UNkulunkulu uqobo waphrofetha ukuthi uNkulunkulu esenyameni ngezikhathi zokugcina uyovela njengeNdodana ukuzokwenza umsebenzi

April 06, 2018

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Nani-ke manibe nilungile: ngokuba iNdodana yomuntu iyeza ngehora eningalicabangiyo” (Luka 12:40).

“Kepha njengasezinsukwini zikaNowa, kuzoba njalo nokuza kweNdodana yomuntu” (Mathewu 24:37).

“Njengombani ovela empumalanga okhanya ngisho nasentshonalanga, kuzoba njalo nokuza kweNdodana yomuntu” (Mathewu 24:27).

“Njengombani, okhanya engxenyeni ethize phansi kwezulu, ukhanya kwenye indawo ngaphansi kwezulu; izoba njalo futhi iNdodana yomuntu ngosuku lwayo. Kodwa kuqala kufanele ihlushwe yizinto eziningi, futhi ibuye ilahlwe yilesi sizukulwane” (Luka 17:24-25).

“Futhi phakathi kwamabili kwenziwa isimemezelo, Bheka, umyeni usefikile; hambani niyomhlangabeza” (Mathewu 25:6).

“Bheka, Ngime emnyango, futhi ngiyangqongqoza; uma kukhona umuntu ozwa izwi lami, avule umnyango, ngizongena ngize kuye, futhi ngizodla naye, naye adle nami” (IsAmbulo 3:20).

“Ngase ngiphenduka ngiqalaza leliphimbo elalikhuluma nami. Futhi lapho ngiphenduka, ngase ngibona izinduku zamakhandlela zegolide eziyisikhombisa; Futhi phakathi kwezinduku zamakhandlela ayisikhombisa kunofana neNdodana yomuntu, ombethe ingubo efinyelela ezinyaweni, futhi ebophe isifuba ngebhade legolide. Ikhanda lakhe nezinwele zimhlophe kuhle kukavolo, zimhlophe kuhle kweqhwa; namehlo akhe enjengelangabi lomlilo; Nezinyawo zakhe zinjengethusi elicolekile, engathi zibaswe esithandweni somlilo; nephimbo lakhe linjengamanzi amaningi. Ephethe ngakwesokudla izinkanyesi eziyisikhombisa: futhi emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali nhlangothi zombili: ubuso bakhe bunjengokukhanya okuphele kwelanga” (IsAmbulo 1:12-16).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

UJesu wathi uyobuya njengoba ayehambile, kodwa uyawazi umqondo wangempela wamazwi Akhe? Kungenzeka ukuthi lokhu wakutshela leli qembu lenu? Konke okwaziyo ukuthi uyofika njengoba ahamba, egibele ifu, kodwa uyazi ngempela ukuthi uNkulunkulu uqobo Lwakhe uwenza kanjani umsebenzi Wakhe? Uma ubukwazi ukubona ngempela, pho-ke kufanele achazwe kanjani amazwi awakhuluma uJesu? Wathi, “Kodwa lolo suku nalelo hora akekho owaziyo ngalo, cha, nezingelosi zasezulwini, kodwa uBaba kuphela. Kepha njengasezinsukwini zikaNowa, kuzoba njalo nokuza kweNdodana yomuntu. … Ngakho hlalani nilungile: ngoba iNdodana yomuntu izofika ngesikhathi ningalindele” Ngisho iNdodana yomuntu uqobo Lwayo ayazi, kodwa wena uyakwazi ukubona nokwazi? Ukuba ubukwazi nokubona ngamehlo akho, bekungeke kube la mazwi akhulunywe ngokuyize? Futhi wathini uJesu ngeleso sikhathi? “Kodwa lolo suku nalelo hora akukho muntu, owaziyo ngalo, nezingelosi zasezulwini, ngisho neNdodana, kodwa uBaba kuphela. Kepha njengasezinsukwini zikaNowa, kuzoba njalo nokuza kweNdodana yomuntu. … Ngakho hlalani nilungile: ngoba iNdodana yomuntu izofika ngesikhathi ningalindele.” Lapho lolo suku lufika, iNdodana yomuntu uqobo Lwayo ngeke ilwazi. INdodana yomuntu ikhuluma ngenyama kaNkulunkulu esesimweni somuntu, umuntu ojwayelekile futhi ovamileyo. Ngisho iNdodana yomuntu ayazi, ngakho wena ubuyokwazi kanjani?

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

“Lowo onendlebe, makezwe lokho uMoya akusho emabandleni.” Seniwezwile manje amazwi oMoya oNgcwele? Amazwi kaNkulunkulu afikile phezu kwenu. Niyawezwa? UNkulunkulu wenza umsebenzi wezwi ezinsukwini zokugcina, kanti amagama anjengalawa oMoya oNgcwele, ngoba uNkulunkulu unguMoya oNgcwele futhi uyakwazi ukuba yinyama; ngakho-ke, amazwi oMoya oNgcwele, njengoba ekhulunyiwe esikhathini esedlule, angamazwi kaNkulunkulu osenyameni namuhla. Baningi abantu abangenangqondo abakholelwa ukuthi amazwi kaMoya oNgcwele kumelwe ehle emazulwini eze ezindlebeni zabantu. Noma ngubani ocabanga ngale ndlela akawazi umsebenzi kaNkulunkulu. Eqinisweni, amazwi akhulunywa nguMoya oNgcwele yilawo akhulunywa nguNkulunkulu esenyameni. UMoya oNgcwele awukhulumi ngqo nomuntu, kanti futhi noJehova akazange akhulume ngqo nabantu, ngisho naseNkathini Yomthetho. Ngeke kwenzeke ukuthi enze kanjalo ngale nkathi yanamuhla? Ukuze uNkulunkulu akhulume enze umsebenzi, kumele abe yinyama, kungenjalo umsebenzi Wakhe ngeke uyifeze inhloso Yakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “Umuntu Ochaze UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ezinkulungwaneni eziningi zeminyaka, umuntu ubelokhu elangazelela ukubona ukufika koMsindisi. Umuntu ubelokhu elangazelela ukubona uJesu uMsindisi esefwini elihlophe njengoba ehla, engumuntu, phakathi kwalabo ababemlangazelele nababefisa ukumbona izinkulungwane zeminyaka. Umuntu ubelokhu elangazelela ukubuya koMsindisi futhi ezozihlanganisa nabantu, okungukuthi, uJesu uMsindisi ukuba abuye kubantu asehlukane nabo iminyaka eyizinkulungwane. Umuntu unethemba lokuthi uMsindisi uzophinde enze umsebenzi wokukhulula awenza kumaJuda nokuthi uzoba nesihawu nothando kubantu, abathethelele izono zabo, athwale izono zabantu nazo zonke izeqo zabo futhi akhulule abantu esonweni. Balangazelela ukuthi uJesu uMsindisi afane nasekuqaleni—uMsindisi onothando, onobungani nohloniphekile, ongakaze amthukuthelele umuntu futhi ongakaze amsole. Lo Msindisi uthethelela futhi athwale zonke izono zomuntu, futhi aze afe esiphambanweni efela abantu. Njengoba uJesu ahamba, abafundi bakhe ababemlandela nabo bonke abangcwele ababesindisiwe balibonga igama Lakhe, bebelokhu bemlangazelele kakhulu futhi bemlindile. Bonke labo ababesindiswe ngomusa kaJesu Kristu phakathi neNkathi Yomusa bebelokhu belangazelele lolo suku lwenjabulo phakathi nezinsuku zokugcina, lapho uJesu uMsindisi efika ngefu elimhlophe futhi ebonakala kubantu. Empeleni, lesi yisifiso sabo bonke labo abamukela igama likaJesu uMsindisi namuhla. Kuyo yonke indawo, bonke labo abayaziyo insindiso kaJesu uMsindisi bebelokhu bekulindile ukufika kungazelelwe kukaJesu Kristu, ukuze kugcwaliswe amazwi kaJesu lapho esesemhlabeni: “Ngizofika ngendlela engihambe ngayo.” Umuntu ukholelwa ukuthi ngemva kokubethelwa novuko, uJesu wabuyela ezulwini ngefu elimhlophe, wabe esethola indawo Yakhe ngakwesokunene Sophezu Konke. Umuntu ucabanga ukuthi, ngokufanayo, uJesu uzophinde ehle ngefu elimhlophe (leli fu libhekisela efwini lelo uJesu anyuka ngalo lapho ebuyela ezulwini), phakathi kwalabo abebelokhu bemlinde ngokulangazela iminyaka eyizinkulungwane nokuthi uzoba nesithombe nezembatho zamaJuda. Ngemva kokuvela kubantu, uyobanika ukudla futhi enze amanzi okuphila ukuba agobhoze phambi kwabo futhi aphile nabantu, egcwele umusa nothando, ephila futhi engokoqobo. Njalo njalo. Nokho uJesu uMsindisi akazange akwenze lokhu; wenza okuphambene nalokho umuntu ayekucabanga. Akazange afike kulabo abebelokhu belinde ukubuya Kwakhe futhi akazange abonakale kubo bonke abantu njengoba ayegibele ifu elimhlophe. Usefikile, kodwa abantu abamazi, futhi bayaqhubeka bengamazi. Abantu bamane bamlinda ngokungenanhloso nje, bengaboni ukuthi usehlile ngefu elimhlophe (ifu eliwuMoya Wakhe, amazwi Akhe kanye nesimo semvelo Yakhe yonke nakho konke ayikho), manje usephakathi kweqembu labantu abangabanqobi azobakha phakathi nezinsuku zokugcina.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsindisi Usebuyile ‘Esefwini Elimhlophe’” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Labo abahlonipha iqiniso bazithobe emsebenzini kaNkulunkulu bazongena ngaphansi kwegama likaNkulunkulu osenyameni okwesibili–uSomandla. Bazokwazi ukwamukela ukuholwa nguNkulunkulu, futhi bazothola okuningi neqiniso eliphakeme bathole nokuphila okuyiqiniso kwabantu. Bazobona umbono ongakaze ubonwe ngabantu bakudala: “Ngase ngiphenduka ngiqalaza leliphimbo elalikhuluma nami. Futhi lapho ngiphenduka, ngase ngibona izinduku zamakhandlela zegolide eziyisikhombisa; Futhi phakathi kwezinduku zamakhandlela ayisikhombisa kunofana neNdodana yomuntu, ombethe ingubo efinyelela ezinyaweni, futhi ebophe isifuba ngebhade legolide. Ikhanda Lakhe nezinwele Zakhe zimhlophe kuhle kukavolo, zimhlophe kuhle kweqhwa; namehlo Akhe enjengelangabi lomlilo; Nezinyawo Zakhe zinjengethusi elicolekile, engathi zibaswe esithandweni somlilo; nephimbo Lakhe linjengamanzi amaningi. Futhi ephethe ngakwesokudla izinkanyezi eziyisikhombisa: futhi emlonyeni Wakhe kwaphuma inkemba ebukhali nhlangothi zombili: nobuso Bakhe bunjengokukhanya okuphele kwelanga” (IsAmbulo 1:12-16). Lo mbono ubonakalisa isimo esiphelele sikaNkulunkulu, kanti futhi umbono onjengalona wesimo Sakhe esiphelele ubonakalisa umsebenzi kaNkulunkulu uma eba yinyama ngalesi sikhathi. Ezikhukhuleni zokujezisa nokwahlulela, iNdodana yomuntu ibonakalisa isimo Sayo semvelo ngokukhuluma amazwi, ukuze bonke abemukela ukusola nokwahlulela Kwakhe babone ubuso beqiniso beNdodana yomuntu, ubuso obuyisibonakaliso esiyiqiniso sobuso beNdodana yomuntu obabonwa nguJohane. (Yebo, konke lokhu ngeke kubonakale kulabo abangawemukeli umsebenzi kaNkulunkulu eNkathini Yombuso.)

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngiyanitshela, labo abakholwa kuNkulunkulu ngenxa yezibonakaliso, impela bayisigaba esiyozwa ukubhujiswa. Labo abangakwazi ukwamukela amazwi kaJesu osebuyile enyameni, impela bayinzalo yesihogo, isizukulwane sengelosi enkulu, isigaba esizoya ekubhujisweni okuphakade. Abantu abaningi kungenzeka bangakunaki engikushoyo, kodwa ngisafuna ukutshela bonke ababizwa ngabangcwele abalandela uJesu ukuthi, lapho nibona uJesu ehla ezulwini ngefu elimhlophe ngamehlo enu, lokhu kuyoba ukubonakala emphakathini kweLanga lokulunga. Kungenzeka, leso kuyoba isikhathi sokujabula kini, nokho kumele nazi ukuthi ngesikhathi nibona uJesu ehla ezulwini, kuyoba futhi isikhathi sokuthi niye phansi esihogweni niyojeziswa. Lokho kuyoba yisikhathi sokuphela kohlelo lokuphatha lukaNkulunkulu, futhi kuyoba isikhathi lapho uNkulunkulu eyovuza abahle bese ejezisa ababi. Ngokuba ukwahlulela kukaNkulunkulu kuyophela ngaphambi kokuba umuntu abone izibonakaliso, lapho kukhona ukuvezwa kweqiniso kuphela. Labo abemukela iqiniso, bengabheki izibonakaliso, futhi sebehlanziwe, bayobe sebebuyela phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu futhi sebengene ekugonweni nguMdali. Labo kuphela abaphokophelela enkolweni ethi “uJesu ongagibeli efwini elimhlophe unguKristu wamanga” bayothola ukujeziswa okuphakade, ngokuba bakholwa kuphela kuJesu obonisa izibonakaliso, kodwa abamazisi uJesu omemezela ngokwahlulelwa okunzima bese ekhipha indlela yeqiniso yokuphila. Futhi kungaba kuphela ukuthi uJesu ubhekana nabo uma ebuya ngokusobala ngefu elimhlophe. Banenkani kakhulu, banokuzethemba kakhulu, futhi bayazikhukhumeza. Kungenzeka kanjani abantu abonakele kanje bavuzwe uJesu? Ukubuya kukaJesu kuyinsindiso enkulu kulabo abakwazi ukwamukela iqiniso, kodwa kulabo abangakwazi ukwamukela iqiniso, kuwuphawo lokwahlulelwa. Kumele nikhethe indlela yenu, ningahlambalazi uMoya oNgcwele futhi nenqabe iqiniso. Kumele ningabi abantu abangenalwazi futhi abakhukhumele, kodwa abantu abalalela ukuholwa uMoya oNgcwele, balangazelele futhi bafune iqiniso; ingalendlela kuphela lapho niyothola ukusizakala.

Kucashunwe embhalweni othi “Ngesikhathi Ubona Umzimba KaJesu KaMoya, UNkulunkulu Uyobe Esenze Izulu Nomhlaba Kabusha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp