omuntu ukukhanya kwehliswa nguNkulunkulu ngezindlela ezahlukene kungakhathaliseki noma ukukhanya kuletha usizo noma izingozi emehlweni abantu, kwanele ukuvumela amehlo abantu ukuba asebenze kuze kube sekugcineni kwempilo yabo. Ingabe uNkulunkulu akakucabangisisanga kahle? Kodwa uma uSathane, udeveli, enza izinto, akazicabangi lezi zinto Ukukhanya kukhanya kakhulu noma kube luvindi kakhulu. Yile ndlela uSathane enza ngayo izinto.

UNkulunkulu wenze lezi zinto kuzo zonke izingxenye zomzimba womuntu—ukubona, ukuzwa, ukunambitha, ukuphefumula, imizwa … ukukhulisa ukuvumelana nokuphila kwesintu ukuze siphile ngokuvamile nokuqhubeka nokwenzenjalo. Okusho ukuthi, indawo enjalo yokuphila edalwe uNkulunkulu iyindawo yokuphila efaneleke kakhulu futhi esiza ukuphila kwesintu. Abanye bangacabanga ukuthi lokhu akukuningi nokuthi kuvame nje kakhulu. Imisindo, ukukhanya, nomoya izinto abantu abazizwa bezalwe nazo, izinto abangazijabulela kusukela bezalwa. Kodwa lokho uNkulunkulu akwenzile ngemuva kokujabulela kwabo lezi zinto yinto okufanele bayazi futhi bayiqonde. Kungakhathaleki ukuthi uzwa sengathi kunesidingo sokuqonda noma sokwazi lezi zinto, ngamafuphi nje, ngenkathi uNkulunkulu edala lezi zinto, wasebenzisa umcabango, wayenecebo, wayenemibono ethize. Akabekanga isintu endaweni enjalo yokuphila nje, ngokunganaki noma ngaphandle kokucabanga. Ningacabanga ukuthi ngikhulume ngokuphakeme ngokwedlulele ngenye nenye yalezi zinto ezincane, kodwa ngokubona kwaMi, into ngayinye uNkulunkulu ayenzele isintu iyadingeka ukuze abantu baphile. Kunezenzo zikaNkulunkulu kulokhu.

e. Ukuhamba komoya

Yini into yesihlanu? Le nto ihlobene nezinsuku zonke zawo wonke umuntu, futhi lokhu kuhlobana kuqinile. Kuyinto umzimba womuntu ongeke uphile ngaphandle kwayo kule lizwe elibonakalayo. Le nto ukuhamba komoya. “Ukuhamba komoya” yigama eliqondwa cishe yibo bonke abantu. Ngakho kuyini ukuhamba komoya? Ungasho uthi ukuhamba komoya kubuzwa ngokuthi “ukuhamba komoya.” Ukuhamba komoya umoya lowo iso lomuntu elingeke liwubone. Kubuye kube yindlela igesi ehamba ngayo. Kodwa kuyini ukuhamba komoya esikhuluma ngakho lapha? Nizoqonda uma nje ngiqeda ukukusho. Umhlaba unezintaba, izilwandle, nazo zonke izinto uma ulokhu uphenduka, futhi uma uphenduka kuba nesivinini. Noma ungeke ukuzwe ukuzungeza, ukuzungeza kwawo kukhona. Ukuzungeza kwawo kulethani? Ingabe kuba khona umoya ezindlebeni zenu uma nigijima? Uma ngabe umoya ungavela ngenkathi nigijima, kungahlala kanjani kungenamandla omoya lapho umhlaba uzungeza? Ngenkathi umhlaba uzungeza, zonke izinto ziyanyakaza. Uyanyakaza futhi uyazungeza ngesivinini esithize, uma zonke izinto emhlabeni zanda futhi zilokhu zithuthuka. Ngakho-ke, ukuhamba ngesivinini esithize kuzoletha ukuhamba komoya ngokwemvelo. Yilokho ukuhamba komoya okuyikhona. Ingabe lokhu kuhamba komoya kuzoba nomthelela emzimbeni womuntu ngezinga elithile? Uyabona, izivunguvungu zasolwandle azinamandla kangako, kodwa uma zivunguza, abantu abakwazi ukuma ndawonye futhi bakuthola kunzima nokuhamba emoyeni. Kunzima ngisho nokuthatha isinyathelo. Inamandla ngendlela yokuthi abantu bacindezeleka entweni ethile futhi bangakwazi ukunyakaza. Le enye yezindlela ukuhamba komoya okungaba nomthelela ngayo esintwini. Uma umhlaba wonke ubugcwele amathafa, bekuyoba lukhuni ngokwedlulele ukuba umzimba womuntu umele ukuhamba komoya obekuyokhandwa ukuzungeza komhlaba nokunyakaza kwazo zonke izinto ngesivinini esithile. Bekuyoba nzima kakhulu ukukumela. Uma ngabe bekunjalo, ukuhamba komoya angeke nje kulimaze abantu, kodwa kuzobhubhisa. Akekho ongaphila endaweni enjalo. Yingakho uNkulunkulu esebenzisa izindawo ezahlukene zezwe ukuxazulula ukuphephetha komoya—ezimweni ezehlukene, ukuphephetha komoya kuyehla, kuguqula indawo okuya kuyo, kuguqula isivinini sakho, kuguqule namandla akho. Yingakho abantu bebona izindawo zezwe ezehlukene, ezifana nezintaba, izintaba eziwukhahlamba, amathafa, amagquma, iziziba, izigodi, amathafa aphakeme nemifula. UNkulunkulu usebenzisa lezi zindawo zokuma kwezwe ezahlukene ukuguqula isivinini sokuhamba komoya, indlela yokuhamba kwawo kanye namandla awo esebenzisa indlela enjalo ukwehlisa noma ukuwulawula isivinini somoya, indlela yomoya namandla omoya kube okufanele ukuze abantu babe nendawo ejwayelekile yokuhlala. Kudingekile ukwenza lokho? (Yebo.) Ukwenza into efana nale kubukeka kunzima kubantu, kodwa kulula kuNkulunkulu ngoba ubona zonke izinto. Ukuthi yeNa adale indawo enokuhamba komoya okufanele kwesintu kulula kakhulu, kulula impela. Ngakho-ke, endaweni enjalo edalwe uNkulunkulu, into nento phakathi kwazo zonke izinto idingeka impela. Kubalulekile futhi kunesidingo konke ukuba khona kwazo. Noma kunjalo, lesi simiso asiqondwa nguSathane noma isintu esikhohlakalisiwe. Bahlala bebhubhisa bethuthukisa, bephupha ize lokuguqula izintaba zibe yindawo ephansi, bagcwalise izigodi, kanye nokwakha izitezi ezinde endaweni eyithafa ukuze benze amahlathi abiyelwe ngokhonkolo. Kuyisifiso sikaNkulunkulu ukuthi isintu sihlale ngenjabulo, sikhule ngenjabulo, sichithe usuku nosuku sijabulile endaweni efanele impela ayilungiselele sona. Yingakho uNkulunkulu engazange abe budedengu uma kuziwa ekuphathweni kwendawo yokuhlala isintu. Ukusuka emazingeni okushisa nokubanda kuye emoyeni, ukusuka emsindweni kuye ekukhanyeni, uNkulunkulu wenze amacebo nokuhlela okumangalisayo, ukuze imizimba yesintu nendawo yokuhlala ingaphazanyiswa yinoma yiziphi izimo zemvelo, futhi kunalokho isintu sikwazi ukuphila sande kahle, futhi sihlale nazo zonke izinto kahle nangokuzwana nangokuhlalisana kahle. Lokhu konke kwenziwe uNkulunkulu kuzo zonke izinto nasesintwini.

Ningabona yini, ngale ndlela enze ngayo kulezi zimo eziyisihlanu eziyisisekelo ekuphileni kwabantu, lokho uNkulunkulu akwenzele isintu? (Yebo) Okusho ukuthi uNkulunkulu udale izimo eziyisisekelo sokuphila kwabantu. Ngesikhathi esifanayo, uNkulunkulu ubuye aphathe futhi alawule lezi zinto, ngisho namanje, emva kokuba abantu bebe khona izinkulungwane zeminyaka, uNkulunkulu usaqhubeka nokuguqula indawo yabo yokuhlala enikeza ngendawo yokuhlala enhle kakhulu nefanele kakhulu yokuhlala isintu ukuze izimpilo zabo zigcinwe kahle. Kuzogcinwa kuze kube nini lokhu? Ngamanye amazwi, uNkulunkulu uzohlala elokhu enikeza indawo enjalo kuze kube nini? Aze uNkulunkulu aqede kahle umsebenzi waKhe wokuphatha. Yilapho uNkulunkulu ezoguqula khona indawo lapho isintu siphila khona. Kungaba ngezindlela ezifanayo, noma kungaba ngezindlela ezihlukene, kodwa lokho abantu abadinga ukukwazi manje ukuthi uNkulunkulu uyaqhubeka nokwenzela isintu izidingo zaso, ephethe nendawo isintu esiphila kuyo, elondoloza, evikela futhi egcina indawo isintu esiphila kuyo. Kungenxa yendawo yokuhlala enjalo lapho abantu abakhethiweyo bakaNkulunkulu bekwazi khona ukuphila kahle futhi bamukele insindiso kaNkulunkulu nokujeziswa nokwahlulelwa. Zonke izinto ziyaqhubeka ngokuba khona ngenxa yomthethokaNkulunkulu, ngenkathi sonke isintu siqhubekela phambili ngoba uNkulunkulu wenza ngale ndlela.

Ingabe le ngxenye engikhulume ngayo inilethele miphi imicabango? Niyawuzwa manje umehluko omkhulu phakathi kukaNkulunkulu nesintu? Ubani inkosi yazo zonke izinto? Ingabe umuntu? (Cha.) Khona-ke yimuphi umehluko phakathi kokuthi uNkulunkulu nabantu basebenza kanjani ngazo zonke izinto? (UNkulunkulu ubusa phezu kwezinto zonke abuye azihlele, kuyilapho umuntu ejabulela zonke izinto.) Niyavumelana yini nalawa mazwi? Umehluko omkhulu kakhulu phakathi kukaNkulunkulu nesintu ukuthi uNkulunkulu ubusa phezu kwazo zonke izinto futhi wenza zonke izinto. UNkulunkulu ungumthombo wakho konke, bese isintu siyakujabulela konke, ngenkathi uNkulunkulu ezenza. Okusho ukuthi, abantu bajabulela izinto uma bemukela impilo uNkulunkulu ayinikeze kuzo zonke izinto. Isintu sijabulela umphumela wokudala kukaNkulunkulu zonke izinto njengoba uNkulunkulu eyiNkosi. Ngokubukeka kwezinto zonke yini umehluko phakathi kukaNkulunkulu nesintu? UNkulunkulu angabona ngokucacile ukukhula kwamaphethini kwazo zonke izinto, alawule, engamele amaphethini nokukhula kwazo zonke izinto. Okusho ukuthi, zonke izinto zisemehlweni kaNkulunkulu futhi angakwazi ukuzihlola. Ingabe isintu singabona zonke izinto? Lokho isintu esikubonayo kunomkhawulo.—kumane kube yilokho abakubona phambi kwamehlo abo. Uma ucaca le ntaba okubonayo yile ntaba. Angeke ubone okungale kolunye uhlangothi lwentaba. Uma uya ebhishi ubona lolu hlangothi lolwandle kodwa awazi ukuthi olunye uhlangothi lolwandle lunjani. Uma ufika kuleli hlathi uzobona izitshalo phambi kwamehlo akho nezikuzungezile kodwa angeke ubone okuphambili kakhulu. Abantu abakwazi ukubona izindawo eziphakeme, ezikude nezijulile. Abakubonayo kuphela yilokho okuphambi kwabo nalokho okufinyelela amehlo abo kukho. Noma ngabe abantu bayayazi iphethini yezinkathi ezine zonyaka namaphethini okukhula azo zonke izinto, abakwazi ukuphatha noma ukwengamela zonke izinto. Ngakolunye uhlangothi, indlela uNkulunkulu abona ngayo zonke izinto kufana nendlela uNkulunkulu azobheka ngayo umshini lowo awakhe ngokwaKhe, uzozazi kahle kakhulu zonke izingxenye. Ukuthi iyini imigomo yawo, ayini amaphethini awo futhi inhloso yawo yona iyini–uNkulunkulu uzazi kahle zonke lezi zinto ngokukhanyayo nangokucacile. Yingakho uNkulunkulu enguNkulunkulu, umuntu engumuntu! Yize umuntu engaze acwaninge ngesayensi nemithetho yazo zonke izinto, kusemkhawulweni othize nje lapho uNkulunkulu elawula zonke izinto. Kumuntu, lokho akunamkhawulo. Uma abantu becwaninga okuncane kakhulu okwenziwe nguNkulunkulu, bangachitha impilo yabo yonke becwaninga ngaphandle kokuthola noma yimiphi imiphumela yeqiniso. Yingakho usebenzisa ulwazi nalokho okufundile ukufunda ngoNkulunkulu, ngeke ukwazi ukumazi nokumqonda uNkulunkulu. Kodwa uma usebenzisa indlela yokufuna iqiniso nokufuna uNkulunkulu, bese ubheka uNkulunkulu ngendlela yokuthi ufuna ukumazi uNkulunkulu, ngolunye usuku uzovuma ukuthi izenzo nokuhlakanipha kukaNkulunkulu kusendaweni yonke, futhi uzokwazi ukuthi kungani uNkulunkulu ebizwa ngokuthi iNkosi yazo zonke izinto nomthombo wokuphila wazo zonke izinto. Uma kwanda ulwazi olunjalo, yilapho uzoqonda ukuthi kungani uNkulunkulu ebizwa ngokuthi iNkosi yazo zonke izinto. Zonke izinto kanye nayo yonke into, kuhlanganise nani, uqhubeka uthola ukunakwa uNkulunkulu. Uzokwazi futhi ukuzwa ngokucacile ukuthi kulo mhlaba futhi naphakathi kwalesi sintu, akekho omunye ngaphandle kukaNkulunkulu ongaba namandla nokufaneleka okungaka ukubusa, ukuphatha nokulondoza ubukhona bezinto zonke. Uma uzuza ukuqonda okunjalo, uzovuma ngempela ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu wakho. Uma ufika kuleli zinga, sewumamukele ngempela uNkulunkulu futhi wamvumela ukuthi abe nguNkulunkulu wakho neNkosi yakho. Uma sewunokuqonda okunjalo nempilo yakho yafika kulelo zinga, uNkulunkulu angeke esakuvivinya noma akwahlulele, noma akubekele noma yiziphi izimfuneko, ngoba uyamqonda uNkulunkulu, wazi inhliziyo yaKhe, futhi umamukele ngeqiniso enhliziyweni yakho. Lesi yisizathu esibalulekile sokukhuluma ngalezi zihloko zokubusa nokuphatha kukaNkulunkulu izinto zonke. Ukunikeza abantu ulwazi nokuqonda okuthe xaxa; hhayi nje ukukwenza nivume, kodwa ukukunikeza ulwazi nokuqonda okusebenzisekayo kwezenzo zikaNkulunkulu.

Ukudla Neziphuzo Zansuku Zonke UNkulunkulu Azilungiselela Isintu

Sikhulume ngengxenye yemvelo yonke, izimo ezidingekayo ukuze umuntu aphile uNkulunkulu azilungiselele isintu njengoba edale umhlaba. Sikhulume ngezinto ezinhlanu, kanti lezi zinto ezinhlanu ziyimvelo yonke. Okulandelayo esizokhuluma ngakho kuhlobene kakhulu nempilo yomuntu ngamunye engokwenyama. Kuyisimo esiyisidingo esiqondene nesihambisana kakhulu nempilo yomuntu enyameni. Le nto ukudla. UNkulunkulu wadala umuntu wambeka endaweni efanele ukuphila. Ngemva kwalokho, umuntu wadinga ukudla namanzi. Umuntu waba nesidingo esikhulu, ngakho-ke uNkulunkulu wenzela umuntu lawa malungiselelo. Ngakho-ke, isinyathelo ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu nento ngayinye ayenzayo ayiwona nje amazwi angasho lutho, kodwa kuyenzeka. Ingabe ukudla yinto abantu abangeke bakwazi ukuhlala ngaphandle kwayo ezimpilweni zabo zansuku zonke? Ingabe ukudla kubaluleke kakhulu kunomoya? Kubaluleke ngokulinganayo. Kokubili kuyizimo nezinto ezidingwa isintu ukuze siphile futhi zigcina ukuqhubeka kwempilo yomuntu. Ingabe umoya ubaluleke kakhulu noma amanzi abaluleke kakhulu? Ingabe izinga lokushisa nokubanda libaluleke kakhulu noma ukudla okubaluleke kakhulu? Konke kubalulekile. Abantu abakwazi ukukhetha ngoba ngeke bakwazi ukuphila ngaphandle kwakho konke. Lena inkinga ngempela, akusiyo into ongayikhetha. Awazi, kodwa uNkulunkulu uyazi. Uma ubona ukudla, uzoba nomuzwa wokuthi, “angeke ngikwazi ukuphila ngaphandle kokudla!” Kodwa uma ngabe wawubekwe lapho ngemva kokuba udaliwe, wawuyowazi ukuthi udinga ukudla? Wawungeke wazi, kodwa uNkulunkulu uyazi. Kulapho ulamba khona bese ubona ukuthi kukhona izithelo ezihlahleni nokusanhlamvu okusenhlabathini ongakudla okwenza ukuthi ubone ukuthi udinga ukudla. Lapho womile, ubona umthombo phambi kwakho, futhi kulapho uphuza amanzi lapho ubona khona ukuthi, uyawadinga. Amanzi alungiselelwa umuntu nguNkulunkulu. Uma sikhuluma ngokudla, akunandaba noma udla izidlo ezintathu ngosuku, izidlo ezimbili ngosuku, noma ngisho nangaphezulu kwalokho; kafushane nje, ukudla yinto abantu abangeke bakwazi ukuphila ngaphandle kwayo ekuphileni kwabo kwansuku zonke. Kungenye yezinto ezidingekayo ukugcina isimo somzimba womuntu esivamile. Ngakho-ke, ngokuyinhloko kuvela kuphi ukudla? Okokuqala, kuvela enhlabathini. UNkulunkulu walungisa inhlabathi eyilungisela isintu. Inhlabathi ilungele ukuphila kwezitshalo eziningi ezahlukene, hhayi izihlahla noma utshani kuphela. UNkulunkulu walungisa izimbewu zakho konke okusanhlamvu nokudla okwehlukene, wayesenika isintu inhlabathi nomhlaba ofanele ukuze abantu batshale, futhi ngalezi zinto, isintu sithola ukudla. Yiziphi izinhlobo zokudla ezikhona? Kumele kunicacele lokhu, akunjalo? Okokuqala, kunezinhlobo eziningi ezahlukene zokusanhlamvu. Kuhlanganisani okusanhlamvu? Ukolweni, unyaluthi, imbewu yezinyoni, ilayisi…, lezi eziphuma nezimpepha. Izilimo ezisanhlamvu ezidliwayo zanoma yiluphi uhlobo nazo zihlukaniswa ngezinhlobo eziningi ezahlukene. Ziningi izinhlobo zezilimo ezisanhlamvu ezidliwayo zanoma yiluphi uhlobo kusukela eningizimu kuye enyakatho, ezifana nebhali, ukolweni, i-oats, kanye nokolo wemfuyo. Izinhlobo ezahlukene zilungele ukutshalwa ezindaweni ezehlukene. Kukhona nezinhlobo ezehlukene zamalayisi. Iningizimu inezinhlobo zayo zelayisi, ezinde nezilungele abantu baseningizimu ngoba alinamatheli kakhulu. Njengoba isimo sezulu sishisa kakhudlwana eningizimu kumele badle izinhlobo ezifana nelayisi elaziwa nge-indica. Akumele linamathele kakhulu ngale kwalokho ngeke bakwazi ukulidla bese bephelelwa uthando lalo. Ilayisi elidliwa abantu abasenyakatho lona liyanamathela. Njengoba inyakatho ihlala ibanda kakhulu, kumele badle ilayisi elinamathelayo. Ngaphezu kwalokho, kunezinhlobo ezahlukene zobhontshisi. Lokhu kona kutshalwa ngaphezulu kwenhlabathi. Kukhona nalokho okutshalwa ngaphansi kwenhlabathi, okufana namazambane, ubhatata, i-taro, kanye nokunye okuningi. Amazambane akhula enyakatho. Izinga lamazambane enyakatho lihle kakhulu. Lapho abantu bengenakho okusanhlamvu, amazambane angaba yisisekelo sokudla kwabo ukuze badle kathathu ngosuku. Amazambane futhi angaba umhlinzeko wokudla. Ubhatata awumuhle njengamazambane ngokwezinga, kodwa usengasetshenziswa njengokudla okuyisisekelo ukuze bakwazi ukudla kathathu ngosuku. Lapho okusanhlamvu kungakatholakalo, abantu bangawusebenzisa ubhatata ukugcwalisa izisu zabo. I-taro, evame ukudliwa ngabantu baseningizimu, ingasetshenziswa ngokufanayo, futhi ingaba ukudla okuyisisekelo. Lokhu okusanhlamvu okuningi okwahlukene, kuyisidingo sokudla nokuphuzwa abantu kwansuku zonke. Abantu basebenzisa okusanhlamvu okuningi okwahlukene ukwenza ama-noodle, amabhanisi aphekwe ngesitimu, ilayisi, kanye nama-noodle elayisi. UNkulunkulu ubeke lezi zinhlobo eziningi ezahlukene zokusanhlamvu esintwini ngobuningi. Kungani kunezinhlobo eziningi kangaka? Izinhloso zikaNkulunkulu zingatholakala kulokhu: Kolunye uhlangothi, ukuhambisana nezinhlabathi ezingafani kanye nezimo zezulu enyakatho, eningizimu, empumalanga nasentshonalanga; kolunye uhlangothi, izingxenye eziningi ezehlukene kanye nalokhu okusanhlamvu kuhambisana nezingxenye eziningi ezahlukene kanye nomzimba womuntu. Abantu bangakwazi ukugcina izakhamzimba eziningi ezahlukene kanye nezingxenye ezidingekayo emizimbeni yabo ngokuthi badle lokhu okusanhlamvu. Yize noma ukudla kwasenyakatho nokudla kwaseningizimu kwehlukene, kunokuningi kakhulu okufanayo kunokwehlukene. Lokhu kudla konke kunganelisa izidingo ezivamile zomzimba womuntu kanti futhi kungagcina ukuphila okuvamile komzimba womuntu. Ngakho-ke, isizathu esenza ukuthi izinhlobo ezikhiqizwa ezindaweni eziningi ezahlukene zibe yinala ukuthi umzimba womuntu uyakudinga lokho okutholakala kulokho kudla. Idinga lokhu okutholakala ekudleni okuningi okwehlukene okutshalwa enhlabathini ukugcina ukuphila okuvamile komzimba womuntu nokuzuza impilo yomuntu evamile. Kafushane, uNkulunkulu wayesicabangela isintu. Ukudla okuningi okwehlukene uNkulunkulu akubekele abantu akukubi—kuphelele. Uma abantu befuna ukudla okusanhlamvu bangadla okusanhlamvu. Abanye abantu abathandi ukudla ama-noodle, bafuna ukudla ilayisi, khona-ke bangadla ilayisi. Kukhona zonke izinhlobo zelayisi—ilayisi elide, ilayisi elifushane, kanti angenelisa ukunambitha kwabantu. Ngakho-ke, uma abantu bedla lokhu okusanhlamvu—inqobo nje uma bengakhethi ukudla kwabo—angeke baswele izakhamzimba kanti futhi kunesiqiniseko sokuthi bazohlala benempilo baze babe badala. Lokho kwakuwumqondo uNkulunkulu ayenawo ekuqaleni ngenkathi enika isintu ukudla. Umzimba womuntu awukwazi ukuhlala ngaphandle kwalezi zinto—ingabe akulona iqiniso lelo? Isintu asikwazi ukuxazulula lezi zinkinga zangempela, kodwa uNkulunkulu sekulungiselele futhi wakucabangela kahle. UNkulunkulu walungiselela isintu izinto kudala.

UNkulunkulu unike isintu okungaphezulu kwalokhu—kukhona nemifino. Uma udla ilayisi, uma ilayisi kuyikhona kudla okudlayo kuphela, ungase uswele izakhamzimba. Uma uhlanganisa bese uthosa izidlo ezimbalwa ezincane noma uhlanganise isaladi elizohamba nesidlo, ngalokho amavithamini asemifinweni kanye nezinye izinhlobo eziningi ezahlukene ezitholakayo noma ezinye izakhamzimba zizokwazi ukukunika okudingwa umzimba womuntu ngendlela ejwayelekile. Uma abantu bengadli ukudla okukhulu bangadla izithelo, akunjalo? Kwesinye isikhathi, uma abantu befuna okungamanzi okuningana noma ezinye izakhamzimba noma ubumnandi obehlukile, kukhona imifino nezithelo ezizobanika lokho. Njengoba inhlabathi nezimo zezulu enyakatho, eningizimu, empumalanga nasentshonalanga kungafani, kunezinhlobo eziningi ezahlukene zemifino nezithelo. Njengoba isimo sezulu eningizimu sishisa kakhulu, izithelo eziningi nemifino yakhona yizinhlobo ezipholisayo ezikwaziyo ukulinganisa ukubanda nokushisa emizimbeni yabantu uma bekudla. Kolunye uhlangothi, zimbalwa izinhlobo ezahlukene zemifino nezithelo enyakatho, kodwa kwanele ukuthi abantu basenyakatho bakuthokozele. Kodwa-ke, ngenxa yentuthuko emphakathini kule minyaka yamanje, ngenxa yalokhu okubizwa ngokuthuthukiswa komphakathi, kanye nokuthuthukiswa kwezokuthutha kanye nokuxhumana okuxhumanisa inyakatho neningizimu nempumalanga nentshonalanga, abantu basenyakatho bayakwazi nabo ukudla izithelo nemifino ethile yaseningizimu, noma imikhiqizo yesifunda yaseningizimu, ngisho unyaka wonke. Ngaleyo ndlela, yize abantu bekwazi ukwanelisa izinkanuko zabo nokufisa kwabo izinto ezibambekayo, imizimba yabo izithola isibhekana namazinga ahlukene okulimala. Lokhu kungenxa yokuthi phakathi kokudla uNkulunkulu akulungisele isintu, kukhona ukudla, izithelo nemifino efanele abantu baseningizimu, kanye nokudla, izithelo nemifino efanele abantu basenyakatho. Lokhu ukuthi, uma wawuzalelwe eningizimu, ukudla izinto zaseningizimu ikhona okukufanele. UNkulunkulu ukulungisele lokhu kudla nezithelo nemifino ngoba eningizimu kunesimo esithile sezulu. Inyakatho inokudla okudingwa imizimba yabantu basenyakatho. Kodwa ngoba abantu banomhobholo, bagaxele ezintweni zentuthuko yomphakathi, nokubenza ngokungaqondi bangathobeli imithetho enjalo. Yize abantu benomuzwa wokuthi izimpilo zabo sezingcono, le ntuthuko yomphakathi iletha ukulimala okucashile emizimbeni yabantu abaningi. Lokhu akukhona lokhu uNkulunkulu afuna ukukubona, futhi akukhona ayekuhlosile lapho ehlinzeka isintu ngalokhu kudla, izithelo nemifino. Lokhu kwabangelwa ngokuphelele isintu sephula imithetho emiswe uNkulunkulu.

Ukwenezela, lokhu uNkulunkulu akunike isintu kunothile futhi kuyinala, indawo nendawo inezinto zayo ezikhethekile. Isibonelo, ezinye izindawo zinothile ngamasundu abomvu (aziwa ngokuthi ama-jujube), kanti ezinye zinothe ngamantongomane, amakinati, noma ezinye izinhlobo eziningi zamakinati. Lezi zinto zonke zinika izakhamzimba ezidingwa umzimba womuntu. Kodwa uNkulunkulu unika isintu izinto ngokuhambisana nenkathi yonyaka nesikhathi, kanti futhi unika ngenani elifanele ngesikhathi esifanele. Isintu sifisa okuthokozisa umzimba futhi sinomona, sikwenza kube lula ukuphambana nokulimaza imithetho yokukhula komuntu kusukela uNkulunkulu adala isintu. Njengesibonelo, ake sibheke amathunduluka, wonke umuntu okufanele awazi, angithi? Avuthwa ngoNhlangulana. Ngaphansi kwezimo ezijwayelekile, aphela ngoNcwaba. Ama-cherry aba mahle izinyanga ezimbili kuphela, kodwa ngezindlela zesayensi abantu bayakwazi ukunweba leso sikhathi sibe yizinyanga eziyi-12, kuze kube isikhathi sonyaka ozayo sama-cherry. Lokho kusho ukuthi kuba nama-cherry unyaka wonke. Ingabe lokhu kujwayelekile? (Cha.) Pho yisiphi isikhathi sonyaka esilungele ukudliwa kwama-cherry? Isikhathi esisuka kuNhlangulana siya kuNcwaba. Ngaphezu kwalo mkhawulo, noma ungawagcina emasha kangakanani, angeke anambitheke ngendlela efanayo, futhi awakona lokhu okudingwa umzimba womuntu. Uma usuku lokuphelelwa yisikhathi seludlulile, noma ngabe usebenzise maphi amakhemikhali, angeke ukwazi ukuwabuyisela endleleni aba ngay0 ngenkathi ezimilela ngokwendalo. Futhi, ukulimala okudalwa amakhemikhali kubantu yinto umuntu angeke akwazi ukuyiqeda noma ukuyiguqula. Ngakho, imakethe yamanje yini eyilethayo kubantu? Izimpilo zabantu zibukeka zingcono, izithuthi zokuya noma kuphi sezitholakala kalula, nabantu bangadla zonke izinhlobo zezithelo noma kungasiphi isikhathi sonyaka kuzo zozine izinkathi zonyaka onyakeni. Abantu basenyakatho bajwayele ukudla ubhanana nanoma yikuphi okunye ukudla, okukhethekile kwasendaweni noma izithelo zaseningizimu. Kodwa lokhu akuyona impilo uNkulunkulu afuna ukuyinika isintu. Lolu hlobo lwemakethe luletha imihlomulo ethile ezimpilweni zabantu kodwa futhi lungaletha umonakalo othile. Ngenxa yobuningi emekethe, abantu abaningi badla noma yini, badla ngaphandle kokucabanga. Lokhu kwephula imithetho yemvelo futhi kuyayilimaza impilo yabo. Ngakho umnotho wemakethe awukwazi ukulethela abantu injabulo yangempela. Ziboneleni. Ingabe amagilebhisi awadayiswa zonke izikhathi ezine zonyaka emakethe? Empeleni, amagilebhisi aba mahle isikhathi esifushane kakhulu emva kokukhiwa. Uma uwagcina kuze kube uNhlangulana olandelayo, asengabizwa ngamagilebhisi? Ungawabiza ngodoti? Akukhona ukuthi awasenazo izakhi zamagilebhisi kuphela, kodwa asenamakhemikhali amaningi kuwo. Ngemva konyaka, akukhona ukuthi awasemahle kuphela, kodwa izakhamzimba zawo nazo azisekho. Uma abantu bedla amagilebhisi, bazizwa: “Bayajabula! Ingabe wawungakwazi ukudla amagilebhisi ngalesi sikhathi eminyakeni engama-30 eyedlule? Ubungeke uwadle noma ngabe ubufuna. Yeka ukuthi yinhle kanjani impilo manje!” Ingabe lokhu kuyinjabulo ngempela? Uma unentshisekelo ungayokwenza ucwaningo ngamagilebhisi agcinwe ngamakhemikhali ubone ukuthi akhiwe kanjani ubheke nokuthi lezi zakhi zinosizo yini kubantu. ENkathini yoMthetho ngenkathi abakwa-Israyeli besendleleni ngemva kokuphuma eGibhithe, uNkulunkulu wabanika izigwaca nemana. Ingabe uNkulunkulu wabavumela ukuba bazigcine? Abanye abantu babecabanga kafushane futhi, besaba ukuthi angeke babe nakho okwanele kosuku olulandelayo, base bezibekela okunye eceleni, hleze bakudinge kamuva. Kwabe sekwenzekani? Ngosuku olulandelayo kwase kubolile. UNkulunkulu akabavumelanga bashiye okunye abazogada ngakho ngoba uNkulunkulu wayebalungiselele, okwakuqinisekisiwe ukuthi angeke balambe. Isintu asinakho lokho kwethemba, futhi abanalo ukholo lwangempela kuNkulunkulu. Bahlala beshiya okuncane eceleni benzela isikhathi esizayo futhi asikwazi ukubona konke ukunakekela nokucabangela kukaNkulunkulu elungiselela isintu. Bahlale bengakwazi ukukuzwa, bahlale bengamethembi uNkulunkulu, bahlale becabanga: “Ngeke bathembele ekwenzeni kukaNkulunkulu! Ubani owaziyo ukuthi uNkulunkulu uzosinika isintu noma uzosinika nini! Uma ngilambe kakhulu bese uNkulunkulu enganginiki, ngeke ngibulawe yindlala? Ngeke ngiswele izakhamzimba?” Uyabona ukuthi luncane kanjani ukholo lomuntu!

Okusanhlamvu, izithelo nemifino, kanye nazo zonke izinhlobo zamantongomane konke kungukudla kwabantu abadla imifino kuphela. Yize kungukudla kwabadla imifino kuphela, kunezakhamzimba ezanele ukwanelisa izidingo zomzimba womuntu. Kodwa-ke, uNkulunkulu akazange athi: “Ukunikeza isintu lokhu kwanele. Isintu singazidla lezi zinto.” UNkulunkulu akagcinanga lapho kodwa kunalokho walungiselela izinto ezinambitheka kamnandi kakhulu esintwini. Yiziphi lezi zinto? Izinhlobo eziningi ezahlukene zenyama nezinhlanzi iningi lenu elizibonayo futhi lizidle. Kukhona izinhlobo eziningi zenyama nezinhlanzi uNkulunkulu azilungiselele umuntu. Izinhlanzi zonke eziphila emanzini; isimo senyama yazo sehlukile kunenyama ekhula emhlabeni kanti futhi inganikeza isintu izakhamzimba ezihlukene. Izakhi zenhlanzi ziyakwazi nokuguqula ukubanda nokushisa emizimbeni yabantu, ngakho-ke inosizo kakhulu esintwini. Kodwa okunambitheka kamnandi akumele kudliwe kakhulu. Kusasebenza isisho esifanayo: UNkulunkulu ubeka phezu kwesintu inani elifanele ngesikhathi esifanele, ukuze abantu bezokwazi ukuzithokozela kahle lezi zinto ngenkathi efanele nangesikhathi sazo. Inyama yenkukhu neyezinyoni ezifuywayo ihlanganisani? Inkukhu, izigwaca, ijuba, njll. Abantu abaningi badla nedada nehansi. Nakuba uNkulunkulu alungisa lezi zinhlobo zenyama, wabeka izimfuno ezithile kubantu Bakhe abakhethiweyo futhi wabeka imikhawulo eqondile eNkathini Yomthetho. Manje lolu hlobo seluncike kumuntu ngamunye ngokunambitha kwakhe nangokuqonda kwakhe. Lezi zinhlobo eziningi ezihlukene zenyama zinikeza umzimba womuntu izakhamzimba ezehlukene, ezibuyisa amaphrotheni kanye nokusansimbi, kondle igazi, kuqinise imisipha namathambo, kunikeze namandla amaningi. Kungakhathaliseki ukuthi basebenzisa ziphi izindlela zokupheka nokuzidla lezi zinto, kafushane, lezi zinto ngakolunye uhlangothi zisiza abantu benze ngcono ubumnandi kanye nothando lokuzidla, kuthi kolunye uhlangothi kusuthise izisu zabo. Into ebaluleke kakhulu ukuthi zinikeza umzimba womuntu izakhamzimba ozidinga nsuku zonke. Lena yimicabango uNkulunkulu ayenayo ngenkathi elungiselela isintu ukudla. Kukhona ukudla kwabantu abadla imifino kuphela kanjalo nokwabantu abadla inyama—ingabe lokho akukona ukuceba nenala? Kodwa abantu kumele baqonde izinhloso zokuqala zikaNkulunkulu ngenkathi elungiselela isintu zonke izinhlobo zokudla. Ingabe wayenzela ukuthi isintu sithokozele lokhu kudla ngobugovu? Kwenzekani lapho umuntu ebambeke ekuzameni ukwenelisa lezi zinkanulo eziphathekayo? Ngeke azondle ngokweqile? Ngabe ukudla okweqile emzimbeni akuhluphi umzimba ngezindlela eziningi? (Yebo.) Yingakho uNkulunkulu ebeka inani elifanele ngesikhathi esifanele bese abantu bethokozela ukudla okuhlukile ngokwesikhathi nezinkathi ezehlukile. Ngokwesibonelo, ngemva kokuphila ngenkathi yasehlobo eshisa kakhulu, abantu bazobamba ukushisa okuthile, ukoma okudala izifo kanye nokuswakama emizimbeni. Uma ikwindla lifika, kuzovuthwa izinhlobo eziningi zezithelo, bese kuthi uma abantu bedla izithelo ezithile ukuswakama kwabo kuzosuka. Ngesikhathi esifanayo, izinkomo nezimvu zizobe sezikhule kakhulu, ngakho-ke abantu kumele badle inyama ukuze bondleke. Ngemva kokudla izinhlobo eziningi zenyama, imizimba yabantu izoba namandla ifudumale ikwazi ukumelana nokubanda kwasebusika, ngalokho bazokwazi ukuthi badlule ngokuthula esikhathini sasebusika. Ukuthi yisiphi isikhathi sokulungiselela isintu izinto, ukuthi isiphi isikhathi sokuthi kukhule ini, kuthele izithelo kuvuthwe—konke lokhu kulawulwa futhi kuphothulwe uNkulunkulu ngokulinganisa okukhulu. Lesi yisihloko esimayelana nokuthi “uNkulunnkulu wakulungisa kanjani ukudla enzela ukuphila kwansuku zonke komuntu.” Ngaphandle kwazo zonke izinhlobo zokudla, uNkulunkulu waphinda wenzela isintu imithombo yamanzi. Abantu kumele baphuze amanzi uma beqeda ukudla. Ingabe ukudla isithelo kwanele? Abantu ngeke bakwazi ukudla izithelo kuphela, ngale kwalokho, ngezinye izinkathi zonyaka azikho izithelo. Pho inkinga yesintu yamanzi ingasombululeka kanjani? Ngokuthi uNkulunkulu alungiselele imithombo eminingi yamanzi phezu komhlaba nangaphansi komhlaba, okubandakanya amachibi, imifula, kanye neziphethu. Le mithombo yamanzi kungaphuzwa kuyo uma amanzi akhona enganukubezekile, noma engasetshenzisiwe ngabantu noma engonakalisiwe. Lokho kusho ukuthi, mayelana nemithombo yokudla kwezimpilo zemizimba yabantu, uNkulunkulu wenze amalungiselelo aqonde ngqo, nafanele, ukuze izimpilo zabantu zicebe futhi zibe nenala zingasweli lutho. Lokhu yinto abantu abayizwayo nabayibonayo.

Phezu kwalokho, kuzo zonke izinto, uNkulunkulu wadala ezinye izitshalo, izilwane, nalo lonke uhlobo lwamakhambi aqondiswe ekwelapheni ukulimala noma ukwelapha izifo emzimbeni womuntu. Wenzani, ngokwesibonelo, uma usha noma ushiswa amanzi abilayo? Ingabe ungakuwasha ngamanzi? Ingabe ungamane uthathe isiqephu sendwangu noma kuphi usithandele khona? Kungase kugcwale ubomvu noma ungenwe amagciwane ngaleyo ndlela. Ngokwesibonelo, uma ungenwa umkhuhlane, ungenwa amakhaza, ulimala ngesikhathi wenza umsebenzi, uma ugula uphethwe isisu ngoba hleze udle into engalungile, noma ube nezifo ezithile ngenxa yomkhuba wokuphila noma unezinkinga emoyeni, ezifana nezifo zemithambo, izimo eziphathelene nengqondo noma izifo zezitho zomzimba ezingaphakathi—kukhona izitshalo zokwelapha lezi zinto. Kukhona izitshalo ezithuthukisa ukuhamba kwegazi ukuze kusuke ukuma kwegazi, kusuke izinhlungu, zimise ukopha, zinike izinzwa, zisize abantu babe nesikhumba esijwayelekile, zisuse ukuma kwegazi emzimbeni, nezisusa ukungcola emzimbeni. Kafushane, zonke zingasetshenziswa nsuku zonke. Ziwusizo kubantu kanti zilungiswe nguNkulunkulu uma kwenzeka umzimba womuntu uzidinga. Ezinye zazo zavunyelwa nguNkulunkulu ukuthi zitholwe umuntu engaqondile, kanti ezinye zatholwa ngabantu uNkulunkulu abakhethela ukuthi bazithole noma ngenxa yezimo ezikhethekile azihlela. Ngemva kokuzithola, isintu sazidlulisela kwabanye, futhi abantu abaningi bazi ngazo. Ngale ndlela, ukudala kukaNkulunkulu lezi zitshalo kubalulekile futhi kunenjongo ethile. Kafushane, zonke lezi zinto zivela kuNkulunkulu futhi zalungiselelwa futhi zatshalwa ngenkathi edala indawo yokuhlala isintu. Zonke lezi zinto zinesidingo esikhulu. Ngabe izidingo zikaNkulunkulu zazicatshangwe kangcono kunezesintu? Uma ubona konke lokhu uNkulunkulu akwenzile, ingabe uyakwazi ukuzwa uhlangothi lukaNkulunkulu olubonakalayo? UNkulunkulu wasebenza emfihlakalweni. Abantu bengakafiki kulo mhlaba, ngaphambi kokuthi ahlangane nesintu, uNkulunkulu wayesevele ekudalile konke lokhu. Yonke into ayenza wayenzela isintu, enzela ukuphila kwabo, nokucabangela ubukhona besintu, ukuze isintu siphile ngenjabulo kulo mhlaba ocebile nonenala uNkulunkulu awulungiselele bona, bangakhathazeki ngokudla noma ngezingubo zokugqoka, bangasweli lutho. Isintu siyaqhubeka nokwanda kanye nokuphila endaweni efana nale.

Ingabe ikhona into uNkulunkulu ayenzayo, noma ngabe inkulu noma ngabe incane, engabalulekile noma engenanjongo? Yonke into ayenzayo ibalulekile futhi inenjongo. Ake sixoxe ngalokhu ngombuzo abantu abahlala bekhuluma ngawo. Abantu abaningi bahlale bebuza: Yini eyafika kuqala, inkukhu noma iqanda? (Inkukhu.) Inkukhu yafika kuqala, akungatshazwa lokho! Kungani inkukhu yafika kuqala? Kungani kungafikanga iqanda kuqala? Ingabe inkukhu ayichanyiselwa eqandeni? Ngemva kwezinsuku ezingamashumi amabili nanye, inkukhu iyachamusela. Leyo nkukhu bese ibekelela amaqanda, futhi inkukhu iphinde iphume emaqandeni. Ngakho-ke inkukhu noma iqanda eyafika kuqala? Niphendule nathi “inkukhu” ngokukhulu ukuqiniseka. Kungani? (IBhayibheli lithi uNkulunkulu wadala izinyoni nezilwane.) Lokho kusekelwe eBhayibhelini. Ngifuna nikhulume ngolwenu ulwazi ukuze ngibone ukuthi ninalo ulwazi lwezenzo zikaNkulunkulu. Ingabe niqinisekile ngezimpendulo zenu noma cha? (UNkulunkulu wadala inkukhu, wase eyenza ukuthi ikwazi ukukhiqiza impilo—ikhono lokufukamela amaqanda.) Lokhu kuhumusha kucishe kube yikho. Inkukhu yafika kuqala, kwase kulandela iqanda. Lokhu kuyiqiniso. Akuyona imfihlakalo ejulile, kodwa abantu basemhlabeni bakubona kujulile bese besebenzisa ukucabanga kwabo. Ekugcineni, ababi naso isiphetho. Lokhu kufana nje nalapho abantu bengazi ukuthi uNkulunkulu wabadala. Abasazi lesi simiso esibalulekile, futhi abacacelwa ukuthi yiqanda noma yinkukhu efika kuqala. Abazi ukuthi yini okumele ifike kuqala, ngakho-ke bahlale bengakwazi ukuthola impendulo. Ngokuvamile inkukhu ifika kuqala. Uma iqanda lingafika kuqala kunenkukhu lokho ngabe kungavamile! Inkukhu impela eyafika kuqala. Lena yinto elula kabi. Ayidingi nokuthi kuze kube ukuthi nazi kakhulu. UNkulunkulu wadala konke lokhu. Inhloso yaKhe yokuqala kwakungukuthi abantu bakuthokozele. Uma sekukhona inkukhu iqanda lifika ngokwendalo. Akusona isixazululo esilula leso? Ukube iqanda lalidalwe kuqala, belingeke lidinge ukuthi inkukhu ilifukamele? Ukudala inkukhu ngokuqondile kuyisixazululo esilula kakhulu. Ngale ndlela, inkukhu yakwazi ukuzalela amaqanda bese ifukamela amachwane aphakathi, futhi abantu bangayidla inkukhu. Kuyasiza lokho! Ngale ndlela, inkukhu ingazalela amaqanda bese ifukamela amachwane ngaphakathi, futhi abantu bathole inkukhu yokuba badle. Kuwusizo kakhulu! Indlela uNkulunkulu enza ngayo izinto iqonde ngqo futhi ayinzima neze. Iqanda liphumaphi? Liphuma enkukhwini. Akukho qanda ngaphandle kwenkukhu. UNkulunkulu wadala into ephilayo! Isintu asinangqondo futhi siyiziphukuphuku, njalo babambeka ezintweni ezilula, ekugcineni begcina bezenzela ezabo izinkolelo ezingenangqondo. Ubungane! Ubudlelwane phakathi kweqanda nenkukhu bucacile: Inkukhu yafika kuqala. Yileyo ncazelo eyiqiniso, iyona ndlela eyiqiniso yokuyiqonda, futhi iyona mpendulo eyiqiniso. Lokhu kuyiqiniso.

Sikhulume ngani kulesi sikhashana esedlule? Ekuqaleni, sikhulume ngendawo yokuhlala isintu nokuthi yini uNkulunkuu ayenza, akulungisa, nabhekana nakho kule ndawo, kanjalo nobudlelwano phakathi kwazo zonke izinto uNkulunkulu azilungiselele isintu nokuthi uNkulunkulu ubusingathe kanjani lobu budlelwano ukuze avimbele zonke izinto ukuthi zingalimazi isintu. UNkulunkulu uphinde wasombulula imithelela engemihle esimweni sesintu elethwe yizo zonke izinto, wavumela zonke izinto ukuthi zikhulise ukusebenza kwazo, futhi watholela isintu indawo efanele ukuhlala, nazo zonke izinto eziwusizo, okwenza isintu sikwazi ukumelana nendawo enjalo siphinde siqhubeke sizalane siqhubeke nempilo njengenjwayelo. Okulandelayo kwaba ukudla okudingwa imizimba yabantu—ukudla kwansuku zonke nokokuphuza. Lokhu nakho yisimo esidingekayo ukuze isintu siphile. Okungukuthi, umzimba womuntu angeke uphile ngokuphefumula nje kuphela, ngokukhanya kwelanga noma umoya kuphela, noma ngamazinga okushisa nokubanda afanele kuphela. Badinga ukuthi badle basuthe. Lezi zinto zokugcwalisa izisu zabo nazo zilungiselelwe uNkulunkulu ezilungiselela isintu—lona ngumthombo wokudla kwesintu. Ngemva kokubona le mikhiqizo enothile neyinala—imithombo yokudla nokokuphuza kwesintu—ingabe ungasho ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wokudla kwesintu kanye nazo zonke izinto? Ukube uNkulunkulu wayedale izihlahla notshani noma kwamane kwaba yizinto eziphilayo ezahlukene ngenkathi edala zonke izinto, uma lezo zinto nezitshalo ezahlukahlukene eziphilayo zonke zazenzelwe izinkomo nezimvu, noma amadube, izinyamazane kanye nezinye izinhlobo zezilwane, ngokwesibonelo, amabhubesi adle izinto ezifana namadube nezinyamazane, izingwe zidle izinto ezifana nezimvu nezingulube—kodwa kungekho nokukodwa okulungele ukuthi kudliwe abantu, kwakuyosebenza lokho? Kwakungeke. Isintu besingeke sikwazi ukuqhubeka siphile. Bekuyokwenzekani uma abantu bebedla amacembe ezihlahla kuphela? Bekungasebenza lokho? Ngabe abantu bebengakwazi ukudla utshani obulungiselwe izimvu? Kungalunga uma bengakuzama kancane, kodwa uma beqhubeka ukukudla isikhathi eside, izisu zabantu bezingeke zikumele futhi ngeke bakwazi ukumelana nakho isikhathi eside. Futhi kukhona nezinye izinto ezingadliwa yizilwane, kodwa uma abantu bezidla bangangenwa ubuthi. Kukhona izinto ezinobuthi ezingadliwa yizilwane kodwa zona zingalimali, kodwa abantu bona ngeke bakwenze lokho okufanayo. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu wadala abantu, ngakho-ke uNkulunkulu uyazi kangcono imigomo nesakhiwo somzimba womuntu nokuthi abantu badingani. UNkulunkulu uzazi kahle izakhi zomzimba nokuqukethwe yiwo, okudingayo, nokuthi izitho zangaphakathi zomzimba womuntu zisebenza, zibamba, zibulala, futhi zigaya kanjani. Abantu abacacelwa yilokhu yingakho kwesinye isikhathi bedla baphinde bafake izithasiselo zokudla ngokunganaki. Bafaka izithasiselo zokudla kakhulu bagcine sebebangela ukungalingani emzimbeni. Uma udla futhi uthokozela lezi zinto uNkulunkulu akulungiselele zona ngokujwayelekile, angeke kube khona okungahambi kahle ngani. Yize noma kwesinye isikhathi uzizwa ungekho esimweni esikahle futhi unegazi elimile, akunandaba. Kumele nje udle uhlobo oluthile lwesitshalo bese ukuma kwegazi kuphela. UNkulunkulu uzilungisile zonke lezi zinto. Ngakho, emehlweni kaNkulunkulu, isintu singaphezulu kwazo zonke izinto eziphilayo. UNkulunkulu walungisa izindawo zokuphila zazo zonke izitshalo eziphilayo walungisa nokudla nezindawo zokuphila zazo zonke izilwane, kodwa izidingo zesintu kuphela ezinzima futhi ezingamelani nokunganakekelwa. Ngale kwalokho, isintu angeke sikwazi ukuqhubeka sizalane futhi siphile ngokujwayelekile. UNkulunkulu ukwazi kahle lokhu enhliziyweni yaKhe. Ngenkathi uNkulunkulu enza le nto, wabeka kuyo ukubaluleka okungaphezulu kwakho konke okunye. Hleze awukwazi ukuzwa ukubaluleka kwezinye izinto ezingabalulekile ozibonayo nozithokozelayo noma into oyizwa sengathi uzalwe nayo futhi ongayithokozela, kodwa ngasese, noma mhlawumbe kudala, uNkulunkulu wakulungiselela yona ngokuhlakanipha Kwakhe. UNkulunkulu futhi uphinde wasombulula ngeqophelo eliphezulu elingenzeka konke okungaba nomthelela omubi okungahambelani nesintu nokungalimaza umzimba womuntu. Kucacisani lokhu? Akucacisa yini isimo sikaNkulunkulu esintwini ngenkathi esidala ngalesi sikhathi? Kwakuyisiphi leso simo? Isimo sikaNkulunkulu sasinzima futhi silukhuni, futhi akazange abekezelele ukugxambukela kwanoma yini noma kwanoma yiziphi izimo noma amandla esitha ngaphandle kukaNkulunkulu. Kulokhu, uyasibona isimo sikaNkulunkulu ngenkathi edala isintu nasekuphatheni isintu ngalesi sikhathi. Siyini isimo sikaNkulunkulu? Ngendawo yokuphila isintu esiyithokozelayo kanjalo nokudla nokokuphuza kwansuku zonke nezidingo zansuku zonke, siyasibona isimo somqondo sikaNkulunkulu sokuba nesibopho esintwini alokhu aba naso selokhu asidala, nokuzimisela kukaNkulunkulu ukusindisa isintu kulesi sikhathi. Ingabe siyabubona ubuqiniso bukaNkulunkulu kulezi zinto? Ingabe siyakubona ukumangalisa kukaNkulunkulu? Ingabe siyakubona ukungaqondakali kukaNkulunkulu? Ingabe siyabubona ubukhulu bukaNkulunkulu? UNkulunkulu kalula usebenzisa amandla aKhe aphakeme nezindlela zaKhe ezikhaliphile ukwenzela isintu konke, kanye nokwenza zonke izinto. Sisakhuluma ngalokho, ngemva kokuthi sengisho okuningi kangaka, ingabe niyakwazi ukuthi nithi uNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto? (Yebo.) Lokhu kuyiqiniso. Ninakho ukungabaza? (Cha.) Ukwenza kukaNkulunkulu zonke izinto kwanele ukukhombisa ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto, ngoba ungumthombo owenza zonke izinto nowenza zonke izinto zibe khona, ziphile, zizalane, ziqhubeke, futhi awukho omunye umthombo ngaphandle kukaNkulunkulu uqobo Lwakhe. UNkulunkulu uhlinzeka zonke izidingo zazo zonke izinto kanye nazo zonke izidingo zesintu, kungakhathaleki noma yisimo sabantu sokuphila esincane kanjani, lokhu abantu abakudinga nsuku zonke, noma ukunikeza iqiniso emimoyeni yabantu. Kuzo zonke izinhlangothi, uma kuza ekubonakaleni kwaKhe kanye nesimo saKhe esintwini, uNkulunkulu uqobo lwaKhe kuphela ongumthombo wempilo yazo zonke izinto. Lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu unguMbusi, uMphathi omkhulu, noMhlinzeki walo mhlaba, lo mhlaba abantu abawubonayo futhi abawuzwayo. Esintwini, ingabe lokhu akwembuli ukuthi uNkulunkulu ungubani? Lokhu kuyiqiniso. Ngakho-ke, uma ubona izinyoni zindiza esibhakabhakeni, kumele wazi ukuthi uNkulunkulu wadala izinto ezikwazi ukundiza. Kodwa kukhona izinto eziphilayo ezibhukuda emanzini, nazo ziphila ngezindlela ezahlukene. Izihlahla nezitshalo ezihlala enhlabathini ziyaqhuma entwasahlobo zithele izithelo ziwise amacembe ekwindla, ebusika wonke amacembe asuke esewile bese zidlula enkathini yobusika. Iyona ndlela yazo yokuphila leyo. UNkulunkulu wadala zonke izinto, zonke ngayinye ziphila ngezindlela ezihlukene nangezindlela ezehlukene futhi zisebenzisa izindlela ezehlukene ukuveza amandla azo nokwakheka kwempilo. Noma ngabe iyiphi indlela, konke kungaphansi komthetho kaNkulunkulu. Iyini inhloso kaNkulunkulu yokubusa phezu kwazo zonke izinhlobo zezinto eziphilayo? Ingabe kungenxa yokuphila kwesintu? Ulawula yonke imithetho yempilo ngenxa yokuphila kwesintu. Lokhu kukhombisa ukuthi kubaluleke kanjani ukuphila kwesintu kuNkulunkulu.

Ukuthi isintu sikwazi ukuphila sizalane sande ngendlela ejwayelekile kuyinto esemqoka kakhulu kuNkulunkulu. Ngakho-ke, uNkulunkulu uhlala elungiselela isintu nazo zonke izinto. Wenza zonke izinto ngezindlela ezehlukene, nangaphansi kwezimo zokugcina ukuphila kwazo zonke izinto, wenza isintu sikwazi ukuqhubekela phambili ngokugcina ukuba khona kwabantu okujwayelekile. Lezi yizinto ezimbili esikhuluma ngazo namuhla. Yiziphi lezi zinto ezimbili? (Uma sibheka ohlangothini olukhulu, uNkulunkulu wadala indawo yokuphila isintu. Into yokuqala leyo. Futhi, uNkulunkulu walungisa lezi zinto ezidingwa isintu esingakwazi ukuzibona nokuzithinta.) Sikhulume ngesihloko sethu esikhulu ngalezi zinto zombili. Yisiphi isihloko sethu esikhulu? (UNkulunkulu Ungumthombo Wempilo Yazo Zonke Izinto.) Manje kumele ukuthi usunakho ukuqonda okuthile kokuthi kungani ngikhulume ngalokhu okuqukethwe ngaphansi kwalesi sihloko. Ingabe zike zaba khona izingxoxo ezingahambisani nesihloko esikhulu? Azikho, angithi? Hleze ngemva kokuzwa lezi zinto, abanye benu bangathola ukuqonda okuthile bezwe nokuthi lawa mazwi abaluleke kakhulu, kodwa abanye bangaba nokuqonda okuqondile bezwe sengathi lawa mazwi awasho lutho. Noma ngabe nikuqonda kanjani lokhu manje, ekuhambeni nasekwazini kwenu kuzofika usuku lapho ukuqonda kwenu kuzofinyelela endaweni ethile, okungukuthi, uma ulwazi lwezenzo zikaNkulunkulu, noNkulunkulu uqobo lwaKhe efinyelela endaweni ethile, nizosebenzisa amazwi enu asebenzayo ukudlulisa ubufakazi obujulile nobuyiqiniso bezenzo zikaNkulunkulu.

Ngicabanga ukuthi ukuqonda kwenu manje kuselula kakhulu futhi kuqondile, kodwa okungenani niyakwazi ukuthi, ngemva kokungilalela ngikhuluma ngalezi zinto ezimbili, nibone ukuthi yiziphi izindlela uNkulunkulu azisebenzisayo ukwenzela isintu noma yiziphi izinto uNkulunkulu azenzela isintu? Ingabe niyawuthola umqondo oyisisekelo kanye nokuqonda okuyisisekelo? (Yebo.) Kodwa ingabe lezi zinto ezimbili engikhulume ngazo zihlobene neBhayibheli? Ingabe zihlobene nokujezisa nokwahlulela eNkathini yoMbuso? (Cha.) Pho kungani ngikhulume ngalezi zinto ezimbili? Ingabe yingoba abantu kumele baziqonde ukuze bazi uNkulunkulu? (Yebo.) Kunesidingo esikhulu sokuthi nizazi lezi zinto futhi kunesidingo esikhulu sokuthi niziqonde lezi zinto. Ningavinjwa yiBhayibheli kuphela, futhi ningavinjwa ukujezisa nokwahlulela kukaNkulunkulu umuntu ukuqonda zonke izinto ngoNkulunkulu. Iyini inhloso yokusho Kwami lokhu? Kungukwazisa abantu ukuthi uNkulunkulu akayena nje uNkulunkulu wabantu Bakhe abakhethiweyo. Njengamanje ulandela uNkulunkulu, futhi unguNkulunkulu wakho, kodwa labo abangaphandle kwabantu abalandela uNkulunkulu, ingabe uNkulunkulu unguNkulunkulu wabo? Ingabe uNkulunkulu unguNkulunkulu wabo bonke abantu ngaphandle kwalabo abamlandelayo? Ingabe uNkulunkulu unguNkulunkulu wazo zonke izinto? (Yebo.) Pho ingabe uNkulunkulu wenza umsebenzi waKhe kanye nezenzo zaKhe kulabo abamlandelayo kuphela? (Cha.) Uyini umklamo womsebenzi nezenzo Zakhe? Ezingeni elincane, umsebenzi nezenzo Zakhe owesintu sonke nazo zonke izinto zendalo. Ezingeni eliphezulu kakhulu, ufaka umhlaba wonke jikelele, abantu abangakwazi ukukubona. Ngakho-ke singathi uNkulunkulu wenza umsebenzi waKhe nezenzo zaKhe kuso sonke isintu. Lokhu kwanele ukwazisa abantu ngoNkulunkulu uqobo lwaKhe. Uma ufuna ukwazi uNkulunkulu ngempela futhi ufuna ukumazi nokumqonda, ngakho-ke ungapheleli ezigabeni ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu, futhi ungapheleli ezindabeni zomsebenzi kaNkulunkulu ake wawenza. Uma uzama ukumazi ngaleyo ndlela, ngalokho uNkulunkulu umbekela umkhawulo. Ubona uNkulunkulu njengento encane kakhulu. Ukwenza kanjalo kungabathinta kanjani abantu? Angeke ukwazi ukumangalisa nobukhulu bukaNkulunkulu, futhi ngeke uwazi amandla nobukhulu kanye nalapho kusebenza khona igunya laKhe. Ukuqonda okufana nalokhu, kuzoba nomthelela ekwazini kwakho ukwamukela iqiniso lokuthi uNkulunkulu unguMbusi wazo zonke izinto, kanjalo nolwazi lukaNkulunkulu uqobo nesimo saKhe. Ngamanye amazwi, uma ukuqonda kwakho uNkulunkulu kunomkhawulo, lokho ozokwamukela nakho kuzoba nomkhawulo. Yingakho kumele unwebe umkhawulo wakho. Noma ngabe umsebenzi kaNkulunkulu, ukuphatha kukaNkulunkulu, nomthetho kaNkulunkulu, noma zonke izinto zinomthetho futhi ziphathwa uNkulunkulu, kumele ukwazi konke futhi wazi nezenzo zikaNkulunkulu kukho. Ngale ndlela yokuqonda, uzozwa ngaphakathi ukuthi uNkulunkulu ulawula, uphethe futhi wenza zonke izinto. Khona lapho, uzozwa ngempela ukuthi uyingxenye yazo zonke izinto futhi uyilungu lazo zonke izinto. Njengoba uNkulunkulu enza zonke izinto, nawe wamukela umthetho kaNkulunkulu nokwenza kwaKhe. Leli yiqiniso elingephikiswe muntu. Zonke izinto zingaphansi kwemithetho yazo, engaphansi komthetho kaNkulunkulu, futhi zonke izinto zinomthetho wazo wokuphila, ongaphansi komthetho kaNkulunkulu, kanti ikusasa lesintu nalokhu esikudingayo kusondelene kakhulu nomthetho kaNkulunkulu nokwenza kwaKhe. Yingakho, ngaphansi komthetho nokubusa kukaNkulunkulu, isintu nazo zonke izinto kuhlangene, okunye kuncike kokunye, futhi kudidiyelwe ndawonye. Lena yinhloso nokubaluleka kukaNkulunkulu kokudala zonke izinto.

Nhlolanja 2, 2014

Okwedlule: UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VII

Okulandelayo: UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp