Umsebenzi Nokungena (2)

Umsebenzi kanye nokungena kwenu akukuhle neze; umuntu akagxili kakhulu endleleni yokusebenza futhi unokungacopheleli nakakhulu mayelana nokungena ekuphileni. Umuntu akakubheki lokhu njengezifundo okufanele angene kuzo; ngakho-ke, kulokho enihlangane nakho, cishe konke umuntu akubonayo kuwutalagu olungenalutho. Akukuningi kakhulu okucelwayo kini mayelana nomsebenzi, kodwa, njengomuntu okufanele apheleliswe uNkulunkulu, kudingeka ufunde izifundo zakho ngokusebenzela uNkulunkulu ukuze uhambisane ngokushesha nentando kaNkulunkulu. Kuwo wonke umlando, labo abenza umsebenzi babebizwa ngokuthi yizisebenzi noma abaphostoli, kubhekise enanini elincane labantu abasetshenziswa uNkulunkulu. Nokho, umsebenzi engikhuluma ngawo namuhla awubhekisile kulezo zisebenzi noma abaphostoli kuphela; uqondiswe kubo bonke labo okufanele bapheleliswe uNkulunkulu. Mhlawumbe baningi dabaabanen kancane ngalokhu, kodwa, ngenxa yokungena, kuzoba ngcono ukuba sixoxe ngaleli qiniso.

Lapho kukhulunywa ngomsebenzi, umuntu ukholelwa ukuthi umsebenzi kufanele wenzelwe uNkulunkulu, ashumayele kuzo zonke izindawo futhi angene ezindlekweni ngenxa kaNkulunkulu. Nakuba le nkolelo ineqiniso, kodwa ayihlanganisi konke; into uNkulunkulu ayicela kumuntu ayikho mayelana nohambo lwakhe ngoNkulunkulu kuphela; imayelana nenkonzo kanye nokusebenza kukamoya. Abazalwane abaningi abakaze bacabange ngokusebenzela uNkulunkulu ngisho noma bedlule ezintweni eziningi, ngoba umsebenzi owenziwa umuntu awuvumelani nalokho uNkulunkulu akucelayo. Ngakho, ayikho into umuntu anendaba nayo kulo msebenzi, futhi lesi yiso kanye isizathu esenza umnyango womuntu ubheke ohlangothini olulodwa. Nonke kufanele niqale ukungena emsebenzini kaNkulunkulu, ukuze nazi zonke izinto ezimayelana nawo. Yilokhu okufanele ningene kukho. Umsebenzi awubhekiseli kokwenzela uNkulunkulu; ubhekisela ekutheni ukuphila komuntu nalokho akuphilelayo kujabulisa uNkulunkulu yini. Umsebenzi ubhekisela ekwethembekeni komuntu kuNkulunkulu nolwazi analo ngoNkulunkulu ukuze afakaze ngoNkulunkulu futhi akhonze umuntu. Lesi isibopho somuntu nakho konke umuntu okufanele akuqaphele. Ngamanye amazwi, ukungena kwakho kungumsebenzi wakho; ufuna ukungena phakathi nenkambo yakho yomsebenzi kaNkulunkulu. Ukuzwa umsebenzi kaNkulunkulu akusho nje ukuthi uyayazi indlela yokudla nokuphuza izwi Lakhe; kodwa kumele ukwazi ukufakaza ngoNkulunkulu, ukhonze uNkulunkulu, bese ukhonza uphinde unakekele umuntu. Lona umsebenzi nokungena kwakho; yilokhu wonke umuntu okufanele akufeze. Kunabaningi abagxile kuphela ohambweni lukaNkulunkulu, abashumayela kuzo zonke izindawo, kodwa bangazinaki izinto ezimayelana nabo futhi bakushaye indiva ukungena kwabo ekuphileni kukamoya. Yilokhu okwenza abantu abakhonza uNkulunkulu ukuthi bamelane noNkulunkulu. Iminyaka eminingi, labo abakhonza uNkulunkulu futhi bakhonze umuntu bebebheka lokho kusebenza nokushumayela njengokungena, futhi abekho ababheke izinto abadlule kuzo ngokomoya njengomnyango obalulekile. Kunalokho, bagqamisa ukukhanyiselwa umsebenzi woMoya oNgcwele lapho befundisa abanye. Lapho beshumayela, bathwala kakhulu futhi bamukela umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi ngalokhu bakhuluma izwi loMoya oNgcwele. Ngaleso sikhathi, bayajabula futhi bagculiseke ngaphakathi, njengokungathi umsebenzi woMoya oNgcwele uyinto engokomoya eyenzekayo kubo; bazizwa sengathi wonke amazwi abawakhuluma ngaleso sikhathi ayisiqu sabo uqobo, futhi kusengathi okuhlangenwe nakho kwabo akucacicile ngendlela abakuchaze ngayo. Ngaphezu kwalokho, abakwazi nokuncane okumele bakusho ngaphambi kokukhuluma, kodwa lapho uMoya oNgcwele usebenza kubo, baba namazwi ageleza njalo nangenamkhawulo. Ngemva kokushumayela ngaleyo ndlela, uzwa sengathi isimo sakho sangempela asisincane njengoba wawucabanga. Ngemva kokuba uMoya oNgcwele usebenza ngendlela efanayo kuwe izikhathi eziningana, ucabanga ukuthi usunaso kakade leso simo futhi ngephutha ukholelwa ukuthi umsebenzi woMoya oNgcwele uwumnyango nesiqu sakho. Lapho uhlale udlula kulezi zinto, awubi nemithetho eqinile ngokungena kwakho. Ube usuvilapha ungaboni, futhi awube usawunaka nhlobo umnyango wakho. Ngakho, lapho ukhonza abanye, kumele uwenze ucace umehluko phakathi kwesimo sakho nomsebenzi woMoya oNgcwele. Lokhu kuyokwenza kube lula ukungena kwakho futhi kuyokuzuzisa kangcono. Kumuntu umsebenzi woMoya oNgcwele unjengento adlule kuyo uyisiqalo sokuwohloka komuntu. Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi wenza muphi umsebenzi, kufanele ubheke umnyango wakho njengesifundo esimqoka.

Umuntu usebenzela ukufeza intando kaNkulunkulu, ukuletha bonke labo abafuna inhliziyo kaNkulunkulu phambi Kwakhe, ukuletha umuntu phambi kukaNkulunkulu, nokwethula umsebenzi woMoya oNgcwele nokuqondisa umuntu kukaNkulunkulu, ngalokho ephelelisa izithelo zomsebenzi kaNkulunkulu. Ngenxa yalokhu, kubalulekile ukuba wazi isiqu somsebenzi. Njengomuntu osetshenziswa uNkulunkulu, bonke abantu kufanele basebenzele uNkulunkulu, okusho ukuthi, bonke banethuba lokusetshenziswa uMoya oNgcwele. Nokho, kunephuzu elilodwa okufanele niliqaphele: Lapho umuntu enza umsebenzi awuthunywe nguNkulunkulu, umuntu unikezwe ithuba lokusetshenziswa uNkulunkulu, kodwa okushiwo nokwaziwa umuntu akuncikile ngokuphelele esimweni somuntu. Ungazi kangcono kuphela izinto ezidingwa umsebenzi wakho, futhi uMoya oNgcwele ukukhanyisele nakakhulu, ngalokho ukuvulele umnyango ongcono emsebenzini wakho. Uma umuntu ebheka ukuqondiswa uNkulunkulu njengomnyango womuntu nalokho okuyifa lomuntu, alikho ithuba lokuthi isiqu esingokomoya somuntu sikhule. UMoya oNgcwele ukhanyisela umuntu lapho esesimweni esijwayelekile; ezikhathini ezinjalo, umuntu ujwayele ukuphambanisa ukukhanya akuthola esimweni sakhe esingokoqobo, njengokungathi uMoya oNgcwele uletha ukukhanya ngendlela ejwayelekile: ngokusebenzisa lokho umuntu angazitholela khona. Lapho umuntu esebenza futhi ekhuluma, noma phakathi nomkhuleko womuntu wokuzinikela kwakhe komoya, iqiniso liyohlala obala kubo. Nokho ngokoqobo, lokho umuntu akubonayo kuwukuphela kokukhanya okulethwa uMoya oNgcwele (ngokwemvelo, lokhu kuvame ukubambisana nomuntu) hhayi isimo sangempela somuntu. Ngemva kwesikhathi umuntu adlula kuso ebunzimeni nokuvivinywa okuthile, isiqu sangempela somuntu siyacaca ezimweni ezinjalo. Kungaleso sikhathi kuphela lapho umuntu ebona khona ukuthi isiqu esingokomoya somuntu asisikhulu kangako, futhi ubugovu, ukuzicabangela yena yedwa, kanye nomhobholo womuntu konke kuyavela. Kungemva kweziwombe eziningi kuphela zalezo zinto lapho iningi lalabo abavusiwe emoyeni wabo beyobona khona ukuthi bebengekho esimweni sangempela, kodwa ukukhanya kwesikhashana koMoya oNgcwele, futhi umuntu wakuthola ukukhanya. Lapho uMoya oNgcwele ukhanyisela umuntu ukuze aqonde iqiniso, lokho uvamise ukukwenza ngendlela ecacile nengagwegwesi, ngaphandle kokuchaza ukuthi izinto zenzeka kanjani noma ukuthi ziya kuphi. Lokho kusho ukuthi, akahlanganisi ubunzima bomuntu kulesi sambulo, kunalokho ulembula ngokuqondile iqiniso. Lapho umuntu ehlangabezana nobunzima ekungeneni, umuntu ube eseba nokukhanya kukaMoya oNgcwele, futhi lokhu kuba yinto umuntu abhekana nayo ngokoqobo. Ngokwesibonelo, udade ongashadile ukhuluma kanje ngesikhathi sokuhlanganyela: “Asifuni udumo kanye nengcebo noma ukufisa injabulo yothando oluphakathi kwendoda nomfazi; sifuna kuphela ukunikela ngenhliziyo ehlanzekile nangokungashadi kuNkulunkulu.” Uyaqhubeka athi: “Lapho abantu beshada, kuba kuningi okubehlelayo, futhi izinhliziyo zothando lwabo ngoNkulunkulu azibi ngokoqobo. Izinhliziyo zabo njalo zikhathazeka kakhulu ngomndeni wabo kanye nomlingani wabo, ngakho izinhliziyo zabo ziyinkimbinkimbi kakhulu….” Njengoba ekhuluma, kuba sengathi amazwi awakhulumayo ayilawo awacabanga enhliziyweni yakhe; amazwi akhe acacile futhi anamandla, kube sengathi konke akukhulumayo kuvela ekujuleni kwenhliziyo yakhe. Ufisa sengathi angazinikela ngokuphelele kuNkulunkulu futhi wethemba ukuthi abafowethu nodadewethu abanjengaye bangaba nokuzimela okunjalo. Kungathiwa isinqumo sakho nomuzwa wokuba ushukumiseke kulesi sikhathi kuvela ngokuphelele ekusebenzeni koMoya oNgcwele. Lapho indlela yomsebenzi kaNkulunkulu iguquka, usukhule iminyaka embalwa; ubona ukuthi bonke owawufunda nabo isikole nabangane abangangawe sebanamadoda, noma uzwa kuthiwa usibanibani useshadile, umyeni wakhe umthathe wamyisa edolobheni futhi usethole umsebenzi lapho. Lapho umbona, uzoqala ukuba nomona, ubona indlela agcwele ngayo ukuthandeka nokuma kahle kusukela ekhanda kuye ozwaneni, nendlela, okuthi lapho ekhuluma nawe, aba wumuntu wasedolobheni ngayo, kungasekho naluphawu lwesimo sakhe sangaphandle kwedolobha. Ukubona lokhu kuvusa imizwa kuwe. Wena, ususebenzele uNkulunkulu isikhathi eside, awunawo umndeni noma umsebenzi, futhi kunokuningi omelane nakho; kudala, wangena eminyakeni ephakathi nendawo, futhi ubusha bakho bedlula buthule, sengathi wawusephusheni. Uhambe yonke le ndlela kuze kube yinamuhla, kodwa awazi lapho uzozinza khona. Kungaleso sikhathi lapho uba sesishingishaneni somcabango, sengathi ulahlekelwe yingqondo. Uwedwa futhi ungakwazi ukulala kahle, ukuthola kunzima ukulala ubusuku bonke, unganakile, uqala ukucabanga ngesinqumo sakho kanye nezifungo zakho ezinqala kuNkulunkulu, nokuthi kungani, ngisho kunjalo, uwele kulesi simo esidabukisa kanjalo? Unganakile, ukhala izinyembezi buthule futhi uzwa ubuhlungu obuhlukumeza inhliziyo. Lapho uza phambi kukaNkulunkulu ukuzothandaza, ukhumbula izinsuku lapho usendawonye noNkulunkulu, lapho nanisondelene ngokungenakuhlukaniswa. Isimo ngemva kwesinye zibonakala phambi kwamehlo akho, futhi isifungo owasenza ngaloluya suku siyaphinda futhi siyankeneneza ezindlebeni zakho, “Ingabe uNkulunkulu akayena yini owukuphela komngani wami?” Ngaleso sikhathi, uyakhala: “Nkulunkulu! Nkulunkulu Othandekayo! Sengivele nginikele inhliziyo yami Kuwe ngokuphelele. Ngifisa ukwethenjiswa Wena phakade, futhi ngizokuthanda ngokungaguquki ukuphila kwami konke….” Kungesikhathi uzabalaza kulokhu kuhlupheka okubi kanjalo kuphela lapho uzwa ngempela ukuthi uNkulunkulu uthandeka kanjani, futhi kungaleso sikhathi kuphela lapho ubona ngokucacile: Kudala nganikela ngakho konke okwami kuNkulunkulu. Ngemva kwegalelo elinjalo, uba nokwazi okuthe xaxa ngale ndaba futhi ubone ukuthi umsebenzi woMoya oNgcwele ngaleso sikhathi awuyona into umuntu anayo. Kokuhlangenwe nakho kwakho kwakamuva, awusabophekile kulokhu kungena; kuba sengathi izibazi zakho zikuzuzise kakhulu ukungena kwakho. Noma nini lapho uhlangabezana nezimo ezinjalo, uzokhumbula ngokushesha izinyembezi zakho zangalolo suku, njengokungathi uphinde uhlangana noNkulunkulu. Uhlala njalo unokwesaba ukuphinde unqamule ubudlelwane bakho noNkulunkulu kanye nokonakalisa ukunamathelana ngokwemizwelo (ubudlelwane obujwayelekile) phakathi kwakho noNkulunkulu. Lona umsebenzi wakho kanye nokungena kwakho. Ngakho, lapho wamukela umsebenzi kaMoya oNgcwele, ufuna okunye okuningi bese ugxila ekungeneni kwakho ngesikhathi esifanayo, ubona ngokucacile ukuthi uyini umsebenzi woMoya oNgcwele nokuthi uyini umnyango wakho, kanye nokubona umsebenzi woMoya oNgcwele ekungeneni kwakho, ukuze upheleliswe Nguye futhi uvumele isiqu somsebenzi woMoya oNgcwele kuwe. Phakathi nohambo lwakho emsebenzini woMoya oNgcwele, wazi uMoya oNgcwele, kanye nawe siqu, kanye nezikhathi eziningi zokuhlupheka ngokwedlulele, uba nobuhlobo obujwayelekile noNkulunkulu, futhi usuku nosuku uyasondelana noNkulunkulu. Phakathi nezikhathi eziningi zokuhlungwa nokucwengwa, uba nothando lwangempela ngoNkulunkulu. Yingakho kufanele ubone ukuthi lokho kuhlupheka, ukushaywa kanye nezinsizi akufanele kwethuse; okwethusayo ukuba nomsebenzi woMoya oNgcwele kuphela hhayi ukungena kwakho. Lapho kufika usuku umsebenzi kaNkulunkulu ophela ngalo, uyobe ufukuzelele ize; nakuba uwenzile umsebenzi kaNkulunkulu, uyobe ungawazi uMoya oNgcwele noma umnyango wakho. Ukukhanyiselwa komuntu uMoya oNgcwele akukhona okokwanelisa isifiso somuntu; kuwukuvulela umuntu indlela ukuze angene, kanye nokuvumela umuntu ukuba azi uMoya oNgcwele, futhi kulokho kuhluma inhliziyo ehlonipha futhi yazise uNkulunkulu.

Okwedlule: Umsebenzi Nokungena (1)

Okulandelayo: Umsebenzi Nokungena (3)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp