Isahluko 26

Madodana Ami, qaphelani amazwi Ami, lalelani ngesizotha iphimbo Lami ngizonembulela. Thulani du Kimi, ngoba nginguNkulunkulu wenu, uMhlengi wenu okuwukuphela Kwakhe. Kumele njalo nithulise izinhliziyo zenu, niphile Nami; ngiyidwala lenu, umxhasi wenu. Ningabi nomunye umqondo, kodwa ngezinhliziyo zonke zenu nincike Kimi futhi nakanjani ngizobonakala kini—nginguNkulunkulu wenu! We, laba abangabazayo! Ngempela abakwazi ukuma baqine futhi ngeke bazuze lutho. Kumele nazi ukuthi yisiphi isikhathi manje, kuyisikhathiesibalulekile! Kuyiqophelo elisemqoka! Ningayaluzeli izinto ezingenamsebenzi; sondelani Kimi masinya, hlanganyelani Nami, ngizonambulela zonke izimfihlakalo.

Kumele nilalele wonke amazwi eniwafundiswa uMoya oNgcwele; ningawalahli endleleni. Izikhathi eziningi niwezwile amazwi Ami kodwa nabuye nawakhohlwa. O, nina eningacabangi! Senilahlekelwe isibusiso esikhulu kangaka! Manje sekumele nilalelisise niqaphele amazwi Ami, nihlanganyele ngokwengeziwe Nami futhi nisondele ngokwedlulele Kimi. Ngizokufundisa nganoma yikuphi ongakuqondi, futhi ngizoniholela endleleni eya phambili. Ningakunaki kakhulu ukuhlanganyela nabanye abantu ngoba manje baningi abafundisa izincwadi nezimfundiso, futhi bambalwa kakhulu abaneqiniso Lami ngempela. Ukuhlanganyela kwabo kwenza umuntu adideke futhi abe ndikindiki, engazi ukuthi kumele aye kanjani phambili. Yize noma nibalalela, nigcina niqonda okuncane ngaphezulu ngezincwadi nezimfundiso. Kumele niqaphele ukuhamba kwenu, nivikele izinhliziyo zenu njalo niphile ngaphambi Kwami, nixhumane Nami, nisondelane Nami kanjalo ngizonibonisa lokhu eningakuqondi. Kumele uqaphele okushoyo, uqaphele inhliziyo yakho ngaso sonke isikhathi bese uhamba endleleni engiyihambayo.

Akusekude kakhulu manje, sisekhona isikhathi esincane esisasele. Sheshani nilahle zonke izinto ngaphandle Kwami nize ningilandele! Angeke nginiphathe kabi. Izikhathi eziningi anikuqondanga kahle ukwenza Kwami, kodwa niyazi ukuthi nginithanda kangakanani? Hhayi, aniyiqondi inhliziyo Yami. Noma ngabe ningingabaze kangakanani noma ningikwelete kangakanani esikhathini esedlule, angeke ngisakukhumbula lokho. Kunjalo nginikhethile ukuze nizoqhubekela phambili nenze ngokwentando Yami.

Manje yisikhathi esingavumeli kubambezela. Uma kusukela manje kuya phambili nisenezinye izinhloso kusho ukuthi ukwehlulela Kwami kuzoba phezu kwenu. Uma ningishiya nje noma umzuzu owodwa kusho ukuthi nizofana nomkaLothi. Indlela umsebenzi kaMoya oNgcwele ohamba ngayo manje iya ngokushesha kanti labo abangakwazi ukumelana nokukhanya okusha basengozini. Labo abangaqaphile bazoshiywa; kumele nizivikele. Kumele wazi ukuthi zonke izinto zemvelo ezikuzungezile zikhona ngemvume Yami, kuhlelwe Yimi konke. Buka ngokucacile bese wenelisa inhliziyo Yami emvelweni engikunike yona. Ungesabi, uNkulunkulu uSomandla nakanjani uzoba nawe; unibhekile futhi uyisihlangu senu. Namuhla abantu banemiqondo eminingi kanti lokhu kwenza ngazi kuphela ukwazisa intando Yami ngalabo ababukelwa phansi abanye; labo abazigqajayo nabazazi belungile, abazithwele nabazibona bebalulekile, abaphokophelayo nalabo abehlisayo bazohlazeka. Uma nje nina nisabonisa ukucabangela ngokuqotho umthwalo Wami ngizonilungiselela konke. Landelani Mina nje!

Okwedlule: Isahluko 25

Okulandelayo: Isahluko 27

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp