Isahluko 37

Ngempela nintula ukholo ebukhoneni Bami futhi nihlala nethembela kinina ukwenza izinto. “Anikwazi kwenza lutho ngaphandle Kwami!” Kodwa nina bantu abakhohlakele nihlala nifaka amazwi Ami endlebeni eyodwa futhi niwakhiphe ngenye. Impilo kulezi zinsuku yimpilo yamazwi; ngaphandle kwamazwi, akukho kuphila futhi akukho okuhlangenwe nakho, ingasaphathwa eyokuthi kube khona ukholo. Ukholo lusemazwini; ukuzinikela ngokwengeziwe emazwini kaNkulunkulu kuphela okungenza ube nakho konke. Ungakhathazeki ngokungakhuli: Ukuphila kuza ngokukhula, hhayi ngokukhathazeka.

Nihlala nithambekele ekukhathazekeni, futhi anilaleli imiyalelo Yami. Nihlala nifuna ukwedlula isivinini Sami. Kuyini lokhu? Kuyisifiso sabantu. Kufanele nahlukanise ngokucacile lokho okuvela kuNkulunkulu nalokho okuvela kinina. Umdlandla awusoze wanconywa ebukhoneni Bami. Ngifuna ukuthi nibe nokwazi ukungilandela ngokuzinikela kuze kube sekugcineni, ngokwethembeka okungenakushintsha ngaso sonke isikhathi. Nikholwa ukuthi ukwenza ngale ndlela kuwukuzinikela kuNkulunkulu. Zimpumputhe! Kungani ningezi ebukhoneni Bami ngokwengeziwe ukuze nifune, kodwa nenza ngobumpumputhe? Kufanele nibone ngokucacile! Akuyena neze umuntu osebenzayo njengamanje, kodwa kunalokho nguMbusi wakho konke, uNkulunkulu oyedwa wangempela—uSomandla! Akufanele ninganaki, kodwa kunalokho hlalani nibambisise konke eninakho, ngoba usuku Lwami luseduze. Anikavuki nangalesi sikhathi? Anikaboni ngokucacile? Nisahlangana nezwe futhi anikwazi ukusuka kulo. Kungani? Ingabe ningithanda ngempela? Ingabe niyakwazi ukubeka obala izinhliziyo zenu ukuze ngizibone? Niyakwazi yini ukuzinikela ngokuphelele Kimi?

Cabangani ngokwengeziwe ngamazwi Ami, futhi nihlale ninokuwaqonda okucacile. Ningadideki noma ninqikaze. Chithani isikhathi esengeziwe ebukhoneni Bami, yamukelani amazwi Ami acwengekile ngokwengeziwe, futhi ningaqondi ngokungafanele izinhloso Zami. Yikuphi okunye engingakusho kini? Izinhliziyo zabantu zilukhuni; imicabango yabantu miningi ngokwedlulele. Bahlale becabanga ukuthi kwanele ukuphila nje, futhi bahlala benza izimpilo zabo ihlaya. Bantwana abayiziwula! Isikhathi sesihambile; akuyiso isikhathi sokudlala. Kufanele nivule amehlo enu futhi nibheke isikhathi. Ilanga selizonqamula emaphethelweni omhlaba bese likhanyisa umhlaba. Vulani amehlo enu futhi nibuke kakhulu; ningabi nokungacopheleli.

Nithatha udaba olukhulu kangaka kalula futhi niluphatha kanje! Inhliziyo Yami ikhathazekile, kodwa kukhona abambalwa abayicabangelayo inhliziyo Yami, abakwaziyo ukuzwa ukunxusa Kwami okulungile bese belalela ukweluleka Kwami! Umsebenzi unzima, kodwa bambalwa phakathi kwenu abakwazi ukwabelana Nami umthwalo. Nisenaso lesi simo somqondo. Nakuba nenze inqubekela phambili ethile uma kuqhathaniswa nesikhahi esedlule, kufanele ningahlali nikulesi simo! Izinyathelo Zami ziya phambili ngokushesha, kodwa nisekulolu hlobo lwesivinini. Ningahambisana kanjani nokukhanya kwanamuhla kanye nezinyathelo Zami? Ningaphindi ningabaze. Ngigcizelele kinina kaninginingi: Usuku Lwami ngeke lubambezeleke!

Ukukhanya kwanamuhla okwanamuhla vele, akukwazi ukuqhathaniswa nokukhanya kwayizolo, futhi akukwazi ukuqhathaniswa nokukhanya kwakusasa. Isambulo esisha, ukukhanya okusha kuqina ngokwengeziwe usuku ngosuku futhi kukhanya ngokwengeziwe usuku ngosuku. Phaphama ekudidekeni kwakho; ungabe usaba yisiwula; ungabambeleli ezindleni ezindala; futhi ungabe usabambezela isikhathi Sami noma uchithe isikhathi Sami ngeze.

Bheka! Bheka! Thandaza Kimi ngokwengeziwe futhi uchithe isikhathi esengeziwe ebukhoneni bami, futhi nakanjani uyothola konke! Kholwa ukuthi ngokwenza kanjalo, nakanjani uyothola konke!

Okwedlule: Isahluko 36

Okulandelayo: Isahluko 38

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp