Bonke Abantu Abangamazi UNkulunkulu Bangabantu Abaphikisana NoNkulunkulu

Ukuze kuqondwe inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu, umphumela okufanele umuntu afinyelele kuwo, kanye nentando kaNkulunkulu ngomuntu, yilokhu okufanele wonke umuntu olandela uNkulunkulu afinyelele kukho. Manje into abantu bonke abayiswele ukwazi umsebenzi kaNkulunkulu. Umuntu akazi futhi akaqondi ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu kumuntu uyini empeleni, umsebenzi kaNkulunkulu uwonke, kanye nentando kaNkulunkulu kusukela ekudalweni komhlaba. Lokhu kusilela akuve kuwukuthi kwande emhlabeni wezenkolo kuphela kodwa kugcwele kuwo wonke amakholwa kaNkulunkulu. Uma sekufika usuku lapho umbona ngempela uNkulunkulu futhi ubona ubuhlakani bukaNkulunkulu; uma usubona yonke imisebenzi kaNkulunkulu futhi uqonda ukuthi uNkulunkulu uyini nokuthi unani; uma ubona ubukhulu Bakhe, ubuhlakani, isimangaliso, kanye nawo wonke umsebenzi Wakhe kumuntu, yilapho uyobe sewuthole ukukholwa okunempumelelo kuNkulunkulu. Uma kuthiwa uNkulunkulu uyikho konke futhi unokuningi kakhulu, kusho ukuthini ukuthi, uyikho konke kukho konke? Futhi kuchazwa ukuthini ngokuba nokuningi? Uma ungakuqondi lokhu, kungethiwe ukholelwa kuNkulunkulu. Kungani ngithi labo abasemhlabeni wezenkolo abakholelwa kuNkulunkulu futhi bangabenzi bobubi, abawuhlobo olufanayo noSathane? Uma ngithi bangabenzi bobubi, kungenxa yokuthi abayiqondi intando kaNkulunkulu noma babone ubuhlakani Bakhe. UNkulunkulu akawuvezi umsebenzi Wakhe kubo nhlobo; bangabantu abayizimpumputhe, abangayiboni imisebenzi kaNkulunkulu. Yilabo abashiywe nguNkulunkulu, abanganakekelwe futhi abangavikelwe uNkulunkulu, ingasaphathwa eyomsebenzi woMoya oNgcwele. Labo abangenawo umsebenzi kaNkulunkulu bangabenzi bobubi futhi bamelene noNkulunkulu. Labo engithi bamelene noNkulunkulu yilabo abangamazi uNkulunkulu, labo abazisa uNkulunkulu ngamazwi angasho lutho kodwa abamazi Yena, labo abalandela uNkulunkulu kodwa bengamhloniphi, nalabo abazitika ngomusa kaNkulunkulu kepha bengakwazi ukusukuma bamfakazele. Ngaphandle kokuqonda inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu nomsebenzi kaNkulunkulu kumuntu, umuntu ngeke aba nokuvumelana nenhliziyo kaNkulunkulu, futhi ngeke ame abe ufakazi kaNkulunkulu. Isizathu sokuthi umuntu amelane noNkulunkulu siqhamuka, ngasohlangothini olulodwa, esimweni somuntu esonakele, futhi ngakolunye uhlangothi, ekungabini nolwazi ngoNkulunkulu nokweswela ukuqonda imiyalo yomsebenzi kaNkulunkulu kanye nentando yakhe ngabantu. Lezi zimo zombili ziyahlangana zibe umlando wokungavumi ukusondelana nomuntu noNkulunkulu. Izimfundamakhwela okholweni ziphikisana noNkulunkulu ngoba ukuphikisana okunjalo kusemvelweni yazo, kube ukuphikisana noNkulunkulu kwalabo abaneminyaka eminingi bekholwa kuvela ekungabini nolwazi kwabo ngoNkulunkulu, ngaphezu kwesimo sabo esinenkohlakalo. Ngesikhathi esingaphambilini kokuba uNkulunkulu athathe isimo senyama, isikali sokubona noma umuntu wayemelene noNkulunkulu kwabe kuwukuthi wayeyigcina yini imiyalelo eyayibekwe nguNkulunkulu ezulwini. Njengesibonelo, eNkathini Yomthetho, noma ubani owayengayigcini imithetho kaJehova, kwakuyilabo abamelene noNkulunkulu; noma ubani owayentshontsha iminikelo kaJehova, kanye nanoma ubani owayemelana nalabo uNkulunkulu abenzele umusa babe yilabo abamelene noNkulunkulu futhi labo babekhandwa ngamatshe baze bafe; noma ubani owayengahloniphi uyise nonina, kanye noma ubani owayeshaya noma aqalekise omunye kwakuyilabo abangayigcini imithetho. Futhi bonke ababengayigcini imithetho kaJehova kwakuyilabo ababemelene Naye. Lokhu kwakungasenjalo ngeNkathi Yomusa, lapho noma ubani omelana noJesu kwakuyilabo abamelene noNkulunkulu, futhi noma ubani owayengalaleli amazwi ayekhulunywe nguJesu kwabe kuyilabo abamelene noNkulunkulu. Kule nkathi, ukunquma “ngokumelana noNkulunkulu” kwachazwa ngokucacile nangokuyikho ngempela. Ngenkathi uNkulunkulu engakasithathi isimo senyama, isilinganiso sokuthi umuntu wayemelene noNkulunkulu kwakusekelwe ukuthi umuntu wayekhonza futhi ebheka phezulu kuNkulunkulu ongabonakali ezulwini. Incazelo “ngokumelana noNkulunkulu” ngaleso sikhathi kwabe kungeyona eyangempela, ngoba umuntu ngaleso sikhathi wayengakwazi ukubona uNkulunkulu noma ukwazi umfanekiso kaNkulunkulu noma ukuthi wayesebenza futhi ekhuluma kanjani. Umuntu wayengenayo imibono ngoNkulunkulu futhi wayekholelwa kuNkulunkulu ngokungaqondi, ngoba wayengakaveli kumuntu. Ngakho, noma iyiphi indlela umuntu ayekholelwa kuNkulunkulu emicabangweni yakhe ngayo, uNkulunkulu wayengamsoli noma afune okuningi kumuntu, ngoba umuntu wayengakwazi nhlobo ukubona uNkulunkulu. Uma uNkulunkulu ethatha isimo senyama futhi efika ukuzosebenza phakathi kwabantu, bonke bayambona uNkulunkulu futhi bayezwa amazwi Akhe, futhi bonke bayabona okwenziwa uNkulunkulu enyameni. Ngalowo mzuzu, yonke imibono yomuntu iba yigwebu. Kulabo ababona uNkulunkulu evela enyameni, bonke abanokulalela ezinhliziyweni zabo ngeke balahlwe, kepha labo abamelana Naye ngamabomu kuzothiwa bayisitha sikaNkulunkulu. Abantu abanjalo bangabaphikiKristu futhi bayizitha ezimelana noNkulunkulu ngenhloso. Labo abanemibono mayelana noNkulunkulu kepha bemlalele ngentokozo ngeke balahlwe. UNkulunkulu ulahla umuntu ngenxa yezinhloso nezenzo zakhe, hhayi ngenxa yemicabango nemibono yakhe. Uma umuntu wayelahlwa ngenxa yalokho, bekungeke kube khona owayezophunyuka ezandleni ezinolaka zikaNkulunkulu. Labo abamelana noNkulunkulu esesimweni sesintu ngenhloso bayojeziswa ngobuhlongandlebe babo. Ukumelana kwabo ngenhloso noNkulunkulu kusuka emicabangweni yabo Ngaye, edala ukuthi baphazamise umsebenzi kaNkulunkulu. Abantu abanjalo ngamabomu bayamelana futhi bachithe umsebenzi kaNkulunkulu. Abamane babe nemibono ngoNkulunkulu, kodwa benza lokho okuphazamisa umsebenzi Wakhe, futhi kungenxa yalesi sizathu abantu abanjalo beyolahlwa. Labo abangaphazamisi ngamabomu umsebenzi kaNkulunkulu ngeke balahlwe njengezoni, ngoba bayakwazi ukulalela ngokuzimisela futhi bangadali ukuthikamezeka nokuphazamiseka. Abantu abanjalo ngeke balahlwe. Nokho, uma abantu sebezizwele iminyaka eminingi yomsebenzi kaNkulunkulu, uma besafukamele imibono yabo ngoNkulunkulu futhi beqhubeke nokungakwazi ukwazi umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu, nakuba sebebhekane Naye iminyaka eminingi, bayaqhubeka nokubambelela emibonweni ngoNkulunkulu futhi baselokhu bengakwazi ukwazi uNkulunkulu, noma bengadali inkinga ngemibono eminingi ngoNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, futhi noma le mibono ingaveli, abantu abanjalo abalusizo lwalutho emsebenzini kaNkulunkulu. Abakwazi ukushumayela ivangeli noma babe ngofakazi baNkulunkulu; abantu abanjalo abasizi ngalutho futhi bayiziwula. Ngenxa yokuthi abamazi uNkulunkulu futhi abakwazi ukuxosha imibono yabo ngoNkulunkulu, bayalahlwa. Kungashiwo kanje: akuyona into eqabukwayo ukuba izimfundamakhwela okholweni zibe nemibono ngoNkulunkulu noma zingazi lutho Ngaye, kodwa akujwayelekile kulabo asebekholwe iminyaka eminingi futhi bazizwela okuningi maqondana nomsebenzi kaNkulunkulu ukuthi babambelele emibonweni enjalo, kungasaphathwa ukuthi bangazi lutho ngoNkulunkulu. Ingenxa yalesi simo esingalunganga yingakho laba bantu belahlwa. Abantu abangajwayelekile abalusizo lwalutho; bayilabo abamelana noNkulunkulu kakhulu futhi abathakasele umusa kaNkulunkulu ngokuyize. Bonke abantu abanjalo bayolahlwa ekugcineni!

Noma obani ongayiqondi inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu yilowo omelana noNkulunkulu, nakakhulu lowo owaziyo ngenhloso yomsebenzi kaNkulunkulu kepha angafuni ukwanelisa uNkulunkulu. Labo abafunda iBhayibheli emasontweni amakhulu, kepha akekho noyedwa oqondayo inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu. Akekho noyedwa okwazi ukwazi uNkulunkulu; ngaphezu kwalokho, akekho noyedwa ovumelana nenhliziyo kaNkulunkulu. Bonke bangabantu abangenamsebenzi, abanyanyekayo, ngamunye bamile phezulu ukufundisa uNkulunkulu. Nakuba belibiza igama likaNkulunkulu, bamelana Naye ngenhloso. Nakuba bezibiza ngokwabo ukuthi bangamakholwa kaNkulunkulu, bayilabo abadla inyama futhi baphuze igazi lomuntu. Bonke abantu abanjalo bangodeveli abadla umphefumulo womuntu, amadimoni amakhulu aphazamisa ngenhloso labo abavimba ngamabomu endleleni yalabo abazama ukungena endleleni elungile, nezikhubekiso ezikhinyabeza labo abafuna uNkulunkulu. Bangabonakala “bephile kahle,” kodwa abalandeli babo bazokwazi kanjani ukuthi bangabaphikikristu abaholela abantu ekumelaneni noNkulunkulu? Bangazi kanjani ukuthi bangamadimoni aphilayo afuna imiphefumulo azoyidla? Labo abaziphakamisayo phambi kukaNkulunkulu bayilabo abaphansi kakhulu kubantu, kulapho labo abazithobayo uqobo yibo abahloniphekayo. Futhi labo abacabanga ukuthi bayawazi umsebenzi kaNkulunkulu futhi bamemezele umsebenzi kaNkulunkulu kwabanye ngesasasa elikhulu lapho amehlo abo ebheke Kuye—laba abantu abanganaki kunabo bonke. Abantu abanjalo yilabo abangenabo ubufakazi bukaNkulunkulu, futhi yilabo abaqhoshayo futhi abazikhukhumezayo. Labo abakholelwa ukuthi banolwazi oluncane kakhulu ngoNkulunkulu naphezu kwesipiliyoni sabo sangempela kanye nolwazi olubonakalayo ngoNkulunkulu yilabo abathandeka kakhulu Kuye. Abantu abanjengalaba abanobufakazi bangempela futhi bayakwazi ngempela ukuthi bapheleliswe nguNkulunkulu. Labo abangayiqondi intando kaNkulunkulu bayizitha zikaNkulunkulu; labo abayiqondayo intando kaNkulunkulu kepha abangalenzi iqiniso bayizitha zikaNkulunkulu; labo abadla baphuze amazwi kaNkulunkulu kepha benze ngokuphambene nengqikithi yamazwi kaNkulunkulu bayizitha zikaNkulunkulu; labo abanemibono ngoNkulunkulu othathe isimo somuntu futhi abadlubulunda ngenhloso bayizitha zikaNkulunkulu; labo abahlulela uNkulunkulu bayizitha zikaNkulunkulu; futhi nanoma ubani ongakwazi ukwazi uNkulunkulu nokumfakazela uyisitha sikaNkulunkulu. Ngakho yizwa ukunxusa Kwami: Uma ninokholo ngempela lokuhamba le ndlela, qhubekani nokuyilandela. Uma ningakwazi ukuyeka ukumelana noNkulunkulu, ngakho velani nihambe kakhulu nishiye ningaze niphelelwe isikhathi. Kungenjalo, ngempela kubika okubi kunokuhle, ngoba imvelo yenu yonakalisiwe kakhulu. Aninakho nokuncane ukwethembeka noma ukulalela, noma inhliziyo eyomela ukulunga neqiniso. Futhi aninalo ngisho noluncane uthando lukaNkulunkulu. Kungathiwa isimo senu phambi kukaNkulunkulu sisenkingeni yangempela. Anikwazi ukugcina lokho okufanele nikugcine noma nikhulume lokho okufanele nikukhulume. Anikwazi ukwenza lokho okufanele nikwenze, futhi anikwazi ukwenza umsebenzi okufanele niwenze. Aninakho ukuthembeka, unembeza, ukulalela nokuba nesibindi niqine okufanele nibe nakho. Anizange nibekezelele ukuhlupheka obekufanele nikumele, futhi aninakho ukukholwa okufanele ngabe ninakho. Aninalutho nje oluhle kini: Ninakho ukuzihlonipha okunganisiza ukuthi niqhubeke nempilo? Ngiyakugqugquzela ngithi kungcono nivale amehlo ingunaphakade, ngaleyo ndlela niyohawukela uNkulunkulu ekukhathazekeni ngani futhi nasekubhekaneni nobuhlungu ngenxa yenu. Niyakholwa kuNkulunkulu kodwa aniyazi intando Yakhe; niyadla futhi niphuze amazwi kaNkulunkulu kepha anikwazi ukugcina imibandela kaNkulunkulu. Niyakholwa kuNkulunkulu kepha animazi, futhi niyaphila nakuba ningenanhloso eniyilwelayo. Aninazo izinto ezibalulekile kini futhi aninanhloso. Niphila njengomuntu kodwa aninawo unembeza, ukwethembeka nokukholeka ngisho okuncane. Kungashiwo kanjani ukuthi ningabantu? Nikholwa kuNkulunkulu kodwa niyamkhohlisa Yena. Ngaphezu kwalokho, nithatha imali kaNkulunkulu futhi nidle eminikelweni Yakhe, kepha ekugcineni, ningakhombisi ukunaka imizwa kaNkulunkulu noma unembeza mayelana noNkulunkulu. Awukho ngisho omncane umbandela kaNkulunkulu enikwazi ukuwugcina. Ngakho kungashiwo kanjani ukuthi ningabantu? Ukudla enikudlayo nomoya eniwuphefumulayo uvela kuNkulunkulu, ujabulela umusa Wakhe, kepha ekugcineni awunalo noluncane ulwazi ngoNkulunkulu. Esikhundleni salokho, sewuphenduke into engeyalutho emelene noNkulunkulu. Awusona ke isilwane esingengcono kunenja? Zikhona ezinye izilwane ezinonya njengawe?

Labo befundisi namalunga abama epulpiti eliphakeme bafundisa abantu ukuthi bayizitha zikaNkulunkulu futhi bahlangene noSathane; labo benu abama epulpiti eliphakeme ukushumayela nifundisa abantu, anizona izitha zikaNkulunkulu ezinkulu? Ngaphezu kwalokho, anive nivumelene ngasese ukwenza ububi noSathane? Labo abangayiqondi inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu abakwazi ukuvumelana nenhliziyo kaNkulunkulu. Ngokuqinisekile, ngeke kube yiqiniso kulabo abaqondayo inhloso yomsebenzi Wakhe? Umsebenzi kaNkulunkulu awukaze ube sephutheni; kunalokho ukushisekela komuntu okunephutha. Labo bantu abaphuphile abamelana noNkulunkulu ngenhloso, babi ngokwedlulele futhi benonya ngaphezu kwalabo befundisi namalunga? Baningi abamelene noNkulunkulu, futhi phakathi kwalabo bantu, kunezinhlobo ezihlukahlukene zokumelana noNkulunkulu. Njengoba kukhona zonke izinhlobo zamakholwa, ngokunjalo kukhona zonke izinhlobo zabantu abamelene noNkulunkulu, omunye akafani nomunye. Akekho noyedwa kulabo abangayiboni ngokucacile inhloso kaNkulunkulu ongasindiswa. Akukhathali ukuthi umuntu ubemelene kanjani noNkulunkulu ngaphambilini uma umuntu eseyiqonda inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu futhi enikela imizamo yakhe ukwenelisa uNkulunkulu, izono zakhe zangaphambilini ziyosulwa nguNkulunkulu ahlanzeke. Inqobo nje uma umuntu efuna iqiniso futhi elenza iqiniso, uNkulunkulu ngeke akugcine emqondweni Wakhe ukuthi wenzani. Ngakho-ke, kuncike ekwenzeni iqiniso komuntu, ukuthi uNkulunkulu alungisise umuntu. Ukulunga kukaNkulunkulu lokhu. Ngaphambi kokuthi umuntu abone uNkulunkulu noma azizwele umsebenzi Wakhe, akukhathaleki ukuthi umuntu wenza kanjani mayelana noNkulunkulu, akakugcini emqondweni lokho. Kepha, uma umuntu esembonile uNkulunkulu futhi wazizwela umsebenzi Wakhe, yonke imisebenzi nezenzo zomuntu ziyabhalwa “emilandweni” kaNkulunkulu, ngoba umuntu usembonile uNkulunkulu futhi waphila emsebenzini Wakhe.

Uma umuntu esebonile lokho uNkulunkulu anakho nayikho, esebonile ubukhulu Bakhe, futhi waze wawazi ngempela umsebenzi kaNkulunkulu, futhi ngaphezu kwalokho, uma isimo somuntu sangaphambilini sesishintshiwe, umuntu uzobe eselahla isimo sakhe esinokudlubulunda esimelana noNkulunkulu. Kungashiwo ukuthi wonke umuntu uke wamelana noNkulunkulu futhi wonke umuntu wake wamhlubuka uNkulunkulu. Kepha, uma unomqondo wokulalela uNkulunkulu osesimweni somuntu, futhi kusukela manje wenelise inhliziyo kaNkulunkulu ngokuthembeka kwakho, ukwenza iqiniso okufanele ulenze, ukwenza umsebenzi wakhe njengoba kufanele, futhi ugcine imigomo ekufanele uyigcine, uyilowo ozimisele ukulahla ukudlubulunda ukwanelisa uNkulunkulu futhi lowo ungapheleliswa uNkulunkulu. Uma unqaba ukubona amaphutha akho futhi ungenayo inhliziyo yokuphenduka; uma uqhubeka ezindleleni zakho zokuhlubuka, futhi ungenayo nhlobo inhliziyo yokusebenza noNkulunkulu nokwanelisa uNkulunkulu, isiwula esinenkani njengawe nakanjani siyojeziswa futhi asisoze sibe yilowo ongapheleliswa nguNkulunkulu. Uma unjalo, uyisitha sikaNkulunkulu namuhla nakusasa, futhi uyohlala uyisitha sikaNkulunkulu nangosuku olulandelayo; uyohlala njalo uyimbangi nesitha sikaNkulunkulu. Uyokudedela kanjani uNkulunkulu? Kuyimvelo yomuntu ukumelana noNkulunkulu, kodwa umuntu ngeke azimisele ukufuna izimfihlo zokumelana noNkulunkulu ngoba ukushintsha imvelo yakhe kuwumsebenzi onzima ngangentaba. Uma isimo sinjalo, kungcono uvele uhambe ungaze uphelelwe isikhathi, hleze ukujeziswa kwakho ngesikhathi esizayo kube nzima kakhulu, futhi hleze imvelo yakho yobulwane ivele futhi ingalawuleki uze umzimba wakho wenyama ushabalaliswe nguNkulunkulu ekugcineni. Uyakholwa kuNkulunkulu ukuze ubusiseke; uma ekugcineni, wehlelwa amabhadi kuphela, ngeke kulunge lokho. Ngiyanikhuthaza ukuthi nenze elinye isu; noma yini enye into eningayenza ingangcono kunokholo lwenu kuNkulunkulu. Ngokuqinisekile, zikhona ezinye izindlela ngaphandle kwalena? Ningaqhubeka nempilo ngaphandle kokufuna iqiniso? Kungani niphila ningezwani ngale ndlela noNkulunkulu?

Okwedlule: Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu

Okulandelayo: Umsebenzi Nokungena (1)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp