Yini umphumela womuntu okholwa kuNkulunkulu enkolweni kodwa sibekelwe ukudideka nokulawulwa ngabaFarisi nomphikukristu? Ingabe umuntu angasindiswa nguNkulunkulu uma ekholwa kuNkulunkulu ngale ndlela?

April 08, 2018

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Bangabaholi bezimpumputhe abayizimpumputhe. Futhi uma impumputhe ihola impumputhe, ziyoyela emgodini zombili” (UMathewu 15:14).

“Ngoba abahola laba bantu bayabadukisa; futhi nabaholwa yibo bayabhujiswa” (UIsaya 9:16).

“Abantu bami bayabhujiswa ngokuswela ulwazi.… Njengokwanda kwabo, bona kanjalo kimi: ngakho ngizoguqula udumo lwabo lube yihlazo. Badla izono zabantu bami, futhi babhekisa inhliziyo yabo ebubini babo. Futhi kuyakuthi, njengabantu, abe njalo umpristi: futhi ngiyobajezisa ngenxa yezindlela zabo, futhi ngibuyisele kubo izenzo zabo” (UHoseya 4:6-9).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi osemqondweni womuntu ufinyelwa kalula umuntu. Abefundisi nabaholi bezenkolo, isibonelo, bathembele eziphiweni nasezikhundleni zabo uma benza imisebenzi yabo. Abantu ababalandela isikhathi eside batheleleka ngeziphiwo zabo futhi babe negalelo kubo ngokunye abakwenzayo. Bagxila eziphiweni zabantu, namakhono kanye nolwazi, futhi bagxila kwezinye izinto ezingasizo ezemvelo kanye nenqwaba yezimfundiso ezaziwayo nezingasizo ezeqiniso (nakanjani, lezi zimfundiso ezaziwayo akufinyeleleki kuzo). Abagxili ekushintsheni ezimilo zabantu, kodwa bagxila ekuqeqesheni amakhono abantu okushumayela nawokusebenza, benza ngcono ulwazi lwabantu kanye nezimfundiso zabo zezenkolo eziningi. Abagxili ekuthini izimilo zabantu zishintsha kanjani noma ukuthi abantu baliqonda kangakanani iqiniso. Abazikhathazi ngokubalulekile kubantu, futhi abazami nokwazi izimo zabantu ezejwayelekile nezingajwayelekile. Abahlangabezani nemizwa yabantu noma badalule imizwa yabo, ingasaphathwa eyokuba bathene abantu ebuthakathakeni nasekukhohlakaleni kwabo. Abantu abaningi ababalandelayo basebenza ngeziphiwo zabo, futhi konke abakukhululayo kuyimibono yenkolo nolwazi lokucabangela ngenkolo, okuqhelelene nokwenzekayo futhi akukwazi nhlobo ukuphilisa abantu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Labo abadlule ekwahlulelweni abavezi lutho mayelana nenyama kanye nemicabango, kuhlanganiswa nobuhlakani bomuntu obuningi kanye namakhono akhe angaphakathi. Akusiwo umsebenzi kaNkulunkulu ovezwe umuntu ngendlela eyiyonayona. Abantu ababalandelayo bahanjiswa amandla abo angaphakathi phambi kwabo. Ngoba, baveza okuningi abakubonile kanye nalokho umuntu adlule kukho, okucishe kungaxhumani nenhloso yokuqala kaNkulunkulu, futhi kuchezuka kakhulu kuyo, umsebenzi womuntu owulolu hlobo awukwazi ukuhambisa abantu phambi kukaNkulunkulu, kodwa ubayisa ngaphambi komuntu. Ngakho, labo abangedlulile ekwahlulelweni nasekusolweni abafanelekile ukuqhuba umsebenzi wokuthunywa uNkulunkulu. Umsebenzi womsebenzi ofanelekile ungayisa abantu endleleni eyiyo futhi ubavumele ukuthi bajule eqinisweni. Umsebenzi awenzayo ungaletha abantu phambi kukaNkulunkulu. Phezu kwalokho, umsebenzi awenzayo ungahlukahlukana kumuntu nomuntu futhi awucindezelwa yimithetho, evumela abantu ukuthi badedele futhi bakhululeke. Phezu kwalokho, bangakhula kancane kancane empilweni, baqhubekele eqinisweni ngokujulile. Umsebenzi womuntu ofanelekile usilela kakhulu; umsebenzi wakhe uwubuwula. Angakwazi ukuholela abantu emithethweni kuphela; lokho akufunayo kubantu kuyehluka ngokomuntu ngamunye; akasebenzi ngokwezidingo zabantu. Kulolu hlobo lomsebenzi, kunemithetho eminingi kakhulu kanye nezimfundiso eziningi kakhulu, futhi ngeke kuze kuholele abantu eqinisweni, noma emsebenzini ojwayelekile wokukhula empilweni. Kungenza abantu bakwazi ukuma ngemithetho ethile kuphela. Lolu hlobo lwesiqondiso olungadukisa abantu nje kuphela. Ukuholela ekutheni ube yilokho ayikho; ukwazi ukuhambisa kulokho anakho nayikho.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ebandleni kunabantu abaningi abangenakwahlukanisa, futhi lapho kwenzeka into ekhohlisayo, bama ohlangothini lukaSathane. Lapho bebizwa ngezinceku zikaSathane bazizwa boniwe. Kuthiwa abanakwahlukanisa, kodwa bahlale besohlangothini olungenalo iqiniso, abami nhlobo ohlangothini lweqiniso esikhathini esibucayi, abami nhlobo balwele iqiniso. Ngabe ngempela bantula ukwahlukanisa? Kungani behlale bemi ohlangothini lukaSathane? Kungani bengasho nelilodwa izwi elifanele noma elicabangela iqiniso? Ingabe ngempela lesi simo sibangelwe ukudideka kwesikhashana? Lapho umuntu enokwahlukanisa okuncane, yilapho ekwazi kancane khona ukuma ohlangothini lweqiniso. Kuvezani lokhu? Ingabe akubonisi ukuthi labo abangenakwahlukanisa bathanda ububi? Ingabe akubonisi ukuthi labo abangenakwahlulela bayinzalo ethembekile kaSathane? Kungani behlale bemi ohlangothini lukaSathane futhi bekhuluma ulimi olufana nolwakhe? Wonke amazwi nezenzo zabo, kanye nezinkulumo zabo kukufakazela ngokwanele ukuthi abalona uhlobo oluthanda iqiniso, kodwa kunalokho, bangabantu abenyanya iqiniso. Ukuthi bangama ohlangothini lukaSathane kukufakazela ngokwanele ukuthi uSathane uyabathanda labo develi abalwa ukuphila kwabo konke ngenxa kaSathane. Ingabe wonke la maqiniso awakhanyi bha? Uma ngempela ungumuntu othanda iqiniso, kungani-ke ungabahloniphi labo abenza iqiniso, futhi kungani ubalandela ngokushesha labo abangalenzi iqiniso ngomzuzu abaguqula ngawo kancane isimo sabo? Hlobo luni lwenkinga lolu? Anginandaba nokuthi unokuqonda noma cha, anginandaba nokuthi ukhokhelwe inani elikhulu kangakanani, anginandaba ukuthi unamandla amaningi kangakanani, futhi anginandaba noma uyinyoka embi esebandleni noma ungumholi ophakamisa ifulegi. Uma unamandla amakhulu, kungenxa yosizo lwamandla kaSathane; uma uhlonishwa kakhulu, kusho ukuthi kunabaningi abakuzungezile abangalenzi iqiniso; uma ungakaxoshwa, lokho kungenxa yokuthi manje akusona isikhathi somsebenzi wokuxosha, kunalokho isikhathi somsebenzi wokususa. Akujahiwe ukuxosha wena njengamanje. Ngidinga nje ukulinda lolo suku lufike ngemva kokususwa kwakho ukuze ngikujezise. Noma ubani ongalenzi iqiniso uzosuswa!

Kucashunwe embhalweni othi “Isixwayiso Kulabo Abangalenzi Iqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Buka abaholi bawo wonke amahlelo. Bonke banenkani, bazenza osiyazi, bachaza iBhayibheli ngaphandle komongo walo nangokwemicabango yabo. Bonke bancike eziphweni nasolwazini olunzulu ukuze benze umsebenzi wabo. Ukube akukho ababekwazi ukukushumayela, ingabe labo bantu bebeyobalandela? Ngemva kwakho konke, kukhona abakufundayo, futhi kuncane abangakusho ngemfundiso, noma ukwazi indlela yokunqoba abanye nendlela yokusebenzisa obunye ubuqili, abalethe ngakho abantu phambi kwabo futhi babakhohlisa. Ngokulindelekile, labo bantu bakholwa kuNkulunkulu—kodwa eqinisweni balandela abaholi babo. Uma behlangana nalabo abashumayela indlela yeqiniso, abanye kubo bayothi, “Kudingeka sixhumane naye ngokukholwa kwethu kuNkulunkulu.” Badinga imvume yomuntu othile ukuze bakholwe kuNkulunkulu; akuyona yini inkinga leyo? Baphenduke ini labo baholi? Ingabe abakabi yini abaFarisi, abelusi bamanga, abaphikikrestu, nezikhubekiso ekwamukeleni kwabantu indlela yeqiniso? …

Akunandaba ukuthi bewulandela omunye umuntu noma ukuthi awuyanelisanga intando kaNkulunkulu ngenkathi ngaphambili ukholwa kuNkulunkulu, kumele uze phambi kukaNkulunkulu kulesi sigaba somsebenzi wezinsuku zokugcina. Uma uqhubeka ulandela umuntu othile ngenxa yokwazi lesi sigaba somsebenzi, khona-ke ngeke usathethelelwa, kuyoba njengoPawulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukufuna Iqiniso Kuphela Okuwukukholwa Ngeqiniso KuNkulunkulu” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

Uma ibandla liqukethe abantu abachukuluzi abaningana, futhi belandelwa “yizimpukane ezincane” ezingenakho neze ukwahlukanisa, futhi uma abebandla bengakwazi ukunqamula izibopho nokukhohlisa kwalaba bachukuluzi, ngisho nangemva kokulibona iqiniso, lezi ziwula zizosuswa ekugcineni. Nakuba lezi zimpukane ezincane kungenzeka ukuthi azenzanga lutho olubi, zikhohlisa ngokwengeziwe, zinekhono ngokwengeziwe futhi zinobuchule ngokwengeziwe futhi wonke umuntu onjalo uzosuswa. Akekho noyedwa ozoshiywa! Labo abangabakaSathane bayobuyiselwa kuSathane, ngenkathi labo abangabakaNkulunkulu nakanjani beyohamba bafune iqiniso; lokhu kunqunywa yimvelo yabo. Bonke labo abalandela uSathane mababhubhe! Akunazwela oluyoboniswa laba bantu. Labo abafuna iqiniso mabalungiselwe futhi bavunyelwe bajabulele izwi likaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. UNkulunkulu ulungile; akabaphathi abantu ngokungenabulungiswa. Uma ungudeveli, ngeke ukwazi ukwenza iqiniso. Uma ungumuntu ofuna iqiniso, nakanjani ngeke uthunjwe uSathane—lokhu akuthandabuzwa.

Kucashunwe embhalweni othi “Isixwayiso Kulabo Abangalenzi Iqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngenxa yokuhlakanipha kwabo okungatheni, labo abangaqondi bayokwehlela encithakalweni ezandleni zabantu ababi futhi bayophambukiswa abantu ababi futhi ngeke bakwazi ukubuya. Laba bantu kufanele baphathwe ngale ndlela, njengoba bengalithandi iqiniso, ngoba abakwazi ukuma ohlangothini lweqiniso, ngoba balandela abantu abakhohlakele, futhi ngenxa yokuthi bahlangana nabantu ababi badelele uNkulunkulu. Bazi kahle kamhlophe ukuthi labo bantu abangcolile basakaza okubi kodwa baqinisa izinhliziyo zabo babalandele, benze okuphambene neqiniso. Ingabe laba bantu abangalenzi iqiniso kodwa abenza izinto ezilimazayo nezimbi bonke abenzi okubi? Nakuba kunabanye phakathi kwabo abazenza “amakhosi” nalabo ababalandelayo, ingabe sonke isimo sokudelela kwabo uNkulunkulu asifani? Iziphi izaba abangaba nazo zokuthi uNkulunkulu akabasindisi? Iziphi izaba abangaba nazo zokuthi uNkulunkulu akalungile? Ingabe ababhujiswanga ububi babo? Ingabe akukhona ukuhlubuka kwabo okuyobashonisa esihogweni? Labo abenza iqiniso ekugcineni bayosindiswa futhi bapheleliswe ngeqiniso. Labo abangalenzi iqiniso ekugcineni bayophelela encithakalweni ngenxa yeqiniso. Lezi iziphetho ezilindele abenza iqiniso nabangalenzi.

Kucashunwe embhalweni othi “Isixwayiso Kulabo Abangalenzi Iqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp