Izinto Eziningi Abantu Abaziqonda Ngokungeyikho NgoJobe

May 14, 2018

Ubunzima obabekezelelwa uJobe kwakungewona umsebenzi wezithunywa ezazithunywe uNkulunkulu, futhi wawungabangelwa isandla sikaNkulunkulu. Kunalokho, wawuhlelwe uSathane ngokuqondile, isitha sikaNkulunkulu. Ngemva kwalokho, izinga lobunzima obabekezelelwa uJobe alinakuqhathaniswa. Kodwa ngalo mzuzu, uJobe walubonisa ngalé kwamahloni, ulwazi lwakhe lwamihla yonke ngoNkulunkulu enhliziyweni yakhe, nendlela abheka ngayo uNkulunkulu—futhi leli iqiniso. Ukube uJobe akazange alingwe, ukube uNkulunkulu akazange alethe izilingo phezu kukaJobe, lapho uJobe ethi, “UJehova uphile, futhi uJehova uthathile; malibongwe igama likaJehova,” ungathi uJobe uwumzenzisi; uNkulunkulu wayemnike izinto eziningi, ngakho ngokufanele wabusisa igama likaJehova. Ukube ngaphambi kokulingwa, uJobe wayethe, “Simukela okuhle okuvela esandleni sikaNkulunkulu, singekwamukele nokubi na?” ubungathi uJobe unehaba, nokuthi ngeke alishiye igama likaNkulunkulu kusukela abusiswa isandla sikaNkulunkulu. Ukube uNkulunkulu waletha inhlekelele phezu kwakhe, khona-ke nakanjani ngabe walishiya igama likaNkulunkulu. Kodwa lapho uJobe ezithola ngaphansi kwezimo ezingafiswa muntu, noma okungekho ofisa ukuzibona, abantu abangethuka uma zibehlela, uJobe wayesakwazi ukubambelela ebuqothweni bakhe: “UJehova uphile, futhi uJehova uthathile; malibongwe igama likaJehova” futhi “Simukela okuhle okuvela esandleni sikaNkulunkulu, singekwamukele nokubi na?” Bebhekene nokuziphatha kukaJobe ngalesi sikhathi, labo abathanda ukukhuluma amagama amakhulu, futhi abathanda ukukhuluma ngamagama nezimfundiso, basala bekhexile. Labo abadumisa igama likaNkulunkulu ngamazwi kuphela, kodwa abangakaze bamukele uvivinyo lukaNkulunkulu, kudingeka babe qotho njengoJobe, futhi labo abangakholwa ukuthi umuntu angakwazi ukuqina endleleni kaNkulunkulu, bahlulelwa ubufakazi bukaJobe. Bebhekene nokuziphatha kukaJobe phakathi nezilingo kanye namazwi awakhuluma, abanye bayodideka, abanye bakhathazeke, abanye bangabaze, abanye ngeke babe nandaba, bangabunaki ubufakazi bukaJobe ngenxa yokuthi ababoni kuphela uvivinyo olwehlela uJobe phakathi nezilingo, futhi bafunde amazwi akhulunywa uJobe, kodwa futhi babona “nobuthaka” bukaJobe phakathi nalezi zilingo. Lobu “buthaka” bakholwa ukuthi kuwukungapheleli okukhona ekupheleleni kukaJobe, ibala elisendodeni eyayiphelele emehlweni kaNkulunkulu. Okusho ukuthi, kukholakala ukuthi labo abaphelele, abangenabala, abangenabo ubuthakathaka, abangakaze bezwe ubuhlungu, abakaze bangajabuli noma bazizwe belahliwe futhi abanayo inzondo noma nayiziphi izimo zangaphandle ezinzima; ngenxa yalokho, abantu abaningi abakholwa ukuthi uJobe wayephelele ngempela. Abantu abakwamukeli lokhu kuziphatha phakathi nokulingwa kwakhe. Ngokwesibonelo, lapho uJobe elahlekelwa izimpahla kanye nezingane zakhe, akazange, njengoba abantu becabanga, akhihle isililo. Lokho kwenza abantu bacabange ukuthi wayengenamizwa, ngoba akakhalanga izinyembezi, noma wayengawuthandi umndeni wakhe. Lona umbono ongemuhle uJobe aqale wawunika abantu. Indlela aziphatha ngayo kamuva bayithola idida kakhulu: Ukuthi “Waklebhula ingubo yakhe” abantu bakubheka njengokwedelela uNkulunkulu, nokuthi “waphuca ikhanda lakhe” kubhekwe ngokungeyikho njengokwedelela kukaJobe nokumelana noNkulunkulu. Ngaphandle kwamazwi kaJobe athi “UJehova uphile, futhi uJehova uthathile; malibongwe igama likaJehova,” abantu akukho ukulunga abakubonayo okwatuswa uNkulunkulu, ngakho indlela iningi labo elimqonda ngayo uJobe ihlotshaniswa nokungaqondi, ukungabaza, nokuchithwa kanye nokucabanga ukuthi wemukelwe. Akekho kubo owaqonda ngempela futhi owazisayo amazwi likaJehova uNkulunkulu athi uJobe wayeyindoda elungile futhi eqotho, umuntu oyedwa owesaba uNkulunkulu wagwema okubi.

Ngenxa yombono wabo ongenhla ngoJobe, abantu bakungabaza kakhulu ukulunga kwakhe, ngoba izenzo nokuziphatha kukaJobe okulotshwe emibhalweni kwakungezona izinto ezazithinta abantu ngendlela abayifisayo. Akaphuthelwanga nje kuphela izidlo ezinkulu, kodwa futhi waziphala lapho ehlezi emlotheni. Leli qiniso libashiya bekhexile abantu, futhi abalikholwa—baze baliphike—ukulunga kukaJobe, ngesikhathi eziphala uJobe akazange athandaze kuNkulunkulu, noma enze isithembiso kuNkulunkulu; noma akhale izinyembezi ngenxa yobuhlungu. Ngalesi sikhathi, abantu babona kuphela ubuthaka bukaJobe, ngakho ngisho nalapho bezwa uJobe ethi “Simukela okuhle okuvela esandleni sikaNkulunkulu, singekwamukele nokubi na?” akukho lutho nhlobo olubathintayo, futhi abakakwazi ukubona ukulunga kukaJobe emazwini akhe. Umqondo oyisisekelo uJobe awunika abantu phakathi nezilingo zakhe ukuthi wayengadumazekile futhi engazidli. Abantu abayiboni indaba engemva kokuziphatha kwakhe eyayisekujuleni kwenhliziyo yakhe, futhi abakuboni ukwesaba uNkulunkulu okwakusenhliziyweni yakhe noma ukunamathela emyalweni wokugwema okubi. Ukuzotha kwakhe kwenza abantu bacabange ukuthi ukulunga nobuqotho bakhe kumane kungamazwi nje, ukuthi ukwesaba uNkulunkulu kuyinzwabethi; “ubuthaka” abembula ngaphandle yibona ababambelela kubo, bubenza babe “nombono omusha” kanye “nokuqonda okusha” ngomuntu uNkulunkulu athi ulungile futhi uqotho. “Umbono omusha” kanjalo “nokuqonda okusha” kufakazelwa uJobe lapho evula umlomo wakhe eqalekisa usuku azalwa ngalo.

Izinto Eziningi Abantu Abaziqonda Ngokungeyikho NgoJobe

Nakuba izinga lokuhlukunyezwa alubekezelela lungacabangeki futhi umuntu angeke aluqonde, akukhuluma kwakungeyona inzwabethi, kodwa wayemane enciphisa ubuhlungu ayebuzwa emzimbeni wakhe. Njengoba kulotshiwe emiBhalweni, wathi: “Maluqalekiswe usuku engazalwa ngalo, nobusuku okwashiwo ngalo ukuthi, Kukhulelwe umntwana wesilisa” (UJobe 3:3). Mhlawumbe kukhona owake wacabanga ukuthi abalulekile la mazwi, futhi mhlawumbe kunabantu abake bawanaka. Ngokombono wenu, ingabe asho ukuthi uJobe wayephika uNkulunkulu? Ingabe ayisikhalazo esibhekiswe kuNkulunkulu? Ngiyazi ukuthi iningi lenu linemibono ethile ngala mazwi akhulunywa uJobe futhi likholwa ukuthi ukube uJobe wayelungile futhi eqotho, wayengeke aveze izimpawu zokuba buthaka noma zosizi, futhi wayezofuna ukubhekana kahle nokuhlasela kukaSathane, futhi ajabule lapho uSathane emlinga. Kwakungafanele akhathazeke nganoma yiluphi uvivinyo olwalethwa uSathane enyameni yakhe, futhi kwakungafanele ahlukumeze imizwa esenhliziyweni yakhe. Empeleni kwakufanele acele uNkulunkulu enze lezi zilingo zibe namandla. Yile nto okwakufanele ivezwe noma umuntu ongesabi futhi omesaba ngempela uNkulunkulu nogwema okubi okwakufanele abe nayo. Ngemva kwalolu vivinyo olwedlulele, uJobe waluqalekisa usuku azalwa ngalo. Akazange akhononde ngoNkulunkulu, ingasaphathwa eyokuba nezinhloso zokuphikisana noNkulunkulu. Kulula kakhulu ukukusho lokhu kunokukwenza, ngoba kusukela endulo kuze kube manje, akekho owake wavivinywa njengoJobe. Kungani kungakaze kube namuntu oke wabhekana novivinyo olufana nolukaJobe? Ngoba, njengoba kunjalo ngokombono kaNkulunkulu, akekho ongakwazi ukuthwala leso sibopho, akekho ongakwazi ukwenza njengoba kwenza uJobe, futhi akekho ngaphandle kokuqalekisa usuku azalwa ngalo, ongeke alishiye igama likaNkulunkulu futhi aqhubeke ebusisa igama likaJehova uNkulunkulu, njengoba kwenza uJobe lapho ehlelwa izilingo. Ingabe ukhona owayengenza lokhu? Lapho sisho lokhu ngoJobe, ingabe siyakuncoma ukuziphatha kwakhe? Wayeyindoda elungile, futhi ekwazi ukufakaza kanjalo ngoNkulunkulu, futhi ekwazi ukuxosha uSathane, ukuze angaphinde ame phambi kukaNkulunkulu ammangalele—ngakho yini engalungile ngokumncoma? Kungenzeka yini ukuthi ninezinga eliphakeme kunelikaNkulunkulu? Kungenzeka yini ukuthi naniyokwenza kangcono kunoJobe lapho nibhekene nalolu vivinyo? UJobe wadunyiswa uNkulunkulu—kukhona eningavumelani nakho?

UJobe Waqalekisa Usuku Azalwa Ngalo Ngenxa Yokuthi Wayengafuni Ukuzwisa UNkulunkulu Ubuhlungu

Ngivame ukuthi uNkulunkulu uhlola izinhliziyo zabantu, bese abantu bebona indlela abanye abayiyo ngaphandle. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu ubona ngaphakathi ezinhliziyweni zabantu, uyayiqonda ingqikithi yabo, kuyilapho abantu bechaza ingqikithi yabantu ngokwalokho abakubona ngaphandle. Lapho uJobe evula umlomo futhi eqalekisa usuku azalwa ngalo, lesi senzo samangalisa zonke izidalwa zomoya, okubandakanya nabangani abathathu bakaJobe. Umuntu wavela kuNkulunkulu, futhi kufanele abonge ngokuphila nangenyama, kanye nosuku lokuzalwa, alunikwa uNkulunkulu, futhi akufanele aqalekise lezo zinto. Lokhu kuyaqondakala kubantu abaningi. Kuwo wonke umuntu olandela uNkulunkulu, lokhu kuqonda kungcwele, kuyiqiniso elingasoze laguquka. Ngakolunye uhlangothi, uJobe wephula imithetho: Waqalekisa usuku azalwa ngalo. Lesi yisenzo abantu abajwayelekile abacabanga ukuthi sisho ukweqela endaweni engavunyiwe. Akagcini nje ngokungafaneleki ukuqondwa nokuthola uzwelo lwabantu, akafaneleki nokuthethelelwa uNkulunkulu. Ngesikhathi esifanayo, ngisho nabantu abaningi bayakungabaza ukulunga kukaJobe, ngoba kubonakala sengathi umusa kaNkulunkulu kuye, wenza uJobe wazazisa, wamenza waba nesibindi esamenza wangagcina ngokubonga uNkulunkulu ngokumbusisa nokumnakekela ekuphileni kwakhe, kodwa wafisa sengathi ngabe wafa ngosuku azalwa ngalo. Kungaba yini lena ngaphandle kokuphikisana noNkulunkulu? Imibono enjalo yenza abantu bamchithe uJobe, kodwa ubani ongazi lokho uJobe ayekucabanga ngempela ngaleso sikhathi? Ubani ongazi into eyenza uJobe wathatha isimo ngaleyo ndlela? UNkulunkulu kuphela kanye noJobe abazi indaba nezizathu ezisekelwe kuyo lapha.

Lapho uSathane elula isandla sakhe ukuze onakalise amathambo kaJobe, uJobe waba namandla, wangafuna indlela yokuphunyuka noma amandla okumelana naye. Umzimba nomphefumulo wakhe kwezwa ubuhlungu obukhulu, futhi lobu buhlungu bamenza waqaphela ubuncane, ubuthaka, kanye nokuntula amandla ukuphila komuntu enyameni okunakho. Ngesikhathi esifanayo, waphinde wathola ukwazisa nokuqonda okukhulu ngokuthi kungani uNkulunkulu efuna ukunakekela isintu. Ezilingweni zikaSathane, uJobe waqaphela ukuthi umuntu, oyinyama negazi, akanamandla futhi ubuthaka. Lapho eguqa ngamadolo akhe futhi ethandaza kuNkulunkulu, wazizwa sengathi uNkulunkulu wayefihla ubuso Bakhe, ngoba uNkulunkulu wayesemshiyele ngokuphelele ezandleni zikaSathane. Ngesikhathi esifanayo, uNkulunkulu waphinde wamkhalela, waba nosizi ngenxa yakhe; uNkulunkulu wabuzwa ubuhlungu ayebuzwa…. UJobe wabuzwa ubuhlungu bukaNkulunkulu, nokuthi uNkulunkulu wayengakwazi ukubuthwala…. UJobe wayengasafuni ukuzwisa uNkulunkulu obunye ubuhlungu, futhi wayengasafuni uNkulunkulu amkhalele, ingasaphathwa eyokuthi kube nguyena ozwisa uNkulunkulu ubuhlungu. Ngaleso sikhathi, uJobe wayengasafuni ukuba umuntu wenyama, wayengasafuni ukuzwa ubuhlungu ayebulethelwa inyama yakhe, ngoba lokho kwakuyokwenza uNkulunkulu ayeke ukuhlushwa ukuzwa ubuhlungu bakhe—kodwa wayengeke, kwadingeka ukuthi angabekezeleli nje kuphela ubuhlungu benyama, kodwa nobuhlungu bokungafisi ukukhathaza uNkulunkulu. Lobu buhlungu obukabili—obenyama, nobomoya—benza uJobe wezwa izinhlungu ezinkulu, wabona izinto inyama engenakuzenza nendlela igazi elingamkhungathekisa ngayo umuntu. Ngaphansi kwalezi zimo, ukulangazelela kwakhe uNkulunkulu kwaba namandla, nenzondo yakhe ngoSathane yajula. Ngalesi sikhathi, uJobe wayefisa sengathi ngabe akazange azalwe ezweni labantu, nokubona uNkulunkulu ekhala izinyembezi futhi ezwa ubuhlungu ngenxa yakhe. Uqale ayizonde kakhulu inyama yakhe, aphelelwe amandla ngosuku lwakhe lokuzalwa nangakho konke okubandakanya yena. Akafisanga nokuthi kube nomunye ozalwa ngosuku olufana nolwakhe, ngakho wavula umlomo wakhe waqalekisa usuku azalwa ngalo: “Maluqalekiswe usuku engazalwa ngalo, nobusuku okwashiwo ngalo ukuthi, Kukhulelwe umntwana wesilisa. Lolo suku malube ngubumnyama; uNkulunkulu makangalunaki ephezulu, nokukhanya kungakhanyi kulo” (UJobe 3:3-4). Amazwi kaJobe aqukethe inzondo ayenayo ngaye, “Maluqalekiswe usuku engazalwa ngalo, nobusuku okwashiwo ngalo ukuthi, Kukhulelwe umntwana wesilisa,” kanye nendlela ayezisola ngokujulile ngayo ngokuzwisa uNkulunkulu ubuhlungu, “Lolo suku malube ngubumnyama; uNkulunkulu makangalunaki ephezulu, nokukhanya kungakhanyi kulo.” La mavesi amabili aveza indlela uJobe ayezizwa ngayo ngempela ngaleso sikhathi, futhi akuveza obala ukulunga nobuqotho bakhe. Ngesikhathi esifanayo, njengoba nje uJobe ayefisa, ukholo nokulalela kwakhe uNkulunkulu, kanye nokwesaba kwakhe uNkulunkulu, kwakubaluleke kakhulu. Yiqiniso lokhu yikho kanye uNkulunkulu ayekulindele.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

UJobe Ngemva Kwezilingo Zakhe

UJobe 42:7-9 Futhi kwaba kanjalo, ngemva kokuba uJehova eskhulume lawo mazwi kuJobe, ujehova yathi ku-Elifazi umThemani, Intukuthelo yami...

Leave a Reply

Sithinte nge-Whatsapp