Ingabe abefundisi nabadala ngempela babekwe nguNkulunkulu? Ingabe ukwamukela nokulalela abefundisi nabadala kumele ukuthobela komuntu nokumlandela uNkulunkulu?

April 08, 2018

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Ngakho manje, bheka ukukhala kwabantwana bakwa-Israyeli kufikile kimi: futhi ngibonile ukucindezela abaseGibithe ababacindezela ngakho. Ngakho hamba manje, futhi ngizokuthumela kuFaro, ukuba ukhiphe abantu bami abantwana bakwa-Israyeli eGibithe” (UEksodusi 3:9-10).

UJesu wathi kuSimoni Petru, Simoni, ndodana kaJona, uyangithanda kunalaba na? … Wathi kuye, Yondla amawundlu ami. Waphinde wathi kuye ngokwesibili, Simoni, ndodana kaJona, uyangithanda na? … Wathi kuye, yondla izimvu zami” (UJohane 21:15-16).

“Futhi ngiyokunika izihluthulelo zombuso wezulu: futhi noma ngabe yini oyibopha emhlabeni iyoboshwa ezulwini: futhi noma ngabe yini oyithukulula emhlabeni iyothukululwa ezulwini” (Mathewu 16:19).

“Kumele silalele uNkulunkulu kunabantu” (IzEnzo 5:29).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi owenziwa yilowo osetshenziswa nguNkulunkulu ngowokuthi ubambisane nomsebenzi kaKrestu noma uMoya oNgcwele. Lo muntu uphakanyiswa nguNkulunkulu phakathi kwabantu, ulapho ukuze ahole bonke aBakhethwe nguNkulunkulu, futhi uphakanyiswe nguNkulunkulu ukuze enze umsebenzi wokubambisana kwabantu. Ngomuntu onjengalo, okwazi ukwenza umsebenzi wokubambisana kwabantu, okuningi okudingwa nguNkulunkulu kumuntu, nomsebenzi okufanele wenziwe nguMoya oNgcwele phakathi kwabantu kungenzeka ngaye. Enye indlela yokubeka lokhu yile: inhloso kaNkulunkulu ngokusebenzisa lo muntu ngukuba bonke labo abalandela uNkulunkulu bakwazi ukuyiqonda kangcono intando kaNkulunkulu, futhi bakwazi ukufinyelela ngokuthe xaxa emigomeni kaNkulunkulu. Ngoba abantu abakwazi ukuwaqonda ngqo amazwi noma intando kaNkulunkulu, uNkulunkulu uphakamise umuntu osetshenziswa ukwenza lo msebenzi. Lo muntu osetshenziswa uNkulunkulu angachazwa njengethuluzi uNkulunkulu asebenza ngalo ukuqondisa abantu, njengomhumushi oxhumanisa uNkulunkulu nabantu. Kanjalo-ke, umuntu onje akefani namunye kulabo abasebenza emndenini kaNkulunkulu noma abangabefundisi Bakhe. Njengabo, kungathiwa ungumuntu okhonza uNkulunkulu, kodwa engqikithini yomsebenzi wakhe nasendikimbeni yokusetshenziswa kwakhe nguNkulunkulu wehluka kakhulu kwezinye izisebenzi nabefundisi. Ngokwengqikithi yomsebenzi wakhe nendikimba yokusetshenziswa kwakhe, umuntu osetshenziswa nguNkulunkulu uphakanyiswa nguYena, ulungiselelwa nguNkulunkulu ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, bese ebamba umsebenzi kaNkulunkulu uqobo. Akukho muntu ongambambela umsebenzi wakhe esikhundleni sakhe—lokhu kuyimbambiswano yomuntu engegwemeke emsebenzini wobunkulunkulu. Umsebenzi owenziwa ngezinye izisebenzi noma abefundisi, wona, ungukuhambisa nje nokufeza imikhakha eminingi yezinhlelo zamabandla ngaleso naleso sikhathi, noma-ke umsebenzi olula nje wokunikeza impilo ukuze kuqhubeke ukuphila kwebandla. Lezi zisebenzi nabefundisi ababekiwe nguNkulunkulu, futhi ngeke nakancane babizwe ngokuthi bayilabo abasetshenziswa nguMoya oNgcwele. Bakhethwa phakathi kwamabandla futhi, emva kokuba sebeqeqeshiwe bakhuliswa isikhathi esithile, labo abafanelekile bayagcinwa, kuthi labo abangafanelekile baphindiselwe emuva lapho baphuma khona. Ngoba laba bantu bakhethwa phakathi kwamabandla, abanye baveza ubunjalo babo emva kokuba ngabaholi, abanye baze benze izinto eziningi ezimbi bagcine sebekhishiwe.

Kucashunwe embhalweni othi “Mayelana nokusebenzisa kukaNkulunkulu umuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi osemqondweni womuntu ufinyelwa kalula umuntu. Abefundisi nabaholi bezenkolo, isibonelo, bathembele eziphiweni nasezikhundleni zabo uma benza imisebenzi yabo. Abantu ababalandela isikhathi eside batheleleka ngeziphiwo zabo futhi babe negalelo kubo ngokunye abakwenzayo. Bagxila eziphiweni zabantu, namakhono kanye nolwazi, futhi bagxila kwezinye izinto ezingasizo ezemvelo kanye nenqwaba yezimfundiso ezaziwayo nezingasizo ezeqiniso (nakanjani, lezi zimfundiso ezaziwayo akufinyeleleki kuzo). Abagxili ekushintsheni ezimilo zabantu, kodwa bagxila ekuqeqesheni amakhono abantu okushumayela nawokusebenza, benza ngcono ulwazi lwabantu kanye nezimfundiso zabo zezenkolo eziningi. Abagxili ekuthini izimilo zabantu zishintsha kanjani noma ukuthi abantu baliqonda kangakanani iqiniso. Abazikhathazi ngokubalulekile kubantu, futhi abazami nokwazi izimo zabantu ezejwayelekile nezingajwayelekile. Abahlangabezani nemizwa yabantu noma badalule imizwa yabo, ingasaphathwa eyokuba bathene abantu ebuthakathakeni nasekukhohlakaleni kwabo. Abantu abaningi ababalandelayo basebenza ngeziphiwo zabo, futhi konke abakukhululayo kuyimibono yenkolo nolwazi lokucabangela ngenkolo, okuqhelelene nokwenzekayo futhi akukwazi nhlobo ukuphilisa abantu. Empeleni, okubalulekile ngomsebenzi wabo ukuthuthukisa amathalente, ukusimamisa umuntu ongenalutho abe umfundi ogogodile onethalente lokushumayela ogcina eseya kosebenza futhi ahole.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okubaluleke kakhulu ekulandeleni uNkulunkulu ukuthi konke kumele kuye ngokwamazwi kaNkulunkulu namuhla: Noma ngabe uphokophelela ukungena ekuphileni noma ukugcwalisa intando kaNkulunkulu, yonke into kumele igxile emazwini kaNkulunkulu namuhla. Uma lokhu okukhulumayo nalokhu okuphokophelelayo kungagxilile emazwini kaNkulunkulu namuhla, lokhu kusho ukuthi awuwazi amazwi kaNkulunkulu, futhi awuwazi umsebenzi kaMoya Ongcwele. UNkulunkulu ufuna abantu abalandela ezinyathelweni zaKhe. Noma ngabe kuhle futhi kumsulwa kangakanani obukuqonda ngaphambi kwalokhu, uNkulunkulu akakufuni, futhi uma ungakwazi ukuhlukana nezinto ezinjalo, zizoba isithiyo ekungeneni ekusaseni lakho. Babusisiwe bonke laba abakwazi ukulandela ukukhanya kwamanje kukaMoya Ongcwele. Abantu bezinkathi ezedlule nabo balandela ezinyathelweni zikaNkulunkulu, kodwa azange bakwazi ukulandela kuze kube namuhla; lesi isibusiso sabantu bezinsuku zokugcina. Labo abalandela umsebenzi wamanje kaMoya Ongcwele, nabakwazi ukulandela izinyathelo zikaNkulunkulu, ngendlela yokuthi balandela uNkulunkulu noma kuphi lapho ebaholela khona—laba abantu ababusisiwe nguNkulunkulu. Labo abangawulandeli umsebenzi wamanje kaMoya Ongcwele abakangeni emsebenzini wamazwi kaNkulunkulu, futhi noma bengasebenza kangakanani, noma bengahlupheka kangakanani, noma bengaba matasa kangakanani, konke lokho akusho lutho kuNkulunkulu, futhi ngeke abancome. Namuhla, bonke laba abalandela amazwi kaNkulunkulu amanje basendleleni kaMoya Ongcwele; labo abangawazi amazwi kaNkulunkulu namuhla bangaphandle kwendlela kaMoya Ongcwele, kanti futhi abantu abanjalo uNkulunkulu akajabuli ngabo. Umsebenzi ohlukene namazwi kaMoya Ongcwele amanje ngumsebenzi wenyama, wemiqondo, futhi awukwazi ukuhambisana nentando kaNkulunkulu. Uma abantu bephila phakathi komqondo wenkolo, kusho ukuthi abakwazi ukwenza nanoma yini ehambisana nentando kaNkulunkulu, yize besebenzela uNkulunkulu, bamsebenzela ingakashintshi indlela abacabanga ngayo, futhi abakwazi ukusebenza ngokuhambisana nentando kaNkulunkulu. Labo abangakwazi ukulandela umsebenzi kaMoya Ongcwele abayiqondi intando kaNkulunkulu, kanti labo abangayiqondi intando kaNkulunkulu ngeke bamsebenzele uNkulunkulu. UNkulunkulu ufuna umsebenzi ofuna inhliziyo yaKhe; akafuni umsebenzi womqondo nenyama. Uma abantu bengakwazi ukulandela izinyathelo zomsebenzi kaMoya Ongcwele, kusho ukuthi baphila ngemiqondo. Ukusebenza kwabantu abafana nalaba kuyaphazamisa, futhi ukusebenza okunjalo kuphambene noNkulunkulu. Ngalokho labo abangakwazi ukulandela izinyathelo zikaNkulunkulu nakanjani baphikisana noNkulunkulu, futhi akunakwenzeka bavumelane noNkulunkulu. “Ukulandela umsebenzi kaMoya Ongcwele” kusho ukuqonda intando kaNkulunkulu namuhla, ukwazi ukwenza ngokwezidingo zamanje zikaNkulunkulu, ukwazi ukuthobela nokulandela uNkulunkulu namuhla, nokungena ngokuhambisana namazwi amuva kaNkulunkulu. Lona ngumuntu olandela umsebenzi kaMoya Ongcwele futhi osendleleni kaMoya Ongcwele. Abantu abafana nalaba akukona ukuthi bafanelwe ukuthola ukubongwa nguNkulunkulu nokubona uNkulunkulu, kodwa abazokwazi isimo sikaNkulunkulu emsebenzini wakamuva kaNkulunkulu, futhi bazokwazi imiqondo yabantu nokungathobeki, nendalo yomuntu kanye nesiqu, emsebenzini waKhe wakamuva; futhi, bayakwazi ukuthi bashintshe kancane kancane esimweni sabo ngenkathi besebenza. Ngabantu abafana nalaba kuphela abakwaziyo ukuzuza uNkulunkulu, nasebethole indlela yeqiniso.

Kucashunwe embhalweni othi “Yazi Umsebenzi Wakamuva KaNkulunkulu Bese Ulandela Ezinyathelweni Zakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

8. Abantu abakholwa kuNkulunkulu kumele balalele uNkulunkulu futhi bamkhonze. Akumele uphakamise noma ubeke ithemba lakho komunye umuntu; akumele unike uNkulunkulu indawo yokuqala, eyesibili kube ngeyabanye abantu othembele kubo, bese indawo yesithathu kube nguwe. Akekho umuntu okumele abe senhliziyweni yakho, futhi akumele ubeke abantu—ikakhulukazi labo obahlonipha kakhulu—endaweni elingana nekaNkulunkulu, balingane Naye. Lokhu akubekezeleki kuNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Imiyalelo Eyishumi Yokuphatha Okufanele Ilalelwe Abantu Abakhethiweyo bakaNkulunkulu ENkathini Yombuso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abanye abantu abajatshuliswa iqiniso, abajatshuliswa nakakhulu ukwahlulelwa. Kunalokho, bajatshuliswa ukuba namandla nengcebo; abantu abanjalo kuthiwa ngabathanda ubukhulu. Bafuna ngokukhethekile lawo mahlelo emhlabeni anamagalelo nabefundisi nothisha abavela emakolishi okufundela ubufundisi. Ngaphandle kokwamukela indlela yeqiniso, banokungabaza futhi abakwazi ukuzinikela ngokugcwele. Bakhuluma ngokunikelela uNkulunkulu, kodwa amehlo abo agxile kubefundisi kanye nothisha abaphakeme, bamshaya indiva uKristu. Izinhliziyo zabo zigcwele udumo, ingcebo nokukhazimula. Abakukholwa nhlobo ukuthi umuntukazana angakwazi ukunqoba abantu abaningi, nokuthi ongagqamile kangako angakwazi ukuphelelisa abantu. Abakukholwa nhlobo ukuthi laba bantu abengelutho abaphakathi kothuli nezindunduma zobulongwe bangabantu abakhethwe uNkulunkulu. Bakholwa ukuthi uma abantu abanjalo beyinjongo yokusindisa kukaNkulunkulu, lokho kuyosho ukuthi amazulu nomhlaba kuyophenduka kubheke phansi bese bonke abantu befa insini. Bakholwa ukuthi uma uNkulunkulu ekhethe ukuba kupheleliswe abantu abangelutho kanjalo, lokho kuyosho ukuthi izicukuthwane ziyoba nguNkulunkulu uqobo. Imibono yabo ingcoliswe ukungakholwa; impela, kude nokungakholwa, bayizilwane zasendle eziyiziphukuphuku. Ngoba ukuphela kwezinto abazazisayo isikhundla, ukuhlonishwa kanye namandla; into abayazisa kakhulu amaqembu namahlelo amakhulu. Abanandaba nhlobo nalabo abaholwa uKristu; bangamambuka nje afulathele uKristu, iqiniso kanye nokuphila.

Into oyazisayo akukhona ukuthobeka kukaKristu, kodwa abelusi bamanga abavelele. Awukuthandi ukuthandeka noma ukuhlakanipha kukaKristu, kodwa uthanda izifebe ezigcwele ezweni elikhohlakele. Uyabuhleka ubuhlungu bukaKristu ongenayo indawo yokufihla ikhanda Lakhe, kodwa uyazazisa lezo zidumbu zabantu ezidla iminikelo ziphile emanyaleni. Awuzimisele ngokuhlupheka kanye noKristu, kodwa uya ngenjabulo ezingalweni zalabo abangenanhliziyo abaphika uKristu ngoba bekunika okwenyama kuphela, amagama kuphela, nokulawula kuphela. Ngisho namanje inhliziyo yakho isaphendukela kubo, edumeleni labo, esikhundleni sabo, nasethonyeni labo. Kodwa wena usaqhubeka nesimo somqondo othola ngaso umsebenzi kaKristu ulukhuni ukwamukeleka futhi ungazimiseli ukuwamukela. Kungalesi sizathu ngithi aninalo ukholo lokuvuma uKristu. Isizathu esenza ukuthi nimlandele kuze kube manje ukuthi akukho okunye enaningakwenza. Uchungechunge. lwezithombe eziphakeme enhliziyweni yakho; ngeke ukwazi ukukhohlwa wonke amazwi nezenzo zazo, ngisho namazwi nezandla zabo okunethonya. Enhliziyweni yakho, bayohlale bephakeme futhi bengamaqhawe amakhulu. Kodwa akunjalo ngoKristu wanamuhla. Akabalulekile enhliziyweni yakho futhi akakufanele ukuhlonishwa. Ngoba ujwayeleke kakhulu, unethonya elincane kakhulu, futhi ukude kakhulu nokuphakama.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe Uyikholwa Leqiniso KuNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kungaba kuhle kulabo bantu abathi balandela uNkulunkulu ukuba bavule amehlo abo ukuba kebacabangisise ngabakholwa kukho: Ingabe nikholwa kuNkulunkulu ngempela, noma kuSathane? Uma wazi ukuthi okholwa kukho akuyena uNkulunkulu kodwa yizithixo zakho, kungaba kuhle ungasho ukuthi uyikholwa. Uma ungazi ngempela ukuthi ukholwa kubani, kungaba kuhle futhi ukuthi ungazibizi ngekholwa. Ukusho lokho kungaba ukuhlambalaza! Akekho okuphoqa ukuba ukholwe kuNkulunkulu. Ningasho ukuthi nikholwa Kimi, njengoba ngawezwa kudala lawo mazwi angifisi ukuphinde ngiwezwe, ngoba enikholwa kukho yizithixo ezisezinhliziyweni zenu nezinyoka ezimbi eziphakathi kwenu. Labo abanikina amakhanda lapho bezwa iqiniso, abamamatheka kakhulu lapho bezwa kukhulunywa ngokufa bayinzalo kaSathane, futhi bonke bazosuswa.

Kucashunwe embhalweni othi “Isixwayiso Kulabo Abangalenzi Iqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp