Yini ukuba uNkulunkulu esimweni somuntu? Yini Umongo kaNkulunkulu esimweni somuntu?

April 06, 2018

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Ekuqaleni kwakukhona uLizwi, uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayenguNkulunkulu” (Johane 1:1).

“Futhi uLizwi waba yinyama, futhi wahlala phakathi kwethu, (futhi sabona inkazimulo Yakhe, inkazimulo enjengeyozelwe yedwa kuYise,) egcwele umusa neqiniso” (Johane 1:14).

“Mina ngiyindlela, iqiniso nokuphila” (Johane 14:6).

UJesu wathi kuye, Isikhathi esingaka nginani, futhi selokhu awungakazi, Filipu? ongibonile Mina ubonile uBaba; futhi usho kanjani ukuthi, Sikhombise uYihlo? Awukholwa ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi? amazwi engiwakhuluma kini angiwakhulumi ngokwami; kepha uBaba ohlezi kimi wenza imisebenzi. Kholwani Yimi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi: uma kungenjalo, kholwani kimi ngenxa yemisebenzi” (Johane 14:9-11).

“Mina noBaba wami simunye” (Johane 10:30).

Yini ukuba uNkulunkulu esimweni somuntu? Yini Umongo kaNkulunkulu esimweni somuntu?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Incazelo yokuba sesimweni somuntu ukuthi uNkulunkulu ubonakala enyameni, futhi ufika ezosebenza phakathi kwesintu esidalwe Nguye esesimweni senyama. Ngakho, ukuze uNkulunkulu athathe isimo somuntu, kumele aqale abe yinyama, inyama enobuntu obujwayelekile; lokhu kuyisidingo esibaluleke kakhulu. Eqinisweni, okuqondiwe ngokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu ukuthi uNkulunkulu uphila futhi asebenze enyameni, uNkulunkulu engqikithini Yakhe uqobo uthatha umzimba wenyama, uba ngumuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ukuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu kusho ukuthi uMoya kaNkulunkulu uba yinyama, okuwukuthi, uNkulunkulu uba yinyama; umsebenzi awenza enyameni umsebenzi kaMoya, owenzeka enyameni, oboniswa yinyama. Akekho umuntu ongakwazi ukufeza inkonzo eyenziwa uNkulunkulu osemzimbeni wenyama ngaphandle kukaNkulunkulu osesimweni somuntu; okuwukuthi, uNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela, lobu buntu obujwayelekile—hhayi futhi omunye umuntu—angabonakalisa umsebenzi wobunkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UKristu onobuntu obujwayelekile uyinyama okuyilapho uMoya ubonakala khona, unobuntu obujwayelekile, umqondo kanye nokucabanga komuntu okujwayelekile. “Ukubonakalisa” kusho ukuthi uNkulunkulu uba ngumuntu, uMoya uba yinyama; ukukubeka kucace, kuba yilapho uNkulunkulu uqobo Lwakhe ehlala enyameni enobuntu obujwayelekile, futhi ngayo, eveza umsebenzi Wakhe wobuNkulunkulu—yilokho okushiwo ukubonakala noma ukuthatha isimo somzimba womuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu waba inyama eyabizwa ngokuthi uKristu, futhi okuwuKristu okwazi ukunika abantu iqiniso elibizwa ngokuthi uNkulunkulu. Akukho okukhulu ngalokhu, ngoba uqukethe isiqu sikaNkulunkulu, futhi uqukethe isimo sikaNkulunkulu, kanye nobuhlakani emsebenzini Wakhe, umuntu angekuthole. Labo abazibiza ngoKristu, kepha bengakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, bangabakhohlisi. UKristu akasikho nje ukubonakaliswa kukaNkulunkulu emhlabeni, kodwa futhi uyinyama embethwe uNkulunkulu njengoba ephethe futhi eqedela umsebenzi Wakhe kubantu. Le nyama akusiyo leyo endawo yayo ingathathwa yinoma imuphi umuntu, kodwa yileyo engathwala umsebenzi kaNkulunkulu ngendlela egculisayo emhlabeni, futhi ibonakalise isimo sikaNkulunkulu, imele uNkulunkulu kahle, futhi inike umuntu ukuphila.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okuqondiwe ngokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu ukuthi uNkulunkulu uphila futhi asebenze enyameni, uNkulunkulu engqikithini Yakhe uqobo uthatha umzimba wenyama, uba ngumuntu. Ukuphila Kwakhe esengumuntu nokusebenza kuhlukaniswa izigaba ezimbili. Esokuqala, yimpilo ayiphilayo ngaphambi kokuba enze inkonzo Yakhe. Uphila emndenini ojwayelekile wabantu, ebuntwini obujwayeleke kakhulu impela, elalela imithetho yokuziphatha kanye nemithetho ejwayelekile yokuphila komuntu, enezidingo zomuntu ezijwayelekile (ukudla, okokugqoka, indawo yokuhlala, ukulala), ubuthakathaka bomuntu obujwayelekile kanye nemizwa yomuntu ejwayelekile. Ngamanye amazwi, kulesi sigaba sokuqala uphila impilo engenabo ubunkulunkulu, enobuntu obujwayeleke ngokuphelele, owenza zonke izinto ezenziwa abantu abajwayelekile. Isigaba sesibili siwukuphila Kwakhe ngemva kokuqala ukwenza inkonzo Yakhe. Usaphila ebuntwini obujwayelekile enomzimba womuntu ojwayelekile, angawabonisi nakancane amandla angaphezu kwawemvelo. Nokho uphila kuphela ngenxa yenkonzo Yakhe, futhi kulesi sikhathi ubuntu Bakhe obujwayelekile bukhona ngokuphelele ukuze kwenzeke umsebenzi ojwayelekile wobuNkulunkulu Bakhe; ngoba ngaleso sikhathi ubuntu Bakhe obujwayelekile sebukhule baze bafika ezingeni lokuthi bungakwazi ukwenza inkonzo Yakhe. Ngakho-ke isigaba sesibili sokuphila Kwakhe siwukwenza inkonzo Yakhe esebuntwini obujwayelekile, kungukuphila kwakhe kokubili kobuntu obujwayelekile nobunkulunkulu obuphelele. Isizathu sokuthi, ngesikhathi sesigaba sokuqala sokuphila Kwakhe, uphila ebuntwini obujwayeleke ngokuphelele wukuthi ubuntu Bakhe busuke bungakalingani nomsebenzi wobuNkulunkulu obuphelele, kusuke kungakavuthwa; kuba kuphela ngemuva kokukhula kobuntu Bakhe, sebukwazi ukuthwala inkonzo Yakhe, lapho angaqalisa khona ukwenza inkonzo Yakhe. Njengoba Yena, eyinyama, edinga ukuthi akhule futhi avuthwe, isigaba sokuqala sokuphila Kwakhe siwubuntu obujwayelekile, kanti esigabeni sesibili, ngenxa yokuthi ubuntu Bakhe buyakwazi ukwenza umsebenzi Wakhe nokwenza inkonzo Yakhe, ukuphila kukaNkulunkulu esimweni somuntu akuphila ngesikhathi senkonzo Yakhe kuyikho kokubili okobuntu nobuNkulunkulu obuphelele. Ukuba kusukela ekuzalweni Kwakhe uNkulunkulu osesimweni somuntu waqala inkonzo Yakhe ngokuzimisela, enza izibonakaliso kanye nezimangaliso ezingaphezu kwamandla emvelo, khona-ke wayengeke abe nengqikithi yomzimba. Ngakho-ke, ubuntu Bakhe bukhona ngenxa yengqikithi yomzimba Wakhe; ngeke kube khona inyama ngaphandle kobuntu, futhi umuntu ongenabo ubuntu akayena umuntu. Ngale ndlela, ubuntu benyama kaNkulunkulu buyingxenye esemqoka yenyama kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu. Ukuthi “lapho uNkulunkulu eba sesimweni somuntu usuke enobunkulunkulu ngokuphelele, futhi akayena nhlobo umuntu,” kuwukuhlambalaza, ngoba le nkulumo ayikho nhlobo, futhi yephula umgomo wokuba sesimweni somuntu. Ngisho nangemva kokuba eqale inkonzo Yakhe, usaphila ebuNkulunkulwini Bakhe obunomkhakha wangaphandle womuntu lapho enza umsebenzi Wakhe; ukuthi nje ngaleso sikhathi, ubuntu Bakhe bufeza kuphela injongo yokuvumela ubunkulunkulu Bakhe ukuba benze umsebenzi enyameni ejwayelekile. Ngakho umenzi womsebenzi ubunkulunkulu obuhlala ebuntwini Bakhe. UbuNkulunkulu Bakhe, hhayi ubuntu Bakhe obusebenzayo, kepha ubunkulunkulu obufihlwe ngaphakathi ebuntwini Bakhe; umsebenzi Wakhe wenziwa empeleni ngubunkulunkulu Bakhe obuphelele, hhayi ubuntu Bakhe. Kodwa umenzi womsebenzi yinyama Yakhe. Umuntu angathi ungumuntu futhi unguNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu uba nguNkulunkulu ophila enyameni, ebukeka njengomuntu ngaphandle futhi enengqikithi yobuntu kodwa futhi nengqikithi kaNkulunkulu. Ngoba ungumuntu onobuNkulunkulu, ungaphezu kwabo bonke abantu abadaliwe, ngaphezu kwawo wonke umuntu ongenza umsebenzi kaNkulunkulu. Futhi phakathi kwalabo ababukeka njengaye, phakathi kwabo bonke abanobuntu, Nguye kuphela onguNkulunkulu osesimweni somuntu uqobo Lwakhe—bonke abanye bangabantu abadaliwe. Nakuba bonke benobuntu, abantu abadaliwe akukho okunye abayikho ngaphandle kobuntu, kanti uNkulunkulu osesimweni somuntu Yena uhlukile: Enyameni Yakhe akanabo kuphela ubuntu kodwa okubaluleke nakakhulu unobunkulunkulu. Ubuntu Bakhe buyabonakala ngokubukeka kwangaphandle kwenyama Yakhe nasekuphileni Kwakhe kwansuku zonke kodwa ubuNkulunkulu Bakhe kunzima ukubuqonda. Ngenxa yokuthi ubuNkulunkulu Bakhe buboniswa kuphela enobuntu futhi abunawo amandla angaphezu kwemvelo njengoba abantu bebucabanga, kunzima kakhulu ukuba abantu bakubone. Ngisho nanamuhla kunzima kakhulu ukuthi abantu baqonde imfihlakalo yengqikithi yangempela kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Nangemva kokukhuluma okungaka ngakho, ngilindele ukuba kube yimfihlakalo eningini lenu. Empeleni, le ndaba ilula kakhulu: Njengoba uNkulunkulu eba, ingqikithi Yakhe iyinhlanganisela yobuntu nobunkulunkulu. Le nhlanganisela ibizwa ngokuthi uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, uNkulunkulu Uqobo Lwakhe emhlabeni.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Impilo eyaphilwa uJesu emhlabeni kwakuyimpilo ejwayelekile yenyama. Waphila ebuntwini obujwayelekile benyama Yakhe. Igunya Lakhe—ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu nokukhuluma izwi likaNkulunkulu, noma ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni, ukwenza lezo zinto ezingajwayelekile—akuzange kuzibonakalise, isikhathi esiningi, kwaze kwaba yilapho aqala khona inkonzo Yakhe. Impilo Yakhe ngaphambi kweminyaka yobudala engamashumi amabili nesishiyagalolunye, ngaphambi kokuba enze inkonzo Yakhe, yayingubufakazi ngokwanele ukuthi wayesesimweni somuntu ejwayelekile nje. Ngenxa yalokhu, nangenxa yokuthi wayengakaqali ukwenza inkonzo Yakhe, abantu ababonanga bunkulunkulu Kuye, ababonanga lutho ngaphandle komuntu ojwayelekile nje, indoda ejwayelekile—njengoba ngaleso sikhathi abantu babekholwa ukuthi wayeyindodana kaJosefa. Abantu babecabanga ukuthi wayeyindodana yomuntu ojwayelekile, babengenayo indlela yokubona ukuthi wayeyinyama kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu; ngisho nalapho enza khona inkonzo Yakhe, wenza imimangaliso eminingi, abantu abaningi babesalokhu bethi uyindodana kaJosefa, ngoba wayenguKristu onesimo sangaphandle sobuntu obujwayelekile. Ubuntu Bakhe obujwayelekile kanye nomsebenzi Wakhe kokubili kwaba khona ukuze kugcwaliseke ukubaluleka kokuthatha isimo somuntu kokuqala, kufakazela ukuthi uNkulunkulu wayefike enyameni ngokuphelele, wayebe ngumuntu ojwayelekile ngempela. Ukuthi wayenobuntu obujwayelekile ngaphambi kokuba aqale umsebenzi Wakhe kwakungubufakazi bokuthi wayeyinyama ejwayelekile; nokuthi wasebenza emva kwalokho nakho kwabonisa ukuthi wabe eyinyama ejwayelekile, ngoba wenza izibonakaliso nezimangaliso, waphulukisa abagulayo futhi waxosha amadimoni enyameni enobuntu obujwayelekile. Isizathu sokuthi akwazi ukwenza izimangaliso sasiwukuthi inyama Yakhe yayinegunya likaNkulunkulu, kwakuyinyama okwakumbozwe ngayo uMoya kaNkulunkulu. Wayenaleli gunya ngenxa kaMoya kaNkulunkulu, futhi kwakungasho ukuthi wayengeyona inyama. Ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni kwakuwumsebenzi ayedinga ukuba awenze enkonzweni Yakhe, isibonakaliso sobuNkulunkulu Bakhe obufihleke ebuntwini Bakhe, futhi akukhathaleki ukuthi yiziphi izibonakaliso azibonakalisa nokuthi walikhombisa kanjani igunya Lakhe, wayesaphila ebuntwini obujwayelekile futhi wayeseyinyama ejwayelekile. Kuze kufike lapho avuswa khona ngemva kokufa esiphambanweni, wayephila enyameni ejwayelekile. Ukunika umusa, ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni konke kwakuyingxenye yenkonzo Yakhe, kwakungumsebenzi awenza enyameni yomuntu ejwayelekile. Ngaphambi kokuba aye esiphambanweni, akazange ashiye inyama Yakhe yomuntu ejwayelekile, kungakhathaleki ukuthi yini ayeyenza. WayenguNkulunkulu uqobo, enza umsebenzi kaNkulunkulu siqu, kepha ngenxa yokuthi wayeyinyama kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu, wayedla ukudla, egqoka izingubo, enezidingo zomuntu ezijwayelekile, enokucabanga komuntu okujwayelekile kanye nomqondo womuntu ojwayelekile. Konke lokhu kwakuwubufakazi bokuthi wayengumuntu ojwayelekile, okwakubonisa ukuthi inyama ethathe isimo somuntu kaNkulunkulu kwakuyinyama enobuntu obujwayelekile, hhayi obungaphezu kwamandla emvelo.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ubuntu bukaNkulunkulu osesimweni somuntu bukhona ukusekela umsebenzi wobuNkulunkulu ojwayelekile enyameni; ukucabanga Kwakhe kobuntu obujwayelekile kugcina ubuntu Bakhe obujwayelekile kanye nayo yonke imisebenzi Yakhe ayenza esemzimbeni. Umuntu angathi ukucabanga Kwakhe komuntu okujwayelekile kukhona ukuze kusekele umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Ukube le nyama ibingenawo umqondo womuntu ojwayelekile, uNkulunkulu ubengeke akwazi ukusebenza esesimweni somuntu, futhi lokho adinga ukukwenza enyameni bekungeke kufezeke. Nakuba uNkulunkulu osemzimbeni womuntu enomqondo womuntu ojwayelekile, umsebenzi Wakhe awonakaliswa ukucabanga komuntu; wenza umsebenzi ebuntwini obunomqondo ojwayelekile, ngaphansi kombandela wokuthi unobuntu obunomqondo hhayi ngokusebenzisa ukucabanga komuntu okujwayelekile. Kungakhathaleki ukuthi iphakeme kangakanani imicabango yenyama Yakhe, umsebenzi Wakhe awubunikezi ubufakazi bomqondo noma ukucabanga. Ngamanye amazwi, umsebenzi Wakhe awusuki engqondweni yenyama Yakhe kodwa ungukuboniswa ngqo komsebenzi wobuNkulunkulu ebuntwini Bakhe. Umsebenzi Wakhe wonke yinkonzo adinga ukuyifeza futhi akukho nokukodwa kuyo okusuka engqondweni Yakhe. Isibonelo, ukuphulukisa abagulayo, ukuxosha amadimoni nokubethelwa kwakungaphumi emqondweni Wakhe wobuntu, kwakungeke kwenziwe yinoma imuphi umuntu onomqondo womuntu. Ngokufanayo, umsebenzi wokunqoba wanamuhla uyinkonzo ekumele yenziwe uNkulunkulu osesimweni somuntu, kodwa akuwona umsebenzi wentando yomuntu, kungumsebenzi ubunkulunkulu Bakhe okumele buwenze, umsebenzi ongenakwenziwa umuntu osesimweni somuntu. Ngakho uNkulunkulu osesimweni somuntu kumele abe nomqondo womuntu ojwayelekile, abe nobuntu obujwayelekile ngoba kumele enze umsebenzi Wakhe ebuntwini enomqondo ojwayelekile. Lokhu yingqikithi yomsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu, ingqikithi uqobo kaNkulunkulu osesimweni somuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngesikhathi iNkosi uJesu isebenza, abantu babona ukuthi uNkulunkulu uziveza ngezimo zabantu abahlukene. Isibonelo, Yena wayekwazi ukudansa, eya emishadweni, ehlanganyela nabantu, ekhuluma nabo, exoxisana ngezinto nabo. Nangaphezu kwalokho, iNkosi uJesu yafeza umsebenzi omningi owawumele ubunkulunkulu Bakhe, futhi kunjalo, wonke lo msebenzi wawuyisiboniso futhi wambula isimo sikaNkulunkulu. Ngalesi sikhathi, lapho ubunkulunkulu bukaNkulunkulu babonakala enyameni eyejwayelekile, abantu abebengayibona futhi bayithinte, ababuyanga besezwa ukuthi uyakhazimula ngaphakathi nangaphandle, babengakwazi ukusondela Kuye. Kunalokho, babezama ukuqonda intando kaNkulunkulu noma umsebenzi weNdodana yomuntu. Indodana yomuntu esesimweni somuntu yaveza ubunkulunkulu bukaNkulunkulu ngokobuntu Bakhe futhi yadlulisa intando kaNkulunkulu esintwini. Futhi ngokubonakaliswa kwentando kanye nesimo sikaNkulunkulu, Yena waphinda waveza kubantu uNkulunkulu ongabonakali noma ongathinteki emhlabeni wakwamoya. Lokhu okwabonwa ngabantu kwakunguNkulunkulu uqolo Lwakhe, ethinteka futhi enenyama namathambo. Ngakho iNdodana yomuntu esesimweni somuntu yenza izinto ezifana nobuyena Bakhe, ukuma Kwakhe, isithombe Sakhe, isimo Sakhe kanye nalokho Yena anakho nayikho, yaqina futhi yenziwa isimo somuntu. Noma ngabe ukubonakala kwengaphandle kweNdodana yomuntu kwaba nemikhawulo mayelana nomfanekiso kaNkulunkulu, ingqikithi Yakhe kanye nalokhu anakho nayikho kwakwazi ngokupheleleyo ukumela ubunjalo nokuma—kwakunokwahlukana ngokwesimo sokubonakaliswa. Noma ngabe ubuntu beNdodana yomuntu noma ubunkulunkulu Bayo, ngeke siphike ukuthi Yona yamela ubunjalo nokuma kukaNkulunkulu. Ngalesi sikhathi, nokho, uNkulunkulu wasebenza ngenyama, wakhuluma njengokwenyama, futhi wama phambi kwesintu ngobunjalo nangokuma kweNdodana yomuntu, futhi lokhu kwanika abantu ithuba lokuhlangana nokuzizwela amazwi eqiniso kaNkulunkulu phakathi kwesintu. Yaphinda yavumela abantu ukuba babe nokuqonda ubunkulunkulu Bakhe kanye nobukhulu Bakhe phakathi kokuzithoba, kanye nokuzuza ukuqonda kwangaphambili kanye nencazelo yangaphambili yeqiniso kanye noqobo lukaNkulunkulu. Nakuba umsebenzi owafezwa iNkosi uJesu, izindlela Zakhe zokusebenza, nange ndlela ayekhuluma ngayo eyabe yahlukile kuleyo yomuntu woqobo kaNkulunkulu emhlabeni wakwamoya, yonke into Ngaye yamela uNkulunkulu uqobo ngokweqiniso abantu ababengakaze bayibone ngaphambili—lokhu ngeke kuphikwe! Okusho ukuthi, noma ngabe uNkulunkulu uvela ngasiphi isimo, noma ukhuluma ngayiphi indlela Yena akhuluma ngayo, noma ngamuphi umfanekiso abhekana ngawo nesintu, uNkulunkulu akameli lutho kodwa Yena uqobo Lwakhe. Yena angeke amele umuntu—angeke amele noma imuphi umuntu okhohlakele. UNkulunkulu unguNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi lokhu akusoze kwaphikwa.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Nakuba uNkulunkulu osemzimbeni uyafana ncamashi nabantu, wafunda ulwazi lwabantu futhi wakhuluma ulimi lwabantu, futhi kwesinye isikhathi uveza imibono Yakhe ngezindlela zesintu nangemisho, ngendlela abona ngayo abantu, ingqikithi yezinto, nange ndlela abantu abakhohlakele ababona ngayo isintu kanye nobunjalo bezinto akufani. Indlela abuka ngayo kanye nokuphakama kwalapho emi khona kuyinto angenakufinyelela kuyo umuntu okhohlakele. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu uyiqiniso, inyama ayigqokile inobunjalo bukaNkulunkulu, futhi imicabango Yakhe kanye nalokho okuvezwa ubuntu Bakhe, nakho kuyiqiniso. Kubantu abakhohlakele, lokhu akukhuluma esenyameni kuwukuhlinzekwa kweqiniso kanye nokuphila. Lokhu kuhlinzekwa akusikhona okomuntu oyedwa, kodwa okwesintu sonke. Ngokuba noma imuphi umuntu okhohlakele, enhliziyweni yakhe kukhona kuphela labo bantu abambalwa abahambisana naye. Yilabo bantu kuphela abakhathalelayo, akhathazekile ngabo. Uma kuvela inhlekelele ucabanga kuqala ngezingane zakhe, lowo ashade naye, noma abazali kanti umuntu othanda ukusiza, angacabanga ngesihlobo noma umngani olungile; uyacabanga ngabanye? Ngeke! Ngoba abantu, emva kwakho konke, bangabantu, futhi bangakwazi ukubheka izinto zonke kuphela ngasohlangothini nokuphakama komuntu. Nokho, uNkulunkulu osemzimbeni uhluke kakhulu kumuntu okhohlakele. Noma ngabe ujwayeleke kangakanani, noma uvame kangakanani, noma uphansi kangakanani uNkulunkulu osemzimbeni, ngisho noma bambukela phansi kangakanani abantu, imicabango Yakhe, nesimo sengqondo Yakhe ngesintu, kuyizinto umuntu angeke aze abe nazo, futhi akekho umuntu ongakulingisa. Uyohlala njalo ebheka isintu ngobukhona kanye nomqondo kaNkulunkulu, akasoze abona umuntu ngokubuka kwezinga lomuntu ojwayelekile nje, futhi nange ndlela yomuntu okhohlakele. Uma abantu bebheka isintu, babuka ngokubona kwabantu, futhi basebenzisa izinto ezifana nolwazi lwabantu kanye nemigomo yabantu kanye nabakufundile njengesilinganiso. Lokhu kungaphakathi kwesilinganiso salokho abantu abangakubona ngamehlo abo; kungaphakathi kwesilinganiso esingafezwa umuntu okhohlakeleyo. Uma uNkulunkulu ebheka isintu, ubuka ngokubona kobunkulunkulu, futhi usebenzisa ingqikithi yakhe kanye nalokhu anakho nayikho njengesilinganiso. Lesi silinganiso simbandakanya izinto ezingabonwa ngabantu, yilapho uNkulunkulu osemzimbeni kanye nabantu abakhohlakele bephambana kakhulu. Lo mehluko wenziwa ubunjalo babantu nobunjalo bukaNkulunkulu, yilobu bunjalo obenza ukubona kwabo nokuma kwabo kanye nangendlela nokuphakama ababona ngakho izinto.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu osesimweni somuntu kuthiwa nguKristu, kanti uKristu uyinyama embethwe uMoya kaNkulunkulu. Le nyama ayifani nomuntu oyinyama. Lo mehluko wenziwa ukuthi uKristu akayena owenyama negazi kodwa usesimweni somuntu kaMoya. Unesimo sobuntu obujwayelekile nobunkulunkulu obuphelele. Akekho umuntu onobunkulunkulu Bakhe. Ubuntu Bakhe obujwayelekile busekela yonke imisebenzi Yakhe ejwayelekile esenyameni, kanti ubunkulunkulu bona benza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe. Noma ngabe ubuntu noma ubunkulunkulu Bakhe, kokubili kuthobela intando kaBaba osezulwini. Ingqikithi kaKristu uMoya, okungukuthi, ubunkulunkulu. Ngalokho-ke, ingqikithi Yakhe ngekaNkulunkulu uqobo Lwakhe; le ngqikithi angeke iwuphazamise umsebenzi Wakhe, futhi akukho angakwenza okubulala umsebenzi Wakhe, futhi angeke akhulume amazwi aphambana nentando Yakhe. Ngakho-ke, uNkulunkulu osesimweni somuntu angeke awenze umsebenzi ozophazamisa ukuphatha Kwakhe. Yilokhu okumele bonke abantu bakuqonde. Umongo womsebenzi kaMoya oNgcwele ukusindisa abantu ngenxa yokuphatha kukaNkulunkulu. Kanjalo, umsebenzi kaKristu ukusindisa abantu ngenxa yentando kaNkulunkulu. Ngokuthi uNkulunkulu uba yinyama, uyabazi ingqikithi Bakhe enyameni Yakhe, ngendlela yokuthi inyama Yakhe yanele ukwenza umsebenzi Wakhe. Ngalokho-ke, wonke umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu uthathelwa indawo umsebenzi kaKristu ngesikhathi sokuba sesimweni somuntu, kanti futhi umongo wawo wonke umsebenzi ngesikhathi sokuba sesimweni somuntu ungumsebenzi kaKristu. Awukwazi ukuhlanganyelwa nomsebenzi wangenye inkathi. Futhi njengoba uNkulunkulu eba yinyama, usebenza ngokuba sesimweni somuntu; njengoba eza esenyameni, umsebenzi okumele awenze uwuphelelisa esenyameni. Noma ngabe uMoya kaNkulunkulu noma uKristu, konke kunguNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi wenza umsebenzi okumele awenze enze nenkonzo okumele ayenze.

Ingqikithi kaNkulunkulu uqobo lwayo isebenzisa igunya, kodwa uyakwazi ukuthobela ngokuphelele igunya eliphuma Kuye. Noma ngabe umsebenzi kaMoya noma umsebenzi wenyama, akungqubuzani. Amandla kaMoya kaNkulunkulu anegunya phezu kwendalo yonke. Inyama enengqikithi kaNkulunkulu nayo inegunya, kodwa uNkulunkulu osenyameni angenza wonke umsebenzi olalela intando kaBaba Osezulwini. Lokhu ngeke kutholwe noma kuqondwe umuntu. UNkulunkulu uqobo unamandla, kodwa inyama Yakhe ingathobela igunya Lakhe. Lokhu yincazelo ejulile yamazwi athi: “UKristu uthobela intando kaNkulunkulu uBaba.” UNkulunkulu unguMoya futhi angenza umsebenzi wokusindisa, njengoba uNkulunkulu engaba umuntu. Kodwa-ke, uNkulunkulu uqobo wenza umsebenzi Wakhe; akaphazamisi noma agxambukele, futhi akawenzi umsebenzi ophikisanayo, ngoba ingqikithi yomsebenzi owenziwa uMoya nowenziwa inyama uyafana. Noma ngabe uMoya noma inyama, kokubili kwenzelwe ukugcwalisa intando eyodwa nokuphatha umsebenzi ofanayo. Yize noma uMoya nenyama kunezinto ezingafani, ingqikithi bako buyafana; kokubili kunongqikithi bukaNkulunkulu uqobo Lwakhe, kanye nobuNkulunkulu uqobo Lwakhe. UNkulunkulu uqobo akanakho ukungalaleli; ingqikithi Yakhe ilungile. Uyikho konke okuhle nokulungile, futhi uwuthando lonke. Noma esenyameni, uNkulunkulu akenzi into yokungalaleli uNkulunkulu uBaba. Ngisho noma ngabe kusho ukuthi akanikele ngempilo Yakhe, uzokwenza ngenhliziyo ekhululekile angafuni ukukhetha okunye. UNkulunkulu akanakho ukuzilungisa nokuzibona ebalulekile, noma ukuzidla nokuzikhukhumeza; akanakho ukungathembeki. Konke lokhu okungalaleli uNkulunkulu kuqhamuka kuSathane; uSathane nguye umsuka wobubi nenkohlakalo. Isizathu esenza ukuthi umuntu abe nezici ezifana nezikaSathane ukuthi umuntu wonakaliswe waphinde wasetshenzwa nguSathane. UKristu akonakalisiwe nguSathane, yikho enezimpawu zikaNkulunkulu futhi azikho ezikaSathane. Noma ngabe umsebenzi unzima kangakanani noma inyama ibuthaka kangakanani, uNkulunkulu, esaphila enyameni, angeke enze okuzophazamisa umsebenzi kaNkulunkulu uqobo, ingaphathwa eyokushiya intando kaNkulunkulu uBaba ngokungalaleli. Angancamela ukuzwa izinhlungu zenyama kunokuthi aphambane nentando kaNkulunkulu uBaba; kunjengoba uJesu asho emkhulekweni. “Baba, uma kungenzeka, mayidlule le ndebe Kimi; kodwa kungabi ngentando Yami, kodwa kube ngentando Yakho.” Umuntu uyokhetha, kodwa uKristu angeke akhethe. Yize enomfanekiso kaNkulunkulu uqobo Lwakhe, kodwa usafuna ukwenza intando kaNkulunkulu uBaba, agcwalisele lokhu uNkulunkulu uBaba amethembe ngakho, ngasohlangothini lwenyama. Lokhu into umuntu angeke akwazi ukuyenza. Lokhu okuphuma kuSathane akunangqikithi kaNkulunkulu, kunokungalaleli nokuphikisa uNkulunkulu. Angeke kumlalele ngokuphelele uNkulunkulu, futhi ngeke kuyithobele intando kaNkulunkulu. Bonke abantu ngaphandle kukaKristu bangakwenza lokhu okuphikisa uNkulunkulu, futhi akekho noyedwa ongamukela umsebenzi athenjwe uNkulunkulu ngawo; akekho noyedwa ongakwazi ukubona ukuphatha kukaNkulunkulu njengomsebenzi wabo okumele bawenze. Ukuthobela intando kaNkulunkulu uBaba kuyingqikithi kaKristu; ukungalaleli uNkulunkulu kufana noSathane. Lezi zinto zombili azihambelani, futhi noma ubani onalezi zici zikaSathane angeke abizwe ngoKristu. Isizathu esenza ukuthi umuntu angakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu esikhundleni Sakhe yingoba umuntu akanaso nesisodwa isimo sengqikithi kaNkulunkulu. Umuntu usebenzela uNkulunkulu ngoba efuna ukuzuza okwakhe nekusasa lakhe, kodwa uKristu usebenzela ukwenza intando kaNkulunkulu uBaba.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ubuntu bukaKristu bubuswa ubunkulunkulu Bakhe. Yize noma esenyameni, ubuntu Bakhe abufani ncamashi nalobo bomuntu wenyama. Unesimo Sakhe esihlukile, naso futhi sibuswa ubunkulunkulu Bakhe. UbuNkulunkulu Bakhe abunabuthaka; ubuthaka bukaKristu buchaza lobo obobuntu Bakhe. Ngezinga elithile, lobu buthaka bucindezela ubunkulunkulu Bakhe, kodwa imikhawulo efana nale iphakathi komthamo nesikhathi esithile, futhi ayinamkhawulo. Uma kufika isikhathi sokwenza umsebenzi Wakhe wobunkulunkulu, wenziwa ngaphandle kokunaka ubuntu Bakhe. Ubuntu bukaKristu buholwa ubunkulunkulu Bakhe ngokuphelele. Ngaphandle kwempilo Yakhe ejwayelekile yobuntu Bakhe, konke okunye ukwenza kobuntu Bakhe kuthonywa, kuthintwe futhi kuqondiswe ubunkulunkulu Bakhe. Yize uKristu enobuntu, abuwuphazamisi umsebenzi wobunkulunkulu Bakhe. Lokhu kungenxa yokuthi ubuntu bukaKristu buholwa ubunkulunkulu Bakhe; yize ubuntu Bakhe bungavuthiwe endleleni aziphatha ngayo phambi kwabanye, akuwuthinti umsebenzi ojwayelekile wobunkulunkulu Bakhe. Uma ngithi ubuntu Bakhe abonakaliswanga, ngisho ukuthi ubuntu bukaKristu bungaqondiswa ngqo ubunkulunkulu Bakhe, nokuthi unobuhlakani obuphezulu kunalobo bomuntu ojwayelekile. Ubuntu Bakhe bufanele ukuholwa ubunkulunkulu obusemsebenzini Wakhe; Ubuntu Bakhe bukwazi kakhulu ukuveza umsebenzi wobunkulunkulu, futhi buyakwazi kakhulu ukuthobela umsebenzi ofana nalowo. Njengoba uNkulunkulu esebenza enyameni, akakhohlwa umsebenzi okumele wenziwe umuntu osenyameni; uyakwazi ukudumisa uNkulunkulu ezulwini ngenhliziyo eneqiniso. Unengqikithi kaNkulunkulu, kanti ubuyena yilobu bukaNkulunkulu uqobo Lwakhe. Ukuthi nje uze emhlabeni waba umuntu odaliwe, waba nomzimba womuntu odaliwe, futhi manje unobuntu ayengenabo ngaphambilini; uyakwazi ukudumisa uNkulunkulu ezulwini. Lokhu ukuba uNkulunkulu uqobo Lwakhe futhi uhlukile kumuntu. Ubuyena bunguNkulunkulu uqobo Lwakhe. Kungokwenyama okwenza ukuthi adumise uNkulunkulu; ngakho-ke, amazwi athi “uKristu udumisa uNkulunkulu ezulwini” awalona iphutha. Akufunayo kumuntu ubuyena; usekufezile konke lokho akucelile kumuntu ngaphambi kokucela lokhu kubo. Angeke afune izinto kubantu ebe Yena engazenzi, ngoba konke lokhu kwenza ubuyena. Ngale kokuthi uwenza kanjani umsebenzi Wakhe, angeke angamlaleli uNkulunkulu. Noma ngabe yini ayicela kubantu, akukho okungaphezu kwalokho umuntu akwazi ukukwenza. Konke akwenzayo ukwenza intando kaNkulunkulu futhi kungenxa yokuphatha Kwakhe. Ubunkulunkulu bukaKristu bungaphezulu kwabo bonke abantu, ngakho-ke unegunya phezu kwezidalwa zonke. Leli gunya lingubunkulunkulu Bakhe, isimo nobuyena bukaNkulunkulu uqobo, okusho ubuyena. Ngalokho, noma ngabe ubuntu Bakhe bujwayeleke kangakanani, kungephikwe ukuthi unobuyena obunguNkulunkulu uqobo Lwakhe; noma ngabe ukuphi uyakhuluma futhi noma kanjani uthobela intando kaNkulunkulu, angeke kuthiwe akayena uNkulunkulu uqobo.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izwi likaNkulunkulu liyaqhubeka, futhi usebenzisa izindlela eziningi ukuze asitshele okufanele sikwenze futhi embule izwi lenhliziyo Yakhe. Amazwi Akhe anamandla okuphila, asibonisa indlela okufanele sihambe ngayo, futhi asenza siqonde iqiniso. Siqala ukusondelana namazwi Akhe, siqala ukugxila endleleni akhuluma ngayo, bese siqala ukuthanda izwi lenhliziyo Yakhe ngalo muntu omangalisayo. Uzikhandla ngokukhulu ukucophelela ngenxa yethu, aqwashe futhi angafuni ukudla ngenxa yethu, akhale ngenxa yethu, alile ngenxa yethu, agule ngenxa yethu, ahlazwe ngenxa yekusasa nensindiso yethu, futhi inhliziyo Yakhe iyopha ikhale izinyembezi ngenxa yokuba ndikindiki kwethu nokuhlubuka. Ubuntu obunjalo nezinto Zakhe kungaphezu komuntu ojwayelekile, akekho umuntu okhohlakele ongaba nakho. Unokubekezela okungekho muntu omunye onakho, futhi asikho isidalwa esinothando analo. Akekho omunye ngaphandle Kwakhe ongazi imicabango yethu, noma aqonde indawo nesiqu sayo ngaleyo ndlela, noma ahlulele ukuhlubuka nokukhohlakala kwesintu, noma ekhuluma nathi futhi esebenze phakathi kwethu ngenxa kaNkulunkulu wamazulu. Akekho ngaphandle Kwakhe ongaba negunya, ukuhlakanipha, nesithunzi sikaNkulunkulu; isimo sikaNkulunkulu nalokho anakho nayikho ukuqhakambisa ngokuphelele. Akekho ngaphandle Kwakhe ongasibonisa indlela nokukhanya. Akekho ngaphandle Kwakhe ongembula izimfihlakalo uNkulunkulu angakaze azambule kusukela ekudalweni kuze kube manje. Akekho ngaphandle Kwakhe ongasisindisa ekugqilazweni uSathane nasesimweni sethu esikhohlakele. Umelela uNkulunkulu, embule izwi lenhliziyo kaNkulunkulu, nezikhuthazo zikaNkulunkulu, namazwi esahlulelo sikaNkulunkulu kuso sonke isintu. Uqale inkathi entsha, waletha amazulu amasha nomhlaba omusha, umsebenzi omusha, wasilethela ithemba, waqeda ukuphila esididekile kukho, wasivumela ukuba siyibambe ngokugcwele indlela eya ensindisweni. Usinqobile, wazuza nezinhliziyo zethu. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, izingqondo zethu ziqaphile, futhi umoya wethu uvuselelwe: Lo muntu ojwayelekile, ongabalulekile, ophila phakathi kwethu futhi ebesilokhu simphika—akayona yini iNkosi uJesu, ehlale isemicabangweni yethu, esiyilangazelela ubusuku nemini? Nguye! Nguye ngempela! UnguNkulunkulu wethu! Uyindlela, neqiniso nokuphila!

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubona Ukubonakala KukaNkulunkulu Ekwahluleleni Nasekusoleni Kwakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Inyama eyembethwe uMoya kaNkulunkulu yinyama kaNkulunkulu uqobo. UMoya kaNkulunkulu uphakeme; unamandla onke, ungcwele, futhi ulungile. Ngokufanayo, inyama Yakhe nayo iphakeme, inamandla onke, ingcwele, futhi ilungile. Inyama enjalo ingenza kuphela lokho okulungile nokuzuzisa isintu, lokho okungcwele, okukhazimulayo nokunamandla; akakwazi ukwenza noma yini emelene neqiniso noma emelene nobuqotho nobulungiswa, ingasaphathwa eyokwenza noma yini ekhaphela uMoya kaNkulunkulu. UMoya kaNkulunkulu ungcwele, futhi ngaleyo ndlela inyama Yakhe ayikhohlakaliswa nguSathane; inyama Yakhe inengqikithi eyehlukile enyameni yomuntu. Ngoba ngumuntu, hhayi uNkulunkulu, okhohlakaliswa nguSathane; uSathane ngeke akwazi ukukhohlakalisa inyama kaNkulunkulu. Ngakho, nakuba umuntu noKristu bahlala endaweni efanayo, ngumuntu kuphela ongenwa, asetshenziswe, futhi abanjwe uSathane. Ngokwehlukile, uKristu akangenwa naphakade ukukhohlakala kukaSathane, ngoba uSathane ngeke aze akwazi ukukhuphukela endaweni ephezu kwakho konke, futhi ngeke aze akwazi ukusondela kuNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu angasindisa isintu esonakele ethonyeni likaSathane, kodwa lo msebenzi ngeke ufeze ngokuqondile uMoya kaNkulunkulu; kunalokho ungafezwa kuphela inyama enoMoya kaNkulunkulu, inyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Le nyama ingumuntu futhi inguNkulunkulu, inyama enobuntu obuvamile futhi uNkulunkulu ayinike wonke amandla aphezulu. Ngakho, ngisho noma le nyama ingewona uMoya kaNkulunkulu, futhi yehluka kakhulu eMoyeni, isenguNkulunkulu osesimweni somuntu uqobo osindisa isintu, owuMoya futhi oyinyama. Akunandaba ukuthi ubizwa ngani, ekugcineni usenguNkulunkulu osindisa isintu. Ngoba uMoya kaNkulunkulu awubonakali enyameni, futhi umsebenzi wenyama uphinde ube umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu; umehluko kumane kube ukuthi lo msebenzi awenziwa kusetshenziswa isiqu sikaMoya, kodwa kusuke kusetshenziswa isiqu senyama.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Ngokwengeziwe Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu wokoqobo uqobo okokhulunywa Ngaye namuhla usebenza ebuntwini kanye nasebunkulunkulwini kokubili. Ngokubukeka kukaNkulunkulu wokoqobo, umsebenzi Wakhe wobuntu ojwayelekile kanye nomsebenzi Wakhe ophelele wobunkulunkulu uyafezeka. Ubuntu nobunkulunkulu Bakhe buhlangene ndawonye, futhi umsebenzi wakho kokubili ufezeka ngamazwi; noma ngabe kusebuntwini noma ebunkulunkulwini, ukhuluma amazwi. Lapho uNkulunkulu esebenza esintwini, ukhuluma ulimi lwesintu, ukuze abantu baxhumane futhi baqonde. Amazwi Akhe akhulunywa ngokucacile, futhi alula ukuwaqonda, ngale ndlela yokuthi angahlinzekwa abantu bonke; kungakhathaleki noma laba bantu banolwazi noma bafunde kancane, bonke bangawathola amazwi kaNkulunkulu. Umsebenzi kaNkulunkulu ebunkulunkulwini nawo wenziwa ngamazwi, kodwa ugcwele ukuhlinzeka, ugcwele ukuphila, awungcolisiwe imiqondo yobuntu, awufaki ukukhetha kobuntu, futhi awunayo imikhawulo yobuntu, ungaphandle kwemingcele yobuntu obujwayelekile; wona, futhi, wenziwa enyameni, kodwa ungukuvezwa kukaMoya ngqo. Uma abantu bemukela kuphela umsebenzi kaNkulunkulu ebuntwini, bayoziqoqela emkhawulweni othile, futhi bayodinga ukusetshenzwa, ukuthenwa, kanye nokuqondiswa okungapheli ukuze kube khona uguquko oluncane kubo. Ngaphandle komsebenzi noma ubukhona bukaMoya oNgcwele, nokho, bayohlala bebuyela ezindleleni zabo ezindala; kungomsebenzi wobunkulunkulu kuphela lapho lezi zifo kanye nokuntula kungalungiswa, yilapho kuphela abantu bengenziwa baphelele. Esikhundleni sokusetshenzwa nokuthenwa okuqhubekayo, okudingekayo ukuhlinzekwa okuhle, kusetshenziswa amazwi ukulungisa amaphutha onke, ukusebenzisa amazwi ukuveza sonke isimo sabantu, ukusebenzisa amazwi ukuqondisa izimpilo zabo, ukukhuluma kwabo, ukwenza kwabo konke, ukuveza izinhloso zabo kanye nokukhuthazeka; lona ngumsebenzi wangempela kaNkulunkulu wokoqobo. Futhi ngalokho, esimweni sakho sengqondo ngoNkulunkulu wokoqobo kumele uzithobe kukho kokubili phambi kobuntu Bakhe, umazise futhi umvume, okunye futhi, kumele wamukele futhi ulalele umsebenzi namazwi obunkulunkulu. Ukubonakala kukaNkulunkulu enyameni kusho ukuthi wonke umsebenzi namazwi kaMoya kaNkulunkulu kwenziwa ngobuntu Bakhe obujwayelekile, nangobuntu Bakhe enyameni. Ngamanye amazwi, uMoya kaNkulunkulu ukuqondisa kokubili, umsebenzi Wakhe wobuntu bese futhi wenza nomsebenzi wobunkulunkulu enyameni, futhi kuNkulunkulu osesimweni somuntu ungakwazi ukukubona kokubili, umsebenzi kaNkululunkulu esintwini kanye nomsebenzi Wakhe onobunkulunkulu obuphelele. Lokhu ngukubaluleka kwangempela okungokoqobo ngokwengeziwe kokubonakala kukaNkulunkulu wokoqobo esenyameni. Uma ungakubona lokhu ngokucacile, uyokwazi ukuhlanganisa izingxenye ezehlukene zikaNkulunkulu, futhi uyoyeka ukubeka ukubaluleka okukhulu kakhulu emsebenzini Wakhe ebunkulunkulwini, kanye nokunganaki umsebenzi Wakhe ebuntwini, futhi angeke wenze ngokwedlulele, noma uthathe izindlela eziphambukayo. Kukho konke, incazelo kaNkulunkulu wokoqobo ukuthi umsebenzi wobuntu Bakhe kanye nowobunkulunkulu Bakhe, njengalokhu uqondiswa uMoya, uvezwa enyameni Yakhe, ukuze abantu babone ukuthi ucacile futhi uyaphila, ungowokoqobo, futhi ungowangempela.

Kucashunwe embhalweni othi “Kumele Wazi Ukuthi UNkulunkulu Wokoqobo NguNkulunkulu Uqobo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp