Isahluko 27

UNkulunkulu oyedwa wangempela obusa wonke umhlaba nezinto zonke—uNkulunkulu uSomandla, uKristu wezinsuku zokugcina! Lobu ngubufakazi bukaMoya oNgcwele, ubufakazi obungenakuphikiswa! UMoya oNgcwele usebenza ukufakaza yonke indawo, ukuze kungabikho muntu onokungabaza. INkosi enqobile, uNkulunkulu uSomandla! Unqobe umhlaba, unqobe isono futhi wafeza ukuhlenga! Uyasisindisa, thina qembu labantu abakhohlakaliswe nguSathane, futhi uyasiphelelisa ukuze senze intando Yakhe. Ubusa phezu komhlaba wonke, uyawubuyisa bese exosha uSathane amphonse emgodini ongenamkhawulo. Wahlulela umhlaba, futhi akekho ongaphunyuka ezandleni Zakhe. Ubusa njengeNkosi.

Umhlaba wonke uyathokoza! Udumisa iNkosi enqobayo—uNkulunkulu uSomandla! Phakade naphakade! Ufanele ukuhlonishwa nokudunyiswa. Igunya nenkazimulo akube seNkosini enkulu yezulu nomhlaba!

Isikhathi sifushane, landela izinyathelo zikaNkulunkulu uSomandla futhi uqhubekele phambili. Cophelela kakhulu, cabangela umthwalo Wakhe, hambisana Naye, uzikhandle ngenxa yohlelo Lwakhe lokuphatha ekuhambisaneni ngobunye Naye. Akufanele ugcine izinto zakho, futhi asisiningi isikhathi. Zinikele! Ungazigcini! Zinikele! Ungazigcini!

Okwedlule: Isahluko 26

Okulandelayo: Isahluko 28

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp