UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX

UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Wazo Zonke Izinto (III)

Kulesi sikhathi, sikhulume ngezinto eziningi ezithinta ukumazi uNkulunkulu kanti kungekudala nje sikhulume ngento ebalulekile kulokhu. Sithini isihloko? (UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto.) Kubonakala sengathi izinto nesihloko engikhulume ngaso kugqamele wonke umuntu. Ngokudlule sikhulume ngemigomo embalwa yenhlalo nokuphila eyadalwa nguNkulunkulu eyidalela umuntu, nokuthi uNkulunkulu walungisa zonke izinhlobo zezinto eziyisidingo kubantu ezimpilweni zabo. Empeleni, okwenziwa nguNkulunkulu ukuthi akalungisi kuphela inhlalo ukuze abantu baphile noma alungise ukugcineka kwabo kwansuku zonke, kodwa kungukuphelelisa zonke izinhlobo zemigomo yezimangaliso ezinkulu kanye nomsebenzi oyisidingo ukuba bonke abantu baphile kahle impilo yabo yonke. Lezi yizo zonke izenzo zikaNkulunkulu. Lezi zenzo zikaNkulunkulu azipheleli kuphela ekulungiseni indawo ukuba abantu baphile bagcineke nsuku zonke—kodwa banemikhawulo emikhulu ngaphezu kwalokho. Ngaphandle kwalezi zinhlobo ezimbili zemisebenzi, uphinde alungise izindawo eziningi nezimo zokuphila ezidingeka empilweni yomuntu. Lesi ngesinye isihloko esizoxoxa ngaso namuhla. Naso sihlobene futhi nezenzo zikaNkulunkulu; kungenjalo, ukukhuluma ngaso lapha ngeke kusho lutho. Uma abantu befuna ukwazi uNkulunkulu kodwa benolwazi olungajulile ngokuqonda “uNkulunkulu,” lelo gama, noma imigomo yonke yalokho uNkulunkulu anakho nayikho, akukhona ukumazi okuliqiniso. Ngakho-ke iyini indlela yokumazi uNkulunkulu? Kungukumazi Yena, ukwazi yonke imigomo Yakhe ngokwezenzo Zakhe. Ngakho-ke, kumele kulandele ukuthi sihlanganyele ngezenzo zikaNkulunkulu zangenkathi edala zonke izinto.

Kulokhu kwasukela uNkulunkulu azidala, ngokwemithetho ayeyilandela, zonke izinto bezisebenza futhi ziqhubeka nokuthuthuka. Ngaphansi kweso Lakhe, ngaphansi komthetho Wakhe, zonke izinto bezilokhu ziqhubeka nokuthuthuka zihambisana nokuphila komuntu. Akukho neyodwa into ekwazi ukuguqula le mithetho, akukho neyodwa futhi into engabulala le mithetho. Kungenxa yomthetho kaNkulunkulu othi zonke izinto kuyakwazi ukwanda, futhi ngenxa yomthetho Wakhe nokulawula Kwakhe okuthi zonke izinto kuzokwazi ukuqhubeka nokuphila. Lokhu kusho ukuthi ngaphansi komthetho kaNkulunkulu, zonke izinto kuba khona, kuyakhula, kuyanyamalala, kuphinde kuvuselelwe ngendlela ehlelekile. Uma kufika intwasahlobo, imvula ewumkhemezelo iletha lowo moya wentwasahlobo omanzisa umhlaba. Inhlabathi iyaqala incibilike, futhi utshani bukhuphuke busuka ngaphansi kwenhlabathi bese buqala ukuqhuma, ngenkathi izihlahla ziphenduka kancane kancane zibe luhlaza. Zonke lezi zinto eziphilayo ziveza ubungqabavu emhlabeni. Lokhu ukubonakala kwazo zonke izinto eziphilayo ziba khona futhi zikhula. Zonke izinhlobo zezilwane nazo ziyaphuma emigodini yazo zizwe imfudumalo yentwasahlobo kanye nokuqala konyaka omusha. Zonke izinto eziphilayo zethamela ukushisa ehlobo zijabulele imfudumalo elethwa yinkathi yonyaka. Zikhula ngamandla; izihlahla, utshani, kanye nazo zonke izinhlobo zezitshalo zikhula ngokushesha, bese ziqhakaza zithele izithelo. Zonke izinto eziphilayo zimatasatasa ehlobo, kubandakanya nabantu. Entwasabusika, izimvula ziletha ukuphola kwekwindla, bese zonke izinhlobo zezinto eziphilayo ziqala ukuzwa ukufika kwesikhathi sokuvuna. Zonke izinto eziphilayo zithela izithelo, nabantu baqale futhi bavune zonke izinhlobo zezinto ngoba sekuwa imikhiqizo yalezi zinto eziphilayo, ukulungiselela ukudla kwasebusika. Ebusika zonke izinto eziphilayo ziqala kancane kancane ukuphumula emakhazeni, zithule, abantu nabo bathatha ikhefu ngale nkathi yonyaka. Lezi zinguquko kusukela entwasahlobo kuya ehlobo kuya entwasabusika bese kufika ubusika—lezi zinguquko zonke zenzeka zilandela imithetho eyabekwa nguNkulunkulu. Uhola zonke izinto nesintu esebenzisa le mithetho futhi wakhele abantu impilo enothile futhi enhle, abalungisele inhlalo enamazinga ahlukahlukene okushisa kanye nezinkathi zonyaka ezahlukahlukene ukuba baqhubeke nokuphila. Kulezi zindawo ezihlelekile zokuqhubeka nokuphila, abantu bakwazi ukuphila bande ngendlela ehlelekile. Abakwazi abantu ukuguqula le mithetho kanti akukho noyedwa umuntu noma into ephilayo ekwazi ukuyephula. Noma ngabe kunezinguquko eziningi esezenzekile—izilwandle sezibe amasimu, namasimu aba yizilwandle—le mithetho iyaqhubeka nokuba khona. Ikhona ngoba uNkulunkulu ukhona, nangenxa yokubusa Kwakhe nokuphatha Kwakhe. Kulolu hlobo lokuhleleka, inhlalo ebanzi, izimpilo zabantu ziqhubekela phambili ngale mithetho nemigomo. Le mithetho yazala izizukulwane ngezizukulwane zabantu kanti izizukulwane ngezizukulwane zabantu zaqhubeka nokuphila ngaphansi kwale mithetho. Abantu bayijabulele le ndawo ehlelekile yokuphila kanye nazo zonke izinto ezidalwe nguNkulunkulu ezidalela izizukulwane ngezizukulwane. Nakuba abantu bezwa ukuthi lezi zinhlobo zemithetho ziyimvelo, nakuba bezichitha ngokuphelele, nakuba futhi bengezwa ukuthi uNkulunkulu Nguye ohlela le mithetho, ukuthi uNkulunkulu ubusa phezu kwale mithetho, noma kungaba njani, uNkulunkulu uwubambile lo msebenzi ongaguquki. Inhloso Yakhe kulo msebenzi ongaguquki ukuthi umuntu aqhubeke nokuphila, ukuze abantu baqhubekele phambili.

UNkulunkulu Ubeka Imingcele Ezintweni Zonke Ukuze Anakekele Bonke Abantu

Namuhla ngizokhuluma ngesihloko esithi lezi zinhlobo zemithetho elethwa nguNkulunkulu kuzo zonke izinto zisondla kanjani sonke isintu. Yisihloko esikhulu lesi, ngakho singasehlukanisa izingxenye eziningi bese sixoxa ngazo ngasinye ukuze zichazeke ngokucacile kinina. Ngale ndlela kuzoba lula ukuthi niziqonde kancane kancane.

Ingxenye Yokuqala: UNkulunkulu Ubeka Imingcele Yalolo Nalolo Hlobo Lwendawo

Okokuqala, ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto, wabekela izintaba imingcele, amathafa, izingwadule, amagquma, imifula, kanye namachibi amakhulukazi. Emhlabeni kunezintaba, amathafa, izingwadule, amagquma, kanye nezinhlobo zamanzi. Akuzona izinhlobo ezahlukene zezimo zezindawo? UNkulunkulu wabeka imingcele phakathi kwazo zonke lezi zinhlobo ezahlukene zezimo zendawo. Uma sikhuluma ngokubekwa kwemingcele, kusho ukuthi izintaba zicacisiwe ngokwazo, amathafa acacisiwe ngokwawo, izingwadule zinophawini wazo, amagquma anezindawo zawo ezimiyo. Kukhona futhi izinhlobo zamanzi amaningi anjengemifula kanye namachibi amakhulukazi. Okungukuthi, ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto wehlukanisa izinto zonke ngokucacile. UNkulunkulu uhlelile ukuthi intaba izoba nesilinganiso sobude obuyizungezile bamakhilomitha amangaki, ithathe umkhawulo wobubanzi ongakanani futhi. Uhlelile futhi ukuthi mangaki amakhilomitha ebanga elizungeze ithafa nokuthi lithathe ibanga lobubanzi elingakanani. Ngenkathi edala zonke izinto wabheka futhi ibanga lobubanzi lezingwadule kanye nebanga lobubanzi lamagquma kanye nobungako bawo, kanye nokuthi ehlukaniswa yini—wakubheka konke lokhu. Wabheka ibanga lobungako bemifula kanye namachibi amakhulukazi ngenkathi ekudala—konke kunemingcele yakho. Ngakho sisho ukuthi uma sithi “imingcele”? Sisanda kukhuluma ngendlela uNkulunkulu abusa ngayo phezu kwazo zonke izinto ngokumisa imithetho yazo zonke izinto. Okungukuthi, ibanga nemingcele yezintaba akweluleki noma kufinyele ngenxa yokuphenduphenduka komhlaba noma ukudlula kwesikhathi. Lokhu akunyakazi: Lokhu “kunganyakazi” kungumthetho kaNkulunkulu. Mayelana nezindawo zamathafa, ukuthi yini imikhawulo yazo, ukuthi zizungezwe yini, lokho kumiswe nguNkulunkulu. Kunomngcele, ngeke kuvele kuqubuke igqunyana nje noma kanjani phakathi nethafa. Ithafa ngeke ngokuphazima kweso liphenduke intaba—ngeke kwenzeke lokho. Imithetho nemingcele esikhulume ngakho kubhekiswe kulokhu. Ngokogwadule, ngeke silibale lapha iqhaza logwadule noma esinye isimo sendawo noma ukubukeka komhlaba, kuphela imingcele yalokhu. Ngaphansi komthetho kaNkulunkulu umkhawulo wogwadule nawo ngeke weluleke. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu ukunikeze umthetho, ibanga. Ubukhulu bakho kanye neqhaza okulibambileyo, umngcele okwehlukanisile, kanye nalapho kutholakala khona—lokhu kwesekelwe nguNkulunkulu. Ngeke kuleqe ibanga lakho, kusuke lapho kukhona, ngeke futhi kwandise indawo noma kanjani nje. Nakuba ukugeleza kwamanzi njengemifula namachibi amakhulu kuhlelekile futhi kuqhubeka, akukaze kuphume emkhawulweni okuwunikiwe noma kudlule imingcele okubekelwe yona. Konke kugeleza kubheke endaweni eyodwa ngendlela ehleliwe, kugeleze kubheke lapho kufanele khona. Ngakho ngaphansi kwemithetho yokubusa kukaNkulunkulu, akukho mfula nalichibi elizokoma noma kanjani nje, noma kushintshe indawo okugelezela kuyo noma kanjani nje noma kuguqule umthamo nokugeleza ngenxa yokuphenduphenduka komhlaba noma ngenxa yokudlula kwesikhathi. Konke lokhu kwaziwa nguNkulunkulu. Lokho kusho ukuthi, zonke izinto ezidalwe nguNkulunkulu phakathi kwesintu zinezindawo nemikhawulo okumisiwe. Okungukuthi, ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto, imingcele yazo yamiswa futhi ngeke iguqulwe ngokuzenzakalela, ngeke yenziwe kabusha, noma ishintshwe. Kusho ukuthini ukuthi “ngokuzenzakalelayo”? Kusho ukuthi ngeke igudlulwe ngokungemthetho, yandiswe, noma ishintshwe esimeni sayo sokudalwa ngenxa yesimo sezulu, amazinga okushisa, noma ijubane umhlaba ophenduka ngalo. Isibonelo, intaba inokuphakama okuthile, iphansi layo linebanga elithile, iphakeme kusuka olwandle ngendlela ethile, futhi inohlaza oluyisilinganiso esithile. Konke lokhu kuhlelwe kwabalwa nguNkulunkulu futhi ngeke kuguqulwe ngokuzenzakalela. Ngokwamathafa, iningi labantu lakhe emathafeni, futhi akukho kugudluka kwesimo sezulu okuzothinta izindawo zabo noma ubunjalo bokuphila kwabo. Ngisho okuqukethwe yizindawo lezo ezahlukahlukene kanye nezimo zomhlaba ezadalwa nguNkulunkulu ngeke ziguquke noma kanjani. Isibonelo, lokho okuyizinto ezakha ugwadule, izinto ezinqwabelene ngaphansi komhlaba, inani lesihlabathi eliqukethwe kanye nombala wesihlabathi, ugqinsi esiyilo—lokhu ngeke kuguqulwe ngokuzenzakalela. Kungani zingeke ziguqulwe lezi zinto ngokuzenzakalela? Kungenxa yomthetho kaNkulunkulu kanye nokuphatha Kwakhe. Kuzo zonke lezi zimo zezwe kanye nezezindawo ezidalwe nguNkulunkulu, ukuphethe konke ngendlela ehleliwe nemiswe kahle. Ngakho zonke lezi zimo zezwe zisekhona eminyakeni eyizinkulungwane ezimbalwa, amashumi ezinkulungwane zeminyaka emva kokudalwa nguNkulunkulu. Zisayidlala indawo yazo ngayinye ngayinye. Nakuba ezikhathini ezithile kusabheduka izintabamlilo, ngezikhathi ezithile kuqubuka ukunyikima komhlaba, kuphinde kube nokugudluka okubanzi komhlaba, uNkulunkulu akasoze nakancane avumele uhlobo oluthile lomhlaba ukuthi lulahlekelwe umsebenzi olwadalelwa wona. Kungesizathu salokhu kuphatha kukaNkulunkulu kuphela, ukubusa Kwakhe kanye nokuqonda Kwakhe le mithetho, ukuthi konke lokhu—konke lokhu okujatshulelwa ngumuntu nokubonwa ngumuntu—kuqhubeka nokuphila ngendlela ehlelekile ezweni. Ngakho, kungani uNkulunkulu ephethe zonke lezi zinhlobo zezimo zezwe ezikhona ngale ndlela emhlabeni? Inhloso ukuthi izinto eziphilayo ezikhona ezindaweni zomhlaba ezahlukahlukene zizokuba nendawo ezinzile, nokuthi zikwazi ukuqhubeka nokuphila zande kuleyo ndawo ezinzile. Zonke lezi zinto—ezinyakazayo kanye nezinganyakazi, eziphefumula ngamakhala kanye nalezo ezingaphefumuli—ziba yindawo eyehlukile ukuba umuntu akwazi ukuqhubeka nokuphila. Ukuphela kwalolu hlobo lwesimo sendawo olukwazi ukunakekela izizukulwane ngezizukulwane zomuntu, futhi yilolu hlobo kuphela lwendawo olukwazi ukuvumela umuntu aqhubeke nokuphila ngokuthula, izizukulwane ngezizukulwane.

Lokhu engisanda kukhuluma ngakho empeleni kuyisihloko esikhulu ngakho cishe sizwakala sikude nani, kodwa niyaqonda, akunjalo? Kusho ukuthi, imithetho kaNkulunkulu ekubuseni Kwakhe phezu kwazo zonke izinto ibalulekile—ibaluleke kakhulu! Simo sini esilindeleke ukwandulela izinto eziphilayo ukuba zikhule ngaphansi kwale mithetho? Kungenxa yokubusa kukaNkulunkulu. Kungenxa yokubusa Kwakhe ukuthi zonke izinto zenza imisebenzi yazo ngaphansi kokubusa Kwakhe. Isibonelo, izintaba zinakekela amahlathi, amahlathi bese enakekela aphinde avikele izinyoni eziyizinhlobonhlobo kanye nezilwane ezihlala kuwo. Amathafa ayisinyathelo esilungiselwe abantu ukuba batshale izitshalo kanye nezinyoni nezilwane ezinhlobonhlobo. Avumela abantu abaningi ukuthi bahlale emhlabeni owendlalekile kube nobungcono ezimpilweni zabantu. Amathafa futhi anezindawo zotshani—izindawo ezinkulu zotshani. Izindawo ezinotshani lezi ziwumhlaba wezimila. Zivikela inhlabathi ziphinde zinakekele izinkomo, izimvu, namahhashi aphila kulezi zindawo zotshani. Ugwadule nalo lunomsebenzi walo eliwenzayo. Akuyona indawo yokuhlala abantu; umsebenzi walo ukomisa izindawo ezinomhwamuko. Ukugeleza kwemifula namachibi amakhulukazi kuwusizo kubantu ngamanzi okuphuzwa. Noma yikuphi lapho kugelezela khona, abantu bazoba namanzi aphuzwayo, futhi izidingo zamanzi zazo zonke izinto ziyokwaneliseka ngokuseduze. Lena yimingcele ebekwe nguNkulunkulu yezindawo ezahlukahlukene.

Ingxenye Yesibili: UNkulunkulu Ubeka Imingcele Yalolo Nalolo Hlobo Lwempilo

Ngenxa yokuthi le mingcele ibekwe nguNkulunkulu, izindawo eziningi ziholele enhlalweni nasempilweni eqhubekayo, kanti le nhlalo nempilo eqhubekayo ibe wusizo ezinhlotsheni ezahlukahlukene zezinyoni kanye nezilwane kwaba khona nezindlela zokuqhubeka nokuphila. Ukusukela kulokhu imingcele yezindawo zokuqhubeka nokuphila ezintweni ezahlukahlukene eziphilayo ibe seyiba khona. Lokhu kuyiphuzu lesibili esizokhuluma ngalo ngokulandelayo. Okokuqala, zihlalaphi izinyoni, izilwane kanye nezinambuzane? Ingabe zihlala emahlathini nasemahlokozini? Yizindawo zazo lezi. Ngakho, ngaphandle kokubeka imingcele ezindaweni ezahlukahlukene zomhlaba, uNkulunkulu waphinde wabeka imingcele yezinyoni nezilwane ezahlukahlukene, izinhlanzi, izinambuzane kanye nezitshalo. Waphinda wabeka imithetho. Ngenxa yomahluko ezindaweni ezahlukahlukene zomhlaba kanye nangenxa yobukhona bezindawo ezahlukahlukene emhlabeni, izinhlobo ezahlukahlukene zezinyoni nezilwane, izinhlanzi, izinambuzane, kanye nezitshalo kunezindawo ezahlukahlukene okuqhubeka kuzo nokuphila. Izinyoni kanye nezilwane nezinambuzane kuhlala nezitshalo ezahlukahlukene, izinhlanzi ziphila emanzini, kanti izitshalo zikhula ezweni. Izwe lihlanganisa izindawo ezahlukahlukene ezifana nezintaba, amathafa, kanye namagquma. Lapho izinyoni nezilwane ziba nekhaya lazo elimiyo, azinakulokhu zizulazula, ziya noma ngaphi. Izindawo ezingamakhaya azo ngamahlathi nezintaba. Uma, ngelinye ilanga, izindawo ezingamakhaya azo bezingabhidlizwa, uhlelo beluyoba nesiphithiphithi. Masinyane emva kokuba yisiphithiphithi kwalolu hlelo, iyoba yini imiphumela yalokho? Ngobani abayolimala kuqala? Ngumuntu! Kule mithetho kanye nemigomo okwenziwe nguNkulunkulu, ngabe ikhona into exakile eniyibonile? Ngokwesibonelo, izindlovu zihamba ogwadule. Nike nakubona lokho? Ukuba bekunjalo, bekuyoba yinto engajwayelekile kakhulu, ngoba izindlovu zihlala kuyo yisehlathini, futhi liyindawo, yokuqhubeka nokuphila eziyilungiselwe nguNkulunkulu. Zinendawo yazo okuphilekayo kuyo kanye nekhaya lalo elimisiweyo, ngakho zingakwenzelani ukuthi ziye le nale? Ukhona oseke wabona amabhubesi nezingwe kuhamba ngasogwini lolwandle? Cha, anikaze nikubone. Ikhaya lamabhubesi nezingwe yihlathi nezintaba. Ukhona oseke wabona imikhoma noma oshaka basolwandle bebhukuda ogwadule? Cha, anikaze nikubone. Imikhoma noshaka kwakha amakhaya akho olwandle. Enhlalweni yabantu, bakhona abantu abahlala ndawonye namabhele ansundu? Bakhona abantu abahlala bezungezwe amapigogo noma ezinye izinyoni, ngaphandle nangaphakathi kwamakhaya abo? Ukhona oseke wabona izinkozi noma amadada asendle edlala nezinkawu? (Cha.) Lokhu kungaba yinto eyisimanga. Isizathu esenza ukuthi ngikhulume ngalezi zinto ezizwakala ziyisimanga ezindlebeni zenu ukuthi nginenze niqonde ukuthi zonke izinto ezadalwa nguNkulunkulu—noma ngabe zigxumekeke endaweni eyodwa noma ziphefumula ngamakhala azo—zinemithetho yazo yokuphila. Esikhathini eside ngaphambi kokuthi uNkulunkulu adale lezi zinto eziphilayo wayesezilungisele izindawo zazo eziyizindawo ezingamakhaya, izimo zezindawo zokuthi zikwazi ukuqhubeka nokuphila. Lezi zinto eziphilayo bezinezindawo zazo ezimiselwe ukuphila kuzo, ukudla kwazo, izindawo zazo ezingamakhaya ezimisiwe, izindawo zazo ezimisiwe ezifanele ukuphila kwazo, izindawo ezinezimo zokushisa ezifanele ukuphila kwazo. Ngaleyo ndlela bezizozulazula noma zikubukele phansi ukuphila komuntu noma lokho okunethonya empilweni yazo. Yindlela lena uNkulunkulu aphatha ngayo zonke izinto, ehlinzeka isintu ngendawo enhle kakhulu yokuphila. Konke okuphilayo phakathi nazo zonke izinto, ngakunye, kunokudla kwakho okokusimamisa ukuphila ezindaweni zakho. Kulokho kudla, kubopheleke ukuba sendaweni yakho yokuzalwa ukuze kukwazi ukuqhubeka nokuphila. Endaweni eyilolo hlobo, kuyaphila, kuyanda, futhi kuqhubekela phambili kulandela imithetho uNkulunkulu akwakhele yona. Ngenxa yalezi zinhlobo zemithetho, ngenxa yokulungiselela kukaNkulunkulu okwandulelayo, zonke izinto ziphila ngokuzwana nesintu, futhi isintu kanye nazo zonke izinto kuyaphilisana.

Ingxenye Yesithathu: UNkulunkulu Usimamisa Imvelo Ukuze Ondle Isintu

UNkulunkulu wadala zonke izinto wabeka imingcele kukho; phakathi kwakho wayesenakekela zonke izinhlobo zezinto eziphilayo. Ngaso leso sikhathi, wabuye walungisa izindlela ezahlukile zokuphila kwabantu, ngakho kuyabonakala ukuthi abantu abanayo nje indlela eyodwa yokuqhubeka nokuphila. Futhi abanayo inhlalo eyodwa abaqhubeka nokuphila kuyo. Sikhulumile ngaphambilini ngoNkulunkulu elungisa izinhlobo ezahlukahlukene zokudla kanye nemithombo yamanzi yabantu, okuyinto ebaluleke kakhulu ukuvumela ukuthi ukuphila kwesintu enyameni kuqhubeke. Nokho, kulaba bantu, akubona bonke abantu abaphila ngokusanhlamvu. Abantu banezindlela ezahlukahlukene zokuphila ngenxa yokwehlukahlukana kwezimo ezindaweni kanye nasezweni. Lezi zindlela zokuphila zonke zalungiselelwa nguNkulunkulu. Ngakho akubona bonke abantu abazinikele ekulimeni. Okungukuthi, akubona bonke abantu abathola ukudla ezitshalweni ezikhulayo. Leli yiphuzu lesithathu esizokhuluma ngalo: Imingcele yakhelwe izindlela ezahlukahlukene zokuphila kwabantu. Ngakho-ke yiziphi ezinye izindlela zokuphila abanazo abantu? Ngokwemithombo yokudla ehlukahlukene, yiziphi ezinye izinhlobo zabantu ezikhona? Ziningi izinhlobo okungaqalwa ngazo.

Eyokuqala yindlela yempilo yokuzingela. Wonke umuntu uyazi ukuthi lokho kuyini. Badlani abantu abaphila ngokuzingela? (Umdlalo.) Badla izinyoni kanye nezilwane zehlathi. “Umdlalo” yigama lesimanje. Abazingeli abazithathi njengomdlalo; bazithatha njengokudla, njengento ebagcina bephila nsuku zonke. Isibonelo, bathola inyamazane enezimpondo ezimagatshagatsha. Uma bethola le nyamazane bafana nomlimi ethola izitshalo enhlabathini. Umlimi uthola izitshalo enhlabathini, bese kuthi uma ebona izitshalo zakhe ajabule akhululeke. Umndeni angeke ulambe uma kunezitshalo ezizodliwa. Inhliziyo yakhe iyakhululeka aphinde azizwe anelisekile. Nomzingeli aphinde azizwe ekhululekile anelisekile uma ebuka akubambile ngoba akudingeki ukuthi akhathazeke ngokudla futhi. Kukhona okuzodliwa esidlweni esilandelayo, asikho isidingo sokulamba. Lona ngumuntu ozingelayo ukuze aphile. Iningi labantu abaphila ngokuzingela baphila emahlathini ezintaba. Abalimi. Akulula ukuthola indawo engalinywa lapho, ngakho baphila ngezinto ezahlukahlukene eziphilayo, ngezinhlobonhlobo zezilwane ezizingelwayo. Wuhlobo lokuqala lolu lwempilo ehlukile kweyabantu abajwayelekile.

Uhlobo lwesibili wuhlobo lwempilo yabafuyi. Ingabe labo abafuyayo ukuze baphile bayalima? (Cha.) Ngakho benzani? Baphila kanjani? (Isikhathi esiningi, bafuya izinkomo nezimvu ukuze baphile, ebusika bahlaba imfuyo yabo badle. Ukudla kwabo yinyama yenkomo kanye neyemvu, futhi baphuza itiye elinobisi. Nakuba abelusi bematasatasa ngazo zozine izinkathi zonyaka, badla kahle. Banobisi oluningi, imikhiqizo yobisi, nenyama.) Abantu abafuya izilwane badla inyama yenkomo neyemvu ikakhulukazi, baphuza ubisi lwemvu nolwenkomo, bese begibela izinkunzi namahhashi ukuyokwelusa izilwane zawo emadlelweni, izinwele zipheshethwa wumoya, behlatshwa yilanga ebusweni. Abanayo ingcindezi yempilo yesimanje. Usuku lonke babona ububanzi besibhakabhaka esiluhlaza nezinkalo ezinotshani obuningi. Iningi labantu abelusa imihlambi yokuziphilisa bonke bahlala ezindaweni ezinotshani bayakwazi futhi ukuqhubeka nempilo yabo yokuzulazula izizukulwane ngezizukulwane. Nakuba impilo yezindawo zotshani ithi mayibe nesithukuthezi, iyimpilo enenjabulo. Akuyona impilo embi!

Uhlobo lwesithathu yimpilo yabadobi. Kunengxenyana encane yabantu ephila ngasolwandle noma eziqhingini ezincane. Laba bazungezwa ngamanzi, babhekene nolwandle. Laba bantu bayadoba ukuze baziphilise. Uyini umthombo wokudla walaba bantu abaziphilisa ngokudoba? Imithombo yabo yokudla ifaka zonke izinhlobo zenhlanzi, ukudla okuvela olwandle, neminye imikhiqizo yasolwandle. Abantu abaziphilisa ngokudoba abalimi umhlabathi, kodwa kunalokho badoba zonke izinsuku. Ukudla kwabo okuphambili kunezinhlobonhlobo zezinhlanzi nemikhiqizo yolwandle. Ngezinye izikhathi bahweba ngalezi zinto ukuze bathole irayisi, ufulawa, kanye nezidingo zansuku zonke Lolu wuhlobo olwehlukile lwempilo lolu lwabantu abaphila eduze namanzi. Labo abahlala ngasemanzini bethembele kuwo ukuze bathole ukudla kwabo, futhi ukudoba kuyimpilo yabo. Kungumthombo wokuphila nokudla kwabo.

Ngaphandle kwalabo abalimayo ukuze baziphilise, kukhona okukakhulukazi izinhlobo ezintathu zempilo ezibalwe ngenhla. Ngaphandle kwalabo abaphila ngokufuya, ukudoba, kanye nokuzingela, iningi labantu bayalima ukuze baziphilise. Badingani-ke abantu abaphila ngokulima? Badinga inhlabathi. Baphila ngokutshala izitshalo zezizukulwane. Bangatshala imifino, izithelo noma izinhlamvu, bathola ukudla kwabo nezezidingo zansuku zonke enhlabathini.

Yiziphi izimo ezijwayelekile kulezi zinhlobo ezahlukahlukene zokuphila kwabantu? Azidingi ukunakekelwa okujwayeleke ezindaweni ukuze iqhubeke impilo? Okungukuthi, uma abazingeli bebengalahlekelwa ngamahlathi ezintabeni noma yizinyoni kanye nezilwane, bebeyolahlekelwa yimpilo yabo. Ngakho uma abantu abaphila ngokuzingela belahlekelwa ngamahlathi asezintabeni bengasenazo nezinyoni kanye nezilwane, uma bengasenawo umthombo wempilo yabo, khona-ke inkombandlela leso sizwe esingayilandela nalapho lolo hlobo lwabantu olungaya ngakhona kuyinto engaziwa futhi bangase bavele banyamalale. Futhi bethembelephi labo abafuyile ukuze baphile? Ababambelele kukho akuyona nje imfuyo yabo, kodwa yisimo senhlalo okuphila kuso imfuyo yabo—izindawo zotshani. Ukuba bezingekho izindawo zotshani, bebeyoyelukisa kuphi imfuyo yabo? Bezizodlani izinkomo nezimvu zabo? Ngaphandle kwemfuyo abantu abazulazulayo ngeke babe nokuphila. Ngaphandle komthombo wemfuyo yabo, laba bantu bebeyoya kuphi? Ukuqhubeka nokuphila bekuyoba lukhuni; bebengeke babe nalo ikusasa. Ngaphandle kwemithombo yamanzi, imifula namachibi amakhulukazi bekuzokoma. Ngabe beziyoqhubeka nokuphila lezo zinhlanzi ngaphandle kwamanzi eziphila ngawo? Lezo zinhlanzi bezingeke zibe khona. Ngabe laba bantu abancike emanzini nasezinhlanzini ngokuphila kwabo bebeyoqhubeka nokuphila? Uma bebengenakho ukudla, uma bebengenawo umthombo wokuphila kwabo, bebengeke labo bantu bakwazi ukuqhubeka nokuphila. Okusho ukuthi, lapho kuba nenkinga ngokuphila kwabo noma ngokuqhubeka kwabo nokuphila, lezo zizwe bezingeke zisakwazi ukuqhubeka nokuphila, futhi beziyonyamalala, beziyosuswa emhlabeni. Kanti uma labo abangabalimi nabaziphilisa ngakho bebelahlekelwa yinhlabathi, bebengeke bakwazi ukutshala izinto, bese bethola ukudla ezitshalweni ezinhlobonhlobo, bewuyoba yini umphumela walokho? Ngaphandle kokudla, bebengeke balambe baze bafe? Uma abantu belamba baze bafe, belungeke lolo hlobo lwabantu luphele? Ngakho lena yinhloso kaNkulunkulu yokugcina izimo zenhlalo ezinhlobonhlobo. UNkulunkulu unenhloso eyodwa vo ekulondolozeni izindawo ezinhlobonhlobo okuphilwa kuzo, ukugcina izinhlobo ezahlukahlukene zabantu ezindaweni ezifanele—okungukunakekela zonke izinhlobo zabantu, ukunakekela abantu abaphila ezindaweni ezahlukahlukene zomhlaba.

Uma zonke izinto zendalo bezingalahlekelwa yimithetho yazo, beziyoshabalala; uma imithetho yazo zonke izinto beyingalahleka, izinto eziphilayo phakathi kwazo zonke izinto bezingeke zikwazi ukuqhubekela phambili. Abantu nabo bebeyolahlekelwa yizimo zabo zenhlalo abancike kuzo ukuze baphile. Uma abantu bebelahlekelwa yikho konke lokho, bebengeke bakwazi ukuqhubeka nokuphila bandise izizukulwane ngezizukulwane. Isizathu esenze ukuthi abantu baphile kuze kube manje yingoba uNkulunkulu ubaphe zonke izinto zendalo ukuthi zibondle, zondle abantu ngezindlela ezahlukahlukene. Kungenxa kaNkulunkulu kuphela ngoba enakekela abantu ngezindlela ezahlukene njengoba besaphila kuze kube yimanje, njengoba besaphila kuze kube yilolu suku lwanamuhla. Kulolo hlobo lwendawo emisiwe ukuba kuqhubeke impilo ngokuhle nokuhlelekile, zonke izinhlobo zabantu emhlabeni, zonke izinhlobo zezizwe zikwazi ukuphila ezindaweni ezinemikhawulo ebekiwe. Akekho okwazi ukweqela ngale kwale mikhawulo noma le mingcele ngoba uNkulunkulu oyahlukanisile. Kungani uNkulunkulu eyahlukanise ngale ndlela? Lokhu kubalulekile kubo bonke abantu—kubalulekile impela! UNkulunkulu wehlukanise imikhawulo ngokohlobo lwalokho okuphilayo ngalunye wayimisela ukuba kuqhubeke impilo ngale ndlela enzela uhlobo ngalunye lomuntu ophilayo. Wayesehlukanisa izinhlobo ezahlukahlukene zabantu nezizwe ezahlukahlukene emhlabeni kanye nemikhawulo emisiwe. Yilokhu esithanda ukuxoxa ngakho ngokulandelayo.

Ingxenye Yesine: UNkulunkulu Ubeka Imingcele Phakathi Kwezinhlanga Ezehlukene

Okwesine, uNkulunkulu wabeka imingcele phakathi kwezizwe ezahlukahlukene. Emhlabeni kukhona abantu abamhlophe, abantu abamnyama, abantu abansundu, kanye nabantu abampofu. Lezi yizinhlobo ezahlukahlukene zabantu. UNkulunkulu wayesemisa imikhawulo yezimpilo zalaba bantu abehlukahlukene ngezinhlobo zabo, bengakunakile nakukunaka lokho, abantu bahlala ezindaweni zabo ezifanelekile ukuba baqhubeke nokuphila ngaphansi kokulawula kukaNkulunkulu. Akekho umuntu okwazi ukuphumela ngaphandle kwalokhu. Isibonelo, abantu abamhlophe, yiziphi izindawo abahlala kuzo ikakhulukazi? Ikakhulukazi bahlala eYurophu naseMelika. Abantu abamnyama bahlala ikakhulukazi e-Afrika. Abantu abansundu bahlala ikakhulu eNingizimu-Mpumalanga ye-Asia naseNingizimu ye-Asia, njengaseThailand, e-India, eMyanmar, eVietnam, kanye naseLaos. Abantu abampofu ngombala bahlala ikakhulukazi e-Asia, okungukuthi eChina, eJapan, eNingizimu Korea, kanye nasezindaweni ezifuze lezo. UNkulunkulu utshale zonke lezi zinhlobo ezahlukahlukene zezizwe ukuze lezi zizwe ezahlukahlukene zitshaleke ezindaweni ezahlukahlukene zomhlaba. Kulezi zingxenye ezahlukahlukene zomhlaba, uNkulunkulu walungisa kudala izindawo zokuphila ezifanele uhlobo ngalunye lwesizwe sabantu. Kulezi zimo zenhlalo nokuphila, uNkulunkulu ubalungisele inhlabathi ngemibala yawo kanye nangesakhiwo. Ngamanye amazwi, akufani ukwakheka kwemizimba yabantu abamhlophe nokwemizimba yabamnyama, futhi behlukene ngisho nasekwakhekeni kwemizimba yabantu bezinye izinhlanga. Ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto, wayeselungisile vele izimo zenhlalo nokuphila kwaleso sizwe. Inhloso Yakhe kulokho kwakungukuthi kuthi uma lolo hlobo lwabantu luqala ukwanda, lapho beqala ukukhula ngokwesibalo, bakwazi ukunamathela emkhawulweni lowo. Ngaphambi kokuthi uNkulunkulu abadale abantu wayesekucabangile konke lokhu—wayenika iYurophu neMelika kubantu abamhlophe ezobavumela ukuthi bathuthuke baphile. Ngakho-ke ngenkathi uNkulunkulu edala umhlaba wayesenalo isu, wayenenhloso nesifiso ngayezokubeka kuleyo naleyo ngxenye yezwe, nokuthi yini eyayizonakekeleka kulelo zwe. Isibonelo, uNkulunkulu kudalo wahlela ukuthi yiziphi izintaba, nganjani amathafa, mingaki imithombo yamanzi, luhlobo luni lwezinyoni nezilwane, yiziphi izinhlanzi, nokuthi yiziphi izitshalo ezizoba kulelo zwe. Ngenkathi elungisa isimo senhlalo nokuphila kohlobo oluthile lomuntu, lwesizwe uNkulunkulu wabheka izinto eziningi eziyizidingo: uhlobo lomhlaba, ukwakheka komhlabathi, izinhlobo zezinyoni nezilwane, ubukhulu bezinhlobo ezahlukahlukene zezinhlanzi, ukwakheka kwezinhlanzi, izilinganiso ezahlukahlukene zamanzi, kanye nezinhlobo ezahlukahlukene zezitshalo…. UNkulunkulu wayekade ekulungise kudala lokho. Lolo hlobo lwesimo yisimo sokuphila uNkulunkulu asidala wasilungisela abantu abamhlophe futhi esingesabo ngokwemvelo. Ingabe senibonile ukuthi ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto, wakujulela ngomcabango futhi wenza izinto ngohlelo? (Yebo. Imibono kaNkulunkulu ngezinhlobo ezahlukahlukene zabantu zinokukhulu ukucabanga. Ezindaweni zokuphila kwezinhlobo ezahlukahlukene zabantu, walungisa izinhlobo zezinyoni nezilwane kanye nezinhlobo zezinhlanzi, inani lezintaba kanye nenani lamathafa okwakumele abe khona. Konke kwenziwa ngokukhulu ukucabanga kanye nokunemba.) Isibonelo, kudla kuni okudliwa ikakhulukazi ngabantu abamhlophe? Ukudla okudliwa ngabantu abamhlophe kwehluke kakhulu ekudleni okudliwa ngabantu base-Asia. Ukudla ikakhulu okudliwa ngabantu abamhlophe kunenyama phambili, amaqanda, ubisi, nenyama yenkukhu. Okusanhlamvu njengesinkwa nerayisi akubalulekile kubekwa epuletini eliseceleni. Nangenkathi bedla isaladi lemifino, babeka inyama eyosiwe noma inkukhu kuyo. Noma sebedla ukudla okunokolweni, bafaka kukho ushizi, amaqanda, noma inyama. Okungukuthi, ukudla okuvelele kubo akuhambisani nokolweni noma nerayisi; badla inyama eningi noshizi ikakhulu. Bavame ukuphuza amanzi ayiqhwa ngoba basuke bedle ukudla okunezithako ezisesilinganisweni esiphakeme. Ngakho abantu abamhlophe banomfutho kakhulu. Lena yimithombo yempilo yabo, izimo zabo zenhlalo wazilungisa uNkulunkulu, wabavumela ukuthi babe nalolo hlobo lwempilo. Lwahlukile lolo hlobo lwempilo ezimpilweni zabantu bezinye izinhlanga. Akukho okulungile noma okungalungile kule mpilo—umuntu uzalwa nayo, ilungiswe ngaphambilini nguNkulunkulu kanti ingenxa yokubusa kukaNkulunkulu nokuhlela Kwakhe. Lolu hlobo lwesizwe lunempilo ethile nemithombo ethile yokuphila ekhona ngenxa yobuzwe balo, futhi nangenxa yesimo senhlalo nokuphila okulungiselwe lona nguNkulunkulu. Nisangasho nina nithi leso simo senhlalo nokuphila uNkulunkulu asilungisele abantu abamhlophe kanye nokudla kwansuku zonke abakuthola kuleso simo senhlalo sinothile futhi sinenala.

UNkulunkulu ulungisile futhi izindawo eziyisidingo sokuphila zezinye izinhlanga. Kukhona nabantu abamnyama—batholakala kuphi abantu abamnyama? Batholakala ikakhulukazi maphakathi kanye naseningizimu ye-Afrika. Yini uNkulunkulu abalungisele yona kulolu hlobo lwesimo senhlalo ukuba baqhubeke nokuphila? Amahlathi afudumele, zonke izinhlobo zezinyoni kanye nezilwane, izingwadule nazo zikhona, kanye nazo zonke izinhlobo zezitshalo ezihambisana nawo. Banemithombo yamanzi, izindlela ezingenisa imali, kanye nokudla. UNkulunkulu akazange abacwase. Noma ngabe kunjani noma ngabe benzeni, ukuphila kwabo akukaze kube yinkinga. Nabo banendawo ethile kanye nesigodi esithile engxenyeni yomhlaba.

Make sikhulume kancane ngabantu abampofu manje. Abantu abampofu batholakala ikakhulu e-Orient. Yini umahluko phakathi kwezindawo nomhlaba kanye nalapho kutholakala khona i-Orient ne-Occident? Ku-Orient, ingxenye enkulu yalelo zwe inenhlabathi enothile, inothe ngezinto kanye nangamaminerali. Okungukuthi, zonke izinhlobo zemithombo engaphezulu nengaphansi komhlaba zikhona ngobuningi. Kuleli dlanzana labantu, kulesiya sizwe, uNkulunkulu uphinde ulungisa nenhlabathi ehambisana naso, isimo sezulu, kanye nezindawo zomhlaba ezahlukahlukene ezisifanele. Nakuba kunomahluko omkhulu phakathi kwezindawo zomhlaba kanye nezimo zenhlalo kwabase-Occident, ukudla okuyisidingo sabantu, impilo yabo, kanye nemithombo yokuqikelela ukuphila wakuhlela uNkulunkulu. Umahluko kubo nakubantu abamhlophe base-Occident usenhlalweni kuphela. Kodwa iyiphi into eyodwa okumele nginitshele yona? Inani lohlanga oluseMpumalanga liphakeme kakhulu, ngakho uNkulunkulu wengeza kulo mhlaba izinto eziningi ezahlukile kwezaseNtshonalanga. Kule ngxenye yomhlaba, wengeza izinhlobo zesimo somhlaba eziningi ezahlukahlukene kanye nezinto eziningi. Imithombo yemvelo miningi nayo; umhlaba wakhona uhlukahlukene nawo, ukulingene ukunakekela isibalo esikhulu sesizwe saseMpumalanga. Okuwumahluko eNtshonalanga ukuthi eMpumalanga—kusukela eningizimu kuya enyakatho, kusukela empumalanga kuya entshonalanga—isimo sezulu singcono kunesaseNtshonalanga. Izinkathi ezine zonyaka zihlukaniswe ngokucacile, amazinga okushisa nokubanda ayemukeleka, imithombo yemvelo miningi, kanti izindawo zemvelo nezinhlobo zomhlaba zingcono kunezaseNtshonalanga. Kungani uNkulunkulu enza lokhu? UNkulunkulu wenza izinto ezilinganayo phakathi kwabantu abamhlophe nabampofu. Kusho ukuthini lokhu? Kusho ukuthi yonke ingxenye yokudla kwabo, izinto abazisebenzisayo, lokho okujatshulelwa ngabantu abamhlophe ingcono kunejatshulelwa ngabantu abampofu. Nokho, uNkulunkulu akakhethi sizwe. UNkulunkulu wapha abantu abampofu isimo senhlalo esihle kakhudlwana nesingcono ukuba baphile kuso. Lokhu kuwukulingana.

UNkulunkulu unqume phambilini ukuthi yiziphi izinhlobo zabantu okufanele zihlale kuyiphi ingxenye yomhlaba; abantu bangakwazi yini ukweqa le mikhawulo? (Cha, ngeke.) Yinto eyisimanga lena! Noma kungaba nezimpi noma ukweqiwa komthetho ngezikhathi ezahlukahlukene noma ngezikhathi ezithile, lezi zimpi, lokho kweqiwa komthetho akukwazi nakancane ukubhidliza izimo zenhlalo nokuphila uNkulunkulu azimise phambilini ezimisela isizwe ngasinye. Lokho kusho ukuthi, uNkulunkulu ubeke uhlobo oluthile lwabantu engxenyeni ethile yomhlaba kanti ngeke bakwazi ukuphuma kulowo mkhawulo. Noma ngabe abantu banohlobo oluthile lokufisa ukubona ngaleya ngokushintsha noma ngokwandisa indawo yabo, ngaphandle kwemvume kaNkulunkulu, kulukhuni ukuthi bakuzuze lokho. Kungaba lukhuni kakhulu ukuphumelela. Isibonelo, abantu abamhlophe babefuna ukwelula umhlaba wabo base bethatha amanye amazwe. AmaJalimane awathatha amanye amazwe, iNgilandi yangena e-India. Kwaba yini umphumela? Ekugcineni behluleka. Sibonani kulokho kwehluleka? Okunqunywe nguNkulunkulu ngaphambilini akuvumelekile ukuthi kubhidlizwe. Ngakho, noma ungamkhulu kangakanani umfutho obonakale ekukhuleni kweNgilandi, ekugcineni kwakusadingeka bahoxe, bashiye izwe lisaqhubeka nokuba ngele-India. Labo abahlala kulelo zwe basengamaNdiya, abawona amaNgisi. Lokhu kungoba yinto uNkulunkulu angayivumeli. Abanye babacwaningi bomlando noma bepolitiki bayenzile imiqulu yocwaningo ngalokhu. Banikeza izizathu ezishoyo ukuthi kungani iNgilandi yehluleka, bayasho ukuthi kungoba isizwe esithile asikwazanga ukunqobeka, bathi kungaba futhi yisizathu esibandakanya abantu…. Lezi akuzona izizathu eziyizo ngempela. Isizathu sangempela ngesithi kungoba uNkulunkulu—akavumeli lokhu. UNkulunkulu uba nesizwe esihlala endaweni ethile ezweni asihlalise lapho, kanti uma uNkulunkulu engasivumeli ukuthi sisuke lapho asisoze sasuka. Uma uNkulunkulu ethula umkhawulo waso, sizohlala kulowo mkhawulo. Umuntu akakwazi ukuzikhulula noma ukuphuma kule mikhawulo. Lokhu kuliqiniso. Noma ngabe makhulu kangakanani amandla abephuli mithetho noma ngabe kabanamandla kangakanani labo umthetho owephulwa kubo, impumelelo yabo incike kuNkulunkulu ekugcineni. Ukunqumile lokhu phambilini kanti akekho ongakuguqula.

Okungenhla yindlela uNkulunkulu asabalalise ngayo izinhlanga ezahlukahlukene. Msebenzi muni uNkulunkulu awenzile ukusabalalisa izinhlanga? Okokuqala, ulungise isimo esibanzi senhlalo emhlabeni, walungisela abantu izimo zenhlalo ezahlukahlukene, kwase kuphila kuzo izizukulwane ngezizukulwane. Lokhu kuphelelisiwe—umkhawulo wokuphila uphelelisiwe. Futhi impilo yabo, abakuphuzayo, izinzuzo zabo—uNkulunkulu wakuphelelisa konke lokho. Futhi ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto, wenza amalungiselelo ehlukahlukene enzela izinhlobo ezahlukahlukene zabantu: Kunezinhlobo ezahlukahlukene zesakhiwo senhlabathi, izinhlobo ezahlukahlukene zesimo sezulu, izinhlobo ezahlukahlukene zezitshalo, izinhlobo ezahlukahlukene zezimo zenhlalo emhlabeni. Izindawo ezahlukahlukene zize zinezinyoni nezilwane ezahlukahlukene, amanzi ehlukahlukene anezinhlobo ezikhethekile zezinhlanzi nemikhiqizo yamanzi. Ngisho nezinhlobo zezinambuzane ezahlukahlukene ezihlelwe nguNkulunkulu. Ngokwesibonelo, e-US izinto ezikhula ezwekazini laseMelika zinkulu kakhulu, ziphakeme kakhulu kanti zinomfutho futhi omkhulu. Izimpande zezihlahla emahlathini ziphelela phezulu, kodwa izihlahla zikhula ziphakame. Zingaphakama zibe zinde kunamamitha ayikhulu, kodwa izihlahla emahlathini ase-Asia iningi lazo kaziphakeme kakhulu. Thatha isitshalo okuthiwa yinhlaba, ngokwesibonelo. EyaseJaphani kayibanzi, incanyana, kodwa inhlaba yase-US yinkulu kakhulu. Kwehlukile lokhu. Wuhlobo olufanayo lwesitshalo olunegama elifanayo, kodwa ezwenikazi laseMelika lukhulu ngokukhethekile. Umahluko kulezi zinto ngeke wabonakala noma uqondakale, kodwa ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto, wehlukanisa walungisa izindawo zomhlaba zenhlalo ezahlukahlukene, iziganga ezahlukahlukene, kanye nezinto ezahlukahlukene ezinhlangeni ezahlukahlukene. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu wadala izinhlobo ezahlukahlukene zabantu futhi uyazi Yena ukuthi uhlobo ngalunye ludingani nokuthi impilo yabo iyini.

UNkulunkulu Ubusa Phezu Kwakho Konke, UnguNkulunkulu Wezinto Zonke

Emva kokukhuluma ngezinye zalezi zinto, kungabe manje selukhona ulwazana eninalo ngesihloko esisanda kuxoxa ngaso? Kukhona ukuqonda eseninakho ngaso? Kunesizathu esenze ukuthi ngikhulume ngalezi zinto ezihambisana nesihloko esithe ukuba banzi—manje kumele ukuthi seninalo ulwazana ngaso, angithi? Seningangitshela ukuthi ninokungakanani ukuqonda. (Wonke umuntu ubenakekelwa yimithetho ebekwe nguNkulunkulu eyibekela zonke izinto. Ngenkathi uNkulunkulu ebeka le mithetho, wanikeza izinhlanga ezahlukahlukene izimo zenhlalo ezahlukahlukene, izindlela ezahlukahlukene zokuphila, ukudla okwahlukahlukene, izimo zezulu namazinga okushisa ahlukahlukene. Kube njalo ukuze bonke abantu abaphilayo bakwazi ukupheleliswa baphile emhlabeni. Ngalokhu ngiyakwazi ukubona ukuthi izinhlelo zikaNkulunkulu zokuba baphile ziyanemba futhi ngiyabona ukuhlakanipha nokunemba Kwakhe kanye nothando Lwakhe kithi thina bantu.) (Imithetho nemikhawulo ebekwe nguNkulunkulu ayinakuguqulwa yinoma yimuphi umuntu, isehlakalo, noma into. Konke kungaphansi kokubusa Kwakhe.) Uma sibheka ngeso lemithetho ebekwe nguNkulunkulu enzela ukuthi kukhule yonke into, ngabe bonke abantu, noma ngabe bayiluphi uhlobo, abaphila ngaphansi kokuhlinzeka kukaNkulunkulu—akukhona ukuthi bonke baphila ngaphansi kokunakekelwa Nguye? Uma bekungathiwa le mithetho isusiwe noma uma ngabe uNkulunkulu ubengazange abeke lolu hlobo lwemithetho kumuntu, ukubikezela kwabo bekuzoba njani? Emva kokuthi abantu belahlekelwe yizimo zenhlalo ezejwayelekile abaphila kuzo, bebezoba nayo imithombo yokudla? Kubukeka kungenzeka kube yinkinga ukudla. Uma abantu belahlekelwa yimithombo yokudla, okusho ukuthi, uma bengakwazi ukuthola okokudla bangabambelela izinsuku ezingaki? Kungenzeka behluleke ukubambelela ngisho inyanga eyodwa, futhi ukuphila kwabo kungaba yinkinga. Ngakho izinto ngayinye ngayinye azenzile uNkulunkulu ukuba abantu baqhubeke baphile, bande, futhi basimame kubalulekile. Yonke into ngayinye ngayinye uNkulunkulu ayenzayo kuzo zonke izinto isondelene futhi kayehlukaniseki nokuphila kwabantu. Uma ukuphila komuntu kuba yinkinga, ngabe ukuphatha kukaNkulunkulu kungaqhubeka? Ngabe ukuphatha kukaNkulunkulu kusekhona? Ukuphatha kukaNkulunkulu kuhambisana nokuphila kwawo wonke umuntu amnakekelayo, ngakhoi noma ngabe yini uNkulunkulu ayilungisela zonke izinto kanye nalokho akwenzela abantu, konke kuyisidingo Kuye, futhi kubaluleke kakhulu ekuphileni komuntu. Uma le mithetho ebekwe nguNkulunkulu ezintweni zonke bekungagudlukwa kuyo, uma le mithetho beyingephulwa noma ithikanyezwe, izinto zonke bezingeke zikwazi ukuqhubeka nokuba khona, izimo zenhlalo nokuphila kwabantu bezingeke ziqhubeke nokuba khona, ukunakekeleka kwansuku zonke, nabo bebengeyuba khona. Ngaleso sizathu, ukuphatha kukaNkulunkulu kokusindiswa kwabantu bekungeke kube khona nakho.

Yonke into esixoxe ngayo, noma incane kanjani, yonke inamathele yaxhumana nokuphila kwawo wonke umuntu ngamunye ngamunye. Nizothi-ke, “Lokhu okhuluma ngakho kukhulu kakhulu, asikwazi ukukubona,” kanti futhi kungaba nabantu abathi “Lokhu okhuluma ngakho akungithinti nakancane mina.” Nokho, ungakhohlwa ukuthi uphila njengengxenye yazo zonke izinto; uyilungu lazo zonke izinto ekubuseni kukaNkulunkulu. Azikwazi izinto zonke ukwehlukaniswa nokuphatha kukaNkulunkulu, kanti futhi akukho noyedwa umuntu ongazehlukanisa nokuphatha Kwakhe. Ukulahlekelwa ukubusa Kwakhe kanye nokulahlekelwa ukuhlinzeka Kwakhe kungasho ukuthi izimpilo zabantu, nokuphila kwabo enyameni kungashabalala. Lokhu ukubaluleka kukaNkulunkulu ekwakheni izimo zenhlalo nokuphila komuntu. Akunandaba ukuthi uyisiphi isizwe noma uhlala kuliphi izwe, kungaba seNtshonalanga noma eMpumalanga—awukwazi ukuzehlukanisa nezimo zenhlalo nokuphila ezenzelwe abantu nguNkulunkulu, nokuthi ngeke ukwazi ukuzehlukanisa wena nokunakekela kanye nokuhlinzekwa kwezimo zenhlalo nokuphila ezibekwe Nguye ezibekela abantu. Noma ngabe impilo yakho iyiphi, wethembele kukuphi ukuphila, futhi wethembele kukuphi ukugcina impilo yakho yenyama, awukwazi ukuzehlukanisa nokubusa kukaNkulunkulu nokuphatha Kwakhe. Abanye abantu bathi: “Angiyena umlimi, angiphili ngokutshala izitshalo. Angethembele emazulwini ukuthi ngithole ukudla, ngakho angiphili endaweni ebekwe nguNkulunkulu ukuthi ngiphile ngayo. Lolo hlobo lwendawo alukaze lunginike lutho.” Kulungile lokhu na? Uthi awutshali izitshalo ukuthi uphile, ngabe awukudli okusanhlamvu? Awuyidli inyama namaqanda? Awuyidli imifino nezithelo? Konke okudlayo, zonke lezi zinto ozidingayo, kazehlukaniseki nenhlalo ophila kuyo ebekelwe abantu nguNkulunkulu. Futhi umthombo wakho konke okudingwa ngabantu awukwazi ukwehlukaniswa nezinto zonke ezadalwa nguNkulunkulu, okuyizinhlobo zezindawo eziphilisayo. Amanzi owaphuzayo, izingubo ozigqokayo, kanye nazo zonke izinto ozisebenzisayo—yikuphi kulokho okungatholakali ezintweni zonke? Abanye abantu bathi: “Kukhona izinto ezingatholakali kwezinye izinto. Uyabona, ipulastiki ayiveli kuzo zonke izinto. Iyikhemikhali, yakhiwe ngumuntu.” Kulungile lokhu? Ipulastiki yakhiwe ngumuntu, iyikhemikhali, empeleni zivelaphi izinto eziyakhile? Indabuko yezinto isezintweni ezadalwa nguNkulunkulu. Izinto ozijabulelayo, ozibonayo, into ngayinye kuzo zonke ozibonayo ivela kuzo zonke izinto ezidalwe nguNkulunkulu. Lokho kusho ukuthi, noma ngabe yisiphi isizwe, noma ngabe iyiphi impilo, noma ngabe luhlobo luni lwenhlalo nokuphila abantu abakuyo, abakwazi ukuzehlukanisa nokuhlinzeka kukaNkulunkulu. Ngabe lezi zinto esixoxe ngazo namuhla zihlobene ngalokho nesihloko esithi “UNkulunkulu Umthombo Wokuphila Wazo Zonke Izinto”? Ngabe izinto esixoxe ngazo namuhla ziyangena kulesi sihloko esikhulukazi? (Yebo.) Mhlawumbe okunye kwalokho engikhulume ngakho namhlanje kuthanda ukungacaci futhi kulukhunyana ukuthi kuxoxwe ngakho. Nokho, ngicabanga ukuthi nikuqonda kangconywana manje.

Kulezi zikhathi ezimbalwa sihlangene, izinhlobo zezihloko esihlangane ngazo zibanzi, imikhawulo yazo ibanzi, ngakho kudinga ukuthi nithi ukusebenza kanzinyana ukuziqonda. Lokho kungenxa yokuthi lezi zihloko ziyizinto abantu abangakaze bahlangabezane nazo ekukholweni kwabo nguNkulunkulu. Abanye abantu bezwa kungummangaliso abanye abantu bakuthatha njengendaba nje—yikuphi okuliqiniso? Nikuzwa ngayiphi indlela konke lokhu? (Sibona ngendlela ehlelekile uNkulunkulu ahlela ngayo izinto nokuthi zonke izinto zinale mithetho, kanti ngala mazwi siyakwazi ukuziqonda kakhulu izenzo zikaNkulunkulu kanye nezinhlelo Zakhe zokusindisa umuntu ezisezingeni eliphakeme.) Kulezi zikhathi zokuhlangana kwethu, kungabe niyibonile imikhawulo yokuphatha kukaNkulunkulu kwezinto zonke? (Bonke abantu, yonke into.) Ngabe uNkulunkulu nguNkulunkulu wesizwe esisodwa? Ngabe uNkulunkulu nguNkulunkulu wohlobo olulodwa lwabantu? Ngabe unguNkulunkulu wabantu abambalwa nje? (Cha, akanjalo.) Njengoba kungenjalo, ekwazini kwabantu uNkulunkulu, uma ubenguNkulunkulu wedlanzana labantu, noma ukube benikholwa ukuthi uNkulunkulu nguNkulunkulu wakho kuphela, bekuyoba ngokwamukelekileyo lokho? Njengoba uNkulunkulu uphethe futhi ubusa phezu kwazo zonke izinto, abantu kumele bazibone izenzo Zakhe, ukuhlakanipha Kwakhe, kanye nokuba nguSomandla okuvela ekubuseni Kwakhe phezu kwazo zonke izinto. Lokhu yinto abantu bonke okumele bayazi. Uma uthi uNkulunkulu uphethe zonke izinto, ubusa phezu kwazo zonke izinto, futhi ubusa phezu kwabo bonke abantu, kodwa ungenakho ukuqonda noma ukwazi ukubusa Kwakhe phezu kwabantu, ngabe uyokwazi ukwamukela ukuthi ubusa phezu kwazo zonke izinto? Ungaba nawo umcabango enhliziyweni yakho othi, “Ngiyokwazi, ngoba ngiyabona ukuthi impilo lena yami ibuswa nguNkulunkulu.” Kodwa kungabe uNkulunkulu mncane kangako? Akanjalo! Ubona kuphela ukusindisa kukaNkulunkulu kuwe kanye nomsebenzi awenza kuwe, bese kuthi kulezo zinto ubone ukubusa Kwakhe. Kunomkhawulo omncane kakhulu lokho kanti kunalo ithonya eliyilo ekwazini kwakho uNkulunkulu. Kuyalufinyeza futhi ulwazi lwakho oluphelele ngokubusa kukaNkulunkulu phezu kwezinto zonke. Uma uzinqumela ulwazi lwakho ngoNkulunkulu ukuba luphelele emkhawulweni walokho okuhlinzekwa nguNkulunkulu kanye nokusindisa Kwakhe wena kuphela, awuyuphinde ubone ukuthi ubusa phezu kwazo zonke izinto, ukuthi ubusa phezu kwezinto zonke, futhi ubusa phezu kwabo bonke abantu. Uma wehluleka ukubona konke lokhu, uyokwazi pho ukubona ukuthi uNkulunkulu ubusa phezu kwesigcino sakho? Ngeke. Enhliziyweni yakho ngeke nakanye ukwazi ukubona lokho—ngeke nakanye ukwazi ukubona lelo zinga. Uyakuqonda lokho, angithi? Empeleni, ngiyazi ukuthi niziqonda kangakanani lezi zihloko, le ngqikithi engikhuluma ngayo, ngakho kungani ngilokhu ngikhuluma ngayo? Kungoba lezi zihloko ziyizinto okumele ziqondwe yiwo wonke umuntu olandela uNkulunkulu, wonke umuntu ofuna ukusindiswa nguNkulunkulu—kumele bazazi lezi zihloko. Noma ngabe esikhathini samanje, awuziqondi, ngelinye ilanga, uma impilo yakho kanye nolwazi lwakho lweqiniso kufika ezingeni elithile, uma ubunjalo bempilo yakho bufinyelela ezingeni elithile nomzimba wakho ukhula ufinyelela ezingeni elithile, kuyoba yileso sikhathi kuphela lapho lezi zihloko engikhuluma nani ngazo ekuhlanganyeleni ziyokuhlinzekela khona futhi zanelise isifiso sakho sokufuna ulwazi ngoNkulunkulu. Ngakho la mazwi ngawokwakha isesekelo, ukulungiselela ukuqonda kwenu ngesikhathi esizayo ukuthi uNkulunkulu ubusa phezu kwezinto zonke kanye nokuqonda Yena uNkulunkulu uqobo.

Nokho ulwazi ngoNkulunkulu uma luluningi ezinhliziyweni zabantu yilo olukalayo ukuthi unasiphi isikhala ezinhliziyweni zabo. Nokho ulwazi oluningi ngoNkulunkulu ezinhliziyweni zabo lubheke ukuthi mkhulu kangakanani uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. Uma uNkulunkulu omaziyo engenalutho futhi engacacile, kungukuthi uNkulunkulu okholwa kuye akanalutho futhi akacacile. UNkulunkulu omaziyo uphelela kuphela emkhawulweni wokuphila kwakho, futhi akahlangene ngalutho noNkulunkulu oliqiniso uqobo Lwakhe. Ngalokho, ukwazi izenzo eziwuqobo zikaNkulunkulu, ukwazi ubuqiniso bukaNkulunkulu kanye namandla Akhe, ukwazi ubuqiniso bobuyena uNkulunkulu uqobo, ukwazi lokho anakho kanye nayikho, ukwazi lokho akukhombisile ngaphezu kwazo zonke izinto—lokho kubaluleke kakhulu kuwo wonke umuntu olandela ulwazi lukaNkulunkulu. Lokhu kunemithelela eqondene ngqo nokuthi ingabe abantu bangangena yini oqotsheni lweqiniso. Uma ubeka imingcele ephelela emazwini kuphela ekuqondeni kwakho uNkulunkulu, uma ubeka imingcele ephelela olwazini lwakho oluncane, umusa kaNkulunkulu owubalayo, noma ubufakazi bakho obuncane kuNkulunkulu, ngalokho ngithi uNkulunkulu okholwa kuye akuyena ngempela uNkulunkulu weqiniso Uqobo Lwakhe futhi kungashiwo ukuthi uNkulunkulu omkholwayo unguNkulunkulu wokuzakhela engqondweni, akuyena uNkulunkulu weqiniso. Lokhu kungoba uNkulunkulu weqiniso nguye kuphela obusa phezu kwezinto zonke, lokho kuya kuzo zonke izinto, olawula izinto zonke. Nguye ophethe isigcino sabo bonke abantu—Nguye ophethe isigcino sayo yonke into. Imisebenzi kanye nezenzo zikaNkulunkulu engikhuluma ngaye kazigcini kuphela engxenyeni encane yabantu. Okungukuthi, akugcini nje kubantu abamlandelayo njengamanje. Izenzo Zakhe zivela kuzo zonke izinto, ekuqhubekeni nokuba khona kwazo zonke izinto, kanye nasemithethweni yokuguquka kwazo zonke izinto. Uma ungakwazi ukubona noma ukuzwa noma yisiphi isenzo sikaNkulunkulu kuzo zonke izinto, ngeke ukwazi ukuba ngufakazi wezenzo Zakhe. Uma ungakwazi ukuba ngufakazi kaNkulunkulu, uma uqhubeka nokukhuluma ngoNkulunkulu omncane lo omaziyo, lo Nkulunkulu ophelela emibonweni yakho kuphela, osemqondweni wakho omfushane, uma uqhubeka nokukhuluma ngalolo hlobo lukaNkulunkulu, ngalokho uNkulunkulu akasoze akuncoma ukukholwa kwakho. Uma unobufakazi ngoNkulunkulu, uma usebenzisa ukuthi uwujabulela kanjani umusa kaNkulunkulu, wamukela ukuyala kukaNkulunkulu kanye nokuthobisa Kwakhe, ujabulela izibusiso Zakhe ebufakazini bakho Ngaye, lokho akwanele kakhulu, kukude nokumanelisa. Uma ufuna ukuba nobufakazi kuNkulunkulu ngendlela ehambisana nentando Yakhe, unobufakazi ngoNkulunkulu uqobo oliqiniso, ngaleyo ndlela kumele ukubone lokho uNkulunkulu anakho nayikho ukubona ezenzweni Zakhe. Kumele ubone igunya likaNkulunkulu ekulawuleni Kwakhe zonke izinto, bese ubona iqiniso lokuthi ubahlinzeka kanjani abantu bonke. Uma wamukela kuphela ukuthi ukudla kwakho nokuphuza kwansuku zonke nokuthi izidingo zakho empilweni zivela kuNkulunkulu, kodwa ungaliboni iqiniso lokuthi uNkulunkulu uhlinzekela bonke abantu ngezinto zonke, ukuthi uhola bonke abantu ngokubusa Kwakhe phezu kwazo zonke izinto, ngalokho awusoze wakwazi ukuba nobufakazi ngoNkulunkulu. Yini inhloso yami ngokusho konke lokhu? Ukuze ningakuthathi kalula lokhu, ukuze ningakholwa nje ukuthi lezi zihloko engikhulume ngazo azinasidingo ezimpilweni zenu, futhi ukuze ningazithathi lezi zihloko njengohlobo nje lolwazi noma lomthetho. Uma nilalela ngaleyo ndlela yokuziphatha, ngeke nizuze lutho. Nizolilahla leli thuba lokwazi uNkulunkulu.

Yini inhloso yami ekukhulumeni ngazo zonke lezi zinto? Inhloso yami ukwenza abantu bamazi uNkulunkulu, ukwenza abantu baqonde izenzo zikaNkulunkulu ezibonakalayo. Uma sewumqonda uNkulunkulu uzazi nezenzo Zakhe, kungaleso sikhathi kuphela lapho uzoba nethuba khona noma namandla okumazi. Uma, ngokwesibonelo nje, ufuna ukuqonda umuntu, wenza njani ukuthi umazi? Ngabe kuba ukumbona ingaphandle lakhe? Ngabe kuba ukumbuka ukuthi ugqokeni, ugqoke kanjani? Ngabe kuba ukubheka ukuthi uhamba kanjani? Kungaba ukubheka ukuthi ulwazi lwakhe lugcinaphi? (Cha.) Ngakho umqonda kanjani umuntu? Wahlulela ngokukhuluma kwakhe kanye nokuziphatha, ngemicabango yalowo muntu, ngakushoyo nakuvezayo. Yiyona ndlela lena ongamazi ngayo umuntu, ongamqonda ngayo. Ngokunjalo, uma nifuna ukwazi uNkulunkulu, uma nifuna ukuqonda izibonakaliso Zakhe, uhlangothi Lwakhe oluyiqiniso, kumele nimazi ngezenzo Zakhe kanye nangento ngayinye ayenza ibe yisibonakaliso. Lena iyona ndlela enhle kunazo zonke, futhi ngukuphela kwendlela leyo.

UNkulunkulu Ulinganisa Ubuhlobo Phakathi Kwazo Zonke Izinto Ukuze Anikeze Abantu Indawo Ezinzile Ukuba Baphile

UNkulunkulu uveza izenzo Zakhe kuzo zonke izinto nakuzo zonke izinto uyabusa futhi uphethe imithetho yazo zonke izinto. Sisanda kukhuluma ngokuthi uNkulunkulu ubusa kanjani phezu kwemithetho yazo zonke izinto kanye nokuthi uhlinzeka kanjani aphinde anakekele bonke abantu kuyo leyo mithetho. Lokho wuhlangothi olulodwa. Okulandelayo, sizokhuluma ngokunye, okuyindlela eyodwa uNkulunkulu alawula ngayo zonke izinto. Lena yindlela, emva kokudala Kwakhe zonke izinto, alinganisa ngayo ukuhlobana kwazo. Lesi ngesinye sezihloko ezibanzi kakhulu kinina. Ukulinganisa ukuhlobana phakathi kwezinto zonke—kungabe yinto lena abantu abangaphumelela kuyo? Abantu uqobo ngeke. Abantu bakwazi ukubhidliza kuphela. Abakwazi ukulinganisa ukuhlobana phakathi kwezinto; abakwazi ukuziphatha, futhi abanalo igunya noma amandla amakhulu kanjalo. NguNkulunkulu uqobo kuphela onalolo hlobo lwamandla okwenza leyo nto. Inhloso kaNkulunkulu ekwenzeni into enjengalena—ingeyani? Kuyafana, kuhlobene nokuphila komuntu. Yonke into uNkulunkulu afuna ukuyenza inesidingo—ayikho into anokuyenza noma angenakuyenza. Ukuze agcine ukuvikeleka kokuphila komuntu bese enika abantu isimo senhlalo nokuphila kuyo, kunezinto ezinesidingo, izinto ezibalulekile okumele azenze ukuvikela ukuphila.

Kusukela encazelweni esobala yebinzana lamazwi athi “UNkulunkulu ulinganisa zonke izinto,” yisihloko esibanzi kakhulu; okokuqala sihlinzekela wena ngengqikithi ukuze wazi ukuthi ukulinganisa zonke izinto kungukuphatha kukaNkulunkulu ngokuqondile phezu kwezinto zonke. Igama elithi “ukulinganisa” lisho ukuthini? Okokuqala “ukulinganisa” kusho ukungavumeli ukuthi into ingabi sesimeni sokungabi ngeqondileyo. Kufana nokusebenzisa isikali ukukala izinto. Ukuze kulinganiswe izikali, isisindo sezinhlangothi zombili kumele sifane. UNkulunkulu wadala izinto eziningi kuzo zonke izinto—wadala izinto ezinganyakazi, izinto ezinyakazayo, izinto eziphilayo, izinto eziphefumulayo, kanye nalezo ezingaphefumuli. Kulula yini kuzo zonke lezi zinto ukuthi zikwazi ukuhlobana zisebenzisane, ukuthi zixhasane zikwazi nokuma kulokho, kube khona ukuxhumana kuzo zonke? Kukhona umgomo kukho konke lokhu. Kuyinxakanxaka kakhulu, akunjalo? Akulukhuni kuNkulunkulu, nokho, kubantu, kuyinkimbinkimbi kakhulu ukwenza ucwaningo lwakho. Kuyizwi elilula kakhulu—ukulinganisa. Nokho, uma abantu belicwaninga, uma bedinga ukwenza isilinganiso, khona-ke ngisho lezo zifundiswa zikusebenza lokhu—abantu abatadisha impilo yomuntu, osonkanyezi, abatadisha imizimba yezinto eziphilayo, osokhemisi kanye nabomlando—ungaba yini umphumela walolo cwaningo? Umphumela walapho ungaba yinto engekho. Kungoba ukudala kukaNkulunkulu izinto zonke kuyinto engakholeki kakhulu kanti abantu abasoze bazembula izimfihlo zalokho. Ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto, wabeka imigomo phakathi kwalokho, wenza izindlela ezahlukahlukene zokuphila ukuba zibambisane ngakho, zisizane, bese zilondolozeka. Lezi zindlela ezahlukahlukene ziyinkimbinkimbi kakhulu; kazilula nje kazilona ubala. Uma abantu besebenzisa imiqondo yabo, ulwazi abaluzuzile, kanye nezinto abazibonile ukuqinisekisa noma ukucwaninga imigomo ngokuphatha kukaNkulunkulu phezu kwezinto zonke, lezi zinto zilukhuni kakhulu ukuthi bangazivundulula, futhi kulukhuni ukuthola imiphumela noma ngabe yimiphi. Kulukhuni kakhulu ukuthi abantu bathole imiphumela; kulukhuni kakhulu ukuthi abantu bagcine isilinganiso sabo lapho bebusa zonke izinto ezidalwe nguNkulunkulu ngokuncika ekucabangeni naselwazini lomuntu. Lokhu kungenxa yokuthi abantu abayazi imigomo yokuphila kwazo zonke izinto, abakwazi ukuvikela isilinganiso esiyilolu hlobo. Ngakho, uma abantu bebengaphatha futhi babuse zonke izinto, bebeyokulimaza ukulingana kwezinto. Masinya emva kokulimala kokulingana, izindawo abaphila kuzo beziyobhidlika, kuthi uma kwenzeka lokho, kulandelwe yisixakaxaka ekuphileni kwabo. Bekuyoba nesimo esibucayi. Uma isintu siphila ngaphansi kwesimo esibucayi, yini elandela lapho? Umphumela okulukhuni ukuwuqagela, okulukhuni ukuwubikezela.

Manje-ke uNkulunkulu ukulinganisa kanjani ukuhlobana phakathi kwezinto? Okokuqala, kunezinye izindawo emhlabeni ezembozwe yisithwathwa neqhwa unyaka wonke, ngenkathi kwezinye izindawo, zonke izikhathi zonyaka zifana nentwasahlobo. Ngeke ubone ngisho ichashazi lesithwathwa noma izinhlayiya zeqhwa—akukho busika. Uhlangothi olulodwa lolu—oluvelelwe ngasohlangothini lwesimo esibanzi sezulu. Indlela yesibili yilena: Uchungechunge lwezintaba lugcwele uhlaza, lapho zonke izinhlobo zezitshalo zemboze inhlabathi; kukhona imidwedwe yamahlathi kanti uma uzulazula khona awukwazi ukubona ilanga. Kwezinye izintaba utshani abumili nakumila—kunonqenqema phezu konqenqema lwezintaba zasendle, ezinganothile. Uma ubheka uqhamuka ngaphandle, zombili yizintaba ezinenqwaba yokungcola. Iqeqeba elilodwa lezintaba liphuphuma uhlaza, elinye alinabo ngisho utshani. Lolu wuhlobo lwesibili. Ohlotsheni lwesithathu, uyobona izindawo ezinotshani ezinde kakhulu, insimukazi yohlaza okungathi luyathathaza. Noma ubone ugwadule kuye kuphele amehlo; awuboni lutho oluyinto ephilayo, ikakhulu umthombo wamanzi, uzwa umlozi womoya uphephetha isihlabathi. Ohlotsheni lwesine, eyodwa indawo yembozwe wulwandle, olwakhiwe yizindawo ezibanzi zamanzi, kanti enye indawo uba sesimeni esiphoqayo ukuthi uthole amanzi noma ngawesiphethu. Ohlotsheni lwesihlanu, kwenye indawo umkhizo uvamile kanti kunomlalamvubu nomhwamuko, kuthi kwenye indawo kuvame ukubalela kwelanga okunolaka futhi ongeke ubone ngisho iconsi lemvula khona. Kolwesithupha, uhlobo olulodwa lwendawo yiphezulu lentaba eliqondileyo lapho umoya umncinyane khona kulukhuni nokuphefumula kumuntu, kanti kolunye uhlobo lwendawo kunamaxhaphozi nezindawo eziyizigodi, ezingamakhaya ezinhlobo ezahlukahlukene zezinyoni ezifikayo ziphinde zinyamalale. Lezi yizinhlobo ezahlukahlukene zezimo zezulu, noma izimo zezulu noma izindawo ezihambisana nezimo zenhlalo ezahlukahlukene. Lokho kusho ukuthi, uNkulunkulu ulinganisa izindawo abaphila kuzo abantu nezimo zezindawo ezinkulu, kusukela esimeni sezulu kuya esimeni sendawo, kusukela ezintweni ezahlukahlukene inhlabathi eyakhiwe ngazo kuya esilinganisweni semithombo yamanzi ukuze kube nokulingana emoyeni, emazingeni okushisa kanye nasesimeni somhwamuko ezindaweni abaphila kuzo abantu. Kulezi zinto eziphikisanayo ngokwezimo ezahlukahlukene zezindawo zomhlaba, abantu bazoba nomoya wokuthula kanye namazinga okushisa nomhwamuko ukuze izinkathi ezahlukahlukene zonyaka zibe nokuzinza. Lokhu kuvumela abantu ukuthi baphile kulezo zimo zokuphila njalo njalo. Okokuqala, indawo enkulu kumele ibe nezimo ezilingene. Lokhu kwenzeka ngokusebenzisa izindawo ezahlukahlukene zomhlaba kanye nomumo nezinguquko phakathi kwezimo zezulu ezahlukahlukene ukuba kube nokusebenzisana kwakheke ukulingana okufunwa nguNkulunkulu kanye nokudingwa ngumuntu. Lokhu kuqhamuka ohlangothini lwendawo ebanzi.

Uma sibheka imininingwane, efana nohlaza, kwenzeka kanjani ukuthi lokho kube nokulinganisa? Okungukuthi, kwenzeka kanjani ukuthi uhlaza luvunyelwe luqhubeke nokuphila endaweni enokulinganisa yokuphila? Kwenziwa ngokulawula isikhathi sokuphila, kanye nesivinini sokuzalana kwezinhlobo ezahlukahlukene zezitshalo ukulondoloza isimo senhlalo nokuphila. Sebenzisa utshanyana obuncanyana njengesibonelo—kunezimpande zasentwasahlobo, izimbali zehlobo, kanye nezithelo zasekwindla. Isithelo siwela enhlabathini. Ngonyaka olandelayo, imbewu esesithelweni iyaqhekezeka iqhubeke ilandela imithetho efanayo. Isikhathi sokuphila kotshani sifushane kakhulu. Yonke imbewu iwela enhlabathini, imile izimpande bese ikhahlela, iqhakaze bese ithela izithelo—lokhu kwenzeka kuphela entwasahlobo, ehlobo, nasentwasabusika. Futhi zonke izinhlobo zezihlahla zinesikhathi sazo sokuphila ngezikhathi ezahlukahlukene, ukukhahlela kanye nokuthela izithelo. Ezinye izihlahla zifa eminyakeni engama-30 kuya kwengama-50—zinesikhathi sokuphila esiyiminyaka engama-30 kuya kwengama-50, kodwa izithelo zazo ziwela enhlabathini, kukhule izimpande zikhahlele, ziqhakaze bese zithela izithelo, ziphinde ziphile iminyaka engama-30 kuya kwengama-50. Lesi yisikhathi sazo sokuziphindaphinda. Isihlahla esidala siyafa bese kukhula esisesincane—yikho uhlala ubona izihlahla zikhula ehlathini. Kodwa zinomjikelezo wazo ojwayelekile kanye nezinqubo zokuzala nokufa. Ezinye izihlahla zingaphila kweqe eminyakeni ayinkulungwane, kanti ezinye zingaphila iminyaka eyizinkulungwane ezintathu. Noma ngabe luhlobo luni lwesitshalo noma isikhathi sempilo yaso singaba ngakanani, ngokujwayelekile, uNkulunkulu ulawula isilinganiso ebhekise ekuthini siphila isikhathi esingakanani, ikhono laso sokukhiqiza sande, isivinini sokuzalana kwaso kanye nenani lesivinini sokuzalana. Lokhu kuzivumela ukuthi, kusukela otshanini kuya ezihlahleni, ziqhubeke nokusebenza, zikhule endaweni eziphila kuyo ngokwesilinganiso sazo. Ngakho uma ubuka ihlathi emhlabeni, noma ngabe yisihlahla noma utshani, kuyaqhubeka nokwanda kanye nokukhula ngokulandela imithetho yakho. Akudingi lusizo oluvela kumuntu; akudingi msebenzi owengeziwe oqhamuka kumuntu. Kuphela kungoba zinalesi silinganiso esenza ziqhubeke ezindaweni eziphila kuzo. Kungenxa nje kuphela yokuthi zinendawo efanelekile yokuphila ukuthi la mahlathi, lezi zindawo zotshani ziqhubeka nokuphila emhlabeni. Ubukhona bazo bunakekela izizukulwane ngezizukulwane zabantu kanye nezizukulwane ngezizukulwane zazo zonke izinhlobo zezinto eziphilayo ezihlala emahlathini kanye nasezindaweni zotshani—izinyoni nezilwane, izinambuzane, kanye nazo zonke izinhlobo zezinto ezingabonakali.

UNkulunkulu uphinda alawule ukulinganisa zonke izinhlobo zezilwane. Lesi silinganiso usilawula kanjani? Kuyafana nasezitshalweni—ulawula isilinganiso sazo bese ebeka amanani azo ngokusebenzisa ikhono lazo lokuzalana zande, ubuningi bazo kanye nejubane lokuzalana zande neqhaza ezilibambayo ezilwaneni. Isibonelo, amabhubesi adla amadube, ngakho uma inani lamabhubesi beledlula elamadube, besizoba njani isigcino samadube? Abezoshabalala. Uma inani lokuzalana kwamadube belingaba ngaphansi kakhulu kwelamabhubesi, besizoba yini isigcino samabhubesi? Abezoshabalala nawo. Ngakho, inani lamadube kumele libe ngaphezulu kude enanini lamabhubesi. Lokhu kungoba amadube akukhona nje hhayi ukuthi aziphilela wona kuphela; kodwa aphilela amabhubesi. Ungasho futhi ukuthi idube ngalinye liyingxenye eyodwa yamanye amadube, kodwa liwukudla futhi emlonyeni webhubesi. Isivinini azalana ngaso amabhubesi asikwazi ukudlula leso samadube, ngakho inani lawo alisoze ledlula elamadube. Kungale ndlela yodwa ukuthi umthombo wokudla kwamabhubesi uqinisekiswe. Ngakho, noma amabhubesi eyizitha zemvelo zamadube, abantu bazibona lezi zilwane zihleli zinethezekile endaweni eyodwa. Amadube awasoze ancipha ngesibalo noma ashabalale ngenxa yokuthi amabhubesi ayawazingela awadle, kanti amabhubesi awasoze anda ngesibalo ngoba nakhu “angamakhosi.” Lokhu kulingana kuyinto uNkulunkulu ayesekela kudalo. Okungukuthi, uNkulunkulu wabeka imithetho yokulingana phakathi kwazo zonke izilwane ukuze zikwazi ukulingana, futhi lokhu yinto abantu abahlale beyibona. Ngabe amabhubesi wodwa ayizitha zemvelo zamadube? Cha, izingwenya nazo ziyawadla amadube. Amadube abukeka eyizilwane ezingakwazi ukuzisiza. Awanaso isihluku samabhubesi, futhi athi ebhekene nelilodwa, ngoba liyisitha esinamandla, abaleke. Awakwazi nokuma alwe. Uma engakwazi ukulishiya ibhubesi, ayavuma ukuthi adliwe yilo. Lokhu kubonaka emhlabeni wezilwane. Nizizwa kanjani uma nibuka lolu hlobo lwento? Niyawazwela amadube? Niyawenyanya amabhubesi? Amadube abukeka emahle kanjani! Kodwa amabhubesi, ahlala ewabheka ngeso lokuwalambela. Kanti ngobulima nje, amadube awabaleki aye kude. Ayalibona ibhubesi limi laphaya liwalindile, limi linganakile ngaphansi kwesihlahla. Ubani owaziyo ukuthi lizowadla nini. Ayakwazi lokhu ezinhliziyweni zawo, kodwa awasuki kuleyo ndawo. Yinto eyisimanga lena. Le nto eyisimanga iphethe isinqumo sikaNkulunkulu esiphethweni sayo, umthetho Wakhe. Uyalizwela idube kodwa awukwazi ukulisindisa, uyezwa ukuthi leliya bhubesi liyenyanyeka kodwa awukwazi ukulintshinga kude. Idube liwukudla uNkulunkulu akulungisele ibhubesi, kepha noma amabhubesi angawadla kanjani, amadube awasoze aphela. Inani lamawundlu azalwa ngamabhubesi liphansi kakhulu, kanti azala kancane kakhulu, ngakho noma angadla amadube amaningi kangakanani, inani lawo ngeke lize libe likhulu kunelamadube. Lolu wuhlobo lokulingana.

Iyini inhloso kaNkulunkulu ekugcineni Kwakhe lolu hlobo lokulinganisa? Imayelana nezimo zenhlalo nokuphila kwabantu kanye nokuqhubeka komuntu nokuphila. Uma amadube, noma yisiphi-ke esinye isilwane esizingelwa yibhubesi—inyamazane enezimpondo ezimagatshagatsha noma ezinye izilwane—zizalana kancane kakhulu kanti inani lamabhubesi likhula ngokushesha, luhlobo luni lwengozi abangabhekana nayo abantu kulokho? Ukuthi amabhubesi adle izilwane azizingelayo yinto ejwayelekile, kodwa uma ibhubesi lidla umuntu, kuyimbangalusizi. Lolu sizi aluyona into ehlelwe nguNkulunkulu, akukho ekubuseni Kwakhe, akusabalwa-ke nalokho akulethele umuntu. Okungenani, kuyinto abantu abazilethele yona bona kubo. Ngendlela uNkulunkulu akubona ngayo, ukulingana phakathi kwazo zonke izinto kubalulekile ekuphileni komuntu. Noma ngabe yizitshalo noma yizilwane, ngeke zilahlekelwe ukulingana okuphelelisiwe. Izitshalo, izilwane, izintaba, kanye namachibi—uNkulunkulu ukulungisele umuntu inhlalo nokuphila okujwayelekile. Kuphela uma abantu benalolu hlobo lwendawo yokuphila—elinganisekile—ukuphila kwakhe kuqinisekisiwe. Uma izihlahla noma utshani bekungenalo izinga elihle lokuzalana noma isivinini sokuzalana besiphansi, inhlabathi beyizolahlekelwa wumhwamuko wayo? Uma beyilahlekelwe wumhwamuko inhlabathi, ibisengaba nempilo? Uma inhlabathi ilahlekelwa wuhlaza kanye nomhwamuko, beyizoguguleka masinya kakhulu, kwakheke isihlabathi esikhundleni sayo. Uma inhlabathi yonakala, izimo zenhlalo zokuphila kwabantu nazo bezizokonakala. Obekuzohambisana nalokhu konakala bekuzoba yinhlekelele. Ngaphandle kwalolu hlobo kokulinganisa isimo senhlalo nokuphila, ngaphandle kwalolu hlobo lwesimo senhlalo nokuphila, abantu njalo bebezohlukunyezwa yizinhlekelele ezidalwa yilokhu kungalingani phakathi kwezinto zonke. Isibonelo, lapho kukhona ukungalingani kwesimo senhlalo nokuphila kuholela ekonakaleni kwesimo sendawo yamasele, onke ahlangana ndawonye, kukhuphuke isibalo sawo kakhulu bese abantu bebona amasele amaningi ewela imigwaqo emadolobheni. Uma isibalo esikhulu samasele sesithatha indawo abantu abahlala nabaphila kuyo, kubizwa ngani lokho? Ngenhlekelele. Kungani kubizwa ngenhlekelele? Lezi zilwane ezincane eziyinzuzo yabantu ziwusizo kubantu uma zisendaweni yazo ezifanele; zilondoloza ukulingana phakathi kwabantu nezimo zenhlalo nokuphila. Uma kuba nenhlekelele, kuthinteka uhlelo lwempilo yabantu. Zonke izinto nakho konke amasele afika nakho kuba nethonya ebuhleni bempilo yabantu. Kungahlaseleka ngisho izitho zabo zomzimba—okungolulodwa lwezinhlobo zenhlekelele kwakhona nje. Olunye uhlobo lwenhlekelele, okuyinto abantu asebeke bahlangabezana nayo izikhathi eziningi—ukukhula kwezibalo zezintethe. Akuyona inhlekelele leyo? Yinhlekelele eyethusayo. Akunandaba ukuthi banekhono elingakanani abantu ezintweni—abantu bakwazi ukwakha izindiza, izinganono, namabhomu enonzi—kodwa uma isikhonyane sesithelekile kubantu, sixazululo sini abangaba naso? Bangazisebenzisa izinganono kuso? Bangazidubula ngemishini eyizibhamu? Ngeke. Bangazifutha ngesibulala-zinambuzane bazixoshe ziphume? Akulula nalokho futhi. Zifikeleni lezi zintethe ezincane? Zidla kuphela izitshalo nezinhlamvu. Lapho kufika khona izintethe izitshalo zinyamalala ziphele nya. Ngakho ngokuphazima kweso, ukudla konyaka wonke abethembele kukho abalimi kungadliwa yisikhonyane kuphele nya. Kubantu, ukufika kwesikhonyane akulona uhlupho kuphela—kuyinhlekelele. Ukubonakala kwesikhonyane esiningi kakhulu wuhlobo lwenhlekelele, ngakho sithini ngamagundane? Uma zingekho izinyoni ezizingelayo ezizodla amagundane, anda ngesivinini esikhulu, kakhulu kunendlela ongayicabanga. Kanti uma ukwanda kwamagundane kungeqashelwe, bangayiphila impilo enhle abantu? Ngakho yini abangabhekana nayo abantu? (Uhlupho.) Uhlupho nje kuphela? Amagundane azohlafuna yonke into! Azoguguda ngisho izinkuni. Uma kunamagundane amabili endlini, wonke umuntu ekhaya uzokhathazeka. Ngesinye isikhathi antshontsha uwoyela awudle, kwesinye isikhathi adle izinhlamvu. Futhi izinto angazidli ayaziluma nje azenze amadlephudlephu. Aluma izingubo, izicathulo, ifenisha—aluma konke. Ngezinye izikhathi azokhwela phezu kwekhabethe—ngabe lezo zitsha zisayophinde zisetshenziswe uma amagundane esezinyathelile? Ngisho uzibulala amagciwane awuzizwa ukhululekile, ngakho uvele uzilahle. Lokhu wuhlupho aluletha kubantu amagundane. Ngamagundanyana amancane, kodwa abantu abanayo indlela yokubhekana nawo. Ayabahlupha. Asikho nesidingo sokukhuluma ngenqwaba yonke yamagundane—amabili nje anele ukuba yisiphazamiso. Uma eba eseyinhlekelele, imiphumela kayicabangeki. Futhi uma izintuthwane ezincane ziyinhlekelele, umonakalo ezinokuwenza kumuntu nawo ngeke unganakwa. Izintuthwane zingadala umonakalo omkhulu ezindlini, zize ziwe izindlu. Amandla azo akufanele anganakwa. Kungesabisa uma izinhlobo ezahlukahlukene zezinyoni bezingenza inhlekelele? (Yebo.) Ukukubeka ngenye indlela, noma ngabe luhlobo luni lwezilwane noma lwezinto eziphilayo, uma ukulingana konakala, ziyanda, zizalane, ziphile emikhawulweni engejwayelekile, imikhawulo engaqondakali. Lokho kuletha imiphumela engacabangeki kumuntu. Ngeke kuthinteke kuphela ukuphila nobukhona babantu, kodwa kungaletha inhlekelele kumuntu, kuze kufinyelele ezingeni lapho abantu behlukumezeka baphele nya khona, beguliswa yisiphetho sokuphela.

Ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto, wasebenzisa zonke izinhlobo zezindlela namasu ukuletha ukulingana kuzo, ukulinganisa izimo zenhlalo nokuphila ezintabeni nasemachibinikazi, ukulinganisa izimo zokuphila ezitshalweni kanye nasezinhlotsheni zonke zezilwane, izinyoni, izinambuzane—inhloso yakhe kwakungukuvumela zonke izinhlobo zokuphilayo ukuthi kuphile kwande kulandela imithetho ayeyibekile. Azikho izinto zendalo ezingaphuma kule mithetho, futhi ayikwazi ukwephulwa. Kukulolu hlobo lwempilo ejwayelekile lapho abantu bekwazi khona ukuphila ngokuphepha bande, izizukulwane ngezizukulwane. Uma izidalwa eziphilayo zeqa inani noma imikhawulo ebekwe nguNkulunkulu, noma zeqa isivinini ezikhula ngaso, izikhathi, noma inani lazo ngaphansi kokubusa Kwakhe, isimo senhlalo nokuphila komuntu kungahlukumezeka ngamazinga ahlukahlukene okuphazamiseka. Ngasikhathi sinye, ukuphila komuntu kungaba sengcupheni. Uma uhlobo olulodwa lwezidalwa eziphilayo lulukhulu ngesibalo, luzoqola abantu ngokudla, kubhidlike imithombo yamanzi abantu, kuphinde kulimale izindawo zabantu. Ngaleyo ndlela, ukuzalana kwabantu noma indlela abaphila ngayo kungathinteka masinya. Isibonelo, amanzi abalulekile kukho zonke izinto. Uma kuba namagundane, izintuthwane, isikhonyane, namasele, noma zonke izinhlobo zezinye izilwane okuningi kakhulu, ziyophuza amanzi amaningi ngokwengeziwe Uma inani lamanzi eziwaphuzayo likhula, kuleli nani lemithombo yamanzi okuphuza elimisiwe kanye nezindawo zamanzi, amanzi okuphuzwa ngabantu kanye nemithombo yawo kuzoncipha, bese beweswela amanzi. Uma amanzi aphuzwa ngabantu onakala, engcola, noma enqamuka ngenxa yazo zonke izinhlobo zezilwane esezandile ngesibalo, kuleso simo senhlalo nokuphila, ukuphila komuntu kuzophazamiseka ngokujulile. Uma kuba nohlobo olulodwa noma izinhlobo eziningi zezinto eziphilayo okwedlula inani elifanele, umoya, amazinga okushisa, umhwamuko, kanye nobungako bomoya endaweni okuphila kuyo umuntu kuzoba noshevu ozokubhidliza ngamazinga angafani. Ngokunjalo, ngaphansi kwalezi zimo, ukuphila kanye nesigcino somuntu kuzoba sengcupheni kuleyo ndawo nenhlalo. Ngakho, uma abantu belahlekelwa ngukulingana, umoya abawuphefumulayo uzokonakala, amanzi abawaphuzayo azongcola, kuthi amazinga okushisa abawadingayo aguquke, athinteke ngezindlela ezahlukahlukene. Uma lokho kwenzeka, izindawo zokuphila ezingezesintu ngokwendalo zizothinteka ngokubanzi futhi zibhekane nezinselele. Ngaphansi kwalolu hlobo lwesimo lapho izindawo zenhlalo nokuphila kwabantu sekubhidlikile khona, siyoba yini isigcino somuntu kanye nezinto zakhe? Yinkinga ejulile kakhulu lena! Ngenxa yokuthi uNkulunkulu uyazi ukuthi ziyini zonke izinto kubantu, neqhaza lazo zonke izinto azidala, luhlobo luni lwethonya ezinalo kubantu, nokuthi inzuzo eziyiletha kumuntu inkulu kangakanani—enhliziyweni kaNkulunkulu ikhona indlela yakho konke lokhu futhi Nguye olawula konke kuzo zonke izinto azidala, ngakho-ke ngokwenzela abantu, zonke izinto azenzayo zibalulekile kakhulu—ziyisidingo esikhulu. Ngalokho lapho ubona izinto ezithile zezindawo phakathi kwezinye, noma imithetho ethile yemvelo kwezinye izinto, imithetho phezu kwezinye izinto, ngeke usasingabaza isidingo sento ngayinye eyadalwa nguNkulunkulu. Ngeke usawasebenzisa amazwi anokungazi ukwenza izahlulelo ezingekho emthethweni ngohlelo lukaNkulunkulu ezintweni zonke kanye nasezindleleni ezahlukahlukene ahlinzeka ngazo umuntu. Ngeke futhi wenze izahlulelo budlabha ngemigomo kaNkulunkulu ezintweni zonke azidala. Akunjalo?

Iyini yonke le nto esisanda kukhuluma ngayo? Yicabange. UNkulunkulu unenhloso Yakhe kuyo yonke into ngayinye ayenzayo. Noma ngabe abantu abakwazi ukuyibona leyo nhloso, sonke isikhathi ihlobene kakhulu nokuphila komuntu. Ihlobene nakho ngokungehlukaniseke—iyisidingo. Lokhu kungoba uNkulunkulu akakaze ayenze into engenasidingo. Ngayo yonke into ngayinye ayenzayo, isu Lakhe lisekuhlakanipheni nasemigomeni equkethe ubuhlakani Bakhe. Inhloso nempokophelo kulelo lisu ngukuvikela umuntu, ukusiza umuntu angabi nayo inhlekelele, ukuqolwa yinto ephilayo noma iyiphi, kanye nanoma yikuphi okunye ukulimala komuntu elinyazwa yizo zonke izinto. Ngakho ezenzweni zikaNkulunkulu esesizibonile kulesi sihloko esixoxa ngaso, singasho ukuthi uNkulunkulu uhlinzekela abantu ngenye indlela? Singasho ukuthi uNkulunkulu uphakela eluse umuntu ngale ndlela? (Yebo.) Kukhona ukuhlobana okuqinile phakathi kwalesi sihloko kanye nesihloko esihlanganyele ngaso, “UNkulunkulu Umthombo Wokuphila Wazo Zonke Izinto”? (Yebo.) Kunokuhlobana okuqinile, kanti lesi isihloko ngesinye sawo lo mkhakha. Ngaphambi kokuthi sikhulume ngalezi zihloko, abantu bebenomcabango ongacacile ngoNkulunkulu, uNkulunkulu uqobo nezenzo Zakhe—bebengazange babe nakho ukuqonda okuyikho ngalezi zinto. Nokho, uma sebetshelwa ngezenzo Zakhe nezinto azenzile, bayaqonda futhi bayazi imigomo yalokho uNkulunkulu akwenzayo futhi bangakuthola ukuyiqonda basondele eduze kwayo—akunjalo? Nakuba enhliziyweni kaNkulunkulu, imibono Yakhe, imigomo, kanye nemithetho kuyinxanxathela uma enza noma yini, ngenkathi edala zonke izinto, ngenkathi ebusa phezu kwezinto zonke, uma sithatha into ngayinye siyihlanganyele kanye nani ekukhonzeni kwethu ndawonye, kungoba ningeke niqonde ezinhliziyweni zenu ukuthi lezi zenzo ngezikaNkulunkulu, futhi ziqinisile kakhulu? (Yebo.) Manje kwehluke kanjani okwamanje ukuqonda kwenu uNkulunkulu kokwakuqala? Kwehluke ngomongo. Ebenikuqonda kuqala bekujule kakhulu, kungacacile neze, kanti enikuqonda manje kuqukethe ubufakazi obuningi obuqinile ukuphakamisa izenzo zikaNkulunkulu, ukuqhathanisa ngakho ukuthi uNkulunkulu unani futhi uyini. Ngakho, konke lokhu esengikushilo kuyinto enkulu ekumazini kwenu uNkulunkulu.

Nhlolanja 9, 2014

Okwedlule: UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VIII

Okulandelayo: UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp