Umsebenzi Nokungena (1)

Kusukela ngesikhathi abantu abaqala ngaso ukunyathela emgudwini ofanele wokukholwa kuNkulunkulu, kunezinto eziningi ezingakacaci. Basadunguza emswanini ngomsebenzi kaNkulunkulu, nangomsebenzi omningi okufanele bawenze. Ngakolunye uhlangothi, lokhu kungenxa yokwehluka kwemibono yabo kanye nokuntula ulwazi; futhi kuphinde kube ngenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu awukabalethi abantu kulesi sigaba. Ngakho, abantu abaningi ziyabadida izinto eziningi ezimayelana noNkulunkulu. Anigcini nje ngokungacacelwa ukuthi yini okufanele ningene kuyo; niwushaya indiva umsebenzi kaNkulunkulu. Lokhu kungaphezu kokwenza amaphutha kini: Kuyisici esibi kakhulu sabo bonke abantu abakholwayo emhlabeni. Lokhu kuyisihluthulelo esenza abantu bangamazi uNkulunkulu, ngakho lesi isici esivamile, bonke abafuna Yena abanaso. Akekho noyedwa umuntu owake wamazi uNkulunkulu, noma wabona ubuso Bakhe bangempela. Yilokhu okwenza umsebenzi kaNkulunkulu ube nzima njengokugudluza izintaba noma ukumunca amanzi olwandle. Bangakanani abantu abanikele ngezimpilo zabo ngenxa yomsebenzi Wakhe; bangakanani abakhishiwe kulo msebenzi Wakhe; bangakanani ababulewe ngenxa yomsebenzi Wakhe; bangakanani abanamehlo agcwele izinyembezi ngenxa yokuthanda kwabo uNkulunkulu, abashone kungafanele; bangakanani abakhohlakele futhi bashushiswa ngokujwayelekile…? Ukuthi lezi zinhlekelele zizele ukudlula—akukhona ukuntula kwabo bonke abantu ulwazi ngoNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi umuntu ongamazi uNkulunkulu akwazi ukuza phambi Kwakhe? Kungenzeka kanjani ukuthi umuntu okholelwa kuNkulunkulu kodwa ongamphathi kahle asondele Kuye? Lana akuwona nje amaphutha alabo abasenkolweni, kodwa ayizinto ezivamile kini nakubo. Abantu bakholelwa kuNkulunkulu bengamazi; yilokho okwenza ukuthi bangamhloniphi uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, futhi bangamesabi ezinhliziyweni zabo. Kuphinde kube nalabo okuthi ngenxa yenala abanayo nezimo ezibavunayo, benze umsebenzi osezingqondweni zabo kulo mthombo, futhi benze umsebenzi abawuthunywe uNkulunkulu ngokuvumelana nezinto ezithandwa yibo nezifiso zabo eziyihaba. Abantu abaningi banobulwane, abamhloniphi uNkulunkulu kodwa balandela okuthandwa yibo. Ingabe lokhu akusinikezi isithombe esicacile ngobugovu obusezinhliziyweni zabantu? Ingabe lokhu akuvezi ukuchichima kwenkohliso abantu abanayo? Kungenzeka abantu bahlakaniphe kakhulu, kodwa izipho zabo zingayithatha kanjani indawo yomsebenzi kaNkulunkulu? Kungenzeka abantu banendaba ngempela nomthwalo kaNkulunkulu, kodwa abanakuba nomhobholo kakhulu. Ingabe izenzo zabantu zingcwele ngempela? Ingabe umuntu engaqiniseka ngempela? Ukufakaza ngoNkulunkulu, ukuthola inkazimulo Yakhe—lokhu kusho ukuqhakambisa uNkulunkulu nokuphakamisa abantu; bangaba kanjani usizo? Umsebenzi kaNkulunkulu usanda kuqala, amazwi Akhe asanda kuqala ukukhulunywa. Kuleli qophelo, abantu bayaziqhenya, akuyona yini leyo into ehlazisayo? Kuncane kakhulu abakuqondayo. Ngisho nezazi zezinkolelo ezihlonishwayo eziningi, nezikhulumi eziningi zaseshashalazini ezinobuciko, azikwazi ukuyichaza yonke inala kaNkulunkulu—kangakanani-ke ngawe? Wenze kahle wangazibona uphakeme kunamazulu, kodwa wazibona ungomncane kunabo bonke labo bantu abafuna ukuthanda uNkulunkulu. Lena indlela okufanele ungene kuyo: ukuzibona umncane kunabo bonke abanye. Kungani uzibona uphakeme? Kungani ulindela izinto ezinkulu kangaka kuwe? Ohambweni olude lokuphila, usuwathathile amagxathu ambalwa. Okubonayo nje ingalo kaNkulunkulu, hhayi uNkulunkulu ephelele. Kudingeka nibone okunye okuningi ngomsebenzi kaNkulunkulu, nithole okuningi ngendawo okufanele ningene kuyo, ngoba kuncane kakhulu enikushintshile.

Njengoba uNkulunkulu ephelelisa umuntu futhi ekuguqula isimo sakhe, umsebenzi kaNkulunkulu awumi, ngenxa yokuthi bantula ngezindlela eziningi kakhulu futhi basilela kakhulu ezindinganisweni ezibekwe Nguye. Ngakho kungathiwa, emehlweni kaNkulunkulu, niyoba abantwana abasanda kuzalwa unomphela, abanezinto ezincane kakhulu ezimjabulisayo, ngenxa yokuthi anilutho kodwa niyizidalwa ezisezandleni zikaNkulunkulu. Uma esinye siwela ekunganakini, ngabe ngeke yini senyanywe uNkulunkulu? Ukuthi namuhla ungamanelisa uNkulunkulu ukukhuluma ngokwehlo elinqindekile lomzimba wakho wenyama; uma ngempela ubuqhathaniswa noNkulunkulu, njalo ubuzokwehlulwa enkundleni. Inyama yomuntu ayikaze ngisho nakanye inqobe. Kungokusebenza kuphela koMoya oNgcwele lapho kungenzeka khona ukuthi umuntu abe nezici ezihlengayo. Eqinisweni, phakathi kwezinto eziningi ezihlukahlukene endalweni kaNkulunkulu, umuntu usezansi. Nakuba engumbusi wazo zonke izinto, umuntu uyena kuphela ochayeke emaqhingeni kaSathane, uyena oyisisulu senkohlakalo yakhe engapheli. Umuntu akakaze azibuse. Abantu abaningi baphila ezweni elingcolile likaSathane, futhi liyabalulaza; libahlupha ngezindlela eziningi kuze kube yilapho kuphila khona ingxenye kubo, babekezelela zonke izinguquko, nabo bonke ubunzima emhlabeni. Ngemva kokudlala ngabo, uSathane uyaqeda ngekusasa labo. Ngakho abantu badideka ukuphila kwabo konke, abakaze bajabulele izinto uNkulunkulu abalungiselele zona, kodwa kunalokho balinyazwa uSathane, abashiye bemanaphanapha. Namhlanje bakhandlekile futhi abanamandla ngezinga lokuthi abanaso nesincane isifiso sokubona umsebenzi kaNkulunkulu. Uma abantu bengenaso isifiso sokubona umsebenzi kaNkulunkulu, izinto zabo ziyoqothulwa phakade zibe izicucu, futhi ukungena kwabo kuyoba isikhala esingenalutho kuze kube phakade. Eminyakeni eyizinkulungwane eziningi kusukela uNkulunkulu afika emhlabeni, uNkulunkulu usebenzise bonke abantu abanemibono emihle ukuze bamsebenzele iminyaka eminingi; kodwa labo abazi umsebenzi Wakhe bayidlanzana njengokungathi abekho. Ngenxa yalesi sizathu, abantu abangenakubalwa bathatha indima yokwenqaba uNkulunkulu ngesikhathi esifanayo abamsebenzela ngaso, ngenxa yokuthi kunokwenza umsebenzi Wakhe, empeleni benza umsebenzi womuntu esikhundleni abasinikwe uNkulunkulu. Ingabe lokhu kungabizwa ngomsebenzi? Bengangena kanjani kukho? Abantu bawuthathe bawungcwaba umusa kaNkulunkulu. Ngenxa yalokhu, ezizukulwaneni eziningi ezedlulile, labo abenza umsebenzi Wakhe banomnyango omncane. Abakhulumi ngokwazi umsebenzi kaNkulunkulu, ngoba kuncane abakuqondayo ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu. Kungashiwo ukuthi, nakuba bebaningi kangaka abakhonza uNkulunkulu, bahlulekile ukubona indlela aphakeme ngayo, futhi yingakho bonke beziphakamise njengoNkulunkulu ukuze abanye babakhonze.

Kule minyaka eminingi kangaka uNkulunkulu ubelokhu ecashile phakathi kwendalo; ubone iziphethu nemithombo eminingi kumbozwe inkungu; ubelokhu ebuka phansi esezulwini lesithathu izinsuku nobusuku obuningi kakhulu; uhambe phakathi kwabantu izinyanga neminyaka eminingi kakhulu. Uhlale ngokuthula phakathi kwabo bonke abantu elinde ngezinkathi ezibandayo zasebusika. Akakaze ngisho kanye aziveze ngokucacile kunoma imuphi umuntu, noma enze umsindo omncane, ahambe ngaphandle kophawu futhi abuye ngokuthula. Ubani ongazi ubuso Bakhe bangempela? Akakaze ngisho nakanye akhulume nomuntu, futhi akakaze alokothe avele kumuntu. Kulula kangakanani kubantu ukwenza umsebenzi abawuthunywe nguNkulunkulu? Akucacile kubo ukuthi ukumazi kuyinto enzima kunazo zonke. Namuhla uNkulunkulu ukhulume nomuntu, kodwa umuntu akakaze amazi, ngoba umnyango wakhe ekuphileni mncane kakhulu. Ngokombono Wakhe, bonke abantu akufanele bavele phambi kukaNkulunkulu. Banokuqonda okuncane kakhulu ngoNkulunkulu futhi baqhelelene kakhulu Naye. Ngaphezu kwalokho, izinhliziyo abakholelwa ngazo kuNkulunkulu ziyinkimbinkimbi kakhulu, futhi abanaso isithombe sikaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. Ngenxa yalokho, imizamo ebuhlungu kaNkulunkulu, nomsebenzi Wakhe, njengezingcezu zegolide ezithukuswe esihlabathini, azikwazi ukukhipha ngisho okuncane ukukhanya. Izinga, izisusa, kanye nemibono yalaba bantu uNkulunkulu ukwenyanya kakhulu. Ukuntula kwabo ulwazi, ukungabi nazwela ngezinga lokuthi kuze kungazweli lutho, ukuncipha nokuwohloka, ukulandela ngendlela eyihaba, ubuthaka nokungabi namandla, kufanele kuholwe ngendlela okuholwa ngayo izinkomo namahhashi. Mayelana nokungena kwabo emoyeni, noma emsebenzini kaNkulunkulu, abanake nakunaka, abazimisele ngisho nokunambitha encane inhlupheko ngenxa yeqiniso. Ngeke kube lula ukuthi uNkulunkulu aphelelise lolu hlobo lomuntu. Ngakho kubalulekile ukuthi umnyango wakho uwuqondanise nalokhu—ukuthi ngomsebenzi nangomnyango wakho uyasondela ekwazini umsebenzi kaNkulunkulu.

Okwedlule: Bonke Abantu Abangamazi UNkulunkulu Bangabantu Abaphikisana NoNkulunkulu

Okulandelayo: Umsebenzi Nokungena (2)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp